Izindaba ngamanqampunqampu 



I-GEPF ubuyisele izimali owabe eyiphoyisa 



Owabe eyiphoyisa lesimame ubuyiselwe imali eyisamba semali edonswayo kwimpesheni yakhe njengengxenye yokuqoqa izikoledu zomyango. UMvukeli womphakathi uLawrence Mushwana uphakamise isincomo sokuba umfakisikhalazo abuyiselwe imali nenzuzo, ibalwe kusukela ngosuku lokudonsa imali ekhokhwayo.



Lokhu kwenzeke ngemuva kophenyo lweHhovisi Lomvukeli Womphakathi lithole ukuthu inkambiso echazwe kusiKhwama Sempesheni Yabasebenzi Bakahulumeni (i-GEPF) yiManuwali Yenkambiso yayo yokuqoqa izikoledu zomnyango ngokwesahluko  sama-21 soMthetho Wempesheni Yabasebenzi Bakahulumeni ka-1996 (umthetho we-GEPF) awulandelwanga. 

Kuphinde kwatholakala ukuthi isinqumo sokubuyisa izimali zomnyango kwimpesheni yomfakisikhalazo besingahambisani nezidingo zesaHluko sesi-3 soMthetho Wokuwhubekisela phambili Ubulungisa Bokuphatha ka-200 futhi ngaleyo ndlela “bekwenzelela ngokwenkambiso”. 



Isomlomo uncengwe ukuba kuthathelwe izinyathelo uSekela Ngqongqoshe 



Usomlomo Wesigungu Sikazwelonke uncengwe ukuba athathele isinyathelo uSekela Ngqongqoshe Womnyango Wezasekhaya, uMalusi Gigaba, ngokungalandeli isibopho sakhe somthethosisekelo sokungasebenzisani neHhovisi Lomvikeli Womphakathi.  



Lokhu kwakungemuva kokuba uMnu Gigaba ehluleke ukusebenzisana ne-OPP ophenyweni lezinsolo zokuthi wathumela unkosikazi wakhe izimbali ngezindleko zombuso futhi wakhokhela ithikithi nemoto yokuqashwa nabanye abanti kusigameko ezimbalwa. 



Kulandela uphenyo , uMvikeli womphakathi uLawrence Mushwana waphakamisa isincomo kuthi usomlomo athathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi ukwehluleka kuka-Mnu Gigaba kuyalungiswa. 

Ngenkathi uphenyo luthole ukuthi izindleko ezathwalwa yihhovisi likaMnu Gigaba mayelana nezimbali ezaqthunyelwa kumkakhe kwabe kungafanele, kungenamphumela omuhle futhi kungukumosha, lwaphinde lathola ukuthi izinsolo mayelana nezindleko zokuhamba ezithwalwe yihhovisi liSekela Ngqongqoshe zabe zingenasizika.  

UMmeli Mushwana waphinde wancoma ukuthi ihhovisi Lomqondisi-jikelele Womnyango , uMavuso Msimang, athuthukise izindlela zokulawulwa kwezimali eHhovisi likaMnu Gigaba. 



IPhalamende lizoqapha ukusetshenziswa kwezincomo ze-NERSA ‘ngokucinywa kukagesi’ 



IKomidi Lomsebenzi Lasephalamende elibheke amandla kufanele liqaphe futhi libike njalo liphinde liqalise ukusebenza kwezincomo esenziwe nguMlawuli Kazwelonke Wamandla (i-NERSA) ngo-Meyi 2008 kulandela uphenyo lokunganeli kukagesi. 



Ephakamisa isincomo sokungenziwa ukulungisa kulandela uphenyo lwangaphambili oluqaliswe yiHhovisi ngezigameko zokunganeli kukagesi nokucima ngengxa ye-”load shedding” ngumsebenzisi wamandla ombuso, u-Eskom, umvikeli womphakathiwacenga uSomlomo Wesigungu Sikazwelonke ukuba athathe izinyathelo mayelana nalokhu. 



Ingxenye enkulu yaseNingizimu Afrika yaba nezinkinga zokunganeli kukagesi nokucima kukagesi ngenxa ye-“load shedding” ukusukela ngoJanuwari 2007 kwaze kwaba uFebhuwari 2008. 



“Ukubona nokuohetha okwenziwe wuphenyo kabwa ngukuthi kwabe kukhona ukuphuza  engxenyeni kahulumeni ekwenzeni ngcono ukugaywa kwamandla kagesi we-Eskom ngesikhathi futhi ukuxolisa okuya emphakathini kwenziwamayelana nezinkinga ezidalwe yi-“load shedding,” kusho uMmeli Mushwana. 



Ungeze wathi i-NERSA, njenge-ejenti engumgcini nephoqelela uhlaka lokulawulwa oluhlinzekwe ngumthetho Wokulawulwa Kukagesi ka-2006, inamandla kanye negunya lokuqinisekisa ukuthi zonke izincomo esenziwe embikweni wayo iyasetshenziswa futhi u-Eskom ulandela izimo zemvume yakhe kanye nemibandela yoMthetho.   







 

