zullu.1326.driver
BONA ZULU - September 2006
Gwema ingxabano
Ukuze ungangeni ezinkingeni emgwaqweni...
Izingozi eziningi emgwaqweni zidalwa abashayeli abanezinhliziyo ezincane abangafuni ukuhlonipha babekezelele abanye noma isimo somgwaqo - kuze kufike emandleni ngenxa yokuhluthuka kwezinhliziyo. Nazi izindlela zokugwema ukuxabana nabanye abashayeli...
emgwaqweni
indaba nguNKOSAZANA SITHOLE
isithombe nguCLIVE THOMPSON
Yehlisa umoya ngoba ukuwenyusa kwenza isimo sibe sibi
NGOBUNYE ubusuku uVusi Dlamini oyiphoyisa wayeshayela eqonde ekhaya ngesikhathi i-truck icishe imdalela ingozi inqamula phambi kwakhe. Umshayeli we-truck walandela imoto kaVusi wayihlaba ngo-bright. Ngesikhathi uVusi ephuma emotweni yakhe, u-driver we-truck wavela ngefasitela wavulela ngenhlamvu wadubula uVusi.
"Lesi ngesinye sezibonelo esikhomba ngokusobala ukuthi abantu abasebenzisa umgwaqo kufanele bakwazi ukubekezelelana," kusho uMdu Mkhize oyiphoyisa lezindaba zomphakathi. "Akekho umuntu ongekho engozini emgwaqweni."
UMargaret Mbatha ngelinye ilanga wayethi uyajika emgwaqweni wathola ukuthi kukhona imoto eyayivimbile phakathi nomgwaqo. Emva kwalokho washaya i-hooter. "Ngiyacabanga ukuthi lokho kwamcasula umnini waleyo moto ngoba wavele wahlehlisa imoto yakhe ngesivinini washayisa eyami. Emva kwalokho wakhuluma ememeza esho amazwi ayinhlamba, wasuka wahamba."
Abashayeli abahlaza abangayigcini imithetho yomgwaqo baya ngokwanda kanti ubabona ngokuhamba ngesikhulu isivinini, bashayele ezinye izimoto ama-headlights, bancike ngemumva eduze kwezinye izimoto kanti nolimi lwabo aluluhle - banokweyisa.
Abezokugcinwa komthetho bathi ukuhluthuka kwabashayeli abaningi kudalwa wukubambezeleka kwi-traffic - abanye bakhiphela ukucasuka kwabo emgwaqweni.
Onguchwepheshe wezengqondo uGideon Mchunu uthe: "Abantu abashayelayo banomkhuba wokukhiphela ukucasuka kwabo kwabanye ngoba bengenandaba bengazani. Umuntu okuthukayo emgwaqweni ungathola umhlola ukuthi lapho eya khona ephathini mhlawumbe, ngeke abe yileyo nto."
"Izinto ezifana nalezi ungazigwema ngokuba ukwazi ukuziqaphela bese wenza konke okusemandleni ukuba zingenzeki," kusho uReggie Ntombela, ongumqeqeshi wezokushayela.
Abashayeli abajoja abanye ngemumva
"Uma ubona imoto iza ngamandla emva kwakho kufanele wehlise ijubane ukuze uvule isikhala phakathi kwakho nemoto engaphambi kwakho," kusho uNtombela.
"Lokhu kusiza ekutheni uma kwenzeka kudingeka ukuba ume ngokushesha nokuthi lona okuxine ngemumva ehlise ijubane kuze kufike ithuba lokuba umdedele.
Abantu abacusheleza ezinye izimoto
"Kufanele futhi uhlale ubaqaphele abantu abathanda ukuhamba becusheleza ezinye izimoto. Esimweni esinjena, kufanele wehlise ijubane," kusho uNtombela.
Kufanele njalo ngama-second angu-3 kuya kwakungu-10 ulokhu ubheka izibuko zakho ukuze ubheke isimo esiseduze kwakho.
Uma ushintsha ama-lanes sebenzisa i-indicator yakho ukuze nabanye abashayeli babone ukuthi uzimisele ngani kusenesikhathi. "Ukucusheleza ezinye izimoto akusizi ngalutho, kunalokho kungadala izingozi.
"Uma ngiya emsebenzini ngihamba ngo-70 km/h ngifike kahle futhi - hhayi njengomuntu obelokhu ecusheleza ezinye izimoto ephula imithetho yomgwaqo," kusho uNtombela.
Ukubhekana ngeziqu zamehlo
Kufanele wehlise umoya ungaqophisani nalowo muntu. Ukwenza isibonelo salokhu, uma omunye umshayeli enyusa ijubane ngesikhathi uthi uyamdlula vele ungabe usaqhubeka nalokho wehlise umoya.
"Kugweme njalo ukubhekana ngeziqu zamehlo. Lokhu akusizi ngoba mhlawumbe uzothola ukuthi ucasulwa umuntu odakiwe noma odle izidakamizwa," kusho uSibonelo Hlatshwayo onguchwepheshe wezengqondo.
USimon noRosemary Majola nendodakazi yabo eneminyaka emithathu babebuya edilini likaKhisimusi eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi uSimon ebona imoto eyayisimxine ngemumva - nokwaphetha ngokuba umshayeli wayo bahilizisane ngamazwi.
Emva kwesikhashana uSimon wezwa ngesibhamu siqhuma kathathu nokuyilapho umkakhe ashayeka khona ekhanda. Umkakhe (32) washona ngelanga elilandelayo.
Abashayeli abavimba abanye ngoba bethi babafundisa isifundo - ekugcineni yibo abazithola
sebese nkingeni.
"Lowo mqondo waleyo ndlela awusebenzi neze," kusho onguchwepheshe wezokushayela uReggie. Waphinda wenza isibonelo secala lowesimame owashayiswa yimoto ekubeni nguye owayenelungelo lokungena emgwaqweni ngaleso sikhathi - ekugcineni imoto yakhe yafa yaphela naye walimala kangangoba waphuka izimbambo ezintathu.
Ukuzithola uzungezwe abantu
Uma uhlangabezana nesimo lapho ubona ukuthi kuzophetha ngokungezwani, phuma emgwaqweni.
UJerome Zondi naye ukhumbula esezibona esezungezwe yiqeqebana labashayeli bezithuthuthu.
"Lokho kwavele kwangesabisa njengoba nomgwaqo wawumncane. Ngavele ngangena e-restaurant ngahlala ngaziphuzela itiye. Emva kwemizuzu elishumi base behambile."
Uma uzithola esimweni esibi emgwaqweni okungelula ukusigwema - yehlisa umoya, uthathe inombolo yaleyo moto bese ubiza amaphoyisa.
Umshayeli omuhle yilowo ohamba kancane agcine nemithetho yomgwaqo.
UBJ Shandu owayengumqondisi wesikhungo sezokuphepha emgwaqweni uhlale ehamba kwi-
slow lane futhi akahambi ngejubane ngoba uyazi ukuthi ijubane liyabulala.
Abashayeli abacabanga ukuthi umgwaqo ngowabo noma yinkundla yokujaha kwezimoto, benza isimo singabi sihle emgwaqweni sibe yingozi. Qaphela indlela okhuluma ngayo nomunye umuntu emgwaqweni kungenzeka idalele wena noma umndeni wakho inkinga - ngakhoke phepha.[z]
BONA ZULU - September 2006
u
t
Siyanda isibalo sabashayeli abanodlame
BONA ZULU - September 2006
