Impilo yabasebenzi nokuphephakweZolimo namahlathi
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Impilo yabasebenzi nokuphephakweZolimo namahlathiIsingenisoIzingozi, ukulimala nokugula kungamosha izimpilo namabhizinisi. Izisombululozivamise ukuba ngezilula nezishibhile, nanokuthi abantu abangenza amapulaziabo aphephe abalimi nabasebenzi babo. Impilo nokuphepha yizidingo-ngqangisebhizinisi lokulima elinokuzimela. Imizamo kahulumeni iyodwa ngeke yenzeukuthi umkhakha wezolimo ube nokuphepha nempilo, kodwa kufanele ukuthiwonke umuntu okwezolimo nasemkhakheni wokudla abe nendawo ayidlalayo.
Minyaka yonke abantu bayafa ngenxa yemisebenzi abayenza kwezolimonamahlathi. Iningi liba nokulimala okukhulu futhi ligule emsebenzini. Izingozinokulimala azidali ukulimala emzimbeni kuphela, kodwa lokhu kubandakanyanokulahlekelwa yinzuzo esingabala kukho nalokhu okulandelayo:
Ukuholela abantu ababambele ogulayo nokuqeqesha ababambeli 
Ukulahleka komkhiqizo
Imali yokuphatha  ukuphenya isehlakalo, ukukhanda njll 
Ukulimala kwemishini, izakhiwo kanye nemikhiqizo 
Izimali zomshwalense, izimali zabammeli nokusakazwa kwezindaba.
Zonke lezi zimali zingagwemeka, nokungaholela ekwenyukeni kwenzuzo. Lelibhukwana likhishwe ngenhloso yokunika ulwazi olungasiza abaqashinabasebenzi bakweZolimo namahlathi ukuthuthukisa impilo nokuphephanezingozi zempilo ezihlobene nokusebenza kulo mkhakha. Leli bhukwanaalikhulumi ngezidingo zokushaywa kwemithetho kule mboni. Lolo lwazilungatholakala kwiwebhusayithi yoMnyango wezabasebenzi:
labour.gov.za.
Ukuphathwa kwempilo, ukuphepha nokuhlolwa kwengoziUkuphathwa kwempilo nokuphepha kwabasebenzi, kuyafana nokuphathwakohlelo ukuqinisekisa ukuthi izitshalo nezilwane kugcinwa kunempilo, ukukhiqizanjengoba kulindelekile futhi kukwenza ukuthi uhlale usebhizinisini. Abasebenzikudingeka bahlale bephilile ukuqinisekisa ukuthi basebenza ngendlela nokuthibahlala besemsebenzini.
Zonke izinhlangano zidinga inqubomgomo ukuze zikwazi ukuqalisa izinhlelozazo kwezempilo nokuphepha, ngenhloso yokuthuthukisa izinga endaweniyokusebenzela. Lokhu kumele kubhalwe phansi, kulungiselelwe kahlekususelwe ekuzinikeleni kwabaphathi abaphezulu.
Inqubomgomo kumele ibe nge:
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Khuluma ngepulazi lakho ngqo
Beka zonke izinhloso zakho ngempilo yabasebenzi nezokuphepha. Umqashikumele asayine futhi abhale usuku ngokucacile kwinqubomgomoukukhombisa ukuzibophezela kwakhe 
Khombisa ukuthi isibopho sempilo nokuphepha kwabasebenzi sikuwenjengomqashi 
Chaza izinhlelo nezinqubo ezikhona ezizoqinisekisa impilo nokuphephakwabasebenzi bakho 
Kumele zibuyekezwe ngokuhamba kwesikhathi kulungisiwe okuthile kuzouma imihlangano yakho ishintsha noma kunobungozi obuthile obuhlalukayo.
Ukuhlolwa kobungoziUkuhlonza izingozi nezinkinga ezizidalayo kubalulekile Ngaphandle kokubawazi izingozi ezikhona emagcekeni akho, nobungako bengcuphe okubekekakuyo abasebenzi bakho, ngeke wazi noma zidinga ukuthathelwa izinyathelo yini,
nokuthi lokho ungakwenza kanjani.
Ukuhlola ubungozi kusho ukubheka ngokuqaphelisisa ukuthi yini ebhizinisinilakho engalimaza abantu, ukuze ukwazi ukubheka ukuthi uthathe izinyatheloezifanele yini noma kumele wenze okunye. Uma sewunqumile ngezingalobungozi, kumele wenze izinto ezizovikela ukwenzeka kwezingozi.
Ziningi izindawo lapho ungathola khona izeluleko kulabo asebenesikhathibekwenza lokhu uma uhlola ubungozi,ungasebenzisa lezi zindlela eziyisihlanuezilandelayo ukukusiza.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Isinyathelo sokuqala:Bheka ubungoziBuka indawo yokusebenzela ubheke nokuthi abantu basebenza kanjani. Futhihlola imininingwane egciniwe mayelana nezehlakalo ezike zenzekangaphambilini, izingozi noma izinkinga zezempilo. Inhloso yalokhu ukutholaizingozi ezingaba nkulu ezingaholela ekulimaleni kwabantu abaningi.
Isinyathelo sesibili:Nquma ngubani ongalimala kungenzekakanjani 
Hlonza abantu abangase babe sengozini, ubabale ukuthi bangaki. Umaucabanga ngokuthi uzokwenza kanjani lokhu, ungakhohlwa ungakhohlwayimisebenzi engaba nobungozi.
Isinyathelo sesithathu:Hluza ezingadalwa ezilimazayouthathe izinyathelo ukunciphisa 
Bheka ukuthi izinto ezinobungozi zinagadwa kanjani. Izindlela zokugada lobubungozi zingaba ngezale noma kube khona okunye okudinga ukwenziwa.
Abasebenzi bavamise ukuba nemibono ephusile, egxile ezintweni ababhekananazo emsebenzini yabo yemihla, ngakho kuhle ukuthi ubafake naboezinqumweni ozithathayo.
Isinyathelo sesine:Bhala phansi 
Emva kokuba usunqumile ukuthi yikhuphi okumele kwenziwe, kumele uhleleukuthi uzokwenza kanjani futhi nini lokho. Ukubhala phansi kuyokusiza4
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
5ukuphumelelisa leli su.
Isinyathelo sesihlanu:Buyekeza ukuhlola kwakho kabushaumakunesidingoKuyomele ubuyekeze ukuhlola kwakho uma kube noshintsho olukhulu endleleniosebenza ngayo noma uma unezizathu zokucabanga ukuthi kukhonaokungasalungile.
Izinkinga zempilo kwezolimo namahlathiUmsebenzi wasemkhakheni wezolimo ungaba nobungozi ezimpilwenizabasebenzi ngezizathu eziningi, esingabalula kuzo nalezi:
Ukuthintana nezilwane
Ukusebenza ngamakhemikhali anobungozi
Ukukhandleka komzimba
Ukusebenza endaweni enesimo sezulu esishintshashintshayo, umsindo nomaukungqangqazela.
Uhlobo lomsebenzi wezandlaUkuqukula amafulaha asindayo nokusebenza ungamile waqonda kungadalaubuhlungu bemisipha. Lobu buhlungu emilenzeni, emajoyintini naseqolobungadalwa ukunyenuka kwemisipha.
Okumele ukwenze
Gwema ukuqukula amafulaha asindayo uma kungenzeka noma ukusebenzangokukhanda 
Qukula izinto ngendlela okuyiyo  beka izinyawo zakho ngendlela, gcinaumhlane wakho uqondile futhi ugcine imithwalo oyitatamisayo iseduzenomzimba wakho 
Qinisekisa ukuthi indawo yokusebenzela iqoqwe ngendlela yokuthi izintozokusebenza nomkhiqizo kungafinyeleleka kukhona ngaphandle kokwelulaimisipha kakhulu futhi zama ukushintshashintsha imisebenzi okumeleyenziwe noma ukunyakaza ukuze kusebenze imisipha ehlukahlukeneemzimbeni 
Izithuthi ezisetshenziswa ngezandla indawo ende, zezitshalo nembewukumele zigwenywe uma kungenzeka, ukuvikela izimpilo zabasebenzi.
Ukusebenzisa imishini ngokuphephaIzingozi eziningi emapulazini zifaka imishini. Ezinye zenzeka ngoba umshini
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
usetshenziselwe umsebenzi ongawulungele, ezinye zenziwa wukuthi okokuvalaakukho noma kususiwe. Kumele kube nohlelo lokuhlola ukuthi izintozokusebenza esingabala kuzo nemishini, ziphephile ukuthi zingasetshenziswa.
Uma izinto zokusebenza zisetshenziswa ezimweni ezingezinhle, kumele uhlolwenjalo ukubheka ukuthi yini engakuholela ezingozini, uma kunesimoesingejwayelekile,esingenza ukuthi izinto zokusebenza zingabi ngeziphephile.
Okumele ukwenze
Qinisekisa ukuthi imishini oyisebenzisayo iwulungele umsebenzi
Iyanakekelwa ukuze isetshenziswe ngokuphepha
Ifakwe izivalo ezibekwe wumthetho 
Amathuluzi okutshala izihlahla kumele akhelwe leso sidingo. Amathuluziokulima awavamile ukuba alungele ukutshala izihlahla 
Izibambo zamathuluzi okutshala kumele zivalwe ukuvikela ukushokhekakwesandla uma ukudla kwethuluzi kushaya idwala elicashile noma impande 
Isihloko sethuluzi lokusika nokugunda kumele sifakwe ngokunakekelaesibanjeni ngento eyiyo, isibonelo, isando, irivithi noma ibhawodi.
Ukuthenga noma ukuboleka imishiniUma uthenga noma uboleka imishini umthetho uthi kumele umthengisi-mpahlaalethe izivalo eziyizo zokuvikela. Yenza isiqinisekiso sokuthi wena nabasebenzibakho.
Nisebenza imishini njengokwemiyalelo ebhalwe kuyo 
Gcinani izivimbo zisezindaweni zazo futhi zisebenza ngendlela 
Nibheka ukuthi izinkinobho zokuvimba zibhalwe ngokucacile ukukhombisaukuthi zenzani nokuthi zihambelana namiphi imishini, futhi zakhiwe, zabekwengendlela yokuthi zingathinteki ngephutha 
Abasebenzi baqeqeshiwe ukusebenza ngokuphepha nokuthi bahlinzekwengezingubo zokubavikela.
Ukuphathwa nokuvulwa kwemishini
Izehlakalo eziningi ezithinta imishini zenzeka ngesikhathi sokukhandwakwemishini 
Abasebenzi baqeqeshwe ngokwanele ukwenza umsebenzi 
Amathuluzi enele nemiyalelo yokusebenzisa imishini ihlinzekwe ukuzeimishini iphathwe, ihlonzwe futhi ivulwe 
Amandla abekiwe, ukwenza isibonelo, aqhamuka ezimpahleni ezicindezeleiziphethu noma amandla aqhamuka emanzini, ibekwa esimweni esilungeleukusebenza ngaphambi kokuqala umsebenzi.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
7Abasebenzisa imishini kumele baqinisekise ukuthi:
Bayakwazi ukucisha imishini ngaphambi kokuyidumisa 
Baqala ukuyidumisa ime ngendlela 
Zonke izivimbo zifakwe ngendlela futhi zisebenza kahle 
Indawo ezungeze umshini ihlanzekile futhi ayinalutho olungaphazamisaukusebenza komshini
Induna iyatshelwa ngokushesha uma umshini ungasebenzi ngendlela 
Bagqoka izingubo zokuvikela azifanele.
Ungalokothi:
Usebenzise umshini ngaphandle uma unemvume noma uqeqeshelweukwenza lokho 
Uzame ukuvula ukuvaleka kwamapayipi noma ukuhlanza umshiningaphandle, uma unezinwele ezinde ezingagaxela ezinsimbini ezinyakazayo 
Wehle kugandaganda ohambayo noma emshinini ozishintsha wona 
Uphazamise abantu abasebenzisa imishini.
Ukuphathwa kwezithuthi nezimpahlaEnye into edala izingozi kwezolimo ngogandaganda abagingqikayo. Izingoziezinkulu nezibulalayo zijwayelekile, izehlakalo zibandakanya abashayeli, abanyeabasebenzi nabahamba ngezinyawo. Ezinye izingozi zenzeka uma abantubeshiya izimoto bengenzanga isiqiniseko sokuthi ngeke zihambe noma zidaleingozi.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Hlola njalo ukuthi:
Abashayeli baqeqeshiwe nokuthi abantu abangenamvume abavunyelweukushayela 
Izimoto nabahamba ngezinyawo bayahlukaniswa uma kungenzeka 
Imithwalo izinzile futhi iphephile 
Abashayeli bavikelekile ezintweni eziwayo 
Izimoto zakho noma eminye imishini ezigitshelwa abasebenzi zifakwe izintoezivikela ukugingqika 
Izihluthulelo zibekwa endaweni ephephileuma izimoto zingasebenzi.
Imisebenzi yokuphakamisa izintoHlela futhi ulungise kahle izinto zokuqukula, usebenzise izinto eziyizo nabantuabaqeqeshekile ukunciphisa izingozi. Qinisekisa ukuthi:
Zonke izinto zokuqukula zihlolwa njalo umuntu okulungele ukwenza lokhu 
Ubungako bemithwalo ephephile bubhalwe ezintweni zokuqukula.
Ungasedluli isikalo esibekiwe 
Izinto ezikhombisa ukweqiwa kwesikalo esivumelekile emshinini equkulayokumele sisebenze ngendlela 
Uma ushayela imishini ephakamisa ngaphambili, kumele uyiphakamise intoyokucaphuna impahla uma ingenalutho, uyehlise uma igcwele, ngaphandlekwalapho ingadala khona ubungozi, isib. emgwaqweni.
Umsindo wokungqangqazelaUkuba semsindweni omkhulu kungalimaza ukuzwa kwakho unomphelo, isikhathiesiningi lowo ohlaselwe yilokhu akaboni kanti lokho kungaholela ekubeniyisithulu .
Yehlisa isikhathi obekeka ngasoemsindweni
Khetha imishini engenawo umsindo uma ukhetha izindlela zokukhiqiza nomaimishini emisha 
Valela imishini enomsindo ngezinto ezehlisa umsindo noma uyifake endliniyayo yodwa 
Yehlisa isikhathi sokuba semsindweni ngokushintshanisa abantu abasebenzalapho 
Lapho umsindo ufika ku90 dB noma ngaphezulu, beka izimpawu ezikhombisaukuthi lena yindawo okumele kuvikelwe amadlebe kuyo ukuze uqinisekiseukuthi bonke abantu abangena khona bayazivikela.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
9UkungqangqazelaUkuhlale usebenzisa amathuluzi angqangqazelayo njengobhemubhemu, nezintozokusika kungaholela esifweni sokungqangqazela komunwe, umuzwa nomaumsipha. Izimpawu zokuxwayisa zibandakanya ukukitazeka eminweni, iminweingajika ibe mhlophe, kulandelwe ukuqaqamba nokubheja ibe bomvu.
Ukushayela ogandaganda nemishini ezishintshayo kungabeka umzimbaesimweni sokungqangqazela okungaholela ekuphathweni yiqolo nomaubuhlungu enqulwini nasedolweni. Izimpawu zokwexwayisa zifaka ubuhlungunokuqina kweqolo emva kokusebenza ngogandaganda.
Yikuphi ongakwenza?
Sebenzisa imishini efanele umsebenzi 
Lungisa imishini ngendlela efanele isib. faka izinsimbi ezivimbelaukungqangqazela kobhemubhemu 
Sebenzisa ngokuyikho indlela yokuhlala esitulweni sikagandaganda
Hamba ngejubane elifanele, ugweme imigojana esemgwaqweni.
Ukuvikela ukulimala imizwa, imisipha namathambo ezandleni nasezingalweniokudalwa wukungqangqazela.
Hlela umsebenzi ngendlela ozokwazi ukugwema ukusebenzisa amathuluziangqangqazelayo 
Khetha amathuluzi angqangqazela kancane 
Abantu abashintshane futhi bathathe amakhefu njalo
Fudumeza izandla ngaphambi kokuqala umsebenzi bese uzigcinazifudumele.
IsimosezuluUkuba sesimweni sezulu esingesihle, njengelanga elibalele noma amakhazaamakhulu kungalimaza.
Okumele ukwenze
Uma ilanga libalele gqoka izimpahla ezilula nesigqoko esinomphemeomkhulu 
Ungabi nqunu, faka ukhilimu ovikela ukuhlaba kwelanga esikhunjeni 
Bheka izinsumpa nokujika kwesikhumba. Bonana nodokotela uma izinsumpanjll, zikhula, zopha noma ziluma 
zingubo zokusebenza azakhiwe ngendwangu egcina imizimba yabasebenziyomile futhi inezinga lokushisa elemukelekile. Uma imisebenzi izokwenziwaelangeni noma emakhazeni, izingubo ezilungele kumele zisetshenziswe
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
ukugwema ukuba nentukuntuku nokuvumela ukuphefumula 
Izingubo zokuvikela ezanele kumele zihlinzekelwe abasebenzi umakunobungozi bokushiswa yilanga njengezitshalo eziyingozi, izilwane nezifo.
IzifoUkuthintana nezilwane kungaholela ezifweni ezidluliselwa yizilwane kubantu.
Izilwanyana ezinjengamagciwane, izimuncagazi nesikhunta kungabangaukugula emzimbeni uma zihogeliwe, zigwinyiwe noma uma zingena esikhunjeni.
Izimpawu zibandakanya izinkinga zesikhumba noku samkhuhlane okungagcinakube wukugula okukhulu uma kungelashwa.
Yikuphi ongakwenza ukunciphisa ubungozi?
Nciphisa ubungozi bokuthelelana ngokugcina izilwane zinempilo. 
Zigome uma kunesidingo 
Qinisekisa inhlanzeko. Njalo geza izandla ngaphambi kokudla, ukuphuzanokubhema 
Gqoka izingubo zokuvikela ezinjengama-ovaloli uma usebenza ngezilwane,
ikakhulukazi uma ugula, namagilavu nephinifa likaseyili uma usebenzangezinto ezinjengemithi yokuzalisa 
Vala konke ukusikeka nemihuziko ngamabhandishi angangenwa amanzi.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
11Izinto eziyingoziUkuba seduze nezinto eziyingozi njengamakhemikhali, isib. imithi yokubulalaizinambuzane, imithi yokwelapha izilwane (idiphu lezimvu) uthuli, intuthu nomaizinto ezinjengombhaceko, umanyolo, ukuhogela iphunga locwazi abashayonoma uthuli olusuka ezinhlamvwini, umanyolo, izinti, utshani obomisiwe njll,
nokuthelwa umuthi wokubulala izinambuzane nediphu lezimvu kungadalaukugula.
Izimpawuzokuxwayisa
Ukukhala kwamehlo namanzi emakhaleni
Ukucinana emakhaleni
Umphimbo obuhlungu 
Ukukhwehlela okunezikhwehlela nokungenazo
Imisipha ebuhlungu nemfiva emva kokusebenza ngotshani obomisiweobukhuntile 
Inkinga yokuphefumula
Ukucinana kwesifuba ngesikhathi somsebenzi, emva komsebenzi nomangesikhathi uzilolonga 
Ukubefuzela.
Lezi zimpawu kungaba ezesikhashana ngesikhathi kwenziwa umsebenzi,
noma-ke zibe zimbi ziqhubeke isikhathi eside. Zingasuswa nayizinto ezincaneezingezwani nalowo ogulayo. Uma ungumuntu obhemayo, ubuye ubekekeesimweni sokuhogela izinto ongezwani nazo ngokwempilo maningi amathubaokuthi ube nezinkinga zesifuba.
ubalulekile ukuzivikela wena nabasebenzi bakho. wemaukuhogela izinto ezinobungozi ngokwenza lokhu:
Sebenzisa ezinye izinhlobo zamakhemikhali ezinobungozi obuncane 
Shintshela ezinhlamvwini ezinothuli oluncane 
Valela izinto ezikhiqiza uthuli
Shanelani ngomshini obutha izinto ezichithekile hhayi ngomshanelo.
Nciphisa inani lalokho okuhogelayongokwenza lokhu:
Sebenzisa izimbobo zokungenisa umoya, isib. uma ushisela
Sebenzisa amahluzo okuyiwona kogandaganda nasezimotweni 
Gcina amahluzo njengokwemiyalelo yomakhi wawo 
Yandisa izimbobo ezingenisa umoya ebhilidini 
Gqoka izinto zokuvikela ukuhogela izinto eziyingozi. Qinisekisa ukuthi ufakaimaski noma into yokuvikela ukuhogela uthuli 
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Amamaski nezinto zokuvikela ukuhogela uthuli kumele kubekwe endawenieyomile nehlanzekile.
Uma usebenzisa imithi yokwelapha izilwane, kumele uhlale:
Ugeza amachaphazelo emithi esikhunjeni nasezingutsheni ngokushesha,
ngaphambi kokuba udle, uphuze noma ubheme. Ungasebenzi phakathikwezilwane ezisanda kwelashwa uma ungatheleleka 
Landela yonke imiyalelo ephuthumayo ebekwe wumakhi wempahla, isib.
ukusebenzisa imijovo kawoyela 
Landela imiyalelo yokusebenzisa imithi, ikakhulukazi leyo ehlobene ne PPE 
Bika zonke izinsolo zokungenwa wushevu ukuze ziphenywe kabanzi.
Ukuthinta nokutshala izitshalo ezifakwe imithi: 
Ukuthinta nokutshala izitshalo ezifakwe imithi engaba nobungozi ngaphambikokuphelelwa yisikhathi, abaqashi kumele bahlinzeke  abasebenzibasebenzise  izimpahla zokuvikela 
Izitshalo ezifakwe imithi kumele zithintwe ngokucophelela ukunciphisaukutheleleka. Kumele zipakishwe futhi zithuthwe endaweni yokusebenzelangendlela yokuthi zithokale kalula uma sezidingeka, okuzokwenza ukuthikugwemeke ukuthinta izitshalo ngokungenasidingo 
zikhwama zokutshala noma amahhashi nezinye izitsha zokuthutha nezitshaloezinomuthi endaweni yokusebenzela kumele zihlanzwe, ngokuthululwaziwashwe zonke izinsuku.
Ukuphepha nenhlalakahle yasemsebenziniIzingozi eziningi emsebenzini wezolimo namahlathi zingumphumelawokusheleleka, ukukhubeka nokuwa. Qaphela ukuthi izindawo zokusebenzelaazinazo izinto ezingakhuba abantu njengezintambo zikagesi, amasaka nomaimibhede endlalwe ngotshani nokuthi kunesikhala esanele sokubeka amathuluzinezimpahla. Gcina amabhilidi akho ekhandiwe qinisekisa ukuthi iphansi alinazoizimpahla eziningi ngokweqile, ikakhulukazi emabhilidini amadala.
Nciphisa ingozi yokuwa, ukukhubeka nokusheleleka. umeleuhlinzeke lezi zinto ezilandelayo:
Izinsimbi zokubambelela ezitebhisini lapho kunesidingo
Izitamukoko ezisebenzayo lapho kunamaxhaphozi khona njengezindawozokugeza izitshalo nasemadeleni 
Ukukhanya okwanele 
Izinga lokushisa elanele nokungena komoya ezindaweni zokusebenzela 
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Izimpawu zokuphepha lapho kunobungozi bempilo nokuphepha emva kokubausubuhlolile ubungako bengozi.
Usizo lokuqala nosizo oluphuthumayo
Njengoba kujwayelekile ukuthi abasebenzi basemahlathini nakwezolimobesebenze ngamaqenjana amancane ezindaweni ezahlukene, umsebenzingamunye kumele aqeqeshwe ngokosizo lokuqala. Lolu qeqesho kumelelubandakanye nokwelashwa kwezilonda ezivulekile nokuvusa abaqulekile.
Ezindaweni lapho umsebenzi engahogela amakhemikhali noma intuthu,
kunezinyoka, ukulunywa izinambuzane noma izicabucabu nezinye izingozi,
ukuqeqeshwa ngokosizo lokuqala kumele kwenziwe umuntu oqeqeshiwe 
Amabhokisi osizo lokuqala anezinto zakhona kumele ahlale ekhona endaweniyokusebenzela futhi avikelwe ekonakalisweni wumswakama 
Kumele kuhlinzekwe izintuba zokuphuma ngokushesha uma kukhona olimelenoma ogulayo odinga ukwelashwa 
Izithuthi noma indlela yokuxhumana kumele zibe khona endaweniyokusebenzela ukuze kuthintwe abatakuli uma kunesimo esiphuthumayo.
Izindlu zokuhlambelaKunobungozi bokuthola ukugula ezinketshezini ezinobungozinasenkucunkucwini nemikhiqizo yezilwane. Uma unabasebenzi abaqashwengokugcwele, nabayitoho kumele uzihlinzeke lezi zinto.
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Uhlanze izindlu zangasese ezingenwa wumoya
Ugeze osinki ngamanzi ashisayo nabandayo, ngensipho namathawula (nomaumshini wokomisa wesandla)
Imishini yokuwasha ephathekayo, izindwangu zokusula zabasebenziabasebenza kude nezindawo zokuwashela 
Izindawo zokushintsha ezindaweni lapho kugqokwa khona izinguboezehlukile 
Indawo eletha amanzi ahlanzekile (ibhalwe ukuze yehluke kwezinye izindawoezinamanzi okungafanele aphuzwe)
Ukubikwa kwezifoezihlobene nomsebenziIzifo ezithile ezibangwa wumsebenzi kumele zibikwe emnyangweniwezabasebenzi. Isifo osithola uma usebenza ngalokhu okulandelayo, kumelesibikwe:
Izilwane: izifo ezitholakala ngokusebenza ngezilwane
Ukubulala izinambuzane
Izinto zemvelo:isifo sesifuba somoya esisuswa wuthuli lwezinhlamvu,
izinambuzane ezisetshenziselwa ukubulala izilwanyana, umquba namakhowe 
Ezinye : isifo sesikhumba esisuswa okuphathelene nomsebenzinjengezibulali magciwane 
Imishini:ukungqangqazela kwesandla nengalo ngenxa yokusebenzangobhemubhemu (isaha likaphethiloli) noma amasaha esandla.
Uma udinga eminye imininingwane thintana nehhovisi labasebenzinoma ihhovisi lesifundazwe.
Eastern Cape 
East LondonTel: (043) 701 3000Free State 
BloemfonteinTel: (051) 505 6200Gauteng NorthPretoriaTel: (012) 309 5000Gauteng South 
JohannesburgTel: (011) 497 3222KwaZulu-NatalDurbanTel: (031) 366 2000LimpopoPolokwaneTel: (015) 290 1744MpumalangaWitbankTel: (013) 655 8700North est 
MmabathoTel: (018) 387 8100Northern CapeKimberleyTel: (053) 838 1500estern CapeCape TownTel: (021) 441 8000Contact detailsProvincial Offices ofthe epartment ofabour14
kweZolimo namahlathiImpilo yabasebenzi nokuphepha 
Impilo yabasebenzi nokuphepha 
Makhado 
Tel: (015) 516 0207 
Modimolle 
Tel: (014) 717 1046 
Mokopani 
Tel: (015) 491 5973 
Phalaborwa 
Tel: (015) 781 5114 
Polokwane 
Tel: (015) 299 5000 
Seshego 
Tel: (015) 223 7020 
Thohoyandou 
Tel: (015) 960 1300 
Tzaneen 
Tel: (015) 306 2600 
Mpumalang 
Baberton 
Tel: (031) 712 3066 
Bethal 
Tel: (017) 647 5212 
Carolina 
Tel: (017) 843 1077 
Eerstehoek 
Tel: (017) 883 2414 
eMalahleni Tel: (013) 653 3800 
Ermelo 
Tel: (017) 819 7632 
Groblersdal 
Tel: (013) 262 3150 
Kwamhlanga 
Tel: (013) 947 3173 
KaMhlushwa 
Tel: (013) 785 0010 
Lydenburg 
Tel: (013) 235 2368 
Middelburg 
Tel: (013) 283 3600 
Nelspruit 
Tel: (013) 753 2844 
Piet Retief 
Tel: (017) 826 1883 
Sabie 
Tel: (013) 764 2105 
Secunda 
Tel: (017) 631 2594 
Standerton 
Tel: (017) 712 1351 
Volksrust 
Tel: (017) 735 2994 
Northern CapW 
Calvinia 
Tel: (027) 341 1280 
De 
Aar 
Tel: (053) 631 0952 
Kimberley 
Tel: (053) 838 1500 
Kuruman 
Postmasburg 
Springbok 
Upington 
North est 
Brits 
Christiana 
Klerksdorp 
Lichtenburg 
Mafikeng 
Mogwase 
Potchefstroom 
Rustenburg 
Taung 
Vryburg 
estern CapW 
Beaufort West 
Bellville 
Cape Town 
Claremont 
George 
Knysna 
Mitchells Plain 
Mossel Bay 
Oudtshoorn 
Paarl 
Somerset West 
Vredenburg 
Worcester 
Tel: (053) 712 3952 
Tel: (053) 313 0641 
Tel: (027) 718 1058 
Tel: (054) 331 1752 
Tel: (012) 252 3068 
Tel: (053) 441 2120 
Tel: (018) 464 8700 
Tel: (018) 632 4323 
Tel: (018) 381 1010 
Tel: (014) 555 5693 
Tel: (018) 297 5100 
Tel: (014) 592 8214 
Tel: (053) 994 1710 
Tel: (053) 927 
5221 
Tel: (023) 414 3427 
Tel: (021) 941 7000 
Tel: (021) 468 5500 
Tel: (021) 683 2388 
Tel: (044) 801 1201 
Tel: (044) 382 3150 
Tel: (021) 376 1771 
Tel: (044) 691 1140 
Tel: (044) 272 4370 
Tel: (021) 872 2020 
Tel: (021) 852 2535 
Tel: (022) 715 1627 
Tel: (023) 347 0152 
IsiZulu, Layout and design by the Design Studio, Chief Directorate of Communication,
Department of Labour. Website: www.labour.gov.za
