Marketing (Maize)									IsiZulu
Ukumaketha ummbila nezinye izitshalo zakho
Instructions:
Folio strap: Ukumaketha
Byline: UJenny Mathews, usihlalo sePhrogramu seGrain SA Sokuthuthukisa Abalimi
Grabber: Ukumaketha ngomphumela omuhle kudinga ukuba nempahla efanelekile yokuthengwa, endaweni efanelekile, ngentengiso efanelekile nangesikhathi esifanelekile.
Ayikho into ekhiqizwayo ngokugcina uma ingasetshenziswanga. Lokhu kusho ukuthi amandla anoma ini awusho lutho, kufanele leyo nto ilingane nesidingo somuntu ofuna nozokwazi ukuyisebenzisa.
Isibonelo: ubisi alukakhiqizwa ngokugcina kuze lusezandleni zomuntu oluphuzayo. Amazambane awakakhiqizwa ngokugcina kuze afike ekhishini lapho aphekwa khona. Kanjalo-ke nommbila awukakhiqizwa ngokugcina kuze usezandleni zalowo muntu ozuwusebenzisa noma ozowudla. Kuze kufike lapho, umkhiqizi angeke athole inzuzo yaleyo mali ayifakile, ngakho-ke ukumaketha kuyinto ebalulekile efanele ibhekwe kahle nangaphambi kokuqala ukutshala. 
Kukhona abantu abacabanga ukuthi ukukhiqiza nokumaketha kuyizinto ezahlukene; kodwa kungumsebenzi oqhubekayo ohambelana, kuthatha ukudla okwezemvelo bese uyazishintsha ukuze zikwazi ukusetshenziswa ngumuntu. Kuqondile ukuthi akufanele kukhiqizwe into engadingwa muntu. 
Hlanganisa umcabango wakho nemakethe!
Into ekhiqizwayo ifanele abantu bayidinge futhi ifanele ithengiswe ngenani lemali elizokwamukelwa ngabantu abayidingayo. Ikhono lokuhambisa izimo zamabhizinisi maqondana nalokhu okufanelekile kubiza ukuthi umlimi aphathe ibhizinisi lakhe maqondana nezimiso zezomnotho ezizolungisela ukuba umsebenzi usazophila nakusasa. Ngeqiniso, zonke izinyathelo zomlimi ukuqhubeka zihambelana nalezo zinyathelo zomlimi azithatha lapho eqala ukuhlanganisa amasu ukumaketha ukudla kwakhe ekugcineni. 
Kukhona izinto ezahlukene ezifanele umkhiqizi azibheke lapho efuna ukuthengisa ukudla kwakhe. Ziyalandela:
Kuyini engifuna ukukhiqiza? 
Ngizokhiqiza ukudla okungakani? 
Ngizothengisela ubani lokhu kudla?
Ngizokhiqiza nini futhi ngizothengisa nini?
Zingakani izindleko ezizovela kule bhizinisi lami futhi ngizokwamukela inani elingakani lapho ngifuna ukuthengisa umvuno wami?
Linjani ikhwalithi lalokhu engizokukhiqiza?
Abakhiqizi bafanele bazi kahle ukuthi bazothengisa ukudla kwabo kuyiphi indawo nendlela abafuna ukuthengisa ukudla kwabo:
Ngizokwazi ukuthengisa umkhiqizo wami ku-ikhophoreshoni elapha eduze nami?
Ngizokwazi ukuthengisa umkhiqizo wami ngenkontilaki eliya phambili?
Ngizokwazi ukulondoloza umkhiqizo wami bese ngiwuthengise ngesinye isikhathi uma isibizo siphukhukile noma lapho imakethe lingenakudla okuningi kakhulu?
Ngifanele ngigaye ummbila wami noma ngifanele ngifuye izimfuyo zama ngalowo mmbila?
Kudingeka kakhulu ukuthengisa umvuno wami masinya noma kufanele ngibheke kuqala izindleko ezingavela?
Impendulo yale mibuzo izotholakala kulezi zimiso zezomnotho esikhulume ngazo ngaphezulu: okubizwayo nokunikezwayo. Sifisa ukucindezela abalimi ukuze babheke ukumaketha kahle lapho bahlanganisa amasu abo ukukhiqiza ngonyaka omusha. 
Thola ulwazi!
Abakhiqizi abaningi sebayabona ukuthi kufanelekile ukubheka kuqala izimiso zezomnotho zokumaketha. Kodwa abaningi basacabanga ukuthi ukumaketha kuqala emva kokutshala, bacabanga ukuthi bafanele babheke umsebenzi wokulima kuqala, ukumaketha kuzolandela emva kwalokhu, emva kokuvuna. 
Yebo, ukukhiqiza ngendlela efanelekile kubalulekile futhi, kodwa kufanele umlimi athole ulwazi njalo mayelana nezinto ezenzeka kumamakethe emhlabeni jikelele, amathuba akhona ukuthenga nokuthengisa kuSouth African Futures Exchange (SAFEX) okuseJohannesburg Stock Exchange (JSE), kubalulekile futhi ngokwamanje umlimi athole ulwazi ngamathuba okumaketha nezinto zezomnotho ezikhona.
ISAFEX liyipulatifomu elibhekeka njengendawo lapho abakhiqizi bakwazi ukuphatha amathuba akhona emaketheni nezingozi ezikhona emaketheni zezokulima lapha eNingizimu Afrika. Abalimi manje sebakwazi ukubeka umvuno wabo kuSAFEX ukuze bazokwazi ukuthola intengiso efanelekile ngesikhathi esifanelekile kusasa. Lokhu kungasiza abalimi ngoba kuzobavikela lapho izintengiso zehla ngesikhathi sokuvuna noma lapho kukhona ukudla okuningi kakhulu emaketheni.
Hlakanipha!
Ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu kucindezekile lapha eNingizimu Afrika. Izindleko zokuqala ukutshala ziyakhuphuka, izingozi ezingavela ziningi, okunikezwayo kungaphezu kwalokhu okubizwayo, lokhu kwenza ukuthi kubekhona ukudla okuningi kakhulu bese intengiso iyehla, kanjalo umlimi akasatholi inzuzo ezobhadala izindleko zakhe nezingozi ezingamvelela. Ekugcineni singathi nje ukuthi abalimi abasakwazi ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu ngokwanje. 
Umlimi ngamunye ufanele athathe izinyathelo ezibheka isimo sakhe ukuhlanganisa amasu abalulekile nangesikhathi esifanelekile ukusiza ibhizinisi lakhe. Abanye bangakhetha ukungatshali ukudla okuzinhlamvu okuningi ngokwamanje, mhlawumbe bafuna ukulinda kuze imakethe liphakame. Abanye abalimi bakhethe ukubheka ezinye izindlela zokulima njenge”no till” ezizokwehlisa izindleko zokulima. 
Ekugcineni
Ngokwaleka umkhiqizi wokudla okuzinhlamvu uyingxenye nje into emshinini emhlabeni jikelele ebopha izintengiso, kanjalo umlimi oyedwa akakwazi ukushintsha intengiso yomvuno wakhe. Lokhu kwenza ukuthi babhekwa njengabantu abamukela intengiso, abasibo abantu abakwazi ukubopha intengiso, ngakho-ke indlela yokumaketha ekhethwa ngumlimi ibalulekile, ifanele ibhekwe kahle, ngolwazi, ngaphambi kokuqala ukutshala.
