zulu.1367.metrocop
NGESIKHATHI ngingena ehhovisi likaChief Superintendent Beauty Legoabe elisenyakatho yeJozi, ngangingalindele ukubona owesimame omuhle omncane ngomzimba.
Ngabe iyona ngempela le ntokazi elwa nobugebengu eyaqeqeshwa yiFBI?
Angikholwanga neze!
Abantu bambukela phansi njengoba bebukela phansi umbutho wamaphoyisa. Ngesinye isikhathi akubi lula ukuthi amaphoyisa asivikele ngokuphelele kodwa uChief Superintendent Beauty Legoabe ubalwa kulawo maphoyisa enza ukuba kube lula ukwenza lowo msebenzi - bayakulwela ukuphepha kwethu.
Uphethe imiNyango yamaPhoyisa kaMasipala waseGoli emithathu elwa nobugebengu kusukela eMidrand kuya eVaal River.
"Sibuye sisize nombutho weSAPS ukuze kubanjwe izigebengu ezifunwa kakhulu." Waqala ukwenza umsebenzi wokulwa nobugebengu kwiSAPS, lapho agcina esengukaputeni khona ephenya amacala okudlwengula eMamelodi. Emva kweminyaka engu-17 ekwiSAPS wajoyina amaPhoyisa kaMasipala waseGoli. Ngaphandle kokwenza umsebenzi wokulwa nobugebengu - ukunqanda izigebengu ngaphambi kokuba zenze amacala amabi - uphiko lwakhe lubuye lubhekane namacala okudlwengula, okugqekeza nawokweba.
Abesilisa nabesimame abambisene nabo basebenza ngokuzimisela ngoba uBeauty akayibekezeleli into engasile futhi akakhohliswa amaphoyisa avilapha ukwenza umsebenzi wawo.
"Ngifuna ukuthola imiphumela," kusho yena. "Kuyinhloso yami ukushabalalisa ubugebengu eGoli."
Ukuqeqeshwa kwakhe yiFBI kwamsiza. Ngesikhathi esekomkhulu layo eliseQuantico, wenza izifundo ezimayelana nokuxoxisana nomuntu nokuphonsa imibuzo, ukwenza uphenyo lapho kubulawelwe khona umuntu nokuzivocavoca kanzima.
U-Beauty ukholwa wukuthi ukujima kufanele kube yimpoqo uma kukhulunywa ngokugcinwa komthetho.
Ubuye akholelwe kakhulu ohlelweni lokulwa nokulawula i-stress. "I-stress yiso esenza amaphoyisa amaningi angasebenzi kahle. Siyawulimaza lo mbutho," kusho yena.
Lokho akumangalisi njengoba iningi lamaphoyisa lizithola lisezimweni ezibeka impilo engozini nsuku zonke.
Ubhekana nengcindezi yalo msebenzi ngokuthola usizo. Ukushaya sengathi unesibindi akusizi ngalutho. U-Beauty wenza isiqiniseko sokuwagada amaphoyisa angaphansi kwakhe ukuze asheshe abone uma enezimpawu zenkinga ye-stress. Uphiko lwakhe luyayithola imiphumela ayifunayo.
"Wuphiko lwami olwabopha ababulala uLucky Dube," kusho yena.
Yilona futhi olusanda kudubulana neqembu lezigelekeqe eDobsonville, eSoweto.
U-Beauty wayeyingxenye yethimba elabamba umhlangano nosomatekisi baserenki yamatekisi ekuNoord Street emva kokuhlaselwa kwabesimame abagqoka iziketi ezimfishane ababekhunyuliswa bahanjiswe benqunu emphakathini.
"Leso senzo sasiwubuqaba obushaqisayo engingakaze ngizwe ngabo. Bakhona osomatekisi abaziphethe kahle ababefuna ukusisiza ophenyweni lwethu."
Ukholwa wukuthi izinsiza-kusebenza zizophuculwa ngokuhamba kwesikhathi emaphoyiseni.
"EMelika, amaphoyisa anama-laptops ezimotweni zawo zomsebenzi axhunywe eziteshini zamaphoyisa."
Kodwa izinto ezinjengalezo ziyotholakala uma sesinamaphoyisa azinikele njengoBeauty Legoabe emsebenzini wawo. [z]
Ayikho into ehlula umuntu wesimame. Yilokho kanye okwenziwa uBeauty Legoabe iphoyisa elibalwa kwawenza kahle umsebenzi wawo eSA...indaba nguForce Khashane
Ngifuna ukuqeda ubugebengu eGoli
U-BEAUTY
Akukhonzile: "Wukuthenga izicathulo nezikhwama. Ungangibuzi ukuthi nginezikhwama noma amapheya amangaki ezicathulo ngoba nami angazi. Ngithanda nokupheka ngichithe isikhathi sami ekhishini uma ngisekhaya."
Okumkhuthazayo: "Wumama wami. Uyisibonelo esihle ngoba akuyala ngako uyakwenza. Kuningi engakufunda kuyena ngenhlonipho kunakwabanye abantu.Kukhona noPinkie Mathabathe oyiPhini leNhloko yamaPhoyisa kaMasipala waseCape Town. Wangiduduza ezikhathini ezazinzima empilweni yami. Ukuzinikela kwakhe emsebenzini wakhe kwangikhuthaza ukuze nami ngenze owami kahle."
Iqembu lakhe: "YiMamelodi Sundowns."
Akuthandayo: "Abantu abathanda umsebenzi wabo namathalente abo."
Akuzondayo: "Abantu abangathembekile."
BONA ZULU June 2008
EZOBU GEBENGU 2
