zulu.1333.motivation
Thola umsebenzi
owufisayo
Uma ungawutholanga umsebenzi obuwufuna ngo-2008, bekezela ukhuthazeke ngamaholidi ukuze kufezeke amaphupho akho
KWANGITHATHA iminyaka emine ukuthola umsebenzi wamaphupho ami - emva kokuhluleka wukuwuthola ngiqala ukufaka isicelo sawo. Nganginakho konke ababekufuna. Ngahlolwa ngabathanda nabantu ababesebenza ehhovisi. Esikhundleni sami kwaqashwa umuntu engangifunda naye. Phezu kwalokho, iphupho lami alizange lishabalale.
"Wawungakhohlwa wukungishayela ucingo ubuza ukuthi azikaveli yini izikhala," kusho kukhumbula uDumisani Ntshentshe, uMhleli weBONA yesiXhosa oyimenenja yami manje. "Kodwa wawungesona isicefe!"
"Kwathi uma kuhamba uNtombikhona Kwebulana owayeyi-translator yethu ethola umsebenzi wokuba ngumhleli weHansard kwiNorthern Cape Provincial Legislature," kusho uPatricia McCracken ongumsizi womhleli weBONA, "uDumi wathi angifake noNeli kwabazohlolwa.
"Umsebenzi wayezowuthola ngokuzimisela kwakhe - uDumi wathi kuzodingeka ukuba aphinde abhale i-test. UDumi wathokoza uma ebona umehluko ekuhlolweni kwakhe kwesibili okwakusho ukuthi uNeli wayengahleli kodwa ezicija singakaveli isikhala."
Ngesinye isikhathi wawungifikela umcabango wokuthi ngeke ngisawuthola umsebenzi engangiwuthanda. Ngachitha iminyaka emithathu ngivolontiya njengomfundi wezindaba esiteshini esisakazela umphakathi. Ngangizikhandla kodwa ngingaholi.
Ngabona ukuthi akufanele ngithwese umndeni wami umthwalo wokuba ungondle ngenza umsebenzi wokuba ngumabhalane eNkantolo kaMantshi eMthatha. Sisaqala sasihola uma sidingeka kuphela enkantolo!
UDumisani wangishayela ucingo kanti kwangikhanyela ukuthi uma unentshisekelo okufisayo kuyenzeka. Iyona eba yigxathu lokuqala eliholela ekufezekeni kwephupho lakho.
Akubi lula uma amaphupho akho engakafezeki kodwa uma unentshisekelo uyabekezela kanti lokho kukunika isiqiniseko sokuthi uyophumelela ngelinye ilanga.
Yithemba elizokusiza ukuze lokhu kwenzeke. Ngiyazi ukuthi lokho akulula uma ungazethembi.
Kodwa ukuzingabaza kukubuyisela emuva kwenze amaphupho akho angafezeki. Khumbula ukuthi izinkinga zizovela endleleni yakho kodwa noma kunjalo kubalulekile ukuthi uzethembe.
U-T.D. Jakes ongumbhali wencwadi ethi Mama Made A Difference uthi ukuze abantu baneliseke babe namandla kumele bazethembe. Umqondo wakho kumele ubuswe wukuthi unamandla okwenza okungaphezulu kwalokho okucabangayo ngokukaJulie Silverthorn noJohn Overdurf, ababhali beDreaming Realities.
Iphutha esivame ukulenza elokuziqhathanisa nabanye, sikhohlwe wukuthi asifani. Inhliziyo yami yakhululeka emva kokuzishaya isifuba ngengikwenzile empilweni yami - kanti uma ubheke abanye abantu, ugcina ufuna ukulandela amaphupho abo.
Impilo iba lula uma sekukukhanyele ukuthi ungenza kwenzeke. Uma ingqondo yakho igxile entweni oyilangazelele, izinkinga ohlangabezana nazo ziyakuqinisa zenze uphokophelele phambili.
Yizwa ngami!
Indaba: Neliswa Mzimba
UMhleli wesiXhosa uDumisani Ntshentshe emukela uNeliswa Mzimba kwaBONA .
SIYAKUKHUTHAZA
WENZA AKUTHANDAYO
UKUNGABI namahloni okukhuluma kwamsiza u-Andiswa Mlisa esafunda e-Eastern Cape njengoba namuhla esengumqondisi weMvoto, okuyinkampani egxile kwisayensi yomhlaba enamakhasimende anjengoMnyango wezaManzi, i-United Nations neWorld Bank.
"Ngaphambi kwama-exam ami onyaka wesibili eFort Hare University, kwatholakala ukuthi wayengekho owayezosifundisa isifundo engangisithanda onyakeni wesithathu!" kusho kukhumbula yena. "Ngangingenaso isikhathi sokubhikisha ngoba ngangenza ezinye izifundo ezimbili ngabona kungcono ukuba ngiye kumphathi wenyuvesi.
"Ngamtshela ukuthi uma engatholakali owayezosifundisa kuzodingeka ukuba ngibuye ngizokwenza omunye unyaka. Ngathi ngifuna bangikhokhele izindleko zokufunda banginike umholo wonyaka wonke engangizowuthola ngalowo nyaka engangizowuchitha ngifunda."
Umphathi wamuzwa kahle, u-Andiswa wenza iBSc yakhe ngo-1999. Isifundo ayesithanda kwakuyiGeographic Information Systems, egxile kwisayensi yokwazi ngokwakheka komhlaba ukuze sikusebenzise kahle okutholakala emhlabeni sibhekane nezinhlekelele ezidalwa yimvelo.
Emva kokunconywa owayebafundisa lesi sifundo owagcina etholakele, u-Andiswa waqashwa kuMvoto inkampani eseCape Town. Manje ungumqondisi wophiko lweGIS kule nkampani.
"Kumnandi ukuba yingxenye yobuchwepheshe obusha obukhula ngamandla nokuthola izixazululo ezisheshayo ezinkingeni esihlangabezana nazo," kusho u-Andiswa.
Le nkampani icwaninga ngemithombo yamanzi noma ngengozi yezinhlekelele. U-Andiswa uba matasa efuna amatshe ayigugu anedayimane e-Angola naseBrazil esizwa yizithombe ze-satellite.
Wenza iPhD yakhe manje kanti umama wakhe ongumqondisi weStudent Counselling Unit eFort Hare uqedela eyakhe.
"Ngikhuthazwa uMama uLily," kusho u-Andiswa. "Wayenguthisha, wayeka wenza i-nursing ne-psychology, wathola iziqu kwi-theology - phezu kwalokho wakhulisa thina wasifundisa."
Nazi izeluleko zika-Andiswa eziwukhiye wempumelelo:
Thola ozokukhuthaza
"U-Rowena Hay owasungula uMvoto wenza ngaba usomabhizinisi ngesikhathi ngifuna ukuba yi-technician," kusho u-Andiswa. "Ungikhuthaza njengomama."
Ziqhenye
"Kuningi uRowena angifundise kona kodwa okukhulu kunakho konke wukuba nenkampani abasebenzi abazoziqhenya ngayo bazizwe bekhululekile," kusho u-Andiswa.
Sabalalisa umqondo wakho
U-Andiswa ungusihlalo weSA Group on Earth Observation Capacity-building Committee kanti ngoMnyango wezeSayensi nezobuChwepheshe ubuye amele iSA kwiGlobal Group on Earth Observation Committee.
Siza abanye
U-Andiswa ubuye aqeqeshe izitshudeni zaseFort Hare nezaseCape Peninsula University amasonto amane uma zizofunda ngomsebenzi wabo. Zihola u-R6 000 ngenyanga.
- Patricia McCracken
Mthunzi fo sho!
UMthunzi Gumede (24) owazalelwa eThekwini wafunda khona usewutholile umsebenzi wamaphupho akhe njengophrojusa weKids News kuSABC 1, eGoli - "Umsebenzi wami uyamangalisa kanti ngiyawuthanda," kusho yena.
Uqala ngokubheka izindaba eziphathekayo, ezimnandi nezifundisayo. Emva kwalokho wenza ucwaningo ngazo.
Izithombe zakhe kumele kube ezizoheha izingane. Ubuye axoxisane nezingane kanye nabadala abe ngumqondisi womthwebuli wezithombe ne-video editor.
Nakhu uMthunzi akwenza:
Ukuqeqeshwa
UMthunzi wafunda iminyaka emine ukuze athole i-national diploma kwezobuntatheli eDurban University Of Technology waqhuba izifundo zakhe wathola iBTech kwezobuntatheli. Esaqala wayehola phakathi kuka-R8 000 no-R10 000 ngenyanga.
Ubuholi nokuxhumana
"Zakhele abangani uqinise amaxhama okuxhumana nabantu abafanele," kweluleka uMthunzi. Esafunda, wayengusihlalo weKhasho Journalism Society, iPRO, unobhala weDUT Students' Representative Council, unobhala weSASCO, ilungu leBlack Management Forum nomgqugquzeli we-ANC Youth League.
Ungapheli amandla
"Ungayeki ukuthandaza nokufuna imisebenzi oyithandayo," kusho uMthunzi. "Zithembe - ikusasa lisezandleni zakho kanti akekho ongakuvimba."
- Patricia McCracken [z]
Uma uhlale ugade abanye abantu ugcina ulande-la ama-phupho abo
UMthunzi Gumede.
U-Andiswa Mlisa ongumqondisi eMvoto GIS echazela izitshudeni eziqeqeshwayo ukuthi inkampani yabo isebenza kanjani.
