Iqembu laseBholani le-SATI
UJohn Linnegar, usihlalo weProfessional Editor’s Group (PEG), uzobe ekhuluma neqembu laseBholani ngomhla ka-3 Julayi 2010 ngencwadi yakhe entsha esanda kukhululwa ethi Engleish, our Engleish, kanye nama-course yena nomngane wakhe, uKen McGillivray, abawafundisayo. Amakhophi ale ncwadi azobe ekhona uma udinga ukuyithenga ngalolu suku. Ukwethulwa kuzokwezelwa eCognito Restaurant eStellenbosch. Usuku lokugcina lokubhalisa wumhla ka-21 Juni 2010. Ucelwa ukuba uthinte uWilna Liebenberg (wilna@lieben.co.za) ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe ngalesi senzakalo noma mayelana nokujoyina leli qembu.
Iqembu lesiNguni le-SATI 
Oyilungu loMkhandlu we-SATI uManzo Khulu wasingatha isiwombe sokuzazanisa (networking event) eGoli ngomhla ka-14 Meyi, leso esasiqondiswe kumalungu asebenza ngezilimi zesiNguni. Labo ababekhona bavumelana ngokubunjwa kweqembu (chapter) lesiNguni, elizovumela amalungu ukuhlanganyela ngezingxoxo eziqhubekayo ngezinselelo zokuhumushela kulezi zilimi kanye nokuhumusha kuthathelwa kuzo. Nokho kunezimfuneko ezingokomthetho-sisekelo ngokubunjwa kweqembu, okusho ukuthi leli qembu lingahlangana nje ngokungekho formal uma kusaqalwa. Amalungu angase abe nentshiseko yokujoyina leli qembu kufanele athinte uManzo e-manzo@translators.org.za. 
Amalungu ayakhunjuzwa ukuthi uMkhandlu we-SATI uvulekile nakwezinye iziphakamiso zokuqanjwa kwamanye amaqembu. Sidinga nje kuphela amalungu anentshiseko yokuqhuba izinto kuloku. Ucelwa ukuba uthinte noma yiliphi ilungu loMkhandlu ngokudlula ehhovisi le-SATI (office@translators.org.za). 
UMbukiso Wezincwadi EKapa
I-CTBF (Cape Town Book Fair) izokwenzeka kusuka ngomhla ka-30 Julayi kuya ku-2 Agasti 2010 kanti i-SATI izophinda futhi ihlanganyele isitandi ne-PEG kanye ne-McGillivrayLinnegarAssociates. Besingathanda ukuba namaningi ngangokunokwenzeka amavolontiya e-SATI ukuzimazisa izitandi zethu amahora ambalwa nganoma yiluphi lwalezi  zinsuku. Lesi simemo sivulekele amalungu ethu aseNtshonalanga Koloni kanye namanye amalungu akwezinye izingxenye zezwe ahlose ukuthamela lo mbukiso. Ucelwa ukuba uthinte uMarion e-office@translators.org.za uma ungathanda ukuba yingxenye yalesi sehlakalo. Ukuvolontiya kukunikeza ithuba elihle lokuxhumana namanye amalungu e-SATI nawe-PEG, kanye nelokukhuluma namalungu omphakathi nge-SATI, ngalo msebenzi wobuchwepheshe kanye nezinkonzo wena onikezela ngazo.
Inhlolovo yamanani
Isikhona imiphumela yenhlolovo yamanani akhokhiswayo (tariff survey) ka-2010 phakathi kwamalungu futhi maduzane izoshicelelwa ku-website. Le nhlolovo yathunyelwa kumalungu angama-820, kwathi i-78% yawo aphendula (177 izimpendulo ezigcwele). Lokhu kusho isilinganiso se-21,6%. Ngebhadi, ukusabela okuvela kumalungu asebenza ngezinye izilimi ezisemthethweni ngaphandle kwesiNgisi nesiBhunu kwaba phansi kakhulu, okwenze ukuthi kube nzima ukushicilela imiphumela ehlabahlosile mayelana nalezi zilimi. Ucelwa ukuba ubheke imfomesheni ku-SATI Shorts kanye naku-website (www.translators.org.za). 
Izindaba ezivela ku-FIT
I-FIT World Congress yesi-XIX izobanjwa ngo-Agasti 2011 eSan Francisco. Bheka i-www.fit2011.org ukuthola imfomesheni eyengeziwe.
Vakashela i-website ye-FIT (http://www.fit-ift.org/en/home.php) ukuthola ezinye izindaba kanye nekhalenda yezenzakalo. 
Amalungu
Amalungu amasha: Alexa Barnby, Amanda Basson, Bernhard Bautsch, Karien Brits, Elizabeth Deysel, Rosy Eming, Anike Erasmus, Ana Escaleira, Excel Translations (corporate member), Guillermo Lapidus, Luc Larmigny, Tshikani Mabasa, Nombi Mafilika, Mathabo Monaheng, Jennifer Paz Etayo, Vera Schoeman, Catherine Scott, Jane Smith, Pamela Taschner, Lindiwe Tshuma, Mabet van Wyk, Ella Wehrmeyer, Peter Wiggett
Abayekile: Mairi-Ann Bonnet, Chrissie Botha, Nathalie Brodelle, Karen Calteaux, Gertruida du Buisson, Charl Hattingh, Yu-Shan Huang, Margie Hurndall, Jane Kim, Karen Kruger, Mahomed Mahomedy, Judith Peters, Marleen Rademeyer, Karen Sivertsen, Yolani van der Westhuizen, Tania van Vuuren, Bridget O'Neill Wolmarans
Abanikela eSikhwameni Sokuthuthukisa: G Aalbers, E Adriaanse, A Barnard, M Behar, R Bertelsmann, A Beukes, JWH Blaauw, M Boers, MJ Boisacq, B Boland, JR Branco, JC Breytenbach, C Cao, I Catalano, G Colliins, AL Combrink, E Cornelius, J de Jager, G de Jager, R de Kock, M Delport, A Dladla, TA Eberlanz, A El-shahir, A Flegg, J Fourie, C Geldenhuys, T Göbel, M Grimbeek, S Gussmann, L Hartman, F Helluy, L Hodgkinson , B Judd, M Khulu, H Kleinhans, J Kok, C Kyriakos, L Labuschagne, P le Clus, W Liebenberg, AM Lopes, A Lourens, I Luus, Y Madolo, A Misch, VB Miya, AMP Moen, L More, Multilingua T/I Services, L O'Connell, BG Op't Hof, E Pooe, D Profir, S Richardson, P Schwartz, D Selibas, K Smit, C Snyman, T Steward, D Steyn, E Steyn, F Tallier-Pire, K van der Mast, C van der Pluym, H van der Walt, A van Rooyen, K van Rooyen, MJ (Rita) van Wyk, CM Voulakis, G Wang, CP Wienand, T Wylie
ISikhwama Sokuthuthukisa
Usuwonke umnikelo otholakale kumalungu ukuyofika ekupheleni kukaMashi weSikhwama Sokuthuthukisa se-SATI ngu-R8 610. Siyabonga kulabo abaye banikela kulesi Sikhwama lapho bekhokha izimali zabo zobulungu zonyaka, kanye nalabo abebemakela ukuqinisekiselwa umsebenzi (futhi esingebabize ngamagama ngenxa yezizathu ezisobala) abaye banikela kulesi sikhwama ngezimali zabo zokumaka.
Imibiko ebuyayo
UMkhandlu we-SATI wajabulela ukuthola umlayezo ovela kwelinye ilungu eliyinkampani, wokusibonga ngokudlulisela kwethu igama lalo emphakathini kanye nangoxhaso oluqhubekayo.
Okuthakazelisayo
I-Chichewa Dictionary Project iye yashicilela isichazamazwi sokuqala sesiTshewa/isiNgisi-isiNgisi/isiTshewa ngo-2009, futhi siye senziwa satholakala online. Ngaleyo naleyo khophi yalesi sichazamazwi ethengwayo, kukhokhelwa incwadi yamahhala ezinganeni ezifundayo zaseMalawi naseZambia ezingenamandla okuzithengela le ncwadi ngokwazo. Bheka i- www.chichewadictionary.org 
ne-http://translate.chichewadictionary.org/ ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe.
Kuvulekile ukubhalisela izifundo ze-Certified Localisation Professional (CLP) Iqophelo 1, ezethulwa yi-Institute of Localisation Professionals (TILP) ngo-2010. Lezi zifundo zakhiwe yinhlanganisela yamamoduli a-online ayishumi kanye neseshini esesizeni esimisiwe yezinsuku ezine yokuqeqeshwa okujiyile kanye nokuhlolwa. Bonke ababambi-qhaza abaphumelele bazothola i-TILP Level 1 CLP Certification. Thumela i-email kule Nhlangano e-info@tilponline.org noma uvakashele i-http://www.tilponline.org ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe.
I-Riga Graduate School of Law iye yahlela uhlelo lonyaka owodwa oluhloselwe izikhulu eziphezulu lweziqu ze-masters zesayensi yolimi (lingusitics) kwenzelwa kokubili abomthetho nabahumushi. Ulimi okufundiswa ngalo yisiNgisi. Abantu ngabanye abangamalungu kasosesheni oyilungu le-FIT bathola isaphulelo se-10% emalini ekhokhelwa le course. Imininingwane itholakala e-http://www.rgsl.edu.lv/index.php?option=com_content&task=view&id=53&Itemid=9
Isofthwe nama-website
I-Around the WorldFast: Vakashela i-http://www.wordfast.fr ukuze uzwe okwengeziwe nge-round-the-trip yelungu le-Proz.com uJohn Di Rico yokuqeqesha abahumushi ngesofthwe ye-Wordfast, ngesikhathi esifanayo ebe eqongelela izimali zokuthenga amanetha emibhede ukuze kuvinjwe ukusabalala kukamalaleveva. Kuzoba neziwombe ezimbili eGoli ngo-Agasti (bheka futhi i-http://www.proz.com/training/3340 ne-http://www.proz.com/training/3343). Qaphela ukuthi i-SATI ayinayo imfomesheni ethe ngqo ngala mashabhu futhi akuthina esinomthwalo wokuqeqesha okunikezwayo.
Ushicilelo lwamuva lwe-Dialogos, iphephancwadi leSikhungo Sezilimi SaseNyuvesi YaseStellenbosch, luyatholakala ku-website yalesi Sikhungo e-http://www0.sun.ac.za/taalsentrum/405.html.
Izintshicilelo
I-New Voices in Translation Studies 6 (2010), ijenali lelektroniki eliqashelwe eduze elixhaswe ngenhlanganyelo yi-International Association for Translation and Intercultural Studies ne-Centre for Translation and Textual Studies e-Dublin City University, lakhiwe ngama-article amathathu enziwe ngabacwaningi abasebasha kanye nezifushaniso (abstracts) eziyi-9 ama-thesis e-PhD asanda kulethwa agxile ekuhunyushweni kobuciko-mazwi (literature). Litholakala 
e-http://www.iatis.org/newvoices/contents2010.php
Imicimbi nezimemo zamaphepha
I-Journal of Specialised Translation (JoSTrans) izoshicilela uhlelo oluyisipesheli olumayelana nokuhumusha nokuqeqesha ngo-2011 futhi imema iminikelo nganoma yimuphi umkhakha ngalesi sihloko. Yemukelekile iminikelo yamaphepha amade ngokugcwele kanye neziqephu ezimfushane ezingokwenzeka ngokoqobo ezenzelwe ingxenye yaleli Jenali i-Translator’s Corner. Onke ama-article (4000 – 7000 amazwi), ama-review (5000- 800 amazwi) kanye neziqephu ezimfushane kufanele kuthunyelwe kumhleli oyisihambeli, uMichail Sachinis, e-michail.sachinis05@imperial.ac.uk noma michail.sachinis@hotmail.com
I-PowerPoint: Managing your content for an effective presentation: Ishabhu losuku olulodwa eSikhungweni Sezilimi saseNyuvesi YaseStellenbosch, 27 Julayi 2010. Usuku lokuvalwa kwezicelo wumhla ka-16 Julayi 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Poole e-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za, noma uvakashele i-www.sun.ac.za/taalsentrum.
I-Summer School for Translation Studies in Africa: ENyuvesi yaseStellenbosch, 29 Novemba-4 Disemba 2010. Njengoba sethulwa wuMnyango weZifundo ngokwase-Afrika nase-Asiya, uLimi Lwezandla kanye noMsebenzi Wolimi eNyuvesi yaseFreyistata kanye noMnyango wesiBhunu nesiDashi eNyuvesi yaseStellenbosch, lesi Sikole Sasehlobo sihloselwe izitshudeni ezifundela iziqu zobudokotela kanye na-/noma ama-lecturer afundisa izifundo zokuhumusha noxhumano phakathi kwamasiko-mpilo ngenjongo yokusebenza kuyiwa ku-agenda yase-Afrika yezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ufs.ac.za/SSTSA
I-Hong Kong Translation Research Summer School: EHong Kong Baptist University, 12-23 Julayi 2010. Le TRSS (HK) inika i-programme efana ne-UK TRSS eyaziwayo futhi ivulekele lezo zitshudeni ezinemfundo efanele ezivela emhlabeni wonke yeziqu ze-MA eseziqalile noma ezicabangela ucwaningo ekuhumusheni kanye na-/noma izifundo phakathi kwamasiko-mpilo. Imfomesheni
eyengeziwe: http://www.researchschool.org/index.php?module=content&task=view&id=26 
I-Writers’ and Literary Translators’ International Congress (WALTIC) Yesibili: EBilgi University, e-Istanbul, Turkey, 2-5 Septemba 2010. Kule nkomfa kuzodingidwa izinselelo ezigxile ekubeni ngofundile (literacy), inkululeko yokukhuluma, amalungelo abalobi kanye ne-digitalisation. Izikhulumi eziyisihluthulelo wuRenata Saleci (Slovenia) noKo Un (Korea). Imfomesheni eyengeziwe: http://www.waltic.com/ 
I-XII Simposio Iberoamericano de Terminología (RITerm 2010): E-Universidad del Museo Social Argentino, Buenos Aires, Argentina, 14–17 Septemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.traductores.org.ar noma riterm_2010@traductores.org.ar (itholakala ngesiPanishi kuphela)
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 –Mankind, the namer: E-Club Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka umkhakha wokwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwesintu lokwetha izinto amagama. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe thinta uBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za  
Ukuhumusha Izinto Ezimamodi-maningi: ENyuvesi yasePortsmouth, UK, 6 Novemba 2010. Ngokuvamile kuhunyushwa igama elibhaliwe, kodwa namuhla ezweni elizungezwe yizinto ezimamodi-maningi (multimodal environment) abahumushi kumelwe banake nanezinye izinto zokunika izimpawu (izithombe ezinganyakazi nezinyakazayo, imidwebo, umculo, i-typography noma ukumiswa kwekhasi lephepha [page layout]). Kumenywa iminikelo ngezinselelo ezilethwa yi-multimodality. Imibuzo kanye na-/noma izifushaniso ezimagama angama-300 kufanele kuthunyelwe kuCarol O’Sullivan e- carol.osullivan@port.ac.uk ungakedluli umhla ka-30 Juni 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.port.ac.uk/translationconference 
Inkomfa ye-TKE (Terminology and Knowledge Engineering) 2010: ENyuvesi yaseDublin, Ireland, 12-13 Agasti 2010. Le nkomfa imayelana nokugqugquzelwa kolwazi kanye nokudluliselwa kolwazi lomkhakha othile mayelana noxhumano lolimi olukhethekile okuncike kuzinqubo kanye nedatha kwezamatemu. Izogxila ikakhulukazi esihlokweni sokwethulwa kwezinsizakusebenza zobunjiniyela kwezamatemu nolwazi ezikuntanethi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.dcu.ie/fiontar/conference/home_baile.shtml 
Inkumusho yesiPedi: Mapule Moswane
Inkumusho yesiSuthu: Grace Noge 
Inkumusho yesiSwazi: Benjie Shongwe 
Inkumusho yesiXhosa: Winston Cotiyana, Angelinah Dazela
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu, Makhosana Malinga
Inkumusho yesiBhunu:Antoinette Burger, Isabel Claassen, Wilna Liebenberg
Inkumusho yesiFrentshi:Andy Nsimundele, JC Courbin, Béatrice Boltz
__________________________________________________________________________________________________________________
Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za
						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za
