I-logo ye-SATI mayibe yingxenye yokuphila kwakho
Isiphothuliwe iNqubomgomo ye-Logo ye-SATI esemthethweni. Loku kuvumela wena njengelungu le-SATI ukuba ngeqholo ubonakalise obala ubuhlobo bakho ne-SATI kanye nokuzinikela kwakho kulo msebenzi wobuchwepheshe. Unokuyisebenzisa le logo kumakhadi ebhizinisi, ama-letterhead, iziliphu zezilokotho (compliment slips), amakhothesheni, ama-invoice, amabrosha (brochures), amapheshana, i-website yakho, kusiginesha yakho ye-email kanye nakuzikhangiso. Bhalela uMarion Boers e-office@translators.org.za ukuze uzitholela iNqubomgomo ye-Logo ye-SATI egcwele kanye nekhophi yakho ye-logo esemthethweni. 
Imicimbi yokunethweka ye-SATI
Oyilungu loMkhandlu we-SATI uMichelle Rabie uzokwethula ishabhu lakhe lodumo elithi “Indlela Yokuzimaketha Njengomsebenzi Wolimi Oziqashile” eThekwini ngomhla ka-17 Septemba 2010 naseBloemfontein ngomhla ka-22 Okthoba 2010. Maduze ihhovisi le-SATI lizothumela amafomu okubhalisa. Lingakuphosi ithuba lokufunda okuthile okusha, hlangana nabanye abantu abamqondo munye futhi ujabulele izidlwana ezehla esiphundu. 
NgoMeyi uManzo Khulu oyilungu loMkhandlu wasingatha umhlangano oyimpumelelo eGoli ukuhlonza ithuba lokumisa iqembu (chapter) lokusekela amalungu asebenza ngezilimi zabomdabu. Umhlangano olandelayo uzobanjwa ngasekupheleni kuka-Agasti, khona eGoli. Imininingwane yosuku nendawo kuzomenyezelwa maduzane. 
Umgubho we-SATI woSuku Lokuhumusha Lwamazwe 2010 uzokwenziwa ngoLwesine, 30 Septemba eNyuvesi yaseGoli. Isihloko sosuku kuzoba wukuqinsekisa ikhwalithi futhi lo mcimbi uzohlanganisa ukwethulwa kwebhuku lamatemu okuhumuhsa andiminingi likasihlalo we-SATI u-Anne-Marie Beukes nelungu le-SATI uMarné Pienaar. 
I-SATI Bholani izobe igubha unyaka wama-20 kulo nyaka, bese kuba khona i-seminar kanye nombungazo wobungane (social) okuzoba ngempelasonto ka-18/19 Septemba. Imininingwane izolandela. 
Siza uthinte ihhovisi le-SATI uma kunama-course okwazi ukuwanikela noma unemicabango noma izicelo zemicimbi ongathanda inhlangano ikusingathe.
INdebe Yomhlaba 2010
Ingabe nawe wawulapho? Uma ngabe wahlanganyela kunoma yimiphi imisebenzi yokuhumusha/ukutolika ephathelene nalo mcimbi (ngaphambili, ngenkathi uqhubeka noma kamuva) sicela usazise ngako. Singathanda ukuhlamganisa umbiko omfishane ngohlobo lomsebenzi wolimi iNdebe Yomhlaba eyawudalela abaseNingizimu Afrika. Thumela imfomesheni kuMarion e-office@translators.org.za.
Amalungu
Amalungu amasha: Marisan Blignaut, Danielle Boxshall-Smith, Ronny Diatezoya, Nosipho Dlomo, Siya Lokwe, Priscilla Mahlangu, Lizé-Marie Marais, Nomfanelo Matlatse, Malungi Mbhele, Boitumelo Phalatse, Ben Steyn
Abashonile: Malgorzata Johnson, Pieter de Kock
Iminikelo eSikhwameni Sokuthuthukisa: R Harm, W Nolting
Okuthakazelisayo
Kuye kwaxoxwa nelungu le-SATI u-Olivier Fléchais ohlelweni lomsakazo lwe-SAfm i-“Word of Mouth” ngomhla ka-4 Julayi 2010 ngokusebenza njengotolika. Le podcast iyatholakala e-www.safm.co.za.
Ukuze kuthuthukiswe futhi kuxhunyaniswe amatemu akhethekile kuyo yonke imikhakha ngezilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika, uMnyango Wobuciko Namasiko uye wamisa iRejista Kazwelonke Yamaprojeke Amatemu. Bonke abanesithakazelo kumatemu bakhuthazwa ukuba babhalise amaprojeke abo ku-National Language Service, ukuze kugwenywe ukuphindaphindeka kwamaprojeke enziwa ngamaqembu ahlukene asebenza emkhakheni ofanayo. Injongo yale Rejista wukuqinisekisa ukuthi kukhona isivivane esisodwa samaprojeke amatemu abhalisiwe, esifinyeleleka kubo bonke abasebenzisi baso. Le Rejista iyatholakala ku-website yalo Mnyango: www.dac.gov.za/http://terminology.dac.gov.za/. Imibuzo ingabhekiswa kuNks. Alet Oelofse (012 441 3827), uMnu. Lutamo Ramuedzisi (012 441 3844) noma uMnu. Solly Mnisi (012 441 3851).
Eyamuva nje i-Inforterm Newsaltter iyatholakala e-http://infoterm.info/pdf/activities/INL/INL_136.pdf.  Le ncwadindaba ingumanyatheliswa-kane-ngonyaka (quarterly) osemthethweni we-International Centre for Terminology (Infoterm), owazisa abafundi bayo ngezanzakalo zamuva emkhakheni wamatemu. Inika amalungu ayo kanye nabalingani imfomesheni ngeminyakazo yamuva kanye nemicimbi yesikhathi esizayo.
Sezivulelwe izicelo ze-course yeziqu zase-Wits i-BA Publishing Studies Honours yonyaka ka-2011. Le course ilungele labo abanesithakazelo ku-career yokushicilela, noma labo abaqashwe ngabashicileli kakade, noma labo abafuna ukuba ngabaziqashile (freelancers) kule mboni. Izicelo zika-2010 zivala ngomhla ka-30 Novemba 2010. Ukuze uthole imfomesheni ngokuqukethwe yile course thinta u-Colleen Dawson e-colleen.dawson@wits.ac.za noma 011 615 2335. Ukuze uthole imfomesheni ngenqubo yokufaka izicelo, thinta u-Merle Govind at merle.govind@wits.ac.za noma 011 717 4140. Imfomesheni eyengeziwe http://web.wits.ac.za/Academic/Humanities/SLLS/Disciplines/PublishingStudies
Isofthwe nama-website
I-WikIdioms, isichazimazwi sezisho, isimi ngezinyawo ngezilimi ezingaphezu kuka-30, abanikeli abayi-100 kanye nezisho eziyi-30 000. Vakashela i-http://www.wikidioms.com. 
I-Wordfast LLC, umhlinzeki wesofthwe yememori yokuhumusha, isidalule i-Wordfast Anywhere, ithuluzi lememori yokuhumusha elizinze ku-web eliklanyelwe ukwelekelela abahumushi nama-agency ukuba bakwazi ukufinyelela ama-asset e-TM endaweni yokuhumusha ekulayini (on-line) ephephile. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.wordfast.com
Imicimbi nezimemo zamaphepha
I-Synthesis Vol. 4 (2011): Translation and Authenticity in a Global Setting. Lolu shicilelo lwale jenali luhlose ukubukisisa umsebenzi obalulekile wokuhumusha kulo mumo wezwe osewenziwe mbumba-nye (globalised), kubhekisiswa ikakhulu izingqinamba zokuhumusha okunembile (authenticity) kanye nokubonakala kwento (identity) kwasembulungeni yonke nokwasekhaya. Kumenywa ama-article ngezihloko ezihlobene nepolitiki yokuhumusha, indawo ukuhumusha okwenzelwa kuyo, izimo (forms) zokuhumusha, ukuhumusha kanye nokuba komhlaba mbumba-nye (globalisation), ukuhumusha kanye nokweqiwa kwemingcele phakathi kwamazwe, kanye nokuhumusheka noma ukungahumusheki. Iziphakamiso eziningiliziwe (800–1000 amazwi) zama-article kanye nanoma yimiphi imibuzo kufanele kuthunyelwe kuko kokubili i-Issue Editors: Dionysios Kapsaskis (d.kapsaskis@roehampton.ac.uk) noLucile Desblache (l.desblache@roehampton.ac.uk). Umnqamulajuqu ngezifushaniso wumhla ka-30 Novemba 2010 kuthi usuku lokulethwa kwama-article kube wumhla ka-30 Septemba 2011. Imfomesheni eyengeziwe http://www.enl.uoa.gr/synthesis/about.htm
I-Communication, Culture and the Image of your Organisation (Ukukhulumisana, Isiko-mpilo kanye Nokubukeka Kwe-organisation Yakho): Ishabhu lwengxenye yosuku eSikhungweni Sezilimi saseNyuvesi yaseStellenbosch, 26 Agasti 2010. Usuku lokuvala ngokubhalisa wumhla ka-17 Agasti 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Poole ku-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za. 
I-TM-Europe 2010 International Translation Management Conference: E-Krakow, Poland, 30 Septemba–1 Okthoba 2010. Isihloko: Project and Technology Management, and Business Optimisation for the Translation and Localisation Industry. Amashabhu angaphambi kwenkomfa angomhla ka-29 Septemba 2010. Ukubhalisa kuvuliwe njengamanje. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.tm-europe.org
Inkomfa Yamazwe: Role of Translation in Nation Building, Nationalism and Supra-nationalism: E-New Delhi, eNdiya, 16–19 Disemba 2010. Le nkomfa egqugquzelwe ngokuhlanganyela yi-Indian Translators Association kanye ne-Linguaindia Foundation izogxila endimeni yokuhumusha ezimweni zaseNdiya. Bheka i-http://www.itaindia.org/itaindia2010.php ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe ngezinto okugxilwe kuzo kanye nezihloko. Izifushaniso zamaphepha kufanele zilethwe ku-ITAINDIA Secretariat e-info@itaindia.org. ungakadluli umhla ka-30 Agasti 2010.
Inkomfa ye-IALB-Tradulex – Izilimi Nebhizinisi Namuhla Kanye Nezixazululo Zakusasa: E-Lisbon, Portugal, 1–2 Okthoba 2010. Le nkomfa egqugquzelwe yi-International Association Language and Business (IALB) kanye nenethweki yamazwe i-Tradulex, izogxila ezinguqukweni eziye zenzeka ezimbonini zolimi ngenxa yenhlekelele yezimali esanda kwenzeka emhlabeni wonke. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ialb-tradulex.org/
I-International Conference and Exhibition on Language Transfer in Audiovisual Media Yesishiyagalombili: The Digital Revolution in the Field of Audiovisual Media – Boon or Bane? E-Berlin, eJalimane, 6–8 Okthoba 2010. Ababambi-qhaza bazodingida izinguquko nezinto ezintsha emkhakheni wemithombo yezindaba embulungeni yonke begxile ekudluliseleni ngolimi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.languages-media.com/index.php
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 – Mankind, the namer: E-Club Mykonos, eNtshonalanga Kapa, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka umkhakha wokwethiwa kwamagama kanye nelukuluku elingenakuvinjelwa lesintu lokwetha izinto amagama. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta uBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za. 
I-International Postgraduate Conference in Translation and Interpreting (IPCITI) 2010: From Reflection to Refraction – New perspectives, new settings and new impacts: ENyuvesi yaseManchester, e-UK, 29–31 Okthoba 2010. Lena yinkomfa yesithupha kulolu chunge oluhloselwe ukunika abacwaningi abasebasha ithuba lokuhlanganyela nabanye ucwaningo lwabo kanye nokubamba iqhaza esenzakalweni sokunethweka samazwe esibalulekile. Imibuzo kufanele ibhekiswe e-ipciti2010@manchester.ac.uk. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ipciti.org.uk/
I-Summer School for Translation Studies in Africa: ENyuvesi yaseStellenbosch, 29 Novemba–4 Disemba 2010. Njengoba sethulwa wuMnyango We-Afroasiatic Studies, Sign Language and Language Practice e-Nyuvesi yaseFlestata kanye noMnyango wesiBhuni nesiDashi eNyuvesi yaseStellenbosch, lesi Sikole Sasehlobo sihloselwe izitshudeni zebanga leziqu zobudokotela kanye na-/noma ama-lecturer ezifundo zokuhumusha ngenjongo yokusebenza kubhekiswe kokwase-Afrika ngezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ufs.ac.za/SSTSA
I-FIT XIX World Congress: E-San Francisco, USA, 1–4 Agasti 2011. Isihloko sale ngqungquthela sithi “Bridging Cultures” (Ukunciphisa Igebe Phakathi Kwamasiko-mpilo). Umnqamulajuqu weziphakamiso zezethulo wumhla ka-10 Disemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.fit2011.org
Inkumusho yesiXhosa: Thokozile Mabeqa, Angelinah Dazela
Inkumusho yesiSwazi: Benjie Shongwe
Inkumusho yesiTswana: Peter Mekgwe, Pauline More
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu
Inkumusho yesiSuthu translation: Mike Mahase
Inkumusho yesiSuthu saseNyakatho: Mapule Moswane
Inkumusho yesiBhunu: Ettienne van Zyl,Anne-Marie Beukes
Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za
Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za
