Plan (Maize)										IsiZulu
Hlanganisa amasu akho uzimise njengeprofeshinali
Instructions: 
Folio strap: Ukwandisa inzuzo
Byline: UJenny Mathews, usihlalo sePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Lokhu okubhalwe lapha kuqonde ukusekela bonke abalimi abazama ukuthola umhlaba/amapulazi, kodwa kubalulekile futhi kulaba abanawo amapulazi ukuze bazokwazi ukubheka izimo zabo maqondana nokuqhubeka ngamabhizinisi abo nakusasa. 
Ukuba umnini womhlaba sekuyinto ethintana nenhliziyo futhi isetshenziswa kakhulu ngabapolitiki ukulwa nabanye. Kodwa umlimi ofisa ukuphumelela phambili lapho ethola umhlaba, noma kanjani, kufanele azibheke kahle zonke izinto ezilandelayo.
Ukwahluleka ukuguqukisa ubunini bomhlaba – bheka ukuthi alikho ithuba elingavuleka kulelo makethe
Nokho kukhona ukulwa nezinto ezingafanelekile maqondana nokuguqukisa ubunini bomhlaba, kukhona amapulazi athengisiwe ngesimo esithi kufanele kubekhona umuntu ofuna ukuthenga nomuntu ofuna ukuthengisa, kodwa amaningi amapulazi awazange aye kulabo abafanele basizakale ngokuthola ipulazi. Thina esima ngaphandle kwalo msebenzi wokugukisa ubunini bomhlaba siyabuza ukuthi labo abawatholile amapulazi bakhethwa kanjani. Kaningi sizwa ukujabula kwabantu abathole amapulazi, kodwa masinya nje sizwa ukuthi leyo phrojekti ifeyile, ifile, ayilethi inzuzo!
NgoMashi 2010, Ungqongqoshe Wokuthuthukisa Nokuguqukisa Ubunini Bomhlaba, uGugile Nkwinti, wavuma ukuthi amaphrogramu kagavumente okuguqukisa umhlaba awazange abe nomphumelelo omuhle ngoba abaningi abathole umhlaba bahlulekile ukusebenzisa lowo mhlaba ngendlela eletha inzuzo nomnotho. Lokhu kuyinkinga ngoba kuletha ingozi kumthetho kagavumente oqonde ukuguquka ubunini kubantu abamnyama nge-30% ngo-2014. Lokhu kuyisono! Bonke abantu abasemsebenzini wokulima kuGrain South Africa nalabo ku-Grain Value Chain bakholwa ukuthi ukuguqukisa umhlaba kufanele kuqhubeke kahle ukuze umphumelo wokulima ezwini lethu uqinise ukutholakala kokudla nakusasa.
Ukuthola abazosizakala abafanelekile - umxazulo
Kunzima ukuqonda ukuthi labo abathole umsebenzi wokukhetha abantu abazosizakala ngokuthola umhlaba basebenza kanjani. Kufanele sikholwe ukuthi abazange bakhethe abangani babo, ukuthi bahlolwe kahle ukuze umsebenzi wokuguqula ubunini bomhlaba wenzeke ngendlela efanelekile ezosiza lonke izwe ngomphumelelo omuhle. Kulapho-ke umlimi ofisa ukuba iprofishinali ebhizinisini lakhe lokukhiqiza ukudla engathatha lelo thuba alungise isimo sakhe. Abantu abacabanga nokufuna ukulima amasimu abo nokusekelelwa umthetho wokuguqukisa ubunini bomhlaba bafanele bahlanganise amasu abo ngendlela efanelekile. Bafanele bathole amandla ukuba abalimi abasathuthukayo abazophumelela phambili. Kaningi kukhona abantu abathemba nje inhlanhla kodwa abanaso isifiso sokuzilungisela ukuba iprofeshinali ozoba nepulazi lakhe kusasa.
Umkhiqizi ungumuntu webhizinisi – ubozilungisela ukuba iprofeshinali
Onke amabhizinisi aqala ukukhula njengembewu – lokhu kuqala ngokuhlanganisa isu le bhizinisi. Alikho ibhizinisi elingakwazi ukuvuka phansi ngaphandle ukusekelwa kwabanye abantu bezomnotho, ngakho-ke isu lebhizinisi liyithulusi elichaza konke (inani, izindleko, njll) elizokusiza ukubatshela ukuthi uzoba umlimi ozophumelela phambili ekulimeni. Leli su lizokhombisa ukuthi ungumprofeshenali ngoba lizochaza izinyathelo ozozithatha ukuthoal umphumelo umuhle. Isu lakho sebhizinisi lizoba nalokhu olulandelayo: imininginwane maqondana nezindlela zokuphatha ibhizinisi namathuba okwandisa umsebenzi wakho futhi lizokhombisa ukuthi uzofika kanjani kulezo zinto ngesikhathi esimfushane nangesikhathi eside – nakusasa. Isu lebhizinisi lizokhombisa futhi ukuthi ubona kuphi amathuba ebhizinisi futhi uqonde kwenzani ngesikhathi esimfushane nangeskhathi eside. Njengeprofeshinali isimo sakho sizokhombisa ukuthi ulibhekile imakethe namathuba nezingozi ezingaba khona. Ngoba ufuna ukukhombisa labo abazokusiza ukuthi unawo amandla nekhono lokukhiqiza, futhi ukuthi bakhona abanye abalimi nabaprofeshinali ekulimeni abazokusekela phambili.
Wonke amasu ebhizinisi adinga ukuhlola konke okusepulazini. Kufanele kubekhona imininingwane mayelana nezimali nebhajete lakusasa. Lokhu kubalulekile kule bhizinisi lakho ngoba ukuguqukisa komhlaba akuhambi kahle, ugavumente unikeza umhlaba, kodwa kaningi kukhona inkinga ngoba bese ugavumente uyanyamalala, bashiya abasizakalayo abangenalo ikhono nolwazi, abangenayo imali yokuqala ibhizinisi, futhi abasekelwa ngokuthola ikhono nolwazi nokuboleka imali. Kuyinto enhle ukuthola umhlaba, kodwa! Umuntu ohlakaniphile ophupha ngokuqhubekela phambili uyazi ukuthi kudingeka imali ukuqala ukuze iphupho libe into ekhona impela. Noma ngubani uyakwazi ukufaka imbewu emhlabathini, kodwa abanye abakwazi ukuyimilisa ikhule ilethe ukudla. Kufanele ucele usizo ukukusiza ngezindaba zezimali ubeneqiniso ukuthi umsebenzi wakho wokulima uzolunga.
Imisuka yesu lebhizinisi – izinto eziluqobo
Isu lakho lebhizinisi lifanele libe nalokhu okulandelayo:
Chaza ukuthi ufuna ukwenzani ekulimeni kwakho.
Khombisa ulwazi lakho namakhono akho unikeze izizathu zokukhanyisa ukuthi kungani wena ungumuntu ofanelekile ukuthola umhlaba.
Khombisa ukuthi ulibhekile ipulazi ongalithola, uyazi ukuthi isimo sezulu sinjani kuleyo ndawo esizozwana nalokhu ofuna ukukutshala, uyazi futhi intengiso izobanjani namathuba emakethini anjani.
Qonda kahle imigomo yakho bese ubheke izingozi ezingaba khona ezizolimaza umphumelo webhizinisi laho.
Ukumaketha
Lokhu kuyinto ebalulekile kubo bonke abalimi ngezikhathi zamanje ngoba bafenele bancintisane nabakhiqizi emhlabeni jikelele. Abakhiqizi bafanele babheke imakethe njalo ngosuku ngoba kungenzeka ukuthi bafanele bathengise umvuno wabo lapho ummbila usamila! Isu elihle lokumaketha lifanele lihambelane nephrogramu lokukhiqiza. Akusizi ukutshala ukudla okudle kodwa abekho abantu abazofuna ukukuthenga ngentengiso ezolethela umsebenzi wakho inzuzo efanelekile.
Ukuhlanganisa amasu ezokumnotho
Bakhona abalimi abasha abanenhlanhla ukuthola umhlaba ngendlela efanelekile engaduli kakhulu, kodwa kukhona ezinye izinto ezifanele zinakwe lapho kuhlanganiswa isitetimende sezimali:
Izindleko zokuthenga imishini nokuqhubeka ukuyiphatha njalo.
Izindleko zokuqasha.
Izindleko zokuqala ukutshala.
Amaholo.
Izindleko zentilansipoti nedizili.
Izindleko zomkontilaki uma ukhetha ukungatheni yonke imishini masinya.
Into ebalulekile kule su lakho yilokhu: isitetimende esikhombisa ukuhamba kwezimali (cash flow), lokhu kudinga usizo olungatholakala kumphathi wamabhuku noma isazi ebhange.
