zulu.1356.arrest
Kwenzekani uma uboshiwe"
WENA nabangani bakho nizihlalele ethaveni nizishayela obhiya abambalwa nisalindele ibhola ukuba liqale. Omunye wenu bayambiza emgwaqweni, usethatha ubhiya wakhe uphuma nawo.
Ngeshwa kusenjalo kwaqhamuka iveni yamaphoyisa - emva kwalokho kwasuka ingxabano egcina ngokuba umngani wakho bamvalele evenini bambeke icala lokuphuza emphakathini (public drinking), bagcina ngokumthatha bahamba naye.
Into obekufanele ihambe ngokuthula manje isiphenduke yaba ngukushayisana nomthetho. Yini okufanele uyenze"
UBONA ucele iseluleko kummeli...
Kusho ukuthini
Ukuboshwa kusho ukuvalelwa ungakwazi ukukhululeka. Ungaboshwa okwesikhashana lapho befuna mhlawumbe ukukufaka imibuzo uma usoleka ebugebengwini.
Into yokuqala wukubuza ukuthi uboshiwe yini. Uma kunjalo, unelungelo lokwazi ukuthi kungani.
Uma amaphoyisa ecabanga ukuba akugqume okwesikhashana, ngokusho kukaKhaya Zweni oyisikhulu sezomthetho kwi-Human Rights Commission, unelungelo lokuthula ungasho lutho. Kodwake kuyadingeka ukuba uwatshele igama nekheli lakho. Uma wehluleka wukwenza lokho, yicala nalelo.
"Uma uboshiwe kulindele ukukhuthuzwa amaphoyisa akugqume esitokisini ukuze akuphonse imibuzo. Ngesikhathi bekuphonsa imibuzo, bazokweluleka ngamalungelo akho.
Ngesikhathi-nje ucela ummeli, amaphoyisa awasavumelekile ukuba akubuze imibuzo.
Amalungelo abalulekile okufanele uwakhumbule - yilungelo lokuthula ungasho lutho nelokuba nommeli eduze kwakho lapho bekufaka imibuzo," kusho uZweni.
Uphinde wexwayisa ngokuthi amalungu omphakathi akufanele athukane noma aqophisane namaphoyisa. Ungabi nenkani, ngisho ngabe ukholwa wukuthi umsulwa awunacala. Okushoyo ephoyiseni yikona okuhlale kubalulekile ngoba kubhekana nawe enkantolo. Wonke umuntu umsulwa kuze kube inkantolo imthola enecala. Wonke amalungelo akho aqinisekwe uMthetho-sisekelo, ikakhulu u-Section 35.
"Qinisekisa ukuthi bayakuchazela ngalawa malungelo akho, nokuthi ayagcinwa," kusho uZweni. Uma amaphoyisa ekubopha, akufanele acabange ukuthi uyawazi lawa malungelo - kuqhuba yena.
Yiziphi izinto umuntu okufanele azikhumbule uma eboshwa"
Kufanele ukhumbule ilungelo lakho lokuba kube khona ummeli wakho. Uma usuzichazile wanika nekheli lakho, ungenqaba ukwenza isitatimende noma ukukhuluma ngecala nanoma yimuphi umuntu.
Ngakolunye uhlangothi, ungakhetha ukuphendula imibuzo noma usayine izincwadi ezifungelwe (ama-affidavits).
Noma yiluphi ulwazi noma imininingwane oyinikayo, yiyo eyosetshenziswa njengobufakazi kuwena enkantolo.
Izikhulu eziphoqelela ukugcinwa komthetho ngeke zikuphoqe noma zikwesabise ekutheni uphendule imibuzo kanti futhi ngeke zikhombise uzwelo ukuze ushintshe okubhalile noma okushilo.
Kuthatha isikhathi esingakanani emva kokuboshwa ukuba umuntu avele phambi kweMantshi"
Uma uboshiwe wafakwa ejele, isikhathi okufanele uvele ngaso enkantolo amahora angu-48 kusukela ekuboshweni kwakho. Kodwa lesi sikhathi samahora angu-48 asibandakanyi izimpelasonto noma amaholidi.
Ngakhoke uma uboshwe ngoLwesihlanu kusho ukuthi usebhadini.
Ekuveleni kwakho kokuqala enkantolo, uzokwaziswa ngecala obekwe lona. Kuzobhekwa futhi ukuthi kufanele yini ugcinwe ejele kuze kufike usuku ovela ngalo futhi noma wexwayiswe, noma kufanele unikwe ibheyili.
Ekuveleni kwakho kokuqala enkantolo kungenzeka ukuthi bakubuze ukuthi uyalivuma noma uyaliphika, noma bangakubuzi lutho. Akulula ukusho ukuthi uyaliphika noma uyalivuma ungakabonani nommeli. Uma ungenaye ummeli, kufanele ukuba ucele icala lihlehliswe ngesikhathi usafuna ummeli.
Kwenzekani uma umuntu engenawo amandla okuthola ummeli"
Uma ungenawo amandla okuthola ummeli, iMantshi kufanele ikweluleke ngokuba uxhumane nabeLegal Aid Board, nokuyibo abazocubungula ukuthi bangakutholela yini ummeli.
Kunoma iyiphi inkantolo, kukhona amahhovisi abe-legal aid.
Uma uxhumana nommeli, khumbula ukuthi, akubalulekile ukuthi icala ulenzile, kodwa okubalulekile wukuthi i-state sona sizokwazi yini ukukukhombisa lokho noma cha.
Uma ummeli wakho ekweluleka ngokuba ulivume, kungakuhle uthole esinye iseluleko kwabanye. Icala lobugebengu lima empilweni yakho yonke.
Kusho ukuthini ukukhishwa ngebheyili"
Inhloso yebheyili, ukunika oboshiwe ithuba lokuphuma kusale imali asuke eyikhokhile enkantolo ukuze kuqinisekiswe ukuthi uyovela lapho selingena futhi.
Imibandela yokuthola ibheyili imi kanje: ukuba bucayi kobugebengu, ithuba lokugwetshwa, ukuxakaziseka kofakazi bexakaziswa wumsolwa, amacala amadala, ikheli lendawo ohlala kuyo, ubumnini bendawo, ukwazi ngomndeni wakho, ukuthi kungenzeka weqe kuleli lizwe (uma une-passport ekugunyaza ukuya kwamanye amazwe), nokuba ungakwazi ukugcina imibandela yebheyili. Konke lokhu kunganibambezela nigcine ningasalibukanga nalelo bhola.[z]
BONA ZULU - September 2007
Sonke singasicabanga isimo sokuboshwa - ngisho ngabe kungekho esikwenzile. Imaphi amalungelo ethu" Yini esingayilindela ukuba yenzeke kithina" Kungathatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba lokho kushayisana kwemibono kuxazululeke"
nguTEDDY GOMBA
