zulu.1329.parenting
Ubusika nempilo
UMKHUHLANE udalwa amagciwane angena emzimbeni ahlasele umgudu wokuphefumula. Uyathelelana nokuyimbangela yokuthi abantu ubaphathe ngesikhathi esisodwa.
Umkhuhlane uthatha isonto kodwa izimpawu zawo zifana neze-influenza noma kube sengathi unezilonda emaphashini (pneumonia).
Uma umuntu onomkhuhlane ethimula noma ekhwehlela, kuphuma amathonsana amathe aye emoyeni kanti kungaba lula ukuthi atholwe omunye umuntu.
Yizingane ezivame ukuphathwa wumkhuhlane ngoba ziwuthola uma zidlala nezinye.
Izimpawu zomkhuhlane
Umkhuhlane unezimpawu eziningi. Uvame ukuhambisana nomphimbo obuhlungu, ukucinana namafinyila, ukuthimula nokukhwehlela. Zibonakala kalula lezi zimpawu ezinganeni kanti ngenxa yalokho, nengane iyakhombisa ukuthi ayimnandi.
Uyini umehluko phakathi kokungenwa amakhaza nomkhuhlane"
Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukungenwa amakhaza ne-flu kuyafana. Imbangela yalokho wukuthi lezi zifo zombili zingena ngamagciwane kanti zinezimpawu ezifanayo. Kodwa ukungenwa amakhaza akukubi njenge-flu. Uma une-flu ungaba nemfiva umzimba ushise kakhulu uqaqambe, uphathwe yikhanda ukhathale.
Ukwelashwa komkhuhlane
Umkhuhlane wamakhaza ungaphela emva kwesonto ukuphethe kanti izimpawu zawo ungazelapha ngemithi ongazithengela yona. (Cela iseluleko kusokhemisi wakho.)
Kodwa uma kuphela amasonto amabili ingane ikhwehlela, kungadingeka ukuba uyiyise kudokotela ngoba kungenzeka ukuthi iphethwe okunye okuyingozi.
Yigqokise izingubo ezifudumalayo uyikhuthaze ukuba idle okunomsoco iphuze neziphuzo ezifudumele ngoba lokho kungasiza amasosha omzimba.
Umthelela wawo
Umkhuhlane wamakhaza ojwayelekile awubi namthelela omubi kodwa ukhubaza amasosha omzimba. Izifo ezinjengokuphathwa amehlo nezindlebe, ukucinana, i-flu, amathansela nezilonda emaphashini zidalwa amanye amagciwane athola intuba yokungena uma amasosha omzimba ekhathele.
Vikela ingane yakho
Izingane ezincane azinawo amasosha omzimba aqinile okusho ukuthi ingane yakho ithembe wena ukuba uyivikele. Hlanza amabhodlela engane.
Uma izingane esezindala zinomkhuhlane wamakhaza mazingasondeli enganeni encane.
BONA ZULU - June 2006
Okwabazali
umhlahlandlela wokwenza kahle
Okomama nobaba....
Amakhaza avame ukuhambisana
nezifo eziningi...
GREAT STOCK!
5
1 Yikhombise ukuthi uyayithanda. Ayikho into esemqoka njengokukhulisa ingane yakho ngothando. Amagama anganakekile njengokuthi "Ngiyakuthanda" angenza umehluko omkhulu emhlabeni. Ingane yakho izozethemba uma yazi ukuthi iyathandwa.
2 Yikhuthaze. Yikhuthaze uma inekhono noma uma yenze okuhle. Thakasela izinto ethanda ukuzenza. Yikhuthaze ukuba ikhombise imizwa yayo ukuze ingazizwa ingabalulekile uyiduduze uma kunesidingo. Yinike ithemba uma kukhona okuyihlulayo uyikhuthaze ukuba izame ukwenza kangcono. Gwema amagama anjengokuthi "Uyisilima!"
3 Yinike inkululeko yokuzenzela. Ukunika ingane inkululeko yokwenza izinto ezinjengokufasa izinkinobho noma ukuthelelana amanzi nomngani kungayisiza ifunde ukuzimela. Izozethemba ifunde nokwethemba izinqumo zayo.
4 Yijezise ngokufanele. Yibekele izizathu zokujeziswa kwayo. Ngale kwalokho, izoba novalo lokuzama ezinye izinto ngoba ingenalwazi lokuthi uzoyithatha kanjani.
5 Makube khona ezokwenza. Ukwenza umsebenzi wasekhaya ngempumelelo kungavuselela ukuzethemba kwayo. Yincome uma kukhona ekwenze kahle.
KULULA ukuthi izingane zikhohlwe wukwenza umsebenzi wesikole noma ziwudoje zize zilale. Izeluleko zokuqinisekisa ukuthi ziyawenza lo "msebenzi"...
u Ngeke kube lula ukuthi ingane yenze umsebenzi wesikole uma nawe ungayikhuthazi. Inkulu indima engadlalwa abazali emfundweni yengane kanti ukuyisiza emsebenzini wesikole kukhomba ukuthi uyayikhathalela nokuthi ukuwenza kuyinto emqoka.
u Yibani sendaweni enokuthula nibeke nezikhathi enizokwenza ngazo umsebenzi wesikole. Uma unezingane esezikhulile, cela zinijoyine zenze owazo umsebenzi ngesikhathi esisodwa ukuze encane ingabi nesizungu ngesikhathi abanye besabukela iTV.
u Hlola umsebenzi wengane yakho ubhale phansi izinsuku ezingumnqamula juqu zokwenziwa kwalowo msebenzi. Ingane ingathola imiphumela emibi uma yenze umsebenzi wayo isikhathi singasekho.
u Ungayenzeli. Yibonise. Yikhombise ukuthi ulwazi ingalutholaphi uyikhuthaze ukuba ilufunde iluhlanganise ngokwayo. Lokho kuyihlomisa ngamasu okubhekana nezincwadi nokuyinto engayisiza ifunde ukuzimela uma yenza umsebenzi wayo.
u Xhumana nothisha bengane ikakhulu uma inenkinga ezifundweni zayo. Bangakunika usizo.
Izindlela zokuvuselela ukuzethemba
nguNONHLANHLA KHUMALO
Qikelela ukuthi iyawenza umsebenzi wesikole
GREAT STOCK!
BONA ZULU - June 2006
u
GREAT STOCK!
Odado
abathokozile
KWA-Shoprite banochunge olusha lwezitsha zengane ezishibhile neziyikhwalithi.
Ochungeni lweJolly Tots banamabhodlela, izinkomishi, izinkohliso - ama-teat, izindishi zokudla ezinezipuni nezimfoloko nezitsha zama-snacks.
Kukhona ezibiza u-R8,99 kuya ku-R25,99 kanti imikhiqizo yakwaJolly Tots itholakala ezitolo zakwaShoprite Checkers ezweni lonkana.
t
IZINHLUNGU ozizwa uma ubeletha zidalwa wukufinyela kwemisipha esibelethweni ngesikhathi ingane izalwa. Yize noma lezi zinhlungu zingagwemeki, kukhona okungakusiza ngokwemvelo nangokwempilo ukuze umelane nazo.
Kunezindlela zokwemvelo ezinconywa ababelethisi ongazisebenzisa ukudambisa izinhlungu ikakhulu uma ungafuni ukusebenzisa amaphilisi. Ezinye izibhedlela azikukhiphi okokudambisa izinhlungu okunjenge-epidural kanti imitholampilo yomphakathi ayikukhiphi nhlobo. Ungazama lezi zindlela zokwemvelo ukuze kudambe izinhlungu...
uUkuhlikihlwa: Owakwakho angakuhlikihla emhlane ukuze kudambe izinhlungu zeqolo ezivame ukuhlasela omama uma besikwa.
uUkuphefumula: Indlela ophefumula ngayo ingenza uphatheke kahle. Uma uyoxukuzwa uzofundiswa indlela ongaphefumula ngayo uma usikwa. Donsa umoya kancane ngamakhala uwukhiphe ngomlomo.
Izindlela zokudambisa izinhlungu
Zintathu izinto ezivame ukusetshenziselwa ukudambisa izinhlungu uma ubeletha. Ukutholakala kwazo kuya ngendawo obelethela kuyona...
uI-Nitrous oxide (gas): Itholakala ezibhedlela nakumbelethisi oqeqeshiwe. Uyayihogela le-gas usebenzise i-facemask. I-Nitrous oxide idambisa izinhlungu ayiziqedi.
u I-Pethidine: Lona ngumjovo wokudambisa izinhlungu othatha amahora amabili kuya kwamane. Utholakala ezibhedlela okusho ukuthi ngeke uwuthole uma uhlela ukubelethela ekhaya.
uI-Epidural: Lona ngumjovo ojovwa emgogodleni uma ubeletha ngokujwayelekile noma ngokuhlinzwa. Lo mjovo ujovwa kwi-lining yomgogodla kanti wenza kube ndikindiki kusuka okhalweni kuye kwesingezansi. Unamandla kodwa utholakala ezibhedlela ezizimele uma uwucele singakafiki isikhathi sokubeletha.
Ukuxhaswa owakwakho
Ukuxhaswa owakwakho ngesikhathi usikwa kunika ithemba kanti kungaqeda uvalo onalo ngokubeletha. Makahambe nawe uma uyoxukuzwa. Lokho kuzomsiza afunde ngangakusiza ngako uma ubeletha.
BONA ZULU - June 2006
GREAT STOCK!
Ukumelana nokusikwa
Okomama nobaba....
kuhlukahlukene kodwa okujwayelekile
Okwenzeka ngesikhathi sokubeletha ,
uma bebeletha.
wukuthi bonke omama bayasikwa
Kufunde konke...
Kungenzeka kube mbalwa okwaziyo mayelana nokukhuliswa kwabantwana. Nazi izincwadi esingakululeka ngokuba uzitholele zona...
uFirst-Time Parents (Dr Miriam Stoppard, Penguin SA, R160)
Uma ucabanga ukuqala umndeni wakho noma ulindele ukuthola umntwana, izokusiza le ncwadi. Inolwazi oludinga ungakacabangi ngisho nokukhulelwa. Kuyona ufunda ngokwenzeka ukhulelwe noma ubeletha, ukukhula kwengane nezinguquko ezenzeka empilweni yakho uma usunengane.
u All About Children (Tony Humpreys, Pan Macmillan, R160)
Umbhali wale ncwadi ungudokotela wezengqondo kanti kuyona unika izeluleko mayelana nokuthi abazali bangabhekana kanjani nezinselelo ezihambisana nokuba ngumzali. Uyakuhlomisa ngendlela yokukhuluma nezingane nangokuqonda izinguquko ekuziphatheni kwazo. Le ncwadi inemibuzo nezimpendulo.
u He's Having A Baby (Jack O' Sullivan, Penguin SA, R170) Lena ngeyobaba. Umbhali wayo ukunika izeluleko nolwazi mayelana nokukhulelwa, ufunde ngezingane, intsha, imfundo nezezimali. Ukunika izeluleko mayelana nongakwenza uma udlala nengane, ongakwenza uma ingane ithukuthele nokuba yisibonelo esihle ezinganeni.
Izithombe zezincwadi: nguROELENE PRINSLOO
Ukwakheka kolimi ezinganeni
NGABE bewazi ukuthi kubalulekile ukukhuluma nezingane" Ocwaningweni olusanda kwenziwa abacwaningi base-UK kwatholakala ukuthi izinga lokukhulunywa kolimi ngendlela efanele liyehla ezinganeni ezineminyaka emithathu. Bakholwa wukuthi izingane eziningi ziqala enkulisa ngaphandle kokuxhumana ngokufanele nabazali bazo.
Abazali abasachithi isikhathi esanele bexoxa nabantwana, mhlawumbe lokho kudalwa wukuthi izingane zikhonze amathoyizi, namaTV games ezingadingi sizo lwabazali uma ziwabuka. Izingane kumele zifunde ukukhuluma ngokuxhumana nabazali bazo ikakhulu uma zingekho izingane ezingaxoxa nazo.
Qaphela uma ingane yakho isiqala ukukhuluma, lokho kuzoyisiza kakhulu ekwakheni ulimi lwayo ngisho noma ingakakufundi kahle ukukhuluma.
BONA ZULU - June 2006
Okumayelana nokungondleki
ININGI lezingane ezilahlekelwa yimpilo yazo lifa ngenxa yendlala eyimbangela yokuba umzimba uhluleke wukulwa nezifo.
Ukungondleki kubuye kube yimbangela yokuthi ingane ikhule ibe mfishane kuneminyaka yayo, ibe nesisindo esiphansi, ishode ngo-vitamin A, i-iron, i-iodine, zinc, ne-folic acid.
Indlala nokungathuthwa kahle kwendle nokungabhekeleleki ngakwezempilo yizinto ezidala ukuba ingane inganonophali.
Uma ingane ikhombisa ukunganonophali emva kweminyaka emibili izelwe, kungenzeka ukukhula kwayo ngokomzimba nangokwengqondo kuhambe kancane. Lokhu ngeke ukubone uma ingane isikhulile kodwa kuyinto engakhubaza impilo yayo yonke.
Ukungondleki kahle kuba nomthelela nasemfundweni yengane ngoba kwenza ingaqhubi kahle ezifundweni zayo, ingabi nomdlandla, ithikamezeke ngokwengqondo nasemphakathini, ibe sengozini yokuphathwa yizifo eziyingozi.[z]
Umata ophephile
KULO mata ungalalisa ingane ngomhlane ngesikhathi uyishintsha. Ubuye uyivikele ukuze ingawi embhedeni noma etafuleni oyishintshela kulona.
(Utholakala ezitolo ezinezimpahla zabantwana nasemakhemisi ngo-R160.)
BONA ZULU - June 2006
