zulu.1361.teenaug
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
Kwabanye abantu, uyimali emangalisayo - nasi isizathu salokhu...
NATHI eSA sisebasha njengoba u-2007 usho ukuthi iSouth Afrika eNtsha ineminyaka engu-13 - nokuchaza ukuthi nayo isizobhekana nezingqinamba abantu abasha ababhekana nazo ngalesi sikhathi.
Kodwa zonke lezo zinkinga sizoziyekelela kosopolitiki. Kunalokho, uFat Charlie ubone kungcono ukuba ahlaziye ukuba ngumuntu omusha.
Siphila ngaphansi kwesiko elilawulwa abantu abasha nokuyinto engeyinhle - noma kukuphi sihlale sizwa ngabantu abasha: intsha nezidakamizwa, intsha nezifo ezithathelana ngocansi; intsha nokulawulwa ozakwabo, intsha nokukhulelwa; kanjalo nokunye okuningi.
Ngempela uma sizibuza: "Kusho ukuthini ukuba ngumuntu omusha"" - mhlawumbe lokhu kungasicacisela kabanzi ngezinkinga ezibhekana nabantu abasha. Ngakhoke - kusho ukuthini ukuba ngumuntu omusha"
Iminyaka
Impendulo eyiyo ngethi: singathi cishe umuntu omusha ngumuntu ophakathi kweminyaka engu-13 nengu-19.
Esingakubalula wukuthi ukugcizelelwa kokwahlukanisa abantu abasha, kwaqala eMelika ngeminyaka yo-1950.
Luningi ushintsho oluhambisana nokungena esigabeni sokukhula - njengoshintsho ngokomzimba kanjalo nezinkinga ezihlala zigxile emqondweni. Lezi zinkinga azenziwa wumuntu.
Lokhu kusenza sibone ukuthi ukuba wumuntu omusha kusho izinto ezimbili - ukukhula ngakwezamasiko kanjalo nangomzimba nomqondo.
Okwedukisayo
Ukukwazi ukwehlukanisa lokhu kokubili kuyisinyathelo esinzima sokukwazi ukubhekana noguquko obhekana nalo ngalesi sikhathi.
Ngesizathu esisodwa, "umuntu omusha" kuningi okwedukisayo ngaye ngezinguquko ezenzekayo ngoba lezi zinguquko zenzeka kuphela phakathi kweminyaka engu-13 nengu-19.
Noma yiziphi izinguquko ezenzeka ngalesi sikhathi ngaphambi kokuba ube neminyaka engu-13, zichaza ukuthi "usuwehlukile" noma kukhona into engahambi kahle empilweni yakho uma lezi zinguquko zingabonakali lapho usuneminyaka engu-14.
Kubantu abaningi lolu guquko luyashesha kanti kwabanye luyaphuza ukuqala.
Oshicilelweni olulandelayo, sizobhekisisa uguquko olwenzeka emzimbeni nasemqondweni.
Okwamanje ngicabanga ukuthi kwanele ukuchaza uguquko olwenzeka emzimbeni, emqondweni nasempilweni njengezinga lokukhula usungena esigabeni sokuba wumuntu omdala.
Usiko
Kulolu shicilelo uFat Charlie ufuna ukuhlaziya igama elisho ukuba "wumuntu omusha".
Njengoba uSavage ekhombisa kwi-Teenage: The Creation of Youth Culture 1875-1945, ukuthi abantu abasha "behlukene." Amaqembu ezigelekeqe ayephethe indawo enkulu yaseNew York ngasekupheleni kweminyaka yo-1800, ukwenza isibonelo, ayenabantu abaningi abasha.
Bona nozakwabo emazweni afana nawaseFrance, eNgilandi nakwezinye izindawo, babe nendlela yabo yokugqoka. Ububha nokwentuleka kwemfundo yikho okwakudala laba bantu abasha bazibandakanye emaqenjini ezigelekeqe.
Lokhu kwaba nomphumela wokwesweleka kwemisebenzi nokuluthwa yilabo abangosopolitiki ngokubathembisa "umhlaba ongcono." Ngonyaka ka-1939, ubulungu ngaphansi kwenhlangano yabasha iHitler Youth kwiNazi Germany babe sebufinyelele ku-8,9 million. Kodwa kwakukhona futhi labo abaningi ababevukela inqubo yeNazism. Ama-Swing Kids aseHamburg namaZazous aseParis ayeshaywa izigelekeqe zamaNazi zibagunda ngoba babeshiya izinwele, befaka namasudi eZoot bedansela nomculo we-jazz owavalwa.
Abathengi
KwakuyiseMelika kuphela ngeminyaka yo-1950 lapho kwaqala khona ukubonakala umehluko kubantu abasha, nokuba bazigqamise.
Kafushane singathi, kulapho abantu abasha bazithola sebehehwa njengabathengi. Kulapho kwaqala khona ukwenziwa kwemikhiqizo ethengwa abantu abasha njengoba kwenzeka nanamuhla - umculo, izinhlelo zeTV, ama-computer games, ama-cellphones kanjalo nezimpahla zokugqoka.
Ngempela kuyacaca ukuthi namuhla siphila "esikhathini saBantu aBasha."
Kwabanye abantu, niyimali eshisiwe bafowethu nodadewethu - anoke nikucabange lokho.
Ake ucabange ukuthi singakanani isikhathi osichithayo uphonsela abazali bakho nothisha inselelo - pho manje kungani wethemba okushiwo yizikhangiso ezikutshela ukuthi ungcono uma uphatha uhlobo oluthile lwe-cellphone noma ugqoka uhlobo oluthile lwama-jean"
Ziningi izinto ezinhle ezikhona, kodwa qaphelani bafowethu nodadewethu ningalutheki. Qaphelani ningasetshenziswa abantu benisebenzisela izinhloso zabo.
Ubani okutshele ukuthi kubalulekile ukuba ne-cellphone" Nguye lo muntu osuke efuna imali yakho!
Ngabe uzimisele ngokuba laba bantu babuse impilo yakho" Ngoba yikho lokho okwenzayo ngesikhathi ubulawa wumona wokubona abanye benezinto ezinhle zakamumva.
Ngabe uzibona ungumuntu ongcono uma unohlobo oluphambili lwe-cellphone entsha noma izimpahla zokugqoka ezisesitayeleni"
Indlela ophendula ngayo yiyo ezokuchaza![z]
BONA ZULU - August 2007
Kusho ukuthini ukuba ngumuntu omusha"
BONA ZULU - August 2007
Teen vs youth
E-SA sekufana nosiko ukukhuluma nge-"youth" njengento ehlukile kubantu abasha - kodwa kokubili kubhekana nezinkinga ezifanayo.
I-"youth" ikuchaza kokubili njengokukhula - phakathi kwesikhathi sobusha nobudala - kanjalo nokukhula nangendlela yosiko.
Ngendlela yosiko, "i-youth" ibiza imali eshisiwe, njengoba eminingi imikhiqizo eyenziwayo, yenzelwa ukuba ithengwe yiyo.
u
t
Siphila esikhathini saBantu aBasha
Ukukhula
Ngiyacabanga sonke siyazi ngosiko lwesizwe sakwaXhosa lokusokwa - cishe zonke izizwe emhlabeni zinemicimbi ezibungaza ngayo ukukhula lapho umuntu omusha esengena esigabeni sokuba ngumuntu omdala.
EJapan bane "seijin shiki." Lo mcimbi wenziwa minyaka yonke ngoMsombuluko wesibili ngoJanuary kanti uyiholidi likazwelonke. Ubandakanya bonke labo abasuke beba neminyaka engu-20 ngalowo nyaka wesikole.
Le micimbi ivame ukuba yenziwe ekuseni emahhovisi edolobha. Izikhulu zikahulumeni ziye zethule inkulumo.
NgokwesiJuda, amantombazane aneminyaka engu-12 nabafana abaneminyaka engu-13 baye baziwe ngokuthi ama-b'nai mitzvah kanti nabo baba nomcimbi wokugubha lokhu kukhula.
AmaKhrestu anomcimbi wokuqiniswa kwabasha nokuyilapho bethathwa njengamalungu ebandla.
Kukhona futhi namaphathi enziwa amantombazane amancane emhlabeni jikelele lapho esephuma esigabeni sokuba amantombazane.
