zulu.1366.mzansi
indaba nguDOUG GORDON
isithombe nguPETER WHITFIELD
izinwele ne-makeup: FAITH SEUOE
izindlela zokuhlela: MARINA WALSH
UKHANYI uyamthanda uMbali. "Kuningi okufanayo ngathi. Sobabili sithanda ukugqama kwabezindaba, sigqoka okuzokhalisa abantu, kanti asizesabi izinselelo. Ungaphumelela uma wenza okubukeka kuyingozi," kusho uKhanyi ehleka.
UKhanyi Mbau unezinjongo ezinqala, impumelelo uyijahile kanti izigidi zabalandeli ziyafa ngaye.
Uyashisa - yizindawo zabadlali abaphambili kuphela anikwa zona. Uneminyaka engu-20, musha kule ndima kanti uzibambele mathupha kulo msebenzi. Usahluleka namanje wukuxazulula inkinga yabafuna ukuba adlale kweminye imidlalo.
Nyakenye wabonakala kwiTV kungazelele muntu edlala indawo kaDoobsie kwiMuvhango emva kokudutshulwa kukaLindi Chibi owayedlala le ndawo.
Izithombe athwetshulwa zona zazizinhle ngendlela emangalisayo kanti kwaphela izinyanga esematheni kwabezindaba. Washiya kulo mdlalo odlala kuSABC 2 ngoSeptember nyakenye emva kokuhlolelwa ukudlala eyomlingiswa osemqoka kwiMtunzini.com. Esikhundleni sakhe kwathathwa uKaybee - iMzansi yamthatha ukuze adlale ochungeni lwayo luka-2006 ezodlala indawo kaMbali intokazi ezwana namaphathi.
"UMbali akayazi into ayifunayo. Siyafana naye. Sizwana nobukhazikhazi namaphathi kodwa phezu kwakho konke lokho sifuna ukutuswa ngempumelelo yethu," kusho uKhanyi kwabakwaBONA.
"Sibona singanakwe muntu phezu kokuba siphumelela.
"U-Chris Ngcobo ongubaba kaMbali umtotosa kakhulu. Uzwana kakhulu noVusi (Thapelo Mokoena) ongumfowabo ozakhela igama ebhizinisini lezemfashini.
"Ngiyazi ukuthi lokho kuyinto enjani...
"Ubaba wasishiya ngisemncane kanti akanandaba nomsebenzi engiwenzayo. Angimboni kalula."
UKHANYI uzwana nosomabhizinisi waKwaZulu omxhase kakhulu kulokhu akwenzayo nongumeluleki wakhe.
"Unginika amandla," kusho yena. "Unomdlandla, uyaphumelela, uyabukeka kanti unethemba lokuthi ngizophumelela kwengikwenzayo.
"Sonke siyabadinga abantu abayilolo hlobo empilweni. Ukuba uMbali ubenaye, ubezokwenza into ebonakalayo naye emndenini wakwaNgcobo njengoDeliwe noCharity."
Uma ubuka kuthathwa izithombe zoMzansi estudiyo esisentshonalanga yeJozi, kuyakukhanyela ukuthi yini eyenza baphumelele abesimame bakwaNgcobo ebhizinisini.
Nakuba bephila ntofontofo, bafuna ukuba nesithunzi njengabesilisa ebhizinisini.
U-Chris Ngcobo (Yule Masiteng) uzakhele igama emabhizinisini ngokuba nenqwaba yamatekisi nebhizinisi lokungcwaba. Imbangi yakhe, uMonti Williams (Peter Mashigo), wadonsa isigwebo seminyaka engu-20 ngecala ayengalenzanga - usephumile ejele kanti ufuna ukubaqumba phansi abakwaNgcobo.
UDeliwe Ngcobo (Luciya Mthiyane) akumphathi kahle lokho. Yena noMonti bake bathandana - kanti lokho kuzoyifaka enkingeni impilo yakhe.
U-Luciya wadlala kule-soapie esuka kwiBackstage kanti indawo ayidlala kuMzansi iwubeke kwelinye izinga umsebenzi wakhe kwiTV.
"Uyinselelo. UDeliwe ungunkosikazi nomama kulo mndeni kodwa le mfihlo asenesikhathi eyigodlile ingamlimaza," kusho uLuciya.
"Uyakulwela ukuphila - kanti kulo mlingiswa sithola nokuthi umama angakhohlakala abe yingozi."
Kulo mndeni kukhona noCoco ofuna ukuba negama njengoDeliwe esimbone enza ezibukwayo kulolu chunge ngonyaka odlule - wayengathembekile kumyeni wakhe osashona eya ocansini nomfowabo emosha nemali.
Manje ungumakoti oshintshe kakhulu oshade nenye indodana kaLuciya nolangazelele ukubuyisa isithunzi sakhe kulo mndeni ngokuwungenisela izigidi zemali.
Uphethe ibhizinisi lokungcwaba alisimamisa ngokweba izidumbu emakhazeni kahulumeni.
UCoco wadumala ngesikhathi injinga enguChris ithatha isinqumo sokudayisa ibhizinisi lokungcwaba.
"Ngiyakuthanda ukudlala indawo kaCoco," kusho uCharity Sehlohole. "Nakulolu chunge usagqame kakhulu kanti lokho kwenza ababukeli balangazelele ukubuka lo mdlalo."
Ngonyaka odlule wayehlushwa abalandeli boMzansi ababemshaya uma bembona ezitolo zaseJozi, Maritzburg naseThekwini. "Lezo zenzo zabo ngizithathisa okwendlela ababengitusa ngayo ngomsebenzi engangiwenza," kusho yena ehleka.
UKHANYI MBAU akakakutholi ukuphumula kwabezindaba abakhala ngezitayela azenza ezinweleni ezibiza u-R1 000, izingubo zakhe zikanokusho, izimoto zakhe ezine nokuthanda amaphathi.
Okwenziwa uMbali kwiMzansi kufana nokwenziwa uKhanyi uma engadlali.
"Angesabi ukwenza okungajwayelekile," kusho yena.
"Abantu baphawula ngendlela engibukeka ngayo nangempilo yami. Yisitayela sami leso. Ngineminyaka engu-20 kanti ngisazidelisa, ngiyawenza amaphutha ngesinye isikhathi - kodwa ngiwenza kanye ngithole isifundo ngawo, ngingabe ngisawaphinda.
"Sonke sinezimfihlo zethu. Abanye abantu bayakwazi ukuzifihla babe novalo lokufeza amaphupho abo.
"Ngeke wazakhela igama kwezikaqedisizungu uma wesaba abantu." [z]
BONA ZULU - July 2006
Washaqisa ababukeli edlala indawo yomphehli wodweshu onguDoobsie nyakenye - manje uKhanyi Mbau uthuthuva uluphehla edlala ekaMbali kuMzansi...
Muhle uthanda nezinto
"Ngazalelwa ukuba mubi! Ngidume ngokuthanda izinto eziwubukhazikhazi," kusho uKhanyisile Mbau woMzansi. (U-bodice ne-jean: Foxy; izicathulo: Foschini; umgexo namacici: Amici; iwashi nezindandatho: okukaKhanyi.)
Ngithanda
U
kugqama
uma ngidlala!
BONA ZULU - July 2006
