zulu.1364.sangomas
Izangoma ziyazilungiselela
Lesi sikhungo sizimisele ngokufundisa abalandeli bebhola bakuwo wonke umhlaba ngemithi yakwelase-Africa emangalisayo - nokuba sizakhele imali...
ABANTU BAKITHI
NJENGOBA u-2010 ususondele, bayanda abantu abamnyama bakuleli abangena ebhizinisini lezokuvakasha.
Izindlu eziqashwayo, ezabavakashi, ama-cultural villages nama-b&b kuya ngokwanda ezindaweni eziningi. Ngisho nezangoma sezingenile kulo mkhakha.
IPhaphamani Vanghoma Heritage And Tourism Centre eMuhlava eduze kwaseTzaneen eLimpopo isikhombise enkulu impumelelo njengoba kumanje idonsa abavakashi baseGermany, Britain, France nase-United States.
"Sithuthukise imithi yesintu ukuze ihehe idonse abaningi ikwazi futhi ukuba yimikhiqizo edayisekayo," kusho kuchaza oyimenenja yalolu hlelo lomsebenzi u-Eddy Nhlangwini.
UNhlangwini waqeqeshelwa ukuba yisangoma ngo-1991 futhi ungumphathi weGreater Tzaneen Traditional Healers Association okuyinhlangano ephethe lo msebenzi enamalungu angu-500.
Isinqumo sokusungula lo msebenzi sathathwa ngonyaka odlule.
"Sasifuna ukwakhela inhlangano yethu imali senze nendawo ezofundisa ngamakhambi.
"Sikholwa wukuthi izangoma akusafanele zenze umsebenzi wazo ekucasheni. Abantu kufanele bazi ngesikwenzayo.
"Njengenhlangano siyaziqhelanisa nezangoma ezisebenzisela imithi ukuthakatha noma zibulale. Lezo akuzona izangoma."
"Lesi sikhungo savulwa nguMEC wezeMigwaqo nokuThutha uJustice
Pitso ngoJune. Kusona kukhona i-museum, insimu yamakhambi, izindlu zokubona iziguli namakamelo okuphumula.
UNhlangwini uthi bakubheke ngabomvu ukuthokozisa izivakashi zamazwe ngeNdebe yoMhlaba ngo-2010.
"Siwubheke ngabomvu lowo mqhudelwano, siyethemba baningi abavakashi bamazwe abayofika esikhungweni sethu," kusho yena.
Ngesikhathi abeBONA sebehamba kulesi sikhungo, uNhlangwini wabapha isipho - umuthi onokumnyama nokunsundu owawusongwe ngopulasitiki okhanyayo."Muthi muni lo?" kusho kubuza mina."I-Viagra yakwelase-Africa," kusho yena. [z]
NewsFirst
Indaba nezithombe: Neville Maakana
Izinto ezisetshenziswa yizangoma zise-museum.
Abavakashi baziswa kabanzi ngamasiko akwelase-Africa.
U-Eddy Nhlangwini amukela izivakashi kulesi sikhungo.
