INdlu yesiShayamthetho Kazwelonke

IPHALAMENDE LASENINGIZIMU AFRIKA

IPhalamende lineziNdlu ezimbili,  okuyiNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke (eyaziwa ngokuthi yi-NA) kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP)..


INDLU YESISHAYAMTHETHO KAZWELONKE (EYAZIWA NGOKUTHI YI-NA)

I -NA ikhethwa kabusha njalo emva kweminyaka emihlanu okhethweni lukazwelonke.
Ngesikhathi sokhetho abantu abavotayo bayakhetha ukuthi ngobani abafuna babamele ngokuvotela amaqembu ezobumsazwe abawathandayo.


IQHAZA LENDLU YESISHAYAMTHETHO KAZWELONKE

I -NA igunyazwe uMthethosisekelo:

Ukuba Nendima Yokushaya Umthetho
Omunye wemisebenzi esemqoka ye-NA ukushaya imithetho okumele izwe libuswe ngayo.
I -NA idlulisela iMithethosivivinywa eMakomidini ukuze ayicubungule futhi abambe inkulumo-mpikiswano ngayo le Mithethosivivinywa.
I -NA ingagunyaza, iphikise noma idlulisele iMithethosivivinywa emuva emaKomidini ukuze idingidwe kabanzi.

Ukuba Nendima Yokuhambela Imiphakathi
IPhalamende linomsebenzi wokuhlaziya, ukuhlola kanye nokwengamela imisebenzi kahulumeni noma ngabe yiliphi ilungu loMbuso, mayelana nokufezekiswa kwemithetho, ukusetshenziswa kwesabiwomali, kanye nokuqapha uMthethosisekelo.

IPhalamende ligcina Isigungu sinesibopho sokuphendula ngokugunyaza izabiwomali, ngokubuza imibuzo yephalamende, ngokubamba izinkulumo-mpikiswano zephalamende mayelana nezindaba ezisemqoka kanye nangokuhlongoza futhi kuvotwe kwiziphakamiso eziphathelene nomsebenzi kahulumeni.

Ukuqoka uMongameli
I -NA igunyazwe uMthethosisekelo ukuqoka uMongameli waseNingizimu Afrika phakathi kwaMalungu ayo.


UKWAKHEKA KWENDLU YESISHAYAMTHETHO KAZWELONKE

I -NA inamaLungu ePhalamende anga-400 aqokelwa kuyona (aziwa ngokuthi ama-MP).
AmaLungu ase-NA akhethwa ngohlelo olubizwa ngokuthi ukumelwa okulinganayo.
Ngaphambi kokhetho, iqembu lezombusazwe ngalinye lenza uhlu lwabantu abazongenela ukhetho ukuze bakhethwe. Laba bantuke bayaye baqokwe ngendlela ehambisanayo nesibalo samavoti iqembu lezombusazwe abebengaphansi kwalo, eliwatholile okhethweni. Isibonelo, uma iqembu lithole uhhafu wamavoti, lizothola izihlalo ezinguhhafu e-NA.




IZIKHULU ZENDLU YESISHAYAMTHETHO KAZWELONKE

Iziphathimandla zePhalamende
Ngokuhlala kokuqala kwe-NA, amaLungu ase-NA aqoka uSomlomo kanye nePhini likaSomlomo nababizwa ngokuthi Iziphathimandla zeNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.
Iziphathimandla zePhalamende zethweswe umsebenzi wokuphatha izindaba zase-NA.
USomlomo kanye nePhini likaSomlomo wePhalamende bangamela imihlangano yase-NA.
Bayaqinisekisa ukuthi amaLungu ePhalamende akhuluma ngokukhululeka, kodwa ahambisane nemithetho yeNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.

OSihlalo beNdlu
Imithetho yeNdlu ihlinzeka ngokuthi oSihlalo beNdlu basize Iziphathimandla zePhalamende ekwenzeni umsebenzi wazo. OSihlalo beNdlu bangabuye badingeke ukuba bangamele ukuhlala kweNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.

Imisebenzi yoSihlalo beNdlu ibandakanya:
Ukuxhumanisa umsebenzi wamaKomidi
Ukulungiselela imibiko ekushayweni kwemithetho
Ukuxhumanisa imisebenzi yokuhambela imiphakathi kwamaKomidi
Ukunikeza Iziphathimandla zePhalamende uxhaso lwezombusazwe kanye nolwamacebo okusebenza.

OSoswebhu Abakhulu
Iqembu ngalinye lezombusazwe elise-NA liqoka uSoswebhu Omkhulu ozophatha izindaba zalo.
Ososwebhu banakekela amaLungu amaqembu abo ngokwehlukahlukana kwawo.

Umholi wezinhlelo zikaHulumeni
UMongameli uqoka Umholi wezinhlelo zikaHulumeni osebenzisana nezikhulu zeziNdlu zePhalamende zombili.
Umholi wezinhlelo zikaHulumeni kufanele abhekelele izimfuno zoMkhandlu kanye nezinhlelo zikaHulumeni ePhalamende.
Umholi wezinhlelo zikaHulumeni uqinisekisa ukuthi amaLungu oMkhandlu ayayenza imisebenzi yawo yephalamende.


AMAKOMIDI ENDLU YESISHAYAMTHETHO KAZWELONKE

Umsebenzi omningi wase-NA wenziwa emaKomidini.
Amakomidi ase-NA abizwa ngokuthi ngamaKomidi eNdlu yeSishayamthetho Kazwelonke.
Umsebenzi wekomidi ngalinye uhambisana noMnyango kahulumeni eliqondene nawo. Isibonelo, iKomidi Lezohwebo Nezimboni libhekene nazo zonke izindaba ezithinta uMnyango Wezohwebo Nezimboni.
Ikomidi ngalinye linoSihlalo walo ozoqinisekisa ukuphathwa ngendlela komsebenzi.
AmaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke abhekene nokudingida, ukubamba inkulumo-mpikiswano kanye nokuchibiyela iMithethosivivinywa.
AmaKomidi angabamba Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi ngokushaywa kwemithetho noma izindaba ezihlobene nokushaywa komthetho.
AmaKomidi aphinde abhekane nokwengamela kanye nokuhlola umsebenzi weMinyango kahulumeni.






UKUBANDAKANYWA KOMPHAKATHI

NgokoMthethosisekelo, iPhalamende liphoqelekile ukuba libandakanye umphakathi ekushayweni kwemithetho kanye nakwezinye izinhlelo zePhalamende.
AmaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke aphoqelekile ukubonisana namalungu omphakathi ukuze athole igalelo lawo kuMthethosivivinywa noma ukuzwa izimvo zawo ngezindaba ezibalulekile kuzwelonke.
Umphakathi uyagqugquzelwa ukuba uzibandakanye ngokukhuthala ezinkulumweni uma amaKomidi ebamba Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi.
Abantu ngabodwana noma ngamaqembu bayakhuthazwa ukuba balethe ngomlomo noma ngokubhalwe phansi izikhalazo ngezindaba ezibathintayo.
Amalungu omphakathi anelungelo lokuzibandakanya ezinhlelweni kanye nasemisebenzi yePhalamende ngoku:

    Hambela imihlangano yamaKomidi eNdlu yesiShayamthetho
     Kazwelonke.
    Xhumana namaLungu ePhalamende asebenza e-NA ukubuza noma
     ukucela ulwazi ngemisebenzi yawo ePhalamende.
    Hambela Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi ezibanjwa
     amaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke. 
    Bheka izinkulumo-mpikiswano zokuhlala kwePhalamende kwiNdlu
     yesiShayamthetho Kazwelonke isb. amaVoti eSabiwomali.
    Khalazela iPhalamende kunoma yiluphi udaba olubakhalazisayo.
     Uhlu Lwezikhalazo oluya ePhalamende kumele luxhaswe yiLungu
     lePhalamende.


Produced by the Public Education Office
Parliamentary Communication Services
INSPIRED BY PEOPLE

www.parliament.gov.za
P.O. Box 15, Cape Town, 8000
Telephone:	(021) 403 3341
Facsimile:	(021) 403 3303

Leli bhukwana litholakala ngazo zonke izilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika.
