Musa Ukwenza Sengathi Awuboni!

		Yenza Okuthile Ukulwisana Nokuhlukunyezwa!

Izinsuku eziyi-16 Zokugqugquzela ukulwiswana nodlame olubhekiswe Kwabesifazane kanye Nezingane

Ziyini Izinsuku eziyi-16 zokuGqugquzela ukulwiswana nodlame olubhekiswe kwaBesifazane kanye neZingane?

ZiwuMkhankaso Womhlaba Wonke Jikelele WOKUPHIKISANA NODLAME olubhekiswe KWABESIFAZANE kanye NEZINGANE

Inhloso Yomkhankaso Wezinsuku eziyi-16 zokuGqugquzela ukulwiswana nodlame olubhekiswe kwaBesifazane kanye neZingane

Ukuqwashisa ngomthelela OMUBI UDLAME KANYE NOKUHLUKUNYEZWA okunawo KWABESIFAZANE kanye NEZINGANE kanye

NOKUKHIPHA umphakathi EKUHLUKUNYEZWENI NGOKUGCWELE.

Umkhankaso Wezinsuku eziyi-16 zokuGqugquzela  ukulwiswana nodlame olubhekiswe kwaBesifazane kanye neZingane ubanjwa kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuya kumhla ziyi-10 kuZibandlela  minyaka yonke

25 kuLwezi
Usuku Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Emhlabeni Wonke

1 kuZibandlela
Usuku Lwengculazi Emhlabeni Wonke

10 kuZibandlela
Usuku Lwamalungelo Abantu Emhlabeni Wonke

Yini edala udlame olubhekiswe kwabesifazane?

Lusukela ezingeni eliphansi labesifazane ekhaya kanye nasemphakathini
Lwenzeka lapho amadoda esebenzisa ngendlela okungeyona AMANDLA kanye NOKUVUNWA UMTHETHO ukuze ALAWULE abesifazane.

Kuyini UKUHLUKUMEZA?

           
Noma iyiphi indlela yokuziphatha ebangela:
 ukwesaba
ukulimaza emzimbeni 
ukuthi umuntu enze izinto ngaphandle kwentando yakhe 

Izibonelo Zokuhlukumeza: 


NGOKOMZIMBA

NGOKOMOYA

NGOKWEZIMALI

UKUHLUKUMEZA NGOKOCANSI

UKUDLWENGULA

	
Ngabe uyazi 

ukuthi iPhalamende seliphasise imithetho yokuvikela amalungelo omuntu ngayedwana ukuba angahlukunyezwa?

Nansi le mithetho:

UMthetho Wodlame Lwasekhaya ka-1998

UMthetho Wezingane ka-2005

UMthetho Wesondlo ka-1998

UMthetho Wokukhuthaza Ukulingana kanye Nokuvimbela Ukucwasa Ngokungafanele ka-2000

UMthetho Wokuchitshiyelwa komthetho Ophathelene Nobugebengu ka 2007  (uMthetho ophathelene Namacala Ezocansi kanye NezenzoNawo)


Amakomidi ePhalamende abhekene nezinga labesifazane kanye nezingane eNingizimu Afrika:

Ikomidi leNdlu yeSishayamthetho Kazwelonke elibhekene nomsebenzi Wezabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka
Ikomidi loMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe elibhekene nomsebenzi wezaBesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka



Kubalulekile u:

Kuqeda uchungechunge lodlame
Kuba ngowokuqala ukukhuluma
Kwazi amalungelo akho
Kulwisana NOKUHLUKUNYEZWA
Kungenzi sengathi awuboni!

Ungalutholaphi usizo?
Xhumana:
 NamaPhoyisa kule nombolo: 10111
Nehhovisi Likazwelonke leNhlangano Yemindeni kanye Nabashadile yaseNingizimu Afrika (eyaziwa ngokuthi yi-FAMSA) kule nombolo: (011) - 975 7107 noma iFekisi: (011) 975 7108
Ucingo Lwezingane: Inombolo: 08000 55 555
Ikhomishane Yokulingana kobulili: Inombolo: 011 - 403 7182



