zulu.1357.boxing
Usizo kubashayi-sibhakela ukuze bonge imali
BONA ZULU - December 2007
Iningi labashayi-sibhakela alilihleleli ikusasa kanti ligcina lingasenamali lingasadumile...
AbeBoxing SA bazosabalalisa uhlelo lwabo lokusiza abashayi-sibhakela nakulabo abasafufusa.
indaba nguTEDDY GOMBA izithombe abakwaGALLO
Inkinga yabashayi-sibhakela
NISAMKHUMBULA uWelcome Ncita" Waduma kakhulu ngo-1990 ngesikhathi ewina isicoco se-International Boxing Federation waba ngumshayi-sibhakela wokuqala oliqhamukisa eMdantsane ukuba ngushampeni womhlaba.
Esewine lesi sicoco, wahamba eMdantsane wayothenga umuzi eBeacon Bay okuyindawo yabadla izambane likapondo esedolobheni okuhlala kuyona iningi losaziwayo, osomabhizinisi nosopolitiki.
Wabuye wavula i-restaurant eNahoon ngase-East London kodwa ibhizinisi lakhe langahamba kahle...
Emva kwalokho wavula indawo yokujima ehlose ukuqeqesha intsha efuna ukuba oshampeni esibhakeleni.
Nalapho akaphumelelanga. Abashayi-sibhakela ayebaqeqesha bamshiya phansi bekhala ngokuthi uzithwele kakhulu.
Waqala ukuba nenkinga yemali.
Kwathi lapho isimo sesithanda ukushuba kakhulu, waphindela ekhaya eMdantsane.
Manje, iSowetan yathi uNcita useziphilisa ngebhizinisi lokushaya izingcingo.
UNcita uyaphika ukuthi waphindela eMdantsane ngoba esehluphekile.
"Ngaphindela eMdantsane emva kokwedlula kukamama emhlabeni," kusho yena eqhuba ethi angaphindela noma nini eBeacon Bay uma ethanda...
U-Welcome Ncita akayedwa kule nkinga. NgokukaLoyiso Mtya weBoxing South Africa u-99% wabashayi-sibhakela uyahluleka wukubeka imali - kulabo kukhona abahola imali enhle!
UMtya uthi abangoshampeni kuzwelonke kuyenzeka bahole u-R60 000 ngenyanga, kanti oshampeni bomhlaba bahola u-R200 000.
"Kodwa njengoba bengenalwazi lokuphatha imali, bayishaya bayivale ngenyanga eyodwa leyo mali," kusho uMtya.
Manje abeBoxing South Africa sebethule uhlelo oluzosiza abashayi-sibhakela ukuze bafunde ukuphatha kahle imali yabo," kusho uMtya.
Lolu hlelo luzobuye lusize abashayi-sibhakela ukuze bathole ukuqeqeshwa kubuye kuqeqeshwe nabaqeqeshi babo bafundiswe ngabangakwenza uma kulimala umshayi-sibhakela," kuqhuba uMtya.
Phezu kwalokho, abashayi-sibhakela bazobuye bacijwe nakwezokuxhumana ukuze basebenzise ikhono labo ekusakazeni isibhakela
"Lokhu kuyisiqalo nje," kusho uMtya. "Kuningi esihlele ukukwenzela abashayi-sibhakela"
Ngabe lolu hlelo luzophumelela" Uhlelo olufana nalolu olwethulwa eminyakeni embalwa edlule aluzange luphumelele, ngokusho kukaMtya. Uthi lokho kwadalwa wukungafinyeleli kwalo kubashayi-sibhakela abaningi. Lolu luzosabalaliswa nakwabasafufusa ukuze lufinyelele kwabaningi esinabo! [z]
U-Welcome Ncita ngo-1990 izinto zisamhambela kahle.
U-Welcome nemiklomelo ayithola ngezikhathi zakhe.
BONA ZULU - December 2007
u
Izikhulu zebhola ziyasibona isidingo sokwethula izinhlelo zokusiza abadlali
Abadlali bebhola nabo badume ngokuphatha imali budlabha kanti izikhulu zebhola ziyakubona ukubaluleka kokwethula izinhlelo zokubasiza - kodwa kuncane okwenziwayo.
Emngcwabeni womunye umdlali webhola, u-Irvin Khoza ongusihlalo wePSL noweqembu le-Orlando Piarates wathi: "Njengabaphathi bebhola, kusemahlombe ethu ukunika abadlali abadlala ibhola ithuba lokufunda izinto ezizobaqinisekisa ukuthi bayaphumelela - uma besenkundleni noma bengaphandle kwenkundla.
"Impilo yomdlali ayilula neze.
"Nakuba iningi lethu lingazenzela elikuthandayo lineminyaka eko-20 no-30, lizitshele ukuthi liyoqala ukuzimisela uma selineminyaka eko-40 nangaphezulu, abadlali bona kumele basheshe bavuthwe baziphathe kahle ngoba bafika eminyakeni eko-20 sebebazi ubukhazikhazi obuhambisana nodumo.
"Kusemahlombe ethu ukuhlomisa abadlali ngamakhono azobanika amandla okubhekana nengcindezi ehambisana nokudlala. Esikhathini esedlule asizange sikwenze lokho, kodwa kumele sikwenze noma kanjani manje."
Sekudlule izinyanga ezimbalwa lokho kwezwakala kodwa akukho osekwenziwe.
Kunalokho, iziphathimandla zebhola zikhuluma indaba yomhlomulo ka-10% okufanele zikhokhelwe wona ngokuthola abaxhasi beligi.
t
Kwenzekani ebholeni"
