﻿USuku Lokuhumusha Lwamazwe 2010
Isihloko soSuku Lokuhumusha Lwamazwe kulo nyaka besithi “Iqophelo Lokuhumusha Lamazwi Ehlukahlukene”. Inhlamvu ekhululelwe abezindaba eyakhishwa yi-FIT iyatholakala ku-website ye-SATI (www.translators.org.za > Int. Translation Day). 
I-SATI yagubha futhi yafaka isandla ekuphakamiseni igama lalo msebenzi wobuchwepheshe ngezindlela ezimbalwa:
Ngomhla ka-18 Septemba eWelgemoed eKapa iQembu laseBholani ligubhe owama-20 unyaka wokuba khona kwalo ngesidlo sasemini esimnandi kanye ne-seminar enika umdlandla emayelana nesihloko soSuku Lokuhumusha Lwamazwe. Izikhulumi kwakungamalungu e-SATI oSharon Tabraham, Barbara Bohle, Alta van Rensburg, Johan Blaauw no-Anne-Marie Beukes. Amakhophi ezinkulumo zale seminar ayathoakala ku-website ye-SATI. Thinta uWilna Liebenberg (wilna@lieben.co.za noma 082 824 8910) mayelana nemfomesheni yokuthi lijoyinwa kanjani leli qembu.
Ilungu loMkhandlu uManzo Khulu lanika inkulumo ezitshudenini ngoSuku Lokuhumusha lwaseTshwane University of Technology kuKhampasi yaseSoshanguve South ngomhla ka-21 Septemba. Ezinye izikhulumi zazihlanganisa ilungu le-SATI uMashite Mogale wase-GCIS kanye noDkt. Rose Masubelele wase-UNISA. Lesi senzakalo saba yingxenye yokwendlalela uSuku Lokuzuzwe Njengefa (Heritage Day) ngomhla ka-24 Septemba futhi isihloko esasisematheni sasiwukuthi kubaluleke kakhulu ngabaseNingizimu Afrika ukusebenzisa nokugqugquzela izilimi zabo zasekhaya ngokwehluka kwazo.
Kwaxoxisanwa noSihlalo we-SATI u-Anne-Marie ku-SAfm ngomhla ka-30 Septemba ngokuhumusha nokutolika eNingizimu Afrika, futhi lapho abalaleli bazwakalisa ikakhulu ukukhathazeka ngeqophelo lokuhumusha ezinkantolo.
I-SATI naBanyathelisi i-Van Schaik basingatha ukwethulwa kwebhuku elithi Veeltalige Vertaalterminologie/Multilingual Translation Terminology lika-Anne-Marie Beukes noMarné Pienaar (naye oyilungu le- SATI) ngomhla ka-30 Septemba emcimbini weziphuzo ezilula eNyuvesi yaseGoli.
UJohan Blaauw, usekela-sihlalo we-SATI, wanika inkulumo nge-SATI emcimbini we-North-West Provincial Language Service wokugubha uSuku Lokuhumusha Lwamazwe ngomhla ka-30 Septemba. Ezinye izikhulumi zazihlanganisa uSlz. S. Sebate owanika umbono obanzi waloko okushiwo ngokoqobo yithiyori lokuhumushela ezilimini zendabuko e-Afrika kanye no-Edwin de Klerk owenza umboniso we-Trados.
Ujohan Blaauw wayebandanyeke kumigubho yoSuku Lokuhumusha ye-PanSALB Nyakatho Ntshonalanga kanye neNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga ePotchefstroom ngomhla ka-9 Okthoba. Ingxenye yokuqala yohlelo yayidingida loko okufanele kwenziwe ngokusemthethweni ukuze kumiswe indikimba yabahumushi notolika kuSifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga (okwamanje izobizwa ngokuthi wuSosesheni Wabasebenza Ngolimi WaseNyakatho Ntshonalanga). Ingxenye yesibili yohlelo yagxila esihlokweni soSuku Lokuhumusha Lwamazwe 2010, ikakhulu ngokuthuthukisa iqophelo ngokusetshenziswa kwezinsiza ezitholakalayo kwabasebenza ngolimi. I-NWU’s Centre for Text Technology (CTexT) ne-National Language Body for Afrikaans zenza izethulo (presentations), kwaxoxwa ngezihlola-kupela (spellcheckers) zezilimi zendabuko kanye nohlelo lwe-freeware yokuhumusha olwakhiwe yi-CTexT, i-Autshumato.
Ilungu le-SATI uTammy Baikie ubhale i-article ngokuhumushela i-Mail & Guardian (elindelwe ukuba iphume ngomhla ka-15 Okthoba).
I-Alliance of Language and Media Practitioners (LAMP)
I-SATI iye yabambisana ne-PEG (Professional Editors’ Group), i-Safrea (Southern African Freelancers Association) ne-WGSA (Writers Guild of SA) ukubumba imbumba ekhululekile (loose alliance) yabasebenza ngolimi nangemithombo yezindaba. Ngokuhamba kwesikhathi, nezinye izinhlangano zizocelwa ukuba zijoyine le mbumba. Umqondo uwukudidiyela izinsiza (resources) ukuze kwakhiwe ithonya emikhakheni yezindaba, siphakamise ukwaziwa kwethu emphakathini futhi sabelane ngobungcweti, sibe sikugcinile ukuzimela kwenhlangano ngayinye. Njengamanje kwenziwa idrafu yememo yokuqonda (memorandum of understanding) futhi amalungu azokwaziswa ngenqubeko ngokuhamba kwesikhathi. 
Ukuqinisekiselwa umsebenzi ngokutolika kokushiyelana
Siyabonga kuwo onke amalungu ethu aye abamba iqhaza kunhlolovo yokwethukela emayelana nokuqinisekiselwa umsebenzi ngokutolika kokushiyelana (consecutive interpreting). Sithole ukusabela okungaphezulu kwe-100 futhi kubonakala ukuthi kukhona indingeko eyanele yokuba sicabangele ukwethula lolu hlobo lokuqinisekiselwa umsebenzi. Isinyathelo esilandelayo siwukuthola indlela yokuhlola labo abahlolwayo.
	Khumbula ukuthi i-SATI kakade inika ukuqinisekiselwa umsebenzi ngokutolika kwakanyekanye (simultaneous interpreting), ukuhumusha okuvamile, ukuhumusha okufungelwe, ukulungisa ulimi (language editing) nokwenza amatemu, kanye nokuqinisekiselwa umsebenzi kwezinkampani ngamahhovisi olimi nama-agency. Thinta isikhulu sokuhlolwa (exams@translators.org.za) ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe.
Amalungu
Amalungu amasha: Laetitia Allen, Michelle Andrews, Evert Beukes, Joanne Davies, Rachel Mashala, Siphiwe Mkhatshwa, Estelle Neethling, Gangonde Pidi Pidi, Celeste Ruiters, Sylvia Scholz
Abasha abaqinisekiselwe umsebenzi: Gail Zizzamia: Ukuhumusha okufungelwe isiTaliyana-isiNgisi
Izindaba ezivela ku-FIT
IKomiti Elikhulu le-FIT lizobamba umhlanganao walo olandelayo eMacau ngomhla ka-4 no-5 Novemba 2010. UMarion Boers (umqondisi ophethe we-SATI) uzokwethamela ngokwesikhundla sakhe njengosihlalo we-FIT. 
Ushicilelo lwamuva lwencwadindaba (newsletter) ye-FIT, i-Translatio, seluyatholakala e-http://www.fit-ift.org/cms/uploads/file/infofit_documents/17921_Translatio_No3_2010_WEB.pdf. Lolu shicilelo lubika ngezenzakalo ezahlelwa yizinhlangano ezingamalungu eNew Zealand, Cuba, Venezuela nase-Argentina nangabahumushi bobucikomazwi eFinland. Luchaza futhi nangokuthutha kwe-Secretariat ye-FIT ukusuka eMontreal ukuya eBasel, Switzerland nangokuqokelwa isikhundla koMqondisi Ophethe omusha we-FIT, uJeannette Ørsted. 
Umncintiswano woSuku Lokuhumusha Lwamazwe Wetheknoloji Yokuhumusha: Ingabe usebenzisa isofthwe yamahhala eyenza umsebenzi wakho ukhiqize noma ujabulise ngokuthe xaxa? Uma kunjalo siza uthumele incazo yale softhwe, indlela ekuzuzisa ngayo njengomhumushi nanokuthi abanye abahumushi bangayithola kanjani ikhophi. Igama lakho lizofakwa otomulweni lwenhlanhla oluhlelwe yiKomiti Letheknoloji Yokuhumusha leFIT. Imfomesheni evela kuko konke okulethiwe izokwenziwa itholakale kuye wonke umuntu. Onqobile uzovezwa ku-website ye-FIT, kanye nomlando wakhe wobuchwepheshe omfishane. Akukho zindleko zokungenela lo mncintiswano. Abangeneli kumelwe babe ngabakasosesheni oyilungu le-FIT futhi kumelwe balisho igama lalowo sosesheni kanye nemfomesheni yokuthi bangathintwa kanjani. Umnqamula-juqu wokuletha imingenelo ngoLwesihlanu, 3 Disemba 2010. Imingenelo kumelwe ithunyelwe ngemeyili e-FITtrantech@gmail.com. Onqobile uzomenyezelwa ngoJanuwari 2011. 
Okuthakazelisayo
I-Translating Information, ehlelwe wuRoberto A. Valdeón. ISBN 978-84-8317-815-7. Oyilungu le-SATI u-Alet Kruger ungomunye wabafake isandla kulo mqulu o-“yiqoqo lomsebenzi wezazi ezikhethekile eziningana kulo mkhakha, zonke ezikhuluma ngokuhumusha imibhalo enika imfomesheni, kungaba ngezindaba zezempilo, imibhalo yezokuvakasha noma amasilabhasi asenyuvesi. Kodwa okugqame kakhulu kulo mqulu ngama-article aphathelene nomkhakha ongaphansi owenamisayo wokuhumusha izindaba” (Luc van Doorslaer). Imfomesheni eyengeziwe http://www.monabaker.com/tsresources/newpubs_more.php?id=3595_0_4_0_M
I-The Role of Translators in Children’s Literature: Invisible Storytellers kaGillian Lathey. Leli bhuku linika uhlaziyo olungokomlando lwemisebenzi ehunyushiwe eyik’lasiki eyisihluthulelo yezingane, njengemibhalo kaHans Christian Andersen nezindaba zikaGrimm. ULathey uthungatha indima yomhumushi kanye negalelo lezinkumusho ngomlando wobuciko-mazwi (literature) bezingane bolimi lwesiNgisi ukusuka ekhulwini leminyaka lesishiyagalolunye kuya phambili. Ukudingidwa kwemibhalo edumile enkathini ngayinye kudalula ukwehla nokwenyuka kokwemukelwa kwemibhalo yezingane ehunyushiwe, kanye neziwombe zokuzama kwabahumushi nabahleli ukuxhumanisa amasiko-mpilo. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.routledge.com/books/details/9780415989527/
I-Translation, Resistance, Activism, ehlelwe wuMaria Tymoczko. ISBN 978-1-55849-833-4. Lo mqulu wama-eseyi ongendima yabahumushi njengamanxusa oshintsho ucubungula izindlela zokufunda izinkumusho njengamarekhodi okuncintisana kwamasiko-mpilo nomzabalazo wezinkolelo-mbono. Izinkumusho zibhekwa njengezindlela zomsebenzi ongokuziphatha (ethical), ongokwepolitiki kanye nongokwenkolelo-mbono (ideological) kunokuba kube nje wushintshiswano olungokuxhumana (communicative transactions) noma imisebenzi engokobucikomazwi yokuqamba (creative literary exercises). 
Kule nyanga edlule iphephandaba i-Rapport liye laqukatha ama-article athakazelisayo ngokuhunyushwa kobucikomazwi. Bheka i-http://www.rapport.co.za/Boeke/Nuus/Kreatiewe-proses-stel-talle-uitdagings-20100903 (ngenkumusho ka-Daniel Hugo ye-Koning van Katoren esuselwa esiDashini) kanye ne-http://www.rapport.co.za/Boeke/Nuus/Ander-lande-se-psige-kry-lewe-in-Duits-20100903 (ngendlu yokushicilela eye yahumushela esiJalimaneni umsebenzi wabaseNingizimu Afrika oLebogang Mashile, Sello K. Duiker no-Ivan Vladislavic). 
I-Wordfast LLC, umhlinzeki wesofthwe yememori yokuhumusha (TM), iye yakha i-aplikesheni yamahhala ukusekela ukuhumusha ku-iPad endaweni lapho i-Wordfast Anywhere isebenza khona. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.wordfast.com/products_wordfast_anywhere.html
I-Modern Language Association imema imingenelo yemincintiswano yayo ezayo yemiklomelo yezincwadi. Kuzokhishwa imiklomelo yezincwadi eyishumi nesikhombisa engqungqutheleni ye-MLA ngoJanuwari 2012, ehlanganisa noMklomelo i-Lois Roth wenkumusho evelele eya esiNgisini yomsebenzi wobucikomazwi owubude bencwadi. Le nkumusho kumelwe ibe ngeshicilelwe ngo-2010; abahumushi akudingeki babe ngamalungu e-MLA. Umnqamula-juqu wumhla ka-1 Aprili 2011. Imfomesheni eyengeziwe: awards@mla.org noma http://www.mla.org/resources/awards/awards_submissions/awards_competitions/biennial_prizes2011/prizeinfo_roth
Isofthwe Nama-website
I-Pharos Dictionaries, uphawu lokunyathelisa lwe-NB Publishers, isanda kukhulula i-version entsha yesofthwe ye-Multilingual Illustrated Dictionary, okwenza ukufunda umtapo wamazwi kube okujabulisa kunanini ngaphambili. Le CD-ROM, esekelwe encwadini kaJohn Bennet noNthuseng Tsoeu, yakhiwe yi-Centre for Text Technology (CTexT®) eNyuvesi YaseNyakatho-Ntshonalanga (kukhampasi yasePotchefstroom). Izilimi eziphakathi kuyo yisiZulu, isiSuthu, isiXhosa, isiTswana, isiBhunu nesiPedi. Le CD-ROM itholakala e-On The Dot (orders@onthedot.co.za; 0800 220 224) noma eBowline (021 550 9700). Imfomesheni eyengeziwe: Moira Müller (Moira.Muller@nwu.ac.za). 
Abahumushi abaningi bavame ukuthola izimeyili (emails) kubantu abazishaya abaniki-msebenzi kwabangaphandle (outsourcers) bebanika imisebenzi yokuhumusha okuthi ekugcineni kuhlaluke ukuthi iyinkohliso. Bheka i-article ye-Proz.com Wiki ngokubona imisebenzi mbumbulu nokusabela kuyo kanye nezinye izinkohliso ezikhona lapha ngaphandle ukuze uthole okwengeziwe: http://wiki.proz.com/wiki/index.php/Detecting_and_reacting_to_false_job_offers_and_other_scams
Kuye kwethulwa i-website eyenzelwe ngqo abahamushi abachwepheshile nakumakilayenti. Ihlanganisa irejista yentanethi (online register), uhlelo lokulawula amaprojeke, isevisi ye-Escrow kanye nezici zengxoxo nokwenza imiyalezo. Vakashela e-www.bewords.com. 
Imicimbi nezimemo zamaphepha
Ukubhala umbiko neziphakamiso: Lolu chunge lwamashabhu olunsuku ntathu eSikhungweni Sezilimi saseNyuvesi yaseStellenbosch, 26–28 Okthoba 2010, luzokuhlomisela ukulungiselela amadokumende abalulekile ngokushaya emhloleni nokuzethemba okuthe xaxa. Usuku lokuvala ngokubhalisa wumhla ka-15 Okthoba 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Poole e-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za. 
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 – Mankind, the namer: E-Club Mykonos, eNtshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka umkhakha wokwethiwa kwamagama kanye nelukuluku elingenakuvinjelwa lesintu lokwetha izinto amagama. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta uBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za
Ishabhu lokuhumusha nokuhlela (editing): ENyuvesi yaseStellenbosch/Kommunico, 1–5 Novemba 2010. Lolu hlelo luhlanganisa ithiyori lokuhumusha, ithiyori lokuhlela, ukukhomba imithombo, ukuhumusha okungokomthetho, ukuhumuhsa okungokwezimali, ukuhlela umbhalo we-web kanye nokuhumusha kobucikomazwi. Usuku lokuvala ngokubhalisa wumhla ka-28 Okthoba 2010. Thinta u-Amanda Lourens ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe: alou@iafrica.com noma 084 514 8111. 
Imibhalo ye-web kanye nama-website: Isizumbulu esiphelele: Lolu chunge lwamashabhu olunsuku nhlanu eSikhungweni Sezilimi saseNyuvesi YaseStellenbosch, 8–12 Novemba 2010, luzobheka umklamo, ukwakhiwa nokulondolozwa kwe-website. Usuku lokuvala ngezicelo wumhla ka-28 Okthoba kanti futhi kunendawo yababambi-qhaza abangama-20 kuphela kuseshini ngayinye. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Poole e-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za. 
I-Research Models in Translation Studies II: EManchester, 29 Aprili–2 Meyi 2011. Le nkomfa ihlose ukwakha inkundla yenkulumo-mpikiswano eshubile negxilile ngezingqinamba eziyisihluthulelo, ukubhekana namamodeli ocwaningo amasha nakade aba khona nokuphanda emibonweni yethiyori nobekuvame ukuphikisanwa ngayo kule minyaka embalwa edlule. Umnqamula-juqu ngokubhalisa kwamasinya wumhla ka-1 Novemba 2010. Bhalisa e-http://www.llc.manchester.ac.uk/ctis/activities/conferences/researchmodels2/registration/
I-Professional Editors’ Group (PEG) izoba nomcimbi wokunethweka ngomhla ka-13 Novemba 2010 e-Zoo Lake Sportsmans Club eParkview ngo-2 ntambama. ULia Marus uzobe ekhuluma ngesihloko esithi “How to design a DIY website”. Amathikithi abiza i-R30 kumalungu e-PEG kube yi-R40 kwabangewona amalungu e-PEG kanti iziphuzo nokudliwayo umuntu uyazibonela. Thumela imeyili kuJoan Fairhurst e-joanfair@global.co.za ukubekisa indawo yakho.
Igatsha le-PEG laseKapa lizokwethula amashabhu amabili kamuva kulo nyaka. Elithi Ukulungiselela Inkomfa ye-PEG ngesithi ‘Editing Masters and Doctoral Dissertations and Theses: Ethical and practical considerations’ (13 Novemba 2010 e-Royal Cape Yacht Club e-Table Bay Harbour) nelithi A handle on plain language issues and practice (11 Disemba 2010 enkundleni efanayo). Thinta i-peg@editors.org.za ukuze uthole infomesheni eyengeziwe. 
I-Annual Protocol Conference of Africa Yokuqala (APCA): E-CSIR International Convention Centre, ePitoli, 17–19 Novemba 2010. Le nkomfa izodingida izihloko ezinjengezinqubo ze-protocol ezifanelekile, ukuhambisana ne-protocol endabeni yokwehlukahluka ngokwamajwayezi nokwamasiko-mpilo kwezizwe zase-Afrika, ukuhambela okusemthethweni, iziqu zesikhundla kanye nezindlela zokukhuluma nezikhul, okwenziwa ngefulege nokusebenzelana nabezindaba, kanye nesiwombe esimayelana nabahumushi notolika, konke okuzosingathwa wusekela-sihlalo we-SATI uJohan Blaauw. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.protocolconference.net/
I-Spring School for Translation Studies in Africa Yesibili : ENyuvesi yaseStellenbosch, 29 Novemba–4 Disemba 2010. Njengoba sethulwa wuMnyango Wolawulo Lolimi Nomsebenzi Wolimi e-Nyuvesi yaseFlestata kanye noMnyango wesiBhunu nesiDashi eNyuvesi yaseStellenbosch, lesi Sikole Sasentwasahlobo sihloselwe izitshudeni zebanga leziqu zobudokotela/i-master’s kanye na-/noma ama-lecturer ezifundo zokuhumusha ngenjongo yokusebenza kubhekiswe kokwase-Afrika ngezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ufs.ac.za/SSTSA 
I-English Academy of Southern Africa: 2011 International Golden Jubilee Conference – Literature, Literacy and Language: EKapa, 27–30 Septemba 2011. Kule nkomfa kumenywa abacwaningi, othisha, nabamisi bezinqubo-mgomo (policymakers) abangomakadebona nabasafufusa ukuba badingide izinselele nezingqinamba emikhakheni emithathu ewubuciko-mazwi besiNgisi, izifundo zobuciko-mazwi kanye nemfundo yolimi lwesiNgisi. Kuzoshicilelwa amaphepha akhethiwe kujenali ye-English Academy of Southern Africa eqinisekisiwe nebuyekezwe ngontanga i-The English Academy Review. Izifushaniso (ezingeqi amagama angama-300) kufanele zilethwe kuNks. Naomi Nkealah e-englishacademy@societies.wits.ac.za ungakedluli umhla ka-30 Novemba 2010.
I-FIT XIX World Congress: E-San Francisco, USA, 1–4 Agasti 2011. Isihloko sale ngqungquthela sithi “Bridging Cultures” (ukunciphisa igebe phakathi kwamasiko-mpilo). Kumenywa iziphakamiso (ezingeqi amagama angama-300) zamaseshini namaphaneli ahlanganisa izihloko ezihlukahlukene. Umnqamula-juqu wokuletha wumhla ka-1 Disemba 2010. Izethulo, ngesiNgisi, kufanele zithunyelwe e-tarek.shamma@uaeu.ac.ae. Imfomesheni eyengeziwe kanye nokubhalisela le ngqungquthela: www.fit2011.org
I-Translated! Idili lokusebenzisana lokuhumusha ubuciko-mazwi: ENyuvesi yaseMonash, eMelbourne, e-Australia, 7–12 Febhuwari 2011. Leli dili lihloselwe abahumushi abasesekuqaleni kuya maphakathi komsebenzi-mpilo (career) wabo futhi lizobandakanya uhlelo okulalwa kulo lweviki lonke ngomsebenzi wokuhumusha kubanjwa mathupha, kanye nezingxoxo ezidingida izici zethiyori, insebenzo (practice) kanye nebhizinisi lokuhumusha ubuciko-mazwi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.arts.monash.edu.au/translation-interpreting/translated.php
Inkumusho yesiXhosa: Sonwabile Cotiyana, Angelinah Dazela
Inkumusho yesiSwazi: Benjie Shongwe
Inkumusho yesiTswana: Peter Mekgwe, Pauline More
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu
Inkumusho yesiSuthu: Mike Mahase
Inkumusho yesiBhunu: Mariènne Botha, Leona Labuschagne, Johan Blaauw
__________________________________________________________________________________________________________________

Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za

						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za



