
Isicelo sokwethamela umhlangano wokwenza Isithembiso Sokungabaleki
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ummangali noma owakhinyabezeka ngenkathi kwenziwa ubugebengu, unalo ilungelo, ngokuphawula kwe section 299 A of the Criminal Procedure Act, 1977  lokuba khona noma athumele ozommela, uma kulalelwa isithembiso sokungabaleki sommangalelwa lapho isinqumo sizoba wukuthi adedelwe noma afakwe ngaphansi kweso labasemajele.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ummangali noma owakhinyabezeka ngenkathi kwenziwa ubugebengu kufanele azise abaphathi bezasemajele ne bhodi elalela isithembiso sokungabaleki, ngokubhala incwadi, uma afisa ukuba khona noma afuna ukuthumela ozommela uma kulalelwa isithembiso sokungabaleki sommangalelwa.
Uma isicelo sommangali semukeleka, ibhodi izakwazisa ummangali ngokumbhalela incwadi eshoyo ukuthi loku kuzakwanzeka nini, nokuthi kumele bakhulumisane nobani. Lencwadi izakusho usuku nendawo lapho ibhodi yokulalela isithembiso sokungabaleki, izakuhlanganela khona.
Kungusebenzi wommangali ukuthi azise ikhomishane yezamajele uma ikheli lakhe lishintsha noma kungeselona leliya lakudala.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Correctional Services Act, 1998  

Criminal Procedure Act, 1977  


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ibhodi yokulalela isithembiso sokungabaleki izakuphendula ummangali, ngokumbhalela incwadi zingakapheli izinsuku eziyishumi nane.

Phezulu

Izindleko

Ayikho imali ekhokhwayo.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Request to attend a Parole Board hearing 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


