Ukugcotshwa kukaMongameli – 2009
Masigubhe ukugcotshwa kukaMongameli omusha wezwe lethu! 
Izigidi zabaseNingizimu Afrika zabamba iqhaza okhethweni lwamhla zingama-22 kuMbasa kowezi-2009. Ngokuvota, abantu baseNingizimu Afrika babambe iqhaza ohlelweni lwentando yeningi lokukhetha uMongameli omusha wezwe. Njengoba sesiyazi imiphumela yokhetho, sekuyisikhathi sokuba kugcotshwe uMongameli omusha. 
Kuyini ukugcotshwa kukaMongameli?
Ukugcotshwa kukaMongameli kuwumgidi osemthethweni oyinkomba yokuqala kwesikhathi esikaliwe sokusebenza kukahulumeni omusha. Ngalolu suku, uMongameli omusha ufungiswa yiJaji Jikelele laseNingizimu Afrika. OMongameli bakwamanye amazwe, oHulumeni nabamele oHulumeni bakwamanye amazwe bayawethamele lomcimbi osemqoka. Kuba nomculo, nemigidi yesintu emcimbini wokugubha usuku. 
Kuyokwenziwa nini ukugcotshwa kukaMongameli? 
Kulo nyaka, uMongameli uyogcotshwa ziyisi-9 kuNhlaba kowezi-2009 kusukela ngele-11 ekuseni e-Union Buildings ePitoli.
Lubaluleke ngani lolu suku? 
Ngalolu suku sigubha okuzuzwe yizwe lethu ngokwentando yeningi kanjalo namalungelo kanye namathuba esiwathola eNingizimu Afrika ebuswa ngokwentando yeningi, engacwasi ngokobuhlanga nangokobulili. Lolu wusuku esingabumbana ngalo njengesizwe ukuqhubeka nokwakha iNingizimu Afrika esingaziqhenya ngayo. 
Ungaba kanjani yingxenye yokugubha ukugcotshwa kukaMongameli? Iziteshi ezimbalwa zikamabonakude nezemisakazo ziyosakaza bukhoma ukugcotshwa kukaMongameli mhla ziyisi-9 kuNhlaba kowezi-2009 – ubobeka indlebe!
Kuneminye imicimbi ehleliwe emiphakathini eyehlukene ezweni lonke – yiba yingxenye yayo! 
Uma udinga imininingwane ngomcimbi osendaweni yangakini, shayela ku 1020 (inombolo engakhokhelwa uma ushaya ocingweni lwasendlini).  
Sibumbene ukuphucula izimpilo sindawonye! 
