Zonke izinhloko nabaqondisi bezinhlangano ezingozimele geqe
Bonke osonhlakahle 
Bonke abasebenzi bentuthuko yomphakathi
Bonke abasebenzi bezempilo yomphakathi 
Nks/Mnu othandekayo
IMFULUWENZA ENGUBHUBHANE i-A (H1N1) 2009
NjengoNgqongqoshe Wezempilo, ngibhalela nina mayelana naloku kufa okushiwo ngenhla  ngenxa yezizathu ezimbili:  
ukunika ulwazi 2009 oluzonisiza ukubhekana ngqo nalesi sifo 
ukucela usizo lwenu nokuzimbandakanya kanye nokwehhovisi lakho elikhulu ekudluliseni kahle imiyalezo ebalulekile ngemfuluwenza i-A (H1N1) 2009  emiphakathini eniwusebenzelayo. 
Igama elisemthethweni lesayensi lalesi sifo yi-Pandemic Influenza A (H1N1) 2009.  Yaqala eMexico nase-United  States of America ngo-Ephreli kulo nyaka.  Ekuqaleni yayaziwa njengomkhuhlane wezingulube (i-swine flue) ngenxa yokuthi kwabe kucatshangelwa ukuthi yaqala ngezingulube.   Manje sekuyaqondwa ukuthi umsuka wayo uvela kubantu nakuzinyoni.  Ngakho-ke, lokhu kufa akunalutho yokwenza nokudliwa kwengulube noma imikhiqizo yengulube.  Manje sekubizwa nje kalula njengemfluwenza engubhubhane  noma ibizwe ngegama layo elisemthethweni i-A (H1N1) 2009.
Kusukela ngo-Ephreli kulo nyaka, le vayirasi isisabalele ngokushesha kumazwe ayi-166. E-Afrika, kuze kube manje le vayirasi isisabalalele emazweni ayi-16 kuphela.  Ngalesi sikhathi sokubhala le ncwadi, le vayirasi isisulele abantu    abayi-177 457 (abaqinisekiswe yizindlu zokuqhuba ucwaningo lwesayensi) emhlabeni wonke, phakathi kwabo osekufe abayi-1 457 abaqinisekisiwe. 
ENingizimu Afrika kuze kube yimanje, sesiqinisekise izimo eziyi-2 844 osekufe kuzo abantu abayisithupha.
Ngemuva komhlangano wesine weKomidi Lwesimo Esisheshayo owawubanjwe ngomhla we-11 Juni 2009, iNhlangano Yomhlaba Yezempilo (i-WHO) yaphetha ngokuthi ikhratheriya yokuthatha lokhu kufa njengobhubhane lomhlaba seyanelisekile futhi uMnqondisi-Jikelele, uDkt Margret Chan, usesigunyazile lesi simo njengoBhubhane ( izinga lesi-6).  Kalula lokhu kusho ukuthi loku kufa sekusabalalele emazweni akuzo zonke izindawo ze-WHO futhi lokhu kwenzeke ngokukhulu ukushesha. Kodwa-ke ngithanda ukugcizelela ukuthi  ukugunyazwa kohobhane akusho ukuthi ukufa kunamandla.  Lokhu kusho ukuthi kuyaqhubeka nokusabalalela yonke indawo.
Ngomhla wesi-6 ku-Julayi  i-WHO yachaza ukuqhubeka kwalolu bhubhane emazweni athintekayo kanye nakumazwe amasha njengokungavumeleki futhi okungavimbeki.  Ngenhlanhla, yize lokhu kunje, iphinde yasho ukuthi abantu abaningi abatheleleke ngevayirasi bazoba nezimpawu ezingconywana.  Yize njengabasebenzi bezempilo, bomhlaba jikelele nabalapha ekhaya,  sikhathazekile ngokufa okuvelile kuze kube manje  (okungama-0,8% emhlabeni nama-0,2% abantu abesulelekile eNingizimu  Afrika).  Ivayirasi isulela abantu abaphakathi kweminyaka eyi-10 ukuya kwengama-29 – iningi labo ngabafundi noma ngabasezikhungweni zemfundo ephakeme.
I-WHO yeluleke ngokuthi amazwe afanele agxile ekwehliseni umthelela walokhu kufa emiphakathini.  Ukwenza lokhu, ukuxhumana kahle kubalulekile.
Indlela yokusabalala
Lokhu kufa kusatshalaliswa yithonsi lokusuleleka ngokufa okungukuthi uma umuntu osulelekile ekhohlela noma ethimula bese wena uhogela umoya abawuthimulele noma abawukhohlelele. Ngisho noma ngabe bakhohlelela endaweni eqinile, wena  wabe usuhogela umoya olapho ungasuleleka).
Izimpawu Zesifo 
Izimpawu zaloku kufa zingehlukaniswa izinhla ezinkulu ezintathu:
ezingcono
ezingconywana 
nezimbi
Izimpawu ezingcono:  
amafinyila noma amakhala acinene
ukukhohlela 
imfiva
ubuhlungu bezinyama 
ukungazizwa kahle umzimba wonke
Abantu abaningi emhlabeni banalezi zimpawu ezingcono futhi abadingi noma ngabe yikuphi ukwelashwa okukhethekile.  Ngakho-ke, abantu abanezimpawu ezingcono kufanele belashwe njengoba kulashwa imfuluwenza ejwayelekile ngaphandle uma kunabantu abanalezi zimo ezilandelayo okufanele baye kothola usizo lokwelashwa ngokushesha noma ngabe banezimpawu ezingcono:
abantu abanokugula okubi kwenhliziyo noma kwamaphaphu 
abasimame abakhulelwe 
abantu abaphila ne-HIV ne-AIDS
abantu abanesifo soshukela (diabetes mellitus)
Izimpawu ezingconywana zimbandakanya izimpawu ezingcono nezinye:
ukuphelelwa ngumoya
ubuhlungu esifubeni
ukuhlanza okunganqamuki
Ukuhanjiswa yisisu nezimpawu zokuswela amanzi
Izimpawu ezimbi zimbandakanya izimpawu ezingcono nezingconywana kanye nezinye
ubunzima bokuphefumula (ukungakhoni ukuphefumula)
izindebe eziluhlaza, ulimi noma ezinye izingxenye zomzimba
isiyezi esikhulu nokuquleka
Noma ngabe ngubani onezimpawu ezingconywana noma ezimbi kufanele afune aphinde athole ukwelashwa ngokushesha.
Ukwanda kokufa kuzifundazwe
Ukwanda kokufa kuzifundazwe zethu njengephesenti lokusuleleka okuphelele ezweni lethu lonke kunjengoba elandela:
E-Gauteng			50% 	
ENtshonalanga Kapa	31%	
KwaZulu-Natali		7%	
EMpumalanga Kapa	4%	
ELimpopo			2,4%	
EMpumalanga		1,9%	
ENyakatho-Ntshonalanga 	1,8%	
E-Free State			0,7%	
ENyakathi Kapa		0,1%	
Bayisthupha abafile:
ENtshonalanga Kapa	bathathu
E-Free State			munye
EMpumalanga Kapa	munye
KwaZulu-Natali 		munye
Ukuhlolelwa ivayirasi
Ukuhlolwa okusemthethweni kwenziwa isiKhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithelelanayo esiseGauteng esesivule uphiko eNtshonalanga Kapa.  Ukuhlolwa kuzokwenziwa ngesincomo sikadokotela.  Iziguli ezidinga ukwelashwa ohlelweni lukahulumeni lezempilo akufanele zicele ukuhlolwa kwasendlini yocwaningo lwesayensi.  Siyazi ukuthi yilokhu okwenzeka njengamanje emkhakheni wezempilo wangasese, kodwa akukhokona okufunwa yi-WHO. Odokotela kufanele belaphe izimo ezisolekayo ngokwamazinga okwedlulisa ulwazi (protocol) ahlinzekwe nguMnyango Kazwelonke Wezempilo.
Ukwelashwa
Ukwelashwa onelungelo lokuzikhethela kona yi-Tamiflu.  Ifanele inikezwe ngudokotela futhi inikwa labo: 
abanezimpawu ezingcono abukuzihla ezikhethekile njengoba zishiwo ngenhla
abanezimpawu ezingconnywana
abanezimpawu ezimbi
Ukwelashwa kukawonke wonke nge-Tamflu kuzoholela ekuqabeni kokulapheka uma kusetshenziswa lo muthi futhi kungenza ukuthi ungasebenzi nakulabo ongahlenga izimpilo zabo. 
Ukuvalwa kwezikhungo
Ulwazi olutholakale emhlabeni wonke ngukuthi ukuvalwa kwezikole nezikhungo zemfundo ephakeme, amamoli okuthenga nezindawo zokusebenzela akusebenzi  kusukela ekusabalaleni kokufa.  Kodwa, lokhu kudala ukuthikamezeka okukhulu enhlalweni.
Seluleka ukuthi  noma ngabe yimuphi umfundi, umfundisi  noma umsebenzi onezimpawu ezingcono ukuba ahlale ekhaya. Uma bebaningi abafundi futhi/noma abafundisi abaphuthayo, isikhungo esithintekayo kuzofanele sithinte uMnyango Wezemfundo, ozobe ngokuhlanganyela neziphathimandla zezempilo usululeka ngokufanele kwenziwe.
Ukuphepha kwezempilo okujwayelekile  
Ngenxa yendlela lokhu kufa okubhebhetheka ngayo njengoba kushiwo phamphimbilini, lokhu kuphepha kwezempilo okulula okulandelayo kuyaphakanyiswa:
hlamba izandla ngensipho njalo
khohlela noma uthimulele kwiphepha eliyithishu noma emkhonweni wengalo yakho
ungakhohleleli ezandleni zakho noma ngabe sekwenjani, okungcono khohlela kwindololwane yakho
uma uphoqeleka ukuba ukhohlelele ezandleni zakho, ungathinti lutho olufana nezibambo zeziminyango, amafasitela, ingaphezulu lamatafula noma izitsha zokudla kuze kube usuhlambe izandla zakho ngensipho
Uma unezimpawu ezingcono, hlala ekhaya futhi nqanda ukuhlangana nabantu.
Ngifisa ukuniqinisekisa ukuthi ososayensi benza konke okusemndleni emhlabeni wonke besebenzisana ne-WHO ukuzama ukuthola ikhambi. Uma konke kuhamba kahle, ikhambi elifana naleli lingakhona ezinyangeni ezimbalwa. Kodwa, kunesindingo esikhulu kabi sekhambi nokukhiqizwa obukhulu bako bunganele – ubukhulu obungekho e-Afrika.
Ngifisa ukunibobonga ngesikhathi enibe naso sokufunda le ncwadi, futhi ngiphinde ngibonge ukubamba kwenu iqhaza okulindelekile ekudluliseni ulwazi nasekwehliseni imiphumela yalokhu kufa.
Ozithobayo
DR A MOTSOALEDI, MP
UNGQONGQOSHE WEZEMPILO
USUKU:   
