
Ukufaka isicelo sokubika ukugula kwisikhwama sesincephezelo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ngokuya ngomthetho wokuncephezelwa kwabalimele noma abahlatshwe wukugula besemsebenzini ka 1993, abaqashi bagunyazwe ukuthi babike konke ukugula noma zonke izifo ezibangwa ngumsebenzi kubesikhwama sesincephezelo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Abaqashi kumele bagcwalise umbiko wabaqashi wukugula okubagwe ngumsebenzi i  zingakapheli izinsuku ezingu 14 emva kokuthi bazi ngesifo.
Umbiko abawuthumele kulelikheli elilandelayo:
The Compensation Commissioner
PO Box 955
Pretoria
0001
Abaqashi bamele ukuthi baphinde bathumele naloku okulandelayo:

umbiko wakuqala wesimo sesigulane wesifo esibagwe ngumsebenzi 
isicelo sesincephezelo sesifo esibagwe ngumsebenzi 
ifomu elilandisa ukusebenzela endaweni ethile ebange isifo 
imibiko yesimo sesigulane , sizesiphole isigulane
umbiko wokugcina kadokodela wesifo esibagwe ngumsebenzi. , uma isigulane sesipholile
incwadi yokupopola izindlebe, uma umsebenzi eye wagcina eyisithulu angasezwa ezindlebeni ngenxa yokusebenza endaweni enomsindo kakhulu
i-ENT okuyiripoti esipeshela ezohambisana nencwadi yokupopola izindlebe uma kudingekile
umbiko wokusebenza kwamaphaphu uma isifo singesamaphaphu
umbiko wesikhumba uma isifo singesesikhumba, 
mbiko wokusebenza kwegazi, kwamathe, isikhohlela ieksireyi kanye nokunye nje.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Compensation for Occupational Injuries and Diseases Act, 1993  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu 60.

Phezulu

Izindleko

Lomsebenzi awukhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Employer's Report of an Occupational Disease, ID: W.CL.1 
First medical report in respect of an occupational disease, ID: W.CL.22 
Notice of an occupational disease and claim for compensation, ID: W.CL.14 
Final or progress medical report in respect of an occupational disease, ID: W.CL.26 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


