
Izikhungo zokushayela ze-10 111
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lesi yisikhungo esisebenza amahora angu-24 sokubika ubugebengu, esibhekana nemibiko nezikhalazo ezivela kubantu. Izingcingo zingashayelwa ngokusebenzisa ulayini wakwa-Telkom noma ngeselula . Zonke izingcingo ezingena esikhungweni ziyarekhodwa.

Qaphela:Shayela kule nombolo kuphela uma kunesimo esiphuthumayo. Musa ukusebenzisa kabi lolu cingo:

lokhu kuvimbela izingcingo ezishayelwa ngabantu abakwisimo esiphuthumayo nesiyingozi, kanti futhi abadinga ukusizwa ngamaphoyisa masishane.

lokhu kuchitha isikhathi samaphoyisa ngoba kudingeka izikhulu zithathe imoto noma zindize ziye kuleyo ndawo okubikwa khona ubugebengu

lokhu futhi kuchitha izimali ngoba izikhulu zingathunyelwa ukuthi ziye endaweni lapho okungekho khona isimo esiphuthumayo.


Uma unesikhalazo esingaphuthumi noma ukubuza imibuzo nje ngokunabile, shayela esiteshini samaphoyisa sendawo yangakini.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Shayela inombolo ethi: 10111 noma ngabe ukuphi eNingizimu Afrika.

U-operator uzophendula ucingo esikhungweni sezingcingo  athathe lonke ulwazi olufanele

Ulwazi luyaqoqwa ebese unikezwa inombolo yereferensi njengobufakazi kanye nokulusebenzisa ngesikhathi esizayo.

Umbiki  uxhunyaniswa nemoto ye-SAPS Community Service Centre  noma imoto eseduzane ye-Flying Squad.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Police Service Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Zonke izingcingo ziphendula ngokushesha ngendlela okukhonakala ngayo.

Phezulu

Izindleko

Ukushayela ucingo kulayini wakwa-Telkom : Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Ukushayela ucingo kuselula  : Izingcingo zikhokhiswa imali evamile yamaselula 


Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


