zulu.1371.lettersjul
Yeka ukuzenyeza!
Ukhiye
Ngakhula ngazi ukuthi imfundo wukhiye ovula noma imiphi iminyango emhlabeni. Izingane ezingafuni ukuya esikoleni, kufanele zivuke ziphaphame.
Ngeke uye ndawo ngaphandle kwemfundo. Uma ulenqaba leli thuba, uyozisola.
ND, East London
Ewine
NGO-AUGUST 2002 ngathola umntwana omuhle womfana, kodwa ingalo yakhe yakwesobunxele ikhubazekile.
Lokhu kwangiphatha kabi, njalo ngihlale ngikhala ngizibuza ukuthi kungani kwenzeke kimina.
Odokotela basithuthela kwesinye isibhedlela, nokuyilapho ngangingathola ukwelulekwa.
Ngokushesha izinto zashintsha kwaphela ukuzenyeza lapho ngibona ukuthi kulesi sibhedlela kukhona izingane ezikhubazeke ngaphezu komntwana wami.
Emva kokubona konke lokhu, ngabona ukuthi angikudingi nakancane ukwelulekwa.
Ngakhoke kubazali abazithola bekulesi simo, ngithi mabathande izingane zabo. Uma ingane yakho inokukhubazeka, yeka ukuzenyeza. Isize ukuze iphile impilo ekahle. Kulokhu, nawe uqobo kukhona ongakuzuza.
WW Tsamal, Hammanskraal
u-R100
Izincwadi
Funda ngezo-
cansi
Manje sekuyisikhathi sokufundisa izingane zethu ngezocansi.
Ziye zizwe lokhu kubangani, noma zikubone kwiTV bese kuyazedukisa.
Abazali kufanele bazinike isibopho sokufundisa izingane zabo ngezocansi.
Lokhu kungazisindisa kokuningi.
Ngakhoke ngithanda ukuthi ezinganeni nakubantu abasha, yenzani imizamo yokufunda ngalezi zinto.
Uma ungakunaki lokhu, uya ocansini ngezindlela ezingaphephile, uzokufa!
RM Nancy, Maboine
Ninga-
zixoshi!
Kungani izingane eziningi zixoshwa abazali bazo emakhaya"
Zixoshwa ngenxa yokuthi azilaleli futhi azihloniphi.
Zigcina ngokuqwayiza, zibe yimihambima emigwaqweni, zintshontshe ezinye zingakubulalela ngisho imali encane.
Nakuba izingane zethu zisikhathaza zisihlupha, kodwa masicabange kahle ngaphambi kokuthatha izinyathelo zokuzixosha.
Molasadi Modiba, Segopje
BONA ZULU - July 2006
Ngeke uluthenge uthando (noma injabulo)
Uthando ngeke uluthenge ngemali. Ungalokothi wenze lelo phutha.
Uthando lumayelana nokwethembeka.
Namuhla baningi abesimame abasebasha ababheke ukondliwa amasoka - abathengele izingubo, iziphaqulo nokubakhokhela imali yokwenza amakhanda.
Abesilisa sebethathwa njengama-ATM.
Kufanele bazi ukuthi ukukhipha imali ngeke kubathengele uthando.
Imali yenza impilo ibe lula kanti ibalulekile, kodwa ngeke ikuthenge lokhu okubaluleke kakhulu empilweni.
Uthando olusimamiswe yimali aluhlali isikhathi eside ngoba kuthi lapho kuphele imali, nalo luphele.
Thandeka Ndlovu, Carolina
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Libambe ithuba lisavele ngesiqhova!
Indaba yethuba...
Ngisesesikoleni, uthisha wethu wasixoxela indaba yethuba, nokuyindaba engithanda ukuba abafundi bakwaBONA bayizwe...
Ithuba wumgijimi onesikhulu isivinini. Uma kwenzeka likwedlula, lisuke selidlule okokuphela. Ngisho ngabe unemoto enesivinini esikhulu kangakanani emhlabeni, ngeke ulibambe uma selikudlulile.
Indlela enhle yokulibamba wukulilinda lapho liza ngakuwe bese ulibamba ngezandla zombili.
Namuhla iningi labantu emphakathini lichitha isikhathi esiningi likhala ngamathuba asedlule.
Kungenzeka zibe ziningi izizathu zokungawasebenzisi amathuba asivelelayo - inkinga yalokho wukuthi njalo sihlale sizitshela ukuthi izinto sizobuye sizenze.
Masibambe amathuba asivelelayo ngesikhathi eqhamuka.
Isaiah Masuku, Port Shepstone
Masinqande ukudlwengula!
Ukuba yintombi-nto
Kuwo wonke amantombazane amancane ngithanda ukusho ukuthi ayikho into embi ngokuhlala eyizintombi-nto kuze kufike isikhathi lapho esebona ukuthi asekulungele ngokwanele ukuzibophezela kwakufisayo.
Ngineminyaka engu-17, ngiyintombi-nto - ngiyaziqhenya futhi ngalokho. Ukuba yintombi-nto akusho ukuthi lowo muntu usuke engasile kodwa kusho ukuzicabangela.
Nokukhanya Zikalala, Madadeni
BONA ZULU - July 2006
Izincwadi
Ngineminyaka engu-18 kodwa ngiyesaba ukuba seduze kwabantu besilisa ngoba ngiyazi ukuthi bangangidlwengula njengomuntu wesimame.
Ngizoyithokozela kanjani inkululeko ezweni lombuso wentando yeningi uma sinabantu abangabadlwenguli"
Okuxakayo wukuthi bona bakhululeke ngaphezu kwami.
Ngicabanga ukuthi iSouth Africa kufanele iqinise umthetho kulabo abangabadlwenguli. Abadlwenguli bazimisele ngokusicekela phansi - ngakhoke masilwe nabo sicekele phansi ubuntu babo.
EL, Limpopo
Uthando nezibo-
shwa
Abesimame abathandana neziboshwa bazifaka engxakini.
Ngicabanga ukuthi iziboshwa uma ziqeda izigwebo zazo kufanele zinikwe isikhathi sokuba zizihlele kahle. Kuningi okwenzeka emajele okungaziwa abantu abangakaze baboshwe futhi abangeke baze bakwazi. Ijele akusiyo indawo enhle.
Kufanele baphinde benze abangani babo nabemindeni babathembe. Uma bezimisele ngokuqhelelana nezinkinga kufanele bahlukane nabanye abangani.
Kufanele futhi bakwazi ukumelana nezinguquko ezenzeka ngesikhathi bengekho.
Isikhathi sihamba kancane kulabo ababoshiwe!
Kufanele futhi bathole umsebenzi nokuyinto enzima kakhulu uma wawugwetshiwe.
Noma ngubani ozimisele ngokuthandana nesiboshwa kufanele akwazi ukubekezela - anike le ndoda isikhathi emva kokukhululwa.
Ukucabanga ukuthi ungashintsha umuntu wesilisa, wukuziphathisa ngenhliziyo. Lolo shintsho kufanele luphume kumuntu yena uqobo.
Nonceba Tuntulwana,
Kokstad [z]
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
