Umyalezo ocela kuMvikeli Womphakathi 

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi izwe lethu, njengamanye emhlabeni wonke, libhekene nokwentuleka kwezomnotho (economic recession).   Iriseshini manje sekuyigama elisha elijwayelekile futhi ngenye indlela sonke sihhlukumezekile yiyo.  Njengoba siqhubeka nokuzwa ubunzima kwezomnotho, okudinga ukuba sikwazi ukuba siphephe kwezezimali, ihhovisi lami liyaqhubeka nokusebenza ngezikhalazo zokumiswa kwezibonelelo zempesheni yobudala.  Abazuzayo lezi zibonelelo yizakhamizi esezindala, ezingabanye bamaqembu abuthakathaka futhi aphila ebuphofini. 

Esinye sezimo ezifana nalezi sokumiswa kwesibonelelo sobudala yileso sikaVho Mphephu wesiFundazwe saseLimpopo oneminyaka eyi-86 ubudala., osibonelelo sakhe samiswa eminyakeni ecishe ithi ayibe mithathu Ngenxa yokusolelwa ukuthi usebenzisa inombolo kamazisi yomunye umuntu osesifundazweni sase-Free State. 

Okulandela ukungenelela kwehhovisi lami, isibonelelo sikaVho Mphephu sempesheni sabuyiselwa futhi wathola imali yakhe eselele iphelelele. Ngiqhubeka ngaphakamisa ukuthi iNhlangano Yokunakekelwa Komphakathi YaseNingizimu Afrika, eLimpopo, iqoke iqembu lomsebenza elizophenya ngodaba lokumiswa kwezibonelelo njengoba kubonakala ukuthi inkinga evamile.  Ukusetshenziswa kwalwzi zincomo kuzoqashwa kakhulu.  

Ngenkathi uhulumeni eqhubeka nokuhlinzeka ngezindlu zemali encane kwabaswele, kusekhona izinselelo kulowo mkhakha.  Ihhovisi lami kamuva-nje liphenye ngesikhalazo sabahlali baseYunithi R nakwa-S eLebowakgomo ngoMnyango Wohulumeni Wasekhaya Nezezindlu eLimpopo, sokuhluleka ukwakha noma ukuqedelela izindlu ze-RDP zomphakathi. 

Iziphamiso ezivela ehhovisi lami bekungukuthi uMnyango ufanele wakhe uphinde uqedele izindlu zabo bonke abazuzayo ozicelo zabo zaphasiswa.  Ukwengeza kulokhu, izimali zesabhsidi njengamanje ezikhona  zifanele ukusetshenziselwa ukusiza abafakizikhalazo njengoba izindleko zezinto zokwakha zenyukile eminyakeni edlule. 

Ukubika ngobugebengu ngempela kwenze imiphakathi ephephile ngakho ihhovisi lami laphenya isikhalazo somcebi ekhalaza ngoMbutho WaseNingizimu Afrika Wamaphoyisa  (i-SAPS) ngokwehluleka ukufeza isithembiso sawo sokukhokha ama-R75 000 awumklomelo ngemuva kokunikeza ngolwazi olwaholela ekuboshweni nasegugwetshweni ecaleni lokugebenga.  Ngemuva kophenyo, ngaphakamisa ukuthi   i-SAPS ikhokhele umfakisikhalazo umklomelo ophelele njengoba yabe ithembisile nokuthi igcine izethembiso zayo lapho izenzile kusasa. 

Sicela nize phambili nezikhalazo zenu, ihhovisi lethu litholakala ezindaweni ezehlukene ezweni futhi sinenombolo yocingo lamahhala ethi: 0800 11 20 40 ongayisebenzisa ukufaka isikhalazo.  Sikubheke ngabomvu ukuba nobudlelwano bomsebenzi nawe ukuqinisa intando yeningi engumthethosisekelo. 



Kuze kube ngokuzayo 



NguMmeli ML Mushwana

