zulu.1343.yourstyle_teen
IFESHINI YENTSHA
USipho "Psyfo"
Ngwenya
Isihlabani seGenerations sidalule imfihlo yaso yefeshini
1. Uma ngingadlali kwiGenerations ngigqoka...
I-jean, amateku, ijakhethi ne-T-shirt.
2. Ngithanda izimpahla zeqophelo eliphezulu ezinamagama ngoba...
Ziyikhwalithi - ngikhetha okungu ngqo ngisho noma kukhulunywa ngobuchwepheshe emculweni.
3. Iseluleko sami kwabesilisa mayelana nefeshini...
Angisiboni isidingo sokugqoka izimpahla ezinkulu. Izitolo zinezingubo zabesilisa abancane ngemizimba.
4. Engikugqoka emicimbini...
Okuhambisana nendlela okumele kugqokwe ngayo noma ngigqoke ngendlela engivame ukugqoka ngayo.
5. Ngithanda ukuthenga...
E-Gallery uma ngifuna amashethi, ama-jean namajakhethi ngiwathenga kwaBogart.
6. Ngiyafa...
Ngamateku eNike - nginamapheya
angu-10!
7. Angichithi imali eningi...
Efeshinini. Ngithanda ukuthenga into engaphelelwa yisikhathi.
8. Isiqedaphunga sami...
Yi-Paul, kodwa ngiyayisebenzisa neHugo Boss.
9. Ifeshini engingahlukani nayo...
Yisigqoko sami sewuli! Kodwa ungangibuzi ukuthi kungani!
10. Engikuthanda kakhulu kwi-wardrobe yami...
Iwashi engalithengelwa ngumama eminyakeni engu-6 eyedlule.[z]
Ohlele izindlela zokugqoka:
Thato-ya-Ona Lerefolo
Umsizi wakhe: Keletso Modisakeng
Iziphaqulo: Vuyo Varoyi
Izithombe: Peter Whitfield
