Yini okumele yaziwe ngumsebenzi nomqashi ngamunye ngezempilo nokuphepha emsebenzini
Lo mhlahlandlela ubhalelwe ukubhekela ezempilo nokuphepha kwabasebenzi eNingizimu Afrika. Inhloso yawo ukuchaza uMthetho ngamagama alula kubabambiqhaza emkhakheni waseNingizimu Afrika wezempilo nokuphepha emsebenzini.
Kuchazwa iqhaza labahloli bezempilo nokuphepha emsebenzini (i-OHS) boMnyango Wezemisebenzi. Imisebenzi namalungelo abasebenzi, njengoba bewanikezwe nguMthetho, kuvezwa ngokugcwele. Imisebenzi nezibopho zabaqashi, abenzi bempahla ethize, amadizayina, abangenisi bempahla eqhamuka kwamanye amazwe, abahlinzeki nabathengisi, kuyagqanyiswa. Futhi okokugcina, kucaciswa imisebenzi yabantu abamele ezempilo nokuphepha neyamakomiti.
Isiphathimandla ngasinye esingumphathi omkhulu sizoqinisekisa, ngokusebangeni elikwazi ukwenziwa ngokwemukelekayo, ukuthi imisebenzi yomqashi waso, njengoba icatshangwa kulo Mthetho, yenziwa ngendlela eyiyo.
UMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini, wonyaka we-1993, udinga ukuthi umqashi enze ukuthi kube khona futhi agcine, ngokusebangeni elikwazi ukwenziwa ngokwemukelekayo, isimo somsebenzi esiphephile nesingenangozi empilweni yabasebenzi. Lokhu kusho ukuthi umqashi kufanele aqinisekise ukuthi indawo yokusebenzela ayinazinto eziyingozi, ezinjengebhenzini, iklorini nezidalwa ezincanekazi, izinto ezithize, izinto ezisetshenziswayo, izinqubo ezilandelwayo, njll. ezingahle zidale ukulimala noma izifo. Lapho lokhu kungenakwenzeka, umqashi kufanele azise abasebenzi ngalezi zingozi, ukuthi zingavinjwa kanjani, nokuthi kusetshenzwa kanjani ngokuphepha, futhi ahlinzeke ngezinye izindlela zendawo yokusebenzela ephephile.
Kodwa-ke akulindelekile ukuthi umqashi athwale isibopho sezempilo nokuphepha eyedwa. UMthetho usekelwe kumgomo wokuthi izingozi emsebenzini kufanele zibhekelwe ngokuxhumana nangokusebenzisana phakathi kwabasebenzi nomqashi. Abasebenzi nomqashi kufane babelane ngomthwalo wesibopho sezempilo nokuphepha emsebenzini. Amaqembu womabili kufanele abonele phambili izingozi futhi akhe izindlela zokulawula ukuze enze indawo yokusebenzela ibe ngephephile. Ngale ndlela, umqashi nabasebenzi babandakanyeka ohlelweni lapho abantu abamele ezempilo nokuphepha bengayihlola njalo indawo yokusebenzela bese bebika ekomitini lezempilo nokuphepha, elingahle libe selethula izincomo kumqashi.
Ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyasebenza, umsebenzi ngamunye kufanele awazi amalungelo nemisebenzi yakhe njengoba iqukethwe eMthethweni.
UMthetho Nemithethozimiso
UMthetho, owaziwa ngokuthi nguMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini, wonyaka we-1993 (UMthetho 85, 1993) uqukethe izigaba ezingama-50 ezivunywe yiPhalamende. Inhloso yoMthetho ukubonelela impilo nokuphepha kwabantu emsebenzini noma maqondana nokusetshenziswa kwepulanti nemishini. Ubuye ubonelele ukuvikelwa kwabantu abangebona abasemsebenzini ezingozini ezivela noma maqondana nemisebenzi eyenziwa ngabantu abasemsebenzini.
Imithethozimiso ehlukahlukene, ephathelene nezihloko ezithize, iyashicililelwa izikhathi nezikhathi nguMnyango Wezemisebenzi ngokulandela uMthetho. 
UMthetho neMithethozimiso iyakwazi ukuthengwa kubaShicileli bakaHulumeni iluhlobo lweGazethi noma iluhlobo oluhlanganiswe lwaba sancwadi kubashicileli abehlukahlukene.
UMnyango Wezemisebenzi
UPhiko Olukhulu Lwezempilo Nokuphepha Emsebenzini
UMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini ulawulwa uPhiko Olukhulu Lwezempilo Nokuphepha Emsebenzini loMnyango Wezemisebenzi.
Ukuze kuqinisekiswe impilo nokuphepha kwabasebenzi, amahhovisi esifundazwe aye asungulwa kuzo zonke izifundazwe. Ukubonelela lokhu, abahloli bezempilo nokuphepha abaqhamuka kulawa mahhovisi esifundazwe baye bahlole benze nophenyo ezindaweni zokusebenzela.
Umhloli woMnyango Wezemisebenzi ngesikhathi ehlola wathola isilinda legesi ligungquza lodwa esikhundleni sokuboshelwa obondeni noma ensikeni.
Ukuhlolwa
Ukuhlolwa kuvame ukuhlelwa ngenxa yesizathu sezibalo zezingozi, ubukhona bezinto eziyingozi, njengokusetshenziswa kwebhenzini emalondri, noma ukusetshenziswa kwemishini eyingozi endaweni yokusebenzela. Ukuhlolwa okwenziwa kungahleliwe ngaphambilini, ngakolunye uhlangothi, kuye kwenziwe ngenxa yezicelo noma izikhalo ezenziwa ngabasebenzi, abaqashi noma amalungu omphakathi. Lezi zikhalo noma izicelo ziphathwa njengemfihlo.
Amandla abahloli
Uma umhloli ethola izimo eziyingozi noma ezimbi emsebenzini angabeka izidingo kumqashi ngezindlela ezilandelayo:
• Isaziso sokunqabela
Esimweni sengozi ehlongoza ukuvela, umhloli angahle enqabele isenzo esithize, inqubo elandelwayo, noma ukusetshenziswa komshini noma izinto zokusebenza, ngokuthi asebenzise isaziso sokunqabela.
Akunamuntu okufanele angakunaki okuqukethwe yisaziso esinjalo futhi ukuthotshelwa kwaso kufane kwenziwe ngaphandle kokuchitha isikhathi.
• Isaziso sokwephulwa
Uma isimiselo somthethosimiso sephuliwe, umhloli angahle anikeze isaziso sokwephulwa kubasebenzi noma kumqashi. Ukwephulwa koMthetho kungaba nomphumela wokwethweswa icala khona manjalo, kepha lapho kwephulwe umthethosimiso, umqashi angahle anikezwe ithuba lokulungisa ukwephulwa lokho kungakapheli isikhathi esibekiwe esichazwe esazisweni esivame ukuba yizinsuku ezingama-60.
• Isaziso sokwenza ngcono
Lapho izindlela zempilo nokuphepha ezimiswe ngumqashi, zingayivikeli impilo nokuphepha kwabasebenzi ngokugculisayo, umhloli angahle adinge ukuthi umqashi alethe ezinye izindlela ezisebenza kangconywana. Umqashi ube esenikezwa isaziso sokwenza ngcono esichaza izindlela zokulungisa.
Abahloli boMnyango baphenye ukudilika kwebhuloho lase-Coega lapho kushone khona abantu aba-2  kwalimala abangama-23.
Amanye amagunya
Ukusiza umhloli ekwenzeni umsebenzi wakhe, angangena kunoma iyiphi indawo yokusebenzela noma kunoma yiziphi izakhiwo lapho kusetshenziswa khona imishini nezinto eziyingozi bese ebuza noma alethe amasamanisi okuthi abantu bazobonana naye. Umhloli angahle acele ukuthi noma yimiphi imibhalo ilethwe kuye, aphenye bese enza amakhophi emibhalo leyo, futhi afune nencazelo nganoma yini ebhalwe kuleyo mibhalo.
Umhloli angahle ahlole nanoma yisiphi isimo noma into futhi athathe namasampula, angahle asebenze njengobukazi.
Qaphela: Amagunya abahloli aphawulwe ngenhla akawona umnqamulajuqu. Noma yimuphi umuntu ongavumelani nanoma yisiphi isinqumo esithathwe ngumhloli, angafaka isikhalo esiphikisa leso sinqumo ngokubhalela kuMhloli Omkhulu, Ezempilo Nokuphepha Emsebenzini, UMnyango Wezemisebenzi, Private Bag X117, Pretoria, 0001.
Izibopho ezejwayelekile zabaqashi kubasebenzi
Yini okufanele umqashi ayenze ukuqinisekisa ukuthi isimo sasemsebenzini siphephile futhi asinangozi empilweni yabasebenzi bakhe?
Umqashi kufanele ahlinzeke futhi agcine esimweni esifanele zonke izinto ezisetshenziswayo ezidingekayo ukwenza umsebenzi, kanye nazo zonke izinhlelo okufanele umsebenzi wenziwe ngokuzilandela, zisesimweni esingezukuba namthelela empilweni nokuphepha kwabasebenzi. Ngaphambi kokuthi kusetshenziswe izinto zokuvikela umuntu, umqashi kufanele aqale azame ukususa noma ukwehlisa noma iyiphi ingozi empilweni nasekuphepheni kwabasebenzi bakhe. Izinto zokuvikela umuntu kufanele zisetshenziswe uma ngabe lokho kungakwazeki ukwenzeka.
Umqashi kufanele athathe izinyathelo zokuvikela impilo nokuphepha kwabasebenzi bakhe ezingozini ezingahle zivele ekukhiqizweni, ekusetshenzweni, ekusetshenzisweni, ekuphatheni, ekugcinweni noma ekuhanjisweni kwezinto ezithize, ngamanye amagama, noma yini abasebenzi abangahle bahlangane nayo emsebenzini.
Ukuqinisekisa ukuthi le misebenzi iyathotshelwa, umqashi kufanele:
• athole izinto ezingahle zibe yingozi ezingaba khona lapho kwenziwa umsebenzi, lapho kukhiqizwa okuthize, kusetshenzwa, kusetshenziswa, kugcinwa noma kuhanjiswa, futhi kusetshenziswa noma iyiphi into yokusebenza
• asungule izindlela zokuvimbela isimo esithize ezidingekayo ukuvikela abasebenzi bakhe ezingozini ezibonakele futhi ahlinzeke nezindlela zokusebenzisa lezi zindlela zokuvimbela isimo esingesihle ngaphambi kokuthi sivele
• ahlinzeke ngolwazi, imiyalo, ukuqeqeshwa nokubeka iso okudingekayo ebe egcine engqondweni ibanga lamakhono okwenza abasebenzi. Ngamanye amagama, lokho abangakwenza noma bangakwenzi
• angavumeli noma ngubani ukuqhubeka nganoma yimuphi umsebenzi ngaphandle kwalapho sekwenziwe izindlela zokuvimbela isimo esithize esibi
• athathe izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ongaphansi kwakhe uthobela izidingo zoMthetho
• aphoqelele izindlela zokulawula ezidingekayo ukubhekela ezempilo nokuphepha
• abone ukuthi umsebenzi owenziwayo nezinto ezisetshenziswayo, kungaphansi kweso lomsebenzi oqeqeshelwe ukuqondisisa izingozi ezihambisana nemisebenzi leyo
• umsebenzi onjengalowo kufanele aqinisekise ukuthi izindlela zokuvimbela isimo esibi ziyasetshenziswa futhi ziyagcinwa.
Zonke abasebenzi zinelungelo lokuba nolwazi
Izingubo ezivikelayo zigqokwe ngabantu ababili kuphela kanti umuntu wesithathu usebenza endaweni efanayo ngaphandle kwesivimbo esivikelayo esemboza ikhala.
Umqashi kufanele akuqikelele ukuthi umsebenzi ngamunye unolwazi futhi uziqondisisa ngokucacile izingozi zempilo nezokuphepha zanoma yimuphi umsebenzi owenziwayo, zanoma yini ekhiqizwayo, esetshenzwayo, esetshenziswayo, egcinwayo, ephathwayo noma ethuthwayo, kanye nezanoma yini eyisikhali sokusebenza noma imishini esetshenziswayo. Umqashi kufanele abesenikeza ulwazi ngezindlela zokuvimbela izingozi ngaphambi kokuthi zenzeke.
Umqashi kufanele azise labo bantu abamele ezempilo nezokuphepha lapho umhloli emazisa ngokuhlolwa nangokuphenywa, okuzokwenziwa endaweni leyo. Umqashi kufanele futhi azise abantu abamele ezempilo nezokuphepha nganoma yisiphi isicelo esenziwe sokukhululwa ekulandeleni imithetho ethize, noma nganoma yikuphi ukukhululwa ekulandeleni imithetho ethize akunikezwe ngokoMthetho. Ukukhululwa ekulandeleni umthetho kusho ukukhululwa kuzimiselo ezithize zoMthetho, imithethozimiso, izaziso noma imiyalo ekhishwe ngokoMthetho.
Umqashi kufanele, ngokushesha okusemandleni, azise abantu abamele ezempilo nezokuphepha ngokuvela kwesehlakalo endaweni yomsebenzi. Isehlakalo yisigigaba esenzeka endaweni yomsebenzi lapho umuntu eshona khona, elimala noma egula. Sibuye sibe ukuchitheka kwento eyikhemikhali eliyingozi, ukwenza isibonelo, lapho ithange livuza i-formaldehyde (umkhiqizo oyikhemikhali osetshenziswa ezimbonini) ngenxa yavalvu elingasebenzi kahle, noma lapho umshini uhluleka ukulawuleka, ngaphandle kokubulala noma ukulimaza noma ngubani.
Vikela umzimba wakho ngokusebenzisa izingubo ezivikelayo ezibekiwe zekhanda, izandla, umzimba nezinyawo, njll. ngazo zonke izikhathi, 
Imisebenzi eyejwayelekile yabenzizinto, amadizayina, abaletha izinto eziqhamuka kwamanye amazwe, abathengisi noma abahlinzeki maqondana nokusetshenziswa kwezinto emsebenzini 
Izinto ezithize
Abenzi bezinto, amadizayina, abantu abaletha izinto eziqhamuka kwamanye amazwe, abathengisi nabahlinzeki kufanele baqinisekise ukuthi:
• izinto zabo ziphephile futhi azinangozi empilweni kanti zilandela zonke izidingo ezibekiwe
• lapho isakhiwo noma into ethize ifakwa kunoma iyiphi indawo, kufanele lokho kwenziwe ngendlela engadali isimo esingaphephile noma eyingozi empilweni.
Uhlobo lwezinto ezithize
Isilinda legesi eliqhume ngenxa yomlilo
Abenzi bezinto, amadizayina, abantu abaletha izinto eziqhamuka kwamanye amazwe, abathengisi nabahlinzeki kufanele baqinisekise ukuthi:
• uhlobo lwezinto ezithize ezinjengalezo luphephile futhi alunangozi empilweni uma lusetshenziswe ngemfanelo
• ulwazi luyatholakala maqondana –
- nokusetshenziswa emsebenzini kohlobo lwezinto lolo
- nengozi empilweni nokuphepha ehambelana nohlobo lwezinto lolo
- nezimo ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi uhlobo lwezinto lolo luzophepha futhi lungabi nangozi empilweni lapho lusetshenziswe ngendlela efanele
- nezinqubo ezilandelwayo uma kwenzeka kuvela ingozi.
Uma umuntu othengiselwe noma onikezwe into ethize noma uhlobo lwento ethize ezibophezela ngokubhala ukuthi uzothatha izinyathelo ezichaziwe ukuqinisekisa ukuthi into leyo noma uhlobo lwento Iolo luzohlangabeza zonke izidingo ezibekiwe, futhi luzobe luphephile futhi lungabi nangozi empilweni, imisebenzi yomuntu oletha izinto eziqhamuka kwamanye amazwe, umuntu odizayinayo, umthengisi, umhlinzeki noma umenzi wezimpahla, izobe isidlulela kumuntu othatha isinqumo sokulandela izinyathelo ezinjengalezo.
Imisebenzi eyejwayelekile yomuntu osebenzayo
Isibonelo sokusebenzisa uhlaka lwezinsimbi olwakhelwe ukuxhasa abasebenzi nezinto abazisebenzisayo ngendlela engemukeleki nakancane neyingozi.
Kungumsebenzi womuntu osebenzayo
• ukunakekela impilo nokuphepha kwakhe uqobo nokwabanye abantu abangahle bathinteke yizenzo zakhe noma ukuba budedengu bakhe ekwenzeni okuthize. Lokhu kubandakanya ukudlala emsebenzini. Abantu abaningi sebake bathola ukulimala futhi bafa nokufa ngenxa yokudlala owenziwa endaweni yokusebenzela, futhi lokho kuthathwa njengokwephulwa kwemithetho okubi impela
• ukusebenzisana nomqashi lapho uMthetho ubeka isibopho noma izidingo kumuntu osebenzayo
• ukunikeza ulwazi kumhloli oqhamuka kuMnyango Wezemisebenzi uma kwenzeka eludinga
• ukwenza noma yimiphi imiyalo esemthethweni ebekwe ngumqashi noma umuntu onikezwe igunya maqondana nempilo nokuphepha
• ukulandela imithetho nezinqubo azinikezwa ngumqashi 
• ugqoka izingubo zokuphepha ezibekiwe noma asebenzise izinto zokuphepha ezibekiwe lapho zidingeka khona
• ukubika izimo ezingaphephile nezingenampilo enhle kumqashi noma kumuntu omele ezempilo nokuphepha ngokushesha okusemandleni
• uma ebandakanyeka esehlakalweni esingahle sibe nomthelela empilweni yakhe noma sidale ukulimala, abike isehlakalo leso kumqashi, kanye nakumuntu onegunya noma kumuntu omele ezempilo nokuphepha ngokushesha okusemandleni, kepha kungakedluli ukuphela kweshifu.
Amalungelo omuntu osebenzayo
UMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini usuwelule amalungelo abasebenzi afaka nokulandelayo:
Ilungelo lokuthola ulwazi
Umuntu osebenzayo kufanele akwazi ukufinyelela–
• uMthetho neMithethozimiso Zezempilo Nokuphepha Emsebenzini
• imithetho nezinqubo ezilandelwayo zezempilo nokuphepha zendawo yokusebenzela
• izilinganiso zezempilo nokuphepha okufanele umqashi azigcine endaweni yokusebenzela.
Umsebenzi angamcela umqashi ukuthi amazise –
• ngezingozi zempilo nokuphepha endaweni yokusebenzela
• ngezinyathelo zokuvimbela isimo esibi okufanele zithathwe
• ngezinqubo okufanele zilandelwe uma umsebenz ethintene nezinto eziyingozi empilweni.
Umsebenzi angacela udokotela wakhe wangasese wezokwelashwa ukuba aphenye ngamarekhodi akhe ezokwelashwa nawokuthintana nokuthize.
Uma umsebenzi kungumuntu omele ezempilo nokuphepha, angaphenya bese ephawula ngokuthi abhale ngokuhlolwa kokuthintana lokho nangemibiko yokuqapha.
Ilungelo lokubamba iqhaza ekuhlolweni
Uma umsebenzi kungumuntu omele ezempilo nokuphepha, angahle ahambisane nomhloli wezempilo nokuphepha oqhamuka kuMnyango Wezemisebenzi ngesikhathi kuhlolwa indawo yokusebenzela futhi aphendule noma yimiphi imibuzo engahle ibuzwe ngumhloli.
Ilungelo lokuphawula ngemithetho eshayiwe nelokufaka imibono
Umsebenzi angaphawula noma abeke imibono nganoma yimiphi imithetho noma isilinganiso sokuphepha esishicilelwe ngokoMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini.
Ilungelo lokungahlukunyezwa
Umqashi akanakuxosha umsebenzi emsebenzini wakhe, ehlise iholo lomuntu ongumsebenzi noma ehlise izimiso zokusebenza zomuntu ongumsebenzi ngoba –
• umsebenzi enikeze ngolwazi, oludingeka kuye ngokoMthetho, kumuntu onikezwe igunya lokulawulwa koMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini
• umsebenzi elandele isaziso esisemthethweni, (isib. isaziso esinqabelayo, esokwephulwa, njll)
• umsebenzi enze okuthize obekufanele kwenziwe ngokwemibandela yoMthetho
• umsebenzi engakwenzanga okuthize okunqatshelwe ngokwemibandela yoMthetho
• umsebenzi enikeze ubufakazi ngaphambi kweNkantolo yezeMisebenzi noma iNkantolo yoMthetho ngezindaba ezimaqondana nezempilo nokuphepha.
Ilungelo lokufaka isikhalo
Ukudala isimo esingahle sibe nengozi endaweni eyenzelwe amapulagi amabili hhayi amahlanu njengoba kuvezwe esithombeni.
Umsebenzi angafaka isikhalo maqondana nesinqumo somhloli. Izikhalo kufanele zidluliswe ngokuthi kubhalelwe uMhloli Oyinhloko, Ezempilo Nokuphepha Emsebenzini, UMnyango Wezemisebenzi, Private Bag X117, Pretoria, 0001.
Isibopho sokungakhubazi noma ukusebenzisa kabi izinto ezithize
Akunamuntu okufanele akhubaze noma asebenzise kabi noma iyiphi into ehlinzekelwe ukubonelela ezempilo nokuphepha. Umuntu, ukwenza isibonelo, akanakususa isivikeli sokuphepha emshinini bese esebenzisa umshini noma avumele omunye umuntu ukuthi awusebenzise ngaphandle kwesivikeli leso.
Abantu abamele ezempilo nokuphepha
Bayini abantu abamele ezempilo nokuphepha?
Bangabasebenzi abasebenza ngokugcwele abaphakanyiswe noma abakhethwe base begunyazwa ngokubhaliwe ngumqashi ngemuva kokuthi umqashi nabasebenzi bebonisene bafinyelela esivumelwaneni maqondana nokuthi ngobani abazokuba ngabantu abamele ezempilo nokuphepha. Kufanele okungenani bazazi izimo nezimiselo ezikuleyo ndawo yomsebenzi abaqokelwe yona.
Kufanele kube nokuvumelana ngesikhathi esizohlalwa esikhundleni nangemisebenzi yomuntu omele ezempilo nokuphepha futhi kufanele kulungiswe phakathi komqashi nezisebenzi.
Ukunqwatshelwa kwezinto kufanele kwenziwe ngendlela engazukudalela noma yiziphi abasebenzi ingozi.
Kufanele kuqokwe abantu abangaki abamele ezempilo nokuphepha?
Kufanele kuqokwe umuntu oyedwa omele ezempilo nokuphepha ngendawo yokusebenzela ngayinye enabasebenzi abangama-20 noma ngaphezulu. Ngakho-ke, lapho kuqashwe khona abasebenzi abayi-19, akunasidingo sokuqoka umuntu ozozimela.
Maqondana nezitolo namahhovisi, kufanele kuqokwe umuntu oyedwa ozomela abasebenzi ngabo bonke abasebenzi abayi-100 noma ingxenye yalokho.
Ukwenza isibonelo, kufanele kuqokwe umuntu oyedwa ozomela abasebenzi esimweni sabasebenzi abangama-21 kuye kwabayi-100. Kepha kufanele kuqokwe abantu abamele abasebenzi ababili lapho kuqashwe khona abasebenzi abayi-101 kuye kwabangama-200 njll.
Esimweni sezinye izindawo zokusebenzela, kufanele kuqokwe umuntu omele abasebenzi oyedwa ngabasebenzi abangama-50 noma ingxenye yabo. Ukwenza isibonelo, umuntu omele abasebenzi kufanele aqokwe esimweni sabasebenzi abangama-21 kuye kwezingama-50. Kepha kufanele kuqokwe abantu abazomela abasebenzi ababili lapho kuqashwe khona abasebenzi abangama-51 kuye kwabayi-100.
Umhloli angacela ukuthi kuqokwe abantu abamele abasebenzi abengeziwe, kwencike ezimweni, nalapho inani labasebenzi lingaphansi kwama-20. Ukwenza isibonelo, ukwakheka kwemboni kungahle kube okuluhlobo lapho ukuqokwa komuntu oyedwa kuphela omele abasebenzi abangama-50 kungeneli. Umhloli angahle abe esedinga ukuqokwa kwabantu abamele abasebenzi abengeziwe. Kodwa-ke, uma umqashi nabasebenzi bevumelana kanjalo, kungahle kuqokwe abantu abamele abasebenzi abangaphezu kwenani elibekiwe.
Kumele kuqokwe abantu abangaki abamele ezempilo nokuphepha?
Ubuwazi nje ukuthi ukuphepha kwemizila yamakhebula kungomunye wemisebenzi yomhloli wezompilo nokuphepha?
Kungakapheli izinyanga ezine ngemuva kokuqala kwebhizinisi lomqashi. Umqashi onabasebenzi abangaphezu kwama-20, onebhizinisi eselisebenze ngaphansi kwezinyanga ezine, akudingeki aqoke abantu abazoba ngabameli bokuthize. Esimweni lapho, ukwenza isibonelo, kuqashwe khona abasebenzi abasebenza ngezikhathi ezithize emapulazini, okudala ukuthi inani labasebenzi ledlule ama-20 isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezine, ukuqokwa kwabantu abazoba ngabameli bokuthize nakho akudingeki.
Abantu abamele ezempilo nokuphepha kufanele bayenze nini imisebenzi yabo?
Yonke imisebenzi emaqondana nokuqokwa, ukusebenza nokuqeqeshwa kwabantu abamele okuthize kufanele yenziwe ngesikhathi sokusebenza esejwayelekile.
Yini abantu abamele ezempilo nokuphepha abavunyelwe ukuyenza?
Abantu abamele ezempilo nokuphepha banegunya lokwenza okulandelayo:
• Ukuhlolwa kwezempilo nokuphepha
 Abantu abangabameli bangabheka ukusebenza ngempumelelo kwezinyathelo zempilo nokuphepha ngokusebenzisa ukuhlolwa kwezempilo nokuphepha.
• Ukubona izingozi ezingahle zibe khona
Abantu abangabameli bangabona izingozi ezingahle zibe khona endaweni yokusebenzela bese bezibika ekomitini lezempilo nokuphepha noma kumqashi.
• Ukuphenya izehlakalo
Abantu abangabameli bekanye nomqashi bangaphenya izehlakalo noma izikhalo eziqhamuka kubasebenzi maqondana nezindaba zempilo nokuphepha, bese bebika ngazo ngokuthi bazibhale phansi.
Isimo esiyingozi. Uhlaka lwezinsimbi olwakhelwe ukuxhasa abasebenzi nezinto abazisebenzisayo alunanyathiselwanga esakhiweni futhi nezingubo zokuvikela azisetshenziswanga.
• Ukwethula imibono
Abantu abangabameli bangethula imibono kumqashi noma ekomitini lezempilo nokuphepha maqondana nokuphepha kwendawo yokusebenzela noma, kumhloli lapho ukwethulwa kwemibono kumhloli kwehlulekile.
• Ukuhlolwa
Maqondana nokuhlolwa, abantu abangabameli:
- bangahlola indawo yokusebenzela ngemuva kokwazisa umqashi ngokuhlolwa lokho
- bangahlanganyela ezingxoxweni nabahloli endaweni yokusebenzela futhi bahambisane nabahloli ekuhlolweni
- bangahlola imibhalo
- bangahambisana nomeluleki wezobuchwepheshe ngesikhathi kuhlolwa, ngemvume yomqashi wabo.
• Bangahambela imihlangano yekomiti
Abantu abangabameli kufanele bahambele imihlangano yekomiti lezempilo nokuphepha.
Amakomiti ezempilo nokuphepha
Iyini inhloso yamakomiti ezempilo nokuphepha?
Amalungu ayahlangana ukuze aqale, akhuthaze, agcine futhi abukeze izinyathelo zokuqinisekisa impilo nokuphepha kwabasebenzi.
Kufanele asungulwe nini amakomiti ezempilo nokuphepha?
Kufanele kusungulwe okungenani ikomiti elilodwa lapho kuqokwe abantu abangabamele ababili noma ngaphezulu.
Ikomiti lezempilo nokuphepha lakhiwa ngamalungu amangaki?
Umqashi ubeka inani lamalungu ekomiti, elesekelwe kokulandelayo:
• uma kusungulwe ikomiti elilodwa lendawo yokusebenzela, bonke abantu abangabameli bokuthize kufanele babe ngamalungu alelo komiti 
• uma kusungulwe amakomiti amabili noma ngaphezulu endawo yokusebenzela, umuntu ngamunye ongummeli kufanele abe yilungu lekomiti elilodwa kulawo okungenani.
Ngakho-ke, umuntu ngamunye ongummeli kufanele abe yilungu lekomiti. Umqashi angabuye aqoke abanye abantu ukuthi bammele ekomitini kepha abaqokwa labo abanakuba ngaphezu kwenani labantu abangabamele abaqokwe kulelo komiti. Uma, kodwa-ke, umhloli enombono wokuthi inani lamakomiti endaweni yokusebenzela alenele, angathatha isinqumo sokusungulwa kwamakomiti engeziwe.
Bavame ukuhlangana kangaki abantu abamele ezempilo nokuphepha?
Bahlangana njalo lapho kunesidingo, kepha okungenani kanye njalo ezinyangeni ezintathu. Ikomiti lithatha isinqumo ngesikhathi nendawo. Kodwa-ke, uma i-10% noma ngaphezulu labasebenzi lifaka isicelo somhlangano kumhloli, umhloli angayalela ukuthi umhlangano lowo ubanjwe ngesikhathi nasendaweni enqunywe nguye.
Ngubani othatha isinqumo ngenqubo ezolandelwa emhlanganweni?
Amalungu ekomiti akhetha usihlalo bese enquma nesikhathi azosihlala esikhundleni, izinqubo ezizolandelwa emhlanganweni, njll.
Amakomiti ezempilo nokuphepha angabonisana yini nochwepheshe ukuthola izeluleko?
Yebo, amakomiti angenyula abantu njengamalungu elulekayo ngolwazi nobuchwepheshe abanabo ezindabeni zezempilo nokuphepha. Kodwa-ke, ilungu elelulekayo alinalungelo lokuvota.
Ngabe amakomiti ezempilo nokuphepha enzani?
Amakomiti adingida kuphela izindaba zezempilo nokuphepha endaweni yokusebenzela noma ezingxenyeni zayo ezisungulelwe amakomiti lawo. Ngokwejwayelekile, amakomiti ezempilo nokuphepha anemisebenzi elandelayo:
Umnyango wokubaleka lapho kunesimo esiphuthumayo akufanele ube nemfuhlumfuhlu futhi ukhiywe njengalo.
• Ukwenza izincomo
Ikomiti kufanele lenze izincomo kumqashi maqondana nempilo nokuphepha kwabasebenzi. Lapho lezi zincomo zingaholeli ekuxazululweni kodaba lolo, ikomiti lingenza izincomo kumhloli.
• Ukuxoxa ngezehlakalo
Ikomiti kufanele lixoxe nganoma yisiphi isehlakalo esiholela ekulimaleni, ukugula noma ukufa kwanoma yimuphi umsebenzi futhi lingabika ngaso ngokubhalela umhloli.
• Ukugcinwa kwamarekhodi
Ikomiti kufanele ligcine irekhodi lesincomo ngasinye esenziwe kumqashi nesombiko ngamunye owenziwe kumhloli.
Eminye imisebenzi
Amalungu ekomiti kufanele enze eminye imisebenzi edingwa ngumthethozimiso kuwo.
Ukudonswa kwemali
Umqashi akanakudonsa noma iyiphi imali eholweni lomsebenzi maqondana nanoma yini ekufanele ayenze ukubhekela ezempilo nokuphepha ngokulandela uMthetho.
Ukubika kuMhloli oMkhulu maqondana nezifo zasemsebenzini 
Uma udokotela ehlola noma elapha umuntu isifo asola ukuthi sisukela emsebenzini walowo muntu, udokotela kufanele ayibike leyo ndaba kumqashi wakhe nakuMhloli oMkhulu.
Indawo lapho kushonele khona abantu abayi-11 emlilweni beswele indlela yokubaleka ngoba indawo yokusebenzela ibikhiywe ngaphandle.
Ukusebenzisana nomhloli
Ukuthobela imikhombandlela, izincwadi ezibabizela enkantolo, izicelo noma imiyalo
Abaqashi nabasebenzi kufanele bathobele yonke imikhombandlela, izincwadi ezibabizela enkantolo, izicelo noma imiyalo yabahloli.
Ukuphendula imibuzo
Imibuzo yomhloli kufanele iphendulwe, kepha akekho ophoqelekile ukuphendula umbuzo angahle azifake ecaleni ngawo. Ukuzifaka ecaleni kusho ukuthi umuntu uveza ukuthi nguye owenze icala.
Ukuphenya
Lapho umhloli efuna, kufanele ahlinzekwe ngezindlela ezidingekayo futhi anikezwe usizo angahle aludinge ukwenza uphenyo. Umhloli angahle acele nokuthi uphenyo luhanjelwe ngabantu abangahle bamsize ngophenyo. Akekho umuntu ongathuka umhloli noma aphazamise uphenyo ngenhloso.
Ukushushiswa
Lapho umsebenzi enza okuthize okuthathwa njengecala ngokoMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini, umqashi uthweswa lelo cala, futhi angahle atholwe enecala futhi agwetshelwe lona, ngaphandle kwalapho umqashi engafakaza ukuthi:
• ubengayinikezanga imvume yakhe
• uthathe zonke izinyathelo ezemukelekayo ukulivimba
• umsebenzi akasebenzanga ngendlela ehambisana nekhono lakhe, ngamanye amagama, lowo msebenzi wenze okuthize abekwazi ukuthi akafanele akwenze.
Lokhu okwendulelayo kubuye kusebenze kulowo onikezwe igunya ngumqashi, ukwenza isibonelo, usonkontileka omncane, ngaphandle kwalapho amaqembu lawo evumelana khona ngokubhala ngokuthi igunya lelo lizozithobela kanjani izimiselo zoMthetho.
Usizo oluqhamuka kumhloli
Abahloli bangathintwa kumahhovisi alandelayo oMnyango Wezemisebenzi:
Amahhovisi Esifundazwe Omnyango Wezemisebenzi
Word count: 4,056
