
Ukubika umuntu onyamalele
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo isiza amalunga emiphakathi ukubika ngomuntu onyamalele. Ungabika umuntu onyamalele ngokushesha uma usola ukuthi kukhona okungalungile okwenzeke kuye.

Asikho isikhathi sokulinda ukubika ngomuntu onyamalele. Uma iphoyisa likutshela ngenye indlela, cela ukukhuluma nesikhulu esiphezulu, kanti futhi uqhubeke nokuqikelela uze uthole usizo oludingayo. Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile ngezingane ezinyamalele, ngena kwi-website yekheli elithi: South African Centre for Missing Children .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma usola ukuthi umuntu unyamalele, zama ukuxhumana naye kuqala.
Uma ungakwazi ukuxhumana naye, hamba uye kunoma yisiphi isiteshi samaphoyisa , noma kwisikhungo senkonzo yamaklayenti  ngokushesha.
Nikeza ulwazi ngomuntu, kanti nikeza ngesithombe sakhe samaduzane.
Gcwalisa ifomu le-SAPS 55 usayine nefomu lokukhishwa kwezikhulu ecaleni  ukuvikela amaPhoyisa aseNingizimu Afrika  kwimibiko engelona iqiniso .
Uma umuntu onyamalele etholakala, hamba uye esiteshini samaphoyisa lapho owabika khona ukuthi umuntu unyamalele ukwazisa iphoyisa noma isikhulu esiphenyisisa icala.
Gcwalisa ifomu le-SAPS 92 ukukhansela inqubo yokusakaza ngomuntu onyamalele.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Police Service Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ungabika ngomuntu onyamalele kunoma yisiphi isiteshi samaphoyisa, hhayi nje kuphela endaweni lapho umuntu okusolwa ukuthi unyamalele khona.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Reporting a person missing, SAPS 55 A 
Cancellation on circulation system at the Missing persons bureau, SAPS 92 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

National Missing Persons Bureaux 

Head office 012-393 2002
Gauteng /Limpopo/North West 011-607 6316
Western Cape 021-918 3452
Free State / Northern Cape 051-503 2862
Eastern Cape 041-394 6640
Kwa-Zulu Natal 031-325 4757
Mpumalanga 013-249 1138

EMpuma Kapa
eFree State
eGauteng
eKwazulu-Natal
eLimpopo
eMpumalanga
eNyakatho Ntshona
eNyakatho Kapa
eNtshona Kapa




