zulu.1362.lebo
BONA - August 2005
Ubeka izinkondlo eqophelweni eliphezulu
Intokazi ezinikele kwekwenzayo
"Ngibhala kakhulu lapho ngihleli ezikhumulweni zezindiza ngilindele amabhanoyi," kusho uLebo Mashile.
Sibonga uLebo Mashile ngokwenza izinkondlo zithokozeleke namuhla...
BONA ZULU - May 2007
ULEBO MASHILE usiza ekufakeni ugqozi ekuthuthukiseni izinkondlo zakuleli nokuyinto edingeka kakhulu. Le ntokazi eneminyaka engu-28 isizakhele elikhulu igama njengembongi emakilabhini e-jazz, nakumafestiveli ezobuciko ezweni lonkana.
ULebo waqala ukuzibonakalisa ikakhulu ngo-2005 ngesikhathi izinkondlo zakhe zimakhela udumo zimgqamisa ekulweleni amalungelo abesimame nokulingana ngokobulili.
Wayengomunye wezintokazi ezazisebenzisa amazwi njengesikhali - ezifana noThandiswa Mazwai noSimphiwe Dana emculweni kanye noNtsiki Mazwai noNapo Masheane ekubhalweni kwezinkondlo.
Kodwa kwathi ngesikhathi uSABC 2 enika uLebo uchunge lohlelo lwakhe lwamasonto onke, lokho kwamlethela udumo.
Wayekholelwa ekutheni aphume aye phakathi kwabantu axoxe izindaba zabo ngendlela okwakwenziwa ngayo e-Africa amakhulu ngamakhulu eminyaka, kodwa lokho ekwenza nethimba labamakhamera enzela isizukulwane sanamuhla.
Kungakapholi maseko iL'Attitude yase ibukwa abalandeli abangaphezu kwezigidi ezimbili.
Wathatha ikhamera waya elokishini laseKhayelitsha ngenhloso yokuyoqopha ngemizwa yomama namadodakazi ngokudlwengulwa kwezingane.
Wayekhona futhi kulezo zinkumbi zabantu ezazimemeza ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka icala lokudlwengula likaJacob Zuma.
"Kuyigxathu elikhulu lamasiko ukuba abesimame bakwazi ukukhuluma ngezinto ezinjena. Imibono ngaye naloyo owayembeke icala yayishube kakhulu."
Esinye isiqephu sasimayelana nemboni yomculo we-kwaito - ekutheni kungani yenza abanye abaculi babe osozigidi kodwa abanye ibashiye behlupheka.
Ukufakana imibuzo nabaphambili kule ndima abanjengo-Arthur noDon Laka kwamsiza uLebo ukuba azi ukuthi izinkondlo zakhe naye angazidlondlobalisa kanjani zibe wumsebenzi omkhulu.
"Amagama amakhulu embonini yethu yomculo, awalabo abanomqondo okhaliphile kwezamabhizinisi," kusho yena.
"Basheshe bazilawulele ukuthengiswa komculo wabo basungule nezinkampani zabo. Angisiye umculi, kodwa nami futhi nginabalandeli abafanayo phakathi kwalabo abayizigidi ababukela iMTV neChannel 0.
"Ithuba lokugqama kwiTV angilisebenziselanga ukuthuthukisa izinkondlo zami kodwa ngakwazi ukuthi ngokukhulu ukushesha ngethule incwadi yami yokuqala ngikhiphe neCD yami yokuqala."
Izinkondlo zikaLebo zisebenzisa isigqi se-hip-hop ukukhombisa indlela abuka ngayo impilo emgwaqweni, emalokishini nasezindaweni ezisemaphandleni.
ULebo uthi ayiswelakali into angabhala ngayo, njengoba umphakathi wethu uzabalaza nsuku zonke ngenxa ye-HIV/AIDS, ukuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, ukucwasana ngokobulili nenkohlakalo.
Ngokufunwa ngapha nangapha, lokho kumenza akwazi ukuhlela kahle umsebenzi wakhe. "Ngibhala kakhulu lapho ngihleli ezikhumulweni zezindiza ngilindele amabhanoyi," kusho yena.
"Ngiyakugwema ukuya emaphathini ngoba kudla isikhathi esibalulekile sokubhala. Ngiwuthanda kakhulu umsebenzi wami.."[z]
indaba nguDOUG GORDON
isithombe nguPETER WHITFIELD
u
Uthini Umthetho
BONA ZULU - May 2007
INKINGA: Ngisebenzela inkampani enkulu yezokuxhumana. Ezinyangeni ezintathu ezedlule ngakhushulelwa esikhundleni esisha kwathi ezinyangeni ezimbili ezalandela ngehliswa. Inkampani yangitshela ukuthi yenza iphutha ngokungikhuphulela esikhundleni.
Ngabatshela ukuthi ukukhushulwa kwami kwakuha-mbisana nokwenyuka komholo okwangenza ngazifaka ezikweletini ezifana nokuthenga ifenisha entsha.
Inkampani yaphoqelela ukuthi ngangazi lesi sikhundla sasingangifa-nele.
Ukukhuluma iqiniso, ngangikwazi lokho njengoba yasho inkampani, kodwa ngasho ukuthi abanye babasebenzi ababili abadala enkampanini basho ukuthi indlela ezosetshenziswa izokwenziwa ingabi nzima kimina.
Sengiyinhlekisa enkampanini njengoba sengilahlekelwe ukukhushulelwa kwami imali kanti futhi sekungumqansa ukukhokha ama-akhawunti ami.
Ngicela usizo.
ISELULEKO SOFEZELA:
Ukuchaza kwakho ngokwenzeka kufana ncamashi nokwakwelinye icala nokwaze kwacelwa u-CCMA ukuba angenelele.
Kulolo daba ukhomishana wathi ikontileka yokuqashwa yisivumelwano phakathi kwabantu ababili (consensual agreement).
Wathi ngokomthetho wekontileka, noma ngubani oyingxenye yekontileka unelungelo lokuvukela isivumelwano esiholela kwikontileka ngenxa yephutha, uma nje lelo phutha lalinesizathu esasingathetheleleka.
Kodwa ukhomishana wathola ukuthi, kuzo zonke izimo, iphutha lalingenasizathu esinomqondo wase ecela umqashi ukuba abuyisele umsebenzi esikhundleni ayesehliswe kusona.
Njengoba sishilo ukuthi udaba lwakho luyefana nolunye olwedlule, sibona usethubeni lokuba uphumelele kwabe-CCMA.
Kodwake kukhona enye inkinga: kubukeka sengathi usume isikhathi eside ngaphambi kokubikela abe-CCMA - kwakufanele ukube lokho wakwenza zingakapheli izinsuku ezingu-30.
Kodwa futhi ungaba nalo ithuba lokufaka isicelo semvume yokuba uzokwethula isikhalazo sakho nakuba sesidlulile isikhathi - uma nje izizathu zakho zokulinda isikhathi esingaka zizokuzwakala.
Lesi sicelo senziwa ngendlela yencwadi efungelwe (affidavit). Kungakuhle ubonane nomxhumanisi wezabasebenzi ukuze akusize ekwenzeni uhlaka lwale ncwadi.[z]
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Ngakhushulelwa esikhundleni ngaphinde ngadilizwa, then demoted
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Izinkondlo ezinesigqi se-hip-hop
t
