zulu.1341.name
BONA ZULU - March 2008
Ukudlala ngamagama
Ngabe igama lichazani"
Amagama ethu ahlukahlukene, kodwa ngabe anomthelela endleleni abantu abakuthatha ngayo" Ukwenza isibonelo, ngabe umuntu onguMatlakala kufanele aphathwe njengezibi" Ngabe siyawalandela amagama ethu"
indaba nguTEDDY GOMBA
NGABE amagama esiqanjwa ngawo abalulekile" Buza labo asebake bazama ukushintsha awabo behlose ukuba nenhlanhla. Cabanga nje uma uzoqanjwa ngegama likaMatlakala! Akukuhle ukubizwa nge "zibi," angithi" Ngabe ngeke wakubona kubalulekile ukushintsha leli gama uma uqanjwe ngalo.
Imbali iyohlala inuka kamnandi ngisho noma ungayibiza ngaliphi igama ngokukaShakespeare futhi ubuhle bayo abupheli. Kodwa ngabe kunjalo nasemagameni ethu"
Isigameko sakamumva kwezithinta umkhuba esinawo wokuthanda ukushintsha amagama yileso sangamhla uMongameli uThabo Mbeki ebuza ukuthi: "Lisho ukuthini igama elithi Bafana Bafana""
Kodwa abalandeli bebhola eSA bayazi ukuthi lisho ukuthini!
Khumbula ukuthi abalandeli bayawathanda amagama abadlali abadlaliswa ngawo. Amanye awamahle neze.
Kukhona uSister Monica, noSiyangaphi, umdlali weJomo Cosmos odlala esiswini. Nithini ngoJazzi Queen, igama uHarris Legodi aduma ngalo kwiSundowns"
Ngabe siyawalandela amagama ethu" UBONA waxoxisana noDkt. Stephen Martin usosayensi owazalelwa e-Ireland ngalolu daba.
"Esikhathini engisihlale e-Africa ngikubonile ukubaluleka kwamagama.
"Ngokuqamba ingane sisuke siqhakambisa amathemba namagugu ethu, kokunye ubuhlungu esisuke sibuzwa.
"Amagama ethu enza ukuba sihluke kwabanye," kuchaza yena.
Ukulishintsha
Ngabe ukushintsha igama kungamshintsha umuntu noma isimo" Ngabe ukushintsha igama leqembu lesizwe kungenza ukuba lidlale kangcono" (Ngabe uMongameli wayechaza lokho ngesitatimende sakhe")
Ukuba bekunjalo ngempela, abalandeli bebezolwa ukuze lishintshwe leli gama!
Ngabe yigama iqembu elibizwa ngalo elenza ukuba sibe nezinkinga ezingaka"
Uma le nkinga singayibheka ngelinye iso, ungenzenjani uma indodana yakho enguJabulani ingakujabulisi"
Ngabe ukushintsha igama layo kungenza ukuba nayo ishintshe"
Siyajabula ngokushintshwa kwamagama emigwaqo, pho asiwashintshi ngani amagama abantu uma bengawalandeli"
Ukukhetha
U-Charlene Smith owabhala incwadi ethi Baby Names For South African Babies, uthi kusemqoka ukuqamba ingane ngegama elihle ngoba izingane zikhula zibe yilokho okushiwo amagama azo.
Ngabe kunjalo nakuJacob Gedleyihlekisa Zuma onguMongameli we-ANC" Igama elithi Gedleyihlekisa lisho "ukuzenzisa ushaye sengathi uyamamatheka" kube kungenjalo.
Elinye igama eliyinkinga yilelo okuvame ukuqanjwa ngalo ingane yentombazane - uMatlakala. Kukhona abathi abantu abakhula nabo abangoMatlakala baluhlupho.
Ngakolunye uhlangothi, kuyenzeka siqambe ingane ngegama elizoyinika isithunzi.
Nangaphambi kuka-1994, ngokukaSmith, baba baningi abantu abakhetha ukuqamba izingane zabo ngamagama esiNtu anjengoThandi, Lindiwe, Zinzi, Thabo noSipho.
Ama-soapie
Akusibo bonke abazali abaqamba izingane ngamagama athile ngethemba lokuthi zizoba yilokho abakufisayo. Abanye baziqamba ngamagama abazicabangele wona behlanganisa amagama abo noma amagama ogogo nomkhulu.
Kukhona nama-soapie abazali abathola kuwona amagama abangaqamba ngawo izingane zabo. Kukhona oKarabo noQueen, amagama abadlali besimame abadlala kwiGenerations.
Emalokishini sinezingane ezingoBrooke noRidge nokungamagama abadlali beThe Bold And The Beautiful.
Ukulwela amagama
"Abanye abantu bayawalwela amagama abo," kuqhuba uDkt Martin. "Silwela ukubizwa ngamagama athile kokunye silwele ilungelo lokuziqamba ..."
Sizokhumbula nokuthi emzabalazweni waleli lizwe okunye abantu ababekulwela kakhulu kwakungukubizwa ngabantu base "South Africa."
Amagama abaluleke kabi ngokukaDkt Martin. "Ngeke sisho ukuthi kungubuwula ukuwalwela!"
Kodwa okufanele singakukhohlwa wukuthi kumele sibheke ngale kwamagama esiqanjwa ngawo kodwa sibheke igama elilodwa elisibhangqa sonke - ubuntu. [z]
u
t
BONA ZULU - March 2008
