Ukuphepha kanye nempilo ezimbonini zokudla kanye nezeziphuzo
Abasebenzi basezimbonini bahlala bebhekene nezingozi eziningi, esingabala kuzo lezi ezilandelayo: 
Ukuwa okungabangelwa ukushibilika bese kuholela ekubhinyilikeni kanye nasekwenyeleni 
Ukuba khona kwezinto ezicijile njengemibese
Ukushayisana nezithuthi zangaphakathi ezifana nawogandaganda bakhona kanye nezinqola eziphatha impahla  
Ukuphakamisa izinto, ukuphindaphinda umsebenzi ofanayo kanye nokudedela umzimba uthintwe yizinto ezithile ezilimazayo. Abasebenzi kulolu hlobo lwezimboni bavame ukuphakamisa izinto ezisindayo kanye nomsebenzi ophindaphinda into efanayo njalo nje, abanye abayinakekeli imizimba yabo okuholela ekuthini bangaziniki izikhala ezanele ngaphakathi embonini
Babhekana nomsindo
Babhekana nezinto ezilimaza imizimba yabo – babhekana futhi nezinto ezilingana namagciwane ezingena emizimbeni yabo ngokuphefumula kanye nokuhogela izinto ezifana nothuli kanye nokusebenza ezindaweni eziphakeme ezinomhwamuko omningi. Uthuli luvame ukwakhiwa yizinto zokusebenza kumbe imikhiqizo yasembonini uqobo lwayo, kokunye kube yizinga eliphakeme lomhwamuko elilimaza isikhumba
Basebenza ngamakhemikhali ayingozi – lokhu kubhekana namakhemikhali kungoba bewasebenzisela ukuhlanza izinto kanye nokubulala ngawo amagciwane  ezindaweni ezithile embonini 
Basebenza ezindaweni ezishisayo nezibandayo. Lolu hlobo lwezimboni luvame ukuba nesimo esiguquguqukayo samazinga okushisa nokubanda ezindaweni zokusebenza njengoba kuhlala kufudunyezwa imikhiqizo iphinde eminye iqandiswe. Abasebenzi bavame ukubekeka esimeni esibucayi ngenkathi besebenza ukudla bekufaka emathinini. Imiphumela yalokhu kuba ukusebenza ezimeni ezibanda okweqhwa
Bayaye futhi basebenze ezindaweni ezimpintshekile. Ezinye zalezo zindawo ngezifana: nezindawo zokugcina imikhiqizo, amathange kanye nemigqomo, imigodi kanye nezitsha ezinkulu, amathange kaphethiloli, imigqomo yokukhama amagilebhisi, amathange okuvubela kanye nezinye izitsha ezinkulu.
Ukuwa, ukusebenzisa imibese, ukushayisana, ukuphakamisa kanye nokuphindaphinda imisebenzi
Makulungiswe kahle izindawo okuhanjwa kuzo kuthi ezokuhlanza zigcinwe zomile ngokuthi kwesulwe konke okuchithekileyo. Kufanele futhi ukuthi abasebenzi banikwe izinto zokugqokwa ezinyaweni ezivikela ukushibilika
Makutholelwe abasebenzi bonke amagilavu okuvikela ukusikwa yimibese
Ukwehlisa izinga lokushayisana kanye nokushayiswa yizinto zokuthutha ngaphakathi
Makuhlukaniswe amaphasishi ezinto zokuthutha kanye nezindawo abasebenzi abasebenzela kuzo ngemingcele kasimende kanye nezitebhisi
Makuvinjelwe ukuchitheka kwamanzi kumbe kwezinye izinto ezimanzi
Abasebenzi kumele baqeqeshwe ngokuphakamisa izinto bese kuthi izindawo ezithile zakhiwe kahle ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi banesikhala esanele.
Ukusebenza emsindweni
Ezinye izinto ezifana nokufaka imikhiqizo emathinini, emabhodleleni, kanye nokusetshenziswa kwemishini ethutha imikhiqizo ngamabhande kuvame ukubeka abasebenzi ebucayini bomsindo omkhulu. Kumele kube nezindlela ezivela konjiniyela zokwehlisa umsindo, nabasebenzi basizwe ukusebenzisa izindlela zokuzivikela kulokhu.
Izingozi ezithinta imizimba yabantu
Lezi zinto ezilandelayo zingaba yizindlela zokuvikela izingozi ezihlasela imizimba yabantu ezimbonini zalolu hlobo:
Ukwakha izimbobo ezizoholela ekuthini kuphume uthuli ezimbonini
Abasebenzi badinga ukunikwa izinto abazozisebenzisa mathupha  zokuzivikela, izinsizakusebenza kanye nokuqeqeshwa ngezindlela zokuzisebenzisa.
3
Abasebenzi kulezi zimboni babekeka ebucayini bezingozi eziningi ezibandakanya ukushayisana nezithuthi zangaphakathi ezifana nawogandaganda kanye nezinqola
Makubalulwe ukuhlanzeka komuntu ngamunye kuphinde kuqinisekiswe ukubaluleka kokwehlukanisa phakathi komsebenzi kanye nezimo zokuziphephisa.
Izingozi zamakhemikhali
Abasebenzi kumele baqeqeshwe ngasohlangothini lokuphepha emsebenzini. Kulokho kuqeqeshwa kufakwe nezindlela zosizo lokuqala.
Ukushisa kanye nokubanda
Kumele kube nodokotela osemthethweni kumbe umhlengikazi ozoqinisekisa ukuthi umsebenzi ngamunye usesimeni esamukelekile ukuba ngumsebenzi walolu hlobo lwemboni.
Izindawo ezinezidingo ezahlukile
Umqashi umelwe ukubeka eceleni izindawo ezinezidingo ezahlukile emsebenzini. Uma zikhona kumele kube nezimpawu zokukhombisa ukuthi kungenwa kanjani kulezo zindawo ukuze zisheshe zibonakale.
Izimvume zalezi zindawo kumele zibe khona ziyifanele imisebenzi ethile emelwe ukwenzelwa kulezi zindawo.
Abasebenzi kumele banikwe izinto ezifanele zokwelekelela ukuphefumula uma bezosebenzisa lezi zindawo kanti kumele labo basebenzi baqeqeshelwe ukusebenzisa lezi zinsizakusebenza.
Izinto ezinokuwa
Makuqinisekiswe ukuthi izinto ezigcinwe phezulu (njengalezo ezigcinwe emashalofini okugcina impahla) azinyakazi kalula ukuze kuvikelwe ukuwa okungaba yisiphazamiso. Uma kupakishwa izinto makubekwe ngaphansi ezisindayo bese kuthi ezilkula zibekwe phezu kwezisindayo.
Makukhethwe kahle izindlela zokupakisha izinto, ukuzinyakazisa nokuzisusa makuqinisekise ukuthi azikho eziwayo.
Makuqashelwe ukuthi izinto ezimisiwe (njengamasilinda aqukethe igesi) kumbe izinto ezincikiswe obondeni kazinyakazi noma zithuke zishayiseka.
Amathuluzi asetshsenziswa ngezandla
Imibese ivame ukuba yimbangela yezingozi eziningi ngakho idinga ukubekwa endaweni ephephile kumbe ifakwe esikhwameni uma ingasetshenziswa.
Uma le mibese ivame ukusetshenziswa, izingubo ezingasikeki kalula ezibalulwa emithethweni yokuphepha kumele zigqokwe (kubalwa lapha imibese yokusika edinga amaphinifa afanele kanye namagilavu avikela ukusikeka)
Amathuluzi asetshenziswa ngezandla kumele ahlale esesimeni esihle ukuze kungadingeki amandla amaningi uma isetshenziswa.
Ukususa izinto
Izinto ezifana nezithuthi zangaphakathi, izinqodlana zempahla, okusetshenziswa ngabahamba ngezinyawo kumele kwenzelwe izindawo zako ezingezusetshenziswa ngabanye abasebenzi uma kuvuma. Umuntu othuka edudula okukodwa kwalokhu kumele ahambe lapho ezobonakala kalula khona.
Izinto ezibhekela ukuphepha kumele ziqinisekise ukuthi izindawo ezinobungozi ziyaziwa (njengemishini enokugingqika, amahhuku kanye nezinto ezingaphunyula ziphume emishinini).
Ukulungiswa kokudla kanye neziphuzo
Izimboni zokudla kanye neziphuzo zivame ukuba yizinhlobo ezahlukene ezingaphezu kwamashumi amathathu. Lokhu kubandakanya izindawo zokuhlaba, izigayo zikashukela kanye nezigayo zokusanhlamvu ezihambisana nezindawo ezikhiqiza imithombo kanye nalezo ezakha utshwala obushisayo. Imininingwane ebheka ukulimala kwabantu ezimbonini zokudla kanye neziphuzo ikhombisa ukuthi izinga liphakeme kakhulu lapha. Nokho, lawa mazinga aphinda ahlukahlukane futhi ezinhlotsheni ezahlukene zezimboni zale mikhiqizo. Okuyiyona mbangela enkulu yezingozi zalolu hlobo kuvama ukuthi kube yilena:
ukulimala kwemizimba yabantu
ukushibilikiswa yizindawo ezimanziswe wukudla
ukuwa ezindaweni eziphakeme
izithuthi zangaphakathi emsebenzini (kubandakanya ogandaganda bangaphakathi)
ukushaywa yizinto ezithile (njengemibese ebukhali kanye nezinto eziwayo)
yimishini.
Kukho konke lokhu, yizithuthi ezivame ukuba yimbangela enkulu yezingozi emzebenzini, kubalwa lapha ukuwa umuntu esendaweni ephakeme kanye nokulimala okubangwa yimishini.
ukulimala okuthinta imizimba yabantu
ukulimala okuthinta isikhumba
umsindo
isifuba somoya esibangelwa yizimo zasemsebenzini
isifo samathambo
ingcindezi ebangelwa yizimo zasemsebenzini
Izimboni
Ukusebenza ngenyama nenhlanzi
Ukugaya, ukukhiqiza izinto zokuphakela izilwane
Imikhiqizo kafulawa
Imikhiqizo yobisi
6
Abasebenzi kumele baqeqeshwe ngezimo zokuphepha entweni ngayinye bese kwengezwa ukuqeqeshwa ngokosizo lokuqala
Mayelana nezithelo nemifino
Izinto ezinoshukela
Utshwala kanye neziphuzo ezingadaki
Imikhiqizo eyomisiwe kanye neqandisiwe
Ukukhiqizwa kokudla kunamazinga amathathu – ngokusezingeni lasepulazini, ukukhiqiza kanye nokuthengisa. Ukukhiqizwa kokudla kanye neziphuzo kwenzeka emafemini angalingani ngobukhulu kusukela kulawo aqasha abantu abambalwa kuze kufike kulawo aqasha amakhulu ngamakhulu abantu. Kulawa mafemu emakhulu noma emancane kodwa ekhiqiza ukudla kanye neziphuzo, asezingeni likazwelonke kumbe lomhlaba, enezinhlangano eziningi eziwalawulayo, avame ukuqasha izinkulungwane zabasebenzi. UMnyango Wezabasebenzi unomthwalo osemahlombe awo wokubhekela amazinga amabili okuqala – izinga lomsebenzi osepulazini kanye nelokukhiqiza. Ukuthengisa kanye nokusakazwa kwemikhiqizo khona kuwumsebenzi wawohulumeni basekhaya kanye neminyango yempilo yomphakathi, yize uMnyango Wezabasebenzi usebenzisana nale minyango ukuqinisekisa ukulandelwa kwemigomo yempilo kanye nokuphepha. 
Ngeso elibanzi
Ngokujwayelekile kulukhuni ukusingatha impilo emsebenzini kunokusingatha ukuphepha nje. Imbangela kanye nemiphumela yezimo ezingezinhle zokuphepha emsebenzini yikho okusingatheka kalula. Okulukhuni ukukuhlonza kungakafiki ukugula okubangelwa yizimo zasemsebenzini. Lokhu kubangelwa ukuthi kuthatha isikhathi ukuthi ziziveze izimpawu zalolu hlobo lokugula. Kuyaye kudinge ukuthi lezi zimpawu zize ziziveze kube yikhona zibhalwa phansi. Emva kwalokho sekungabhalwa-ke nezindlela zokulwa nakho ukugula lokho. Izinkinga ezifana nokugula ngeqolo zihlupha ngokuthi kungangabi yizimo zasemsebenzini ezibe yimbangela. Abasebenzi bavame nokuthi babe nenkinga yokungafuni ukuveza ukuthi baguliswa wumsebenzi ngoba besabela ukuzithola sebedilizwa. Yizinto ezifananalena ezigcina ziveze isidingo sokuthi kuliwe nokukhula kwesimo sokugula kwabantu emsebenzini.

Phezu kokuba izisombululo zezinkinga zokugula emsebenzini zikhona kodwa izisombululo ezivame ukwaziwa yibo bonke abantu ngobuningi azikho. Yikho izinkampani ezinkulu sezize zazinikela ekuthini ziqashe abantu ababhekene kuphela nempilo yabantu abangabasebenzi. Izinkampani ezingenawo amathuba anjena yilezo ezincane. Uma abantu bazo behlangabezana nalezi zinkinga okukhulunywa ngazo lapha bavame ukuhambela odokotela babo bemindeni, kodwa bese kuba nenkinga yokuthi labo dokotela babo abaqeqeshelwe ukubhekana ngqo nezinkinga zempilo yabantu abaguliswa yizimo zasemsebenzini. Amaningi emabhizinisini awaphoqelekile futhi ukuthi athole abantu abaqeqeshelwe ukulwa nokugula kwabantu ngenxa yezimo zomsebenzi. Okunye futhi ukuthi izinhlobo ezinjena zokugula kwabantu abasebenzayo kaziziningi ngaleyo ndlela. Yikho iningi labasebenzi likwazi ukusebenzisana njengomfelandawonye ukulwa nalolu hlobo lokugula. Ukuthi nje-ke akuguquki ukuthi ukuthola abantu abawuqeqeshelwe lo msebenzi yikho okwaziwa njengokunemiphumela engcono. Le ngxenye elandelayo izobhekana nokudingida ukugula okuvela ngenxa yezimo zokusebenza bese iveza izindlela ezahlukene zokusombulula lezi zimo:
Izimbangela ezivamile
Izimbangela ezijwayelekile zokugula okubangelwa ukusebenza ezimbonini zokudla neziphuzo yilezi:
ukugula enyameni kanye nasemathanjeni (MSDs): kubonakala ngokukhubazeka kwesingenhla kumuntu (WRULDs) kanye nokukhubazeka kweqolo
ingcindezi yomsebenzi: ingabangelwa ukungahleleki kahle kwendlela yokusebenza
isifuba somoya emsebenzini: sibangelwa ukuphefumula uthuli lukafulawa wokubhaka
ukulimala kwesikhumba: kubangwa ukugeza izandla, ukuthinta ukudla, njll.
amathambo: abangelwa ukuhlukunyezwa wuthuli olufana nolokubhaka nofulawa, izinongo nokunye
umsindo obanga ukungezwa: yilapho izinga lomsindo leqa isilinganiso sika-85 dB(A).
(kokubili lokhu: i-WRULDs kanye nokulimala kweqolo) kuhamba phambili ngamalengisi. Nokho nezinye izingozi zingaba sezingeni eliphakeme uma isimo sizivumela.
Imbangela yokuthinteka komzimba
Zinhlanu izimbangela zalokhu kulimala komzimba ezimbonini zokudla neziphuzo:
ukupakisha kanye nokwethula imikhiqizo (njengamabhokisi kanye namasaka)
ukududula izinqodlala zangaphakathi (ezifana nalezo eziphatha imikhiqizo)
ukusika, ukusaha amathambo, ukwephula amalungu, ukuqoba, (nxa kulungiswa inyama yenkomo kumbe yenkukhu)
ukupakisha imikhiqizo (njengawoshizi, izinkwa kanye namabhisikidi)
ukuthwala amakesi eziphuzo (nxa lezi zinto zithuthwa)
lezi zinto yizo ezidinga ukubhekelwa uma kwenziwa uhlelo lokulwa nobungozi.
Sizokwazi ngani ukuthi inkinga ikhona?
Ukulimala kanye nokuthinteka kwempilo kuvela ngezindlela eziningi ezifana:
nokulimala kweqolo kanye namanye amalungu omzimba
ubuhlungu kanye nokunkenketha
imikhiqizo engekho ezingeni elihle
ukulahleka kwezinto
ukwehla kwezinga lokukhiqizwayo
ukuphakama kwezinga lokukhononda kwabasebenzi kanye nokuphumula njalo
ukukhula kwezinga lokuzenzela kubasebenzi (njengokuzilungisela izihlalo)
amabhandishi kubasebenzi, ukuhlatshwa, ukuzihlikihla, imigexo yekhopha neminye enozibuthe. Uma unenkinga kuzolahleka imali ngokungabibikho kwakho emsebenzini ngenxa yokugula, ukuqasha abantu abaningi, ukuqeqesha abantu abasha njalo, ukwehlika komkhiqizo, njll. Ukucela izinxephezelo kuyakhula bese kulimala nokukhokheleka kwemishuwalense.
Isifuba somoya emsebenzini
Bayanda abantu abaphathwa yilesi sifuba ezimbonini zokudla neziphuzo. Isifuba somoya sibangelwa ikakhulukazi ukuphefumula uthuli lukafulawa. Ababhaki yibo abanesibalo esiphakeme salesi sifo kuzo zonke izimboni zalolu hlobo.
Izinto ezibangela isifuba somoya emsebenzini
Lesi sifuba sibangwa ukuphefumula uthuli okugcina ngokuhlasela izitho zokuphefumula – lolu thula ngolwezinto ezisanhlamvu, ufulawa, izithako zezinto ezenziwa ngofulawa, izithako zeqanda, izithako zenhlanzi, izinongo kanye nezinto eziphuma okhunini – ngakho abasebenzi abasebenzisa izigayo, imithombo, ukubhaka, ukwenziwa kwenhlanzi, njll. Yibo abasengozini kakhulu. Isifuba somoya yiso esikhathaza kakhulu kanti impilo yomuntu siyayikhinyabeza impela nje.
Ukulimala kwesikhumba ngenxa yomsebenzi
Imininingwane iveza izinga eliphakeme lokuthinteka kwesikhumba kulokhu.
Imbangela yokulimala kwesikhumba
Lesi sifo sihlasela abasebenzi abasebenza ngenyama, inhlanzi, izinkukhu, izithelo kanye nemifino, bese kuba ababhaki, abapheki, abasebenza ukuhlanza kanye nabanye abaningi.
Kwabalungisa ukudla kulimala izandla kanye nezingalo
Kubonakala ngokuthi isikhumba sibe bomvu, sihlubeke, siklayeke, imvama lokhu kuba kubi ngendlela yokuthi abasebenzi baphuthe emsebenzini, kokunye baze bagcine sebewushiyile nomsebenzi
Lesi sifo sesikhumba sibangwa ukusebenzisa kakhulu amanzi, insipho kanye nezinye izithako zokugeza (kuze kufinyelele ku-55%) bese kulandela ukuthinta njalo izinhlobo zokudla ezifana noshukela, ufulawa, izithelo ezisawolintshi, imifino, izinongo kanye namakhambi, inhlanzi nezilwane zasolwandle, inyama kanye nenkukhu (kufinyelela ku-40% lokhu).
Ukufinya njalo
Ukufinya (ukucinana kumbe ukuba namafinyila) kuyimbangela yokushisa kwekhala, amafinyila adalwa uthuli emakhaleni
Imbangela yokufinya njalo
okusanhlamvu, ufulawa, izinongo, izithako kanye nothuli lwesingodo kubangela ukufinya njalo (ukukhala kumbe ukuluma kwamehlo) kanye nezinye izinto okungelula ukuzibekezelela.
Ukulahlekelwa ukuzwa ngezindlebe. Imbangela yokulahlekewla ukuzwa ngezindlebe
Ukusebenza emsindweni omkhulu kuvama ukuphazamisa ukusebenza kwezindlebe okungaba lukhuni ukukulandela njengoba kwenzeka kancane kancane nje. Umsindo uke ube mkhulu kakhulu, ikakhulu ezindaweni ezivulekile (njengamahholo afaka imikhiqizo emabhodleleni) kumbe kube nomsindo ovela kwezinye izindawo eziseduzane ezisebenzisa imishini emikhulu (njengomsindo wamabhanoyi). Uma kuvela ukuthi kunenkinga yomsindo okuleli zinga kuhle ukuthi imbangela yalowo msindo kube yiyo enqandwayo.
Ukwenziwa kwenqubomgomo yokubhekelela impilo  emsebenzini
Kunezinto ezintathu ezibalulekile ezidinga ukulandelwa uma kwenziwa inqubomgomo yokubhekelela ezempilo emsebenzini:
1. Ukuvimbela
Kunomthetho kanye nezimiso ezibhekene nomqashi ngqo ukuthi asebenzise noma yini angayisebenzisa ukuvimbela ukuthikamezeka kwempilo kubantu bakhe emsebenzini. Kumele okokuqala athole imbangela yesimo esibucayi empilweni yabasebenzi bakhe. Imvama izimpawu ezinjena ziyaziveza.  Uma sekutholakele lokhu esingakubiza ngezimo ezinobungozi (njengomsindo, nokunye) izinyathelo ezifanele sezingathathwa. Sibhekise lapha ekubhekeleleni ukuphepha komuntu ngamunye. Kubalulekile ukuthi kungabi kuphela ukubhekelela umuntu ngamunye kumbe idlanzana labantu, kodwa kubhekwe nokuthi bungakanani ubucayi umsebenzi nomsebenzi abekeke kubo kanye nemiphumela engahle ilindeleke. Ulwazi oluqoqeke kanje lungaba wusizo ukuthola abantu abafane ukwenza lo msebenzi kumbe inhlangano elwa nalolu hlobo lwenkinga.
12
Imisebenzi efana nokufakwa emathinini komkhiqizo,ukuwufaka emabhodleleni kanye nokusetshenziswa kwamabhande athuthayo kungaholela emsindweni ongabekezeleleki
Isimo okusetshenzwa kuso akuvamile ukuthi sibe ngaphezu kwezindlela zokwelapha ezihlelwe ngaphambi kwesikhathi.
Ukubhekelelwa kokuphutha emsebenzini ngenxa yokugula
Ukungabibikho emsebenzini kwabantu sekuphenduke inkinga enkulu ezinkampanini ezinkulu. Imininingwane esiqoqiwe kuze kube manje lapho ikwaze ukutholakala khona ingaba lusizo olukhulu ekutholeni izinga lezinkinga ezithinta impilo kubasebenzi. Uma kutholakala ukuthi kunezingxenye emsebenzini ezinabantu abaphuthayo kakhulu ngenxa yempilo, kungasho ukuthi inkinga seyikhona. Kunemisebenzi evama ukuholela ekuphazamisekeni kweqolo (WRULD) kwabanye abasebenzi. 
Ukulalela abasebenzi
Kunemininingwane eminingi engatholakala ngokukhuluma nabasebenzi uqobo. Bangangathandi ukuveza izinto eziningi ngezinkinga zempilo abasebenzi ngokusola ukuthi bangahle balahlekelwe yimisebenzi yabo. Nokho, ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukuthola lolu lwazi ngezinto abahlangabezana nazo abasebenzi ngaphandle kokubabeka ebucayini bokwethuka, kulezo zindlela kungabalwa ukufihla amagama alabo abavumile ukulwethula ulwazi.
Ukulwa nobungozi
Mayelana nokuphepha kanye nempilo yabantu ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukugcina izinga lalokhu lilihle. Uma kuvuma kumele noma yini eyingozi isuswe. Ukwethemba ukuthi umsebenzi ngamunye uzoziqinisekisa yena ngokuvikeleka kwakhe, kungaba yinto yokugcina ukuthi yenziwe ngumqashi. Indlela encomeka kakhulu ekuphepheni kanye nasempilweni yomsebenzi ukuthi kube khona uzwano nokuxoxisana phakathi kwabaphathi nabasebenzi. Imvama akunasidingo sokuthi kuze kutholakale umuntu ozobhekana nqqo nokubhekelela lesi simo sabasebenzi, nokho, ezinye izimo zingakuveza ukuthi yisu elingcono kunawo wonke ukulanda abantu abazobhekana nalezi zimo ngqo. Izinto ezinjengalezi azivamile ukuthi kube ngezibhekene nokwelashwa kuphela, ngisho iziyalo zabantu abathile abazi lowo msebenzi ziyasebenza. Umuntu wasemtholampilo angabuzwa ukuthi kumele kwenziweni ukuze kuvikwe isifuba somoya kubasebenzi.
2. Ukuvuselela asebephazamisekile
Noma sekunezinyathelo eziningi eseziye zathathwa ukuvimbela ukugula kwabantu emsebenzini, kusenokwenzeka ukuthi kube nomuntu oguliswa yisimo asebenza kuso. Kungenzeka futhi ukuthi ukugula lokho kungaqalwa yisimo somsebenzi, kodwa kube yizinto ezidinga ukulawulwa ngumqashi. Kusangenzeka ukuthi kube nomuntu oqalwa yinkinga yeqolo kumbe yengcindezi ibe ingadalwa yisimo asebenza phansi kwaso. Kube mhlawumbe ukuthi lowo msebenzi uthwala izinto ezisindayo ngaleyo ndlela isimo sakhe sempilo esingadaliwe wumsebenzi lowo siye ngokuba sibi sesenziwa wumsebenzi-ke manje. Isimo esinjalo uma singabhekelwa singabangela ukuthi umsebenzi agule kakhulu agcine mhlawumbe esewuyekile nomsebenzi lowo kanti uwenza kahle.
Sewuke wahlola waphinda wahlangabezana nezidingo zempilo yakho?
Ukuthatha izinyathelo zokuhlola ubungozi kungazibeka obala izingxenye zomsebenzi ezinokuholela ekuthikamezekeni kwempilo ukuze ukwazi ukuhlangabezana nezidingo ezinjalo zempilo embonini yakho. Ukucwaninga izimo zempilo kuyisidingo ukuvundulula ubungozi obungathinti izimo zokusebenza ukuze kukwazi ukulinganisa izidingo zokuqaphela ukuphepha. Izibonelo eziva lapho kuyaye kudingeke khona ukuthi kuhlolwe izimo zempilo kufaka lokhu okulandelayo: nxa kunobungozi besifuba somoya (njengokusebenza lapho kunezinhlayiya zezinhlamvu khona, impuphu kafulawa, ukuphuquka kwemibhako, izithako zenhlanzi kanye nezinongo), ama-MSD (abandakanya i-WRULD) ukusebenza lapho kukhona ingozi yamagciwane angabonakaliyo khona (njengezindawo zokuhlaba), ubungozi besikhumba kanye nokusebenza lapho kushisa khona nalapho kubanda khona.) Khumbula: ukudla kungaba nezinto ezingasusa inkinga yempilo noma ngabe amathuba awamakhulu kangakanani. Kudingeka ulwazi lwabafundile uma kunezimo ezingadala inkinga empilweni yabasebenzayo. Konke lokhu kungaba wusizo kulabo abasebenza ngokudla ezingeni lokuhlanzeka uma beye bakunaka.
Ukuphazamiseka komzimba womuntu
Unazo yini izindlela ezanele ukuvikela, ukucwaninga kanye nokwengamela ukulimala okuthinta umzimba womuntu, njengokuvika ukuphakamisa izinto ezisindayo kumbe i-WRULD okubangwa ukwenza umsebenzi ofanayo? Kungcono ukuvika izimo ezimbi akubizi njengokulwa nazo. Akuvamile ukuthi kube lula ukuvika wonke ama-MSD, ngakho ukukubika isikhathi sisekhona lokhu kubanga ukuthi kulweke nakho noma ngabe sekuye kwahlasela.
Indlela evama ukkuphumelela yokulwa ne-WRULD
Isimo somsebenzi
Bhekelela ukuphepha endleleni amathuluzi akhiwe ngayo, imishini, izindawo zokusebenza kanye nezindlela zokusebenza. Qaphela ukuthi libe phansi izinga lokuqhaqhazela kwemishini, amandla adingeka uma kusetshenzwa kanye nokusebenza ezimeni eziphazamisa impilo.
Ubude besikhathi sokusebenza kuleso simo
Qinisekisa ukushintshanisa abantu emsebenzini othile, ukushesha okudingeka kulowo msebenzi, izikhathi zokuphumula kanye nokwelekelelana. Bhekisisa ukuthi ubude besikhathi sokwenza umsebenzi othile buholela kusiphi isimo… [some part of sentence missing]**
15
Bhekisisa ukuphepha ezindleleni zokutakisha, zokuthwala kanye nokuthuthwa kwempahla ukuvikela ukuthi ingawi.
Okuvame ukuphakama uma kusetshenzwa ngesikhathi esengeziwe kumbe ngesikhathi esimatasatasa kakhulu.
Izindawo ezisizungezile
Qiniseka ukuthi kufudumele futhi indawo ivuleke ngokwanele, kuyahlaleka futhi kunokukhanya okwanelisayo.
Ukucwaningwa kobungozi
Ekubhekeleni ubungozi, thola imisebenzi engadala ubungozi engahle idinge okukodwa kumbe okuningana kwalokhu okulandelayo:
amandla
ukuphindelela
ukuma kabi kosebenzayo.
Ehlisa izinga lokulimala emisebenzini ethile uma kuvuma ngokuthi ulwe nezimbangela zako.
Ukuhlolwa ngaphambi kokuqashwa
Lokhu kuzosiza ukuthi abantu banganikwa imisebenzi ezokwandisa ukuthikamezeka asebenakho vele emizimbeni.
Ukufakwa emsebenzini
Qiniseka ukuthi imisebenzi enobungozi kayinikwa abantu asebeye bahlukumezeka vele
Ukuqeqeshwa kwabasebenzi
Abasebenzi kumele baqeqeshwe kumbe bafundiswe ngobungozi obukhona kanye nezimbangela zabo, izindlela eziphephile zokuphakamisa izinto (ikakhulu isimo somzimba kanye nezindlela zokuthwala izinto) kanye nesidingo sokubika uma kukhona olimele.
Ukulawulwa kwabasebenzi
Bahlole njalo abasebenzi ikakhulu labo abanemisebenzi elimazayo uma besanda kuwuqala umsebenzi, njengokuthi nje, njalo emva kwamasonto amane qiniseka izimpawu zokulimala ziyaqashelwa.
Ukuhlomela impilo yabasebenzi
Sekuveziwe okunye ngenhla kodwa khumbula ukuvuselela asebethintekile kanye nokulawula abahlukumezekile.
Ukuhlola isimo sokuphutha ngenxa yokugula
Qikelela ukuhlola isimo sempilo yabasebenzi, njengokuthi nje, njalo emasontweni amane ubheke abaphuthayo, bese futhi ubheka ukuthi bayakwazi yini ukufinyelela lapho kutholakala khona usizo ngempilo yabo.
Qikelela usebenza kahle kwezinyathelo ozithathayo
Ukuqinisekisa ngokuhamba kahle kwe-WRULD, kumele kube khona isiqiniseko sokuthi iyalandelwa.
Ukulawula ubungozi
Thola ukuthi yimiphi imisebenzi enobungozi obukhulu obuthinta ukulimala (njengokuphakamisa izinto) kumbe ukulimala okungelapheki (okufana nokusebenzisa esingenhla somzimba ngokuphindaphinda.)
Hlola le misebenzi ngokujulile ukuze ukwazi ukubona ukuthi yizini kuyo ezinobungozi
Yethula amasu osizo lapho kuvuma khona, njengasezithuthini ezidumayo, amabhande athuthayo, izisefo kanye nokuphathwa kwempahla eningi
Lapho amasu engasebenzi khona, yethula uhlelo lokuvikela ukulimala, njengokwehlisa inani lezinto ezisindayo ezinjengamabhokisi afinyelela esisindweni sika-25kg kumbe ngaphansi, enza ngcono izakhiwo zalapho kusetshenzelwa khona, ukudluliselwa kwemisebenzi kwabanye abantu, ukuqeqesha, ukuhlolwa kwempilo kanye nokuweliselwa kwabantu emisebenzini eyahlukahlukene ukuze bangenzi umsebenzi owodwa njalonjalo.
Xoxisana njalo nabamele ukuphepha ezinyunyaneni zabasebenzi kumbe abamele abasebenzi nxa kungebona abasebenzi uqobo lwabo ukuze kube khona izixazululo njalo nje ezinkingeni ezivelela abasebenzi.
Ukusebenza ekushiseni nasekubandeni. Lolu hlobo lwezimboni lunamazinga okushisa nokubanda aguquguqukayo ngenxa yohlobo lwemisebenzi edinga ukushisa nokubanda.
Word count: 3,182
