Miss (Maize)										IsiZulu
Dumela amathuba akho, ungawalahli
Instructions: 
Folio strap: Ukwakha isu lokukhiqiza
Byline: UPhonnie du Toit, ARC-Grain Crops Institute
Grabber: Kufanele uphaphame, ithuba elihle lingeza kuye masinye, kufanele ulibone!
Grabber: Zama ukungasebenzi kakhulu ngezinye izinto ngoba uzolahlekelwa ithuba elibalulekile elidingekayo ukukhiqiza ngendlela enomphumelo omuhle.
Ngoba abakhiqizi bokudla okuzinhlamvu bathemba njalo ukuthi unyaka ozayo uzobangcono bakha imisebenzi yabo njalo ngonyaka nangonyaka.  Ngaleso sikhathi esimfushane kungavela ithuba lokuqhubeka mhlawumbe kanye ngonyaka. Abakhiqizi kaningi baluza amathuba ukunciphisa izindleko nokuvimba ukulahlekelwa komvuno ngoba abadumeli ithuba lapho kusekhona isikhathi.
Kungavela amathuba amahle ngesikhathi lapho kulungiselwa ukutshala nangaso sonke isikhathi izitshalo zimila.
Ithuba elihle lokuthenga
Vula amehlo ukuze ubone izinto ezinhle ezithengiswa ngemali ephansi. Bheka kahle ngesikhathi izitshalo zimila ukuthi izinto ozisebenzisayo epulazini zisebenza kahle noma cha. Lokhu kuzokusiza ukukhetha izinto ezizokusiza kahle. Inqola ethengiswayo endalini ngemali ephansi ingaba usizo olukhulu kusasa. 
Isikhathi esilungile sokutshala
Lokhu kuyithuba elilahlwa ngabalimi abaningi. Kaningi imishini engabhekwa kahle kwenza ukuthi kulahleke isikhathi, awukwazi ukutshala ngesikhathi esifanelekile. Ekugcineni kokutshala kuyisikhathi esihle sokubheka nokulungisa imishini yakho. Emva kokuyilungisa nokuvimba ukugevuzeka kufanele ibekwe endaweni ezovika enye ingozi. Kanjalo akungeke kuthathe isikhathi sokulungisa imishini lapho kufika isikhathi sokutshala, futhi izindleko zizoba phansi. Uma kufika isikhathi sokutshala wena ufanele ukuthi wazi konke kulungile, uzokwazi ukuphatha umsebenzi wakho ngamandla.
Ukulondoloza umhlabathi
Uma kuvela isiphepho semvula esikhulu kungadala ingozi enkulu ezitshalweni. Lapho kulahleke umhlabathi wangaphezulu awukwazi ukuwubuyisela. Nokho ukulondoloza umhlabathi kuyinto efanele yenzwe njalonjalo ukuthuthukisa ipulazi, kufanele futhi abalimi bazibheke izindawo lapho ukugukuleka komhlabathi kungenzeka. Imvula ingafika nje ngesikhathi esingafalekanga. Lapho ubona ukuthi kukhona indawo ethambile enkontulini uboyilungisa masinya. Lokhu kungaba ithuba lakho lokuvimba ukugukuleka komhlabathi wakho.
Bulala ukhula ngesikhathi esifanelekile
Kukhona amakhemikheli amahle abulala ukhula emmbileni, kodwa noma lo muthi usebenza kahle, kufanele kuhambelane nesimo sezulu esifanelekile. Thatha ithuba lokuthela lo muthi ngosuku lapho kungekho umoya noma lapho kushisa kakhulu noma lapho komile. Ubukhulu bokhula bubalulekile uma ufuna ukulubulala kahle. Ngokwejwayelekile kungcono ukubulala ukhula lapho izitshalo zokhula zisencane. Kubalulekile ukuhlola njalo ukuthi izitshalo zingakanani – ummbila nokhula. Kungcono ukubulala ukhula masinya. 
Vikela izitshalo zakho zingalimazwa izifo
Izilokazane njengalezo eziqopha izinkuni zingadala ingozi enkulu lapho kutshalwe khona ummbila namabele. Lokhu kungenzeka masinya. Eziningi izilokazane zingabulalwa masinya ngamakhemikheli. Kodwa uma uthatha isikhathi eside sokufaka lo muthi, awungeke usebenze kahle. Lapho izihlava (izibungu) zithola isikhathi sokukhula, umuthi awusasebenzi kahle. Ngakho-ke kubalulekile uhlole izitshalo zakho njalonjalo ukhethe isikhathi esifanelekile sokuthela umuthi ozosebenza kahle.
Isikhathi esifanelekile sokuvuna
Kukhona izinhlobo zezitshalo ezifanele zivunywe ngesikhathi esithile esifanelekile. Njengamantongomane, uma uvuna masinya kakhulu noma uthatha isikhathi eside sokuvuna, ikhwalithi lokudla luzobaphansi. Ukuqonda kahle ukuthi yisiphi isikhathi esifanelekile sokuvuna kufanele umlimi ebheke izinto eziningi: umbala wezimbewu, isimo sezulu nezifo ezingabakhona. Usoya ngesinye isikhathi uyaphohloka ensimini lapho uvuthwa. Uma umlimi ethatha isikhathi eside ngaphambi kokuvuna lokhu kuphohloka kungenza ukuthi kulahleke ukudla okuningi. Ungabolahla ithuba lokuthola zonke izinhlamvu ngesikhathi uvuna.
