Impilo yabasebenzi nokuphepha kweZolimo namahlathi
Isingeniso
Izingozi, ukulimala nokugula kungamosha izimpilo namabhizinisi. Izisombululo zivamise ukuba ngezilula nezishibhile, nanokuthi abantu abangenza amapulazi abo aphephe abalimi nabasebenzi babo. Impilo nokuphepha yizidingo-ngqangi sebhizinisi  lokulima elinokuzimela. Imizamo kahulumeni iyodwa ngeke yenze ukuthi umkhakha wezolimo ube nokuphepha nempilo, kodwa kufanele ukuthi wonke umuntu okwezolimo nasemkhakheni wokudla abe nendawo ayidlalayo.
Minyaka yonke abantu bayafa ngenxa yemisebenzi abayenza kwezolimo namahlathi. Iningi liba nokulimala okukhulu futhi ligule emsebenzini. Izingozi nokulimala azidali ukulimala emzimbeni kuphela, kodwa lokhu kubandakanya nokulahlekelwa yinzuzo esingabala kukho nalokhu okulandelayo:
Ukuholela abantu ababambele ogulayo nokuqeqesha ababambeli.
Ukulahleka komkhiqizo
Imali yokuphatha – ukuphenya isehlakalo, ukukhanda njll.
Ukulimala kwemishini, izakhiwo kanye nemikhiqizo.
Izimali zomshwalense, izimali zabammeli nokusakazwa kwezindaba.
Zonke lezi zimali zingagwemeka, nokungaholela ekwenyukeni kwenzuzo. Leli bhukwana likhishwe ngenhloso yokunika ulwazi olungasiza abaqashi nabasebenzi bakweZolimo namahlathi ukuthuthukisa impilo nokuphepha nezingozi zempilo ezihlobene nokusebenza kulo mkhakha. Leli bhukwana alikhulumi ngezidingo zokushaywa kwemithetho kule mboni. Lolo lwazi lungatholakala kwiwebhusayithi yoMnyango wezabasebenzi: www.labour.gov.za.
Ukuphathwa kwempilo, ukuphepha nokuhlolwa kwengozi  
Ukuphathwa kwempilo nokuphepha kwabasebenzi, kuyafana nokuphathwa kohlelo ukuqinisekisa ukuthi izitshalo nezilwane kugcinwa kunempilo, ukukhiqiza njengoba kulindelekile futhi kukwenza ukuthi uhlale usebhizinisini. Abasebenzi kudingeka bahlale bephilile ukuqinisekisa ukuthi basebenza ngendlela nokuthi bahlala besemsebenzini.
Zonke izinhlangano zidinga inqubomgomo ukuze zikwazi ukuqalisa izinhlelo zazo kwezempilo nokuphepha, ngenhloso yokuthuthukisa izinga endaweni yokusebenzela. Lokhu kumele kubhalwe phansi, kulungiselelwe kahle kususelwe ekuzinikeleni kwabaphathi abaphezulu.
Inqubomgomo kumele ibe nge:
Khuluma ngepulazi lakho ngqo
Beka zonke izinhloso zakho ngempilo yabasebenzi nezokuphepha. Umqashi kumele asayine futhi abhale usuku ngokucacile kwinqubomgomo ukukhombisa ukuzibophezela kwakhe.
Khombisa ukuthi isibopho sempilo nokuphepha kwabasebenzi sikuwe njengomqashi.
Chaza izinhlelo nezinqubo ezikhona ezizoqinisekisa impilo nokuphepha kwabasebenzi bakho.
Kumele zibuyekezwe ngokuhamba kwesikhathi kulungisiwe okuthile kuzo uma imihlangano yakho ishintsha noma kunobungozi obuthile obuhlalukayo.
Ukuhlolwa kobungozi
Ukuhlonza izingozi nezinkinga ezizidalayo kubalulekile  Ngaphandle kokuba wazi izingozi ezikhona emagcekeni akho, nobungako bengcuphe okubekeka kuyo abasebenzi bakho, ngeke wazi noma zidinga ukuthathelwa izinyathelo yini, nokuthi lokho ungakwenza kanjani.
Ukuhlola ubungozi kusho ukubheka ngokuqaphelisisa ukuthi yini ebhizinisini lakho engalimaza abantu, ukuze ukwazi ukubheka ukuthi uthathe izinyathelo ezifanele yini noma kumele wenze okunye. Uma sewunqumile ngezinga lobungozi, kumele wenze izinto ezizovikela ukwenzeka kwezingozi.
Ziningi izindawo lapho ungathola khona izeluleko kulabo asebenesikhathi bekwenza lokhu uma uhlola ubungozi, ungasebenzisa lezi zindlela eziyisihlanu ezilandelayo ukukusiza.
Isinyathelo sokuqala: Bheka ubungozi
Buka indawo yokusebenzela ubheke nokuthi abantu basebenza kanjani. Futhi hlola imininingwane egciniwe mayelana nezehlakalo ezike zenzeka ngaphambilini, izingozi noma izinkinga zezempilo. Inhloso yalokhu ukuthola izingozi ezingaba nkulu ezingaholela ekulimaleni kwabantu abaningi.
Isinyathelo sesibili: Nquma ukuthi ngubani ongalimala nokuthi kungenzeka kanjani lokhu
Hlonza abantu abangase babe sengozini, ubabale ukuthi bangaki. Uma ucabanga ngokuthi uzokwenza “kanjani” lokhu, ungakhohlwa ungakhohlwa yimisebenzi engaba nobungozi.
Isinyathelo sesithathu: Hluza izingozi ezingadalwa yizinto ezilimazayo uthathe izinyathelo ukunciphisa ingozi
Bheka ukuthi izinto ezinobungozi zinagadwa kanjani. Izindlela zokugada lobu bungozi zingaba ngezale noma kube khona okunye okudinga ukwenziwa. Abasebenzi bavamise ukuba nemibono ephusile, egxile ezintweni ababhekana nazo emsebenzini yabo yemihla, ngakho kuhle ukuthi ubafake nabo ezinqumweni ozithathayo.
Isinyathelo sesine: Bhala phansi lokho okutholile
Emva kokuba usunqumile ukuthi yikhuphi okumele kwenziwe, kumele uhlele ukuthi uzokwenza kanjani futhi nini lokho. Ukubhala phansi kuyokusiza ukuphumelelisa leli su.
Isinyathelo sesihlanu: Buyekeza ukuhlola kwakho ukwenze kabusha uma kunesidingo
Kuyomele ubuyekeze ukuhlola kwakho uma kube noshintsho olukhulu endleleni osebenza ngayo noma uma unezizathu zokucabanga ukuthi kukhona okungasalungile.
Izinkinga zempilo kwezolimo namahlathi
Umsebenzi wasemkhakheni wezolimo ungaba nobungozi ezimpilweni zabasebenzi ngezizathu eziningi, esingabalula kuzo nalezi:
Ukuthintana nezilwane
Ukusebenza ngamakhemikhali anobungozi
Ukukhandleka komzimba
Ukusebenza endaweni enesimo sezulu esishintshashintshayo, umsindo noma ukungqangqazela.
Uhlobo lomsebenzi wezandla
Ukuqukula amafulaha asindayo nokusebenza ungamile waqonda kungadala ubuhlungu bemisipha. Lobu buhlungu emilenzeni, emajoyintini naseqolo bungadalwa ukunyenuka kwemisipha.
Okumele ukwenze
Gwema ukuqukula amafulaha asindayo uma kungenzeka noma ukusebenza ngokukhanda.
Qukula izinto ngendlela okuyiyo – beka izinyawo zakho ngendlela, gcina umhlane wakho uqondile futhi ugcine imithwalo oyitatamisayo iseduze nomzimba wakho.
Qinisekisa ukuthi indawo yokusebenzela iqoqwe ngendlela yokuthi izinto zokusebenza nomkhiqizo kungafinyeleleka kukhona ngaphandle kokwelula imisipha kakhulu futhi zama ukushintshashintsha imisebenzi okumele yenziwe noma ukunyakaza ukuze kusebenze imisipha ehlukahlukene emzimbeni.
Izithuthi ezisetshenziswa ngezandla indawo ende, zezitshalo nembewu kumele zigwenywe uma kungenzeka, ukuvikela izimpilo zabasebenzi.
Ukusebenzisa imishini ngokuphepha
Izingozi eziningi emapulazini zifaka imishini. Ezinye zenzeka ngoba umshini usetshenziselwe umsebenzi ongawulungele, ezinye zenziwa wukuthi okokuvala akukho noma kususiwe. Kumele kube nohlelo lokuhlola ukuthi izinto zokusebenza esingabala kuzo nemishini, ziphephile ukuthi zingasetshenziswa. Uma izinto zokusebenza zisetshenziswa ezimweni ezingezinhle, kumele uhlolwe njalo ukubheka ukuthi yini engakuholela ezingozini, uma kunesimo esingejwayelekile, esingenza ukuthi izinto zokusebenza zingabi ngeziphephile.
Okumele ukwenze
Qinisekisa ukuthi imishini oyisebenzisayo iwulungele umsebenzi
Iyanakekelwa ukuze isetshenziswe ngokuphepha
Ifakwe izivalo ezibekwe wumthetho.
Amathuluzi okutshala izihlahla kumele akhelwe leso sidingo. Amathuluzi okulima awavamile ukuba alungele ukutshala izihlahla.
Izibambo zamathuluzi okutshala kumele zivalwe ukuvikela ukushokheka kwesandla uma ukudla kwethuluzi kushaya idwala elicashile noma impande.
Isihloko sethuluzi lokusika nokugunda kumele sifakwe ngokunakekela esibanjeni ngento eyiyo, isibonelo, isando, irivithi noma ibhawodi
Ukuthenga noma ukuboleka imishini
Uma uthenga noma uboleka imishini umthetho uthi kumele umthengisi-mpahla alethe izivalo eziyizo zokuvikela. Yenza isiqinisekiso sokuthi wena nabasebenzi bakho.
Nisebenza imishini njengokwemiyalelo ebhalwe kuyo.
Gcinani izivimbo zisezindaweni zazo futhi zisebenza ngendlela.
Nibheka ukuthi izinkinobho zokuvimba zibhalwe ngokucacile ukukhombisa ukuthi zenzani nokuthi zihambelana namiphi imishini, futhi zakhiwe, zabekwe ngendlela yokuthi zingathinteki ngephutha.
Abasebenzi baqeqeshiwe ukusebenza ngokuphepha nokuthi bahlinzekwe ngezingubo zokubavikela.
Ukuphathwa nokuvulwa kwemishini
Izehlakalo eziningi ezithinta imishini zenzeka ngesikhathi sokukhandwa kwemishini.
Abasebenzi baqeqeshwe ngokwanele ukwenza umsebenzi.
Amathuluzi enele nemiyalelo yokusebenzisa imishini ihlinzekwe ukuze imishini iphathwe, ihlonzwe futhi ivulwe.
Amandla abekiwe, ukwenza isibonelo, aqhamuka ezimpahleni ezicindezele iziphethu noma amandla aqhamuka emanzini, ibekwa esimweni esilungele ukusebenza ngaphambi kokuqala umsebenzi.
Imishini esebenzisa amandla amanzi ivinjwa ukwehla ngokusebenzisa isu lokukhanda njengezivimbo nojeke uma abantu besebenza ngaphansi kwayo.
Abasebenzisa imishini kumele baqinisekise ukuthi:
Bayakwazi ukucisha imishini ngaphambi kokuyidumisa.
Baqala ukuyidumisa ime ngendlela.
Zonke izivimbo zifakwe ngendlela futhi zisebenza kahle.
Indawo ezungeze umshini ihlanzekile futhi ayinalutho olungaphazamisa ukusebenza komshini.
Induna iyatshelwa ngokushesha uma umshini ungasebenzi ngendlela.
Bagqoka izingubo zokuvikela azifanele.
Ungalokothi:
Usebenzise umshini ngaphandle uma unemvume noma uqeqeshelwe ukwenza lokho.
Uzame ukuvula ukuvaleka kwamapayipi noma ukuhlanza umshini ngaphandle, uma unezinwele ezinde ezingagaxela ezinsimbini ezinyakazayo.
Wehle kugandaganda ohambayo noma emshinini ozishintsha wona.
Uphazamise abantu abasebenzisa imishini.
Ukuphathwa kwezithuthi nezimpahla
Enye into edala izingozi kwezolimo ngogandaganda abagingqikayo. Izingozi ezinkulu nezibulalayo zijwayelekile, izehlakalo zibandakanya abashayeli, abanye abasebenzi nabahamba ngezinyawo. Ezinye izingozi zenzeka uma abantu beshiya izimoto bengenzanga isiqiniseko sokuthi ngeke zihambe noma zidale ingozi.
Hlola njalo ukuthi:
Abashayeli baqeqeshiwe nokuthi abantu abangenamvume abavunyelwe ukushayela.
Izimoto nabahamba ngezinyawo bayahlukaniswa uma kungenzeka.
Imithwalo izinzile futhi iphephile.
Abashayeli bavikelekile ezintweni eziwayo.
Izimoto zakho noma eminye imishini ezigitshelwa abasebenzi zifakwe izinto ezivikela ukugingqika.
Izihluthulelo zibekwa endaweni ephephile uma izimoto zingasebenzi.
Imisebenzi yokuphakamisa izinto
Hlela futhi ulungise kahle izinto zokuqukula, usebenzise izinto eziyizo nabantu abaqeqeshekile ukunciphisa izingozi. Qinisekisa ukuthi:
Zonke izinto zokuqukula zihlolwa njalo umuntu okulungele ukwenza lokhu.
Ubungako bemithwalo ephephile bubhalwe ezintweni zokuqukula. Ungasedluli isikalo esibekiwe.
Izinto ezikhombisa ukweqiwa kwesikalo esivumelekile emshinini equkulayo kumele sisebenze ngendlela.
Uma ushayela imishini ephakamisa ngaphambili, kumele uyiphakamise into yokucaphuna impahla uma ingenalutho, uyehlise uma igcwele, ngaphandle kwalapho ingadala khona ubungozi, isib. emgwaqweni.
Umsindo wokungqangqazela
Ukuba semsindweni omkhulu kungalimaza ukuzwa kwakho unomphelo, isikhathi esiningi lowo ohlaselwe yilokhu akaboni kanti lokho kungaholela ekubeni yisithulu .
Yehlisa isikhathi obekeka ngaso emsindweni
Khetha imishini engenawo umsindo uma ukhetha izindlela zokukhiqiza noma imishini emisha.
Valela imishini enomsindo ngezinto ezehlisa umsindo noma uyifake endlini yayo yodwa.
Yehlisa isikhathi sokuba semsindweni ngokushintshanisa abantu abasebenza lapho 
Lapho umsindo ufika ku90 dB noma ngaphezulu, beka izimpawu ezikhombisa ukuthi lena “yindawo okumele kuvikelwe amadlebe kuyo” ukuze uqinisekise ukuthi bonke abantu abangena khona bayazivikela.
Ukungqangqazela
Ukuhlale usebenzisa amathuluzi angqangqazelayo njengobhemubhemu, nezinto zokusika kungaholela esifweni sokungqangqazela komunwe, umuzwa noma umsipha. Izimpawu zokuxwayisa zibandakanya ukukitazeka eminweni, iminwe ingajika ibe mhlophe, kulandelwe ukuqaqamba nokubheja ibe bomvu.
Ukushayela ogandaganda nemishini ezishintshayo kungabeka umzimba esimweni sokungqangqazela okungaholela ekuphathweni yiqolo noma ubuhlungu enqulwini nasedolweni. Izimpawu zokwexwayisa zifaka ubuhlungu nokuqina kweqolo emva kokusebenza ngogandaganda.
Yikuphi ongakwenza?
Sebenzisa imishini efanele umsebenzi.
Lungisa imishini ngendlela efanele isib. faka izinsimbi ezivimbela ukungqangqazela kobhemubhemu.
Sebenzisa ngokuyikho indlela yokuhlala esitulweni sikagandaganda
Hamba ngejubane elifanele, ugweme imigojana esemgwaqweni
Ukuvikela ukulimala imizwa, imisipha namathambo ezandleni nasezingalweni okudalwa wukungqangqazela.
Hlela umsebenzi ngendlela ozokwazi ukugwema ukusebenzisa amathuluzi angqangqazelayo.
Khetha amathuluzi angqangqazela kancane.
Abantu abashintshane futhi bathathe amakhefu njalo
Fudumeza izandla ngaphambi kokuqala umsebenzi bese uzigcina zifudumele.
Isimo sezulu
Ukuba sesimweni sezulu esingesihle, njengelanga elibalele noma amakhaza amakhulu kungalimaza.
Okumele ukwenze
Uma ilanga libalele gqoka izimpahla ezilula nesigqoko esinompheme omkhulu.
Ungabi nqunu, faka ukhilimu ovikela ukuhlaba kwelanga esikhunjeni.
Bheka izinsumpa nokujika kwesikhumba. Bonana nodokotela uma izinsumpa njll, zikhula, zopha noma ziluma.
Izingubo zokusebenza azakhiwe ngendwangu egcina imizimba yabasebenzi yomile futhi inezinga lokushisa elemukelekile. Uma imisebenzi izokwenziwa elangeni noma emakhazeni, izingubo ezilungele kumele zisetshenziswe ukugwema ukuba nentukuntuku nokuvumela ukuphefumula.
Izingubo zokuvikela ezanele kumele zihlinzekelwe abasebenzi uma kunobungozi bokushiswa yilanga njengezitshalo eziyingozi, izilwane nezifo.
Izifo
Ukuthintana nezilwane kungaholela ezifweni ezidluliselwa yizilwane kubantu. Izilwanyana ezinjengamagciwane, izimuncagazi nesikhunta kungabanga ukugula emzimbeni uma zihogeliwe, zigwinyiwe noma uma zingena esikhunjeni. Izimpawu zibandakanya izinkinga zesikhumba noku “samkhuhlane” okungagcina kube wukugula okukhulu uma kungelashwa.
Yikuphi ongakwenza ukunciphisa ubungozi?
Nciphisa ubungozi bokuthelelana ngokugcina izilwane zinempilo. Zigome uma kunesidingo,
Qinisekisa inhlanzeko. Njalo geza izandla ngaphambi kokudla, ukuphuza nokubhema.
Gqoka izingubo zokuvikela ezinjengama-ovaloli uma usebenza ngezilwane, ikakhulukazi uma ugula, namagilavu nephinifa likaseyili uma usebenza ngezinto ezinjengemithi yokuzalisa.
Vala konke ukusikeka nemihuziko ngamabhandishi angangenwa amanzi.
Izinto eziyingozi
Ukuba seduze nezinto eziyingozi njengamakhemikhali, isib. imithi yokubulala izinambuzane, imithi yokwelapha izilwane (idiphu lezimvu) uthuli, intuthu noma izinto ezinjengombhaceko, umanyolo, ukuhogela iphunga locwazi abashayo noma uthuli olusuka ezinhlamvwini, umanyolo, izinti, utshani obomisiwe njll, nokuthelwa umuthi wokubulala izinambuzane nediphu lezimvu kungadala ukugula.
Izimpawu zokuxwayisa
Ukukhala kwamehlo namanzi emakhaleni
Ukucinana emakhaleni
Umphimbo obuhlungu.
Ukukhwehlela okunezikhwehlela nokungenazo
Imisipha ebuhlungu nemfiva emva kokusebenza ngotshani obomisiwe obukhuntile.
Inkinga yokuphefumula
Ukucinana kwesifuba ngesikhathi somsebenzi, emva komsebenzi noma ngesikhathi uzilolonga.
Ukubefuzela
Lezi zimpawu kungaba ezesikhashana ngesikhathi kwenziwa umsebenzi, noma-ke zibe zimbi ziqhubeke isikhathi eside. Zingasuswa nayizinto ezincane ezingezwani nalowo ogulayo. Uma ungumuntu obhemayo, ubuye ubekeke esimweni sokuhogela izinto ongezwani nazo ngokwempilo maningi amathuba okuthi ube nezinkinga zesifuba.
Kubalulekile ukuzivikela wena nabasebenzi bakho. Gwema ukuhogela izinto ezinobungozi ngokwenza lokhu:
Sebenzisa ezinye izinhlobo zamakhemikhali ezinobungozi obuncane.
Shintshela ezinhlamvwini ezinothuli oluncane.
Valela izinto ezikhiqiza uthuli
Shanelani  ngomshini obutha izinto ezichithekile hhayi ngomshanelo.
Nciphisa inani lalokho okuhogelayo ngokwenza lokhu:
Sebenzisa izimbobo zokungenisa umoya, isib. uma ushisela
Sebenzisa amahluzo okuyiwona kogandaganda nasezimotweni.
Gcina amahluzo njengokwemiyalelo yomakhi wawo.
Yandisa izimbobo ezingenisa umoya ebhilidini.
Gqoka izinto zokuvikela ukuhogela izinto eziyingozi. Qinisekisa ukuthi ufaka imaski noma into yokuvikela ukuhogela uthuli.
Amamaski nezinto zokuvikela ukuhogela uthuli kumele kubekwe endaweni eyomile nehlanzekile.
Uma usebenzisa imithi yokwelapha izilwane, kumele uhlale:
Ugeza amachaphazelo emithi esikhunjeni nasezingutsheni ngokushesha, ngaphambi kokuba udle, uphuze noma ubheme. Ungasebenzi phakathi kwezilwane ezisanda kwelashwa uma ungatheleleka.
Landela yonke imiyalelo ephuthumayo ebekwe wumakhi wempahla, isib. ukusebenzisa imijovo kawoyela.
Landela imiyalelo yokusebenzisa imithi, ikakhulukazi leyo ehlobene ne PPE.
Bika zonke izinsolo zokungenwa wushevu ukuze ziphenywe kabanzi.
Ukuthinta nokutshala izitshalo ezifakwe imithi: 
Ukuthinta nokutshala izitshalo ezifakwe imithi engaba nobungozi ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi, abaqashi kumele bahlinzeke – abasebenzi basebenzise – izimpahla zokuvikela.
Izitshalo ezifakwe imithi kumele zithintwe ngokucophelela ukunciphisa ukutheleleka. Kumele zipakishwe futhi zithuthwe endaweni yokusebenzela ngendlela yokuthi zithokale kalula uma sezidingeka, okuzokwenza ukuthi kugwemeke ukuthinta izitshalo ngokungenasidingo.
Izikhwama zokutshala noma amahhashi nezinye izitsha zokuthutha nezitshalo ezinomuthi endaweni yokusebenzela kumele zihlanzwe, ngokuthululwa ziwashwe zonke izinsuku.
Ukuphepha nenhlalakahle yasemsebenzini
Izingozi eziningi emsebenzini wezolimo namahlathi zingumphumela wokusheleleka, ukukhubeka nokuwa. Qaphela ukuthi izindawo zokusebenzela azinazo izinto ezingakhuba abantu njengezintambo zikagesi, amasaka noma imibhede endlalwe ngotshani nokuthi kunesikhala esanele sokubeka amathuluzi nezimpahla. Gcina amabhilidi akho ekhandiwe qinisekisa ukuthi iphansi alinazo izimpahla eziningi ngokweqile, ikakhulukazi emabhilidini amadala.
Nciphisa ingozi yokuwa, ukukhubeka nokusheleleka. Kumele uhlinzeke lezi zinto ezilandelayo:
Izinsimbi zokubambelela ezitebhisini lapho kunesidingo
Izitamukoko ezisebenzayo lapho kunamaxhaphozi khona njengezindawo zokugeza izitshalo nasemadeleni.
Ukukhanya okwanele.
Izinga lokushisa elanele nokungena komoya ezindaweni zokusebenzela.
Izimpawu zokuphepha lapho kunobungozi bempilo nokuphepha emva kokuba usubuhlolile ubungako bengozi.
Usizo lokuqala nosizo oluphuthumayo
Njengoba kujwayelekile ukuthi abasebenzi basemahlathini nakwezolimo besebenze ngamaqenjana amancane ezindaweni ezahlukene, umsebenzi ngamunye kumele aqeqeshwe ngokosizo lokuqala. Lolu qeqesho kumele lubandakanye nokwelashwa kwezilonda ezivulekile nokuvusa abaqulekile. Ezindaweni lapho umsebenzi engahogela amakhemikhali noma intuthu, kunezinyoka, ukulunywa izinambuzane noma izicabucabu nezinye izingozi, ukuqeqeshwa ngokosizo lokuqala kumele kwenziwe umuntu oqeqeshiwe.
Amabhokisi osizo lokuqala anezinto zakhona kumele ahlale ekhona endaweni yokusebenzela futhi avikelwe ekonakalisweni wumswakama.
Kumele kuhlinzekwe izintuba zokuphuma ngokushesha uma kukhona olimele noma ogulayo odinga ukwelashwa.
Izithuthi noma indlela yokuxhumana kumele zibe khona endaweni yokusebenzela ukuze kuthintwe abatakuli uma kunesimo esiphuthumayo.
Izindlu zokuhlambela
Kunobungozi bokuthola ukugula ezinketshezini ezinobungozi nasenkucunkucwini nemikhiqizo yezilwane. Uma unabasebenzi abaqashwe ngokugcwele, nabayitoho kumele uzihlinzeke lezi zinto.
Uhlanze izindlu zangasese ezingenwa wumoya
Ugeze osinki ngamanzi ashisayo nabandayo, ngensipho namathawula (noma umshini wokomisa wesandla)
Imishini yokuwasha ephathekayo, izindwangu zokusula zabasebenzi abasebenza kude nezindawo zokuwashela.
Izindawo zokushintsha ezindaweni lapho kugqokwa khona izingubo ezehlukile.
Indawo eletha amanzi ahlanzekile (ibhalwe ukuze yehluke kwezinye izindawo ezinamanzi okungafanele aphuzwe)
Ukubikwa kwezifo ezihlobene nomsebenzi
Izifo ezithile ezibangwa wumsebenzi kumele zibikwe emnyangweni wezabasebenzi. Isifo osithola uma usebenza ngalokhu okulandelayo, kumele sibikwe:
Izilwane: izifo ezitholakala ngokusebenza ngezilwane
Ukubulala izinambuzane
Izinto zemvelo: isifo sesifuba somoya esisuswa wuthuli lwezinhlamvu, izinambuzane ezisetshenziselwa ukubulala izilwanyana, umquba namakhowe.
Ezinye izinto: isifo sesikhumba esisuswa okuphathelene nomsebenzi  njengezibulali magciwane.
Imishini: ukungqangqazela kwesandla nengalo ngenxa yokusebenza ngobhemubhemu (isaha likaphethiloli) noma amasaha esandla.
Uma udinga eminye imininingwane thintana nehhovisi labasebenzi noma ihhovisi lesifundazwe.
