zulu.1327.sib
Izingane zisuswa ezitaladini zifakwe esteji...
ISibikwa Arts Centre
Indawo efanele!
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguSIPHO MCHUNU
ISibikwa Arts Centre eseBenoni e-East Rand yavulwa nguBra Smal Ndaba noPhyllis Klotz eminyakeni engu-19 edlule. Le ndawo ayigcinanga ngokushintsha impilo yentsha yaseGauteng nje kuphela kodwa isishintshe neyentsha eliqhamukisa eLusikisiki e-Eastern Cape.
Kule ndawo kusizwa izingane nabadala abaliqhamukisa emiphakathini empofu ukuze bacije amakhono abo kwezobuciko, kwi-drama, emdansweni nasemculweni.
ISibikwa yasiza u-Andries Mbali owayeseyeke isikole.
UMbali ongomunye wabaqondisi bomdlalo wasesteji othi Ntombi Nto, wayeka isikole kuGrade 8 emva kokuhlushwa nguthisha.
"Uthisha wesilisa washo phambi kwabafundi ukuthi ngiyibhinca elinukayo wathi kufanele ngiye ekhaya ngiyogeza. Ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngiphindele esikoleni," kusho yena.
"Njengoba ngangizalwa emndenini owawumpofu ngihlala nomama emjondolo eDaveyton, ngahluleka wukubekezelela lowo thisha."
Kwamkhanyela ukuthi uma eya eSibikwa uzohlonishwa athole ukwelulekwa nokuqeqeshwa ngendlela efanele.
"Wayeneminyaka engu-15 ngesikhathi efika eSibikwa," kusho kukhumbula uBra Smal Ndaba, ongomunye wabaqondisi beNtombi Nto.
"Ngachazela uBra Smal ukuthi ngifuna ukudlala, ngathokoza lapho bengamukela," kusho uMbali.
"Kwangikhanyela zisuka nje ukuthi ngisendaweni ekahle!"
Amathuba
"ISibikwa yisikole somphakathi wethu. Ngaso sivulela abahlala emijondolo nezingane zasezitaladini amathuba," kuchaza uBra Smal.
Emva kokusebenza ngokuzikhandla nokuqeqeshwa, uMbali walibangisa eStellenbosch. "Ngadlala emdlalweni wezeNkolo owawuthi The Mysteries, ngidlala indawo kaLucifer," kusho uMbali.
Lowo mdlalo wamnika ithuba lokuya eMelika, eLondon naseCanada.
Olunye udaba lowaphumeleliswa yiSibikwa olukaSiphokazi Maraqana ocula i-Afro-jazz owawina kumaSAMA emva kokuqeqeshwa eSibikwa.
"Ngeke ngiyikhohlwe iSibikwa. Ngangingeke ngicule ngokuzethemba ukube angizange ngisizwe yile ndawo," kusho uSiphokazi.
Ogogo nomkhulu wakhe abake bahlala eVosloorus babengafuni ukuba ashiye ikhaya eLusikisiki ayofuna amadlelo aluhlaza eGoli.
"Babengitshela ngezinto ezimbi ezazenziwa abaculi. Nakuba nganginovalo, ngangazi ukuthi amaphupho ami ngeke afezeke uma ngingathathi imithwalo yami amabombo ngiwabhekise eGoli. Ngenhlanhla, ngelulekwa ngokuthi mangibhalise eSibikwa!"
Usizo
Ngesikhathi uSiphokazi esafunda esikoleni samabanga aphansi eLusikisiki, wayebhala izingoma acule ekilasini uma uthisha engekho.
"Ngangijeziswa ngokuthi mangicule ngedwa phambi kothisha abangu-14 ababefundisa esikoleni," kusho yena.
"Ngangicula ngikhala izinyembezi. Kwakuthi lapho sengiqedile othisha bashaye izandla kodwa bangaphawuli lutho ngokucula kwami."
Ukuqeqeshwa kwakhe eSibikwa kwabuye kwamkhombisa ukuthi unalo ikhono lokulingisa.
Le ndawo isiza ngokucija abantu emakhonweni abo.
Yasungulelwa ukusiza abazali ababekhala ngokwehla kwezinga lemfundo, ukulova kwezingane esikoleni nokungagxili kwazo ezifundweni.
"Sisiza izingane ukuze zifunde ukuphucula impilo nekusasa lazo," kusho uBra Smal. [z]
BONA ZULU - December 2007
KWESOBUNXELE: U-Florence Sambo eqeqeshelwa ukudlala kwiThe House Of Zombies eSibikwa.
PHEZULU KWESOBUNXELE: U-Bra Smal Ndaba no-Andries Mbali.
NGENHLA KWESOBUNXELE: U-Clara Vaughn, umqondisi weThe House Of Zombies.
PHEZULU: KwiThe House Of Zombies kuboshelwe abadlali abanethalente.NGENHLA: Iziqephu zaseshibhini kwiNtombi Nto.
BONA ZULU - December 2007
