Machinery (Maize)								 IsiZulu
Ukubheka imishini yakho emva kokusebenza ngayo
Instructions:
Folio strap: Ukuphatha
Byline: Imininingwane itholakale esifundweni Sokuphatha Ugandaganda Nemishini Epulazini
Ngesikhathi sehlobo kuvama ukuba nokujaha ukuqeda umsebenzi ngesikhathi esikhona. Kakhulukazi ngonyaka odlule imvula ifike emva kwesikhathi, ngakho-ke besingekho isikhathi esiningi. 
Ngokwejwayelekile ukubheka nokuphatha ugandaganda nemishini akubalulekile kakhulu ngoba kufanele umsebenzi uqedwe masinya. Kodwa manje konke lokhu sekwenzekile, manje sekuyisikhathi sokubheka nokuphatha imishini yakho. 
Ukuphatha imishini
Kuyo yonke imishini kufanele wenze okulandelayo:
Hlanza umhlabathi, okungcolile nokwanda kwegrisi emshinini nokuphenda izinto ezidlekile. Lokhu kuzovimba ukuthomba kwemishini futhi kuzokwenza ukuthi izophila isikhathi eside.
Gcobisa wonke umshini mayelana nomlayezo ekhona kumanyuli yabakhi balowo mshini.
Uma ufuna ukubeka impahla ngendlela ephephile, qinisa ukuthi lapho kukhona izinto ezingapheqwa, yehlisa lezo zinto zibe phansi emhlabathini. 
Vika ukuthomba ukuphenda noma ukugcobisa ugrisi kulezo zinsimbi zamageja.
Hlanganisa uhlelo lazo zonke izakhi eziphukile noma ezifanele zilungiswe. Zithenge manje, ungalindi kuze kufike unyaka ozayo.
Beka umshini phakathi uma ukwazi, bese ungabeki isindiso kumathayela.
Faka amapulangwe ngaphansi ukuvimba ukuthintana nomhlabathi okuzodala ukuthomba.
Khipha amasilinda ehayidroliki noma hlola ukuthi adonsiwe ekugcineni ukuvika ukuthi amarodi athombe.
Ukuphatha ipulantela 
Ukuphatha ipulantela ngendlela efanelekile kuzokhombisa ukuthi uzothola umvuno omuhle noma uzolahlekelwa inzuzo eningi. Ukukhetha izinhlobo zezimbewu, izindlela zokutshala, ukuvala nokuqinisa izimbewu emhlabathini kuyizinto ezibalulekile lapho kukhiqizwa ukudla. Uma ipulantela lingasebenzi kahle, umvuno awungeke ulingane nalokhu okuthembekayo. Kufanele kwenzeke okulandelayo:
Khipha konke okungcolile emabhokisini: umanyolo, umuthi obulala ukhula nomuthi obulala izilokazana, namapuleti efaka izimbewu ukuvika ukuthomba. 
Bheka ukuthi kukhona izakhi ezidlekile noma eziphukile ufake ezinsha.
Gcobisa ummese nazo zonke izindawo ezipholishiwe ngowoyela noma igrisi ukuvika ukuthomba.
Gcobisa onke amabheringi. 
Khiya izikhombiso ngendlela zokuzihambisa emgwaqeni bese ubeka ipulantela endlini. Misa ipulantela ngendlela amasondo angathintani nomhlabathi.
