INdebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010KANYE NENDEBE yeNhlangano ye-FIFA Ningizimu Afrika 2009 
AMAQINISO 
Siyizwe lesibili emhlabeni elike lasingatha umdlalo wekhrikhethi, i-rugby kanye nezindebe zebhola lezinyawo zamazwe omhlaba.
IZINKUNDLA ZEMIDLALO 
Izinkundla zemidlalo ezintsha yizona ezibukeka kakhulu emhlabeni kanti seziqoqene zonke zizohlala abantu abangaphezu kwezi-570 000.
Inkundla Yezemidlalo i-Moses Mabhida e-Durban inegobela (arch) lensimbi eliwu-105 ngaphezu kwaphakathi nendawo nenkundla. Ngokusebenzisa imoto yekhebuli, ababukeli bayozithokozisa ngombono omuhle kakhulu wolwandle lwaseThekwini i-Indian Ocean.
I-Soccer City eGoli yona ithathe ukuma kweselwa okwenziwa ngayo inkezo yendabuko yesiNtu yokuphuza amanzi. Ngaphandle siyindawo ewu-43 000 m2 futhi sizokwakhiwa ngezinto zokwakha okungezemvelo ngokuphelele ezisebenzisa kahle amandla kagesi. Inkundla yezemidlalo enkulu kunazo zonke e-Afrika ehlala abantu abacishe babe yizi-95 000. 
Inkundla yezemidlalo iMbombela eNelspruit isesifundeni esaziwa kakhulu ngobuhle bayo basendle kanye nezilwane, iseduze kwe-Kruger National Park. Uphawu lwayo ebonakala ngalo isisekelo esinophahla olukuphakama kwalo kuyi-18 olufana nezindlulamithi.
Amazinga ezinkundla zemidlalo emalokishini enziwa ngcono, ezinye ziyoba yizindawo zokuzilolonga kwamaqembu. Lezi zinkundla zibandakanya:
I-Orlando Stadium, eqedwe ngaphambi kwesikhathi kanye ne-Dobsonville Stadium eSoweto
Izinkundla i-Rand, Cecil Payne, Rabie Ridge ne-Ruimsig eGoli
Izinkundla i-HM Pitje, Super ne-Giant eziseTshwane/ePitoli 
I-Sesa Ramabodu Stadium e-Rocklands, eKapa
Izinkundla zemidlalo i-Princess Magogo, King Zwelithini ne-Sugar Ray Xulu e-Durban
I-Olympia Park Stadium eRustenburg.
Uthi bewazi?
Kuzotshalwa izigidi ezinga-R25 ekuthuthukisweni kwamakilabhu kumakhodi onke ezemidlalo, ikakhulukazi emiphakathini empofu, ukuze kutholakale futhi kunakekelwe amathalente ethu ezemidlalo, futhi sense ngcono ukuncintasana kwethu kwezemidlalo.
Izigidi ezungama-R212 zitshalwa esikoleni nakwezimidlalo emphakathini kuleso sikhathi ukufika ku-2010.
Uhlelo Lwezikole luzoletha isiko le-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA yokudlala kahle, izindlela zokuphila ezinempilo kanye namasiko amaningi ezinganeni zesikole ngokusebenzisa ezemidlalo, ubuciko namasiko.
IZITHUTHI 
Amabhiliyoni ayi-R11.7 atshalwe ohlelweni lwengqalasizinda yezokuthutha ukuqinisekisa ukuhamba kahle kwabalandeli, amathimba kanye nabezindaba. Amaphrojekthi ezokuthutha e-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA ayingxenye ehlanganisiwe jikelele ekutshalweni  kwezimali zikahulumeni kwezokuthutha okwenza izinguquko ohlelweni lwethu lwezokuthutha ukuze kusizakale abahamba ngezithuthi kanye nezomnotho isikhathi eside.
Imigwaqo yethu, imizila yezitimela kanye neyamabhasi izohlinzeka ngohlelo lwezokuthutha oluhlangene. Lokhu kubandakanya izinguquko ezifana ne-Rapid Rail ne-Bus Rapid Transit Systems, ezihlinzeka ngemizila yezithuthi zomphakathi eziyisipesheli kanye nezindawo zokushintsha kubagibeli abashintsha kwesinye isithuthi baye kwesinye. INdebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010 izohola ukusetshenziswa kwamathikithi e-elekthronokhi okuhlanganisiwe okuzokwenza ukuthi abagibeli basebenzise ithikithi elilodwa ukufinyelela emabhasini, emabhasini, ezitimeleni nasematekisini. 
UBUCHWEPHESHE BOKWAZISA NOKUXHUMANA 
Ingqalasizinda yendawo yokuxhumana eyisathelayithi kanye neyezokuxhumana yeNdebe Yomhlaba izokweseka amandla okudluliswa kwama-gigabhayithi angama-40 ngomzuzwana futhi kuzosetshenziswa emva kuka-2010 ukuhlinzeka ngezinsizakalo ze-broadband. Isikhungo Sezokusakaza Samazwe Omhlaba eGoli sizoba yinsika yabezindaba eyamukela ukudluliswa kokusakaza ikususa ezinkundleni zezemidlalo ikusabalalisa kuwo wonke amazwe omhlaba.
Isikhungo esiyinsika yabezindaba sibandakanya “ifamu” lezindishi zesathelayithi ezikhava indawo engama-5 000 m2. Ababukeli bakamabonakude abanqwabelanayo bemicimbi ka-2010 bazofika kumabhiliyoni angama-26,9.
Uthi bewazi?
Isiqubulo sethu se-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010 sithi KE NAKO. (ISIKHATHI. Halalisela ubuntu be-Afrika). “ Ke Nako” igama lesiSuthu nesiTswana elisho ukuthi “sekuyisikhathi”. Kuwubizo lokuhalalisela i-Afrika emvelaphini yobuntu bayo nanjengomfaki sandla kuyo yonke imizamo yobuntu. 
EZOKUVAKASHA NENDAWO YOKUHLALA (TOURISM AND ACCOMMODATION)
Okokuqala ngqa emlandweni, i-FIFA yenza izinkontilaki nezindawo ezingesiwo amahhotela ezinjengamapaki kazwelonke, ama-bed and breakfast kanye nezindlu zezivakashi.
Sesivele sinazo izindlu okukalwe amazinga azo eziyi-80 000 – eziningi ngokweqile ukukhava isibalo esingama-55 000 esifunwa yi-FIFA.
IZINSIZAKALO ZEZEMPILO NEZOKWELAPHA (HEALTH AND MEDICAL SERVICES)
Ezweni kuzoba nokunakekelwa kwezempilo okuyisisekelo kwamahhala ezindaweni ezisemthethweni. Izinsizakalo zezokwelapha zezimo eziphuthumayo zamahora angama-24 kanye nezindlela zamazwe omhlaba nezasekhaya zokuqapha ukubheduka kwezifo. INdebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010 izosheshisa ukwenziwa ngcono kwezinsizakalo zezokwelapha kwezimo eziphuthumayo kwaseNingizimu Afrika. 
Izikhungo ezimbili zokuxhumana ezinempahlayzokusebenza enhle yezokuxhumana ebiza izigidi ezingama-R37 ziyakhiwa esifundazweni ngasinye ukuze kuxhunyaniswe ngesikhathi esifanele izimoto zezimo eziphuthumayo nezikhungo zezimo eziphuthumayo eziseduze kakhulu nabo
Kutshalwa izigidi eziyi-R8 ukuthuthukisa izikhungo zezimo eziphuthumayo
Izinsizakalo zezindiza ezinophephela emhlane zezokwelapha zizokwelulelwa kuzo zonke izifundazwe
Kuzofakwa amanye ama-ambulense esikhundleni sama-ambulense angama-450.
UKUPHEPHA NOKUVIKELEKA 
Ayikho into eyoyekelwa kuthathwe amashansi ekuvikeleni imicimbi kanye nezwe lethu. Ukutshalwa kwezimali kuzoqhubeka nokusiza amaphoyisa emizameni yawo yokulwa nobugebengu emva kwesikhathi eside iNdebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010 yadlula. 
Kuzosetshenziswa izigidi ezingama-R665 ekuthengeni impahla enhle kakhulu, kubandakanya impahla yokulawula izixuku, izindiza ezingasebenzi, izindiza ezinophephela emhlane, amakhenoni asemanzini ayi-10, ama-BMW ayi-100 okuzulazula emgwaqeni owuthelawayeka kanye nabavikele umzimba abangomahamba nendlwana. 
Izikhungo ezine zemiyalelo yobuchwepheshe obuphezulu zizokhavwa bukhoma ezindizeni nakwamanye amakhamera. 
Umbutho onikezelwe wabasebenzi abayi-41 000 ozothunyelwa ngqo ku- Ndebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010.
Uthi bewazi?  
Engqungqutheleni Yamazwe Omhlaba Yentuthuko Eqhubekayo eyayibanjelwe eNingizimu Afrika (World Summit on Sustainable Development, South Africa), iNingizimu Afrika yakhombisa isibonelo sezokuvikeleka esavunywa njengokufanele kuqhathaniswe ngakho izinga okuyinto entsha emhlabeni jikelele – osekwamukelwa Izizwe Ezihlangene njengesibonelo semicimbi emikhulu.
UKUFINYELELA ENINGIZIMU AFRIKA 
Kutshalwe amabhiliyoni ayi-R1.5 ekwenzeni ngcono amazinga ezindawo zokungena, kanti namalungiselelo e-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2010 enza ngcono izinqubo zokungena ezweni ukuze kungenwe kahle kanye nokuphuma nokungena kwabantu ezweni.
Sizoba nama-visa aqondene ngqo nalo mcimbi azokwenza ukuthi abanikazi bamathikithi bakwazi ukungena ezweni kalula.
Lokhu kubandakanya ukusheshisa izinhlelo zokungena ezweni ezindaweni zokungena ngokuthi kusheshiswe imizila nokuhlelwa kwabagibeli okuqhubekile lapho abahambi behlolwa khona ngaphambi kokuba bagibele indiza eya lapho beya khona. 
FIFA.COM               Ukuze uthole olunye ulwazi: www.sa2010.gov.za
AMAQINISO ASHESHAYO 
AMALUNGISELELO KAHULUMENI E-NDEBE YOMHLABA YE-FIFA KANYE NE-NDEBE yeNhlangano ye-FIFA Ningizimu Afrika 2009
U-2010 KANYE NOMNOTHO WETHU OKHULAYO 
Kunemisebenzi emisha eyi-415 000 ezokwenziwa ukusingatha amathonamenti.
Kuneminye imisebenzi emisha eyizinkulungwane ezingama-80 000 embonini yezokudla neyizinkulungwane ezingama-40 000 embonini yezokwakha.
Kuzokwengezwa amabhiliyoni angama-R55,7 ekukhiqizweni kwempahla yasekhaya yonke (gross domestic product) ngo-2010. Enye imali engamabhiliyoni ama-R2 emali esetshenzisiwe ngokwakha izinkundla zezemidlalo ezintsha izosiza ngqo amakhaya ahola kancane.
Izivakashi zamazwe angaphandle zizochitha amabhiliyoni ayi-R8,5 eNingizimu Afrika ngo-2010.
Phakathi konyaka ka-2007 no-2015, iNingizimu Afrika izosingatha abavakashi bamazwe omhlaba abayizigidi ezimbili ezengeziwe ngenxa yokusingatha amathonamenti.  
I- Ndebe yeNhlangano ye-FIFA Ningizimu Afrika 2009 14 - 28 Nhlangula 2009
Kwaziwa njengomgubho wamaqhawe, lokhu kuzilolela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA kudlalwa ngabanqobi bama-Confederation e-FIFA ngayinye kumathonamenti ezifunda, abanqobi be-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA eyedlule kanye nabasingathi bethonamenti ye-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA elandelayo. Ngokuxutshwa okuthokozisayo kwamathimba asezingeni lomhlaba – kubandakanya amathimba amathathu kumathimba amane aphezulu emhlabeni – kanye namandla esizwe nemfiva yebhola lezinyawo, iNdebe yeNhlangano ye-FIFA ulwazi okungafanele ukuthi umuntu aluyekele lumeqe. 
IGibhithe – Amaqhawe e-CAF African Cup of Nations 2008
IGibhithe ngokungabuzwa ingenye yamandla amakhulu ebholeni lezinyawo e-Afrika. Iyithimba elinempumelelo kakhulu emlandweni we-African Cup of Nations inamathayithili ayisithupha. Umqeqeshi: u-Hassan Shenat. Ukukalwa ngokwezinga le-FIFA: 22. Ukuvela ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: Kanye. Abadlali abavelele: u-Hossam Hassan, Ahmed Hassan, Amr Zaky, Mohamed Zidan.
I-IRAQ – Amaqhawe e-AFC ASIAN CUP 2007 
Indlela abahlasela ngayo nesu labo elihlangene libenza bafaneleke ukuzibiza ngamaqhawe ase-Eshiya. Umqeqeshi: uJorvan Viera, Ukukalwa ngokwezinga le-FIFA: 77. Ukuvela ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: Kanye. Abadlali abavelele ngu-Younis Mohmoud, Noor Sabri, Bassim Abbas, Nashat Akram.
I-SPAIN – Amaqhawe e-EUFA Asian Cup
I-Spain okwamanje siyithimba elikalwe njengelokuqala ezingeni lokukala le-FIFA elisemthethweni lomhlaba. Umqeqeshi: u-Vincente Del Basque. Ukukalwa kwezinga le-FIFA: Ngeyokuqala. Ukuvela ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: kanye. Abadlali abavelele: Fernado Torres, Xabi Alonso, Iker Casillas, Sergio Ramos.
I-UNITED STATES OF AMERICA (USA) – Amaqhawe e-CONCACAF Gold Cup 2007
Ngokungena kumathonamenti amahlanu edlule ku-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA nangemuva kokuvikela ngempumelelo ithayithili ye-CONCACAF Gold Cup 2007 ngokushaya i-Mexico ngo-2-1, i-USA ithathwa njengezingqungqulu eziqubisile emhlabeni webhola lezinyawo. Umqeqeshi: uBob Bradely. Ukukalwa ezingeni le-FIFA: 21. Ivele ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: 3. Abadlali abavelele: uDamarcus Beasley, Landon Donovan, Clint Dempsey, Tim Howard.
I-Brazil – Amaqhawe e-Copa America 2007
Alikho iqembu emlandweni elike lathokozela impumelelo njengeBrazil. Ike yakhiqiza abanye abadlali bamagama amakhulu emidlalweni abanjengo-Pele no-Ronaldihno. Yiyona kuphela ithimba esilike ladlala kuyo yonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-FIFA. Umqeqeshi: uDunga. Ukukala kwe-FIFA. Isivele ku-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA kahlanu (yawina kabili). Abadlali abavelele: u-Ronaldinho, Adriano, Gilberto, Robinho.
I-NEW ZEALAND – Amaqhawe e-OFC Nations Cup 2008
I-“All Whites” njengoba bejwayeleke kanjalo, bahlanganyele kuyo yone imidlalo ye-OFC Nations Cup kusukela ngonyaka ka-1973 banqoba iizikhathi ezine sezizonke. Umqeqeshi: uRicki Herbert. Ukukalwa ezingeni le-FIFA: 54. Ukuvela ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: 2. Abadlali abavelele: uSimon Elliot, Ryan Nelson, Chris Killen, Shane Smeltz.
ININGIZIMU AFRIKA – Izwe elisingethe Indebe Yamazwe Omhlaba (South Africa – Host nation)
Ngokuba nethayithili ye-CAF African Cup of Nations kanye namabili e-COSAFA Cup egameni layo, “iBafana Bafana” ikulungele ukubeka induku ebandla njengabasingathi. Umqeqeshi: uJoel Santana. Ezingeni le-FIFA: 85. Ivele ku- Ndebe yeNhlangano ye-FIFA: kanye. Abadlali abavelele: uBennie Mcarthy, Aaron Mokoena, Steven Pienaar, Teko Modise.
I-ITALY – Amaqhawe e-Ndebe yoMhlaba ye-FIFA ka-2006 
Ngokuthi isinqobe imidlalo ye- Ndebe yoMhlaba ye-FIFA emine, i-Italy seyizikhondlakhondla zebhola lezinyawo lamazwe omhlaba. Umqeqeshi: Marcelio Lippi, iwunamba 2. Ivele ku-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA okokuqala. Abadlali abavelele u-Fabio Cannavaro, Andrea Pirlo, Luca Toni, Gianluigi Buffon.
Isheduli yeMIDLALO 
Thokozela ibhola lezinyawo elisezingeni lamazwe omhlaba ngokukhokha kusuka kuma-R70 nje – Bekisa isihlalo sakho emlandweni ube yingxenye yeQhawe Lamaqhawe. 
Faka isicelo ku-internet kuleli kheli: www.FIFA.com noma kunanoma yiliphi igatsha le-First National Bank ezweni lonke.
Ibhola lomdlalo elisemthethweni le-Ndebe yeNhlangano ye-FIFA Ningizimu Afrika 2009 
Igama elithi “Kopanya” elisho ukuthi “ukuhlanganyela ndawonye” liphuma olimini lwesiSuthu. Limelele ukuthi umhlaba webhola lezinyawo uhlangana ndawonye okokuqala ngqa e-Afrika ngoNhlangula 2009. Idizayini yebhola ithathelwe emsebenzini wobuciko wejiyometri yabantu abangamaNdebele.
IMIDLALO YAMAQEMBU
IMIDLALO YAMAQEMBU
AMA-SEMI-FINAL
Indawo yesibili nomdlalo wokugcina
Isheduli yemidlalo (Match Schdule
Isonto
14 Juni 
uMsombuluko
 Juni 15
uLwesibili 
Juni 16
uLwesithathu 
Juni 17
uLwesine
18
uLwesihlanu 
19
uMgqibelo 
Juni 20
iSonto 
Juni 21
uMsombuluko Juni 22
uLwesibili
Juni 23
uLwesithathu 
Juni 24
uLwesine 
Juni 25
uLwesihlanu 
Juni 26
uMgqibelo 
Juni 27
iSonto
Juni 28
eGoli
Usuku lokuphumula
Usuku lokuphumula
Usuku lokuphumula
Usuku lokuphumula
Usuku lokuphumula
Usuku lokuphumula
Rustenburg
Tshwane/Pretoria
Mangaung Bloemfontein
Iqembu A 
Ningizimu Afrika  		A1
Iraq				A2
New Zealand			A3
Spain				A4
Iqembu B 
USA				B1
Italy				B2
Brazil				B3
Egypt				B4
