zulu.1026.hair
Bukeka kahle kuleli hlobo ngokulandela izeluleko zikaBONA zezitayela ezintathu ongaqhakaza ngazo emicimbini ephambili eyehlukene. Indaba nguFaith Seuoe, umkhangisi nguLizelle
IMISHADO, amaphathi, ubusuku basehlobo phansi kwezinkanyezi... Kufanele ubukeke kahle. Lokhu ayikho indlela ongakwenza ngayo ngaphandle kwezitayela zezinwele eziphambili esihlale sizibona kubakhangisi.
Lokhu akufanele ukuthathe njengento eyinselelo enzima. Siniphathele izitayela zezinwele esazithola kwiJoburg Fashion Week - ukuze sinenzele lo msebenzi wokuzicwala ube ngolula.
Khetha umcimbi ofuna ukuqala ngawo, uye kuwo ngeqholo...
Ubuhle basemshadweni
Komakoti abamatasa abangenaso nesincane isikhathi ngenxa yamalungiselelo omshado kusukela ohlwini lwabantu abamenyiwe kuya ezimbalini - siniphathele izindlela zokulungisa izinwele.
Siniphathele indlela elula yokwenza i-bun engakwenza ubukeke kahle.
Lungisa izinwele eziluliwe ngokuzi-blowdryer ziqonde ufake i-moisturiser encane ukuze zicwebezele. Vula indlela eceleni, bese uphushela izinwele emumva kube yi-ponytail. Emva kwalokho zixhume nge-human hair.
Emva kwalokho zibhrashe kahle bese uzithandela ngokusebenzisa inaliti newuli. Qiniseka ukuthi usebenzisa i-holding spray kanye nama-hairgrips amaningi ukuze isitayela sakho sezinwele sime kahle ngokufanele.
Kusukela lapho ixhumeke khona i-ponytail, ibophe ngezinwele ezimbalwa bese uyophotha ibe yi-bun.
Futha nge-holding spray zonke izinwele ezizintantelayo bese uzilalisa phansi ngengemumva lekamu. Qedela lobo buhle nge-oil sheen spray ukuze zibe zinhle zicwebezele.
Ekugcineni faka ozohlobisa ngakho ezinweleni ukuze ubukeke kahle emshadweni wakho.
Ubuhle basehlobo
Uthola isimemo somcimbi wasemsebenzini nokuyilapho ufuna ukubukeka kahle kunalokhu ohlale uyikho nhjalo kusukela ngo-9 kuya ku-5. Uma izinwele zakho zingezinde ngokwanele ukukwenzela lo msebenzi, themba ama-hair extension anama-curls ukuze ubukeke ngendlela ehlukile.
Zihlukanise izinwele eceleni, kube khona ezincane ozozenza ama-curls ngaphambili ukuze ubukeke ngendlela ehlukile. Bopha ezinye izinwele ezisele uzenze i-pony ezokuba ngezansi kwendlebe. Bopha izinwele, nge-hairband enendwangu ukuze zingaphuki.
Faka ama-hair extensions (uma uwasebenzisa) ngama-hairgrips. Thatha ama-hair extensions ambalwa - noma izinwele zakho uqobo uma unezanele - uzibophe zibe amaqatha eduze kwalapho kuxhunywe khona i-pony. Lokhu kubophelele endaweni efanele ngama-hairgrips. I-holding ne-oil sheen spray encane kuzokwenza ubukeke ngokwedlulele.
Isitayela i-bubble
Uzikhiphile nabangani ngempelasonto. Isitayela sezinwele esingakwenzela izimanga sikwenze ube muhle, yisitayela se-bubble.
Qala ngezinwele ezihlanzekile nange-oil encane uziswakamise ukuze isitayela sakho sihlale simile. Bhulasha izinwele ozomise nge-blowdrier uzise emumva, bese uvusa eziphezulu ekhanda zime.
Faka kancane i-holding spray uyiyeke yome bese usebenzisa ikamu uzikame ziye emumva. Qaphela ungayicindezeli i-bubble yakho. Bhulasha izinwele ezisedmaceleni ngokuzicindezedla, uzihlanganise emumva, ngezansi kwe-crown yekhanda bese uzicwaneka kahle ngama-hairgrips.
Brasha izinwele zonke emumva. Qedela lobo buhle nge-oil sheen spray encane, uma izinwele zakho zibukeka zigqwalile.[z]
BONA ZULU October 2008
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
Izitayela
EZINHLE!
Ubuhle basemshadweni
◄▲Yiba wumakoti osesitayeleni ngale-bun kanokusho.
Isitayela i-bubble
Ubuhle basehlobo
◄▼Gqama ubukeke kahle ngalesi sitayela emcimbini.
◄▲Lesi sitayela sihle kakhulu ehlobo.
BONA ZULU October 2008
