Imali yobulungu 2010
Imali yobulungu ka-2010 bekufuneka ikhokhwe engakapheli uMashi. Uma ubungakakhokhi, ucelwa ukuba uthinte ihhovisi le-SATI ngokushesha (office@translators.org.za) Uhla lwabathunyelwa imfomesheni luzolungiswa ekupheleni kukaMeyi bese kuthi amalungu angakhokhile asuswe ohleni lwethu lwababhalelwayo. Amalungu aqinisekiselwe umsebenzi ayakhunjuzwa ukuthi ukuqinisekiswa kwawo kuhlala kusebenza kuphela ngokuhambisana nobulungu obuqhubekayo beNhlangano. Uma ungakwazi ukuvuselela ubulungu bakho ngenxa yobunzima ngokwezimali, ukhumbule ukuthi amalungu anokufaka isicelo sosizo kuSikhwama Sokuthuthukisa Se-SATI.
INdebe yoMhlaba 2010
Njengoba sekusele cishe inyanga nje ngaphambi kwalesi sehlakalo esikhulu, abahumushi notolika sebejwalene nalo mbuzo – “Kumelwe ukuthi ninenqwaba yomsebenzi njengoba kuza izindimbane zabantu eNingizimu Afrika ngoJuni?” Singajabulela ukwazi ukuthi msebenzi muni wolimi odalwa yiNdebe yoMhlaba. Asilindele ukuba udalule izimfihlo zohwebo, kodwa sicela uthumele imfomesheni emfishane e-office@translators.org.za nganoma yimuphi umsebenzi wokuhumsha/-tolika okungezeka uhileleke kuwo (noma mhlawumbe osuwuphothulile) ohlobene nalesi sehlakalo. 
Iziwombe zokuzazanisa nabanye ze-SATI
Omunye wemigomo yoMkhandlu we-SATI ukuya phambili wukuvama ukunikeza iziwombe zokuzazanisa nabanye (networking events). Isiwombe sokuqala sonyaka, esasingathwa yilungu loMkhandlu uMichelle Rabie, saba ngo-Aprili e-Blue Crane Restaurant ePitoli. UMichelle wacobelelana ngamacebiso okuthi umuntu angazimaketha kanjani njengomsebenzi  ozisebenzayo (freelance practitioner) futhi bonke baba nentambama ethokozisayo.
Ilungu loMkhandlu uManzo Khulu wasingatha umhlangano ngomhla ka-14 Meyi eNyuvesi yaseGoli (UJ) e-Auckland Park ohloselwe amalungu asebenza ngezilimi zesiNguni. UManzo uthemba ukuthi kuzogcina kumiswe iQembu le-SATI elisha lapho amalungu amqondo munye ezokwazi njalo ukudingida khona izinselelo abhekana nazo lapho esebenza ngalezi zilimi. Siza umthinte e-manzo@translators.org.za ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe.
Sihlela ukunikeza ezengeziwe zalezi ziwombe izindawo ngezindawo ezweni lonke. Vele usazise uma ungathanda ukuba size edolobheni lakini nangokuthi hlobo luni lwezihloko ongathanda kuxoxwe ngazo. 
Izindaba ezivela e-FIT
UMhlangano woMkhandlu we-FIT uzobanjelwa e-Moscow ngomhla ka-28 no-29 Meyi. UMarion Boers uzokwethamela ngokwesikhundla sakhe soMengameli we-FIT. 
Isimemezelo sokuqala se-Congress yoMhlaba ye-FIT yesi-XIX, ezobanjwa ngo-Agasti 2011 e-San Francisco, sizokhululwa maduze. Hlala usibhekile ku-website ye-FIT: www.fit2011.org.
I-London Book Fair 2010
Ngeshwa, umlotha wentabamlilo yase-Iceland wathiya amapulani e-SATI okuba khona ku-LBF: uhambo lwendiza lommeleli we-SATI uWilna Liebenberg lwakhanselwa ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwalo mcimbi. Nokho, samelelwa yinhlangano ewumfowethu, i-PEG, futhi umbiko ngalo mcimbi uzovela oshicilelweni oluzayo lweMuratho.
Amalungu
Amalungu amasha: Eduardo Arques Esteve, Wena Coetzee, Deborah Dawson, Linda de Wet, Theresa Engeström, Tertius Franzsen, Ilze Hattingh, Jo-Mari Huisamen, Nico Käber, Morné Kotze, Bernie Kruger, Fanny Lacroix, Melanie Law, Diemut Magon, Phakamani Mbatha, Jorge Milazzo, Monnapula Molefe, Mila Naccari, Brilliant Ndubane, Oupa Nkuna, Ana Cristina Nunes Escaleira, NWU CTrans (ilungu eliyinkampani), Lindsay Palmer, Laurent Roux, Benjamin Shongwe, Yvane Stanford, Anne Strauss, Jan Vink
Abesulile: Noelle Lawson, Cathy Fazey, Hanelle Fourie, Frances Esterhuizen, Ciaran MacCarron
Abaqinisekiselwe umsebenzi abasha: Julia Pedro: isiNgisi-isiPutukezi ukuhumusha okufungelwe; Antoinette van Rooyen: isiNgisi-isiBhunu ukuhumusha; Eugene Seegers: isiNgisi-isiBhunu ukuhumusha.
Okuthakazelisayo
I-European Personnel Selection Office cishe nakanjani izokwethula umncintiswano ngoJulayi ukuqashela izinhlangano ze-European Union abahumushi bolimi lwesiNgisi. Abafaki-zicelo kumelwe babe yizakhamuzi zanoma liphi iZwe Eliyilungu le-European Union, babe neziqu ze-bachelor kunoma yimuphi umkhakha futhi bakwazi ukuhumusha ukususela kwezimbili izilimi ezisemthethweni ze-EU ukuyisa esiNgisini esiyindinganiso (standard) somuntu owasincela. Vakashela i-website e-http://www.eu-careers.eu noma uthole ukwaziswa kokwethulwa kwalo mncintiswano ngokujoyina iqenbu le-Facebook elibizwa ngokuthi ‘We are waiting for the 2010 EU English-language translation competition’ e: http://www.facebook.com/home.php?#/group.php?gid=189470229968&ref=mf.
Njengamanje sekuvuliwe ukuphakanyiswa kwamagama mayelana ne-The Custodian of the Two Holy Mosques Abdullah bin Abdulaziz International Award for Translation. Njalo kanye ngonyaka lo mklomelo ukhishelwa imisebenzi yokuhumusha eqamathekile nezinhlangano ezivelele ngeqhaza lazo elibonakalayo emkhakheni wokuhumusha ukususela nokuyisa kusi-Arabhu. Ukuphakanyiswa kwamagama kuvalwa ngomhla ka-20 Agasti 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.translationaward.org 
Isofthwe nama-Website
I-Prolingua, usosesheni wabasebenza ngolimi besiBhunu nesiNgisi okuyinhlangano engumfowabo we-SATI, iye yethula i-website: http://www.prolingua.org.za. 
UMnyango Wobuciko Namasiko (DAC) uye wenza kwatholakala eziningana izinhla zamatemu ku-website yawo (www.dac.gov.za). Lezi zinhla zingadilizwa (downloaded) noma ziprintwe ukuze umuntu azisebenzisele ngasese noma ngenjongo yokufundisa. Ungabheka i-website ukuze ubone lezi zinhla ezilandelayo: Multilingual Soccer Terminology List, Multilingual ICT, Multilingual Mathematics, Multilingual Natural Sciences (Nguni), Multilingual Natural Sciences (Sotho), Multilingual Natural Sciences (Tshivenda/Xitsonga), Multilingual Parliamentary/Political Terminology.
I-Infoterm, iZiko leMfomesheni Lamazwe Lamatemu, yamiswa ngo-1971 ngokwesivumelwano ne-UNESCO, ngenjongo yokusekela nokuxhumanisa ubambiswano lwamazwe emikhakheni yamatemu.  Ungazifundela incwadindaba yabo yamuva ku-internet e-http://infoterm.info/pdf/activities/INL/INL_135.pdf.
Izintshicilelo
I-Evaluation of Translation Technology, ka-Walter Daelemans no-Véronique Hoste (ISBN 9789054876823), eshicielwe yi-Linguistica Antverpiensia New Series – Themes in Translation Studies, ijenali loMnyango Wabahumushi Notolika, e-Artesis University College Antwerp. Imfomesheni eyengeziwe:
http://www.aspeditions.be/article.aspx?article_id=EVALUA051P&langue=en-gb
I-Translator’s Agency, ehlelwe wu-T. Kinnunen no-K. Koskinen, iyiqoqo lama-article agxile endimeni ye-agency emsebenzini wabahumushi notolika. Njengoba uzinze ku-sociology yokuhumusha, lo mqulu usebenzisa izindlela eziningana ezivela kumasayensi ezenhlalo. La ma-article akhanyisa umqondo we-agency ngokubhekwa okwehlukahlukene kwezindlela zokwenza: ithiyori lokusebenza, ithiyori lama-agency, ukuhlaziywa kwamanethweki nokuchaza ngamathuluzi ezenhlalo (social mechanisms) kudingidwa ngendlela ekhiqizayo nezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe: http://tampub.uta.fi/english/tulos.php?tiedot=340
Imicimbi kanye nezimemo zamaphepha
I-Linguistica Antverpiensia NS – Themes in Translation Studies 10/2011: Kuye kwakhishwa isimemo samaphepha oshicilelo lukaDisemba 2011, “Community translation: Translation as a social activity and its possible consequences”. Ukuhumusha kubhekene nezinselelo ezivela kuma-trend ethekinoloji aqhubekayo akhuthaza ‘ukuphumela obala’ ‘ukucobelelana’ kanye ‘nokubambisana’, okuyizinto ezigqugquzela ukubamba iqhaza kwabasebenzisi emisebenzini ngokujwayelekile eyaziwa kungeyobuchwepheshe. Iziphakamiso ezihambisana nalo mongo-ndaba kufanele zilethwe kungakedluli umhla ka-20 Juni 2010 (kungeqi amagama awu-500) kumhleli, uMinako O’Hagan e-minako.ohagan@dcu.ie.
I-Non-professionals translating and interpreting: Participatory and engaged perspectives, ehlelwe ngabahleli abayizihambeli uŞebnem Susam-Sarajeva noLuis Pérez-González, ezoshicilelwa yi-Jerome Publishers. Leli qoqo lihlongoza ukucubungula umkhakha wokuhumusha nokutolika kwabangebona ochwepheshe ngombono wokufunda kubantu abathatha imisebenzi yokuhumusha/-tolika; amanethweki abawasebenzelayo; imithombo exhumanisa ukusatshalaliswa kokuhumusha kwama-amateur; kanye nemiphakathi lapho le misebenzi ivumbuksa khona. Izifushaniso (kungeqi amagama awu-500) kufanele zilethwe kungakadluli umhla ka-30 Julayi 2010 e-s.susam-sarajeva@ed.ac.uk noma luis.perez-gonzalez@manchester.ac.uk.
I-Multidisciplinarity in Audiovisual Translation, ehlelwe ngabahleli abayizihambeli uRosa Agost, Elena Di Giovanni noPilar Orero: Kuye kwakhishwa isimemo samaphepha oShicilelo 4 (Januwari 2012). Kukhuthazwa iminikelo ehlaziya amaqhinga-msebenzi okuhumusha kwezinto ezilalelwayo nezibukwayo kanye nama-practice ngokubheka kwemikhakha eminingi. Kuzonakwa kakhulu iziphakamiso ezigxila egalelweni lenqubekela-phambili yethekinoloji ekuthuthukisweni kwamathuluzi amasha nama-practice, ukuhlaziywa kokwakheka kwezethameli (audience) ngokubhekwa ngapha nangapha (i-ethnography, i-psychology, i-neuroscience, njl.). Iziphakamiso zemibhalo egcwele kufanele zibhekiswe kuNobhala we-MonTI (monti.secretaria@ua.es) kungakadluli umhla ka-30 Mashi 2011. Laba bahleli abayizihambeli bangathintwa e-agost@trad.uji.es, elenadigiovanni@unimc.it noma pilar.orero@uab.cat.
I-Writing Skills for Effective Minutes: Ishabhu losuku olulodwa eZiko Lezilimi laseNyuvesi yaseStellenbosch, 28 Meyi 2010. Usuku lokuvala ngezicelo wumhla ka-21 Meyi 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Pooleku- 021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za.
I-Computer skills for language practitioners and staff & students from language departments: ENyuvesi yaseStellenbosch, 7-9 Juni. I-Kommuniko izosingatha amashabhu amathathu awuhhafu wosuku nge-MS Word, MS PowerPoint ne-MS Excel ngakunye, lawo ahloselwe abasebenzisi abasaqala nabezinga elimaphakathi. La mashabhu ethulwa ngesiBhunu, kodwa yemukelekile imibuzo ngesiNgisi. Thinta u-Amanda Lourens e-alou@iafrica.com noma ku-084 514 8111.
I-Hong Kong Translation Research Summer School: EHong Kong Baptist University, 12-23 Julayi 2010. Le TRSS (HK) inika i-programme efana ne-UK TRSS eyaziwayo futhi ivulekele lezo zitshudeni ezinemfundo efanele ezivela emhlabeni wonke yeziqu ze-MA eseziqalile noma ezicabangela ucwaningo ekuhumusheni kanye na-/noma izifundo phakathi kwamasiko-mpilo. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.researchschool.org/index.php?module=content&task=view&id=26.
UMhlangano-Jikelele Wonyaka we-Society for Editors and Proofreaders (SfEP) kanye nenkomfa yonyaka yama-21: ENyuvesi yaseStrathclyde, eGlasgow, UK, 4–6 Septemba 2010. Le nkomfa izohlanganisa ama-seminar afaka izihloko ezinjengokuthintana phakathi kwekhophi ye-typesetter nomhleli, ukusebenzisa ngokugcwele (exploit) izithangami zokunethweka kanye nokuziphatha okufanele nokweba umsebenzi wabanye ekushicileleni, kanye namashabhu ahlukahlukene.  Ukubekisa indawo kuvala ngomhla ka-9 Julayi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.sfep.org.uk/pub/confs/conf10/conf2010_advance.asp.
I-International Conference on Translation and Accessibility in Video Games and Virtual Worlds: E-Universitat Autónoma de Barcelona, eSpaniya, 2-3 Disemba 2010. Le nkomfa ihlose ukuhlanganisa labo abanesithakazelo emikhakheni ye-localisation yemidlalo (games) kanye nokufinyeleleka kanye nendima yokuhumusha emihlabeni ewulaza amehlo (vrtual worlds). Iziphakamiso zezifushaniso (kungeqi amagama awu-300) kufanele zithuyelwe kungakadluli umhla ka-15 Julayi e-VG.VW.translation.accessibility@gmail.com.. Imfomesheni eyengeziwe:
http://jornades.uab.cat/videogamesaccess/.
Inkomfa ye-Critical Link 2010: Interpreting in a changing landscape, E-Aston University, eBirmingham, UK, 26-30 Julayi 2010. Inhloso yale nkomfa wukucubungula izici ezingokwepolitiki, ezingokomthetho, zamalungelo abantu, zaphakathi kwezizwe, ezingokomnotho, ezingokwenhlalo nesiko-mpilo kanye nezenhlalo nolimi zokutolika okwenzelwa uwonkewonke/umphakathi. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe vakashela i-website ye-Crtical Link e-c.schaeffner@aston.ac.uk.
I-Writers’ and Literary Translators’ International Congress (WALTIC) Yesibili:  EBilgi University, e-Istanbul, Turkey, 2-5 Septemba 2010. Kule nkomfa kuzodingidwa izinselelo ezigxile ekubeni ngofundile (literacy), inkululeko yokukhuluma, amalungelo abalobi kanye ne-digitalisation. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.waltic.com/.
I-National Conference and International Forum on Interpreting yesi-8 eShayina: ENyuvesi i-Sichuan, eChengdu, 15-16 Okthoba 2010. Umongo: Ukutolika eNkathini ye-Globalization. Imfomesheni eyengezziwe: www.kouyi8.org, www.tac-online.org.cn or www.fltrp.com.
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 – Mankind, the namer: E-Club Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka umkhakha wokwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwesintu lokwetha izinto amagama. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe thinta uBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za
I-International Postgraduate Conference in Translation and Interpreting (IPCITI) 2010: From Reflection to Refraction – New perspectives, new settings and new impacts: ENyuvesi yaseManchester, UK, 29–31 Okthoba 2010. Lena yinkomfa yesithupha kulolu chunge, ehloselwe ukunika abacwaningi abasebasha ithuba lokuhlanganyela nabanye ucwaningo lwabo nokubamba iqhaza emcimbini obalulekile wamazwe wokwazana nabanye. Imibuzo kufaneke ibhekiswe e-ipciti2010@manchester.ac.uk. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ipciti.org.uk/
Ukuhumusha Nokutolika Endaweni Endiminingi: INkomfa Yamazwe Yokuhumusha Nokutolika: eBangkok, Thailand, 1–3 Novemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ictithailand.com/
Inkomfa Yamazwe Yokuhumusha Ubucikomazwi: Writing Past Each Other? Literary Translation and Community: ENyuvesi i-Victoria yase-Wellington, e-New Zealand, 11–13 Disemba 2010. Ngale nkomfa kwethenjwa ukucubungula ukuthi ukuhunyushwa kobucikomazwi (literature) kukuthuthukisa kanjani ukuqwashisa ngokwehlukana kwamasiko-mpilo kanye nokwamukelwa kwako, ngesikhathi esifanayo kube kunika abantu umuzwa wokuthi kulokhu kukhona umphakathi munye nangaphesheya kwemingcele yasekhaya kanye naleyo ehlukanisa amazwe – noma ukuthi ukuntuleka kokunikezelana okunjalo kungaba namphumela muni ekugcineni amasiko-mpilo angokobucikomazwi engawodwana. Kuzokwenziwa namashabhu kanye nemihlangano yokufunda. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.victoria.ac.nz/victoria-conferences/default.aspx.
Inkumusho yesiNdebele:Thomas Ntuli
Inkumusho yesiBhunu:Johan Blaauw, Eugene Seegers
Inkumusho yesiTswana:Peter Mekgwe, Pauline More
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu
Inkumusho yesiSuthu:Abel Mphanya
Inkumusho yesiXhosa:Sonwabile Cotiyana, Thokozile Mabeqa
Inkumusho yesiFrentshi:Jean-Cristophe Courbin
Inkumusho yesiPedi:Mapule Moswane
__________________________________________________________________________________________________________________
Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za
						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za
