Imali yobulungu 2010
Imali yobulungu ka-2010 kwakufuneka ibisikhokhiwe ekupheleni kukaMashi. Uma ubungakakhokhi, ucelwa ukuba uthinte ihhovisi le-SATI ngokushesha (office@translators.org.za) ukuze ugweme ukusulwa ohleni lwethu lwababhalelwayo. Amalungu aqinisekiselwe umsebenzi ayakhunjuzwa ukuthi ukuqinisekiswa kwawo kuhlala kusebenza kuphela ngokuhambisana nobulungu obuqhubekayo beNhlangano.
Izindaba ezivela e-FIT
Ushicilelo lwamuva lwencwadindaba ye-FIT, i-Translatio, oluhlanganisa umhlangano wanyakenye woMkhandlu e-Istanbul kanye nemicimbi ehlobene namakomiti namaziko ezifunda, luyatholakala ku-website ye-FIT.  Yiya ku-http://www.fit-ift.org/en/translatio-e.php > March 2010 ukuze uzidilizele (download) iveshini ye-PDF.
Amalungu
Amalungu amasha: Paula Avramidis, Pamina Bohrer, Thailys Freites-Valcárcel, Leila Henderson, Anya Klages, Melusi Mnikathi, Mbuyiseni Molalose, Sedric Motha, Grace Noge, Wendell Peters, Kara Smith
Okuthakazelisayo
I-SATI yakhipha inhlamvu eya kwabezindaba ekwesekeni isahlulelo seNkantolo Ephakeme ngomhla ka-16 Mashi 2010 lapho uhulumeni ayalelwa khona ukuba agcine izibopho zakhe ezingokomthetho-sisekelo mayelana nokusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni phakathi nale minyaka emibili ezayo. I-SATI yagcizelela ukuthi izimisele ukumlekelela ngokugcwele uhulumeni ekwakheni nokusebenzisa inqubo-mgomo yobundiminingi ukuze izilimi ezisemthethweni zisetshenziswe ngokulingana okuhle. Amalungu azwakalisa ukwenama ngalesi sinqumo senkantolo futhi athokoza ngokuthi i-SATI iye yenza ukuba abantu basinake.
Ilungu le-SATI uWilna Liebenberg lizokwenza isethulo (presentation) e-London Book Fair (19-21 Aprili 2010, Earls Court) egameni le-SATI. Lesi sethulo esithi “INhlangano YaBahumushi YaseNingizimu Afrika: Ukuvubukulwa Komtapo Wengcebo Yobundiminingi WaseNingizimu Afrika” (South African Translators’ Institute: Unlocking South Africa's Multilingual Treasure Trove) sizokwenzeka ngomhla ka-20 Aprili e-Market Focus Pavilion.
I-SOS Talk wuhlelo lwamazwe lokutolika ngocingo, olwenza amakhasimende akwazi ukusebenzisa otolika ngocingo emihlanganweni yebhizinisi, lapho eseholidini noma ekwenye indawo. Otolika bangasayina babhalise ku-website, www.sostalk.com. 
Isofthwe nama-Website
I-Langmates yinethweki yobungane yabahumushi kanye nama-agency okuhumusha lapho labo abayisebenzisayo bekwazi khona ukuxhumana nge-internet, bacobelelane ngabahlangene nako emikhakheni yokuhumusha ne-localisation futhi baqongelele amaphuzu abangawasebenzisa kule website. Vakashela i-http://www.langmates.com/home.php 
I-Lingoproz.co.za yi-directory entsha ye-website yabahlinzeki-zinkonzo zolimi base-Afrika. Le nkundla yenza abasebenzayo bakwazi ukukhangisa ngezinkonzo zabo kanti ihlanganisa nesithangami sokuba amalungu axoxe ngamatemu nangezinye izihloko eziphathelene nolimi, kanye nanomagazini we-internet. Bheka i-http://www.lingoproz.co.za
Izintshicilelo 
I-Translating Promotional and Advertising Texts, ka-Ira Torresi (ISBN 1-905763-20-4), iklanyelwe ukusetshenziswa njengebhuku lokutadisha ekilasini noma njengemanuwali yokuzifundisa. Ukuhunyushwa kwemibhalo yokugqugquzela nokukhangisa kudinga ukusetshenziswa kwama-techinque ahloselwe ukulondoloza injongo yokuba ifake umoya othile. Ngokuvamile loku kudinga okunzulu ukuhlela busha isiko-mpilo futhi, kokunye, ukubhala busha okuphelele. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.stjerome.co.uk/page.php?id=541&doctype=Translation%20Practices%20Explained&section=3
Imicimbi nezimemo zamaphepha
I-Building Brochures Like a Pro: Ishabhu losuku olulodwa eSikhungweni Sezilimi seNyuvesi yaseStellenbosch, 5 Meyi 2010, elinika amacebiso namasu alo msebenzi ngokuklama ama-brochure omsebenzi wobuchwepheshe. Usuku lokuvala ukwemukela izicelo: 28 Aprili 2010 (kunendawo yabantu abangama-20 kuphela). Imfomesheni eyengeziwe: www.sun.ac.za/languagecentre noma thinta u-Audrey Poole ku-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za
Inkomfa ye-Professional Editors’ Group: Uku-editha imisebenzi yefikishini kanye nelandayo engeyona ifikishini: EFranschhoek, 13-14 Meyi 2010, yenzelwe ukuba iqondane ne-Franschhoek Literary Festival. Ingxenye ebalulekile yale nkomfa ye-PEG kuzoba ngamashabhu adingida isiBhunu, isiNgisi nesiXhosa, azobanjwa kanyekanye ngazo zombili izinsuku zenkomfa. La mashabhu azohlinzeka isipiliyoni kanye nokhanyiselo ekuthini kudingani uku-editha imibhalo yesandla (manuscripts) kula ma-genre amabili. Ngaphezu kwaloko amalungu ahlonishwayo embonini yokushicilela yaseNingizimu Afrika azobe exoxa ngesipiliyoni sawo kanye nobuchule. Umnqamulajuqu ngokubhalisa ungomhla ka-3 Meyi 2010. Imibuzo kufanele ibhekiswe e-ellynbarry@telkomsa.net. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.editors.org.za/event.asp?p=856. 
I-International Conference and Exhibition on Language Transfer in Audiovisual Media Yesishiyagalombili: New Media – New Contexts – New Translator Profiles? Le nkomfa izogxila ezihlokweni eziyizinsika njengegalelo le-Facebook, i-MySpace kanye namanye amanethweki obungane (social) kuma-media ezinto ezilalelwayo nezibukwayo, ukwakha iqembu ne-localisation yamageyimu. Iziphakamiso, ukusikisela kanye nemiqondo kufanele kulethwe kungakadluli umhla ka-3 Meyi 2010 e-info@languages-media.com. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.languages-media.com/conference_cfp.php
Ukubhalwa Kwezichazamazwi: Izichazamazwi – itheyori nensebenzo (practice) kwequbo yokubhalwa kwezichazamazwi: Ku-campus yeNyuvesi yasePitoli 10-11 Meyi 2010 noma ku-Campus yeNyuvesi yaseStellenbosch, 13-14 Meyi 2010. I-Kommuniko imema bonke abasebenza emkhakheni wolimi ngokubanzi abafisa ukwazi okuqukethwe, uhlaka kanye nemisebenzi yezichazamazwi ezinyathelisiwe nezelektroniki ukuba bathamele noma yiliphi kula mashabhu. Usuku lokuvala ngokubhalisa wumhla ka-5 Meyi 2010. Thinta uDkt. Amanda Lourens (084 514 8111; alou@iafrica.com) ukuze uthole ifomu lokubhalisa, noma vakashela i-website (www.kommunico.co.za).
Ukubhala Imibiko Eshaya Emhloleni: Ishabhu lezinsuku ezimbili eSikhungweni Sezilimi seNyuvesi yaseStellenbosch, 17-18 Meyi 2010. Kuzoxoxwa ngezindaba zohlelo-msebenzi (strategic issues) ezimayelana nemibiko, njengendima yale mibiko enkampanini kanye nendlela yokuhlonza (define) labo ebhalelwe bona, kanye nesitayela sombiko ngokukhethekile kanye neziqondiso zokubhala umbiko ohlangene kahle nolandelekayo. Usuku lokuvala ngezicelo wumhla ka-6 Meyi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www0.sun.ac.za/taalsentrum/index.php?id=158 noma thinta u-Audrey Poole ku-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za
I-TM-Europe 2010 International Translation Management Conference: EKraków, Poland, 30 Septemba–1 Okthoba, 2010. Isihloko: Project and Technology Management, and Business Optimisation for the Translation and Localisation Industry. Amashabhu okwendlalela le nkomfa angomhla ka-29 Septemba 2010. Kumenywa iziphakamiso zezethulo, amaphaneli kanye namashabhu. Usuku lokuvala ngokulethwayo: 7 Meyi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.tm-europe.org 
I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010 Yesi-5: isiwombe
saseMaastrich: EMaastricht School of International Communication, Netherlands, 19–22 Meyi 2010. Injongo yale colloquium iwukuhlinzeka isithangami sengxoxo phakathi kwabethiyori lokuhumusha/-tolika kanye nabasebenzayo ngezingqinamba zencazo (meaning) lapho kuhunyushwa noma kutolikwa. Isiwombe saseMaastrich sizogxila ekusebenzeni. Imfomesheni eyengeziwe: Dkt. Marcel Thelen (m.m.g.j.thelen@hszuyd.nl) noma http://www.translation-and-meaning.nl 
I-International Terminology Summer School 2010 (TSS 2010): ENyuvesi yaseVienna, Austria. 24–28 Meyi 2010, ihlelwe ngokubambisana yi- TermNet (International Network for Terminology) ne-Centre for Translation Studies. I-TSS iyi-course yokuqeqeshwa yeviki elilodwa egxile ekuprakthizeni ngokulawulwa kwamatemu. I-TSS ihloselwe abasebenzayo (practitioners), izitshudeni,kanye nososayensi abafuna ukwethulwa okusabalele, kweqophelongqangi kutheyori kanye nensebenzo (practice) ngamatemu. Imfomesheni eyengeziwe: www.termnet.org/english/events/tss_2010/index.php 
I-International Technical Translation Conference: E-Universidade Nova, Lisbon, Portugal, 28-29 Meyi 2010. Njengoba ihlelwe yi-Tradulinguas kanye nabanye ochwepheshe bokuhumusha oku-technical, le nkomfa izoba nezinsuku ezimbili ezigcwele zeziwombe zokufunda ngokwenza – amashabhu okuhumusha namatemu (ngesiPutukezi, isiNgisi nesiPanishi, nangezinye izilimi uma kunokwenzeka) kwenzelwa umhumushi notolika wezinto ezi-technical, zobunjiniyela, zesayensi nezezimboni. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.tradulinguas.com/conf-tech 
Izilimi Zokuvakasha: Isiko-mpilo, Ukuxhumana Nokuhumusha Emhlabeni Onabantu Abahlala Behamba: ELeeds Metropolitan University, UK, 3–5 Disemba 2010. Izifushaniso Zenkomfa Yaminyaka Yonke ye-10 ye-International Association of Languages and Intercultural Communication kufanele zithunyelwe ku-Jane Wilkinson e-IALIC2010@leeds.ac.uk ungakedluli umhla ka-1 Juni 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.leeds.ac.uk/german/ialic_conference_2010.htm 
Inkomfa Yamazwe YokuhumushaYesikhombisa: Izici ezi-paratextual ekuhumusheni kanye noChunge-nkulumo Lwamazwe Lwabacwaningi Abasebasha Ekuhumusheni, Ekutolikeni Nasezifundweni Phakathi Kwamasiko-mpilo: E-Autonomous University of Barcelona, eSpaniya, 21-23 Juni 2010. Le nkomfa izohlanganisa izihloko ezihlobene ne-paratextual polyhedron ezifundweni zokuhumusha futhi uchunge-nkulumo luzonika ithuba kubacwaningi abasebasha abasaqalisa umgudu-msebenzi (career) wabo wemfundo lokwethula umsebenzi wabo. Imfomesheni eyengeziwe: www.fti.uab.es/departament/congres-simposi/international-conference-on-translation/index.htm 
Ukuhumusha Izinto Ezimamodi-maningi: ENyuvesi yasePortsmouth, UK, 6 Novemba 2010. Ngokuvamile kuhunyushwa igama elibhaliwe, kodwa namuhla ezweni elizungezwe yizinto ezimamodi-maningi (multimodal environment) abahumushi kumelwe banake nanezinye izinto zokunika izimpawu (izithombe ezinganyakazi nezinyakazayo, imidwebo, umculo, i-typography noma ukumiswa kwekhasi lephepha [page layout]). Kumenywa iminikelo ngezinselelo ezilethwa yi-multimodality. Imibuzo kanye na-/noma izifushaniso ezimagama angama-300 kufanele kuthunyelwe kuCarol O’Sullivan e-carol.osullivan@port.ac.uk ungakedluli umhla ka-30 Juni 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.port.ac.uk/translationconference 
Umhlangano-Jikelele Wonyaka nenkomfa yonyaka yama-21 ye-Society for Editors and Proofreaders (SfEP): ENyuvesi yaseStrathclyde, Glasgow, UK, 4–6 Septemba 2010. Le nkomfa izohlanganisa ama-seminar abandakanya izihloko ezinjenge-interface ye-typesettercopy-editor, ezenaba ngezinkundla ze-internet zomphakathi ngenjongo yokwazana nabanye kobuchwepheshe, kanye nokuziphatha nokweba umsebenzi wabanye (plagiarism) ekushicileleni, kanye namashabhu ahlukahlukene. Ukubhuka kuvala ngomhla ka-9 Julayi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.sfep.org.uk/pub/confs/conf10/conf2010_advance.asp
I-Critical Link 2010: Ukuhumusha Ezweni Elishintshayo. E-Aston University, Birmingham, UK, 26–30 Julayi 2010. Injongo yale nkomfa iwukumfumfutha izici ezingokwepolitiki, ezingokomthetho, zamalungelo abantu, ezeqa imingcele yobuzwe, ezingokomnotho, ezingokwenhlalo nesiko-mpilo nezingokwenhlalo nolimi zenkonzo kawonkewonke/ukutolikela umphakathi. Uhlelo lwedrafu luzotholakala ngomhla ka-1 Meyi 2010. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe vakashela i-website ye-Critical Link 6 e-http://www.aston.ac.uk/CL2010  noma thinta uSlz. Christina Schaeffner e-c.schaeffner@aston.ac.uk 
Inkomfa ye-TKE (Terminology and Knowledge Engineering) 2010: ENyuvesi yaseDublin, Ireland, 12-13 Agasti 2010. Le nkomfa imayelana nokugqugquzelwa kolwazi kanye nokudluliselwa kolwazi lomkhakha othile mayelana noxhumano lolimi olukhethekile okuncike kuzinqubo kanye nedatha kwezamatemu. Izogxila ikakhulukazi esihlokweni sokwethulwa kwezinsiza-kusebenza zobunjiniyela kwezamatemu nolwazi ezikuntanethi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.dcu.ie/fiontar/conference/home_baile.shtml 
I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010 Yesihlanu: isiwombe saeŁódź: ENyuvesi yaseŁódź, Poland, 16–19 Septemba 2010. Inhloso yale colloquium wukunikeza isigcawu sezinga lomhlaba lapho kuzobanjwa khona izingxoxo phakathi kwabethiyori yokuhumusha/-kutolika nabasebenzi mayelana nezingqinamba ezithinta incazo ekuhumusheni nasekutolikeni. Lo mhlangano wase-Łódź uzogxila kuthiyori. Imfomesheni eyengeziwe: Slz. Barbara Lewandowska-Tomaszczyk (duoduo@uni.lodz.pl) noma http://www.translation-and-meaning.nl 
I-National Conference and International Forum on Interpreting Yesishiyagalombili eShayina: ENyuvesi yaseSichuan, Chengdu, 15-16 Okthoba 2010. Isihloko: Interpreting in the Age of Globalization. Imfomesheni eyengeziwe: www.kouyi8.org, www.flc.scu.edu.cn, www.taconline.org.cn noma www.fltrp.com.
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 –Mankind, the namer: e-Club Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka ukwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwabantu ukwetheni izinto amagama. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe xhumana noBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za 
I-International Postgraduate Conference in Translation and Interpreting (IPCITI) 2010: From Reflection to Refraction – Imibono emisha, ukuhleleka okusha kanye namagalelo amasha: ENyuvesi yaseManchester, UK, 29–31 Okthoba 2010. Lena yinkomfa yesithupha kulolu chunge, ehloselwe ukunika abacubunguli abasebasha abasebasha ithuba lokucobelelana nabanye ngocwaningo lwabo kanye nokubamba iqhaza esiwombeni esibalulekile sokwazana nabanye emazweni omhlaba. Imibuzo kufanele iqondiswe e-ipciti2010@manchester.ac.uk. Imfomesheni: http://www.ipciti.org.uk/ 
Ukuhumusha Nokutolika Endaweni Endiminingi: Inkomfa Yamazwe Yokuhumusha Nokutolika: EBangkok, Thailand, 1–3 Novemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ictithailand.com/.
Inkomfa Yamazwe Ngokuhunyushwa Kobucikomazwi:
Ingabe kubhalwa bese bengaqondi abantu? Ukuhumunyushwa Kobucikomazwi kanye Nomphakathi: E-Victoria University yaseWellington, New Zealand, 11-13 Disemba 2010. Le nkomfa ithembisa ukumfumfutha indlela ukuhunyushwa kobucikomazwi okuthuthukisa ngayo ukuqwasha nokwaziswa ngokungafani kwamasiko-mpilo, ngesikhathi esifanayo kube kwakhiwa umuzwa womphakathi owodwa oweqela ngale kwemingcele yasekhaya nephakathi kwamazwe – noma indlela ukungabikho kwaloko kucobelelana okungandisa ngayo ukuba ngakodwana kwamasiko-mpilo obucikomazwi. Kuzoba khona neziwombe zokufunda imibhalo. Imfomesheni eyengeziwe: www.victoria.ac.nz/victoriaconferences/default.aspx 
Inkumusho yesiPedi: Mapula Moswane
Inkumusho yesiBhunu: Anne-Marie Beuke, Ettienne van Zyl
Inkumusho yesiTswana: Peter Mekgwe, Pauline More
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu
Inkumusho yesiSuthu: Mike Mahase
Inkumusho yesiXhosa: Angelinah Dazela, Sonwabile Cotiyana
Inkumusho yesiFrentshi: Jean-Cristophe Courbin
__________________________________________________________________________________________________________________
Ongabathinta e-SATI: 		Marion Boers. Ucingo: 011 803-2681. Ifekisi: 0866 199 133. Imeyili: office@translators.org.za
					Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359 Ifekisi: 086 511 4971. Imeyili: registrar@translators.org.za
