UMTHETHOSISEKELO WERIPHABHULIKI YASENINGIZIMU AFRIKA
[UVUNYWE MHLA ZI-16 KUZIBANDLELA 1996]	
[USUKU LOKUQALA KWAWO UKUSEBENZA: 4 KUNHLOLANJA 1997]
	(Ngaphandle kwalapho kushiwo okunye)
(Umbhalo wesiNgisi usayinwe nguMongameli)
njengoba uguqulwe ngu-
Mthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1996
Mthetho wokuQala Wokuguqula uMthethosisekelo ka-1997
Mthetho wesiBili Wokuguqula uMthethosisekelo ka-1998
Mthetho wesiThathu Wokuguqula uMthethosisekelo ka-1998
Mthetho wesiNe Wokuguqula uMthethosisekelo ka-1999
Mthetho wesiHlanu Wokuguqula uMthethosisekelo ka-1999
Mthetho wesiThupha Wokuguqula uMthethosisekelo ka- 2001
Mthetho wesiKhombisa Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2001
Mthetho wesiShiyagalombili Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2002
Mthetho wesiShiyagalolunye Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2002
Mthetho weShumi Wokuguqula uMthethosisekelo ka- 2003
Mthetho weShumi naNye Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2003
Mthetho weShumi naMbili Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2005
Mthetho weShumi naNtathu Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2007
Mthetho weShumi naNe Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2008
Mthetho weShumi naNhlanu Wokuguqula uMthethosisekelo ka-2008
Mthetho weShumi nesiThupha Wokuguqula uMthethosiskelo ka2009
Ngokwemigomo yeSimemezelo sama-26 sika 26 kuNhlaba, 2001, ukusetshenziswa kwalo Mthetho kunikezwe uNgqongqoshe wezoBulungiswa kanye nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
UMTHETHO
Wokwethula uMthethosisekelo omusha weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika nokubonelela izindaba ezencike kuwo.
OKUQUKETHWE
Isendlalelo 
Izigaba
ISAHLUKO 1
1-6	Imibandela Yokwesekwa
ISAHLUKO 2
7-39.	 Umqulu wamalungelo
ISAHLUKO 3
40-41	Uhulumeni Obumbene
ISAHLUKO 4
42-82	IPhalamende
ISAHLUKO 5
83-102	UMongameli noMkhandlu kaZwelonke
ISAHLUKO 6
103-150	Izifundazwe
ISAHLUKO 7
151-164	UHulumeni Wendawo
ISAHLUKO 8
165-180	Izinkantolo Nokuphathwa Kwezobulungiswa
ISAHLUKO 9
181-194	Izikhungo Zombuso Ezeseka ing Constitutional Democracy
ISAHLUKO 10
195-197.	Ukuphathwa Kwemisebenzi Yombuso
ISAHLUKO 11
198-210	Amaziko Ezokuphepha
ISAHLUKO 12
211-212	Abaholi Bendabuko
ISAHLUKO 13
213-230A	Izimali
ISAHLUKO 14
231-243	Izimiso Ezixubile
Isheduli 1	Ifulegi Likazwelonke
Isheduli 2	Izifungo neziqinisekiso ezinohlonze
Isheduli 3	Izinqubo Zokhetho
Isheduli 4	Izindawo Zemisebenzi Ohulumeni bakaZwelonke nabeziFundazwe Abashaya Imithetho Kuzo Kanyekanye
Isheduli 5	Izindawo Zemisebenzi Ezishayelwa Imithetho yesiFundawe Kuphela
Isheduli 6	Amalungiselelo Esikhashana
Isheduli 6A 
[Isheduli 6A ifakwe yi-s. 6	soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo ka- 2003 yaphinde yachithwa yisigaba 6 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
lsheduli 6B
[Isheduli 6B, ngaphambilni ebiyisheduli 6A, ifakwe yisigaba 2 soMthetho weShumi nesiShiyagalombili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002, iphindwe yanikezwa inombolo yesigaba 6 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003 yaphinde yachithwa yisigaba 5 soMthetho weShumi naNhlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
Isheduli 7			197
ImiThetho Echithiwe
Uhla lwezihloko
Isendlalelo
Thina, Bantu baseNingizimu Afrika,
Siyakubona ukwenziwa kokungalungile kwangesikhathi sethu esesadlula;
Siphakamisa labo abahluphekela ubulungiswa nenkululeko emhlabeni wethu;
Sihlonipha labo abasebenzele ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; futhi
Sikholelwa ekuthini iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo, sibumbene nakuba singafani.
Ngakho-ke, ngokusebenzisa abameleli bethu esibakhethe ngokukhululeka, semukela lo Mthethosisekelo njengomthethongqangi weRiphabhuliki ukuze -
Siqede ukwehlukana kwesikhathi esedlule bese sakha umphakathi owesekelwe yinkolelo yentando yeningi, ubulungiswa emphakathini nowesekelwe kumalungelo esintu;
Sibeke izisekelo zomphakathi oqhuba ngendlela yentando yeningi novulekile, lapho uhulumeni wakhelwe khona phezu kwentando yabantu futhi lapho sonke isakhamuzi sivikelwe ngumthetho ngendlela elinganayo;
Sithuthukise izinga lokuphila lazo zonke izakhamuzi futhi sikhulule amakhono omuntu ngamunye; futhi
Sakhe iNingizimu Afrika ebumbene futhi eqhuba ngenqubo yentando yeningi ekwazi ukuthatha indawo yayo efanele njengombuso oziphethe emndenini wamazwe.
Sengathi uNkulunkulu angavikela abantu bakithi
Nkosi Sikelel' i-Afrika. Morena boloka setjhaba sa heso. 
God seën Suid-Afrika. God bless South Africa. 
Mudzimu fhatutšhedza Afurika. Hosi katekisa Afrika.
ISAHLUKO 1
IMIBANDELA YOKWESEKWA	
1	IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika
IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ingumbuso wentando yeningi obumbene, oziphethe owesekwe phezu kwezibopho ezilandelayo:
(a)	Isithunzi somuntu, ukufinyelela ukulingana kwabantu nokuqhutshekiselwa phambili kwamalungelo nenkululeko yabantu.
(b)	Ukungabandlululi ngokobuzwe nangokobulili.
(c)	Ubukhulu bomthethosisekelo nokubusa komthetho.
(d)	Ilungelo lokuvota kwabobonke abantu abadala, uhlu lwabo bonke abavoti, ukhetho olwenziwa njalo ngezikhathi ezimiswe kanye nohlelo lokubusa ngokwentando yeningi oluvumela iqhaza lamaqembu ahlukahlukene, ukuze kuqinisekiswe ukuphenduleka, ukunakekelwa kwezidingo nokusebenzela obala.
2	Ubukhulu boMthethosisekelo
Lo Mthethosisekelo ungumthetho omkhulu weRiphabhulikhi; umthetho noma isenzo esingahambisani nawo asikho emthethweni, futhi izibopho ezibekwe yiwo kufanele zilandelwe.
3	Ubuzwe
Kunobuzwe obufanayo bezakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
Zonke izakhamuzi -
(a)	zinegunya elilinganayo lokuthola amalungelo, ilungelomvume	nezinzuzo zobuzwe; futhi
(b)	zethweswe ngokulinganayo izibopho nemithwalo ehambisana nobuzwe.
(3)	Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukutholakala, ukulahlekelwa nokubuyiselwa kobuzwe.
4	Ingoma yesizwe
Ingoma yesizwe yaseRiphabhuliki iyonqunywa nguMongameli ngokuthi enze isimemezelo.
5	Ifulegi lesizwe
Ifulegi lesizwe linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, omhlophe, obomvu noluhlaza okwesibhakabhaka, njengoba lichazwe futhi ladwetshwa kuSheduli 1.
6	Izilimi
(1)	Izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika yisiPedi, isiSuthu, isiTswana, isiSwazi,
isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa kanye nesiZulu.
(2)	Ngokubuka ukwehliswa kokusetshenziswa kanye nesimo sezilimi zendabuko zabantu bethu, ngokomlando, umbuso kufanele uthathe izinyathelo ezingasebenza nezinenqubekelaphambili zokuphakamisa izinga nokuthuthukisa ukusetshenziswa kwalezi zilimi.
(3)	(a)	Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe bangasebenzisa noma yiziphi izilimi ezithile ezisemthethweni emsebenzini kahulumeni, bebe becabangela ukusetshenziswa kwalezo zilimi, ukwenzeka kwalokho,	izindleko, izimo zezifunda, kanye nokuqhathaniswa kwezidingo nalokho okukhethwa ngumphakathi uwonke noma esifundazweni esithintekile; kodwa uhulumeni kazwelonke noma uhulumeni wesifundazwe	ngasinye kufanele asebenzise okungenani izilimi ezimbili ezisemthethweni.
(b)	Omasipala kufanele babonelele izilimi ezisetshenziswayo nezikhethwa ngabantu abahlala kubo. 
(4)	Uhulumeni kazwelonke nohulumeni bezifundazwe, kufanele balawule futhi baqaphe ukusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni ngokuthi basebenzise izinyathelo zomthetho kanye nezinye. Ngaphandle kokususa kulokho okubekwa yisigatshana(2), zonke izilimi ezisemthethweni kufanele zihlonishwe ngendlela elinganayo futhi zithathwe ngendlela efanele.
(5)	IBhodi yeziLimi zonke zaseNingizimu Afrika emiswe ngumthetho kazwelonke kufanele-
(a)	ikhuthaze, futhi yakhe izimo ezilungele, ukuthuthukiswa nokusetshenziswa -
(i)	kwazo zonke izilimi ezisemthethweni;
(ii)	kolimi lwamaKhoi, amaNama namaSan; futhi
(iii)	kolimi lokukhuluma ngezimpawu; futhi
(b)	ikhuthaze futhi iqinisekise ukuhlonishwa -
(i)	 kwazo zonke izilimi ezivame ukusetshenziswa emiphakathini yaseNingizimu Afrika ezibandakanya isiJalimani, isiGrikhi, IsiGujerati, isiHindi, isiPutukezi, isiTamil, isiTelegu, nesi-Urdu; kanye
(ii)	nesi-Arabhu, isiHebheru, isiSanskrit nezinye izilimi ezisetshenziselwa ezenkolo eNingizimu Afrika.
ISAHLUKO 2
UMQULU WAMALUNGELO
7.	Amalungelo
(1)	Lo Mqulu wamaLungelo uyisisekelo sombuso wenqubo yentando yeningi eNingizimu Afrika. Ugcizelela amalungelo abo bonke abantu ezweni lethu futhi uqinisa inkolelo yenqubo yentando yeningi yokwazisa isithunzi somuntu, ukulingana nokukhululeka.
(2)	Umbuso kufanele uhloniphe, uvikele, ukhuthaze, futhi ufeze amalungelo akuMqulu wamaLungelo.
(3)	Amalungelo akuMqulu wamaLungelo aphethwe yimikhawulo equkethwe noma okukhulunywe ngayo kwisigaba 36, noma kwezinye izingxenye zoMqulu.
8.	Ukusebenza koMqulu
(1)	UMqulu wamaLungelo usebenza kuyo yonke imithetho futhi uphoqa	isishayamthetho, isigungu esiphethe sikahulumeni, abaphethe izinkantolo, nazo zonke izingxenye zombuso.
(2)	Isimiso kuMqulu wamaLungelo sibopha abantu bemvelo kanye nalezo zakhiwo ezithathwa ngumthetho njengabantu uma, futhi kungadluli ezingeni okungenzeka ngakho lokhu, uma kubhekwe uhlobo lwelungelo kanye nanoma yiziphi izibopho ezibekwa yilelo lungelo.
(3)	Uma isebenzisa izimiso zoMqulu wamaLungelo kubantu bemvelo nakulezo zakhiwo ezithathwa ngumthetho njengabantu, ngokubeka kwesigatshana(2), inkantolo -
(a)	ukuze ilenze libenomphumela ilungelo elikuMqulu, kufanele isebenzise, noma uma kunesidingo, ithuthukise umthetho owesekwe kuzinqumo nasezinkambisweni	ngendlela ezonika ilungelo umphumela lapho umthetho osemabhukwini ungakwenzi lokhu; futhi
(b)	ingathuthukisa imitheshwana yomthetho owesekwe kuzinqumo nasezinkambisweni ukuze ikhawule ilungelo, inqobo uma lowo mkhawulo uhambisana nesigaba 36(1).
(4)	Lezo zakhiwo ezithathwa njengabantu ngumthetho zinegunya lokuthola amalungelo akuMqulu wamaLungelo, ngendlela edingwa uhlobo lwamalungelo kanye nolwaleso sakhiwo esithathwa njengomuntu ngumthetho.
9.	Ukulingana
(1)	Wonke umuntu uyalingana phambi komthetho, futhi unelungelo lokuthola ukuvikelwa nokusizakala ngomthetho okulinganayo.
(2)	Ukulingana kubandakanya ukuthokozela onke amalungelo nenkululeko ngokugcwele nangokulingana. Ukuze kukhuthazwe ukulingana, kungahle kuthathwe izinyathelo zokushaya imithetho nezinye ezenzelwe ukuthi kuvikelwe noma kuthuthukiswe abantu noma imikhakha yabantu, abancishiselwe amathuba ngenxa yobandlululo olungafanele.
(3)	Umbuso ungebandlulule noma yimuphi umuntu ngokungafanele, ngendlela esobala noma ngendlela ecashile, ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu, ezibandakanya ukubandlulula ngokobuhlanga, ubulili, ukukhulelwa, isimo somuntu kwezomshado, isizwe kambe umphakathi umuntu adabuka kuwo, ibala, ubulili umuntu azifanisa noma afaniswa nabo, iminyaka yobudala, kukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi kanye nokuzalwa.
(4)	Akekho umuntu ovunyelwe ukubandlulula omunye ngokungafanele ngendlela esobala noma ecashile ngesizathu esisodwa noma ngaphezulu njengokusho kwesigatshana (3).	Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze kugwenywe noma kunqandwe ubandlululo olungafanele.
(5)	Ubandlululo ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu kwezibalulwe kwisigatshana (3) alufanele ngaphandle uma kuboniswa ukuthi lolo bandlululo lufanele.
10.	Isithunzi somuntu
Wonke umuntu unesithunzi ngokwemvelo futhi unelungelo lokuthi isithunzi sakhe sihlonishwe futhi sivikelwe.
11.	Impilo
Wonke umuntu unelungelo lokuphila.
12	Inkululeko nokuphepha komuntu
(1)	Wonke umuntu unelungelo lenkululeko nokuphepha kwakhe, okubandakanya ilungelo -
(a)	lokungephucwa inkululeko ngaphandle kokunikwa ithuba lokuziphendulela noma ngaphandle kwesizathu esilungile;
(b)	lokungavalelwa ngaphandle kokuqulwa kwecala;
(c)	lokukhululeka kuzo zonke izinhlobo zodlame ezivela emithonjeni yombuso noma yangasese;
(d)	lokungahlukunyezwa nganoma iyiphi indlela; kanye	
(e)	nelokungaphathwa noma ajeziswe ngendlela enesihluku, engenabo ubuntu nelulazayo.
(2)	Wonke umuntu unelungelo lokukhululeka nokuhlonishwa komzimba kanye nengqondo, okubandakanya ilungelo -
lokwenza izinqumo ezimayelana nokuzala;	 
lokuphepha komzimba nokuzilawulela umzimba; kanye
(c)	nelokungasetshenziselwa ukufunisela kwezokwelapha noma kwezesayensi ngaphandle kwemvume yakhe ayinikeza lapho esethole ulwazi.
13.	Ubugqila, ukusetshenziswa njengesigqila, nokusetshenziswa ngenkani
Akekho umuntu ongenziwa isigqila, asetshenziswe njengesigqila noma asetshenziswe ngenkani.
14.	Ukungaphazanyiswa
Wonke umuntu unelungelo lokungaphazanyiswa, okubandakanya ilungelo -
lokungaseshwa umzimba noma umuzi wakhe;	
lokungaseshwa kwempahla yakhe;
(c)	 lokungaphucwa impahla anelungelo layo; noma 
(d)	lokungaphazanyiswa kokuxhumana kwakhe nabanye abantu.
15.	Inkululeko kwezenkolo, yenkolelo neyombono
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokuba nenkululeko kanembeza, eyenkolo, eyokucabanga, eyenkolelo kanye neyombono.
(2)	Izinkonzo zingabanjelwa ezikhungweni zombuso, noma kulezo zikhungo ezisizwa ngumbuso ngezimali inqobo uma -
(a)	labo ababambe izinkonzo belandela imitheshwana eyenziwe yiziphathimandla zomphakathi ezifanele;
(b)	zibanjwe ngendlela efanele; futhi
(c)	ukuhanjelwa kwazo kungaphoqelelwe kodwa kungokokukhululeka nangokuzithandela.
(3)	
(a)	Lesi sigaba asivimbeli umthetho ovumela -
(i)	imishado ehlanganiswe ngaphansi kwanoma yiliphi isiko noma ngokohlelo lomthetho wenkolo, noma womuntu othile noma owomdeni; noma 
(ii)	izinhlelo zomthetho womuntu othile nowomndeni ngaphansi kwanoma yiliphi isiko noma oluhlonishwa ngabantu abalandela inkolo ethile.
(b)	Ukwemukelwa ngokwepharagrafu(a), kufanele kuhambisane nalesi sigaba kanye nezinye izimiso zoMthethosisekelo.
16.	Ukuveza imibono ngokukhululeka
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokuveza imibono yakhe ngokukhululeka,
Okubandakanya – 
inkululeko yamaphephandaba neminye imithombo;
inkululeko yokuthola nokwedlulisela ulwazi nemibono;
inkululeko yokwakha izinto ngokusebenzisa ubuciko; kanye
inkululeko kwezemfundo kanye nenkululeko yokwenza ucwaningo olwesekelwe kwezesayensi.
(2)	Ilungelo elikusigatshana (1) aledluleli - 
(a)	kunkulumoze egqugquzelela impi;	
(b)	ukugqugquzela udlame olufufusayo; noma
(c)	ukutshala inzondo eyesekwe ngokobuzwe, ububuhlanga, ubulili noma inkolo, nokungukugqugquzela ukwenziwa komonakalo. 
17.	Ukubuthana, ukubhikisha, ukugculisa abanye ukuthi beseke umbikisho nokwethula izicelo
Wonke umuntu unelungelo lokubuthana nabanye, lokubhikisha, lokugculisa abanye ukuthi baweseke lowo mbhikisho nelokwethula izicelo ezibhaliwe, uma lokho kwenziwa ngokuthula futhi kungahlonyiwe.
18.	Ilungelo lokuzibandakanya
Wonke umuntu unelungelo lokuzibandakanya ngokukhululeka. 
19.	 Amalungelo ezombusazwe
(1)	Yileso naleso sakhamuzi sikhululekile ukuzikhethela nokuzenzela izinqumo
eziphathelene nezombusazwe, okubandakanya ilungelo -
(a)	lokusungula iqembu lezombusazwe;
(b)	lokubamba iqhaza emisebenzini yenhlangano yezombusazwe, noma lokuyifunela amalungu; kanye 
(c)	nelokukhankasela iqembu lezombusazwe noma izinjongo ezithile zezombusazwe. 
(2)	Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthi kubekhona ukhetho olukhululekile nolubanjwa njalo ngezikhathi ezimisiwe lwanoma yisiphi isakhiwo sesishayamthetho esisungulwe ngokulandela uMthethosisekelo.
(3)	Yileso naleso sakhamuzi esingumuntu omdala sinelungelo -
(a)	lokuvota okhethweni lwanoma yisiphi isishayamthetho esisungulwe ngokoMthethosisekelo, nelokukwenza lokho ngokuyimfihlo; kanye
(b)	nelokungenela ukhetho lwesikhundla sokumela umphakathi 
20.	Ubuzwe
Asikho isakhamuzi okufanele sincishwe ilungelo lobuzwe. 
21.	Ilungelo lokuhamba nokuhlala
Wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngenkululeko. 
Wonke umuntu unelungelo lokushiya iRiphabhuliki.
Wonke umuntu unelungelo lokungena, libe khona kanye nelokuhlala noma yikuphi eRiphabhuliki.
Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthola iphasiphothi.
22.	Ilungelo lokuhweba, lomsebenzi owenziwayo nelomsebenzi ofundelwe
Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokukhetha ngokukhululeka uhwebo,	umsebenzi owenziwayo noma ofundelwe. Indlela yokuqhuba uhwebo, umsebenzi owenziwayo noma ofundelwe ingahle ihlelwe ngumthetho.
23.	Ubudlelwane kwezemisebenzi
(1)	Bonke abantu banelungelo lokuphathwa ngezinkambiso ezilungile zezemisebenzi.
(2)	Yilowo nalowo muntu osebenzayo unelungelo-
lokusungula nokujoyina inyunyana yabasebenzi;
lokuzibandakanya kokwenziwayo nasezinhlelweni zenyunyana yabasebenzi; kanye
nelokuteleka.
(3)	Yilowo nalowo mqashi unelungelo-
(a)	lokusungula nokujoyina izinhlangano zabaqashi; futhi kanye
b)	nelokuzibandakanya kokwenziwayo kanye nasezinhlelweni zezinhlangano zabaqashi. 
(4)	Zonke izinyunyana zabasebenzi nezinhlangano zabaqashi zinelungelo - 
(a)	lokuzithathela izinqumo ngezokuphathwa, ngezinhlelo kanye nangezikwenzayo;
(b)	lokugqugquzela; kanye
(c)	nelokusungula nelokujoyina umfelandawonye.
 (5)	Zonke izinyunyana zabasebenzi, izinhlangano zabaqashi nomqashi banelungelo lokuvumelana ngokuhlanganyela. Umthetho kazwelonke ungabekwa ukulawula ukuvumelana okwenziwa ngokuhlanganyela. Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo kulesi Sahluko, ukuncishiswa kwelungelo makuhambisane nesigaba 36(1).
(6)	Umthetho kazwelonke ungagunyaza ukuhlelelwa okwenzelwe ezokuphepha okuqukethwe kuzivumelwano ezenziwe ngokuhlanganyela.	Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo kulesi sahluko, ukuncishiswa kwelungelo makuhambisane nesigaba 36(1).
24.	Indawo okuphilwa kuyo
Wonke umuntu unelungelo-
lokuphila endaweni engesiyo ingozi empilweni noma kunhlalakahle yakhe; kanye
nelokuba kuvikelwe imvelo, ukuze kusizakale izizukulwana zamanje nezizayo, ngemithetho nezinye izinyathelo ezemukelekayo -
ezivimbela ukunukubezeka nokucekelwa phansi kwempilo yezitshalo neyezilwane;
ezikhuthaza ukulondolozwa kwemvelo; futhi
neziqinisekisa intuthuko engapheli ngokwempilo yezitshalo nezilwane kanye nokusetshenziswa ngendlela efanele kwemithombo yemvelo kube kugqugquzelelwa ukuthuthuka okufanele komnotho nokwezokuhlalisana.
25	Impahla(1)	Akekho umuntu ongephucwa impahla ngaphandle kwalapho kumiswe umthetho osebenza ngokufanayo kubo bonke abantu, futhi awukho umthetho ongavumela ukuthi umuntu enqatshelwe impahla engazange anikezwe ithuba lokuziphendulela.
(2)	Impahla ingathathwa kuphela njengoba kubekwe wumthetho osebenza kubo bonke abantu ngokufanayo -
uma kuyisidingo somphakathi noma kuzozuza umphakathi; futhi
uma kuzoba nesinxephezelo inani laso nesikhathi nendlela yokusikhokha okuvunyelwane ngaso yilabo abathintekayo noma okunqunywe noma okwamukelwe yinkantolo.
(3)	Inani lesinxephezelo nesikhathi nendlela yokunxephezela kufanele kube ngokulungile nokulinganayo, kuveze ukulingana phakathi kwezintshisekelo zomphakathi kanye nezintshisekelo zalabo abathintekayo libhekisise zonke izimo ezifanele ezibandakanya -
ukusetshenziswa kwempahla ngaleso sikhathi;
umlando wokutholwa kwempahla nokusetshenziswa kwayo;
inani engadayiswa ngalo ngaleso sikhathi; 
ubungako benani lezimali ezatshalwa umbuso nemali umbuso owasiza ngayo, ekutholakaleni kwaleyo mpahla nasekuyithuthukiseni ukuze ibeyinzuzo; kanye
nesizathu sokuthathwa kwempahla.
(4)	Mayelana nalesi sigaba- 
(a)	intshisekelo yomphakathi ibandakanya ukuzibophezela kwesizwe enguqukweni yezomhlaba, nasezinguqukweni zokuletha ukufinyeleleka okulinganayo kuyo yonke ingcebo yemvelo yaseNingizimu Afrika; nokuthi
(b)	impahla ayigcini kuphela ngomhlaba. 
(5)	Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho nezinye izinyathelo, ezamukelekayo, ngokusemandleni awo, ukweseka isimo esizokwenza izakhamuzi zikwazi ukuthola umhlaba ngendlela egculisayo.
(6)	Umuntu noma umphakathi onelungelo lomhlaba elintengantengayo ngokomthetho ngenxa yomthetho noma izenzo zesikhathi esedlule ezibandlulula ngobuzwe, unelungelo, ngendlela ehlinzikelwe nguMthetho wePhalamende, lokuthola ilungelo elime laqina emthethweni noma lokunikezwa usizo olungafaniswa nokuqiniswa kwalo.
(7)	Umuntu noma umphakathi owathathelwa impahla ngemuva kwamhla zi-19 kuNhlangulana 1913, ngenxa yemithetho noma izenzo zesikhathi esedlule ezazibandlulula ngokohlanga, unelungelo njengoba kuhlinzekelwa nguMthetho wePhalamende, lokubuyiselwa leyo mpahla, noma lokuthola usizo olulinganayo.
(8)	Akunazimiso zalesi sigaba ezingavimba umbuso ekubeni uthathe izinyathelo zokushaya imithetho nezinye izinyathelo ngenhloso yokuphumelelisa uguquko kwezomhlaba, amanzi nokunye okuhambelana nalokho, ukuze ulungise imiphumela yesikhathi esedlule yobandlululo ngokohlanga, inqobo uma noma yikuphi ukuqhela	ezimisweni zalesi sigaba kufanele kuhambisana nezimiso zesigaba 36(1).
(9)	IPhalamende kufanele lishaye umthetho oshiwo kusigatshana (6).
26	Izindlu
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokukwazi ukuthola indlu efanelekile.
(2)	Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo, ngokusemandleni onawo, zokwenza kube nokuphumelela kwaleli lungelo okuqhubekela phambili.
(3)	Akekho umuntu ongasuswa emzini wakhe noma kudilizwe ikhaya lakhe ngaphandle kwesinqumo senkantolo esenziwe ngemuva kokuba ibheke zonke izimo ezifanelekile. Awukho umthetho oyovumela ukususwa kwabathintekayo benganikwanga ithuba lokuziphendulela.
27.	Ukunakekelwa kwempilo, ukudla, amanzi, nenhlalakahle
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokukwazi ukuthi athole -
ukunakekelwa kwezempilo, okubandakanya ukunakekelwa kwezempilo okuqondene nokubeletha;
amanzi nokudla okwenele; kanye 
(c)	nenhlalakahle, okubandakanya, usizo olufanele uma umuntu engakwazi ukuzondla yena kanye nalabo okufanele abondle.
(2)	Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo, ngokusemandleni onawo,	ukuze ufinyelele ukuphumelela kwalelo nalelo lungelo okuqhubekela phambili.
(3)	Akekho umuntu ongalelwa ukuba athole usizo lwezokwelashwa oluphuthumayo.
28.	Izingane
(1)	Zonke izingane zinelungelo -
(a)	lokuba negama nobuzwe kusukela ngesikhathi zizalwa;
(b)	lokuthola ukunakekelwa ngumndeni, noma ukunakekelwa ngabazali noma ukunakekelwa okunye okufanele uma lowo mntwana esusiwe ngaphansi kwesimo sasemndenini;
(c)	lokuthola ukudla okunomsoco, indawo yokuhlala, ukusizakala ngokwelashwa okuyisisekelo kanye nokusizakala ngezenhlalakahle;
(d)	lokuvikelwa ekuphathweni ngendlela engafanele, ekubeni zinganakekelwa,
ekuhlukunyezweni nasekuphathweni ngendlela eyehlisa isithunzi;
(e)	lokuvikelwa ezimweni zokuxhashazwa emsebenzini;
lokuthi kungadingeki noma kungavunyelwa ukuthi zenze umsebenzi - 
(i)	ongamfanele umuntu oneminyaka yobudala elingana neyaleyo ngane; noma 
obeka engcupheni inhlalakahle, imfundo, impilo yomzimba noma yengqondo, noma ukuthuthuka komoya, kwesimilo noma kobudlelwano nomphakathi, kwengane; 
(g)	lokungaboshwa ngaphandle kwalapho ukuboshwa kwazo sekuyisinyathelo sokugcina esingathathwa, okuyothi uma kwenzeka, ngaphezulu kwamalungelo anikwe ingane ngaphansi kwezigaba se-12 nesama-35, ingane ingahle iboshwe ukuphela kwesikhathi okuyisona esifushane engaboshwa ngaso, futhi inelungelo - 
(i)	lokungahlanganiswa nabanye abantu ababoshiwe abaneminyaka yobudala engaphezulu kwe-18 leminyaka; futhi 
(ii)	iphathwe ngendlela, ibuye igcinwe ezimweni ezikhombisa ukubonelela iminyaka yayo yobudala; 
(h)	lokuba nommeli ezimnikezwa ngumbuso, nangezindleko zombuso, emacaleni ombango athinta ingane, uma ukunganikezwa ummeli kungaba nomphumela wokwehluleka okukhulu kobulungiswa; kanye 
(i)	nelokungasetshenziswa ngqo ekulweni kuhlonyiwe, nelokuthi ivikelwe ngazozonke izikhathi lapho kuliwa kuhlonyiwe. 
(2)	Kuzona zonke izinto ezithinta ingane, kuyobekwa phambili izidingo zayo. 
(3)	Kulesi sigaba “ingane” kusho umuntu oneminyaka yobudala engaphansi kweyi-18. 
29.	Imfundo
(1)	Wonke umuntu unelungelo -
(a)	lokuthola imfundo eyisisekelo, kuhlanganisa imfundo eyisisekelo yabantu abadala; kanye 
(b)	nelemfundo esebangeni eliphambili, okufanele ukuthi umbuso uyenze ilokhu iqhubeka ngokutholakala futhi ifinyeleleka, ngokuthi usebenzise izinyathelo ezifanele.
(2)	Wonke umuntu unelungelo lokuthola imfundo ngolimi olusemthethweni alukhethayo ezikhungweni zemfundo zomphakathi lapho leyo mfundo ikwazi ukutholakala ngendlela efanelekile. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli lungelo kuyafinyelelwa kulona ngempumelelo, nokuthi lenziwe leli lungelo, umbuso kufanele uhlolisise yonke imigudu efanele yemfundo, kubandakanya nezikhungo zemfundo ezifundisa ngolimi olulodwa, kube kuqikelelwe - 
(a)	ukulingana;
ukuthi kungenzeka yini; kanye
nesidingo sokulungisa imiphumela yemithetho nenqubo eyedlule eyayibandlulula ngokohlanga.
(3)	Wonke umuntu unelungelo lokusungula nokugcina, ngezindleko zakhe, izikhungo zemfundo ezizimele -
(a)	ezingabandlululi ngokohlanga;
(b)	ezibhaliswe nombuso; futhi
(c)	 ezigcina amazinga angekho ngaphansi kwamazinga asezikhungwenii ezingaqhathaniswa nazo nezixhaswa yizimali zombuso.
(4)	Isigatshana(3) asizivimbeli izikhungo zemfundo ezizimele ezimalini zoxhaso lombuso.
30.	Ulimi namasiko
Wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi alukhethayo futhi abambe iqhaza empilweni yamasiko ayikhethayo, kodwa akekho ovunyelwe ukusebenzisa lawa malungelo ngendlela engahambisani nanoma yisiphi isimiso soMqulu wamaLungelo. 
31.	 Imiphakathi enamasiko, izinkolo kanye nezilimi ezithile
(1)	Abantu abangamalungu emiphakathi enamasiko, izinkolo noma izilimi ezithile
abanakuphucwa ilungelo, kanye namanye amalungu alowo mphakathi - 
(a)	lokuthokozela amasiko abo, ukuqhuba inkolo yabo nokusebenzisa ulimi lwabo; kanye
(b)	nokubumba, bajoyine futhi bagcine izinhlangano zamasiko, zenkolo nezezilimi kanye nezinye izinhlangano zomphakathi wezakhamuzi.
(2)	Amalungelo kusigatshana(1) awanakusetshenziswa ngendlela engahambisani nanoma yisiphi isimiso esikuMqulu wamaLungelo.
32	Ukuthola ulwazi
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokuthola -
(a)	nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zombuso; kanye
(b)	nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zomunye umuntu noludingekayo ekusetshenzisweni noma ekuvikelweni kwanoma yimaphi amalungelo. 
(2)	Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze leli lungelo lisebenze, futhi ungahlinzekela izinyathelo ezifanele ukunciphisa umthwalo wokwengamela nowezimali embusweni.
33.	Ukuphatha ngokusemthethweni okulungileyo
(1)	Wonke umuntu unelungelo lokuphathwa ngendlela esemthethweni, efanele kanye negculisayo ngokwenqubo elandelwayo.
(2)	Wonke umuntu onamalungelo athintwe kabi yisinyathelo sokuphatha, unelungelo lokunikezwa izizathu ezibhaliwe ngalokho.
(3)	Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze la malungelo asebenze futhi lo mthetho kufanele -
(a)	uhlinzekele ukuhlaziywa kabusha kwesinyathelo sokuphatha yinkantolo noma, lapho kunesimo esifanele kuhlaziye inkundla ezimele nengavuni hlangothi;
(b)	ubeke isibopho phezu kombuso ukuthi amalungelo akuzigatshana(1)	nese-(2) asebenze; futhi
(c)	ukhuthaze ukuthi kube nombuso osebenza ngekhono.
34.	Ukuvumeleka ukuya ezinkantolo
Wonke umuntu unelungelo lokuthi noma iyiphi ingxabano engaxazululwa ngokusebenzisa umthetho, inqunywe yinkantolo yomthetho ecaleni eligculisayo elivulekele umphakathi noma, lapho kulungile, leyo ngxabano ingaxazululwa yinkundla noma yisithangami esizimele nesingavuni hlangothi. 
35.	Abantu ababoshiwe, abavalelwe nababekwe amacala
(1)	Wonke umuntu oboshwe ngoba esolwa ukuthi wenze icala unelungelo -
(a)	lokuthula angasho lutho;;
(b)	lokwaziswa ngokushesha -
(i)	ngelungelo lokuthula angasho lutho; kanye
(ii)	nangomphumela wokuthi angathuli angasho lutho;
(c)	lokuba angaphoqwa ukuhlambuluka noma ukuvuma izinto ezingase zisetshenziswe njengobufakazi ecaleni lakhe;
(d)	lokuba ayiswe enkantolo ngokushesha okungase kwenzeke kodwa engakadluli -
(i)	amahora angama-48 emva kokuboshwa; noma
(ii)	ekupheleni kosuku lokuqala lwenkantolo ngemuva kokudlula kwesikathi esingamahora angama-48, uma ngabe amahora angama-48 edlula ngaphandle kwesikhathi esejwayelekile sokusebenza kwenkantolo, noma nosuku olungelona olwejwayelekile lokusebenza kwenkantolo;
(e)	ekuveleni kokuqala phambi kwenkantolo emva kokuboshwa, lokuba ethweswe icala noma aziswe ngesizathu sokuthi aqhubeke nokuvalelwa, noma adedelwe; kanye
(f)	nelokudedelwa ekuvalelweni uma izidingo zobulungiswa zivuma, kodwa lokho kwencike kumibandela efanelekile.
(2)	Wonke umuntu ovalelwe, kubandakanya noma yisiphi isiboshwa esidonsa isigwebo, unelungelo - 
lokwaziswa ngokushesha ngezizathu zokuvalelwa kwakhe;
lokuzikhethela kanye nokubonana nommeli nokwaziswa ngokushesha ngaleli lungelo; 
lokunikezwa ummeli ngezindleko zombuso, uma ngabe ukunganikezwa ummeli kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi aziswe ngaleli lungelo ngokushesha; 
(d)	lokuphikisa ukuba semthethweni kokuvalelwa kwakhe akwenze mathupha phambi kwenkantolo, futhi uma kutholakala ukuthi lokho kuvalelwa akukho emthethweni, adedelwe;
(e)	lokuba avalelwe ngaphansi kwezimo ezihlonipha isithunzi sobuntu, kubandakanye ukuthi okungenani akwazi ukulolonga umzimba futhi ahlinzekwe,	ngezindleko zombuso, indawo yokumgcina eyanele, ukondliwa okwanele, izinto zokufunda ezanele kanye nokwelashwa kwempilo okwanele; kanye
(f)	nelokuxhumana kanye, futhi avakashelwe - 
ngowakwakhe noma lowo azwana naye;
yisihlobo esisondelene naye;
umeluleki kwezenkolo oqokwe nguye; kanye
nodokotela oqokwe nguye. 
3. Wonke umuntu owethweswe icala unelungelo lokuthi icala lakhe lithethwe ngendlela elungile, okubandakanya ilungelo –
lokwaziswa ngecala abekwe lona ngemininingwane eyenele ukuze aziphendulele;
lokuba nesikhathi esenele nezidingo ezanele ukulungiselela ukuziphendulela;
lokuba icala lakhe lethanyelwe ngumphakathi ngaphambi kwenkantolo eyejwayelekile;
lokuba ukuthethwa kwecala lakhe kuqalwe futhi kuqedwe ngaphandle kokulibaziseka okungafanele;
lokuba khona uma kuthethwa icala lakhe; 
lokukhetha ummeli nokumelwa ngummeli futhi abenelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo ngokushesha;
lokuba nommeli onikezwe ngumbuso futhi ngezindleko zombuso uma ukunganikezwa ummeli kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi nelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo ngokushesha;
(h)	lokuthathwa ngokuthi akanacala, lokuthula angasho lutho, kanye nelokunganiki bufakazi ngesikhathi kuqulwa icala lakhe;
(i)	lokunika kanye nelokuphikisa ubufakazi;
(j)	lokungaphoqwa ukuba anike ubufakazi obuzomethwesa ngecala;
(k)	lokuba icala liqulwe ngolimi aluzwayo, noma uma lokho kungaphumeleli, athole ithuba lokuthi ukuqulwa kwalo kutolikwe ngalolo limi;
(l)	lokungagwetshelwa ukwenza noma ukungenzi okuthile okwakungelona icala ngokomthetho wezwe noma wamazwe ngamazwe ngesikhathi ekwenza noma engakwenzi;
(m)	lokungabhekani necala enkantolo eliphathelene nalokho asatholwa engenacala lako noma asagwetshelwa kona;
(n)	lokunikezwa isigwebo esisinda kancane kunesinye esimisiwe uma isigwebo esimiselwe lelo cala sishintshiwe phakathi kwesikhathi sokwenziwa kwecala nesikhathi sokugwetshwa; kanye 
(o)	nelokufaka isicelo sokudlulisa icala, noma ukuhlaziywa kwalo, yinkantolo ephakeme.
(4)	Lapho lesi sigaba sidinga ukuba umuntu aziswe okuthile, lolo lwazi kufanele lowo muntu alunikwe ngolimi aluqondayo.
(5)	Ubufakazi obutholakale ngendlela ephambene nanoma yiliphi ilungelo elikuMqulu wamaLungelo kufanele bungangeniswa njengobufakazi ecaleni uma ukungeniswa kwalobo bufakazi bungenza ukuthi icala lingagculisi noma kungakhinyabeza ukuphathwa kobulungiswa.
36	Ukuncishiswa kwamalungelo
(1)	Amalungelo aqukethwe kuMqulu wamaLungelo angancishiswa kuphela ngokusho komthetho osebenza kunoma yimuphi umuntu, kungadluli ezingeni lokuthi ukuncishiswa kube kufanele futhi kwamukelekile emphakathini ovulekile, nowentando yeningi nowesekelwe kusithunzi sobuntu, ukulingana nenkululeko, kube kunakwe zonke izinto ezithintekayo ezibandakanya -
ubunjalo belungelo;
ukubaluleka kwezinjongo zokuncishiswa;
ubunjalo nobungako bokuncishiswa;
ubudlelwane phakathi kokunciphisa nezinjongo zako; kanye	
nezinye izindlela ezinezihibe ezingaphansana ukufeza injongo leyo.
Ngaphandle kwanjengoba kuhlinzekelwe kusigatshana(1) noma kunoma yisiphi esinye sezimiso zoMthethosisekelo, awukho umthetho onganciphisa noma yiliphi ilungelo elihlinzekelwe kuMqulu wamaLungelo.
37.	Izimo ezibucayi
(1)	Isimo esibucayi singamenyezelwa kuphela ngokulandela uMthetho wePhalamende, futhi kuphela uma -
(a)	impilo yezwe yesatshelwa ngenxa yempi, yokuhlaselwa, yokuvukelwa kombuso, yeziphithiphithi, yenhlekelele yemvelo noma yesinye isehlakalo esibucayi emphakathini; futhi
(b)	nesimemezelo sidingekile ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula.
(2)	Ukumenyezelwa kwesimo esibucayi, kanye nomthetho oshayiwe noma isinyathelo noma yisiphi esithathwe kulandela leso simemezelo, kungasebenza kuphela - 
(a)	kuye esikhathini esilandelayo; futhi
(b)	ngesikhathi esingeqile ezinsukwini ezingu 21 kusukela osukwini lwesimemezelo ngaphandle kwlapho iPhalamende likaZwelonke linquma	ukwelula isikhathi sesimemezelo. IPhalamende likaZwelonke lingelula isikhathi sokusebenza kwesimemezelo sesimo esibucayi ngesikhathi esingeqile ezinyangeni ezintathu ngasikhathi. Ukwelulwa kokuqala kwesikhathi sesimo esibucayi kufanele kwenziwe ngesinqumo esivunywe yiningi lamavoti asixhasayo lamalungu ePhalamende. Noma yikuphi ukwelulwa kwesikhathi okulandelayo kufanelwe kwenziwe ngesinqumo esesekwe okungenani ngamalungu ePhalamende angamaphesenti angama-60 okungenani. Isinqumo esishiwo kulesi sigatshana kufanele sithathwe ngemuva kwenkulumompikiswano ePhalamende evulelwe bonke.
(3)	Noma iyiphi inkantolo efanele ingathatha isinqumo mayelana nokubasemthethweni -
(a)	kwesimemezelo sesimo esibucayi;
(b)	kwanoma yikuphi ukwelulwa kokwelulwa kwesimemezelo sesimo esibucayi; noma
(c)	 kwanoma yimuphi umthetho oshayiwe, noma isinyathelo esithathiwe ngokulandelwa kwaleso simemezelo sesimo esibucayi.
(4)	Noma yimuphi umthetho oshayiwe ngenxa yokumenyezelwa kwesimo esibucayi ungazitshwa kuMqulu wamaLungelo kuphela uma – 
ukuzitshwa kwesimemezelo kudingwa yisimo esibucayi kuphela; futhi
 umthetho -
(i)	uvumelana nezibopho zeRiphabhuliki ngaphansi komthetho wamazwe ngamazwe omiselwe izimo ezibucayi; futhi
(ii)	uhambisana nesigatshana(5); futhi 
(iii)	ushicelelwe kusoMqulu kaHulumeni kazwelonke ngokushesha okunokwenzeka ngemuva kokuba umisiwe.
.
(5)	Awukho uMthetho wePhalamende onikeza igunya lokumenyezelwa kwesimo esibucayi, futhi akunamthetho oshayiwe noma esinye isinyathelo esithathwe ngenxa yesimemezelo ongavumela noma onganikeza igunya –
(a)	ukuxolelwa kombuso, noma komuntu noma yimuphi mayelana nesenzo esingekho emthethweni;
(b)	 ukuzitshwa kwalesi sigaba; 
(c)	lanoma yikuphi ukuzitshwa kwesigaba esishiwo kukholomu 1 yoHla lwamaLungelo Angenakuzitshwa, ngokwezinga elivezwe laqondana nesigaba	leso kukholomu 3 yoHla. Uhla lwamalungelo angeke ajivazwa
1Inombolo yesigaba
2
Isihloko sesigaba
3
Izinga ilungelo elingenakuzitshwa kufikwe kulo
9
Ukulingana
Mayelana nokubandlululwa
okungamukelekile ngokohlanga, ibala, ubuzwe noma
imvelaphi, ubulili, inkolo noma ulimi.
10
Isithunzi somuntu
Ngokuphelele. 
11
Impilo
Ngokuphelele. 
12
Inkululeko nokuphepha komuntu
Mayelana nezigatshana(1)	(d)	no-(e)	no- 2(c)
13
Ubugqila, ukwenziwa isigqila nokusetshenziswa ngempoqo
Mayelana nobugqili nokwenziwa isigqila
ukwenziwa isigqila nokusetshenziswa
ngempoqo.
28
Izingane 
Mayelana:
-	nesigatshanna 1(d), kanye no(e)
-	namalungelo akuzigatshana(i)	kanye no-(ii)	zesigatshana(1)(g); kanye 
-	nesigatshana(1)(i)	esimayelana nezingane ezineminyaka eyi-15 nezingaphansi.
35
Abantu ababoshiwe, abatokile nabethweswe icala
Mayelana:
-	nezigatshana(1)	(a)	,(b)	no-(c)	no-(2)	(d)	;
-	namalungelo akuzigaba(a)	kuye ku-(o) wesigatshana(3), ngaphandle kwepharagrafu(d)	;
-	isigatshana(4); kanye
-	nesigatshana(5)	mayelana nokukhishelwa
ngaphandle kobufakazi uma ukwamukelwa kwalobo bufakazi kungenza ukuqulwa kwecala kuhambe ngendlela efanele
	(6)	Noma yinini lapho umuntu evalelwe ngaphandle kokuthethiswa ngenxa yokuzitshwa kwamalungelo okuqhamuka ekumenyezelweni kwesimo esibucayi,	kufanele ziqikelelwe izimiso ezilandelayo:
(a)	Umuntu omdala oyilungu lomndeni noma umngane walowo ovalelwe kufanele athintwe ngokushesha okungase kwenzeke, bese aziswa ngokuvalelwa kwalowo muntu.
(b)	Isaziso kufanele sishicilelwe kusoMqulu kazwelonke kaHulumeni zingakapheli izinsuku ezinhlanu umuntu evalelwe, sisho igama lomuntu nalapho evalelwe khona sibuye sisho nesimo esibucayi aboshwe ngenxa yaso;
(c)	 Umuntu ovalelwe kufanele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngudokotela noma ngasiphi isikhathi esamukelekayo. 
(d)	 Umuntu ovalelwe kufanele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngummeli noma ngasiphi isikhathi esamukelekayo
(e)	Inkantolo kufanele ibuyekeze ukuvalelwa kwomuntu ngokushesha okungase kwenzeke, kodwa zingakapheli izinsuku eziyi-10 ngemuva kosuku lokuvalelwa kwakhe, futhi inkantolo kufanele imdedele lowo ovalelwe ngaphandle kwalapho kunesidingo sokuqhubeka nokumvalela ukuze kubuyiselwe isimo soxolo nokuthula;
(f)	Umuntu ovalelwe ongadedelwanga ngokwesibuyekezo esikupharagrafu	(e)	noma ongadedelwanga ngemuva kokubuyekezwa ngaphansi kwale pharagrafu angenza isicelo enkantolo ukuba kuphinde kubuyekezwe ukuvalelwa kwakhe noma ngasiphi isikhathi ngemuva kwezinsuku eziyi-10 lwenziwe uhlaziyo lwangaphambilini, futhi inkantolo kufanele imdedele umuntu ovalelwe ngaphandle kwalapho kusadingekile ukuba aqhubeke evalelwe ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula;
(g)	Umuntu ovalelwe kufanele avunyelwe ukuvela mathupha phambi kwanoma iyiphi inkantolo ebhekene nokuvalelwa kwakhe, amelwe ngummeli kuloko kwethanyelwa, futhi akwazi ukwethula izizathu eziphikisa ukuthi aqhubeke nokuvalelwa; futhi
(h) Umbuso kufanele wethule phambi kwenkantolo izizathu ezibhalwe phansi zokuthi kubaluleke ngani ukuvalelwa kwalowo ovalelwe, futhi kufanele ulethe ikhophi lezizathu lezo kumuntu ovalelwe okungenani esikhathini esiyizinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi inkantolo ibuyekeze ukuvalelwa kwakhe.
(7)	Uma inkantolo idedela obevalelwe, lowo muntu angeke aphinde avalelwe ngezizathu ezifanayo, ngaphandle kwalapho umbuso ungethula phambi kwenkantolo isizathu esiqinile esenza kube nesidingo sokuthi lowo muntu aphinde avalelwe.
 (8)	Izigatshana(6) nesesi-(7) azisebenzi kubantu abangezona izakhamuzi zaseNingizimu Afrika futhi abavalelwe ngenxa yokulwa kuhlonyiwe okuphakathi kwamazwe. Esikhundleni salokho, umbuso kufanele uhambisane nemigomo ebophe iRiphabhuliki ngaphansi komthetho wobuntu wamazwe ngamazwe mayelana nokuvalelwa kwalabo bantu. 
38.	Ukuphoqelelwa kwamalungelo
Noma ngubani obaliwe kulesi sigaba unelungelo lokufaka isicelo enkantolo efanele, aveze ukuthi ilungelo eliseMqulwini wamaLungelo, lephuliwe noma kungenzeka lephulwe, kanti nenkantolo inganikeza usizo olufanele, olubandakanya ukumenyezelwa kwamalungelo. Abantu abangaya enkantolo - 
(a)	yinoma ngubani ozifakela yena isicelo;
(b)	yinoma ngubani owenza isicelo egameni lomunye umuntu ongakwazi ukuzenzela yena;
(c)	 yinoma ngubani ofaka isicelo njengelungu, noma owenza lokho egameni leqembu noma lomkhakha othile wabantu;
(d)	 noma ngubani ofaka isicelo ukuzuzela umphakathi; kanye
(e)	nenhlangano efaka isicelo ngenhloso yokuzuzela amalungu ayo.
39.	Ukutolikwa koMqulu wamaLungelo(1)	Uma kutolikwa uMqulu wamaLungelo, yileyo naleyo nkantolo, inkundla noma isithangami –
(a)	kufanele ikhuthaze imigomo eyeseka umphakathi ovulekile nobuswa yinqubo yentando yeningi eyesekelwe yisithunzi somuntu, ukulingana nenkululeko;
(b)	kufanele ibheke umthetho wamazwe ngamazwe; futhi
(c)	ingabuka umthetho wangaphandle.
(2)	Lapho kutolikwa nanoma yimuphi umthetho, futhi uma kuthuthukiswa umthetho owesekelwe kuzinqumo zamacala nasenkambisweni noma umthetho wesintu, yileyo naleyo nkantolo, noma inkundla noma isithangami kufanele ikhuthaze umoya, inhloso kanye nezinjongo zoMqulu wamaLungelo.
(3)	UMqulu wamaLungelo awukuphiki ukuba khona kwanoma yimaphi amanye amalungelo noma izinkululeko ezemukelwa noma ezibekwa ngumthetho owesekelwe kuzinqumo zamacala nasenkambisweni, ngumthetho wesintu noma yimithetho eshayiwe, kufike ezingeni lokuhambisana kwawo noMqulu.
ISAHLUKO 3
UHULUMENE OBUMBENE(ss 40-41)
40.	Uhlumeni weRiphabhuliki
(1)	ERiphabhuliki, uhulumeni ubunjwe waba yimikhakha kazwelonke, yezifundazwe kanye neyezindawo, engafani, enobudlelwano nehlobene.
(2)	Yonke imikhakha kahulumeni kufanele iqaphele futhi ilandele imigomo ebekwe kulesi Sahluko futhi kufanele yenze imisebenzi yayo ngokulandela uhlaka olunikezwa yiSahluko.
41.	Imigomo yokuphatha ngokubumbana kanye nobudlelwane obuphakathi kohulumeni
(1)	Yonke imikhakha kahulumeni nazo zonke izingxenye zombuso emkhakheni ngamunye kufanele 
(a)	zigcine uxolo, ubumbano lwesizwe, nokungahlukaniseki kweRiphabhuliki;
(b)	ziphephise inhlalakahle yabantu baseRephabhliki;
zinikeze ukuphathwa kweRiphabhuliki yonkana okusebenza ngempumelelo, okusebenzela obala, ophendulayo ngezibopho ezikhona nokudidiyelwe kahle;
(d)	 zethembeke kuMthethosisekelo, kuRephabhliki nakubantu bayo;
(e)	zihloniphe isimo ngokomthethosisekelo, izikhungo, amandla kanye nemisebenzi kahulumeni kweminye imikhakha; 
(f)	zingazithatheli noma yimaphi amanye amandla noma imisebenzi ngaphandle kwaleyo okuyinikezwe ngokoMthethosisekelo;
(g)	zingasebenzisi amandla azo zenze nemisebenzi yazo ngendlela engagxambukeli kubuqotho bukahulumeni komunye umkhakha; futhi
(h)	zisebenzisane ngokwethembana nangomoya omuhle -
ngokwakha ubudlelwane obunokuzwana;
ngokusizana nokwesekana;	
ngokwazisana, kanye nangokubonisana mayelana nezindaba ezizithinta ngokufanayo; 
ngokuqondanisa ezikwenzayo kanye nemithetho eshaywayo;
ngokulandela izinqubo okuvunyelwene ngazo; kanye
nangokugwema ukwethwesana amacala ngaphambi komthetho.
(2)	UMthetho wePhalamende kufanele -
usungule noma ubonelele izakhiwo nezikhungo zokukhuthaza nokuqhubekisa ubudlelwane phakathi kohulumeni; futhi
ubonelele amasu alandelwayo afanele kanye nezinqubo ezilandelwayo ukuqhubekisa ukuxazululwa kwezingxabano eziphakathi kohulumeni. 
(3)	Ingxenye yombuso ethintekayo ezingxabanweni eziphakathi kohulumeni kufanele yenze yonke imizamo efanele yokuxazulula leyo ngxabano ngokusebenzisa amasu kanye nezinqubo ezilandelwayo ezibekelwe leyo nhloso, futhi kufanele isebenzise yonke eminye imigudu ekhona ngaphambi kokudlulisela udaba enkantolo ukuba ixazulule leyo ngxabano.
(4)	Uma inkantolo ingagculisekile ukuthi izidingo zesigatshana(3)	zigcwalisiwe,
ingayibuyisela leyo ngxabano kuleyo ngxenye yombuso ethintekile.
ISAHLUKO 4
IPHALAMENDE
42	Ukwakheka kwePhalamende
(1)	IPhalamende lakhiwe –
(a)	nguMkhandlu kaZwelonke; kanye
(b)	noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
(2)	UMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ibamba iqhaza ekushayweni kwemithetho ngendlela ebekwe kuMthethosisekelo.
(3)	UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwe ukuba umele abantu nokuqinisekisa ukuphatha kwabantu ngaphansi koMthethosisekelo. Lokhu ukwenza ngokukhetha uMongameli, ngokunikeza isithangami sikazwelonke sokucwaningwa kwezingqinamba phambi komphakathi, ngokushaya imithetho nangokuhlolisisa nokuqapha okwenziwa ngabaphethe.
(4)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe umele izifundazwe ukuze uqinisekise ukuthi izidingo zezifundazwe ziyaqikelelwa emkhakheni kahulumeni kazwelonke . Lokhu ukwenza ikakhulukazi ngokubamba iqhaza ekushayweni kwemithetho kazwelonke nangokunikeza isithangami sikazwelonke sokucwaningwa kwezingqinamba ezithinta izifundazwe phambi komphakathi.
(5)	UMongameli angabizela iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile noma ngasiphi isikhathi ukuze lenze umsebenzi okhethekile.
(6)	Indawo yokuhlala kwePhalamende iseKapa, kodwa umthetho wePhalamende oshaywe ngokulandela izigaba 76(1)	nesesi-(5), unganquma ukuthi indawo yokuhlala iPhalamende ibe kwenye indawo.
43	Igunya lokushaya imithetho eRiphabhuliki
ERiphabhuliki igunya lokushaya imithetho –
(a)	lomkhakha kahulumeni kazwelonke linikezwe iPhalamende, njengoba kushiwo esigabeni 44;
(b)	lomkhakha kahulumeni wezifundazwe linikezwe izishayamthetho zezifundazwe njengoba kushiwo esigabeni 104; futhi
(c)	elomkhakha kahulumeni wendawo linikezwe imikhandlu zikamasipala, njengoba kushiwo esigabeni 156.
44 Igunya lokushaya imithetho kazwelonke
(1)	Igunya lokushaya imithetho kazwelonke njengoba linikezwe iPhalamende –
(a)	libeka amandla phezu koMkhandlu kaZwelonke –
(i)	okuguqula uMthethosisekelo;
(ii)	okubeka imithetho mayelana nanoma yiluphi udaba, kubandakanya udaba olusengxenyeni yokwenziwayo okukleliswe kuSheduli 4, kodwa kungabandakanywa, ngokusebenzisa isigatsana(2), udaba olukleliswe kuSheduli 5; kanye
(iii)	nawokudlulisela noma yimaphi amandla awo okushaya umthetho, ngaphandle kwamandla okuguqula uMthethosisekelo, kunoma iyiphi inhlangano yesishayamthetho ekomunye umkhakha kahulumeni; futhi
(b)	libeka amandla phezu koMkandlu weziFundazwe kaZwelonke -
(i)	okubamba iqhaza ekuguqulweni koMthethosisekelo, ngokwesigaba 74;
(ii)	okushaya, ngokwesigaba 76, umthetho mayelana nanoma yiluphi udaba olusengxenyeni yokwenziwayo okukleliswe kuSheduli 4, kanye nanganoma yiluphi olunye udaba oludingwa ukuthi lubekwe nguMthethosisekelo ngokwesigaba 76; kanye
(iii)	nawokucwaninga, ngokwesigaba 75, noma yimuphi omunye umthetho
oshaywe nguMkhandlu kaZwelonke.
(2)	IPhalamende lingangenelela, ngokuthi lishaye umthetho ngokwesigaba 76(1), mayelana nodaba olungena ngaphansi kwengxenye yokwenziwayo olufakwe ohlwini lukaSheduli 5, uma udingeka –
(a)	ukugcina ukuphepha kwezwe;
(b)	ukugcina ubumbano kwezomnotho;
(c)	ukugcina amazinga asemqoka kazwelonke;
(d)	ukusungula amazinga okungenakwehlelwa ngaphansi kwawo adingekayo ukuze kwenziwe imisebenzi ethile; noma
(e)	ukuvimbela isenzo esingafanele esithathwa yisifundazwe esingakhinyabeza izintshisekelo zesinye isifundazwe noma zezwe ngokuphelele.
(3)	Imithetho emayelana nodaba oludingeka ngendlela eyamukelekayo, noma olungumphumela wokunye okubalulekile, ukuze kusetshenziswe ngempumelelo amagunya amayelana nanoma yiluphi udaba olukleliswe kuSheduli 4, iyimithetho mayelana nodaba olukleliswe kuSheduli 4.
(4)	Lapho lisebenzisa igunya lalo lokushaya imithetho, iPhalamende libekelwe imigomo nguMthethosisekelo kuphela, futhi kufanele lisebenze ngokulandela uMthethosisekelo, nangaphakathi kwemikhawulo yoMthethosisekelo.
45 Imitheshwana nezinqumo ezihlanganyelwe namakomiti ahlanganyelwe
(1)	UMkhandlu kaZwelonke noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kufanele
isungule ikomiti elihlanganyelwe lemithetho elizokwenza imitheshwana nezinqumo mayelana nomsebenzi ohlanganisiwe wePhalamende nowoMkhandlu, kubandakanya imitheshwana nezinqumo –
(a)	zokumiswa kwezinqubo ezilandelwayo zokugqugquzela uhlelo lokushaya imithetho, kubandakanya ukubeka imikhawulo yesikhathi sokuqeda isinyathelo esithile ohlelweni;
(b)	zokumiswa kwamakomitdi ahlangenyelwe akhiwe ngabamele imikhakha yomibili yePhalamende kanye noMkhandlu, ukuze acwaninge futhi ethule imibiko ngeMithethosivivinywa ehlongozwa ezigabeni 74 nesama-75 esidluliselwe kulawo makomiti;
(c)	zokumiswa kwekomiti elihlangenyelwe elizobukeza uMthethosisekelo okungenani njalo ngonyakayonke; kanye
(d)	nezokulawula umsebenzi –
(i)	wekomiti elihlangenyelwe lemitheshwana;
(ii)	weKomiti eliLamulayo;
(iii)	wekomiti elibukeza umthethosisekelo; kanye
(iv)	nowanoma yimaphi amakomiti ahlanganyelwe asungulwe ngokwendima u-(b).
(2)	Amalungu eKhabhinethi, amalungu ePhalamende kanye nezithunywa zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe banelungelo nokuvikeleka okufanayo ngaphambi kwekomiti elihlanganyelwe lePhalamende kanye noMkhandlu njengoba benalo ngaphambi kwePhalamende noma uMkhandlu.
UMkhandlu KaZwelonke
46	Ukwakheka nokukhethwa 
(1)	uMkhandlu kaZwelonke wakhiwe yinani labesifazane nabesilisa elingengaphansi kwama-350 nelingengaphezulu kwama-400 abakhethwe njengamalungu ngokohlelo lokhetho –
(a)	olubekwe ngumthetho kazwelonke;
(b)	olwakhelwe phezu kohla lukazwelonke lwabovoti;
(c)	oluhlinzekela ukuthi iminyaka yobudala yokuvota ingabi ngaphansi kweyi-18; kanye 
(d)	noluba nomphumela, ngokubanzi, wokuthi kumelwe ngokwamanani amavoti atholiwe.
[Isigatshana(1)	esiguqulwe yisigaba 1 soMthetho 2 ka-2003.]
(2)	Umthetho wePhalamende kumele uhlinzeke ngendlela yokuthola inani lamalungu oMkhandlu kaZwelonke.
[Isigatshana (1) sichibiyelwe yisigaba 1 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003 futhi nayisigaba1 yoMthetho weShumi naNhlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
47 Ubulungu
(1)	Zonke izakhamuzi ezivunyelwe ukuvotela amalungu oMkhandlu kaZwelonke
zingaba amalungu oMkhandlu, ngaphandle –
(a)	kwanoma ngubani oqashwe, noma osebenzela umbuso, futhi okhokhelwayo ngalokho kuqashwa noma umsebenzi, ngaphandle –
(i)	kukaMongameli, iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe; kanye
(ii)	nabanye abasezikhundleni abamisebenzi yabo ihambisanayo nemisebenzi yelungu loMkhandlu, kwabuye kwashiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi iyahambisana naleyo misebenzi;
(b)	kwabayizithunywa ezihlala unomphela zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, noma abangamalungu esishayamthetho sesiFundazwe noma oMkhandlu kamasipala;
(c)	kwasebehlulwa yizikweletu abangasenakubuyiselwa amalungelo abo; 
(d)	kwanoma ngubani okuthiwe akaphilile kahle ngokwengqondo yinkantolo yeRiphabhuliki; noma
(e)	kwanoma ngubani okwathi emuva kokuthi lesi sigaba siqale ukusebenza, watholwa enecala wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ejele ngaphandle kokunikezwa ithuba lokuhlawuliswa imali, lapha eRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma isenzo esiyicala sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa, akekho umuntu oyothathwa ngokuthi ugwetshiwe kuze kube kuthathwe isinqumo maqondana nokutholwa enecala noma kube sekubekwe isigwebo, noma kube sekuphele isikhathi sokwedlulisa icala. Isithiyo ngaphansi kwale ndima siphela eminyakeni emihlanu ngemuva kokuqedwa kwesigwebo.
(2)	Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke ngokusho kwezigatshana(1)(a)	noma u-(b)	angalumela ukhetho loMkhandlu, kwencike kunoma iyiphi imikhawulo noma izimiselo ezimiswe yimithetho kazwelonke.
(3)	Umuntu ulahlekelwa wubulungu boMkhandlu kaZwelonke uma lowo muntu –
(a)	eyeka ukuba ngumuntu ovunyelwe; noma
(b)	ephuthe eMkhandlwini ngaphandle kwemvume kulezo zimo lapho imitheshwana nezinqumo zisho khona ukuthi ulahlekelwa ubulungu.
© eyeka ukuba yilungu lenhlangano emkhethile ukuba abe yilungu loMkhandlu.
(4)	Izikhala eMkhandlwini kaZwelonke kumele zigcwaliswe ngokomthetho
kazwelonke.
48	Isifungo noma ukuvuma ngokuzibophelela
Ngaphambi kokuba amalungu oMkhandlu kaZwelonke aqale ukwenza imisebenzi yoMkhandlu, kufanele afunge noma ethembise ukwethembeka kuRiphabhuliki kanye nokuthobela uMthethosisekelo, ngokulandela iSheduli 2.
49 Isikhathi esihlalwa nguMkhandlu kaZwelonke 
(1)	UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
(2)	Uma uMkhandlu kaZwelonke uhlakazwe ngokwesigaba 50, noma lapho usuphelelwa yisikhathi sawo, uMongameli, kufanele ahlele futhi abeke nezinsuku zokhetho ngesimemezelo esishicilelwe, okufanele lwenziwe zingakapheli izinyanga ezingama-90 ukusuka osukwini okwahlakazwa ngalo noma okwaphela ngalo isikhathi sawo. Isimemezelo esihlela futhi sibeka izinsuku zokhetho singahle sikhishwe ngaphambili noma ngemuva kokuphela kwesikhathi soMkhandlu kaZwelonke.
[Isigatshana(2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho wesiHlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1999.]
(3)	Uma umphumela wokhetho loMkhandlu kaZwelonke ungamenyezelwanga kungakapheli isikhathi esibekwe ngokwesigaba 190, noma uma ukhetho luchithwe yinkantolo, uMongameli, kufanele ahlele futhi abeke nezinsuku zolunye ukhetho ngesimemezelo esishicilelwe, okufanele lwenziwe zingakapheli izinsuku ezingama-90 zokuphela kwaleso sikhathi noma ukusuka ngelanga ukhetho olwachithwa ngalo.
(4)	UMkhandlu kaZwelonke uyaqhubeka nokuba namandla okusebenza ukusuka esikhathini ohlakazwe ngaso noma ophelelwe ngaso yisikhathi, kuze kube yilanga elingaphambi kwelanga lokuqala lokuvotela uMkhandlu olandelayo.
50	Ukuhlakazwa koMkhandlu kaZwelonke ngaphambi kokuphela kwesikhathi sawo
(1)	UMongameli kufanele awuhlakaze uMkhandlu kaZwelonke uma –
(a)	UMkhandlu uthathe isinqumo sokuhlakazeka esesekwe yiningi lamalungu lawo; futhi
(b)	sekwedlule iminyaka emithathu selokhu kwakhethwa uMkhandlu.
(2)	IBamba likaMongameli kufanele liwuhlakaze uMkhandlu kaZwelonke uma –
(a)	kunesikhala esikhundleni sikaMongameli; futhi
(b)	noMkhandlu wehluleka ukukhetha uMongameli omusha zingakapheli izinsuku ezingama-30 sivelile leso sikhala.
51	Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu
(1)	Ngemuva kokhetho, umhlangano wokuqala woMkhandlu kaZwelonke kufanele wenzeke ngesikhathi kanye nangelanga elibekwe nguMongameli weNkantolo, kodwa kungakapheli izinsuku eziyi-14 ngemuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho. UMkhandlu kaZwelonke ungabeka izikhathi nobude beminye imihlangano yawo kanye namakhefu awo.
[Isigatshana (1) indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	UMongameli angabiza ngokushesha uMkhandlu ukuba uze emhlanganweni
ongejwayelekile noma ngasiphi isikhathi ukuze wenze umsebenzi okhethekile.
(3)	Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke ivunyelwe ukubanjwa ezindaweni ezingeyona indawo yokuhlala kwePhalamende kuphela ngenxa yezizathu eziyizidingo zomphakathi, ezokuphepha noma ezokufinyeleleka kalula, futhi uma ngabe kuhlinzekelwe emitheshwaneni nasemiyalweni yoMkhandlu.
52	USomlomo noma iPhini likaSomlomo woMkhandlu
(1)	Emhlanganweni wokuqala woMkhandlu ngemuva kokukhethwa kwawo, noma
kudingeka kuvalwe isikhala, uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe uSomlomo nephini likaSomlomo phakathi kwamalungu awo.
(2)	UMongameli weNkantolo kufanele engamele ukhetho	lukaSomlomo, noma aqoke elinye ijaji ukuthi lengamele. USomlomo wengamela ukhetho lwePhini likaSomlomo.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 2 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(3)	Inqubo elandelwayo ebekwe engxenyeni A kuSheduli 3 iyasebenza	ekukhethweni kukaSomlomo nephini likaSomlomo.
(4)	UMkhandlu kaZwelonke ungasusa uSomlomo noma iPhini likaSomlomo esikhundleni ngokuthatha isinqumo sokwenza njalo. Iningi lamalungu oMkhandlu kufanele libekhona lapho kuthathwa lesi sinqumo.
(5)	Ngokwemitheshwana nemiyalo, uMkhandlu kaZwelonke ungakhetha phakathi kwamalungu awo ezinye iziphathimandla ezingengamela imihlangano yoMkhandlu ukuze zisize uSomlomo nePhini likaSomlomo.
53	Izinqumo
(1)	Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo ubeka ngandlela yimbe –
(a)	iningi lamalungu oMkhandlu kaZwelonke kufanele libekhona ngaphambi kokuthi kuvotelwe uMthethosivivinywa noma uguqulo kuMthethosivivinywa;
(b)	okungenani ingxenye engoku-1/3 yamalungu kufanele ibekhona ngaphambi kokuthi kuvotelwe noma yiluphi olunye udaba olubekwe phambi koMkhandlu; futhi
(c)	isinqumo ngazo zonke izinto ezibekwe phambi koMkhandlu kufanele sithathwe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.
(2)	Ilungu loMkhandlu kaZwelonke elengamele umhlangano woMkhandlu alikwazi ukufaka ivoti elejwayelekile kodwa –
(a)	kufanele lifake ivoti eliletha isinqumo uma inani lamavoti lilingana ezinhlangothini zombili zodaba oluvotelwayo; futhi
(b)	lingafaka ivoti elejwayelekile uma udaba kufanele lunqunywe ngokwesekwa okungenani yinani lamavoti elingo-2/3 kumalungu oMkhandlu.
54	Amalungelo amalungu athile eKhabinethi kanye nawamaPhini oNgqongqoshe eMkhandlwini kaZwelonke
UMongameli kanye nanoma yiliphi ilungu leKhabhinethe noma yinoma yiliphi iPhini likaNgqongqoshe elingelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke, kube kwencike emitheshwaneni nasemiyalweni, bangahambela futhi bakhulume eMkhandlwini, kodwa abavunyelwe ukuvota.
[Isigaba 54 indawo yaso ithathwe yisigaba 3 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
55	Amandla oMkhandlu kaZwelonke
(1)	Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, uMkhandlu kaZwelonke –
(a)	ungacwaninga, wemukele, uguqule noma uchithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi koMkhandlu; futhi
(b)	ungasungula noma ulungise umthetho oshaywayo ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.
(2)	UMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlinzekele izindlela –
(a)	zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni kaZwelonke ziphendula kuwona; futhi
(b)	zokubeka iso –
(i)	ekusetshenzisweni kwegunya lokuphatha ngokukaZwelonke, kubandakanya nokusetshenziswa komthetho; futhi
(ii)	kunoma yiyiphi ingxenye yombuso.
56	Ubufakazi noma ulwazi oluphambi koMkhandlu kaZwelonke
UMkhandlu kaZwelonke noma yiliphi elinye lamakomiti awo –
(a)	bangabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe, noma ukuze aveze imibhalo ethile;
(b)	bangafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano ukuba inikeze umbiko kuwona;
(c)	bangaphoqa, ngokomthetho kazwelonke noma imitheshwana nemiyalo yawo, ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano ukuba ilandele okushiwo yisamanisi noma yizidingo ngokwendima(a)	noma u-(b); futhi 
(d)	ungemukela izicelo ezisayinwe ngabazesekayo, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintekayo noma kwezinye izinhlangano ezithintekayo.
57	Amalungiselelo angaphakathi, okuqhubekayo kanye nezinqubo ezilandelwayo zoMkhandlu kaZwelonke
(1)	UMkhandlu kaZwelonke –
(a)	ungazithathela izinqumo futhi uzilawulele amalungiselelo angaphakathi, okuqhubekayo kanye nezinqubo ezilandelayo; futhi
(b)	wenze imitheshwana nezibopho maqondana nomsebenzi wawo, ube ubonelela ukuqhutshwa kwenqubo yentando yeningi ebheka ukumelwa nokubamba iqhaza, ukuba nezibopho, ukusebenzela obala nokubamba iqhaza komphakathi.
(2)	Imitheshwana nemiyalo yoMkhandlu kaZwelonke kufanele ihlinzekele –
ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo elandelwayo kanye nesikhathi sokubakhona kwamakomiti;
(b)	ukubamba iqhaza kokuqhubekayo ePhalamende kanye nakumakomiti alo amaqembu amancane ezombusazwe amelwe ePhalamende, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi;
(c)	usizo lwezemali nezokuphathwa komsebenzi eqenjini ngalinye elimelwe ngendlela elingalinganisiwe ePhalamende, ukusiza iqembu kanye nomholi walo ekwenzeni umsebenzi wabo ngempumelelo ePhalamende; kanye
(d)	nokwamukelwa komholi weqembu elikhulu kunawo wonke eliphikisayo elisePhalamende njengomholi weqembu eliphikisayo.
58	Ilungelomvume
(1)	Amalungu eKhabinethi kanye namalungu oMkhandlu kaZwelonke –
(a)	avumelekile ukukhuluma ngokukhululeka kuMkhandlu kaZwelonke nasemakomitini awo, ngendlela evumelana nemitheshwana nemiyalo; futhi
(b)	angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma ahlawuliswe ngenxa –
yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze uMkhandlu noma yinoma yiliphi	ikomiti lawo; noma
(ii)	ngenxa yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile noma akunikeze uMkhandlu noma yiliphi ikomiti lawo.
[Isigatshana(1)	siguqulwe yisigaba 4 soMthetho 34 ka-2001.]
(2)	Amanye amalungelomvume nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke, kwamalungu eKhabinethi, kanye nokwamalungu oMkhandlu kungabekwa ngumthetho kazwelonke.
(3)	Amaholo, izimali zokubonelela okuthile kanye nezimali ezikhokhelwa ukusiza amalungu oMkhandlu kaZwelonke kubizwa ngqo esikhwameni sikaZwelonke seziMali.
[Isigaba 58 sichibiyelwe yisigaba 4 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
59	Ukukwazi ukufinyelela kanye nokubamba iqhaza komphakathi kuMkhandlu kaZwelonke 
(1)	Umkhandlu kaZwelonke kufanele –
(a)	ugqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi kunqubo yokushaywa komthetho nakwezinye izinqubo zasePhalamende nezamaKomiti alo; futhi
(b)	uqhube umsebenzi ngendlela esobala, ubambe imihlangano yawo, nemihlangano yalawo makomiti alo, obala, kodwa kungahle kuthathwe izinyathelo ezifanele –
(i)	ukuhambisa ngokomthetho ukufinyelela komphakathi; kubandakanya ukufinyelela kwabezindaba ePhalamende kanye nasemakomitini alo; kanye
(ii)	nokuhlinzekela ukuseshwa kwanoma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa imvume yokungena, noma ukukhishelwa ngaphandle kwanoma yimuphi umuntu.
(2)	Umkhandlu kaZwelonke awunakushiya ngaphandle umphakathi, kubalwa
nabezezindaba, emhlanganweni wekomiti ngaphandle kwalapho kufanelekile futhi kunesidingo sokukwenza lokho emphakathini wentando yeningi.
UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe
60	Ukwakheka koMkhandlu kaZwelonke
(1)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wakhiwe yiqembu elilodwa lezithunywa elivela esifundazweni ngasinye elinezithunywa eziyishumi.
(2)	Izithunywa eziyishumi –
(a)	yizithunywa ezikhethekile ezine ezibunjwe –
(i)	uNdunankulu wesiFundazwe noma, uma engekho uNdunankulu noma yiliphi ilungu lesishayamthetho sesifundazwe eliqokwe nguNdunankulu okwesikhathi esithile noma maqondana nomsebenzi othile ophambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; kanye
(ii)	nezinye izithunywa ezikhethekile ezintathu; kanye
(b)	nezithunywa ezikhona unomphelo eziyisithupha eziqokwe ngokwesigaba 61(2).
(3)	UNdunankulu wesiFundazwe, noma uma engekho uNdunankulu, ilungu lezithunywa zesifundazwe eliqokwe nguNdunankulu, lihola izithunywa.
61	Ukwabiwa kwezithunywa
(1)	Amaqembu amelwe kusishayamthetho sesifundazwe anelungelo lokuba
nezithunywa eqenjini lezithunywa zesifundazwe ngokulandela indlela yokubala ebhalwe eNgxenyeni B kuSheduli 3.
(2)	Isishayamthetho sesifundazwe kufanele, kungakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho lwaleso sishayamthetho sesifundazwe –
sinqume, ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke, ukuthi zingaki izithunywa zeqembu ngalinye ezizoqokwa njengezithunywa ezizoba khona unomphela kanye nokuthi bangaki abazoba yizithunywa ezikhethekile; futhi
siqoke izithunywa zamalungu azoba khona unomphela ngokulandela amagama aphakanyiswe ngamaqembu.
[Indima (b) ikhishwe yisigaba 1 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka 2008]
[Isigatshana (2) indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho wesiShiyagalolunye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002 futhi ngokunjalo nangomunye weMithetho yeShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008]
(3)	Umthetho kazwelonke ovezwe kusigatshana(2)(a)	mawuqinisekise ukubanjwa kweqhaza ngamaqembu amancane ezombusazwe emikhakheni yomibili yezithunywa eziqokwe unomphela neyezikhethekile yethimba elimele amaqembu ezombusazwe ngendlela ehambelana nentando yeningi.
(4)	Isishayamthetho, ngokuvumelana noNdunankulu kanye nabaholi bamaqembu abanegunya lokuba nezithunywa ezikhethekile ethimbeni lesifundazwe, kufanele baqoke izithunywa ezikhethekile, njengoba zidingeka ngezikhathi ezahlukahlukene, phakathi kwamalungu esishayamthetho.
62	Izithunywa eziqokwe unomphela
(1)	Umuntu ophakanyiswe njengesithunywa esikhona unomphela kufanele abengumuntu ovunyelwe ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe.
(2)	Uma umuntu oyilungu lesishayamthetho sesifundazwe eqokelwe esikhundleni sokuba yisithunywa esikhona unomphela, lowo muntu uyayeka ukuba yilungu lesishayamthetho.
(3)	Izithunywa ezikhona unomphela ziqokelwa ezikhundleni isikhathi esiphela
(a)	masishane ngaphambi kokuhlangana kokuqala kwesishayamthetho sesifundazwe ngemuva kokhetho lwaso olulandelayo.
(b)
[Indima (3) ikhishiwe indawo yayo ithathwe yisigaba 2 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008]
[Isigatshana (3) indawo yaso ithathwe yisigaba 2 soMthetho wesiShiyagalolunye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002 futhi indawo yaso yabe isithathwa yisigaba 2 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008]
(4)	Umuntu uyayeka ukuba yisithunywa esikhona unomphela uma lowo muntu –
(a)	eseyeka ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kokuqokwa njengesithunywa esikhona unomphela;
(b)	eba yilungu leKhabhinethi;
(c)	eselahlekelwe ukwethenjwa yisishayamthetho sesifundazwe futhi wasebuyiselwa emuva yilelo qembu elaphakamisa igama lalowo muntu;
(d)	eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa igama lalowo muntu futhi ebuyiselwa emuva yilelo qembu; noma
(e)	ephutha kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe engenamvume ezimweni lapho imitheshwana nemiyalo yoMkhandlu ibeka ukuthi kufanele alahlekelwe yisikhundla sokuba yisithunywa esikhona unomphela.
(5)	Izikhala ezivela ezithunyweni ezikhona unomphela kufanele zigcwaliswe njengokusho komthetho kazwelonke.
(6)	Ngaphambi kokuthi amalungu amile aqale ukwenza umsebenzi wawo eMkhandlwini kaZwelonke wezifundazwe, kufanele bafunge noma bethembise ukwethembeka kuRiphabhuliki kanye nokuthobela uMthethosisekelo, ngokulandela iSheduli 2.
63.	Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke
(1)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungazinqumela isikhathi sokuqala nobude bemihlangano yawo kanye nezikhathi zamakhefu.
(2)	UMongameli angabizela uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe emhlanganweni ongejwayelekile noma yinini ukuba sizokwenza umsebenzi okhethekile.
(3)	Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe uvunyelwe ukubanjwa kwezinye izindawo ngaphandle kwendawo esePhalamende kuphela ngenxa yezizathu zezidingo zomphakathi, zokuphepha noma zokwenza lula, futhi uma lokhu kubonelelwe ngemitheshwana nezinqumo zesiGungu.
64.	USihlalo namaPhini kaSihlalo
(1)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kufanele ukhethe uSihlalo namaPhini amabili kaSihlalo phakathi kwezithunywa.
(2)	USihlalo noyedwa wamaPhini kaSihlalo bakhethwa phakathi kwezithunywa ezikhona unomphela isikhathi esiyiminyaka emihlanu ngaphandle kwalapho isikhathi sabo njengezithunywa siphela ngaphambi kwaleso sikhathi.
(3)	Elinye iPhini likaSihlalo likhethelwa isikhathi esingunyaka owodwa, futhi kufanele lilandelwe yisithunywa esivela kwesinye isiFundazwe, ukuze isifundazwe ngasinye sithole ithuba lokumelwa.
(4)	UMongameli weNkantolo kufanele engamele ukhetho lukaSihlalo, noma aqoke elinye ijaji elizokwenza lokho. USihlalo wengamela ukhetho lwePhini likaSihlalo.
[Isigatshana (4)	indawo yaso ithathwe yisigaba 5 soMthetho wesiHlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(5)	Inqubo elandelwayo ebekwe kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni kukaSihlalo namaPhini kaSihlalo.
(6)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungamsusa uSihlalo noma iPhini likaSihlalo esikhundleni.
(7)	Mayelana nemitheshwana kanye nemiyalo yawo, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungaqoka phakathi kwezithunywa ezinye izikhulu ezengamele ezizokwelekelela uSihlalo kanye namaPhini kaSihlalo.
Izinqumo
65.	(1)	Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo ubeka ngokuhlukile –
(a)	isiFundazwe ngasinye sinevoti elilodwa, elifakwa egameni lesifundazwe lifakwa ngumholi wethimba laso; futhi
(b)	zonke izindaba eziphambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zisuke zemukelwe uma okungenani izifundazwe eziyisihlanu zivotele ukulweseka udaba.
(2)	UMthetho wePhalamende, omiswe ngokuhambisana nenqubo elandelwayo esungulwe ngokwesigatshana(1)	noma isigatshana(2)	sesigaba 76, kufanele ubonelele inqubo efanayo okuthi ngokuyisebenzisa izishayamthetho zezifundazwe zinikeze igunya ezithunyweni zazo zokuba nelungelo lokuvota egameni lazo.
Ukubamba iqhaza kwamalungu oMkhandlukazwelonke ophethe
66.	(1)	Amalungu eKhabinethi kanye namaPhini oNgqongqoshe, bangabakhona,
bakhulume, kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kodwa abavunyelwe ukuvota.
(2)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungabiza ilungu leKhabinethi, iPhini likaNgqongqoshe noma isiphathimandla sesigungu esiphethe sikazwelonke noma esesifundazwe ukuthi beze emhlanganweni woMkhandlu noma wekomiti loMkhandlu.
Ukubamba iqhaza kwabamele ohulumeni bendawo
67.	Abanakuba ngaphezulu kweshumi abangabameli besikhashana abakhonjwe ngohulumeni	bahlelekile bendawo ngokwesigaba 163, ukuthi bamele imikhakha eyahlukene yomasipala, abangabamba iqhaza uma kunesidingo emisebenzini yoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kodwa bebe bengavunyelwe ukuvota.
Amandla oMkhandlu kaZwelonke
68.	Ekusebenziseni amandla awo asemthethweni, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –
(a)	ungacwaninga, wamukele, uguqule, uphakamise izinguquko, noma uchithe noma yimiphi imithetho ebekwe phambi koMkhandlu ngokwalesi Sahluko; futhi
(b)	ungaqala noma ulungiselele umthetho ongena phakathi kwezinto ezenziwayo ezikleliswe kuSheduli 4 noma omunye umthetho okubhekisw ekuwo esigabeni 76(3), kodwa awunakuqala noma ulungiselele iMithethozivivinywa zemali.
Ubufakazi nolwazi olunikezwa uMkhandlu kaZwelonke
69.	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma yiliphi ikomiti lawo –
ungabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi ngaphansi kwesifungo noma isethembiso noma ukuzoveza imibhalo ethile;
 ungadinga ukuthi noma iyiphi inhlangano noma umuntu awunikeze umbiko;
ungaphoqa, njengokusho komthetho kazwelonke noma kwemitheshwana nemiyalo, noma yimuphi umuntu ukuthi alandele amasamanisi noma isidingo esiphathelene nokushiwo endimeni(a)	noma u-(b); futhi
ungemukela izicelo ezisayiniwe, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yibaphi abantu noma izinhlangano ezinetshisekelo.
Amalungiselelo angaphakathi, okwenzekayo nezinqubo ezilandelwayo zoMkhandlu kaZwelonke 
70.	 (1)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –
(a)	ungazinqumela futhi uzilawulele amalungiselelo aso angaphakathi, okwenzekayo kanye nezinqubo ezilandelwayo; futhi
(b)	ungazenzela imitheshwana nemiyalo ephathelene nomsebenzi waso, uqikelele ukumelwa nokubanjwa kweqhaza kwenqubo yentando yeningi, ukuba nezibopho ngokuthile, ukusebenzela obala kanye nokubamba iqhaza komphakathi.
(2)	Imitheshwana nemiyalo yoMkhandlu kaZwelonke kufanele ihlinzekele –
(a)	ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, izinqubo ezilandelwayo kanye nobungako besikhathi samakomiti ayo;
(b)	ukubamba iqhaza kwazo zonke izifundazwe kokwenzayo ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi; kanye
(c)	nokubamba iqhaza kokwenziwa nguMkhandlu namakomiti awo amaqembu amancane amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisanayo nenqubo yentando yeningi, ngazo zonke izikhathi lapho kufanele kuthathwe isinqumo ngokwesigaba 75.
Amalungelomvume
71. 	(1)	Izithunywa eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe kanye nabantu okubhekiswe kubo ezigabeni 66 nesama-67 –
(a)	banelungelo lokukhuluma bakhululeke eMkhandlwini nasemakomitini aso, ngendlela ehambisanayo nemitheshwana nemiyalo yawo; futhi
(b)	angeke baquliswe amacala ombango noma obelelesi, baboshwe, bavalelwe noma bakhokhiswe inhlawulo ngenxa –
(i)	yanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethe eMkhandlwini noma yinoma yiliphi ikomiti lawo;
(ii)	yanoma yini evezwe ngesizathu sanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethe eMkhandlwini noma yinoma yiliphi ikomiti lawo.
(2)	Amanye amalungelomvume nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kwezithunywa zoMkhandlu kanye nabantu abashiwo ezigabeni 66 nesama-67, zingabekwa ngumthetho kazwelonke.
(3)	Amaholo, izimali ezikhokhelwa okuthile kanye nezinye izimali ezikhokhelwa	ukusiza amalungu akhona unomphela oMkhandlu kaZwelonke zibizwa ngqo eSikhwameni seMali sikaZwelonke.
Ukufinyelela komphakathi eMkhandlwini kaZwelonke nokubamba kwawo iqhaza
72.	 (1)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kumele –
(a)	ugqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi kokwenziwayo ukushaya imithetho nakweminye imisebenzi yoMkhandlu namakomiti awo; futhi
(b)	wenze umsebenzi wawo ngendlela esobala, wenze ukuthi imihlangano yawo neyamakomiti awo ivulelwe umphakathi; kodwa kungahle kuthathwe izinyathelo ezifanelekile –
(i)	uhambise ngokomthetho ukuvunyelwa komphakathi ukuba ungene emhlanganweni, kubandakanya nabezezindaba, eMkhandlwini nasemakomitini awo, futhi
(ii)	uhlinzekele nokuseshwa kwanoma yimuphi umuntu, futhi, uma kufanele, ukuvinjelwa ukungena, noma uhlinzekele ukukhishwa kwanoma yimuphi umuntu.
(2)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe awunakushiya ngaphandle umphakathi, kubandakanya nabezezindaba, ukuba babe khona emhlanganweni wekomiti ngaphandle kwalapho kufanelekile futhi kuvumelekile ukuba kwenziwe kanjalo emphakathini wentando yeningi.
Inqubo Yokushaywa Kwemithetho KaZwelonke
Yonke imithethosivivinywa
73. 	(1)	Noma yimuphi uMthethosivivinywa ungethulwa eMkhandlwini kaZwelonke.
(2)	Yilungu leKhabinethi noma iPhini likaNgqngqoshe, noma ilungu loMkhandlu noma ikomiti loMkhandlu kaZwelonke kuphela, elingethula uMthethosivivinywa eMkhandlwini, kodwa yilungu leKhabhinethi kuphela elibhekele izindaba zezimali zikaZwelonke elingethula iMithethosivivinywa elandelayo eMkhandlwini:
uMthethosivivinywa wezimali; noma
uMthethosivivinywa obonelela umthetho ocatshangwa kusigaba 214.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1(a)	soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(3)	UMthethosivivinywa, obalwe esigabeni 76(3), ngaphandle koMthethosivinywa okubhekiswe kuwo esigatshaneni(2)	(a)(b)	salesi sigaba, ungethulwa eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe.
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1(b)	soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(4)	Yilungu, noma yikomiti loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kuphela elivunyelwe ukwethula uMthethosivivinywa phambi koMkhandlu.
(5)	UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke kufanele udluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe uma kufanele ucwaningwe nguMkhandlu. UMthethosivivinywa ovunywe nguMkhandlu kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke.
IMithethosivivinywa echibiyela uMthethosisekelo
74.	 (1)	Isigaba 1 kanye nalesi sigatshana kungaguqulwa nguMthethosivivinywa
owamukelwe –
nguMkhandlu kaZwelonke, ngokwesekwa yivoti lamalungu awo elingamaphesenti angama –75 okungenani; kanye
nanguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, ngokwesekwa yivoti lezifundazwe eziyisithupha okungenani.
(2)	ISahluko 2, singachitshiyelwa ngumthethosivivinywa owamukelwe –
(a)	nguMkhandlu kaZwelonke, ngokusekwa yivoti lamalungu awo amabili kwamathathu okungenani; kanye
(b)	nanguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wesekwe yivoti lezifundazwe eziyisithupha okungenani.
(3)	Noma yisiphi isibonelelo soMthethosisekelo singachitshiyelwa nguMthethosivivinywa owamukelwe –
nguMkhandlu kaZwelonke, wesekwe yivoti lamalungu amabili kwamathathu okungenani; kanye
nanguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, wesekwe yivoti lezifundazwe eziyisithupha okungenani, uma uguqulo; 
luphathelene nodaba oluthinta uMkhandlu;
luguqula imingcele yezifundazwe, amandla, imisebenzi noma izinhlangano; noma 
luguqula isibonelelo esibhekene ngqo nodaba lwesifundazwe.
(4)	Umthethosivivinywa oguqula uMthethosisekelo awunakufaka izibonelelo ezinye ngaphanlde kwezinguquko zomthethosisekelo kanye nezindaba ezihambisana nezinguquko. 
(5)	Okungenani izinsuku ezingama-30 ngaphambi kokwethulwa koMthethosivivinywa oguqula uMthethosisekelo ngokwesigaba 73(2), umuntu noma ikomiti elizimisele ukwethula uMthethosivivinywa kufanele -
(a)	lishicilele kusoMqulu kaHulumeni, ngokulandela imitheshwana nemiyalo yoMkhandlu kaZwelonke, imininingwane yesichibiyelo esihlongozwayo ukuze umphakathi ubeke izwi;
(b)	lethule, ngokulandela imitheshwana kanye nemiyalo yoMkhandlu, leyo mininingwane kuzishayamthetho zesifundazwe ukuzwa uvo lwazo; futhi
(c)	lethule, ngokulandela imitheshwana kanye nemiyalo yoMkhandlu kaZwelonke
weziFundazwe, leyo mininingwane eMkhandlwini ukuze kube nenkulumompikiswano ngayo obala, uma uguqulo oluhlongozwayo lungesona uguqulo oludinga ukuba lwamukelwe nguMkhandlu.
(6)	Uma uMthethosivivinywa oguqula uMthethosisekelo wethulwa, umuntu noma ikomiti elethula uMthethosivivinywa kufanele lilethe noma yiziphi iziphakamiso ezibhalwe phansi zanoma yiluphi uhlobo ezilethwe ngumphakathi kanye nezishayamthetho zezifundazwe –
(a)	kuSomlomo ukuze zethulwe ePhalamende likaZwelonke; futhi
(b)	mayelana nezichibiyelo okuphawulwe ngazo kusigatshana(1),(2), noma(3)(b), kuSihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze zethulwe kuMkhandlu.
(7)	UMthethosivivinywa ochibiyela umthethosisekelo awunakuvotelwa ePhalamende zingakapheli izinsuku ezingama-30 -
(a)	wethuliwe uma iPhalamende lihlangene ngenkathi uMthethosivivinywa wethulwa; noma
(b)	zokwethulwa kwawo ePhalamende, uma iPhalamende lisahlabe ikhefu ngenkathi uMthethosivivinywa wethulwa.
(8)	Uma umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kusigatshana(3)(b), noma yinima iyiphi ingxenye yomthethosivivinywa, ithintene kuphela nesifundazwe esithile noma izifundazwe, uMkhandlu kaZwelonke seziFundazwe awunakuvumela uMthethosivivinywa noma ingxenye yawo efanelekile ngaphandle kwalapho kuvunywe yisishayamthetho noma izishayamthetho zesifundazwe noma zezifundazwe ezithintekile.
(9)	UMthethosivivinywa oguqula uMthethosisekelo ovunywe yiPhalamende likaZwelonke futhi, uma kudingekile, nanguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kufanele wedluliselwe kuMongameli ukuze kutholakale imvume yakhe.
IMithethosivivinywa engathinti izifundazwe 
75.	 (1)	Lapho uMkhandlu kaZwelonke wemukela uMthethosivivinywa ongumthetho ongewona uMthethosivivinywa okusebenza kuwo inqubo elandelwayo kusigaba	74 noma esama-75, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke wesiFundazwe futhi udingidwe ngendlela ehambisana nenqubo	elandelayo:
(a)	UMkhandlu kaZwelonke kufanele –
(i)	wamukele uMthethosivivinywa;
(ii)	wamukele uMthethosivivinywa kodwa kuphela uma uguquko olunconywa yiwo; noma
(iii)	uwuchithe uMthethosivivinywa.
(b)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ngaphandle kwezichibiyelo eziphakanyisiwe, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(c)	Uma uMkhandlu ungawamukeli noma uwemukela uMthethosivivinywa uma uzofakwa izinguquko, uMkhandlu kaZwelonke kufanele uwucwaninge kabusha uMthethosivivinywa, ubheke noma yiziphi izinguquko ezinconywe uMkhandlu, futhi –
(i)	ungawemukela futhi uMthethosivivinywa, unezinguquko noma ungenazo; noma
(ii)	unganquma ukungaqhubeki noMthethosivivinywa.
(d)	UMthethosivivinywa owemukelwe nguMkhandlu kaZwelonke ngokwesigaba(c), kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(2)	Uma uMkhandlu kaZwelonke uvotela udaba ngokusho kwalesi sigaba, isigaba 65 asisebenzi; esikhundleni salokho –
(a)	isithunywa ngasinye ethimbeni lezithunywa zesifundazwe sibanevoti elilodwa;
(b)	okungenani ingxenye eyodwa kwezintathu yezithunywa kufanele ibekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe udaba; futhi
(c)	udaba lunqunywa ngeningi lamavoti afakiwe, kodwa uma kunenani lamavoti alinganayo ezinhlangothini zombili, isithunywa esengamele umhlangano kufanele sifake ivoti elizoveza isinqumo.
IMithethosivivinywa eyejwayelekile ethinta izifundazwe
76.	 (1)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wemukela uMthethosivivinywa okubhekiswe kuwo ezigatshaneni(3),(4)	noma esesi-(5), lowo Mthethosivivinywa kufanele
wedluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe futhi uphathwe ngokulandela le nqubo elandelwayo:
(a)	UMkhandlu kaZwelonke kufanele –
(i)	wemukele uMthethosivivinywa;
(ii)	wemukele uMthethosivivinywa oguquliwe; noma
(iii)	uwuchithe uMthethosivivinywa.
(b)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ngaphandle kwenguquko, uMthethosivivinywa lowo kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(c)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oguquliwe, uMthethosivivinywa oguquliwe kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke, futhi uma uMkhandlu wamukela uMthethosivivinywa oguquliwe, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(d)	Uma uMkhandlu ungawuvumi uMthethosisekelo, noma uma uMkhandlu kaZwelonke wenqaba ukwemukela uMthethosivivinywa ophawulwe kundima(c), lowo Mthethosivivinywa futhi, lapho kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa oguquliwe, kufanele kuyiswe ekomitini lokuLamula , elingahle livumelane –
(i)	ngoMthethosivivinywa njengoba wemukelwe uMkhandlu;
(ii)	ngoMthethosivivinywa oguquliwe njengoba wemukelwe uMkhandlu; noma
(iii)	ngenye inhlobo yoMthethosivivinywa.
(e)	Uma iKomiti Lokulamula lingakwazi ukuvumelana ezinsukwini ezingama-30 emva	kokuyiswa koMthethosivivinywa kulona, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle kokuthi uMkhandlu kaZwelonke uphinde uwamukele lo Mthethosivivinywa, kodwa wesekwe yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo.
(f)	Uma iKomiti Lokulamula livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, kuthi uma uMkhandlu uwamukela lowo Mthethosivivinywa, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(g)	Uma iKomiti Lokulamula livumelana ngoMthethosivivinywa oguquliwe njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uma wamukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(h) Uma iKomiti Lokulamula livumelana ngenye inhlobo yoMthethosivivinywa, leyo nhlobo yoMthethosivivinywa kufanele iyiswe kuMkhandlu kaZwelonke nakusiGungu, futhi uma wemukelwa nguMkhandlu kanye nesiGungu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(i)	Uma uMthethosivivinywa oyiswe eMkhandlwini kaZwelonke ngokwesigaba(f)	noma u-(h) ungemukelwa uMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle kwalapho uMkhandlu kaZwelonke uvumela uMthethosivivinywa lowo ngokwesekwa yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo.
(j) Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke ngokwesigaba(g)	no-(h), ungemukelwa nguMkhandlu, lowo Mthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi, kodwa uMthethosivivinywa owawamukelwe nguMkhandlu ekuqaleni ungaphinde futhi	wamukelwe nguMkhandlu, kodwa wesekwe yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo.
(k) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwesigaba(e),(i)	noma u-(j) kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(2)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ophathelene nemisebenzi esesigatshaneni, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke futhi udingidwe ngokulandela lenqubo elandelayo:
(a)	UMkhandlu kaZwelonke kufanele –
(i)	wemukele uMthethosivivinywa;
(ii)	wemukele uMthethosivivinywa oguquliwe; noma
(iii)	uwuchithe uMthethosivivinywa.
(b)	UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke ngokwesigaba(a)(i)	kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(c)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oguquliwe, uMthethosisekelo oguquliwe kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke; futhi uma uMkhandlu wamukela uMthethosivivinywa oguquliwe, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(d)	Uma uMkhandlu uwuchitha uMthethosivivinywa noma uma uMkhandlu kaZwelonke wenqaba ukwamukela uMthethosivivinywa oguquliwe oyiswe kuwona ngokwendima(c), uMthethosivivinywa futhi, uma kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa oguquliwe, kufanele yedluliselwe eKomitini Labalamuli, elingavumelana ngalokhu –
(i)	ngoMthethosivivinywa njengoba wemukelwe nguMkhandlu ;
(ii)	ngoMthethosivivinywa oguquliwe njengoba wemukelwe nguMkhandlu; noma
(iii)	ngenye inhlobo yoMthethosivivinywa.
(e)	Uma iKomiti Labalamuli lingakwazi ukuvumelana zinakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuyiswa koMthethosivivinywa kulo, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi.
(f)	Uma iKomiti Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, kuthi uma uMkhandlu uwemukela lowo Mthethosivivinywa, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(g)	Uma iKomiti Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa oguquliwe njengoba wemukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini, futhi uma wemukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(h) Uma iKomiti Labalamuli livumelana ngolunye uhlobo loMthethosivivinywa, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kusiGungu naseMkhandlwini kaZwelonke, futhi uma wemukelwa nguMkhandlu uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume.
(i)	Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke ngokwendima(f)	noma u-(h) ungemukelwanga nguMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi.
(3)	UMthethosivivinywa kufanele udingidwe ngokwenqubo elandelwayo ebekwe kusigatshana(1)	noma esesi-(2)	uma ungena ngaphakathi komsebenzi owenziwayo osohlwini lweSheduli 4 yemithetho ehlongozwayo kunoma yisiphi isigaba kwezilandelayo;
(a)	isigaba 65(2);
(b)	isigaba 163;
(c)	Isigaba 182;
(d)	isigaba 195(3)	nosesi-(4);
(e)	isigaba 196; kanye
(f)	nesigaba 197.
(4)	UMthethosivivinywa kufanele udingidwe ngokulandela inqubo esungulwe yisigatshana(1)	uma ubonelela umthetho -
(a)	ohlongozwe esigabeni 44(2); noma sama-220(3); noma
(b)	ohlongozwe kuSahluko 13, futhi ofaka noma yiziphi izibonelelo ezithinta ezezimali zomkhakha kahulumeni wezifundazwe.
[Indima (b)	indawo yayo ithathwe yisigaba 1 soMthetho 1 wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
(5)	UMthethosivivinywa ohlongozwe esigabeni 42(6)	kufanele udingidwe ngokulandela inqubo emiswe kusigatshana(1), ngaphandle kokuthi –
(a)	lapho uMkhandlu kaZwelonke uvota ngoMthethosivivinywa, izibonelelo zesigaba 53(1)	azilandelwa, esikhundleni salokho uMthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi lamalungu ePhalamende liwuvotela; futhi
(b)	uma uMthethosivivinywa uyiswa eKomitini labaLamuli, kulandelwa imithetho elandelayo: –
(i)	Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula uMthethosivivinywa ohlongozwa	kusigatshana(1)(g)	noma u-(h), lowo Mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi lamalungu ePhalamende liwuvotela;
(ii)	Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula noma licubungulisisa kabusha umthethosivivinywa ohlongozwa kusigatshana(1)(e),(i)	noma(j), lowo Mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma okungenani amalungu amabili kwamathathu ePhalamende ewuvotela.
(6)	Lesi sigaba asisebenzi kuMthethosivivinywa wezeZimali.
IMithethosivivinywa yemali
77.	 (1)	UMthethosivivinywa unguMthethosivivinywa wezezimali uma -
wephuca imali; 
ubeka izintela, izimali ezikhokhiswayo, izimali ezitheliswa ngempahla noma izimali ezikhokhiswa ngaphezulu kuzwelonke;
uqeda noma wehlisa, noma unikeza ukukhululwa ekukhokheni izintela, izimali ezikhokhiswayo, izimali ezitheliswa ngempahla noma izimali ezikhokhiswa ngaphezulu kuzwelonke;
ugunyaza izimali ezibizwa ngqo esiKhwameni seziMali sikaZwelonke, ngaphandle koMthethosisekelo ohlongozwa esigabeni 214 esigunyaza ukubizwa ngqo kwezimali. 
(2)	UMthethosivinywa wezezimali awunakudingida noma yiluphi olunye udaba ngaphandle –
kodaba olungaphansi olulandela ukwephucwa kwemali; 
kokubekwa, ukuqedwa noma ukwehliswa kwezintela, izimali ezikhokhiswayo, izimali ezitheliswa ngempahla noma izimali ezikhokhiswa ngaphezulu kuzwelonke;
ukunikezwa kokukhululwa ekukhokheni izintela, izimali ezikhokhiswayo, izimali ezitheliswa ngempahla noma izimali ezikhokhiswa ngaphezulu kuzwelonke; noma
ukugunyazwa kwezimali ezibizwa ngqo esiKhwameni seziMali zikaZwelonke.
(3)	Yonke iMithethosivinywa kufanele ibhekisiswe ngokulandela inqubo elandelwayo esungulwe yisigaba 75. UMthetho wePhalamende kufanele ubonelele inqubo elandelwayo yokuguqula iMithethosivivinywa yezezimali ngaphambi kwePhalamende. 
[Isigaba 77 indawo yaso ithathwe yisigaba 2 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Ikomiti Labalamuli
78.	(1)	IKomiti Labalamuli lakhiwe –
(a)	ngamalungu ayisishiyagalolunye oMkhandlu kaZwelonke akhethwe nguMkhandlu ngokulandela inqubo ebekwe yimitheshwana nemiyalo yoMkhandlu futhi enomphumela wokuthi amaqembu akwazi ukumelwa	ngendlela enokufana okuthe xaxa nokumeleleka kwawo eMkhandlwini; kanye
(b)	nesithunywa esisodwa esivela ethimbeni lesifundazwe ngasinye, esiqokwe yithimba lelo.
(2)	Ikomiti Labalamuli lisuke selivumelene ngohlobo loMthethosivivinywa othile noma selinqumile ngodaba, uma lolo hlobo, noma uhlangothi olulodwa lodaba lusekwa –
(a)	okungenani ngabahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke; futhi
(b)	okungenani abahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
Ukuvunywa iMithethosivivinywa
79.	(1)	UMongameli kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe
ngokwalesi Sahluko noma, uma uMongameli engagculisekile ngokuthi
uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kuMkhandlu kaZwelonke ukuze uwucwaninge kabusha.
(2)	Imitheshwana nemiyalo ehlanganisiwe kufanele ihlinzekele inqubo elandelwayo uma kucwaningwa kabusha uMthethosivivinywa nguMkhandlu kaZwelonke kanye nokuhlanganyela kwesiGungu sikaZwelonke seziFundazwe kulokho okwenziwayo. 
(3)	IsiGungu sikaZwelonke seziFundazwe kufanele sibambe iqhaza ekucwaningeni kabusha koMthethosivivinywa ophindiswe emuva eMkhandlwini kaZwelonke nguMongameli uma –
(a)	ukungagculiseki kukaMongameli mayelana nokungahambisani	koMthethosivivinywa noMthethosisekelo kuphathelene nodaba lwenkambiso oluthinta isiGungu; noma
(b)	isigaba 74(1),(2)	noma(3)(b)	noma sama-76 sasetshenziswa ekwamukelweni koMthethosivivinywa.
(4)	Uma, ngemuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele ukungagculiseki kukaMongameli, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine lowo Mthethosisekelo; uma kungenzeki lokho, uMongameli kufanele enze okunye kwaloku -
(a)	avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma
(b)	awedlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo.
(5)	Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine.
Izicelo ezifakwa ngamalungu oMkhandlu kaZwelonke eNkantolo yoMthethosisekelo
80.	(1)	Amalungu oMkhandlu kaZwelonke angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe umyalo othi wonke noma ingxenye yoMthetho wePhalamende awuhambisani nomthethosisekelo.
(2)	Isicelo –
(a)	kufanele sesekwe yivoti loyedwa kwabathathu bamalungu oMkhandlu okungenani; futhi
(b)	kufanele senziwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela osukwini uMongameli awuvume futhi awusayina ngalo uMthetho.
(3)	INkantolo yoMthethosisekelo ingayalela ukuthi wonke umthetho noma ingxenye yomthetho okufakwe isicelo ngawo njengokwesigatshana(1), angeke usebenze kuze kube yilapho iNkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –
(a)	izidingo zobulungiswa zikudinga lokhu; futhi
(b)	nesicelo sinamathuba enele okuphumelela.
(4)	Uma isicelo singaphumeleli, futhi singenamathuba enele okuphumelela, iNkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi abafake isicelo kufanele bakhokhe izindleko. 
Ukushicilelwa kweMithetho
81.	UMthethosivivinywa ovunywe futhi wasayinwa nguMongameli uba nguMthetho
wePhalamende, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza lapho usushicilelwe noma ngosuku olubekwe ngokoMthetho. 
Ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho yePhalamende
82.	Ikhophi esayiniwe yomthetho wePhalamende ingubufakazi obugcwele balokho
okuqukethwe kulowo mthetho, futhi ngemuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.
ISAHLUKO 5
UMONGAMELI NOMKHANDLU KAZWELONKE OPHETHE
UMongameli
83.	UMongameli –
(a)	uyiNhloko yoMbuso nenhloko yomkhandlu kazwelonke ophethe;
(b)	kufanele eseke, avikele, ahloniphe uMthethosisekelo njengomthetho omkhulu kuyo yonke eRiphabhuliki; futhi
(c)	akhuthaze ubumbano lwesizwe nalokho okuqhubela iRiphabhuliki phambili.
Amandla nemisebenzi kaMongameli
84.	(1)	UMongameli unamandla awanikezwe nguMthethosisekelo nomthetho,
kubandakanya lawo mandla afanele ukuze enze imisebenzi yeNhloko yombuso nenhloko yomkhandlu kazwelonke ophethe.
(2)	UMongameli ubhekene –
(a)	nokwemukela nokusayina iMithethosivivinywa;
(b)	nokubuyisela uMthethosivivinywa emuva ePhalamende ukuze licubungule kabusha ukuhambisana kwawo noMthethosisekelo;
(c)	nokwedlulisela uMthethosivivinywa eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;
(d)	nokubizela uMkhandlu kaZwelonke, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile ukuze kwenziwe umsebenzi okhethekile;
(e)	nokuqoka noma yibaphi abazophatha izikhundla okumiswe kuMthethosisekelo noma ngumthetho, ukuthi kufanele kwenziwe nguMongameli, ngaphandle kokuqoka akwenza njengenhloko yesigungu sikazwelonke esiphethe;
(f)	nokumisa amakhomishana okuphenya;
(g)	nokumisa uhlololuvo lukazwelonke ngokomthetho wePhalamende;
(h) nokwemukela futhi azise izithunywa zakwamanye amazwe kanye nabamele amanye amazwe;
(i)	nokuqoka amanxusa, amanxusa agunyaziwe, abaphathelene nezindaba zamazwe kanye nabamele amanye amazwe;
(j) nokuxolela noma asindise abagwetshelwe amacala futhi ehlise noma yiziphi izigwebo; futhi
(k) aklomelise ngezindondo zokuhlonipha.
[Incazelo ejwayelekile: ukutuswa ngokuhlonishwa  okwenziwe kuSomqulu kaHulumeni ka-24155 zingumhlaka-6 kuZibandlela, 2002 kanye noSomqulu kaHulumeni ka-25213 zingumhlaka-25 kuNcwaba, 2003.]
Igunya lokuphatha eRiphabhuliki
85.	(1)	Amandla okuphatha eRiphabhuliki abekwe kuMongameli.
(2)	UMongameli usebenzisa amandla okuphatha,	ebambisene namanye amalungu eKhabhinethi –
(a)	ngokusebenzisa umthetho kazwelonke ngaphandle kwalapho	uMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende usho okunye okwehlukile;
(b)	ngokuthuthukisa nokusebenzisa izinqubomgomo zikazwelonke;
(c)	ngokuqondanisa imisebenzi yeminyango yombuso kanye neyezakhiwo zombuso;
(d)	ngokulungisa nokungenisa umthetho; kanye
(e)	nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi yokuphatha ehlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kumthetho kazwelonke.
Ukukhethwa kukaMongameli
86.	(1)	Emhlanganweni wawo wokuqala ngemuva kokukhethwa kwawo, nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe umuntu wesifazana noma wesilisa phakathi kwamalungu awo ukuthi abe nguMongameli.
(2)	UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele lolu khetho noma aqoke elinye ijaji ukuba likwenze lokho. Inqubo elandelwayo ebekwe kuNgxenye A yeSheduli 3 iyona esebenzayo ekukhethweni kukaMongameli.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 6 soMthetho wesiThupha  wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(3)	Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaMongameli kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa kubekadluli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuvela kwesikhala.
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 6 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.)
Ukuqala ukusebenza kukaMongameli
87.	Uma esekhethwe njengoMongameli, umuntu uyayeka ukuba yilungu loMkhandlu
kaZwelonke futhi, zingakapheli izinsuku eziyisihlanu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaMongameli ngokufunga noma ukuqinisekisa ukwethembeka kuRephabhliki nokuthobela uMthethosisekelo, nokweSheduli 2.
Isikhathi sesikhundla sikaMongameli
88.	(1)	Isikhathi esibekelwe isikhundla sikaMongameli siqala kusukela eqala umsebenzi siphele lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguMongameli eqala umsebenzi.
(2)	Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoMongameli ngaphezulu kwamahlandla amabili, kodwa uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala abe uMongameli, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi soBongameli.
Ukususwa kukaMongameli esikhundleni
89.	(1)	UMkhandlu kaZwelonke, ngesinqumo esesekwe ngababili kwabathathu bamalungu awo, ungamsusa kuphela uMongameli esikhundleni ngezizathu –
(a)	zokwephulwa okubucayi koMthethosisekelo noma komthetho;
(b)	zokungaziphathi kahle ngendlela embi kakhulu; noma
(c)	zokungakwazi ukwenza imisebenzi yesikhundla.
(2)	Noma ngubani osuswe esikhundleni sikaMongameli ngokwesigatshana 1(a)	noma u-(b)	angeke athole izinzuzo zaleso sikhundla futhi akavunyelwe ukumela ukhetho lwesikhundla somphakathi.
IBamba likaMongameli
90.	(1)	Uma uMongameli engekho eRiphabhuliki noma engakwazi ukufeza izidingo
zomsebenzi kaMongameli ngenxa yokuthile; noma uma kunesikhala kuleso sikhundla, iziphathimandla zingambambela njengoMongameli ngalokhu kulandelana:
(a)	Iphini likaMongameli.
(b)	UNgqongqoshe ojutshwe nguMongameli.
(c)	UNgqongqoshe ojutshwe ngamanye amalungu eKhabhinethi.
(d)	USomlomo, uMkhandlu kaZwelonke uze ujube omunye wamalungu awo.
(2)	IBamba likaMongameli linezibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli.
(3)	Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli iBamba 
likaMongameli kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kuRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli 2.
(4)	Umuntu okuthe njengeBamba likaMongameni wafunga noma waqinisekisa ukwethembeka kuRiphabhuliki akudingeki ukuthi aphinde inqubo elandelwayo yokufungisa nokuqinisekisa mayelana nesikhathi esilandelayo sokuba yiBamba likaMongameli ngesikhathi esiphela lapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli engena esikhundleni.
[Isigatshana (4)	esengezwe yisigaba 1 soMthetho wokuQala wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1997]
IKhabhinethi
91.	(1)	IKhabhinethi iqukethe uMongameli, njengenhloko yeKhabhinethe, iPhini likaMongameli kanye nawoNgqongqoshe.
(2)	UMongameli uqoka iPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe, abanike amandla nemisebenzi yabo, futhi angabasusa esikhundleni.
(3)	UMongameli –
(a)	kufanele akhethe iPhini likaMongameli phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke;
(b)	angakhetha noma yinani elingakanani loNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke; futhi
(c)	angakhetha oNgqongqoshe abangeqile kwababili abavela ngaphandle koMkhandlu.
(4)	UMongameli kufanele aqoke ilungu leKhabhinethi elizoba umholi womsebenzi kahulumeni eMkhandlwini kaZwelonke.
(5)	IPhini likaMongameli kufanele lisize uMongameli ekwenzeni imisebenzi kahulumeni.
Imithwalo kanye nokulindelekile
92.	(1)	IPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe babhekele amandla nemisebenzi yabaphethe abethweswe yona nguMongameli.
(2)	Amalungu eKhabhinethi anezibopho ewonke kanyekanye nangokwelungu ngalinye nePhalamende mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenziwa kwemisebenzi yawo.
(3)	Amalungu eKhabhinethi kufanele –
(a)	asebenze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi
(b)	anikeze iPhalamende imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo.
AmaPhini oNgqongqoshe
93.	(1)	UMongameli angaqoka –
noma yiliphi inani lamaPhini oNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke; kanye 
namaPhini oNgqongqoshe angengaphezulu kwamabili aqhamuka ngaphandle koMkhandlu,	ukuba asize amalungu eKhabhinethi,	
futhi angawasusa esikhundleni.
	(2)	AmaPhini oNgqongqoshe aqokwe ngokwemigomo yesigatshana (1)(b) anesibopho ePhalamende sokusebenzisa amandla awo kanye nokwenza imisebenzi yawo.
[Isigaba 93 indawo yaso ithathwe yisigaba 7 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Ukuqhubeka kweKhabhinethi emuva kokhetho
94.	Uma kubanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke, iKhabhinethi, iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe kanye nanoma yiliphi iPhini likaNgqongqoshe baqhubeka belokhu bekwazi ukusebenza aze athathe isikhundla njengoMongameli umuntu okhethwe nguMkhandlu kaZwelonke olandelayo. 
Isifungo noma isiqinisekiso
95.	Ngaphambi kokuthi iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe kanye namaSekela
oNgqongqoshe baqale imisebenzi yezikhundla zabo, kufanele bafunge noma baqinisekise ukuthi bazokwethembeka kuRephabhliki futhi bathobele uMthethosisekelo, ngokweSheduli 2.
Ukuziphatha kwamalungu eKhabhinethi namaPhini oNgqongqoshe
96.	(1)	Amalungu eKhabhinethi kanye namaPhini oNgqongqoshe kufanele aziphathe
ngendlela ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.
(2)	Amalungu eKhabhinethi namaPhini oNgqongqoshe akufanele –
(a)	benze omunye umsebenzi okhokhelwayo;
(b)	baziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zabo, noma bazibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi babonakale benobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezintshisekelo zabo zomsebenzi nezintshisekelo zomuntu zangasese;
(c)	basebenzise isikhundla sabo noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo olunikezelwe kubona balubheke, ukuzinothisa noma ukwenzela omunye inzuzo ngendlela engafanele.
Ukudluliswa kwemisebenzi
97.	UMongameli angadlulisela kwilungu leKhabhinethi ngesimemezelo esishicilelwe
–
(a)	ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma
(b)	noma yimaphi amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.
Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana
98.	UMongameli anganikeza ilungu leKhabhinethi noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu leKhabhinethe elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.
Ukwabiwa kwemisebenzi
99.	Ilungu leKhabhinethi lingabela ilungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala noma yimaphi amandla noma umsebenzi okufanele wenziwe ngokomthetho woMkhandlu oPhethe. Ukwabiwa –
(a)	kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethi elithintekile kanye nelungu loMkhandlu oPhethe noma noMkhandlu kaMasipala;
(b)	kufanele kuhambisane nomthetho wePhalamende ophathelene nokusetshenziswa noma ukwenziwa kwalawo mandla noma umsebenzi; futhi
(c)	kuqala ukusebenza lapho kumenyezelwa nguMongameli.
Ukungenelela kukazwelonke ekubusweni kwesiFundazwe
Isihloko sichibiyelwe yisigaba 2(a) soMthetho weShumi naNye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
100.	(1)	Uma isifundazwe singakwazi noma singagcwalisi izibopho zaso zokuphatha	ezibekwe nguMthethosisekelo noma ngumthetho, isigungu esiphethe singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho, kubandakanye –
(a)	ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu ophethe wesifundazwe esichaza indlela esehluleka ngayo ukugcwalisa izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kugcwaliswe izibopho zaso; kanye
(b)	nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngezinga elidingekile ukuze –
(i)	kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga okungenakuyiwa ngaphansi kwawo mayelana nokunikezwa kwezidingo;
(ii)	kugcinwe ubumbano lwezomnotho;
(iii)	kugcinwe ukuphepha kwezwe; noma
(iv)	kuvinjwe leso sifundazwe ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza izintshisekelo zezinye izifundazwe noma zezwe lonke.
[Isigatshana (1)	sichibiyelwe yisigaba 2(b) soMthetho weShumi naNye sokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
(2)	Uma isigungu esiphethe singena udaba esifundazweni ngokwesigatshana(1)(b)	–
(a)	isaziso esibhaliwe sokulungena udaba kufanele sibekwe phambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zingakapheli izinsuku eziyi-14ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba;
(b)	ukungenwa kodaba kufanele kuphele ngaphandle uma uMkhandlu ungakwemukele zingakaphelo izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba; futhi
(c)	uMkhandlu kufanele, ngenkathi ukungenwa kodaba kuqhubeka, ukubukeze njalo ukungenwa kodaba futhi wenze noma yiziphi izincomo ezifanele esiGungwini esiphethe.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 2© soMthetho weShumi naNye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
(3)	Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe yilesi sigaba.
[Isigaba 100 sichibiyelwe yisigaba 2(a) soMthetho weShumi naNye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
Izinqumo zesiGungu esiphethe
101.	(1)	Isinqumo sikaMongameli kufanele sibhalwe phansi uma –
(a)	sithathwe maqondana nomthetho; noma
(b)	sinemiphumela esemthethweni.
(2)	Isinqumo esibhalwe phansi nguMongameli kufanele sisayinwe ngelinye lamalungu eKhabhinethi uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu leKhabhinethi.
(3)	Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyo.
(4)	Umthetho kazwelonke ungacacisa indlela, kanye nebanga imithetho eshiwo kusigatshana(3)	okufanele -
(a)	ibekwe ngayo phambi kwePhalamende;
(b)	yamukelwe ngayo yiPhalamende.
Iziphakamiso zokungethembeki
102.	(1)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wemukela, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu awo, isiphakamiso sokungasalethembi iKhabhinethi, ngaphandle kokubala uMongameli, uMongameli kufanele alakhe kabusha iKhabhinethi.
(2)	Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela ngevoti elesekwe yiningi lamalungu alo, isiphakamiso sokungasamethembi uMongameli, uMongameli namanye
amalungu eKhabhinethi kanye nanoma yimaphi amaPhini oNgqongqoshe kufanele bashiye izikhundla.
ISAHLUKO 6
IZIFUNDAZWE
Izifundazwe
103.	(1)	IRiphabhuliki inezifundazwe ezilandelayo:
(a)	iMpumalanga Koloni;
(b)	iFuleyisitata;
(c)	iGauteng;
(d)	iKwaZulu/Natali;
(e)	iMpumalanga;
(f)	iNyakatho Koloni;
(g)	iLimpopo;
(h)	iNyakatho Ntshonalanga;
(i)	iNtshonalanga Koloni.
[Isigatshana (1) indawo yaso ithathwe uMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003 yaphinde yathathwa yisigaba 1 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2005.]
(2)	Imingcele yezifunda ihlanganisa inani laleyo migcele yezifundazwe eziveziwe kumabalazwe ahlukene ashiwo kuSaziso esibalulwe kuSheduli 1 A.
[Isigatshana (2) indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2005.]
	(3)	(a) Noma inini lapho imingcele yezifunda iklamwa kabusha ngokuchibiyelwa koMthethosisekelo, uMthetho wePhalamende unganikezela ngezinyathelo zokuhlela, ngaphansi kwesikhathi esifanele, umthetho, ukusetshenziswa kanye nokunye mayelana nokuklama kabusha.
		(b) UMthetho wePhalamende obalulwe yindima (a) ungamiswa futhi usetshenziswe ngaphambi kokuba kuChibiyelwe uMthethosisekelo, kodwa nanoma imiphi imisebenzi yesifundazwe, impahla, amalungelo, izimiselo, imisebenzi noma izikweletu kungasuswa kuphela ngokwemigomo yalowo Mthetho ngemva kokuchibiyelwa koMthethosisekelo.
[Isigaba 103 indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2005.]
Izishayamthetho zesifundazwe
Igunya lokushaya imithetho lezifundazwe
104.	(1)	Igunya lokushaya imithetho lesifundazwe libekwe kusishayamthetho
sesifundazwe, futhi linikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla –
(a)	okwamukela umthethosisekelo wesifundazwe noma okuguqula noma yimuphi umthethosisekelo owamukelwe yiso ngokwezigaba 142 nese-143;
(b)	okwamukela imithetho yesifundazwe saso mayelana –
(i)	nanoma yiluphi udaba olungapahkathi kwemisebenzi eyenziwayo olukleliswe	kuSheduli 4;
(ii)	nanoma yiluphi udaba olukleliswe kuSheduli 5;
(iii)	nanoma yiluphi udaba olungekho ngaphakathi kwaleyo misebenzi eyenziwayo, futhi olwabelwe isifundazwe ngokusho komthetho kazwelonke; kanye 
(iv)	nanganoma yiluphi udaba, okuthi amalungiselelo abalulwe kumthethosisekelo, ahlongoze ukumiswa komthetho wesifundazwe;
kanye 
(c)	nokwabela noma yimaphi amandla aso okushaya imithetho kunoma yimuphi uMkhandlu kaMasipala kuleso sifundazwe.
(2)	Isishayamthetho sesifundazwe, ngesinqumo esesekelwe okungenani ngababili kwabathathu bamalungu aso, singacela iPhalamende ukuthi liguqule igama laleso sifundazwe.
(3)	Isishayamthetho sesifundazwe siboshwe kuphela nguMthethosisekelo futhi, uma sesamukele umthethosisekelo wesifundazwe saso, nayilowo mthethosisekelo, futhi kufanele senze okuhambisana nemikhawulo ebekwe nguMthethosisekelo kanye nomthethosisekelo waleso sifundazwe.
(4)	Umthetho wesifundazwe mayelana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe amandla ngendlela noma oluhlangene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla athintene nanoma yiluphi udaba olukleliswe kuSheduli 4, ungumthetho ngazo zonke izinhloso mayelana nodaba olukleliswe kuSheduli 4.
(5)	Isishayamthetho sesifundazwe singancoma eMkhandlwini kaZwelonke umthetho ophathelene nanoma yiluphi udaba olungaphandle kwamagunya aleso sishayamthetho, noma owenganyelwe nguMthetho wePhalamende ngaphezu komthetho wesifundazwe.
Ukwakheka nokukhethwa kwezishayamthetho zezifundazwe
105.	(1)	Isishayamthetho sesifundazwe sakhiwe ngabantu besifazane nabesilisa abakhethwe njengamalungu ngokohlelo lokhetho –
(a)	olumiswe ngumthetho kazwelonke;
(b)	olwakhelwe phezulu kwengxenye yesifundazwe yoluhlu lukazwelonke lwabo bonke abavoti;
(c)	oluhlinzekela iminyaka yobudala yokuvota okungenakuyiwa ngaphansi kwayo eyi-18; futhi
(d)	olunomphumela, ngokubanzi, wokumelwa okuhambisana nenani lamavoti elitholiwe.
[Isigatshana (1)	sichibiyelwe yisigaba 3 soMthetho weShumi naMbili sokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003 futhi nayisigaba 3 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]]
(2)	Isishayamthetho sesifundazwe siqukethe phakathi kwama-30 kuye kuma-80 amalungu.Inani lamalungu, elingahle lehluke phakathi kwezifundazwe, kufanele linqunywe ngokusebenzisa uhlelo lwezinombolo olubekwe ngumthetho kazwelonke.
Ubulungu
106.	(1)	Yileso naleso sakhamuzi esinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaZwelonke, singaba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe, ngaphandle –
(a)	kwanoma ngubani oqokwe noma osebenzela umbuso futhi ekhokhelwa ngenxa yalowo msebenzi, ngaphandle –
(i)	kukaNdunankulu namanye amaLungu oMkhandlu oPhethe wesifundazwe; kanye
(ii)	nanoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezenza imisebenzi ehambisana nemisebenzi yelungu lesishayamthetho sesifundazwe futhi oshiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi uhambisana naleyo misebenzi;
(b)	kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke, amalungu akhona unomphela oMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe noma amalungu oMkhandlu kaMasipala;
(c)	komuntu onezikweletu angakwazi ukuzikhokha nongasenakubuyiselwa amalungelo;
(d)	kwanoma ngubani inkantolo yaseRiphabhuliki ethe akaphilile ngokwengqondo; noma
(e)	kwanoma ngubani okuthe ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi sigaba, walahlwa yicala futhi wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziyi-12 ngaphandle kokuthi akhethiswe isijeziso senhlawulo yemali, eRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo esiyicala sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa akekho ongathathwa njengogwetshiwe, kuze kube nesinqumo ngokwedluliswa kwecala noma kuze kuphele isikhathi sokwedluliswa kwecala. Ukungabinalungelo ngaphansi kwale ndima kuphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo.
(2)	Umuntu ongafanelekile ukuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe, mayelana nesigatshana(1)	(a)	noma u-(b)	angathathwa njengomuntu ongaqokwa abe yilungu lesishayamthetho, ngaphansi kwemibandela noma isimo esimiswe ngumthetho kaZwelonke.
(3)	Umuntu ulahlekelwa ubulungu besishayamthetho sesifundazwe uma lowo muntu –
engasakulungele ukuba yilungu; noma
ephutha kusiShayamthetho ngaphandle kwemvume, esimweni lapho umthetho nemiyalo yesiShayamthetho ibeka ukulahlekelwa wubulungu; noma 
eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa igama lalowo muntu njengelungu lesishayamthetho, ngaphandle kwalapho ilungu selibe yilungu lelinye iqembu ngokweSheduli 6A.
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 4 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo kanye nayisigaba 4 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.)
(4)	Izikhala kusishayamthetho sesifundazwe kufanele zigcwaliswe ngokulandela umthetho kazwelonke.
Ukufunga noma ukuqinisekisa
107.	Ngaphambi kokuba amalungu esishayamthetho sesifundazwe enze imisebenzi yawo kusishayamthetho kufanele afunge noma enze isiqiniseko sokwethembeka kuRiphabhuliki nangokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambisana noSheduli 2.
Isikhathi sokusebenza kwezishayamthetho zezifundazwe
108.	(1)	Isishayamthetho sesifundazwe sikhethelwa iminyaka emihlanu.
(2)	Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa ngokwesigaba 109, noma lapho isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesifundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele ahlele futhi abeke izinsuku zokhetho okufanele lubanjwe lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama-90 isishayamthetho sahlakazwa, noma kwaphela isikhathi sokusebenza kwaso. Isimemezelo esibiza nesibeka izinsuku zokhetho singakhishwa ngaphambi noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesishayamthetho sesifundazwe.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho wesiNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1999.)
(3)	Uma umphumela wokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, ungamenyezelwanga kungakapheli isikhathi esishiwo esigabeni 190, noma uma ukhetho luchithwa yinkantolo, uMongameli kufanele abize futhi abeke usuku lokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngemuva kokwedlula kwaleso sikhathi noma kosuku ukhetho olwamiswa ngalo.
(4)	Isishayamthetho sesifundazwe siqhubeka sibe namandla okusebenza kusukela ngesikhathi sihlakazwa noma siphelelwa yisikhathi, kuze kube wusuku olungahambi kosuku lokuqala lokuvotelwa kwesishayamthetho esilandelayo.
Ukuhlakazwa kwezishayamthetho zezifundazwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi
109.	(1)	UNdunankulu kufanele ahlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –
(a)	isishayamthetho sithathe isinqumo sokuhlakazeka esisekelwe yiningi lamalungu aso; futhi
(b)	iminyaka emithathu isiyedlulile ngemuva kokukhethwa kwesishayamthetho.
(2)	Ibamba likaNdunankulu kufanele lihlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –
(a)	kukhona isikhala esikhundleni sikaNdunankulu; futhi
(b)	isishayamthetho sehluleka ukukhetha uNdunankulu omusha zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuvela kwesikhala.
Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu
110.	(1)Ngemuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku olunqunywe yijaji eliqokwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku eziyi-14 ngemuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho. Isishayamthetho sesifundazwe singanquma isikhathi nobude bemihlangano yaso eminye kanye nezikhathi zaso zekhefu.
[Isigatshana (1)	indawo so ithathwe yisigaba 8 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	UNdunankulu wesifundazwe angabiza isishayamthetho sesifundazwe	ukuba size emhlanganweni ongejwayelekile ukuze kuzokwenziwa umsebenzi okhethekile.
(3)	Isishayamthetho sesifundazwe singanquma ukuthi sizohlangana ndawanaphi ngokwejwayelekile.
OSomlomo kanye namaPhini oSomlomo
111.	(1)	Ekuhlaleni kwaso kokuqala ngemuva kokhetho, noma uma kudingekile ukuba
kugcwaliswe isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe uSomlomo nePhini likaSomlomo phakathi kwamalungu aso.
(2)	IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele ukukhethwa kukaSomlomo. USomlomo wengamela ukukhethwa kwePhini likaSomlomo.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 9 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-2001.]
(3)	Inqubo elandelwayo kuNgxenye A yeSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni koSomlomo namaPhini oSomlomo.
(4)	Isishayamthetho sesifundazwe singamsusa esikhundleni uSomlomo noma iPhini likaSomlomo ngokuthatha isinqumo. Iningi lamalungu esishayamthetho kufanele libekhona uma kwemukelwa leso sinqumo.
(5)	Njengokusho kwemitheshwana nemiyalo yaso, isishayamthetho sesifundazwe singakhetha phakathi kwamalungu aso abanye abaphathimandla ukuze basize uSomlomo noPhini likaSomlomo.
Izinqumo
112.	(1)	Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo uhlinzekela ngokunye –
iningi lamalungu esishayamthetho sesifundazwe kufanele libekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe uMthethosivivinywa noma uguquko kuMthethosivivinywa;
okungenani oyedwa kwabathathu bamalungu esishayamthetho kufanele abekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe noma yiluphi udaba okufanele kunqunywe ngalo phambi kwesishayamthetho; futhi
zonke izindaba ezingaphambi kwesishayamthetho sesifundazwe kufanele zinqunywe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.
(2)	Ilungu elengamele isishayamthetho sesifundazwe alinavoti elicatshangiwe, kodwa –
kufanele lifake ivoti elizoveza isinqumo lapho kunamanani amavoti alinganayo ezinhlangothini zombili zodaba;futhi 
 lingavota ngokucatshangiwe uma udaba lufanele lunqunywe ngokwesekwa yivoti okungenani lababili kumalungu amathathu esishayamthetho.
Amalungelo ezithunywa ezigcwele kwizishayamthetho zezifundazwe
113.	Izithunywa zesifundazwe ezikhona unomphela kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zingahambela isishayamthetho futhi zikhulume kwizishayamthetho zezifundazwe zazo kanye nasemakomitini aso, kodwa azivunyelwe ukuvota. Isishayamthetho singadinga ukuba isithunywa esikhona unomphela siye kusishayamthetho noma emakomidini aso.
Amandla ezishayamthetho zezifundazwe
114.	(1)	Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, isishayamthetho sesifundazwe –
(a)	singacwaninga, semukele, siguqule noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi kwesishayamthetho; futhi
(b)	singasungula noma silungise imithetho, ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.
(2)	Isishayamthetho sesifundazwe kufanele sihlinzekele izindlela –
(a)	zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni wesifundazwe ziphendula kusona; futhi
(b)	zokugcina iso –
(i)	ekusetshenzisweni kwegunya lesifundazwe lokuphatha, kubandakanya nokusetshenziswa kwemithetho; kanye
(ii)	nakunoma iyiphi ingxenye yombuso.
Ubufakazi noma ulwazi phambi kwesishayamthetho sesifundazwe
115.	Isishayamthetho sesifundazwe nanoma yiliphi ikomiti laso –
(a)	singabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwaso ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze imibhalo ethile;
(b)	singafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano inikeze umbiko kusona;
(c)	singaphoqa, ngokomthetho wesifundazwe noma imitheshwana nemiyalo yaso, ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano ilandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo yisidingo sesigaba(a)	noma u-(b); futhi
(d)	singemukela izicelo ezisayiniwie, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yibaphi abantu abanetshesekelo noma kunoma yiziphi izinhlangano.
Amalungiselelo angaphakathi, okwenziwayo nenqubo elandelwayo yezishayamthetho zezifundazwe
116.	(1)	Isishayamthetho sesifundazwe –
(a)	singazithathela izinqumo futhi silawule amalungiselelo aso angaphakathi, ezikwenzayo kanye nezinqubo; futhi
(b)	senze imitheshwana nemiyalo mayelana nomsebenzi waso, sibe sibhekele ukuqhuba ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumelwa nokubanjwa	kweqhaza, ukuba nesibopho, ukusebenzela obala nokubandakanywa komphakathi.
(2)	Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe kufanele ihlinzekele –
(a)	ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo elandelwayo kanye nesikhathi sokuba khona kwamakomiti aso;
(b)	ukubanjwa kweqhaza emisebenzini yesishayamthetho sesifundazwe, kanye namakomiti aso amaqembu amancane ezombusazwe amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi;
(c)	usizo lwezemali nokuhanjiswa ngendlela komsebenzi eqenjini ngalinye elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe, olulingana nokumelwa kwalo, ukuze iqembu ngalinye nomholi walo likwazi ukwenza imisebenzi yalo	kusishayamthetho; kanye
(d)	nokwemukelwa, njengoMholi wabaPhikisayo, komholi weqembu elikhulu kunawo wonke amaqembu amancane kusishayamthetho.
Ilungelomvume
117.	(1)	Amalungu esishayamthetho sesifundazwe kanye nezithunywa ezikhona unomphela zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe –
(a)	anelungelo lokukhuluma ngokukhululeka kusishayamthetho nasemakomitini aso, ngendlela evumelana nemitheshwana nemiyalo; futhi
(b)	angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe inhlawulo ngenxa –
yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso;
yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso. 
(2)	Ezinye izibonelelo nokuvikeleka kwesishayamthetho sesifundazwe namalungu aso zingabekwa ngumthetho kazwelonke.
(3)	Amaholo, nezinye izimali ezikhokhelwa okuthile kanye nokusizakala okukhokhelwa amalungu esishayamthetho kuvela ngqo esiKhwameni seMali sesiFundazwe.
Ukuvumeleka komphakathi kusishayamthetho kanye nokubandakanyeka kwawo
118.	(1)	Isishayamthetho sesifundazwe kufanele –
(a)	senze kube lula ukuthi umphakathi ubandakanywe emsebenzini wokushaya imithetho neminye imisebenzi yesishayamthetho namakomiti aso; futhi
(b)	senze umsebenzi waso ngendlela esobala, sivumele umphakathi emihlanganweni yaso naleyo yamakomiti	aso; kodwa, izinyathelo ezifanele zingathathwa ukuze –
(i)	kulawulwe ukufinyelela komphakathi, kubandakanya ukufinyelela kwabezindaba, kusishayamthetho nasemakomitini aso; kanye
(ii)	nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa ukuba angene noma ukususwa kwanoma yimuphi umuntu. 
(2)	Isishayamthetho sesiFundazwe asinakukhiphela ngaphandle umphakathi, kubalwa nabezindaba, ukuba babe khona emhlangaweni wekomiti ngaphandle kwalapho lokho kufanelekile futhi kwemukeleka ukwenza kanjalo emphakathini wentando yeningi.
Ukwethulwa kwemithethosivivinywa
119.	Ngamalungu esiGungu esiPhethe sesifundazwe kuphela noma ekomiti noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe angethula uMthethosivivinywa kusishayamthetho; kodwa yilungu lesiGungu esiPhethe kuphela elibhekene nezindaba zezimali kusifundazwe, elingethula uMthethosivivinywa wemali kusishayamthetho.
IMithethosivivinywa yemali
120.	(1)	Umthethosivivinywa unguMthethosivivinywa wemali uma –
wephuca imali;
wethwesa izintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
uqeda noma wehlisa, noma unikeza ukukhululwa kuzintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe; noma
ugunyaza ukukhokhiswa ngqo kwesiKhwama sesiFundazwe seMali. 
(2)	UMthethosivivinywa wemali wesifundazwe awunakubhekana nanoma yiluphi udaba ngaphandle –
kodaba olungaphansi olungenxa yokwephucwa kwemali;
kokubekwa kwezintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
kokunikeza ukukhululwa kuzintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
kokugunyaza ukukhokkhiswa ngqo kwesiKhwama sesiFundazwe seMali. 
(3)	Umthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa
isishayamthetho sesifundazwe esingaguqula ngayo uMthethosivivinywa wemali.
[Isigaba 120 indawo yaso ithathwe yisigaba 3 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.)
Ukuvuma iMithethosivivinywa
121.	(1)	UNdunankulu kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe
yisishayamthetho sesifundazwe ngokwalesi Sahluko noma, uma uNdunankulu engagculisekile ngokuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kusishayamthetho ukuze siwucwaninge kabusha.
(2)	Uma, emuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele ukungagculiseki kukaNdunankulu, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine uMthethosisekelo; uma kungenzeki loko, uNdunankulu kufanele enze okunye kwalokhu -
(a)	avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma
(b)	awudlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo.
(3)	Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine.
Izicelo ezifakwa ngamalungu eNkantolo yoMthethosisekelo
122.	(1)	Amalungu esishayamthetho angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe umyalo othi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa awuhambisani nomthethosisekelo. 
(2)	Isicelo –
(a)	kufanele sesekwe amavoti okungenani angamaphesenti angama-20 amalungu esishayamthetho; futhi
(b)	kufanele senziwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela osukwini uNdunankulu awuvume futhi awusayine ngalo uMthetho.
(3)	INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke umthetho noma ingxenye yomthetho okufakwe isicelo ngawo ngokwesigatshana(1), angeke usebenze ngaphambi kokuthi iNkantolo ibe ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –
(a)	izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi
(b)	isicelo sinamathuba anele okuphemelela.
(4)	Uma isicelo singaphumeleli, futhi besingenathuba elenele lokuthi singaphumelela, iNkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi abafake isicelo	bakhokhe izindleko.
Ukushicilelwa kweMithetho
123.	UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguNdunankulu uba nguMthetho
wesifundazwe, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza lapho usushicilelwe noma ngosuku olunqunywe ngokoMthetho.
Ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yesifundazwe
124.	Ikhophi esayiniwe yoMthetho wesifundazwe ingubufakazi obugcwele balokho
okuqukethwe yilowo mthetho, futhi ngemuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.
IziPhathimandla zeziFundazwe
Igunya lokuphatha lesifundazwe
125.	(1)	Amandla okuphatha isifundazwe abekwe kuNdunankulu waleso sifundazwe.
(2)	UNdunankulu usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu esiGungu esiPhethe sesifundazwe –
(a)	ngokusebenzisa umthetho wesifundazwe kwisifundazwe;
(b)	ngokusebenzisa yonke imithetho kazwelonke esemisebenzini ekleliswe kuSheduli 4 noma eyesi-5 ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo noma uMthetho wePhalamende uhlinzeka okwahlukile;
(c)	ngokuphathwa esifundazweni kwemithetho kaZwelonke engaphandle kwemisebenzi ekleliswe kuSheduli 4 kanye neyesi-5, ukuphathwa kwayo osekwabelwe isifundazwe ngokusho koMthetho wePhalamende;
(d)	ngokuthuthukisa nokwenza inqubomgomo yesifundazwe;
(e)	ngokuqondanisa imisebenzi yabaphethe isifundazwe neminyango yaso;
(f)	ngokulungisa nokusungula imthetho yesifundazwe; kanye
(g)	nangokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi eyabelwe abaphethe isifundazwe ngokoMthethosisekelo noma ngokoMthetho wePhalamende.
(3)	Isifundazwe sinamandla okuphatha ngokwesigatshana(2)(d)	kufike lapho ibanga lalawa mandla lencike ekutheni isifundazwe sinekhono yini ukuphatha ngempumelelo. Uhulumeni kazwelonke, ngokuthi asebenzise izinyathelo zomthetho noma ezinye, kufanele asize izifundazwe ukuthi zenze ikhono elidingekayo lokuphatha ukuze zisebenzise ngempumelelo amandla nemisebenzi yazo ekubhekiswe kuyo esigatshaneni(2).
(4)	Noma iyiphi inqxabano evelayo maqondana nekhono namandla esifundazwe okuphatha mayelana nanoma yimuphi umsebenzi, kufanele yedluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze ixazululwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokwedluliselwa kuMkhandlu.
(5)	Ngokushiwo yisigaba 100, ukusetshenziswa kwemithetho yesifundazwe
kungamandla okuphatha aphelele esifundazwe kuphela.
(6)	Isigungu esiphethe sesifundazwe kufanele sisebenze ngokulandela –
(a)	uMthethosisekelo; kanye
(b)	nomthethosisekelo wesifundazwe, uma umthethosisekelo sewamukelwe yisifundazwe.
Ukwabiwa kwemisebenzi
126.	Ilungu loMkhandlu oPhethe wesifundazwe lingabela uMkhandlu sikaMasipala, noma yimaphi amandla okufanele asetshenziswe noma umsebenzi okufanele	wenziwe, ngokoMthetho wePhalamende, noma ngokoMthetho wesifundazwe.	Ukwabiwa –
kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu loMkhandlu oPhethe kanye noMkhandlu kaMasipala;
kufanele kuhambisane nomthetho ophathelene nokusetshenziswa nokwenziwa kwalawo mandla noma umsebenzi; futhi 
(c)	kuqala ukusebenza ngemuva kokumenyezelwa nguNdunankulu.
Amandla nemisebenzi kaNdunankulu
127.	(1)	UNdunankulu unamandla nemisebenzi okubekwe kuleso sikhundla
nguMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho.
(2)	UNdunankulu wesifundazwe ubhekele okulandelayo -
(a)	ukwamukela nokusayina iMithethosivivinywa;
(b)	ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva kwisishayamthetho sesifundazwe ukuze kubuyekezwe ukuhambisana kwawo nomthethosisekelo;
(c)	ukudlulisela uMthethosivivinywa eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;
(d)	ukubizela isishayamthetho emhlanganweni ongejwayelekile ukuze senze umsebenzi okhethekile;
(e)	ukumisa amakhomishana ophenyo; kanye
(f)	nokumemezela uhlololuvo esifundazweni ngokulandela umthetho kazwelonke.
Ukukhethwa kukaNdunankulu
128.	(1)	Emhlanganweni wawo wokuqala ngemuva kokhetho, nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe umuntu wesifazane noma wesilisa phakathi kwamalungu awo ukuthi abe nguNdunankulu wesifundazwe.
(2)	UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele ukhetho lukaNdunankulu. Inqubo elandelwayo ebekwe engxenyeni A kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni kuka Ndunankulu
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 10 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.)
(3)	Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakedluli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuvela kwesikhala. 
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 10 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.)
Ukuqala ukusebenza kukaNdunankulu
129.	Umuntu okhethelwe isikhundla sikaNdunankulu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaNdunankulu zingakapheli izinsuku ezinhlanu ekhethiwe, ngokufunga noma ukuqinisekisa ukwethembeka kuRephabhliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli 2.
Isikhathi esihlalwa esikhundleni nokususwa koNdunankulu
130.	(1)	Isikhathi sikaNdunankulu sokuba sesikhundleni siqala lapho uNdunankulu engena esikhundleni uma kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu eqala umsebenzi wobuNdunankulu.
(2)	Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoNdunankulu ngaphezulu kwamahlandla amabili, kodwa uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni sobuNdunankulu, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa
njengesikhathi sobuNdunankulu kulowo muntu.
(3)	Isishayamethetho sesifundazwe, ngesivumelwano esithathwe ngokusekwa yivoti okungenani lamalungu aso amabili kwamathathu, singasusa esikhundleni uNdunankulu kuphela ngenxa yezizathu –
(a)	zokwephulwa okubucayi koMthethosisekelo noma umthetho;
(b)	zokuziphatha kabi; noma
(c)	zokwehluleka ukwenza imisebenzi yesikhundla leso.
(4)	Noma yimuphi umuntu osuswe esikhundleni sokuba nguNdlunankulu ngokwesigatshana(3)(a)	noma u-(b)	akanukuthola	zinzuzo zaleso sikhundla, futhi akavunyelwe ukusebenza kunoma yiliphi ihhovisi likahulumeni.
IBamba likaNdunankulu
131.	(1)	Uma UNdunankulu engekho noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi
kaNdunankulu; noma kunesikhala esikhundleni sikaNdunankulu, isiphathimandla singabamba njengoNdunankulu ngokulandelana okungezansi:
(a)	Ilungu lesiGungu esiPhethe eliqokwe nguNdunankulu.
(b)	Ilungu lesiGungu esiPhethe eliqokwe ngamanye amalungu oMkhandlu.
(c)	USomlomo, isishayamthetho size siqoke omunye wamalungu aso.
(2)	IBamba likaNdunankulu linezibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu.
(3)	Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu iBamba likaNdunankulu kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kwiRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli 2.
Imikhandlu ePhethe
132.	(1)	ImiKhandlu ePhethe yakhiwe nguNdunankulu, njengenhloko yoMkhandlu, kanye namalungu angengaphansi kwamahlanu nangengaphezulu kwayishumi aqokwe nguNdunankulu phakathi kwamalungu esishayamthetho sesifundazwe.
(2)	Undunankulu wesifundazwe uqoka amalungu oMkhandlu oPhethe, awanikeze amandla kanye nemisebenzi yawo, futhi angawasusa.
Ukuphendula nokuba nezibopho
133.	(1)	Amalungu oMkhandlu oPhethe esifundazwe anesibopho ngemisebenzi
yomkhandlu ethweswe yona nguNdunankulu.
(2)	Amalungu oMkhandlu oPhethe esifundazwe aphendula ehlangene kanyekanye nanjengelungu ngalinye kusishayamthetho mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenziwa kweemisebenzi yawo.
(3)	Amalungu oMkhandlu oPhethe wesifundazwe kufanele –
(a)	asebenze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi uma umthethosisekelo wesifundazwe uvunyiwe esifundazweni, nangokuhambisana nalowo mthethosisekelo; futhi
(b)	anikeze isishayamthetho imibiko ephelele nelethwa njalo mayelana nezindaba ezilawulwa yiwo.
Ukuqhubeka koMkhandlu oPhethe ngemuva kokhetho
134.	Uma kwenziwe ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, uMkhandlu oPhethe wesifundazwe, namalungu aqhubeka ekwazi ukuba asebenze aze umuntu okhethwe yisishayamthetho esilandelayo waba uNdunankulu athathe isikhundla.
Izifungo neziqinisekiso
135.	Ngaphambi kokuthi amalungu oMkhandlu oPhethe wesifundazwe aqale ukwenza imisebenzi yezikhundla zawo, kufanele afunge noma aqinisekise ukuthi azokwethembeka kuRiphabhuliki futhi athobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana neSheduli 2.
Ukuziphatha kwamalungu oMkhandlu oPhethe
136.	(1)	Amalungu oMkhandlu oPhethe wesifundazwe kufanele asebenze ngokulandela uhlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.
(2)	Amalungu oMkhandlu oPhethe wesifundazwe akufanele –
(a)	enze omunye umsebenzi okhokhelwayo;
(b)	aziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zawo, noma azibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi abonakale enobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezintshisekelo zawo zomsebenzi nezintshisekelo	zawo zangasese;
(c)	asebenzise isikhundla sawo noma yiluphi ulwazi aluphathisiwe, ukuzinothisa noma ukwenzela omunye umuntu inzuzo ngendlela engafanele.
Ukwedluliswa kwemisebenzi
137.	UNdunankulu angedlulisela elungwini loMkhandlu oPhethe ngokusebenzisa isimemezelo –
(a)	ukusetshenziswa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma
(b)	yinoma yimaphi amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.
Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana
138.	UNdunankulu wesifundazwe anganikeza ilungu loMkhandlu oPhethe noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.
Ukungenela kwesifundazwe kuhulumeni wendawo
139.	(1)	Uma umasipala engakwazi noma engagcwalisi izibopho zakhe zokuphatha ngokoMthethosisekelo noma ngokomthetho, umkhandlu ophethe othintekayo ungalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho lezo, kubandakanya –
(a)	ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu kaMasipala, esichaza ibanga lokwehluleka ukufeza izibopho zawo	futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kuhlangatshezwe izibopho zawo.
(b)	ukuzithathela umsebenzi wezibopho ezithintekile kulewo masipala ngendlela edingekile ukuze –
kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga okungenakuyiwa ngapahnsi kwawo okunikezwa kwezidingo;
kunqandwe lewo Mkhandlu kaMasipala ukuze ungathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza izintshisekelo zomunye umasipala noma zesifundazwe sonke; noma
kugcinwe ubumbano lomnotho; noma
kuhlakazwe uMkhandlu kaMasipala bese kubekwa umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha, uma izinyathelo ezikhethekile zisidinga isinyathelo esinjengalesi.
(2)	Uma umkhandlu ophethe wesifundazwe ungena udaba lukamasipala ngokwesigatshana(1)(b)	–	
(a)	kufanele ulethe isaziso esibhaliwe sokungena udaba 
elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni bendawo; kanye
nakusishayamthetho esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe,
kungakapheli izinsuku ezi-14 ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba;
(b)	ukungenwa kodaba kufanele kuphele uma –
ilungu leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni bendawo likugxeka ukungenwa kodaba kungakapheli izinsuku ezingama-28 ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi lingakakuvumeli ukungenwa kodaba; noma
uMkhandlu ukugxeka ukungenwa kodaba kungakapheli izinsuku eziyi-180 ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi ungakakuvumeli ukungenwa kodaba; futhi 
(c)	uMkhandlu kufanele, ngenkathi ukungenwa kodaba kusaqhubeka, ubukeze ukungenwa lokho njalo futhi ungenza noma yiziphi iziphakamiso ezifanele kusishayamthetho sesifundazwe.
(3)	Uma uMkhandlu kaMasipala uhlakazhwa ngokwesigatshana(1)(c)- 
(a)	abaphethe esifundazweni kufanele masishane balethe isaziso esibhaliwe sokuchithwa – 
(i)	elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni bendawo; kanye
(ii)	nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; futhi
(b)	ukuhlakazwa kwenzeka ezinsukwini eziyi-14 ukusuka osukwini lokuthola isaziso nguMkhandlu ngaphandle kwalapho sibekelwe eceleni yilelo lungu leKhabhinethi noma nguMkhandlu ngaphambi kokuphela kwalezo zinsuku eziyi-14. 
(4)	Uma umasipala engakwazi noma engazifezi izibopho ngokoMthethosisekelo noma ngokomthetho zokuvumela isabelozimali noma yizizphi ezinye izinyathelo zokungenisa imali ezidingekayo ukuphumelelisa ukusetshenziswa kwesabelozimali, abaphathi besifundazwe abafanele kufanele bangene udaba ngokuthatha noma yiziphi izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi isabelozimali noma lezo zinyathelo zokungenisa imali ziyavunywa, kubandakanya nokuchithwa koMkhandlu kaMasipala futhi –
baqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi
bavume isabelozimali sesikhashana noma izinyathelo zokungenisa imali ukubonelela ukusebenza okuqhutshekiswayo kukamasipala.
(5)	Uma umasipala, ngenxa yesixakaxaka ezindabeni zakhe zezezimali, ephula noma elokhu ebelesela ukwephula izibopho zakhe zokunikeza izidingo eziyisisekelo noma ukuhlangabeza izivumelwano zakhe zezezimali, noma uma evuma ukuthi akakwazi ukuhlangabeza izibopho zakhe noma izivumelwano zezezimali, abaphathi besifundazwe abafanele kufanele –	
(a)	babeke uhlelo lokusindisa oluqondiswe ekuqiniseni ikhono likamasipala lokuhlangabezana nezibopho zakhe zokunikeza izidingo eziyisisekelo	noma izivumelwano zezezimali, okufanele – 
silungiswe ngokulandela umthetho kazwelonke; futhi 
lubophelele umasipala ekwenzeni igunya lakhe langokomthetho nelokuphatha, kodwa kugcine kuphela lapho kudingeka khona ukuze kuxazululwe isixakaxaka ezindabeni zakhe zezezimali; futhi
(b)	bahlakaze uMkhandlu kaMasipala, uma umasipala engakwazi noma engazivumi izinyathelo zomthetho, kubandakanywa isabelozimali noma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali, ezidingekayo ukuze kwenziwe uhlelo lokusindisa, futhi – 
baqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwa ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi 
bavumele isabelozimali sesikhashana noma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali zesikhashana ukuze kwenziwe uhlelo lokusindisa ukubonelela ukusebenza okuqhutshekiswayo kukamasipala; noma 
(c)	uma uMkhandlu kaMasipala engachithwa ngokwendima(b), bathathe umthwalo wokwenziwa kohlelo lokusindisa kuze kugcine lapho umasipala engakwazi noma ngokunye engalwenzi uhlelo lokusindisa. 
(6)	Uma abaphathi besifundazwe bengena udaba kumasipala ngokwesigatshana(4)	noma sesi-(5), kufanele balethe isaziso esibhaliwe	sokungenwa kodaba – 
elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni bendawo; kanye 
nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, 
kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kokuqala kokungenwa kodaba.
(7)	Uma abaphathi besifundazwe bengakwazi noma bengakwenzinoma bengawasebenzisi ngokwenele amandla noma benza imisebenzi okubhekisw ekuyo ezigatshaneni(4)	noma(5), abaphathi bakazwelonke kufanele balungene udaba ngokwesigatshana(4)	noma(5)	esikhundleni sabaphathi besifundazwe abafanele.
(8)	Umthetho kazwelonke ungaphatha ngokusemthethweni ukwenziwa kwalesi sigaba, kubandakanya nezinqubo ezisungulwe yilesi sigaba.
[Isigaba 139 indawo yaso ithathwe yisigaba 4 soMthetho weShumi naNye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2003.]
Izinqumo zoMkhandlu oPhethe
140.	(1)	Isinqumo sikaNdunankulu kufanele sibhalwe phansi uma – 
sithathwe ngokomthetho; noma	
sinemiphumela yasemthethweni.
(2)	Isinqumo esibhalwe nguNdunankulu kufanele siphinde sisayinwe ngelinye ilungu loMkhandlu oPhethe uma ngabe leso sinqumo sithinta umsebenzi onikezwe lelo lungu elinye.
(3)	Izimemezelo, imithetho kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi eshayelwe isifundazwe kufanele zikwazi ukufinyelelwa ngumphakathi.
(4)	Umthetho wesifundazwe ungacacisa indlela, kanye nebanga imithombo yemithetho eshiwo kusigatshana(3)	okufanele -
(a)	ibekwe ngalo phambi kwesishayamthetho sesifundazwe; futhi
(b)	yamukelwe yisishayamthetho sesifundazwe.
Iziphakamiso zokungethembeki
141.	(1)	Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uMkhandlu oPhethe ngaphandle kukaNdunankulu, awusathembekile kusishayamthetho, uNdunankulu kufanele awakhe kabusha uMkhandlu.
(2)	Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uNdunankulu akasethembekile kusona, uNdunankulu namanye amalungu oMkhandlu oPhethe kufanele bashiye izikhundla.
Imithethosisekelo yezifundazwe
Ukwamukelwa kwemithethosisekelo yezifundazwe
142.	Isishayamthetho sesifundazwe singemukela umthethosisekelo wesifundazwe noma, lapho kungenzeka khona, siwuguqule umthethosisekelo waso, uma okungenani ababili kwabathathu bamalungu aso bevote beseka uMthethosivivinywa.
Okuqukethwe ngumthethosisekelo wesifundazwe.
143.	(1)	Umthethosisekelo wesifundazwe, noma isichibiyelo somthethosisekelo, akufanele kungahambisani naloMthethosisekelo, kodwa kungahlinzekela –
(a)	izinhlaka zesifundazwe zokushaya imithetho nezokuphatha nezinqubo ezilandelwayo ezehlukile kulezo ezihlinnzekelwe kulesi Sahluko; noma
(b)	ubukhosi bendabuko, iqhaza labo, amagunya kanye nesimo sesikhundla senkosi yendabuko, lapho kusebenza khona lokho.
(2)	Amalungiselelo afakwe kumthethosisekelo wesifundazwe noma oguqukweni lomthethosisekelo ngokwendima(a)	noma(b)	yesigatshana(1)	
(a)	kufanele ahambisane nesigaba 1 kanye neSahluko 3; futhi
(b)	azinakunikeza isifundazwe noma yimaphi amandla noma imisebenzi ewela –
(i)	ngaphandle kwezinga lamandla esifundazwe ngokweSheduli 4 noma eyesi-5; noma
(ii)	ngaphandle kwamandla nemisebenzi enikezwe isifundazwe ngezinye izigaba zoMthethosisekelo.
Ukuqinisekiswa komthethosisekelo wesifundazwe
144.	(1)	Uma isishayamthetho sesifundazwe sesamukele noma saguqula umthethosisekelo, uSomlomo wesishayamthetho kufanele ahambise umbhalo woMthethosisekelo noma woguqulo	loMthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze uqinisekiswe.
(2)	Akukho mbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma uguqulo lomthethosisekelo oba ngumthetho ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise –
(a)	ukuthi umbhalo wamukelwe ngokulandela isigaba 142; kanye
(b)	nokuthi wonke umbalo uhambisana nesigaba 143.
Ukusayinwa, ukushicilelwa nokugcinwa ngokuphepha kwemithethosisekelo yesifundazwe
145.	(1)	UNdunankulu wesifundazwe kufanele avume futhi asayine umbhalo
womthethosisekelo wesifundazwe noma uguqulo lomthethosisekelo oseluqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo.
(2)	Umbhalo ovunyiwe wasayinwa nguNdunankulu kufanele ushicilelwe kusoMqulu kaHulumeni kazwelonke futhi uqala ngokushicilelwa kwawo noma
ngosuku lwakamuva olunqunywe ngokwalowo mthethosisekelo noma uguqulo
lomthethosisekelo.
(3)	Umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma woguqulo lomthethosisekelo osayiniwe ungubufakazi obuphelele bezimiso zawo futhi, emva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuba iwugcine ngokuphepha.
Ukungqubuzana koMthetho
Ukungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nomthetho wesifundazwe
146.	(1)	Lesi sigaba sisebenza lapho kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nowesifundazwe okungena emsebenzini owenziwayo ngokokukleliswe kuSheduli 4.
(2)	Umthetho kazwelonke osebenza ngendlela efanayo ezweni lonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma noma yimiphi yemibandela elandelayo ihlangatsheziwe:
(a)	Umthetho kazwelonke uphathelene nodaba olungakwazi ukulawulwa ngokusemthethweni ngendlela efanele ngemithetho eshaywe yizifundazwe	ezilandelanayo ngazinye .
(b)	Umthetho kazwelonke udingida udaba okuthi, ukuze ludingidwe ngempumelelo, ludinge ukwenziwa kwezinto ngendlela efanayo ezweni lonke, futhi umthetho kazwelonke unikeza lokho kufana ngokuthi umise –
(i)	izinkambiso namazinga;
(ii)	izinhlaka; noma
(iii)	imigomo kazwelonke.
(c)	Umthetho kazwelonke udingelwa –
(i)	ukugcinwa kokuphepha kwesizwe;
(ii)	ukugcinwa kobumbano lwezomnotho;
(iii)	ukuvikelwa kwezimakethe ezihlanganyelwe mayelana nokunyakaza kwempahla, izidingo zomphakathi, izimali kanye namandla okusebenza;
(iv)	ukukhuthazwa izenzo zomnotho nangale kwemingcele yezifundazwe;
(v) ukukhuthazwa kwamathuba alinganayo kanye nokufinyelelwa okufanayo kwezidingo zomphakathi zikahulumeni; noma
(vi) ukuvikelekwa kwedawo okuphilwa kuyo.
(3)	Umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma umthetho kazwelonke uqondiswe ekunqandeni izenzo ezingafanele zesifundazwe –
(a)	ezingakhinyabeza umnotho, impilo noma izidingo zokuphepha zesinye isifundazwe noma zezwe lonke; noma
(b)	ezicindezela ukwenziwa kwemigomo kazwelonke yomnotho.
(4)	Lapho kukhona ingxabano mayelana nokuthi ngabe umthetho kazwelonke uyadingeka yini ngokwenhloso ebekwe kusigatshana(2)(c)	futhi naleyo ngxabano ivela ngaphambi kwenkantolo ukuze ixazulululwe, inkantolo kufanele ibe nokunaka okufanele ngokuvunywa noma ukwenqatshwa komthetho nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
(5)	Umthetho wesifundazwe ubusa umthetho kazwelonke uma isigatshana(2)	noma sesi-(3)	singasebenzi.
(6)	Umthetho oshaywe ngokoMthetho wePhalamende noma uMthetho
wesifundazwe ungabusa kuphela uma lowo mthetho wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
(7)	Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungafinyeleli isinqumo kungakapheli izinsuku ezingama-30 zokuhlangana kwawo kokuqala ngemuva kokuba umthetho wedluliselwe kuwona, lowo mthetho kufanele uthathwe ngokuthi ngazo zonke izinhloso wamukelwe uMkhandlu.
(8)	Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungawemukeli umthetho odluliselwe kuwona ngokwesigatshana(6), kufanele, kungakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kwesinqumo sawo, uthumele izizathu zokungawemukeli umthetho kuleso siphathimandla esadlulisela lowo mthetho kuwo.
Okunye ukungqubuzana
147.	(1)	Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nesimiso
somthethosisekelo wesifundazwe mayelana –
(a)	nodaba oluthinta loMthethosisekelo ngqo oludinga noma oluhlongoza ukushaywa komthetho kazwelonke, umthetho kazwelonke uyabusa ngaphezu kwaleso simiso somthethosisekelo wesifundazwe esithintekile;
(b)	nokungena udaba ngokomthetho kazwelonke ngokwesigaba 44(2), umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kwesimiso somthethosisekelo wesifundazwe; noma
(c)	nodaba oluphakathi kwemisebenzi ekleliswe kuSheduli 4, isigaba 146 sisebenza sengathi isimiso esithintekile somthethosisekelo wesifundazwe singumthetho wesifundazwe okubhekiswe kuwo kuleso sigaba.
(2)	Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigabeni 44(2)	ubusa ngaphezu komthetho wesifundazwe mayelana nezindaba eziphakathi kwemisebenzi ekleliswe kuSheduli 5.
Ukungqubuzana okungaxazululeki
148.	Uma ingxabano ehlangene nokungqubuzana ingakwazi ukuxazululwa yinkantolo,
umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe noma komthethosisekelo wesifundazwe. 
Isimo somthetho ongasebenzi ngaphezu komunye
149.	Isinqumo senkantolo sokuthi umthetho ubusa ngaphezulu komunye umthetho asiwuqedi lowo mthetho omunye, kodwa lowo mthetho omunye awube usasebenza ngesikhathi ukungqubuzana kusekhona.
Ukuhunyushwa kokungqubuzana
150.	Uma idingida ukungqubuzana okungathi kukhona phakathi komthethto kazwelonke nowesifundazwe, noma phakathi komthetho kazwelonke nomthethosisekelo wesifundazwe, zonke izinkantolo kufanele ziqoke noma yikuphi ukuhunyushwa okufanele komthetho noma komthethosisekelo okuvimbela ukungqubuzana, ngaphezu kokunye ukuhunyushwa okungaba nophumela wokungqubuzana.
ISAHLUKO 7
UHULUMENI WENDAWO
Ukuma komasipala
151.	(1)	Umkhakha wendawo kahulumeni uqukethe omasipala, okufanele bamiswe kuyo yonke indawo yaseRiphabhuliki.
(2)	Igunya lokuphatha nelokushaya imithetho likamasipala libekwe kuMkhandlu wakhe kaMasipala. 
(3)	Umasipala unelungelo lokubusa, ngokwamandla aziqalisele wona, izindaba zikahulumeni wendawo zomphakathi wakhe, ngendlela ehambisana nomthetho kazwelonke nowesifundazwe njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo.
(4)	Uhulumeni kazwelonke noma wesifundazwe akufanele abeke ebucayini noma akhinyabeze ikhono noma ilungelo likamasipala lokusebenzisa amandla akhe noma lokwenza imisebenzi yakhe.
Izinjongo zikahulumeni wendawo
152.	(1)	Izinjongo zikahulumeni wendawo	–
(a)	ukuhlinzekela ukubusa ngokwenqubo yentando yeningi nokuphendulayo emiphakathini yezindawo;
(b)	ukuqinisekisa ukuhlinzekelwa kwezidingo emiphakathini ngendlela ekwazi ukuqhutshekiswa;
(c)	ukugqugquzelela ukuthuthuka kwezokuhlalisana nakwezomnotho;
(d)	ukugqugquzelela indawo okuphilwa kuyo ephephile nephilile; kanye
(e)	nokukhuthaza ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ezindabeni zikahulumeni wendawo.
(2)	Umasipala kufanele azame, kangangoba euvunyelwa yizimali kanye namandla okwengamela imisebenzi, ukufeza izinjongo ezibekwe kusigatshana(1).
Izibopho zomasipala zokuthuthukisa indawo
153.	Umasipala kufanele –
akhe futhi aphathe iminyango yakhe eyahlukene nezinqubo zokwabiwa kwezimali nokuhlelwa kwezinto ukuze ubeke phambili izidingo zomphakathi eziyisiseko, kanye nokugqugquzelela ukuthuthukiswa komphakathi kwezokuhlalisana nakwezomnotho; futhi
abambe iqhaza ezinhlelweni zikazwelonke nezezifundazwe zentuthuko.
Omasipala ekubuseni ngokubambisana 
154.	(1)	Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo, kufanele beseke futhi baqinise amandla omasipala okuphatha izindaba zabo, okusebenzisa amandla abo kanye nokwenza imisebenzi yabo.
(2)	Umthetho ohlongozwayo kazwelonke noma wesifundazwe ophathelene nokuma, izinhlangano, amandla noma imisebenzi yohulumeni bendawo kufanele ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo ngaphambi kokuthi wethulwe ePhalamende noma kushayamthetho sesifundazwe, ngendlela evumela uhulumeni wendawo ohlelekile, omasipala kanye nabanye abantu abanentshisekelo, ithuba lokwethula iziphakamiso mayelana nomthetho ohlongozwayo.
Ukumiswa komasipala
155.	(1)	Kunalezi zinhlobo ezilandelayo zomasipala:
(a)	Uhlobo A: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho eligcwele njengomasipala endaweni yakhe.
(b)	Uhlobo B: Umasipala oshiyelana amandla okuphatha nawomthetho njengomasipala kanye nomasipala oluhlobo C awela ngaphansi kwendawo yakhe. 
(c)	Uhlobo C: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho endaweni efaka omasipala abangaphezu koyedwa.
(2)	Umthetho kazwelonke kufanele uchaze izinhlobo ezahlukene zikamasipala abangamiswa ngaphakathi kohlobo ngalunye lukamasipala.
(3)	Umthetho kazwelonke kufanele –
(a)	umise imigomo ezolandelwa ukunquma uma indawo kufanele ibe nomasipala oyedwa oluhlobo A lukamasipala noma uma kufanele ibe nomasipala abazinhlobo	zombili uhlobo B nohlobo u-C;
(b)	umise imigomo nenqubo ezolandelwa yokunqunywa kwemingcele yomasipala yisiphathimandla esizimele; kanye
(c)	ngokulandella isigaba 229, ahlinzekele ukwehlukaniswa ngendlela efanele amandla nemisebenzi phakathi komasipala lapho indawo inomasipala abazinhlobo zombili u-B no-C. Ukwahlukaniswa kwamandla nemisebenzi phakathi kohlobo u-B lukamasipala kanye nohlobo u-C lukamasipala kungehluka ekwahlukanisweni kwamandla nemisebenzi phakathi komunye umasipala oluhlobo B kanye nolukamasipala lowo oluhlobo C. 
(4)	Umthetho okubhekiswe kuwo kusigatshana(3)	kufanele uqikelele isidingo sokuhlinzekela imisebenzi kamasipala ngendlela elinganayo nekwazi ukuqhutshekiswa.
(5)	Umthetho wesifundazwe kufanele unqume ukuthi yiziphi izinhlobo ezahlukene zikamasipala okufanele zimiswe esifundazweni.
(6)	Uhulumeni wesifundazwe ngamunye kufanele amise omasipala esifundazweni sakhe ngendlela ehambisana nomthetho omiswe ngokwezigatshana u-(2)	no-(3), futhi ngokwezinyathelo zomthetho noma ezinye, kufanele –
ahlinzekele ukubhekwa nokwesekwa kukahulumeni wendawo esifundazweni; futhi 
agqugquzele ukwakhiwa kwekhono likahulumeni wendawo ukwenza	omasipala bakwazi ukwenza umsebenzi wabo baziphathele nezindaba zabo.
(6A) Uma imigomo ecatshangwa kusigatshana(3)(b)	ingakwazi ukufezwa ngaphandle komngcele kamasipala oqhubekela ngale komngcele wesifundazwe –
(a)	lowo mngcele unganqunyelwa ngale komngcele wesifundazwe, kuphela uma –
(i)	kunokuvumelana nezifundazwe ezithintekayo; kanye
(ii)	nangemuva kokuba abaphathi bezifundazwe lezo begunyazwe ngumthetho kazwelonke ukuthi bamise umasipala ngaphakathi kwaleyo ndawo kamasipala; 
	(b)	umthetho kazwelonke –
(i)	ngokulandela isigatshana(5), ungahlinzekela ukumiswa kuleyo ndawo kukamasipala oluhlobo okuvunyelenwe ngalo phakathi kwezifundazwe ezithintekayo;
(ii)	unganikeza uhlaka lokusetshenziswa kwegunya lokuphatha lesifundazwe kuleyo ndawo kamasipala kanye namayelana nalowo masipala; futhi
(iii)	uhlinzekele ukunqunywa kabusha kwemingcele yomasipala lapho esinye sezifundazwe sihoxisa ukweseka kwaso umngcele kamasipala onqunywe ngokwendima(a).
[Isigatshana(6A) sifakwe yisigaba 1 soMthetho wesiThathu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998 saphinde sasuswa yisigaba 2 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2005.]
(7)	Uhulumeni kazwelonke, ngokulandela isigaba 44, nohulumeni bezifundazwe	banegunya lomthetho nelokuphatha ukubonelela ukwenziwa ngempumelelo komsebenzi ngomasipala mayelana nezindaba ezikleliswe kumaSheduli 4 no-5, ngokuphatha ngokusemthethweni ukusetshenziswa ngomasipala kwegunya labo lokuphatha okubhekiswe kulo kusigaba 156(1).
Amandla nemisebenzi yomasipala
156.	(1)	Umasipala unegunya lokuphatha, futhi unelungelo lokwengamela, –
(a)	izindaba zikahulumeni wendawo ezikleliswe kuNgxenye B kaSheduli 4 kanye neNgxenye B kaSheduli 5; kanye
(b)	nanoma yiluphi olunye udaba alwabelwe ngumthetho kazwelonke noma wesifundazwe.
(2)	Umasipala angashaya futhi engamele imithetho yendawo ngenhloso yokuphatha ngempumelelelo izinto anelungelo lokuziphatha.
(3)	Ngokulandela isigaba 151(4), umthetho wendawo ongqubuzana nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe awukwazi ukusebenza. Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho wendawo nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe ongasebenzi ngenxa yokungqubuzana okubhekiswe kukho	esigabeni 149, umthetho wendawo kufanele uthathwe njengosebenzayo ngaso sonke isikhathi lowo mthetho ungasebenzi.
(4)	Uhulumeni kazwelonke nohulumeni wesifundazwe kufanele babele umasipala, ngokwesivumelwano nangaphansi kwanoma yiziphi izimiso, igunya lokwengamela udaba olubalwe kuNgxenye A kaSheduli 4 noma kuNgxenye A kaSheduli 5 oluphathelene nohulumeni wendawo, uma –
(a)	lolo daba lungenganyelwa kahle kakhulu ngaphansi kwendawo; futhi
(b)	uma umasipala enamandla okulwengamela lolo daba.
(5)	Umasipala unelungelo lokusebenzisa noma yimaphi amandla mayelana nodaba olubalulekile, noma oluncikene, nokwenziwa ngempumelelo komsebenzi	wakhe.
Ukwakheka nokukhethwa kweMikhandlu kaMasipala
157.	(1)	UMkhandlu kaMakasipala wakhiwe –
ngamalungu akhethwe ngokulandela izigatshana(2)	no-(3); noma 
uma kuhlinzekelwe ngumthetho kazwelonke –
(i)	amalungu aqokwe ngemunye iMikhandlu kaMasipala ukuba amele leyo Mikhandlu eminye; noma
(ii)	kokubili amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nendima(a)	futhi amalungu aqokwe ngokulandela indima engaphansana u-(i)	yale ndima.
[Isigatshana (1)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1(a)	soMthetho wesiShiyagalombili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002 kanye nayisigaba 3 soMthetho weShumi naNhlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
(2)	Ukukhethwa kwamalungu oMkhandlu kaMasipala njengoba kulindelwe esigatshaneni(1)(a), kufanele kulandele umthetho kazwelonke okufanele ubeke uhlelo –
(a)	lokumelwa ngokwenani lamavoti atholiwe olwesekelwe engxenyeni yalowo masipala yohlu lukazwelonke lwabavoti,noluhlinzekela ukukhethwa kwamalungu avela ohlwini lwabaphakanyiswe yiqembu ababekwe ukuthi balandelane ngokuthanda kweqembu; noma
(b)	lokumelwa ngokwenani lamavoti njengoba kuchazwe kusigaba(a)	oluhlanganiswe nohlelo lokumelwa ngamawadi olwesekelwe kuleyo ngxenye kamasipala yohlu lukazwelonke lwabavoti.
(3)	Uhlelo lokuvota ngokwesigatshana(2)	kufanele lube nomphumela wokuthi, ngokubanzi, kube nokumelwa ngokobungako benani lamavoti atholiwe.
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 1(b)	soMthetho weShumi nesiShiyagalombili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002.]
(4)	(a)Uma uhlelo lokhetho lubandakanya ukumelwa ngokwezifunda zedolobha, kufanele ukuklaywa kwezifunda zedolobha kwenziwe yinhlangano ezimele eqokwe ngokuthi kulandelwe, futhi nesebenza, ngokwezinqubo ezilandelwayo kanye nemigomo ebekwe ngumthetho kazwelonke.
(b)
[Indima b isuswe yisigaba 1(b) soMthetho weShumi nesiShiyagalombili sokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2005]
[Isigatshana (4)	indawo yaso ithathwe yisigatshana 2 soMthetho wesiThathu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
(5)	Umuntu angavota kumasipala kuphela uma ebhaliswe engxenyeni yalowo masipala yoluhlu lukazwelonke lwabavoti.
(6)	Umthetho kaZwelonke okubhekiswe kuwo kusigatshana(1)(b)	kufanele umise indlela evumela amaqembu kanye nezifiso ezivezwe ngaphansi koMkhandlu kaMasipala oqoka abantu, ukuba amelwe ngendlela efanele eMkhandlwini kaMasipala okuqokelwa kuwo.
Ubulungu boMkhandlu kaMasipala
158.	(1)	Zonke izakhamuzi ezinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaMasipala zingaba amalungu alowo Mkhandlu, ngaphandle –
kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni, noma osebenzela umasipala, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza kwakhe, futhi engazange akhululwe kulokhu kungavunyelwa ngokomthetho kazwelonke;
kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni ngumbuso, noma osebenzela umbuso, komunye umkhakha, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza kwakhe, futhi ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala ngokomthetho kazwelonke;
kwanoma ngubani ongavunyelwe ukuvotela uMkhandlu kaZwelonke noma ongavunyelwe ngokwesigaba 47(1)(c)(d)	noma u-(e)	ukuba yilungu loMkhandlu;
kwelungu loMkhandlu kaZwelonke, isithunywa soMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe; kodwa lokhu kungavunyelwa akuusebenzi elungwini loMkhandlu likaMasipala elimele uhulumeni wendawo eMkhandlwini kaZwelonke; noma
(e)	kwelungu lomunye uMkhandlu kaMasipala; kodwa lokhu kungavunyelwa akusebenzi elungwini loMkhandlu kaMasipala elimele lowo Mkhandlu komunye uMkhandlu kaMasipala wohlobo olwehlukile.
(2)	Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala ngokwesigatshana(1)(a),(b),(d), noma u-(e) angamela ukhetho loMkhandlu, ngaphansi kwanoma iyiphi imikhawulo nezimiso ezimiswe ngumthetho kazwelonke.
(3)	Izikhala zomsebenzi kuMkhandlu kaMasipala mazigcwaliswe ngokwemigomo yomthetho kazwelonke.
[Isigatshana 3 singezwe yisigaba 4 soMthetho weshumi naNhlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
Isikhathi soMkhandlu kaMasipala 
159.	(1)	Isikhathi soMkhandlu kaMasipala asinakuba ngaphezulu kweminyaka emihlanu, ngokomthetho kazwelonke.
Uma uMkhandlu kaMasipala uhlakazwa ngokomthetho kazwelonke, noma lapho kuphela isikhathi sawo, kufanele kwenziwe ukhetho zingakapheli izinsuku ezingama-90 zosuku uMkhandlu owahlakazwa ngalo noma kwaphela isikhathi sawo.
UMkhandlu kaMasipala, ngaphandle koMkhandlu ohlakazwe kulandela ukungenela ngokwesigaba 139, uhlala ukulungele ukusebenza ukusuka ngeiskhathi uhlakazwa noma kuphela isikhathi sawo, kuze kube sekumenyezelwe ukukhethwa koMkhandlu osanda kukhethwa.
[Isigaba 159 indawo yaso ithathwe yisigaba 1 soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
Izinqubo ezilandelwayo zangaphakathi
160.	(1)	UMkhandlu kaMasipala –
uthatha izinqumo eziphathelene nokusetshenziswa kwamandla kanye nokwenziwa kwayo yonke imisebenzi kamasipala;
kufanele ukhethe usihlalo wawo;
[Usuku lokuqala ukusebenza kwendima u-(b): 30 Nhlangulana 1997.]
ungakhetha ikomiti eliphethe kanye namanye amakomiti, ngokomthetho kazwelonke; futhi
ungaqasha abasebenzi abadingekayo ukuze kwenziwe	umsebenzi wawo ngempumelelo.
(2)	Imisebenzi elandelayo ayinakugunyazwa nguMkhandlu kaMasipala:
(a)	ukushaywa kwemithetho kamasipala;
(b)	ukuvunywa kwezabelozimali;
(c)	ukubekwa kwezintela ezikhokhela imisebenzi eyenziwe kanye nezinye zolunye uhlobo, izintela ezikhokhelwa okuthile kanye nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile; kanye
(d)	nokufaka isicelo semali ebolekwayo.
(3)	(a)	Iningi lamalungu oMkhandlu kamasipala kufanele libe khona ngaphambi kokuthathwa kwevoti nganoma yiluphi udaba.
(b)	Yonke imibuzo ephathelene nezindaba eziphawulwe kusigatshana(2)	inqunywa ngesinqumo esithathwe uMkhandlu kaMasipala ube wesekwe yivoti leningi lamalungu awo.
(c)	Yonke eminye imibuzo engaphambili koMkhandlu kaMasipala ithathelwa isinqumo ngokweningi lamavoti afakiwe.
(4)	Akukho mthetho kamasipala ongavunywa uMkhandlu kaMasipala ngaphandle kokuthi -
(a)	wonke amalungu oMkhandlu aziswe kusenesikhathi esifanele; futhi
(b)	umthetho kamasipala ohlongozwayo ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo.
(5)	Umthetho kazwelonke ungahlinzekela indlela yokunquma –
(a)	ubungako bomkhandlu kaMasipala;
(b)	ukuthi ngabe uMkhandlu kaMasipala ungaliqoka yini ikomiti eliphethe	noma yimaphi amanye amakomiti; noma
(c)	ubungako bekomiti eliphethe nobanoma yiliphi elinye ikomiti loMkhandlu kaMasipala; 
(6)	UMkhandlu kaMasipala ungashaya imithetho kamasipala ebeka imitheshwana kanye nemiyalo –
(a)	yamalungiselelo awo angaphakathi;
(b)	yemisebenzi yawo kanye nekwenzayo; kanye
(c)	neyokumiswa, ukwakhiwa, izinqubo, amandla kanye nemisebenzi yamakomiti awo.
(7)	UMkhandlu kaMasipala kufanele wenze umsebenzi wawo obala, futhi ungavala ukuhlangana kwaso, noma kwamakomiti awo, kuphela uma kufanelekile ukwenza lokho kube kucophelelwa ubunjalo bodaba olusuke ludingidwa.
(8)	Amalungu oMkhandlu kaMasipala anegunya lokubamba iqhaza ekokuqhubekayo kuwo kanye nasemakomitini awo ngendlela –
(a)	evumela amaqembu kanye nezintshisekelo ezikhonjiswa ngaphakathi koMkhandlu ukuba kumelwe ngendlela efanele.
(b)	ehambisana nentando yeningi; kanye
(c)	nengahle ikwazi ukuphathwa ngokomthetho kazwelonke.
Amalungelomvumo
161.	Umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke ungahlinzekela amalungelomvume nokuvikeleka kweMikhandlu kaMasipala namalungu ayo.
Ukushicilelwa kwemithetho kamasipala 
162.	(1)	Umthetho kamasipala wendawo ungaphoqelelwa kuphela ngemuva kokuthi
ushicelelwe ephephandabeni likahulumeni laleso sifundazwe esifanele.
(2)	Iphephandaba likahulumeni lesifundazwe kufanele lishicilele umthetho kamasipala wendawo lapho licelwa ngumasipala.
(3)	Imithetho kamasipala wendawo kufanele ikwazi ukufinyelelwa ngumphakathi.
Uhulumeni wendawo ohlelekile
163.	UMthetho wePhalamende oshaywe ngokwenqubo elandelwayo esungulwe yisigaba 76 kufanele –
(a)	uhlinzekele ukwaziswa ngokomthetho kwezinhlangano zikazwelonke nezesifundazwe ezimele omasipala;
(b)	umise inqubo engavumela uhulumeni wendawo ukuba –
(i)	abonisane nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe;
(ii)	akhombe abazommela babambe iqhaza kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; futhi 
(iii)	abambe iqhaza kunqubo ebekwe emthethweni kazwelonke ocatshangwayo esigabeni 221(1)	(c )
[Isigaba 163 indawo yaso ithathwe yisigaba 4 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Ezinye izindaba
164.	Noma yiluphi udala oluphathelene nohulumeni wendawo olungadingidwanga kuMthethosisekelo lungabekwa ngumthetho kazwelonke noma ngumthetho wesifundazwe ngaphakathi kohlaka lomthetho kazwelonke.
ISAHLUKO 8
IZINKANTOLO NOKUPHATHWA KWEZOBULUNGISWA
Igunya lokuphatha umthetho
165.	(1)	Igunya lokuphathwa komthetho waseRiphabhuliki libekwe ezinkantolo.
(2)	Izinkantolo zizimele, futhi zisebenza ngokuholwa kuphela nguMthethosisekelo nomthetho, okufanele ziwusebenzise ngokungavuni hlangothi futhi ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ukukhetha.
(3)	Akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele iphazamise ukusebenza kwezinkantolo.
(4)	Izingxenye zombuso, kufanele zisize futhi zivikele izinkantolo ukuze ziqinisekise ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi, ukufinyeleleka kanye nokusebenza ngendlela efanele kwezinkantolo, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo.
(5)	Umyalo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo sibopha bonke abantu kanye nezingxenye zombuso esisebenza kubo.
Uhlelo lwezinkantolo
166.	Izinkantolo yilezi -
(a)	iNkantolo yoMthethosisekelo;
(b)	iNkantolo eNkulu	okwedluliselwa kuyo amacala;
(c)	iziNkantolo eziPhakeme, kubandakanya noma iyiphi inkantolo enkulu yokwedlulisela amacala engamiswa nguMthetho wePhalamende ukuze iqule amacala adlulisiwe avela eziNkantolo eziPhakeme;
(d)	iziNkantolo zoMantshi; kanye
(e)	nanoma yiziphi ezinye izinkantolo ezimiswe noma ezamukelwe ngokoMthetho wePhalamende, kubandakanya noma yiziphi izinkantolo ezisezingeni elifanayo neleziNkantolo eziPhakeme noma iziNkantolo zoMantshi.
Inkantolo yoMthethosisekelo
167.	(1)	INkantolo yoMthethosisekelo iqukethe uMongameli wamaJaji aseNiningizimu Afrika, iPhini likaMongameli wamaJaji kanye namanye amajaji ayisishiyagalolunye.
[Isigatshana (1)	indawo yaso ithathwe yisigaba 11 soMthetho weShumi naNye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	Udaba oluphammbi kweNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lwethanyelwe ngamajaji ayisishiyagalombili okungenani.
(3)	INkantolo yomthethosisekelo –
(a)	iyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezinye kuzo zonke izindaba zomthethosisekelo;
(b)	inganquma kuphela ngezindaba zomthethosisekelo; kanye nangezingqinamba ezixhumene nezinqumo ezimayelana nezindaba zomthethosisekelo; futhi
(c)	ithatha isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi ngabe udaba luwudaba lomthethosisekelo noma ingqinamba ihlangene yini nesinqumo sodaba lomthethosisekelo.
(4)	YiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela –
(a)	enganquma ngezingxabano ezingaba khona phakathi kwezingxenye zombuso zikazwelonke noma zesifundazwe eziphathelene nesimo ngokomthethosisekelo, amandla noma imisebenzi yanoma yiziphi lezo zingxenye zombuso;
(b)	enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma yimuphi uMthethosivivinywa wephalamende noma wesifundazwe, kodwa ingakwenza lokho kuphela ezimweni ezilindelwe esigabeni 79 noma 121;
(c)	enganquma ngezicelo ezicatshangwa esigabeni 80 noma 122;
(d)	enganquma ngokuhambisana nomthethosisekelo kwanoma iyiphi inguquko eyenziwe kuMthethosisekelo;
enganquma ukuthi iPhalamende noma uMongameli behlulekile ukufeza isibopho somthethosisekelo; noma
(f)	engenza isiqinisekiso ngomthethosisekelo wesifundazwe ngokwesigaba 144.
(5)	INkantolo yoMthethosisekelo yenza isinqumo esingujuqu ngokuthi uMthetho wePhalamende, uMthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli kuyahambisana yini nomthethosisekelo, futhi kufanele iqinise noma yimuphi umyalo wokungabisemthethweni owenziwe yiNkantolo eNkulu yokwedluliswa kwamacala, yiNkantolo ePhakeme, noma yinkantolo yezinga elifanayo, ngaphambi kokuthi lowo myalo ube namandla athile.
(6)	Umthetho kazwelonke noma imitheshwana yeNkantolo yoMthethosisekelo kufanele ivumele umuntu, uma kuzosebenzela ubulungiswa kanye nangemvume yeNkantolo yoMthethosisekelo –
(a)	ukuthi alethe udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo; noma
(b)	ukuthi edlulisele udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo luvela kunoma iyiphi enye inkantolo.
(7)	Udaba olumayelana nomthethosisekelo lubandakanya noma yini ephathelene nokuhunyushwa, ukuvikelwa nokuphoqelelwa koMthethosisekelo. 
INkantolo eNkulu yamaJaji yokwedluliswa kwamacala
168.	(1)	INkantolo eNkulu yamaJaji yokwedluliselwa kwamacala inoMongameli, iPhini likaMongameli kanye nenani lamajaji okweldulilselwa kwamacala elibekwe nguMthetho wePhalamende.
[Isigatshana (1)	indawo yaso ithathwe yisigaba 12 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)		Udaba oluphambi kweNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala kufanele lunqunywe yinani lamajaji elishiwo nguMthetho wePhalamende.
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 12 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(3)	INkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala, inganquma nganoma yiziphi izindaba ezedlulisiwe. Iyinkantolo ephakeme kunazozonke okwedluliselwa kuyo amacala ngaphandle kwezindaba eziphathelene nomthethosisekelo, futhi inganquma kuphela –
(a)	ngamacala edlulisiwe;
(b)	ngezinto eziphathelene nokwedluliswa kwamacala; kanye
(c)	nanganoma yiluphi olunye udaba olungabhekiswa kuyo ezimweni ezichazwe nguMthetho wePhalamende.
IziNkantolo eziPhakeme
169.	INkantolo ePhakeme inganquma -
(a)	nganoma yiluphi udaba lomthethosisekelo ngaphandle kodaba –
(i)	olunganqunywa yiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela; noma
(ii)	olwabelwe enye inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme nguMthetho wePhalamende; kanye
(b)	nanganoma yiluphi olunye udaba olungabelwe enye inkantolo nguMthetho wePhalamende.
IziNkantolo zoMantshi nezinye izinkantolo
170.	IziNkantolo zoMantshi nazo zonke ezinye izinkantolo zinganquma noma iluphi udaba olushiwo nguMthetho wePhalamende, kodwa izinkantolo ezisezingeni elingaphansi kweleNkantolo ePhakeme azivunyelwe ukucwaninga noma zibeke isinqumo ngokuhambisana nomthethosisekelo	kwanoma yimuphi umthetho noma isenzo sikaMongameli. 
Izinqubo ezilandelwa yinkantolo
171.	Zonke izinkantolo zisebenza ngokomthetho kazwelonke, futhi imitheshwana nezinqubo ezilandelwayo zazo kufanele zihlinzekelwe ngokomthetho kazwelonke.
Amandla ezinkantolo ezindabeni zomthethosisekelo
172.	(1)	Lapho yenza isinqumo odabeni lomthethosisekelo olusemandleni ayo, inkantolo –
(a)	kufanele isho ukuthi noma yimuphi umthetho noma isenzo esingahambisani nomthethosisekelo akusebenzi ngokomthetho kuye ngezinga lokungahambisani kwalokho nomthethosisekelo; futhi
(b)	ingenza noma yimuphi umyalo olungile nofanele, kubandakanya –
(i)	umyalo obeka umkhawulo mayelana nokuthi ukusebenza kokushiwo kokuthi	okuthile akuhambisani nomthetho kwedluliselwe nasesikhathini esedlule; kanye
(ii)	nomyalo olengisa ukushiwo kokuthi okuthile kuphambane nomthetho noma yisikhathi esingakanani kanye nangaphansi kwanoma yiziphi izimiso, ukuze abaphethe abafanele banikezwe ithuba lokulungisa iphutha lelo.
(2)	(a)	INkantolo eNkulu yokwedluliswa kwamacala, iNkantolo ePhakeme noma inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme ingenza umyalo mayelana nokuthi umthetho wePhalamende, umthetho wesifundazwe kanye nanoma yisiphi isenzo sikaMongameli, kuyahambisana yini nomthethosisekelo, kodwa umyalo wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo awukwazi ukusebenza ngaphambi kokuthi kuqiniswe yiNkantolo yoMthethosisekelo. 
(b)	Inkantolo ekhipha umyalo mayelana nokuhambisana nomthethosisekelo inganika isinqumo sesikhashana esinqanda noma esiphoqa ukuthi kwenziwe okuthile noma inike noma yisiphi esinye isinqumo sesikhashana esingasiza othintekile odabeni, noma ingamisa ukuqhutshwa kodaba enkantolo, kuze kuphume isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo mayelana nokubasemthethweni kwalowoMthetho noma isenzo.
(c)	Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukwedluliselwa komyalo wokuthi okuthile akuhambisani nomthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo.
(d)	Noma yimuphi umuntu noma ingxenye yombuso enokuthinteka okwanele ingedlulisela udaba eNkantolo yoMthethosisekelo noma ifake isicelo siqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo, ukuba iqinise noma iguqule umyalo wokuthi okuthile kuphambene nomthethosisekelo okhishwe yinkantolo ngokwalesi sigatshana.
Amandla avele ekhona ezinkantolo
173.	INkantolo yoMthethosisekelo, iNkantolo eNkulu yokwedlulisela amacala kanye neNkantolo ePhakeme zinamandla avele ekhona okuvikela nokulawula izinhlelo zazo, kanye nawokuthuthukisa umthetho owesekelwe emacaleni aseke avela, kube kuqikelelwe izidingo zobulungiswa.
Ukuqokelwa ezikhundleni kwabehluleli basezinkantolo 
174.	(1)	Noma yimuphi umuntu wesifazane noma wesilisa onemfundo elungele leso okulungele npkufanele ukuba kulesi sikhundla angaqokwa ukuthi abengumehluleli wasenkantolo. Noma yimuphi umuntu ongaqokelwa esikhundleni seNkantolo yoMthethosisekelo kufanele abeyisakhamuzi saseNingizimu Afrika.
(2)	Isidingo sokuthi abehluleli basezinkantolo babonise ngokubanzi, ukwakheka kweNingizimu Afrika ngokobuhlanga nangokobulili kufanele sicatshangwe uma abehluleli basezinkantolo beqokelwa ezikhundleni.
(3)	UMongameli, njengenhloko yabaphathi bakazwelonke uqoka uMongameli nePhini likaMongameli ngemuva kokubonisana neKhomishani leMisebenzi yobuLungiswa kanye nabaholi bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke, uqoka iJaji eliyiNhloko kanye nePhini leJaji eliyiNhloko futhi ngemuva kokubonisana neKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa, uqoka uMongameli kanye nePhini likaMongameli beNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala.
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 13 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(4)	Amanye amaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokwa nguMongameli njengenhloko ephethe kuzwelonke, ngemuva kokubonisana noMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kanye nabaholi bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke elandela inqubo elandelayo: 
(a)	IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele yenze uhla lwamagama abantu abaphakanyisiwe lube namagama amathathu ngaphezu kwaleso sibalo sabantu abafanele baqokelwe ezikhundleni, bese inikeza uMongameli loluhla. 
(b)	UMongameli angaqokela ezikhundleni abantu abasohlwini, futhi kufanele azise iKhomishani lemiSebenzi yoBulungiswa ngezizathu, uma kukhona abaphakanyisiwe abangemukelekile, futhi kusenesidingo sokuqokwa kwabanye ezikhundleni.
(c)	IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele linezelele uhla ngamanye amagama aphakanyisiwe, futhi uMongameli kufanele aqoke laba abasele ohlwini olunezezelwe.
[Isigatshana (4)	indawo yaso ithathwe yisigaba 13 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(5)	Ngazo zonke izikhathi, kufanele okungenani amalungu amane eNkantolo
yoMthethosisekelo kube ngabantu ababengamaJaji ngesikhathi beqokelwa ukuba ngamaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo.
(6)	UMongameli kufanele aqoke amaJaji azo zonke ezinye izinkantolo, ngokuyalelwa yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa.
(7)	Abanye abehluleli basezinkantolo kufanele baqokwe ngokomthetho wePhalamende okufanele uqikelele ukuthi ukuqokwa kwabo, ukukhushulelwa ezikhundleni ezithe xaxa, ukushintshelwa kwenye indawo noma ukumiswa emsebenzini kwalowo, noma ukujeziswa, lokhu kwenziwa ngaphandle ngokuvuna abathile noma ukukhetha abathile.
(8)	Ngaphambi kokuthi abehluleli basezinkantolo baqale ukwenza imisebenzi yabo kufanele bafunge noma benze isiqinisekiso ngokulandela lokho okushiwo kuSheduli 2, ukuthi bazowuphakamisa bawuvikele uMthethosisekelo.
Amajaji angamabamba
175.	(1)	UMongameli angaqoka umuntu wesifazana noma wesilisa ukuba abe yiJaji eliyibamba leNkantolo yoMthethosisekelo uma kunesikhala, noma uma iJaji lingekho. Ukuqokwa kweJaji kufanele kwenziwe ngokulandela izincomo zelungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa ezenziwa ngokwesekwa nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo.
[Isigatshana (1)	indawo yso ithathwe yisigaba 14 soMthetho soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	Ilungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa kufanele liqoke amaJaji angamabamba kwezinye izinkantolo ngemuva kokubonisana neJaji elisesikhundleni esiphezulu kuleyo nkantolo lapho iJaji eliyibamba lizosebenza khona.
Isikhathi sokuba sesikhundleni kanye nokukhokhelwa
176.	(1)	AmaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokelwa isikhathi esingenakuvuselelwa esiyiminyaka eyi-12, noma kuze kufike lapho efika eminyakeni engama-70 yobudala, kwencike kulokho okufika kuqala, ngaphandle kwalapho uMthetho wePhalamende welula isikhathi sokuba sesikhundleni seJaji leNkantolo yoMthethosisekelo.
[Isigatshana (1) indawo yaso ithathwe yisigaba 15 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	Amanye amajaji ahlala ezikhundleni aze ayekiswe emsebenzini njengokusho koMthetho wePhalamende.
(3)	Amaholo, izimali ezibonelela okuthile kanye nokusizakala okuyingxenye yeholo kwamajaji akufanele kuncishiswe.
Ukususwa esikhundleni
177.	(1)	Ijaji lingasuswa esikhundleni kuphela uma –
(a)	iKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa lithola ukuthi linokulikhinyabezayo, lehluleka kakhulu ukuwenza ngendlela umsebenzi walo noma litholakale linecala elibi lokungaziphathi ngendlela efanele, futhi
(b)	noMkhandlu kaZwelonke uthi iJaji lelo lisuswe esikhundleni, ngesinqumo esesekwa okungenani ngamalunga awo amabili kwamathathu.
(2)	UMongameli kufuneka alisuse ijaji esikhundleni ngemuva kokwamukelwa kwesinqumo sokususwa kwalelo jaji.
(3)	UMongameli ngokwelulekwa yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, angalimisa emsebenzini okwesikhashana ijaji elithintekayo kulezo zinqubo ezishiwo kusigatshana(1).
IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa
178.	(1)	IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa lakhiwe –
(a)	yiJaji eliKhulu, elengamela imihlangano yeKhomishana;
(b)	nguMongameli weNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala;
[Indima (b)	indawo yayo ithathwe yisigaba 16(a)	soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(c)	iJaji eleNgamele isifundazwe elikhethwe ngamanye amaJaji eNgamele kwezinye izifundazwe;
(d)	Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kwezobulungiswa, noma umuntu okhethwe yilelo lungu ukuba alimele kwiKhomishani;
(e)	abameli ababili bezinkantolo zamajaji abasebenzayo ngaleso sikhathi abaphakanyiswe ngabanye abameli basemaJajini ukuba bamele bonke abameli basemajajini, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;
(f)	abameli ababili abakhethwe ngabanye abameli bakwezinye izinkantolo, ukuba bamele bonke laba bameli, futhi beqokwe nguMongameli wezwe;
(g)	umfundisi oyedwa wezomthetho okhethwe ngabafundisi bezomthetho kumayunivesithi aseNingizimu Afrika;
(h) amalungu oMkhandlu kaZwelonke ayisithupha aqokwe nguMkhandlu kaZwelonke, okungenani abathathu kubona kufuneka kube ngamalungu amaqembu aphikisayo amelwe kuMkhandlu;
(i)	amalungu amane oMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe aqokwe kanyekanye nguMkhandlu ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa okungenani yizifunda eziyisithupha;
(j) amalungu amane aqokwe nguMongameli njengenhloko ephethe kaZwelonke ngemuva kokubonisana nabaholi bamaqembu wonke kuMkhandlu kaZwelonke; kanye
(k) nalapho kucutshungulwa izindaba eziqondene neNkantolo ethile ePhakeme	iJaji eleNgamele leyo nkantolo noNdunakulu waleso sifundazwe noma umuntu okhethwe nguNdunankulu waleso sifundazwe. 
[Indima (k) indawo yayo ithathwe yisigaba 2 soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998 kanye nayisigaba 16(b)	soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	Uma inani labantu abaphakanyiswe ngabameli basemajajini nabanye abameli ngokwesigatshana(1)(e)	noma(f)	lilingana nezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli wezwe kufanele abaqokele ezikhundleni. Uma inani labantu abaphakanyisiwe leqile enanini lezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli kufanele aqoke abantu abaphakanyisiwe abalingana izikhala ngemuva kokubonisana nalowo mkhakha wabameli othintekayo, futhi kufanele aqikelele ukuthi laba abaqokwayo bawumele lowo mkhakha wabameli jikelele.
(3)	Amalungu eKhomishana akhethwe uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe asebenza aze ashintshwe ewonke, noma kuze kuvele isikhala kuwona. Abanye abangamalungu eKhomishana basebenza kuyona baze bahoxiswe yilaba ababebaphakamisile.
(4)	IKhomishani yeMisebenzi yoBulungiswa inamandla nemisebenzi enikezwe yona nguMthethosisekelo nomthetho kazwelonke.
(5)	IKhomishani yeMisebenzi yoBulungiswa ingaluleka uhulumeni kazwelonke kunoma yiluphi udaba oluhambisana nobulungiswa noma nokuphathwa komthetho kodwa, uma icubungula noma yiluphi udaba ngaphandle kokuqokwa kweJaji, kufuneka ihlangane ngaphandle kwamalungu aqokwe njengokusho kwesigatshana(1)(h) no-(i).
(6)	IKhomishani yeMisebenzi yoBulungiswa ingamisa izinqubo zayo, kodwa izinqumo zeKhomishana kufuneka zesekwe yiningi lamalungu ayo.
(7)	Ijaji eliKhulu noma uMongameli weNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala engakwazi ukusebenza kuKhomishani okwesikhashana, iPhini leJaji eliKhulu noma iPhini likaMongameli weNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala, kulokho okuzobe kwenzeka, lizosebenza njengozolimela kuKhomishani.
[Isigatshana (7)	singezwe yisigaba 2(b)	soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998 futhi indawo yaso ithathwe sisigaba 16(c) soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(8)	Umongameli	kanye nabantu abaqoka, baphakamise noma bakhombe amalungu eKhomishani ngokwesigaba(1)	(c),(e),(f)	noma u-(g), ngendlela efanayo bangaqoka, baphakamise noma bakhombe omunye ongangena esikhundleni selungu ngalinye, ukuba asebenze kuKhomishani njalo lapho ilungu elithenkile lingakwazi ukwenza njalo ngenxa yesizathu sokwehluleka noma sokungabikho eRiphabhuliki noma ngenxa yanoma yisiphi esinye isizathu esenele.
[Isigatshana (8)	singezwe yisigaba 2(b)	soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-1998]
Isigungu sezokushushisa
179.	(1)	Kukhona isigungu sezokushushisa esisodwa eRiphabhuliki esimiswe ngokomthetho kazwelonke, futhi esakhiwe yilaba –
uMqondisi kaZwelonke wezokuShushiswa koMphakathi, oyinhloko yesigungu sezokushushisa, futhi uqokwa nguMongameli njengenhloko kazwelonke ephethe, kanye 
nabaQondisi bezokuShushiswa koMphakathi ababekwe nguMthetho wePhalamende.
(2)	Isigungu sezokushushisa sinamandla okushushisa egameni lombuso, nelokwenza noma yikuphi okuhambisana nokushushisa ukuze amacala athethwe ezinkantolo.
(3)	Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi abaQondisi bezokuShushiswa koMphakathi –
(a)	banemfundo elungele leso sikhundla; futhi
(b)	babhekana nokushushisa ezindaweni ezithile ezigaguliwe ngaphansi kwesigatshana(5).
(4)	Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi isigungu sezokushushisa senza umsebenzi waso ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela nokukhetha abanye.
(5)	UMqondisi kaZwelonke wezokuShushiswa koMphakathi –
(a)	kufanele amise imigomo yokushushisa okufanele ilandelwe uma kushushiswa, ngokuvumelana nelungu leKhabhinethi elibhekene nokuphathwa kwezobulungiswa, nangemuva kokubonisana nabaQondisi bezokuShushiswa koMphakathi;
(b)	kufanele akhiphe imiyalo ecacisa imigomo okufanele ilandelwe uma kushushiswa; 
(c)	angangenela ohlelweni lokushushisa uma ngabe imiyalo yemigomo ingalandelwanga; futhi
(d)	angasihlolisisa kabusha isinqumo sokuthi udaba oluthile lushushiswe noma lungashushiswa, ngemuva kokubonisana noMqondisi wezokushushiswa koMphakathi ohlangene naleso sinqumo futhi ngemuva kokuzwa iziphakamiso esikhathini esibekwe nguMqondisi kaZwelonke wezokuShushiswa koMphakathi, ezivela:
(i)	Kumuntu obekwe icala.
(ii)	Kummangali.
(iii)	Kunoma yimuphi omunye umuntu noma iqembu uMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi athatha ukuthi lithintekile.
(6)	Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa kobulungiswa kufanele libe nokwengamela okungumnqamulajuqu ngesigungu sezokushushisa.
(7)	Zonke ezinye izindaba eziphathelene nesiphathimandla sezokushushisa zizonqunywa ngumthetho kazwelonke.
Ezinye izindaba ezimayelana nokuphathwa kwezobulungiswa
180.	Umthetho kazwelonke ungahlinzekela noma yiluphi udaba olumayelana nokuphathwa kwezobulungiswa olungadingidwanga kuMthethosisekelo, kuhlanganisa –
(a)	izinhlelo zokuqeqesha abengameli basezinkantolo;
(b)	izinqubo ezilandelwayo zokubhekana nezikhalo ezithinta abehluleli basezinkantolo; kanye
(c)	nokubamba iqhaza kwabantu abangebona abehluleli bezinkantolo ekuthathweni kwezinqumo zenkantolo.
ISAHLUKO 9
IZIKHUNGO ZOMBUSO EZESEKA UMTHETHOSISEKELO WENTANDO YENINGI
Ukumiswa nemigomo ephethe
181	(1)	Lezi zikhungo ezilandelayo zisiza ekuqiniseni umbuso wentando yeningi
eRiphabhuliki:
UMvikeli woMphakathi.
IKhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo oBuntu.
(c)	IKhomishani yokuthuthukiswa nokuvikelwa kwamalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi.
(d)	IKhomishani yokuLingana ngokoBulili.
(e)	UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso.
(f)	IKhomishani yoKhetho.
(2)	Lezi zikhungo zizimele futhi zisebenza kuphela ngokulandela uMthethosisekelo nomthetho, kanti kufanele zingathathi hlangothi futhi kufanele zisebenzise amandla ezinikwe wona ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela, nokukhetha. 
(3)	Ezinye izingxenye zombuso, ngokusebenzisa imithetho nangezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi zivikele lezi zikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuzimela, ukungakhethi cala, isithunzi kanye nokusebenza kwazo ngendlela efanele.
(4)	Akukho muntu futhi akukho ngxenye yombuso okufanele igxambukele ekusebenzeni kwalezi zikhungo.
(5)	Lezi khungo ziphendula kuMkhandlu kaZwelonke futhi kufanele zethule imibiko ngokusebenza kwazo okungenani kanye ngonyaka kuMkhandlu.
Imisebenzi yoMvikeli woMphakathi
182.	(1)	UMvikeli woMphakathi unamandla, njengoba elawulwa ngumthetho kazwelonke –
okuphenya noma yisiphi isenzo ezindabeni zezwe, noma ekuphathweni kwemisebenzi yomphakathi kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, okuthiwa noma okusolelwa ukuthi asilungile noma esingaba nomphumela ongalungile noma onokukhetha; 
okunika umbiko ngaleso senzo; kanye
nawokuthatha izinyathelo ezifanele zokusilungisa.
(2)	UMvikeli woMphakathi unamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke. 
(3)	UMvikeli woMphakathi akanakuphenya izinqumo zenkantolo.
(4)	Umvikeli woMphakathi kufanele akwazi ukufinyelelwa yibo bonke abantu nemiphakathi.
(5)	Umbiko okhishwe nguMvikeli woMphakathi abantu kufanele bavunyelwe ukuba bawubone ngaphandle kwalapho kunezimo ezithile ezingavamile, eziyonqunywa ngumthetho kazwelonke nezidinga ukuba umbiko ugcinwe uyimfihlo.
Isikhathi sesikhundla
183.	UMvikeli woMphakathi uqokelwa isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa esingavuselelwa.
Ikhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo obuNtu
Imisebenzi yeKhomishani yamaLungelo obuNtu
184.	(1)	IKhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo obuNtu kufanele –
(a)	ikhuthaze ukuhlonishwa kwamalungelo obuntu nosiko lwamalungelo obuntu;
(b)	ikhuthaze ukuvikelwa, ukuthuthukiswa nokutholakala kwawamalungelo obuntu; futhi
(c)	iqaphe futhi ihlole izinga lokuhlonishwa kwamalungelo obuntu eRiphabhuliki.
(2)	IKhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo oBuntu inamandla, njengoba ilawulwa ngumthetho kazwelonke, adingekile ukuze yenze imisebenzi yayo, kubandakanya amandla –
(a)	okuphenya nokubika ngokuhlonishwa kwamalungelo obuntu;
(b)	okuthatha izinyathelo ezifanele zokunikeza ukunxeshezelwa okufanele lapho kuhlukunyezwe amalungelo obuntu;
(c)	okwenza ucwaningo; kanye
(d)	nawokufundisa.
(3)	Minyaka yonke iKhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo oBuntu kufanele ifune ukuthi izingxenye zombuso ezifanele zihlinzeke iKhomishani ngolwazi mayelana nezinyathelo ezizithathayo ukufeza amalungelo akuMqulu wamaLungelo oBuntu athintene nezezindlu, ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, ezenhlalakahle yomphakathi, imfundo, kanye nendawo okuphilwa kuyo.
(4)	IKhomishani yamaLungelo oBuntu inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke. 
[Isigaba 184 siguqulwe yisigaba 4 soMthetho 65 ka-1998.]
IKhomishani yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi
Imisebenzi yeKhomishani
185.	(1)	Izinjongo ezisemqoka zeKhomishani yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi –
(a)	ukukhuthaza ukuhlonishwa kwamalungelo amasiko enkolo nezilimi zemiphakathi;
(b)	ukukhuthaza nokuthuthukiswa kokuthula, ubungane, ubuntu ukubekezelelana kanye nokubumbana kwesizwe phakathi kwemiphakathi enamasiko, nezinkolo nezilimi ezahlukene, phezu kwesisekelo sokulingana nokungabandlululani nokuhlangana ngokukhululeka; kanye 
(c)	nokuncoma ukumiswa nokwemukelwa, ngokuhambisana nomthetho kazwelonke, kwemikhandlu yamasiko noma eminye imikhandlu yomphakathi noma yemiphakathi ethile eNingizimu Afrika.
(2)	IKhomishani inamandla, njengoba kulawula umthetho kazwelonke, adingekayo ukuphumelelisa izinjongo zayo ezimqoka, kubandakanya amandla okuqapha, okuphenya, okucwaninga, okufundisa, okukhankasela imibono ethile, okweluleka nawokubika mayelana namalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi.
(3)	IKhomishani ingenza umbiko nganoma yiluphi udaba oluwela ngaphakathi kwamandla nemisebenzi yeKhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo oBuntu, ukuze luphenywe.
(4)	IKhomishani inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke.
Ukwakheka kweKhomishani
186.	(1)	Inani lamalungu eKhomishani yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi nokuqokwa kwawo nesikhathi sokuba sesikhundleni kumelwe kumiswe ngumthetho kazwelonke.
(2)	Ukwakheka kweKhomishana kufanele –
kubonise ukumelwa kabanzi kwemiphakathi, kwamasiko, izinkolo nezilimi ezahlukene ezigqamile eNingizimu Afrika; futhi
kubonise kabanzi ukwakheka ngokobulili komphakathi waseNingizimu Afrika.
Ikhomishani yokuLingana ngokoBulili
Imisebenzi yeKhomishana yokuLingana ngokoBulili
187.	(1)	IKhomishani yokuLingana ngokoBulili kufanele ikhuthaze ukuhlonishwa
kokulingana ngokobulili kanye nokuvikelwa, ukuthuthukiswa nokufinyelela ekulinganeni kobulili.
(2)	IKhomishani yokuLingana ngokoBulili inamandla, ngokulawulwa ngumthetho
kazwelonke, adingekayo ukuze yenze imisebenzi yayo, kuhlanganisa amandla okuqapha, ukuphenya, ukucwaninga, ukufundisa, ukukhankasela, ukweluleka nokubika ngezindaba ezithinta ukulingana kobulili.
(3)	IKhomishani yokuLingana koBulili inamandla nemisebenzi eyengeziwe, njengoba kumiswe ngumthetho kazwelonke.
UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso
Imisebenzi yoMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso
188.	(1)	Umcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele acubungule futhi anikeze imibiko mayelana nokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye kuphathwa kwezimali –
(a)	kwayo yonke iminyango nemisebenzi yombuso kazwelonke nowesifunda;
(b)	yabo bonke omasipala; kanye
(c)	neyanoma iyiphi enye inhlangano noma abantu abanesibopho sokuphendula okudingekayo ukuthi bacutshungulwe nguMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso, ngokomthetho kazwelonke noma wesifundazwe.
(2)	Ngaphezulu kwezibopho ezibekwe kusigatshana(1), kanye nangokwanoma yimuphi umthetho, uMcubunguli-Jikelele angacubungula futhi anikeze umbiko ngokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye nokuphathwa kwezimali -
(a)	kwanoma iyiphi inhlangano ethola imali esiKhwameni seMali kaZwelonke, esiKhwameni seMali sesifundazwe, noma kumasipala; noma
(b)	kwanoma iyiphi inhlangano egunyazwe ngokusho kwanoma yimuphi umthetho ukuba yemukele izimali ezosetshenziselwa izinjongo zomphakathi.
(3)	UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele anikeze imibiko yokucutshungulwa kwanoma yisiphi isishayamthetho esithintekayo ngalokho kucubungula, futhi kunoma iyiphi enye inhlangano ephethe ebekwe ngumthetho kazwelonke. Yonke imibiko kufanele ivezelwe umphakathi.
(4)	UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso unamanye amandla nemisebenzi ayinikezwe ngumthetho kazwelonke.
Isikhathi sesikhundla
189.	UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele aqokelwe esikhundleni isikhathi esimile, esingenakuvuselelwa seminyaka ephakathi kweyisihlanu neyishumi.
Ikhomishani yoKhetho
Imisebenzi yeKhomishani yoKhetho
190.	(1)	IKhomishani yoKhetho kufanele –
(a)	iphathe ukhetho lwezinhlangano zokushaya imithetho zikazwelonke, zezifundazwe kanye nezomasipala, njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke;
(b)	uqinisekise ukuthi ukhetho lolo lukhululekile futhi luyagculisa; futhi
(c)	imemezele umphumela wokhetho lolo singakapheli isikhathi okufanele simiswe ngumthetho kazwelonke futhi nesifushane ngendlela efanelekile.
(2)	IKhomishani yoKhetho inamandla nemisebenzi eyengeziwe ebekwe ngumthetho kazwelonke.
Ukwakhekha kweKhomishani yoKhetho
191.	IKhomishani yoKhetho kufanele yakhiwe okungenani ngabantu abathathu. Inani lamalungu kanye nesikhathi abazoba sesikhundleni ngaso kufanele kubekwe ngumthetho kazwelonke.
IsiPhathimandla esiZimele esiLawula ukuSakaza
Isiphathimandla sokusakaza
192.	UMthetho kaZwelonke kufanele umise isiphathimandla esizimele esizolawula ukusakaza ngokwezidingo zomphakathi, futhi siqinisekise imibono elungile neyehlukahlukene emele kabanzi, umphakathi waseNingizimu Afrika.
Izimiso ezejwayelekile
Ukuqokelwa ezikhundleni
193.	(1)	UMvikeli woMphakathi kanye namalungu anoma iyiphi iKhomishani emiswe ngokwalesi Sahluko kufanele kube ngabesifazane nabesilisa –
(a)	abayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika;
(b)	abakulungele nabakufanele ukuphatha isikhundla elithile; futhi
(c)	behambisana nanoma iziphi izidingo ezimiswe ngumthetho kazwelonke.
(2)	Isidingo sokuthi iKhomishani imiswe ngalesi Sahluko ukubonisa kabanzi ukwakheka ngokobulili nangokobuzwe, komphakathi waseNingizumu Afrika kufanele kuqashelwe uma kuqokwa amalungu.
(3)	Umcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni kufanele kube umuntu wesifazane noma wesilisa oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika okulungele nokufanele ukuphatha leso sikhundla. Ulwazi olunzulu kanye, noma ukuthi umuntu uke wasebenza yini njengomcubunguli wamabhuku
ezemali, ngezimali zombuso, kufanele kunakwe ngendlela efanele uma kuqokelwa esikhundleni uMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zikaHulumeni.
(4)	UMongameli, kufanele aqokele esikhundleni ngokulandela isincomo sePhalamende, uMvikeli woMphakathi, uMcubunguli-Jikelele wamabhuku kahulumeni, kanye namalungu –
eKhomishani	yaseNingizimu Afrika yamaLungelo obuNtu;	
[Indima(a)	iguqulwe yisigaba 4 soMthetho 65 ka-1998.]
(b)	eKhomishani lokuLingana ngoBulili ; kanye
(c)	neKhomishani loKhetho.
(5)	IPhalamende likaZwelonke kufanele liphakamise izincomo ngabantu –
(a)	amagama abo aphakanyiswe yikomiti lePhalamende elakhiwe ngamalungu awo wonke amaqembu amelwe eMkhandlwini ngokobungako bokumelwa kwawo; futhi
(b)	abemukelwe yiPhalamende ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa amavoti –
(i)	okungenani angamaphesenti angama-60 amalungu ePhalamende, uma izincomo ziphathelene nokuqashwa koMvikeli woMphakathi noma uMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali; noma
(ii)	eningi lamalungu ePhalamende, uma isincomo siphathelene nokuqashwa kwelungu leKhomishani.
(6)	Ukubamba iqhaza komphakathi ekwenzeni izincomo kungahlinzekelwa njengoba kulindelwe esigabeni 59(l)(a).
Ukususwa esikhundleni
194.	(1)	UMvikeli woMphakathi, uMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni noma umuntu oyilungu leKhomishani omiswe yilesi Sahluko bangasuswa esikhundleni kuphela –
(a)	ngezizathu zokungaziphathi kahle, ukungakwazi ukusebenza noma ukungawenzi ngendlela umsebenzi;
(b)	uma ikomiti loMkhandlu lithole kukhona isimo leso; kanye
(c)	ngokwemukelwa nguMkhandlu kaZwelonke kwesinqumo sokuthi lowo muntu asuswe esikhundleni.
(2)	Isinqumo sePhalamende esiphathelene nokususwa esikhundleni –
(a)	koMvikeli woMphakathi noma uMcubunguli –Jikelele wokugcinwa kwamabhuku ezimali kufanele sivunywe ngokwesekwa okungenani ngamavoti ababili kwabathathu amalungu ePhalamende; noma 
(b)	neselungu leKhomishani kufanele sivunywe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu ePhalamende.
(3)	UMongameli –
(a)	angammisa umuntu esikhundleni okwesikhashana noma yinini ngemuva kokuqala kwezinyathelo zekomiti loMkhandlu kaZwelonke eziphathelene nokususwa kwalowo muntu esikhundleni; futhi
(b)	kufanele amsuse esikhundleni umuntu ngemuva kokuthathwa kwesinqumo sokususwa kwalowo muntu esikhundleni nguMkhandlu kaZwelonke.
ISAHLUKO 10
UKUPHATHWA KWEMISEBENZI YOMBUSO
Imigomo nokwamukelwa njengokulungile okuyisisekelo okulawula ukuphatha kombuso
195.	(1)	Ukuphatha kombuso kufanele kuhanjiswe ngendlela eyamukeleka njengelungile nangemigomo equkethwe kuMthethosisekelo, kuhlanganisa imigomo elandelayo:
(a)	kufanele kukhuthazwe futhi kugcinwe izinga eliphezulu lenkambiso elungileyo emisebenzini eyenziwayo.
(b)	kufanele kukhuthazwe ukusetshenziswa kwemithombo yezinto ngendlela ekhombisa ikhono, eyongayo nenomphumela omuhle.
(c)	Umsebenzi wokuphathwa kombuso, kufanele	wencikele ngasekuthuthukiseni.
(d)	Imisebenzi kufanele ihlinzekelwe ngokungakhethi, ngobuqotho,	ngokulingene nangaphandle kokwenzelela.
(e)	Izidingo zabantu kufanele zibonelelwe, futhi umphakathi kufanele ukhuthazwe ukuthi ubambe iqhaza lapho kwenziwa imigomo.
(f)	Umbuso kufanele ukwazi ube nezibopho oziphendulelayo ngendlela ophethe ngayo.
(g)	Ukusebenza kombuso ngokusobala kufanele kukhuthazwe ngokuhlinzekela umphakathi ngolwazi olutholakala ngokushesha, olufinyelelekayo nolunembayo.
(h) Kufanele kukhuthazwe amakhono okuphatha kahle abantu abasetshenziswayo nokuthuthukiswa kwemisebenzi efundelwe, ngenhloso yokukhuphulela ezingeni eliphezulu.
(i)	Ukuphatha umbuso kufanele kufanele bonke abantu baseNingizimu Afrika, nezinkambiso zokuqasha nokuphatha abasebenzi kufanele zesekelwe phezu kwekhono, ukungakhethi hlangothi, ukulunga, kanye nasesidingweni sokuqeda ukulingalingani kwesikhathi esedlule ukufinyelela ukumelwa okubanzi kwabantu.
(2)	Le migomo engenhla isebenza –
(a)	ekuphathweni kuyo yonke imikhakha kahulumeni;
(b)	ezingxenyeni zombuso; kanye
(c)	nakumabhizinisi kaHulumeni.
(3)	Umthetho kaZwelonke kufanele uqiniseke ukukhuthazwa kwalokho okulungile	nemigomo ebalulwe kusigatshana(1).
(4)	Ukuqokwa emsebenzini kaHulumeni kwenani labantu ngokuhambisana nemigomo akuvinjelwe, kodwa umthetho kazwelonke kufanele ikuphathe ngokusemthethweni lokho kuqokwa emisebenzini yombuso.
(5)	Umthetho ohambisa kahle ukuphatha kombuso, ungehlukanisa phakathi kwemikhakha eyahlukene, iminyango ephethe noma izinhlangano. 
(6)	Uhlobo nemisebenzi yemikhakha ehlukene, yeminyango ephethe noma izinhlangano zokuphathwa kwezombuso ngamaphuzu okufanele acatshangwe emthethweni ophethe ukuhanjiswa kwemisebenzi yombuso.
IKhomishani ephethe imisebenzi kahulumeni
196.	(1)	Kukhona iKhomishani eyodwa ephethe imisebenzi kahulumeni	yeRiphabhuliki.
(2)	IKhomishani izimele futhi kufanele ingakhethi, futhi kufanele isebenzise amandla ayo ibuye yenze imisebenzi yayo ngaphandle kokwesaba, ukubonelela noma ukubandlulula ngenhloso yokugcina ukuphathwa komphakathi ngempumelelo nangendlela esebenza kahle kanye nezinga eliphakeme lenkambiso elungileyo ngokomsebenzi owenziwayo emsebenzini kahulumeni. IKhomishani kufanele iphathwe ngumthetho kazwelonke.
(3)	Ezinye izingxenye zombuso, ngokusebenzisa umthetho nezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi zivikele iKhomishani ukuqinisekisa ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi kanye nokusebenza ngempumelelo kweKhomishani. Akekho umuntu noma ingxenye yombuso engaphazamisa ukusebenza kweKhomishani.
(4)	Amandla kanye nemisebenzi ekhomishani -
(a)	ukugqugquzela okuthathwa njengokulungile nemigomo ebekwe esigabeni 195, kuyo yonke imisebenzi kahulumeni;
ukucubungula, ukuqapha nokuhlaziya inhlangano nokuphatha, kanye nokwenziwa ngabasebenzi, kwemisebenzi kahlumeni;
ukuphakamisa izinyathelo ukuqinisekisa ukwenziwa komsebenzi ngempumelelp nangokufanele emsebenzini kahulumeni;
ukunikeza inkomba ehlose ukuqinisekisa ukuthi izinqubo ezilandelwayo ngabasebenzi eziphathelene nokuqasha, ukushintshwa kwabasebenzi basiwe kwezinye izindawo, ukukhushulwa ezikhundleni kanye nokuxoshwa kwabasebenzi ziyahambisana nokuthathwa njengokungile kanye nemigomo ebekwe esigabeni 195; 
ukubika mayelana nemisebenzi yayo kanye nokwenziwa kwemisebenzi, kubandakanya noma yikuphi ekutholile kanye nezinkomba nezeluleko engazinikeza, futhi ihlinzekele ukuhlaziywa ukuthi okuthathwa njengokulungile nemigomo ebekwe esigabeni 195 ilandelwe yini; kanye 
(f)	nangokuthanda kwayo noma ngokuvela kwezikhalo –
(i)	icubungule ibuye ihlaziye izicelo zabasebenzi kanye nezinkambiso zabaphethe umbuso kanye nokubika esigungwini esiphethe kanye nakusishayamthetho;
(ii)	icubungule izikhalo zabasebenzi ngomsebenzi kahulumeni eziphathelene nokwenziwa yiziphathimandla noma amaphutha, kanye nokwenza izincomo ezifanele ngezixazululo;
(iii)	ukuqapha nokuphenya ukulandelwa kwezinqubo ezisebenza emisebenzini kahulumeni; futhi
(iv)	yeluleke izingxenye zombuso zikazwelonke nezezifundazwe mayelana nezenzo zabasebenzi emsebenzini wombuso, kubandakanya nalokho okuhambisana nokuqasha, ukuqokelwa ezikhundleni, ukushintshelwa kwenye indawo, ukuxoshwa kanye neminye iminxa yemisebenzi yabaqashiwea emsebenzini kahulumeni. 
(g)	ukusebenzisa noma ukwenza amandla noma imisebenzi eyengeziwe ebekwe nguMthetho wePhalamende.
[Indima (g)	ingezwe yisigaba 3 soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
(5)	IKhomishani ibikela iPhalamende ngokusebenza kwayo.
(6)	IKhomishani kufanele ibike okungenani kanye ngonyaka njengoba kubhalwe kusigatshana(4)(e)	–
(a)	ePhalamende; kanye
(b)	namayelana nekwenzayo esifundazweni, kusishayamthetho saleso sifundazwe.
(7)	IKhomishani inawokhomishani abayi-14 abaqokwe nguMongameli:
(a)	Okhomishani aba-5 abavunywe yiPhalamende ngokwesigatshana(8)(a); kanye
(b)	nokhomishani oyedwa ngesifundazwe ngasinye oqokwe nguNdunankulu wesiFundazwe ngokwesigatshana(8)(b).
(8)	(a)	Ukhomishani oqokwe ngokwesigatshana(7)(a)	kufanele –
(i)	aphakanyiswe yikomiti lePhalamende elakheke ngamalungu esakhiwe ngokulandela isilinganiso esenziwe ngamanani azo zonke izinhlangano ezimelwe ePhalamende; futhi
(ii)	avunywe yiPhalamende ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu alo.
(b)	Ukhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe kufanele –
(i)	aphakanyiswe yikomiti lesishayamthetho sesifundazwe elakhiwe ngamalungu alandela isilinganiso samanani ezinhlangano zonke ezimelwe kusishayamthetho; futhi
(ii)	avunywe yisishayamthetho ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu alo.
(9)	UMthetho wePhalamende kufanele wakhe inqubo elandelwayo yokuqashwa kokhomishani.
(10) Ukhomishani uqokelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu, esivuselelwa isikhathi esisodwa kuphela, kanti kufanele abe ngowesifazane noma owesilisa –
(a)	oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika; futhi
(b)	ongumuntu ophilile futhi okulungele ukuqokwa onolwazi, noma ongumakadebona, ekulawulweni, ekuphatheni nasekuhlinzekweni kwezidingo	zomphakathi.
(11) Ukhomishani angasuswa esikhundleni sakhe kuphela –
(a)	ngenxa yokuziphatha kabi, ukungabi sesimweni sokusebenza noma ukungasebenzi ngendlela efanele;
(b)	ngenxa yokuthathwa kwesinqumo ngalokho yikomiti lePhalamende noma, uma kungukhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe, yikomiti lesishayamthetho laleso sifundazwe; kanye
(c)	ngokuvunywa yiPhalamende noma yisishayamthetho sesifundazwe esithintekile, kwesiphakamiso esesekwe ngamavoti eningi lamalungu aso efuna kususwe esikhundleni ukhomishani.
(12) UMongameli kufanele asuse esikhundleni ukhomishani lapho –
(a)	iPhalamende	livuma isiphakamiso esithi ukhomishani lowo akasuswe esikhundleni; noma
(b)	kunesaziso esibhalwe phansi nguNdunankulu wesishayamthetho saleso sifundazwe esithathwe ngesiphakamiso sokususwa kukakhomishani.
(13) Okhomishani okuphawulwe ngabo kusigatshana(7)(b)	bangasebenzisa amandla futhi benze imisebenzi yeKhomishani ezifundazweni zabo njengoba kubekiwe ethethweni kazwelonke.
Abasebenzi bakaHulumeni
197.	(1)	Ngaphakathi kokuphathwa kombuso, kukhona abasebenzi beRiphabhuliki, okufanele basebenze, bahlelwe, ngokulandela umthetho kazwelonke, futhi benze ngokwethembeka imigomo ehambisana nomthetho kahulumeni wangaleso sikhathi.
(2)	Izimiso nemibandela yokuqashwa emsebenzini kahulumeni kufanele iphathwe ngumthetho kazwelonke. Abasebenzi banelungelo lokuthola impesheni efanele njengoba ingahanjiswa kahle ngumthetho kazwelonke.
(3)	Akukho muntu osebenzela uhulumeni okufanele avunwe noma abandlululwe ngenxa nje yokuthi lowo muntu weseka iqembu noma inkolelo ethile yezombusazwe.
(4)	Ohulumeni bezifundazwe babhekene nokufuna abasebenzi, ukuqasha, ukukhushulwa ezikhundleni, ukushintshela kwenye indawo umsebenzi kanye nokuxosha amalungu angabasebenzi bakahulumeni emahhovisi okuphatha ngaphakathi kohlala lwamazinga afanayo kulokho okumiselwe abasebenzi bakahulumeni.
ISAHLUKO 11
AMAZIKO EZOKUPHEPHA
Imigomo ebusayo
198.	Imigomo elandelayo iphathelene nokuphepha kwezwe eRiphabhuliki:
(a)	Ukuphepha kwezwe, kufanele kuveze ukuzinikela kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, njengomuntu ngamunye futhi nanjengesizwe, ukuphilisana njengabantu abalinganayo, ngokuthula, nokuzwana, ukungabi nokwesaba nokweswela kanye nokufuna impilo engcono.
(b)	Ukuzinikela ekuphileni ngokuthula nangokuthula nangokuzwana kuvimbela wonke umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ukuthi abambe iqhaza empini, ngaphakathi ezweni noma namanye amazwe, ngaphandle kwalapho kunokwenzeka khona njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma umthetho kazwelonke.
(c)	Ukuphepha kwezwe kufanele kuqikelelwe ngendlela ehambisana nomthetho, kubandakanya umthetho wamazwe ngamazwe.
(d)	Ukuphepha kwezwe kulawulwa yiPhalamende nomkhandlu ophethe kuzwelonke.
Ukumiswa, ukuhleleka nokuziphatha kwezikhungo zezokuphepha
199.	(1)Izikhungo zezokuphepha zeRiphabhuliki zakhiwe ngumbutho wokuvikela owodwa, iziko lamaphoyisa elilodwa kanye namaziko obunhloli amiswe ngokoMthethosisekelo.
(2)	Umbutho wezokuvikela yiwona wodwa umbutho ohlomile osemthethweni eRiphabhuliki.
(3)	Ngaphandle kwamaziko okuphepha amiswe ngokoMthethosisekelo, izinhlangano noma amaziko ahlomile, zingamiswa kuphela ngokusho komthetho kazwelonke.
(4)	Amaziko okuphepha kufanele akhiwe futhi aqhutshwe ngokomthetho kazwelonke.
(5)	Amaziko okuphepha kufanele enze, futhi kufanele afundise abuye adinge ukuthi amalungu awo enze izinto, ngendlela ehambisana nokushiwo nguMthethosisekelo nomthetho, kuhlanganisa umthetho osungamasiko wamazwe ngamazwe nezivumelwano zamazwe ngamazwe ezinezibopho kuRiphabhuliki.
(6)	Akukho lungu lanoma yiliphi iziko lokuphepha elivunyelwe ukulandela umyalo ophambene ngokusobala nomthetho.
(7)	Amaziko okuphepha, noma yinoma yimaphi amalungu awo, awanakwenza imisebenzi yawo ngendlela –
(a)	ekhinyabeza izinjongo zeqembu lezombusazwe ezizemthethweni ngokoMthethosisekelo; noma
(b)	ezingaqhubekisa, ngendlela eqhuba izinjongo zeqembu lezombusazwe elithile, noma yiziphi izinto ezivuna iqembu elithile.
(8)	Ukuze kufezeke imigomo yokusebenzela obala neyokuziphendulela, amakomiti asePhalamende amele amaqembu amaningi, aqapha konke ukwenza kwamaziko ezokuphepha ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke noma imitheshwana noma imiyalo yePhalamende.
Ezokuvikela
Umbutho wezokuvikela
200.	(1)	Umbutho wokuvikela kufanele uhleleke futhi uphathwe njengombutho ohlomile onokuzithiba.
(2)	Injongo ebalulekile yombutho wokuvikela ukuvikela nokuhlonipha iRiphabhuliki, ukuhlonishwa kwemingcele yayo kanye nabantu bayo ngokwemigomo yomthetho wamazwe ngamazwe olawula ukusetshenziswa kwamandla.
Izibopho ngokwezombusazwe
201.	(1)	Ilungu leKhabhinethi kufanele libonelele ukuvikela.
(2)	NguMongameli kuphela, njengehloko yoMkhandlu kaZwelonke, ongagunyaza ukuqashwa kombutho wezokuvikela –
(a)	ngokubambisana nombutho wamaphoyisa;
(b)	ngenhloso yokuvikela iRiphabhuliki; noma
(c)	ngokugcwalisa isibopho samazwe ngamazwe.
(3)	Uma iziko lezokuvikela liqashwa nganoma iyiphi inhloso eshiwo kusigatshana(2), uMongameli kufanele azise iPhalamende, ngokushesha futhi abike imininingwane efanele –
(a)	ngezizathu zokusetshenziswa kombutho wezokuvikela;
(b)	nganoma yiziphi izindawo lapho umbutho usetshenziswa khona;
(c)	ngenani labantu elithintekayo; kanye
(d)	nangesikhathi okulindelwe ukuthi umbutho uzosetshenziswa ngaso.
(4)	Uma iPhalamende lingahlangani ezinsukwini zokuqala eziyisikhombisa ngemuva kokuqokwa kombutho wezokuvikela njengokucatshangwa esigatshaneni(2), uMongameli kufanele anikeze ulwazi oludingekile kusigatshana(3)	ekomitini eliqaphayo elifanele.
Ukukhuzwa kombutho wokuvikela
202.	(1)	UMongameli, njengenhloko ephethe ezweni unguMkhuzi oMkhulu
wombutho wezokuvikela, futhi kufanele aqokele esikhundleni abaKhuzi beMpi bombutho wezokuvikela.
(2)	Ukukhuzwa kwombutho wezokuvikela kufanele kwenziwe ngendlela ehambisana nokuyalela kwelungu leKhabhinethi elibhekene nezokuvikela.
Isimo sezokuvikelwa kwezwe
203.	(1)	UMongameli njengenhloko ephethe ezweni angakhipha isimemezelo sokuthi kunesimo sokuvikela izwe, futhi kufanele azise iPhalamende ngokushesha futhi anikeze imininingwane efanele –
(a)	ngezizathu zesimemezelo;
(b)	nganoma iyiphi indawo lapho kusetshenziswa khona umbutho; kanye
(c)	nangenani labantu abathintekayo.
(2)	Uma lingahlangene iPhalamende ngesikhathi kumenyezelwa isimo sokuvikela izwe, uMongameli kufanele abizele iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa senziwe isimemezelo.
(3)	Isimemezelo sesimo sokuvikela izwe siyaphela ngaphandle kwalapho semukelwe yiPhalamende zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa senziwe.
Abasebenzela ukuvikela umphakathi abangamalungu omphakathi
204.	Kufanele umthetho kazwelonke umise iziko labasebenzela ezokuvikela abangamalungu omphakathi kodwa bengamalungu ajwayelekile omphakathi, esizosebenza ngokulayelwa yilungu leKhabhinethi elibhekene nezokuphepha.
Amaphoyisa
Iziko lezamaphoyisa
205.	(1)	Iziko lezamaphoyisa likaZwelonke kufanele lihleleke ngendlela yokuba lisebenze emikhakheni kazwelonke, eyezifundazwe nalapho kufanele khona, neyezindawo.
(2)	Umthetho kazwelonke kufanele umise amandla nemisebenzi eziko lamaphoyisa futhi wenze umsebenzi wawo ngendlela enempumelelo, enaka isidingo zezifundazwe.
(3)	Izinjongo zeziko lezamaphoyisa ukuvimbela, ukulwisa nokuphenya ubelelesi, ukugcina ukuthula emphakathini nokuvikela nokuphephisa abahlali baseRiphabhuliki nempahla yabo, kanye nokuphakamisa nokuphoqelela umthetho.
Izibopho ngokwezombusazwe
206.	(1)	Ilungu leKhabhinethi kufanele libonelele ukwenziwa komsebenzi wobuphoyisa, futhi kufanele liseke imigomo kazwelonke yomsebenzi wobuphoyisa ngemuva kokubonisana nohulumeni bezifundazwe nangokuqaphela izidingo zokuphoyisa kanye nezidingongqangi zezifundazwe ngokwesinqumo sabaphethe isifundazwe.
(2)	Inqubo yokuphoyisa kazwelonke ingahlinzekela imigomo eyahlukene ngokwezifundazwe ezahlukene ngemuva kokucabangela izidingo zobuphoyisa kanye nezidingongqangi zalezo zifundazwe.
(3)	Isifundazwe ngasinye sinelungelo –
lokuqapha ukuziphatha kwamaphoyisa;
lokubeka iso ekusebenzeni ngempumelelo kweziko lamaphoyisa , kubandakanya nokwemukela imibiko ngeziko lamaphoyisa;
lokuthuthukisa ubudlelwane obuhle phakathi kwamaphoyisa nomphakathi; 
lokubhekisisa impumelelo yokwenza umsebenzi wamaphoyisa ngokusobala; kanye 
nelokuxhumana nelungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wobuphoyisa mayelana nobelelesi kanye nokusebenza kwamaphoyisa esifundazweni.
(4)	Abaphethe esifundazweni banesibopho sokubheka imisebenzi yobuphoyisa –
(a)	abayigunyazelwe yilesi Sahluko;
(b)	abayinikezwe ngokomthetho kazwelonke; kanye
(c)	nabayabelwe ngokwenqubo kazwelonke yezamaphoyisa.
(5)	Ukuze isifundazwe sikwazi ukwenza imisebenzi ebekwe kusigatshana(3)	–
(a)	singacubungula, noma siqoke ikhomishani yophenyo, nganoma yiziphi izikhalo zokungasebenzi ngokugculisa kwamaphoyisa noma ukunqamuka kobudlelwane phakathi kwamaphoyisa kanye nanoma yimuphi umphakathi; futhi
(b)	kufanele senze izincomo elungwini leKhabhinethi elibhekene nezamaphoyisa.
(6)	Ngemuva kokwamukela kwesikhalo esifakwe ngabaphethe isifundazwe, inhlangano yezamaphoyisa ezimele yezikhalo emiswe ngumthetho kazwelonke kufanele iphenye noma yikuphi ukungaziphathi kahle okusolwayo, noma icala okusolwa ukutho lenziwe, yilungu labasebenzela amaphoyisa esifundazweni.
(7)	Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele indlela yokwakhiwa, amandla, imisebenzi kanye nokulawulwa komsebenzi wamaphoyisa kamasipala.
(8)	Ikomiti elakhiwe ngamalungu eKhabhinethi kanye namalungu oMkhandlu oPhethe obhekene nomsebenzi wamaphoyisa kufanele lakhiwe ukuze kuqikelelwe ukusebenza ngempumelelo kwamaphoyisa kanye nokubambisana okuyimpumelelo neminye imikhakha kahulumeni.
(9)	Isishayamthetho sesifundazwe singadinga ukuthi ukhomishani wesifunda	avele ngaphambi kwaso noma kunoma yiliphi elinye lamakomiti aso ukuphendula imibuzo.
Ukulawulwa kweziko lamaphoyisa
207.	(1)	UMongameli njengenhloko yabaphethe kuzwelonke kufanele aqokele
esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengoKhomishani kaZwelonke wamaphoyisa, ukuze alawule futhi aphathe amaphoyisa.
(2)	UKhomishani kaZwelonke kufanele alawule futhi aphathe amaphoyisa ngendlela ehambisana nemigomo kazwelonke yokwenza umsebenzi wamaphoyisa kanye neziyalelo zelungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wobuphoyisa.
(3)	UKhomishani kaZwelonke, ngokuvumelana nabaphethe isifundazwe, kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengokhomishani waleso sifundazwe, kodwa uma uKhomishani kaZwelonke kanye nabaphethe isifundazwe behluleka ukuvumelana ngokuqoka lowo muntu, ilungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wamaphoyisa kufanele
lilamule phakathi kwamaqembu ezombusazwe.
(4)	OKhomishani besifundazwe banesibopho kwezamaphoyisa ezifundazweni zabo –
(a)	njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke; kanye
(b)	nangokuhlonipha amandla kaKhomishana kaZwelonke okulawula nokuphatha umsebenzi wamaphoyisa njengokusho kwesigatshana(2).
(5)	UKhomishani wesifundazwe kufanele abike kusishayamthetho sesifundazwe minyaka yonke ngomsebenzi wobuphoyisa esifundazweni, futhi kufanele athumele ikhophi yombiko kuKhomishani kaZwelonke.
(6)	Uma ukhomishani wesifundazwe engasabethembi abaphethe isifundazwe, labo baphathi bangamisa inqubo efanele yokususa noma ukushintshwa, noma ukuthathela izinyathelo zomthetho lowo khomishani, ngokulandela umthetho kazwelonke.
Abasebenzela amaphoyisa bengamalungu omphakathi
208.	Kufanele kumiswe iziko labasebenzela amaphoyisa abangamalungu omphakathi, ngomthetho kazwelonke ukuthi basebenze ngokuyalelwa yilungu leKhabhinethi elibhekene nomsebenzi wobuphoyisa.
Ubunhloli
Ukumiswa nokulawulwa kwemisebenzi yobunhloli
209.	(1)	Noma yimiphi imisebenzi yobunhloli, ngaphandle kwengxenye yobunhloli
engaphansi kombutho wezokuvikela, ingamiswa kuphela nguMongameli, njengenhloko ephethe kuzwelonke, futhi kuphela njengokusho komthetho kazwelonke.
(2)	UMongameli njengenhloko ephethe kuzwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengenhloko yezomsebenzi	wobunhloli ngamunye, omiswe ngokwesigatshana(1), futhi kufanele athathe isibopho ngokwezombusazwe mayelana nokulawulwa nokuyalelwa kwanoma yimiphi yale misebenzi noma aqoke ilungu leKhabinethi okuyilona elizothatha leso sibopho.
Amandla, imisebenzi kanye nokuqapha
210.	Umthetho kazwelonke kufanele uhlele izinjongo, amandla kanye nemisebenzi yobunhloli, kuhlanganisa noma iyiphi ingxenye yobunhloli yombutho wezokuvikela noma yezamaphoyisa, futhi kufanele uhlinzekele –
(a)	ukuqondaniswa kwayo yonke imisebenzi yobunhloli; kanye
(b)	nokuqaphelwa ngamalungu omphakathi kwezenzo zaleyo misebenzi ngumhloli oqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko ephethe kuzwelonke, futhi kwamukelwe ngesinqumo sePhalamende esesekwe yivoti lamalungu amabili kwamathathu okungenani.
ISAHLUKO 12
ABAHOLI BENDABUKO
Ukuvunywa
211.	(1)	Uhlelo, izinga kanye neqhaza elibanjwa ngubuholi bendabuko, njengoba kubekwa ngumthetho wamasiko, kuyavunywa, kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo.
(2)	Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza kuphela ngokuhambisana nanoma yimuphi umthetho osetshenziswayo kanye namasiko, ohlanganisa ukuguqulwa noma ukucishwa kwalowo mthetho noma amasiko.
(3)	Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho kuyiwona okufanele usebenze, kodwa kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko.
Iqhaza eibanjwa ngabaholi bendabuko
212.	(1)	Umthetho kazwelonke ungahlinzekela iqhaza lobuholi bendabuko, njengohlelo lokuphatha emkhakheni wezindawo ngezindaba ezithinta imiphakathi yezindawo.
(2)	Ukuze ubhekane nezindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza labaholi bendabuko, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi elandela uhlelo lomthetho wamasiko –
(a)	Umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi bendabuko; futhi
(b)	Umthetho kazwelonke ungamisa umkhandlu wabaholi bendabuko.
ISAHLUKO 13
IZIMALI
Okuphathene nezimali ngokubanzi
Isikhwama seMali sikaZwelonke
213.	(1)	Kunesikhwama seMali sikaZwelonke okufakwa kuso yonke imali kanye nemali etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle kwemali ekhishelwe ngaphandle ngezizathu ezifanele ngumthetho wePhalamende.
(2)	Imali ingakhishwa esikhwameni seMali sikaZwelonke kuphela –
(a)	ngokuthi ithathwe ngokoMthetho wePhalamende; noma
(b)	njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esikhwameni seMali sikaZwelonke, uma ihlinzekelwe soMthethosisekelo noma eMthethweni wePhalamende.
(3)	Ingxenye yemali kazwelonke eya ezifundazweni evela ezimalini zikazwelonke
ikhishwa ngqo esiKhwameni seMali kaZwelonke.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 213: 1 kuMasingana 1998.]
Ukwabiwa ngokulingana kanye nokwabiwa kwezimali
214.	(1)	UMthetho wePhalamende kufanele uhlinzekele –
(a)	ukwehlukaniswa ngokulingana kwezimali eziqoqwe ezweni lonke phakathi kwemikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe neyezindawo;
(b)	ukutholwa kwendlela egculisayo yokunquma ngokulinganayo ubungako bengxenye yemali etholwa yisifundazwe ngasinye esabelweni sesifundazwe saleyo mali; kanye
(c)	nanoma yikuphi okunye ukwabiwa okuya kohulumeni bezifundazwe, bendawo noma komasipala, kuvela esabelweni semali sikahulumeni kazwelonke, kanye nanoma yiziphi izimo okungenzelwa phezu kwazo lokho kwabiwa.
(2)	UMthetho okubhekiswe kuwo esigatshaneni(1)	ungashaywa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni besifundazwe, ohulumeni bendawo abahlelekile kanye neKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso, futhi kwabhekisiswa noma yisiphi isincomo sekhomishani; futhi kufanele ubhekele –
(a)	izidingo zezwe;
(b)	noma yiziphi izibonelelo okufanele zenziwe mayelana nesikweletu sezwe kanye nezinye izibopho zikazwelonke;
(c)	izidingo nezintshisekelo zikahulumeni kazwelonke, ezitholakele ngokuthi kusetshenziswe imigomo engathathi hlangothi;
(d)	isidingo sokuqinisekisa ukuthi izifundazwe nomasipala bayakwazi ukufeza izidingongqangi nokwenza imisebenzi abayabelwe; 
(e)	amandla ezezimali kanye nokusebenza ngekhono kwezifundazwe nomasipala;
(f)	izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo zezifundazwe, zohulumeni bendawo kanye nomasipala;
(g)	ukungafani kwezimo zomnotho phakathi kwezifundazwe; 
(h) izibopho zezifundazwe nomasipala ngokomthetho kazwelonke;
(i)	ukufuneka kokwabiwa kwezabelo zemali ezisimeme nezilindelekile; kanye 
(j) nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo eziphuthumayo noma ezinye izidingo zesikhashana, kanye namanye amaphuzu esekelwe kumigomo efanayo engabandlululi.
[Usuku lokuqala kwesigaba 214: 1 kuMasingana 1998.]
Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala
215.	(1)	Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala kanye nezinqubo zokwabiwa kwezimali kufanele zigqugquzelele ukusebenzela obala, ukumela izibopho, kanye nokuphathwa kwezimali okunempumelelo kwezomnotho, izikweletu kanye nokuphathelene nomphakathi.
(2)	Umthetho kazwelonke kufanele ubeke imiyalo –
(a)	ngokuthi izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala kufanele zime kanjani;
(b)	ngokuthi izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe noma zendawo kufanele zethulwe nini; kanye 
(c)	nokuthi izabelozimali emkhakheni ngamunye kahulumeni kufanele zibonise ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izimali okuhlongozwa ukuthi zisetshenziswe zizohambisana ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke.
(3)	Izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele ziqukathe –
(a)	izilinganiso zezimali ezizotholwa kanye nezizosetshenziswa ezehlukanisa phakathi kwezindleko zokwandisa impahla engagudluki kanye nezindleko eziqhubekayo;
(b)	iziphakamiso zokuthi noma yikuphi ukuntuleka kwemali okulindelekile kuzokhokhwa kanjani kuleso sikhathi okuzobe kwenzeka ngaso; kanye
(c)	nokuvezwa kwezinhloso mayelana nokwebolekwa kwemali nezinye izinhlobo zezikweletu somphakathi ezizokwandisa izikweletu zomphakathi onyakeni olandelayo.
[Usuku lokuqala kwesigaba 215: 1 kuMasingana 1998.]
Ukulawulwa kwezimali zombuso
(1)	Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke okugcinwa kulo izimali zombuso bese ubeka izindlela zokuqinisekisa kokubili ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali emkhakheni ngamunye kahulumeni, ngokuthi ethule –
(a)	ukusetshenziswa kwezindlela ezamukelwa njengezijwayelekile zokubika ngezimali;
(b)	ukuhlelwa ngokwezigaba	okufanayo mayelana nokusetshenziswa kwemali; kanye 
(c)	nezinkambiso nezilinganiso ezifanayo mayelana nezimali zombuso.
(2)	Ihhovisi likazwelonke lezimali zombuso kufanele liphoqelele ukulandelwa kwezinyathelo ezisungulwe ngokwesigatshana(1), futhi lingamisa ukwedluliselwa kwemali engxenyeni yombuso uma ngabe leyo ngxenye yombuso yephule lezo zinyathelo ngendlela embi kakhulu noma elokhu iphindaphindwa. 
[Isigatshana (2)	indawo yaso ithathwe yisigaba 5(a)	soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(3)	Isinqumo sokumisa ukwedluliselwa kwezimali okumele zitholwe yisifundazwe ngokwesigaba 214(1)	(b)	singathathwa kuphela ngaphansi kwezimo eziphawulwe esigatshaneni(2), futhi –
(a)	asinakumisa ukwedluliselwa kwemali isikhathi esingaphezulu kwezinsuku eziyi-120; futhi
(b)	singaphoqelelwa khona manjalo, kodwa sizosuswa sibuyiselwe esikhathini esedlule ngaphandle kwalapho iPhalamende lisemukela khona ngemuva kokulandela uhlelo olufana kakhulu nalolo olumiswe ngokwesigaba 76(1)	futhi lwamiswa yimitheshwana nemiyalo ehlanganyelwe yePhalamende. Lolu hlelo kufanele lwenziwe luqedwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 senziwe isinqumo sehhovisi likazwelonke lezimali zombuso.
[Isigatshana (3) sichibiyelwe yisigaba 5(b)	soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(4)	IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukwedluliselwa kwemali zingeqi izinsuku eziyi-120 ngesikhathi ngasinye, ngemuva kokulandela uhlelo olubekwe ngokwesigatshana(3).
(5)	Ngaphambi kokuthi iPhalamende lemukele noma livuselele isinqumo sokumisa ukwedluliselwa kwezimali esifundazweni –
(a)	Umcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni kufanele anikeze iPhalamende umbiko; futhi
(b)	isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela ngalokho esethweswe icala ngakho, futhi sibeke udaba lwaso phambi kwekomiti.
Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni 
217.	(1)	Uma ingxenye yombuso emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma wendawo, noma iyiphi enye inhlangano evezwe emthethweni kazwelonke, ungena ezivumelwaneni mayelana nempahla noma imisebenzi, kufanele zikwenze lokhu ngokulandela uhlelo olugculisayo, olulungile, olusobala, oluvumela ukuqhudelana nolusebenzisa imali ngendlela efanele.
(2)	Isigatshana(1)	asizivimbeli izingxenye zombuso noma izinhlangano okubhekisw ekuzo kuleso sigatshana ekuthini zisebenzise umgomo wokutholwa kwempahla noma wokwenziwa kwemisebenzi ohlinzekela - 
(a)	izigaba ezinconywayo kunezinye lapho kwabiwa izivumelwano ezenziwayo; kanye
(b)	nokuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu, ababekwe esimweni esingesihle ngenxa yobandlululo.
(3)	Umthetho kazwelonke kufanele ubeke uhlaka okufanele kwenzelwe ngaphakathi kwalo inqubomgomo ephawulwe ezigatshaneni(2).
[Isigatshana (3)	indawo yaso ithathwe yisigaba 6 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Iziqinisekiso zikahulumeni
218.	(1)	Uhulumeni kazwelonke, uhulumeni wesifundazwe noma umasipala anganikeza isiqinisekiso ngemali etshelekwayo kuphela uma isiqinisekiso sihambisana nanoma yiziphi izimiso ezibekwe emthethweni kazwelonke.
(2)	Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni(1)	ungashaywa kuphela ngemuva kokuthi noma yiziphi izincomo zeKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso sezicutshunguliwe.
(3)	Minyaka yonke, uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko ngeziqinisekiso azinikile.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 218: 1 kuMasingana 1998.]
Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni
219.	(1)	UMthetho wePhalamende kufanele umise uhlaka lokufinyelela izinqumo –
(a)	ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu ePhalamende, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, zamalungu eKhabhinethi, zamaPhini oNgqongqoshe, zabaholi bendabuko kanye nezamalungu anoma yimiphi imikhandlu yabaholi bendabuko; kanye
(b)	nokubeka umkhawulo ongenakweqiwa ngamaholo, izibonelelo noma izinzuzo zamalungu ezishayamthetho zezifundazwe, amalungu emiKhandlu ePhethe kanye namalungu eMikhandlu yoMasipala bezinhlobo ezahlukene.
(2)	Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza izincomo mayelana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo eziphawulwe esigatshaneni(1).
(3)	IPhalamende lingemukela umthetho ophawulwe esigatshaneni(1)	kuphela ngemuva kokucubungula noma yiziphi izincomo ezenziwe yiKhomishani emiswe njengoba kushiwo esigatshaneni(2).
(4)	Abaphethe kuzwelonke, abaphethe esifundazweni, umasipala noma yisiphi esinye isiphathimandla bangasebenzisa umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni(1), kuphela ngemuva kokucubungula noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishani emiswe ngokwesigatshana(2). 
(5)	Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokufinyelela izinqumo ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli woMphakathi, zoMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni kanye nezamalungu anoma iyiphi iKhomishani ehlinzekelwe soMthethosisekelo, kubandakanya isiphathimandla sezokusakaza esiphawulwe esigabeni 192.
Ikhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso
Ukumiswa nokusebenza kwayo
220.	(1)	KuneKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso yeRiphabhuliki eyenza izincomo ezicatshangwayo kulesi Sahluko, noma emthethweni kazwelonke, izethule ePhalamende, kuzishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezibekwe ngumthetho kazwelonke.
(2)	IKhomishani izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo nangumthetho, futhi kufanele ingavuni hlangothi.
(3)	IKhomishani kufanele isebenze ngokoMthetho wePhalamende futhi,
ekwenzeni imisebenzi yayo kufanele icubungule wonke amaphuzu athintekayo, kubandakanya lawo akleliswe esigabeni 214(2).
Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu
221.	(1)	IKhomishani yakhiwe yilaba bantu besifazane nabesilisa abalandelayo abaqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yabaphethe kuzwelonke:
Usihlalo kanye nephini likasihlalo; 
abantu abathathu abakhethwe, ngemuva kokubonisana noNdunankulu,ohlwini olwenziwe ngokulandela inqubo esetshenziswayo ebekwe ngumthetho kazwelonke;
abantu ababili abakhethwe, ngemuva kokubonisana nohulumeni wendawo ohlelekile, ohlwini olwenziwe ngokulandela inqubo esetshenziswayo ebekwe ngumthetho kazwelonke; kanye
(d)	nabantu ababili abanye.
[Isigatshana (1)	indawo yaso ithathwe yisigaba 7(a)	soMthetho wesiHlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-1999 yaphinda yathathwa yisigaba 7(a) soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(1A) Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigatshaneni(1)	kufanele ubonelele ukubamba iqhaza –
koNdunankulu ekwenziweni kohlu olucatshangwa esigatshaneni(1)	(b); kanye
nokukahulumeni wendawo ohlelekile ekwenziweni kohlu oluhlongozwa esigatshaneni(1)	(c).
[Isigatshana(1A) sifakwe ngu-7(b)	wesigaba 61 soMthetho 61 ka-2001.]
(2)	Amalungu eKhomishani kufanele abenobuciko obufanele.
(3)	Amalungu asebenza ezikhundleni ngokomthetho kazwelonke. UMongameli angalisusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle, zokungakwazi ukwenza umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma zokungawazi umsebenzi.
Imibiko
222.	IKhomishani kufanele inikeze imibiko ngezikhathi ezibekiwe ndawo zombili ePhalamende nasezishayamthethweni zezifundazwe.
Ibhange elikhulu lesizwe
Ukumiswa
223.	IBhange lesiZwe laseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRiphabhuliki futhi lilawulwa ngokoMthetho wePhalamende.
Inhloso ebalulekile
224.	(1)	Inhloso olubalulekile yeBhange lesiZwe laseNingizimu Afrika ukuvikela intengo yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi nokuqhubekayo eRiphabhuliki.
(2)	IBhange lesiZwe laseNingizimu Afrika, ekufezeni inhloso yalo ebalulekile, kufanele lenze imisebenzi yalo ngokuzimela nangaphandle kokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza, kodwa kufanele kube nokubonisana okwenziwa ngezikhathi ezithile phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethi elibhekene nezindaba zezimali zikazwelonke.
Amandla nemisebenzi
225.	Amandla nemisebenzi yeBhange lesiZwe laseNingizimu Afrika yileyo evame ukusetshenziswa futhi yenziwe ngamabhange amakhulu, nekufanele imiswe nguMthetho wePhalamende futhi kufanele isetshenziswe noma yenziwe ngokwezimiso ezibekwe ngokwalowo mthetho.
Izindaba eziphathelene nezeziMali zesiFundazwe nezeNdawo
IsiKhwama seziMali zesiFundazwe
226.	(1)	KunesiKhwama seziMali zesiFundazwe sesifundazwe ngasinye okufanele kufakwe kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe, ngaphandle kwemali ekhishelwe ngaphandle ngokufanele nguMthetho wePhalamende.
(2)	Imali ingakhishwa esiKhwameni seMali sesiFundazwe kuphela –
(a)	ngokuthi ithathwe ngokoMthetho wesifundazwe; noma
(b)	njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esiKhwameni seMali sesiFundazwe. 
(3)	Izimali ezabiwe ngokusebenzisa isifundazwe ziya kuhulumeni wendawo kuleso sifundazwe, ngokwesigaba 214(1), zikhishwa ngqo esiKhwameni seMali saleso sifundazwe.
(4)	Umthetho kazwelonke ungathatha isinqumo ngohlaka okumele kusetshenzelwe ngaphakathi kwalo ukuthi -
uMthetho wesifundazwe ngokwesigatshana(2)(b)	unganikeza igunya lokuthi kukhishwe imali njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esiKhwameni seMali sesiFundazwe; futhi
nemali eyabiwe ngokusebenzisa isifundazwe yanikwa uhulumeni wasekhaya kuleso sifundazwe ngokwesigatshana(3)	kufanele ikhokhelwe omasipala kuleso sifundazwe.
[Isigatshana (4) singezwe yisigaba 8 soMthetho  wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 226: 1 kuMasingana 1998.]
Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wendawo
227.	(1)	Uhulumeni wendawo nesifundazwe ngasinye –
(a)	banelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe ngokukazwelonke ukuze bakwazi ukuhlinzekela izidingo zomphakathi nokwenza imisebenzi abayabelwe; futhi
(b)	bangathola okunye ukwabiwa okuqhamuka emalini kahulumeni kazwelonke, okungabekelwa izimiso noma kungabinazimiso.
(2)	Izimali ezingaphezulu eziqoqwe yizifundazwe noma ngomasipala akufanele zisuswe engxenyeni yabo yemali eqoqwe ngokukazwelonke, noma kokunye ukwabiwa abakuthole ezimalini zikahulumeni kazwelonke. Ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe yilutho ukuba anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali ezilingana nekhono labo kwezezimali abakwazi ukuthi bangaziqoqa noma esisekelweni sezintela abangazithola.
(3)	Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe ngokukazwelonke kufanele yedluliselwe kusifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe zimali kuyo, ngaphandle kwalapho ukwedluliselwa kumiswe ngokwesigaba 216.
(4)	Isifundazwe kufanele sizihlinzekele ngokwaso noma yiziphi izinto esizidingayo, ngokokuhlinzeka komthethosisekelo waso wesifundazwe, ezingaphezulu kwezidingo ezihlongozwe soMthethosisekelo.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 227: 1 kuMasingana 1998.]
Izintela zesifundazwe
228.	(1)	Isishayamthetho sesifundazwe singabeka –
(a)	izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile, ngaphandle kwentela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yokuthile, intela eyejwayelekile kokuthengiswayo, intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo yakwamanye amazwe; kanye
(b)	nemali eyinani elingaguquki ehlawuliswa ngaphezu kwanoma iyiphi intela, imali ekhokhelwa okuthile noma imali ekhokhelwa izimpahla ezithile ebekwe ngumthetho kazwelonke, ngaphandle kwezimali zezintela ezivela emalini etholwa ngezohwebo, emalini efakwa enanini lemtengo yokuthile, intela yomhlaba nezakhiwo noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.
[Indima (b)	indawo yayo ithathwe yisigaba 9 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
(2)	Amandla esishayamthetho sesifundazwe okubeka izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu –
(a)	awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
(b)	kufanele alawulwe ngokoMthetho wePhalamende, ongashaywa kuphela ngemuva kokucutshungulwa kwanoma yiziphi izincomo zeKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 228: 1 kuMasingana 1998.]
Amandla nemisebenzi yesikhwama sezimali sikamasipala
229.	(1)	Ngokwesigatshana(2),(3)	no-(4), umasipala angahlawulisa –
(a)	intela yempahla umuntu anayo kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu ezimalini ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala; futhi
(b)	uma egunyazwe ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile ezifanele uhulumeni wendawo noma uhlobo lukahulumeni wendawo okungena ngaphansi kwalo lowo masipala, kodwa akunamasipala ovunyelwe ukubeka intela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yezinto, intela ejwayelekile yokuthengiswayo noma intela yemikhiqizo evela kwamanye amazwe.
(2)	Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, izimali ezihlawuliswa ngaphezulu kwezimali ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala, noma ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile noma izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile zemikhiqizo evela kwamanye amazwe –
(a)	awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
(b)	angalawulwa ngumthetho kazwelonke. 
(3)	Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso nangokwemisebenzi emayelana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela efanele kwalawo mandla nemisebenzi kufanele kwenziwe ngokomthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela ngemuva kokuqashelwa kwale migomo elandelayo:
(a)	Isidingo sokuhlangabezana nemigomo ezwakalayo yokuhlawuliswa intela;
(b)	Amandla nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye;
(c)	Ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye;
(d)	Ukusebenza ngempumelelo nangekhono lokwenziwa kokuhlawuliswa kwezintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile.
(e)	Ukulingana.
(4)	Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali engeniswe ngokwalesi sigaba phakathi komasipala abanamandla phezu kwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi endaweni yinye.
(5)	Umthetho kazwelonke ocatshangwa kulesi sigaba ungamiswa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni wendawo kanye neKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso, futhi uma sekucutshungulwe noma yisiphi isincomo seKhomishani.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba 229: 1 kuMasingana 1998.]
Imali ebolekwa yisifundazwe
230.	(1)	Isifundazwe singeboleka izimali zokuhlangabezana izindleko zokwandisa impahla engagudluki nezezindleko eziqhubekayo ngokomthetho kazwelonke, kodwa imali eyebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingebolekwa kuphela uma kunesidingo sokubonelela lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali.
(2)	Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni(1)	ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso sezicutshunguliwe.
[Isigaba 230 indawo yaso ithathwe yisigaba 10 soMthetho wesiKhombisa wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Imali ebolekwa ngumasipala
230 A.	(1)	Umkhandlu kaMasipala, ngokulandela umthetho kazwelonke -
ungebolekela umasipala izimali zokuhlangabezana izindleko zokwandisa impahla engagudluki nezezindleko eziqhubekayo, kodwa imali eyebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingebolekwa kuphela uma kunesidingo sokubonelela lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali; futhi
ungazibophelela wona kanye noMkhandlu olandelayo ekusetshenzisweni kwegunya lawo lomthetho nelokuphatha ukuze utholele umasipala izimali ezebolekwayo noma umtshalele izimali.
(2)	Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni(1)	ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso sezicutshunguliwe.
[Isigaba 230A sifakwe yisigaba 17 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-2001.]
ISAHLUKO 14
IZIMISO EZIXUBILE
Umthetho wamazwengamazwe
Izivumelwano zamazwe ngamazwe
231.	(1)	Ukuxoxisana nokusayinwa kwazo zonke izivumelwano zamazwe ngamazwe
kungumsebenzi womkhandlu ophethe kazwelonke.
(2)	Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophelela iRiphabhuliki kuphela ngemuva kokuthi samukelwe ngesinqumo esithathwe ndawo zombili yiPhalamende kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, ngaphandle kwalapho kuyisivumelwano esiphawulwe esigatshaneni(3).
(3)	Isivumelwano samazwe ngamazwe sohlobo oluphathelene nezobuciko obuthile, nezokuhambisa kahle imisebenzi noma ezokuphatha, noma isivumelwano esingadingi ukwemukelwa noma ukwesekwa, esenziwe ngumkhandlu ophethe, sibophelela iRiphabhuliki ngaphandle kokwamukelwa nguMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke weZifundazwe, kodwa kufanele sethulwe phambi kwePhalamende kanye noMkhandlu kungakedluli isikhathi esifanele.
(4)	Noma yisiphi isivumelwano samazwe ngamazwe siba ngumthetho kuRiphabhuliki uma singeniswe emthethweni ngokushaywa komthetho kazwelonke; kodwa isimiso sesivumelwano esizisebenzayo ngokwaso esamukelwe yiPhalamende singumthetho eRiphabhuliki ngaphandle kwalapho siphambene noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende.
(5)	IRiphabhuliki iboshelelwa yizivumelwano zamazwe ngamazwe ezazibophelela iRiphabhuliki ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza.
Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko
232.	Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko ungumthetho kuRiphabhuliki ngaphandle kwalapho ungahambisani noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende.
Ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe
233.	Uma kuhunyushwa noma yimuphi umthetho, yonke inkantolo kufanele ikhethe noma yikuphi ukuhunyushwa komthetho okufanele okuhambisana nomthetho wamazwe ngamazwe kunokunye ukuhunyushwa okungahambisani nomthetho wamazwe ngamazwe.
Ezinye izindaba
Imiqulu yamaLungelo
234.	Ukuze kujuliswe isiko lenqubo yentando yeningi elimiswe nguMthethosisekelo,
iPhalamende kufanele lemukele imiqulu yamalungelo ehambisana noMthethosisekelo.
Ukuzimela
235.	ILungelo labantu baseNingizimu Afrika ngokuphelele lokuba bazimele, njengoba kukhonjisiwe kulo Mthethosisekelo, alikuvimbeli, phakathi kohlaka lwaleli lungelo, ukwemukelwa kwelungelo lokuba noma yimuphi umphakathi ohlanganyele amasiko nolimi olufanayo uzimele, endaweni ethile yeRiphabhuliki noma yingayiphi enye indlela, ebekwe ngumthetho kazwelonke.
Ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe
236.	Ukuthuthukisa inqubo yentando yeningi evumela amaqembu ahlukahlukene, imithetho kazwelonke kufanele ihlinzekele ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe abambe iqhaza ngokukazwelonke nakuzishayamthetho zesifundazwe ngendlela egculisayo nelandela ukufaneleka kwawo ngokwamanani.
Ukwenziwa kwemisebenzi ngokukhuthala
237.	Yonke imisebenzi ebekwe ngokomthethosisekelo kufanele yenziwe ngokukhuthala nangokungachithi sikhathi.
Ukwenzelwa imisebenzi nokwedluliswa kwamandla okwenza imisebenzi
238. 	Ingxenye kahulumeni ephethe kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni	–
ingedlulisela noma yimaphi amandla noma umsebenzi okumele usetshenziswe noma wenziwe ngokomthetho kunoma iyiphi enye ingxenye kahulumeni ephethe, inqobo uma ukwedluliselwa kuhambisana nomthetho okusetshenziswa ngawo amandla noma okwenziwa ngawo umsebenzi; noma 
ingasebenzisa noma yimaphi amandla noma yenze noma iyiphi imisebenzi yenzela noma iyiphi enye ingxenye kahulumeni ephethe ngokuthi isebenze ukwenzela abanye umsebenzi noma eyedluliselwa umsebenzi.
Izincazelo
239.	Ku Mthethosisekelo, ngaphandle kwalapho isimo sikhombisa okwehlukile -
“umthetho kazwelonke” ubandakanya –
(a)	umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokomthetho wePhalamende; kanye
(b)	nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza futhi olawulwa nguhulumeni kazwelonke;
“ingxenye yombuso” isho –
(a)	noma yimuphi umnyango wombuso noma wokuphatha emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma kahulumeni wendawo; noma
(b)	noma yisiphi esinye isikhungo sokusebenza	noma inhlangano –
(i)	esebenzisa amandla noma eyenza umsebenzi ngokoMthethosisekelo noma umthethosisekelo wesifundazwe; noma
(ii)	esebenzisa amandla okusebenza emphakathini noma eyenza umsebenzi womphakathi ngokwanoma yimuphi umthetho, 
kodwa ayifaki inkantolo noma isikhulu sezomthetho;
“umthetho wesifundazwe” ubandakanya –
(a)	umthetho ongaphansi komunye owenziwe ngokomthetho wesifundazwe; kanye
(b)	nomthetho owawusetshenziswa ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza futhi owawulawulwa nguhulumeni wesifundazwe.
Ukungahambisani emibhalweni eyahlukene 
240.	Uma kukhona ukungahambisani phakathi kwemibhalo eyahlukahlukene
yoMthethosisekelo, umbhalo wesiNgisi yiwona ozothathwa.
Amalungiselelo esikhashana 
241.	ISheduli 6 isebenza ekuguqukeni kuyiwe kuMthethosisekelo omusha osungulwe yilo Mthethosisekelo, kanye nakunoma yiluphi udaba olungavela mayelana naleyo nguquko.
Ukupheliswa kwemithetho
242.	Imithetho ephawulwe kuSheduli 7 iphelisiwe, ngokulandelwa kwesigaba 243 kanye noSheduli 6.
Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza
243.	(1)	Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu
Afrika, ka-1996, futhi uqala ukusebenza masishane ngokusemandleni ngosuku olubekwe nguMongameli ngokwesimemezelo, olungenakuba usuku olungemuva kwamhla lu-1 kuNtulikazi 1997.
(2)	UMongameli angabeka izinsuku ezahlukene ngaphambi kosuku olushiwo esigatshaneni(1), mayelana nokuhlinzekela okwehlukene kwezimiso zoMthethosisekelo.
(3)	Ngaphandle kwalapho isimo sikhombisa okwehlukile, ukuphawula okusesimisweni soMthethosisekelo esikhathini uMthethosisekelo oqale ukusebenza ngaso kufanele kuthathwe njengokubhekisa esikhathini leso simiso esaqala ukusebenza ngaso.
(4)	Uma noma yisiphi isimiso esithile soMthethosisekelo sibekelwe usuku olwehlukile ngokwesigatshana(2), noma yisiphi isimiso esihambelana nesoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ka-1993(Umthetho 200 ka-1993), esiphawulwe esimemezelweni siyapheliswa ukusuka ngosuku olufanayo.
(5)	Izigaba 213, 214, 215, 216, 218, 226, 227, 228, 229 no-230 zizoqala ukusetshenziswa mhla lu-1 kuMasingana 1998, kodwa lokhu akushiyi ngaphandle ukumiswa ngokwalo Mthethosisekelo komthetho ocatshangwa kunoma yiziphi lezi zimiso ngaphambi kwalolo suku. Kuze kube yilolo suku noma yiziphi izimiso ezihambisanayo nezenzeka ngenxa yokuthile zoMthethosisekelo weRephabliki yaseNingizimu Afrika,	ka-1993, ziyaqhubeka nokusebenza.
ISheduli 1
IFULEGI LIKAZWELONKE
(1)	Ifulegi likazwelonke linezinhlangothi ezine; lungubude obungokukodwa nohhafu ngaphezulu kobubanzi.
(2)	Linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, nomhlophe, obomvu okukapelepele kanye noluhlaza okwesibhakabhaka.
(3)	Linebhande eliuhlaza okotshani elime okuka-Y elinobubanzi obungokukodwa kokuhlanu efulegini. Imigqa ephakathi nendawo yebhande iqala ezingosini ezingenhla nezingezansi eziseduze kwesigxobo sefulegi, ihamba iyohlangana maphakathi nefulegi, bese iqhubeka owodwa eduze komunye ize iphelele phakathi nohlangothi oluzimele.
(4)	Ibhande eliluhlaza okotshani likakwe, ngenhla nangezansi ngumbala omhlophe, bese kuthi ngasesigxotsheni sefulegi likakwe ngumbala osagolide.	Umbala okake indawo eluhlaza okotshani, ngamunye ungokukodwa kokuyishumi nesihlanu kobubanzi befulegi.
(5)	Unxantathu oseduze kwesigxobo sefulegi umnyama.
(6)	Ibhande elilele ngenhla linombala obomvu okusapelepele kuthi ibhande elilele ngezansi libe luhlaza okwesibhakabhaka. La mabhande angokukodwa kokuthathu lilinye ebubanzini befulegi.
Black - omnyama
Gold - osagolide
Red - obomvu
White - omhlophe
Green - oluhlaza okotshani
Blue - oluhlaza okwesibhakabhaka
ISheduli 2
IZIFUNGO NEZIQINISEKISO
[Isheduli 2 ichibiyelwe yisigaba 2 soMthetho wokuQala wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1997 futhi indawo yayo ithathwe yisigaba 18 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Isifungo noma isiqinisekiso sikaMongameli neseBamba likaMongameli
1.	UMongameli noma iBamba likaMongameli, kufanele afunge noma aqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, noma ngaphambi kwejaji elinye elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo,	ngendlela elandelayo:
Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengoMongameli /njengeBamba likaMongameli weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, mina, A.B. ngiyafunga / ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo –
ngiqhubela phambili konke okuzothuthukisa iRiphabhuliki; futhi ngiphikise konke okungayikhinyabeza;
ngivikela futhi ngiqhubela phambili amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika;
ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla namakhono ami ngokwazi kwami okuphelele nekhono lokwenza futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami;
ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi
ngizinikezela kunhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
Isifungo noma isiqinisekiso sephini likaMongameli
2.	IPhini likaMongameli, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma kwelinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo ngendlela elandelayo:
Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengePhini likaMongameli eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, mina, A.B., ngiyafunga /ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela, ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo –
ngiqhubela phambili lokho okuzothuthukisa, futhi ngiphikisa konke okungayikhinyabeza;
ngingumeluleki weqiniso nowethembekile;
ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla namakhono ami ngokwazi kwami okuphelele nekhono lokwenza futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami;
ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi
ngizinikezela kunhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
Isifungo noma isiqinisekiso soNgqongqoshe kanye namaPhini oNgqongqoshe
3.	UNgqongqoshe ngamunye nePhini likaNgqongqoshe ngalinye kufanele afunge aqinisekise, phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo:
Mina, A.B., ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo nayo yonke imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNgqongqoshe / njengePhini likaNgqongqoshe ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukungedlulisi ngendlela eqondile noma ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; kanye nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokuzinikela kanye nangawo wonke amandla enginawo.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
Isifungo noma isiqinisekiso samalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe namalungu ezsishayamthetho zezifundazwe 
4.	(1)	Amalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe namalungu ezishayamthetho zezifundazwe kufanele afunge noma aqinisekise, phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo:
Mina, A.B., ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ngokuqinisekile ukuthi ngizokwenza imisebenzi yami njengelungu loMkhandlu kaZwelonke / njengesithunywa esisesikhundleni unomphela kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe /njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe sase-C.D. ngawo wonke amandla enginawo.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
(2)	Abantu abagcwalisa isikhundla kuMkhandlu kaZwelonke, sesithunywa esisesikhundleni umomphela soMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma izishayamthetho zezifundazwe bangafunga noma baqinisekise, njengoba kushiwo ku-(1), phambi kophethe uhlelo lwePhalamende, loMkhandlu noma lwesishayamthetho, kuye ngokuthi kugcwaliswa siphi isikhundla.
Izifungo neziqinisekiso zoNdunankulu, amaBamba oNdunankulu namalungu emiKhandlu ePhethe yesifundazwe
5.	UNdunankulu noma iBamba likaNdunankulu wesifundazwe, kanye nelungu ngalinye loMkhandlu oPhethe kusiFundazwe, kufanele afunge/ aqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli wenkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo:
Mina, A.B. ngiyafunga / ngiqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yeRiphabhuliki; futhi ngiyethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNdunankulu/njengeBamba likaNdunankulu/ njengelungu loMkhandlu oPhethe wesiFundazwe sase-C.D. ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukungedlulisi ngokusobala noma ngendlela ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokwethembeka nangawo wonke amandla enginawo.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
Isifungo noma isiqinisekiso sabenza umsebenzi wezamajaji
6.	(1)	Ijaji noma ibamba lejaji ngalinye, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli wenkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo:
Mina, A.B. ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi, njengejaji leNkantolo yoMthethosisekelo /lenkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala / leNkantolo ePhakeme/leNkantolo yase-E.F, ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ngizophakamisa futhi ngivikele uMthethosisekelo namalungelo obuntu atholakala kuwo; futhi ngizokwabela ubulungiswa kubo bonke abantu ngokufana ngaphandle kokwesaba, kokuvuna noma ukukhinyabeza ngokulandela uMthethosisekelo kanye nomthetho.
(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).
(2)	Umuntu oqokelwe esikhundleni sokuba yiJaji elikhulu leNkantolo yoMthethosisekelo ongelona ijaji ngaleso sikhathi sokuqokelwa esikhundleni, kufanele afunge noma aqinisekise ngaphambi kwePhini likaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, noma uma lingekho lelo jaji, phambi kwejaji leNkantolo yoMthethosisekelo elitholakalayo elilandelayo ngokuphakama.
(3)	Abasebenza ezinkantolo zomthetho, kanye namabamba abasebenza ezinkantolo zomthetho, ngaphandle kwamajaji, kufanele bafunge/ baqinisekise njengoba kushiwo umthetho kazwelonke.
ISheduli 3
INQUBO ELANDELWAYO NGOKHETHO
[Isheduli 3 ichibiyelwe yisigaba 2 soMthetho wesiNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1999 , kanye nayisigaba 19 soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Yisigaba 3 soMthetho wesiShiyagalalunye wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002 kanye nayisigaba 1 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008
Ingxenye A
 Inqubo elandelwayo ngokhetho lwabaphathi bezikhundla abahlinzekelwe nguMthethosisekelo
Ukusetshenziswa
1.	Inqubo ebekwe kule Sheduli isetshenziswa njalo uma –
(a)	UMkhandlu kaZwelonke uhlangana ukuze ukhethe uMongameli, noma uSomlomo noma iPhini likaSomlomo loMkhandlu;
(b)	UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe uhlangana ukuze ukhethe uSihlalo noma iPhini likaSihlalo walo; noma
(c)	isishayamthetho sesifundazwe sihlangana ukuze sikhethe uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini likaSomlomo lesishayamthetho.
Iziphakamiso
2.	Umuntu ongusihlalo emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli kufanele acele ukuba kuphakanyiswe emhlanganweni abantu abazomela ukhetho.
Izidingo ezilandela imithetho ethile
3.	(1)	Isiphakamiso kufanele senziwe efomini elibekwe yimitheshwana ephawulwe ku-9.
(2)	Ifomu okwenziwe kulo isiphakamiso kufanele lisayinwe –
(a)	ngamalungu amabili oMkhandlu kaZwelonke, uma kuzokhethwa uMongameli noma uSomlomo noma iPhini likaSomlomo;
(b)	egameni lamathimba amabili ezifundazwe, uma kuzokhethwa uSihlalo noma iPhini likaSihlalo loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; noma
(c)	ngamalungu amabili esishayamthetho sesifundazwe esithintekile, uma kozokhethwa uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini likaSomlomo wesishayamthetho.
(3)	Umuntu ophakanyisiwe kufanele akhombise ukusemukela isiphakamiso ngokuthi asayine ifomu lesiphakamiso noma asayine noma yiliphi elinye ifomu lokukhombisa ukwamukela isiphakamiso ngokuthi kubhalwe phansi lokho.
Ukumenyezelwa kwamagama abamele ukhetho
4.	Emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli, umuntu owengamele kufanele amemezele amagama alabo bantu abaphakanyiswe njengabamele ukhetho, kodwa akanakuyivumela noma iyiphi inkulumompikiswano.
Omele ukhetho eyedwa
5.	Uma kuphakanyiswe umuntu oyedwa kuphela, umuntu owengamele umhlangano kufanele amemezele ukuthi lowo muntu ophakanyisiwe ukhethelwe esikhundleni.
Inqubo elandelwayo yokhetho 
6.	Uma kuphakanyiswe ngaphezulu komuntu oyedwa -
(a)	kufanele kuvotwe emhlanganweni ngevoti langasese;
(b)	ilungu ngalinye elikhona, noma uma kungumhlangano woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, isifundazwe ngasinye esimelwe, singafaka ivoti elilodwa emhlanganweni; futhi
(c)	umuntu owengamele kufanele amemezele ukuthi bakhethiwe labo abathole iningi lamavoti.
Inqubo elandelwayo yokuchitha abanye
7.	(1)	Uma kungekho othola iningi lamavoti, lowo othole amavoti amancane
kunabo bonke kufanele achithwe okhethweni bese kuphinda kuvotelwa labo abasele njengoba kushiwo ehuzwini u-6. Le nqubo kufanele iphindwe kuze kube nothola iningi lamavoti.
(2)	Uma kusetshenziswa iphuzu u-(1), uma abamele ukukhethwa ababili noma abangaphezulu	benamavoti alinganayo amancane kunawabo bonke, kufanele kuvotwe ngokwehlukana kuvotelwa labo bantu, futhi kubuye kuphindwe ngokwesidingo esikhona ukuze kucace ukuthi kuchithwa muphi omele ukukhethwa.
Eminye imihlangano
8.	(1)	Uma kuphakanyiswe abantu ababili kuphela, noma uma kusele ababili kuphela ngemuva kokusetshenziswa kwenqubo yokuchitha, bese labo ababili bethola amavoti inani lamavoti elifanayo, kufanele kubanjwe omunye umhlangano kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa, ngesikhathi esiphawulwe ngumuntu owengamele.
(2)	Uma kubanjwe omunye umhlangano njengokusho kwephuzwana u-(1), inqubo elandelwayo ebekwe kule Sheduli kufanele isetshenziswe kulowo mhlangano sengathi kusengumhlangano wokuqala wokhetho oludingidwayo.
Imitheshwana
9.	(1)	UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele enze imitheshwana ebeka –
(a)	inqubo elandelwayo emihlanganweni okusebenza kuyo leSheduli;
(b)	imisebenzi yomuntu owengamele kulowo mhlangano, neyanoma yimuphi umuntu omsizayo;
(c)	ifomu okufanele kufakwe iziphakamiso kulo; kanye
(d)	nendlela okufanele kuvotwe ngayo.
(2)	Le mitheshwana kufanele yaziswe ngendlela uMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo abona ngayo.
Ingxenye B
 Indlela yokunquma ukuthi amaqembu alibamba kanjani iqhaza emathimbeni ezifundazwe eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe
1. Inani lezithunywa ethimbeni lesifundazwe loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe iqembu ngalinye elinelungelo lokulithola, kufanele libalwe ngokuthi kuphindaphindwe inani lezihlalo iqembu elinazo kusishayamthetho sesifundazwe ngeshumi bese umphumela wehlukaniswa ngenani lezihlalo kusishayamthetho uhlanganiswe nesihlalo esisodwa.
2. Uma isibalo esenziwe ngokwephuzu u-1, sinika insalela engangeni kuzithunywa ezinikezwa iqembu elithile njengokusho kwalokho, insalela kufanele iqhathwe nezinsalela ezitholwa ngelinye iqembu noma amanye amaqembu, futhi noma yiziphi izithunywa ezingekabiwa ethimbeni kufanele zabelwe iqembu lelo noma amaqembu lawo ngokulandelana kwensalela ephakeme kunazo zonke.
3. Uma izinsalela ezincintisanayo ezicatshangwa ephuzwini u-2 zilingana, izithunywa ezingabiwe kufanele zabelwe iqembu noma amaqembu, kubandakanya noma iyiphi iqembu elihlanganiswe nelinye njengoba kucatshangwa esigabeni 61(2)	(b), ngensalela efanayo elandela inani eliphakeme kunawo wonke lamavoti arekhodiwe, kuqalwe ngeqembu noma iqembu elihlanganiswe nelinye elibe namavoti aphakeme kunawo wonke, kubandakanya namavoti ahlanganisiwe eqenjini elihlangene nelinye, ngesikhathi sokugcina sokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe esithintekayo.
[Iphuzu 3 lengezwe yisigaba 2 soMthetho wesiNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1999 indawo yalo yaphinde yathathwa yisigaba 3 soMthetho wesiShiyagalolunye ka-2002 kanye naysigaba 5(a) soMthetho weShumi nane wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
4.	Uma amaqembu angaphezu kwelilodwa anezinsalela ezifanayo ethole amavoti alinganayo ngesikhathi sokhetho lokugcina lwesishayamthetho sesifundazwe esiqondene, isishayamthetho esiqondene masabe izithunywa ezingabiwanga ethimbeni sizinikeze iqembu noma amaqembu anensalela efanayo ngendlela ehambisana nentando yeningi.
,
 [Iphuzu 4 lengezwe yisigaba 5(b)  soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008.]
ISheduli 4
IZINDAWO OKUSETSHENZISWA KUZO AMANDLA OKUSHAYA UMTHETHO KAZWELONKE NAWEZIFUNDAZWE
INGXENYE A 
Ukulawulwa kwamahlathi emvelo
Ezolimo
Izikhumulo zezindiza ngaphandle kwezikhumulo zezindiza zamazwe ngamazwe nezikazwelonke
Ukulawulwa kwezilwane nezifo
Amakhasino, imijaho, ukugembula nokubheja, ngaphandle kwamalotho namamihlanganyel yezemidlalo
Ukuvikelwa kwabathengi
Izindaba zezamasiko
Ukulawulwa kwezinhlekelele
Imfundo kuyo yonke imikhakha, ngaphandle kwemfundo ephakeme
Indawo okuphilwa kuyo
Ezempilo
Izindlu
Umthetho wendabuko kanye nomthetho wamasiko, okuphethwe yiSahluko 12 soMthethosisekelo
Ukuthuthukiswa kwezezimboni
Inqubomgomo ngezilimi kanye nokulawulwa ngokomthetho kwezilimi ezisemthethweni kangangoba izimiso zesigaba 6 soMthethosisekelo zinika ngokucacile izishayamthetho zezifundazwe amandla okushaya umthetho mayelana nalokhu 
Ezokusakazwa kolwazi ezilawulwa ngqo noma ezihlinzekwa nguhulumeni wesifundazwe, ngokuphathwa yisigaba 192
Ukuvikelwa kwemvelo, ngaphandle kwamapaki kazwelonke, izingadi zezitshalo zikazwelonke kanye nengcebo yasolwandle
Amaphoyisa kangangoba iSahluko 11 soMthethosisekelo sinikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla okushaya imithetho mayelana nalokhu
Ukulawulwa kokunukubezeka
Ukuthuthukiswa kwabantu abakhona
Izimali zokwedlulisa ubunikazi bempahla
Izinkampani noma imisebenzi kahulumeni wesifundazwe mayelana nezindawo okusetshenza kuzo ezikule Sheduli nakuSheduli 5
Izinto zokuhamba zomphakathi 
Imisebenzi yomphakathi kuphela mayelana nezidingo zeminyango kahulumeni wesifundazwe, ekwenzeni imisebenzi yayo yokulawula imisebenzi enikezelwe kuyo ngokusho koMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho 
Ukuhlelelwa nokuthuthukiswa kwezifunda 
Ukulawulwa kwezinto ezihamba emigwaqweni
Ukuvikelwa kwenhlabathi
Ezokuvakasha
Uhwebo
Ubuholi bendabuko kuphela uma kuhambisana neSahluko 12 soMthethosisekelo
Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemadolobheni nezasemakhaya
Ukuthelelwa kwezinqola zokuhamba
Ezenhlalakahle
INGXENYE B
Izindaba zikahulumeni wendawo ezilandelayo kangangoba kubekwe esigabeni 155(6)(a)	no-(7);
Ukunukubezeka komoya
Imitheshwana elawula ukwakha
Izindawo zokunakekela izingane
Ukufakwa ohlakeni oluthile kukagesi kanye negesi
Ezokucishwa kwemililo
Ezokuvakasha zendawo
Izikhumulo zikamasipala zezindiza
Ukuhlelwa kukamasipala
Ezempilo zikamasipala
Izinto zokuhamba umphakathi zikamasipala
Imisebenzi yomphakathi eyenziwa ngumasipala kuphela mayelana nezidingo umasipala ahlangabezana nazo ekwenzeni umsebenzi wokulawula imisebenzi enikezelwe ngqo kuye ngaphansi kwalo Mthethosisekelo noma kwanoma yimuphi omunye umthetho 
Isikejana esisetshenziswa uma kudingeka ukuntanta emanzini, isikejana sokuthutha abantu nezimpahla emanzini, izakhiwo ezenziwe ogwini ukuvikela izindawo zokungenisa imikhumbi, insika eyakhiwe phezu kwamanzi esetshenziselwa ukuhlalisa okuthile namatheku, ngaphandle kokulawulwa kwezindaba zokuthuthwa kwezinto olwandle zamazwe ngamazwe nezikazwelonke nezinto ezincikene nazo
Ukulawulwa kwamanzi ezikhukhula ezindaweni okwakhiwe kuzo
Imitheshwana elawula uhwebo
Ukunikezwa kwamanzi nokuqoqwa kwendle okugciniswa ezinhlelweni zokulethwa kwamanzi aphuzekayo kanye nasezinhlelweni zokuqoqwa kwamanzi angcolile nezokulahlwa kwendle emakhaya
Isheduli 5
IZINDAWO OKUSETSHENZWA KUZO EZISHAYELWA IMITHETHO YISIFUNDAZWE KUPHELA
INGXENYE A
Amadele
Ezama-ambulense
Izikhungo zokukhweza imilando okungezona izikhungo zikazwelonke zokukhweza imilando
Imitapo yezincwadi okungeyona imitapo yezincwadi kaZwelonke
Amalayisense otshwala
Iminyuziyamu okungeyona iminyuziyamu kazwelonke
Ukuhlelwa kwesifundazwe
Izindaba zesifundazwe eziphathelene namasiko
Ukungcebeleka kanye nezindawo zalokhu zesifundazwe
Ezemidlalo zesifundazwe
Imigwaqo yesifundazwe nokuhamba kuyo
Ezokwelashwa kwezilwane, ngaphandle kokulawulwa kwalowo msebenzi
INGXENYE B
Izindaba ezilandelayo zikahulumeni wendawo njengangoba zibekelwe izifundazwe esigabeni 155(6)(a)	no-(7)
Amabhishi kanye nezinto zokuzijabulisa
Izinqwembe ezinkulu zokwazisa kanye nokukhonjiswa kwezikhangiso	ezindaweni zomphakathi
Amathuna, amakhaza nezindawo zokushisa izidumbu
Ukuhlanza
Ukulawula uthikamezo lomphakathi
Ukulawulwa kwezindawo ezithengisela umphakathi utshwala
Izindawo zokugcina, zokunakekela kanye nokungcwaba izilwane
Ukubiyela kanye nezinto zokubiyela
Ukuthelelwa kwezinja
Ukuthelelwa kanye nokulawulwa kwezindawo ezidayisela umphakathi ukudla
Izikhungo ezilusizo nezijabulisayo zomphakathi zasendaweni
Izikhungo zemidlalo zasendaweni
Izimakethe
Amadele kamasipala
Amapaki nezokungcebeleka zikamasipala
Imigwaqo kamasipala
Ukunukubeza ngokubanga umsindo
Izindawo zokugcina izinto ezephucwe emphakathini
Izindawo zomphakathi
Ukususwa kukadoti, izindawo zokulahla udoti kanye nokulahlwa kwemfucuza eqinile
Uhwebo lwasemigwaqeni
Ukukhanyiswa kwemigwaqo
Ukusetshenziswa kwemigwaqo nezindawo zokupaka
Isheduli 6
AMALUNGISELELO ESIKHASHANA
[Isheduli 6 ichibiyelwe yisigaba 3 soMthetho wokuQala wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1997, nayisigaba 5 soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998 kanye nayisigaba 20 soMthetho  wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Izincazelo
1.	1. Kule Sheduli, ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo –
“isabelo “ kushiwo ingxenye yeRiphabhuliki, eyayithathwa njengendawo ezimele noma ezibusayo ngomthetho waseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza;
“uMthethosisekelo omusha” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1996;
“imithetho yohlelo oludala” kushiwo imithetho eyashaywa ngaphambi kokuba uMthethosisekelo ongaphambi kwalo uqale ukusebenza;
“UMthethosisekelo owandulela lo” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1993,(UMthetho 200 ka-1993).
Ukuqhubeka kwemithetho esikhona
2.	(1)	Wonke umthetho owawusebenza uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka nokusebenza, kodwa uzophathwa –
yinoma iyiphi inguquko noma ukupheliswa; kanye
(b)	nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
(2)	Umthetho wohlelo oludala oqhubeka ukusebenza ngokwephuzwana u-1 –
(a)	awunakusetshenziswa okubanzi, ngokwendawo nangayiphi enye indlela, kunebinakho ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza ngaphandle kwalapho uye waguqulwa ukuze usebenze kabanzana; futhi
(b)	Uyaqhubeka nokuphathwa yilezo ziphathimandla ezaziwuphethe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ngendlela ephawulwe nguMthethosisekelo omusha.
Ukuhunyushwa komthetho okhona
3.	(1)	Ngaphandle kwalapho kungahambisani nalokho okuhlosiwe noma ngokucacile kungafanele, okushiwo kunoma yimuphi umthetho owawukhona lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza –
(a)	ngeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika noma ngesabelo(ngaphandle kwalapho ukhuluma ngendawo engeyabathile), kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma ngeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
(b)	ngePhalamende, eMkhandlwini kaZwelonke noma eMkhandlwini weziGele kufanele kuthathwe ngokuthi kusho iPhalamende, uMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
(c)	ngoMongameli, iPhini	eliPhethe likaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini likaNgqongqoshe noma iKhabhinethi, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma ngoMongameli, iPhini likaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini likaNgqongqoshe noma iKhabhinethi ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kulawulwe yiphuzu u-9 lale Sheduli;
(d)	ngoMongameli woMkhandlu weziGele, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma ngoSihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe;
(e)	ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu noma ilungu loMkhandlu oPhethe wesifundazwe kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu oPhethe noma ilungu loMkhandlu oPhethe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kulawulwe yiphuzu u-12	lale Sheduli; noma 
(f)	ngolimi noma izilimi ezisemthethweni, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
(2)	Ngaphandle uma kungahambisani nokuhlosiwe noma kungafanele ngokucacileyo, okushiwoyo kunoma yimuphi umthetho wohlelo lwakudala –
(a)	ngePhalamende, ngeNdlu yePhalamende noma umkhandlu wokushaya imithetho, noma inhlangano yeRiphabhuliki noma yesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhuluma –
ngePhalamende ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma le Sheduli emkhandlwini ophethe kazwelonke; noma 
ngesishayamthetho sesifundazwe, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe, ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale Sheduli emkhandlwini ophethe wesifundazwe; noma
(b)	ngoMongameli weZwe, uNgqongqoshe oMkhulu, uMlawuli noma omunye umphathi omkhulu, iKhabhinethi, uMkhandlu woNgqongqoshe noma umkhandlu ophethe weRiphabhuliki noma wesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa–
ngoMongameli ngaphansi komthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli emkhandlwini ophethe kaZwelonke; noma
(ii)	ngoNdunankulu wesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli emkhandlwini ophethe wesifundazwe.
UMkhandlu kaZwelonke
4.	(1)	Noma yimuphi umuntu owayeyilungu	noma esesikhundleni soMkhandlu kaZwelonke lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma umphathisikhundla woMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uphatha isikhundla njengelungu noma umphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha.
(2)	UMkhandlu kaZwelonke njengoba wakhiwe ngokwephuzwana u-(1), kufanele uthathwe ngokuthi ungokhethwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha ukhethelwa isikhathi esiphela mhla zi-30 kuMbasa 1999.
(3)	UMkhandlu kaZwelonke wakhiwe ngamalungu angama-400 esikhathini esiphela mhla zi-30 kuMbasa1999, kulawulwe yisigaba 49(4)	soMthethosisekelo omusha.
(4)	Imitheshwana nemiyalo yoMkhandlu kaZwelonke ebisebenza ngesikhathi
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, iyaqhubeka nokusebenza, kodwa kunakwe noma iyiphi inguquko noma ukupheliswa.
Umsebenzi ongaqedwanga ophambi kwePhalamende
5.	(1)	Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kwePhalamende lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele kuqhutshekwe nawo ngokoMthethosisekelo omusha.
(2)	Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kweziGele lapho
uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, futhi uMkhandlu kufanele uqhubeke nalowo msebenzi ngokoMthethosisekelo omusha.
Ukukhethwa koMkhandlu kaZwelonke
6.	(1)	Kungebanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke ngaphambi kwamhla zi-30	kuMbasa 1999 ngaphandle kwalapho uMkhandlu uhlakazwa njengokubeka kwesigaba 50(2)	ngemuva kokuthathwa kwesinqumo sokungamethembi uMongameli ngokwesigaba 102(2)	soMthethosisekelo omusha.
(2)	Isigaba 50(1)	soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube mhla zi-30 kuMbasa 1999.
(3)	Nangaphandle kokupheliswa koMthethosisekelo ongaphambi kwalona, iSheduli 2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba iguqulwe yisijobelelo A sale Sheduli, iyasebenza –
(a)	okhethweni lokuqala loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
(b)	ekulahlekelweni ubulungu boMkhandlu ezimweni ezingaphandle kwezihlinzekelwe esigabeni 47(3)	soMthethosisekelo omusha; kanye
(c)	nasekugcwaliseni izikhala eMkhandlwini, nokugcwaliselwa, ukuhlolwa kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zeqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube ukhetho lwesibili loMkhandlu ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
(4)	Isigaba 47(4)	soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube wukhetho lwesibili loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe
7.	(1)	Esikhathini esiphela masishane ngaphambi kokuhlala komhlangano wokuqala
wesishayamthetho sesifundazwe obanjwe ngemuva kokhetho lwaso lokuqala ngaphansi koMthethosisekelo omusha –
(a)	ubungako bokumelwa yizithunywa ethimbeni lesifundazwe eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe kufanele kufane nobungako bezigele eziyi-10 zesifundazwe ezaziphakanyiswe ngabo ngokwesigaba 48 soMthethosisekelo ongaphambi kwalona; futhi
(b)	ukwabelwa kwezithunywa ezisezikhundleni unomphela kanye nezithunywa ezikhethekile emaqenjini amelwe kusishayamthetho sesifundazwe, kunjengokulandelayo:
ISIFUNDAZWE
ISITHUNYWA ESISESIKHUNDLENI UNOMPHELA
IZITHUNYWA EZIKHETHEKILE
1. IMpumalanga Kapa
ANC 5
NP 1
ANC 4
2. IFreyistata
ANC 4
FF 1
NP 1
ANC 4
3. IGauteng
ANC 3
DP 1
FF 1
NP 1
ANC 3
NP 1
4.KwaZulu-Natali
ANC 1
FF 1
IFP 3
NP 1
ANC 2
IFP 2
5. IMpumalanga
ANC 4
FF 1
NP 1
ANC 4
6. INyakatho Kapa
ANC 3
FF 1
NP 2
ANC 2
NP 2
7. ILimpopo
ANC 6
ANC 4
8. INtshonalanga eseNyakatho
ANC 4
FF 1
NP 1
ANC 4
9. INtshonalanga Kapa
ANC 2
DP 1
NP 3
ANC 1
NP 3
(2)	Iqembu elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe –
kufanele liphakamise izithunywa zalo ezisesikhundleni unomphela phakathi kwabantu ababeyizigele lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza futhi abangabakhona ukuze basebenze njengezithunywa ezisezikhundleni unomphela; futhi 
lingaphakamisa abanye abantu njengezithunywa ezisesikhundleni unomphela kuphela uma kungekho noma kutholakala inani elingenele lababeyizigele zalo.
(3)	Isishayamthetho sesifundazwe kufanele siqokele esikhundleni izithunywa zaso ezisesikhundleni unomphela ngokuhambisana namagama aphakanyiswe ngamaqembu.
(4)	 Amaphuzwana u-(2)	no-(3), asebenza kuphela ekuqokweni kokuqala kwezithunywa ezisesikhundleni unomphela zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
(5)	Isigaba 62(1)	soMthethosisekelo omusha asisebenzi ekuphakanyisweni kwamagama nasekuqokelweni esikhundleni kwababeyizigele, njengezithunywa ezisesikhundleni unomphela ngokwaleli phuzu.
(6)	Imithethwana nemiyalo yeziGele ebisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele isetshenziswe mayelana nemisebenzi yoMkhandlu kaZwelonke kangangoba ingasetshenziswa, kunakwe noma iyiphi inguquko noma ukuchithwa.
Ababeyizigele
8.	(1)	Owayeyisigele ongaqokelwanga ukuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela eMkhandlwini kaZwelonke wesiFundazwe unelungelo lokuba yilungu eliphelele elingavota lesishayamthetho sesifundazwe leso ayephakanyiswe kuso njengesigele ngokwesigaba 48 somthethosisekelo wangaphambili.
(2)	Uma owayeyisigele ekhetha ukungabi yilungu lesishayamthetho sesifundazwe lowo muntu uthathwa ngokuthi wesulile esikhundleni sokuba yisigele ngosuku olwendulela uMthethosisekelo omusha oqale ngalo ukusebenza.
(3)	Iholo, izibonelelo, kanye nezinzuzo zowayeyisigele oqokelwe esikhundleni sokuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela noma njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe azinakuncishiswa ngenxa yokuqokwa lokho.
Umkhandlu ophethe 
9.	(1)	Noma yimuphi umuntu owayenguMongameli, iPhini likaMongameli eliPhethe,
uNgqongqoshe noma iPhini likaNgqongqoshe ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokoMthethosisekelo omusha, kodwa ngokulandela okushiwo ephuzwaneni u-(2).
(2)	Kuze kube mhla zi-30 kuMbasa 1999, izigatshana 84, 89, 90, 91, 93, no-96 zoMthethosisekelo omusha kufanele zifundwe sengathi zibhalwe kusiJobelelo B sale Sheduli.
(3)	U-(2), akamvimbeli uNgqongqoshe owayeyisigele ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ekubeni aqhubeke njengoNgqongqoshe ophawulwe esigabeni 91(1)(a)	soMthethosisekelo omusha, njengoba leso sigaba sisho kusiJobelelo B.
Izishayamthetho zezifundazwe
10.	(1)	Noma ngubani owayeyilungu noma engumphathisikhundla wesishayamthetho
sesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma umphathisikhundla wesishayamthetho saleso sifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uba sesikhundleni njengelungu noma njengomphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha kanye nanoma yimuphi umthethosisekelo wesifundazwe ongaba khona.
(2)	Isishayamthetho sesifundazwe njengoba sakhiwe ngokwephuzwana u-(1), kufanele sithathwe ngokuthi sakhethwa ngaphansi koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela mhla zi-30 kuMbasa 1999.
(3)	Kuze kube ngukuphela kwesikhathi sesishayamthetho wesifundazwe mhla zi- 30 kuMbasa 1999, futhi kunakwe okushiwo esigabeni 108(4), isishayamthetho	sesifundazwe sakhiwa yinani lamalungu elinqunyelwe leso sishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona kanye nenani lababeyizigele ababangamalungu esishayamthetho ngokwephuzu u-8 lale Sheduli.
(4)	Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe ebisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza iyaqhubeka nokusebenza, kunakekwe noma yikuphi okuguquliwe nokuphelisiwe.
Ukhetho lwezishayamthetho zezifundazwe
11.	(1)	Yize uphelisiwe uMthethosisekelo wangaphambili, iSheduli 2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba iguqulwe yisiJobelelo A saleyo Sheduli, iyasebenza –
(a)	okhethweni lokuqala lwesishayamthetho sesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
(b)	ekulahlekelweni ngubulungu besishayamthetho ezimweni ezingezona ezihlinzekelwe yisigaba 106(3)	soMthethosisekelo omusha; kanye
(c)	nasekugcwaliseni izikhala kusishayamthetho, kanye nokugcwalisa, ukubheka kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zamaqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube yisikhathi sokhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
(2)	Isigaba 106(4)	soMthethosisekelo omusha siyalengiswa mayelana nesishayamthetho sesifundazwe kuze kube ukhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
Abaphethe izifundazwe
12.	(1)	Noma yimuphi umuntu owayenguNdunankulu noma ilungu loMkhandlu oPhethe wesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka futhi aphathe leso sikhundla ngokoMthethosisekelo omusha kanye nangokomthethosisekelo wesifundazwe ongaba khona, kodwa ngokuhambisana nephuzwana u-(2).
(2)	Aze athathe isikhundla ngaphansi koMthethosisekelo omusha uNdunankulu okhethwe ngemuva kokhetho lokuqala lwesifundazwe, noma isifundazwe size sizishayele umthethosisekelo waso, lokho okwenzeka kuqala kunokunye, izigaba 132 no-136 zoMthethosisekelo omusha kufanele zithathwe njengoba zibekwe kusiJobelelo C sale Sheduli.
Imithethosisekelo yezifundazwe
13.	Umthethosisekelo owamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza kufanele ulandele isigaba 143 soMthethosisekelo omusha.
Ukunikezelwa kwemithetho ezifundazweni
14.	(1)	Imithetho ephathelene nodaba oluphakathi kwemisebenzi eyenziwayo ebalwe ohlwini lweSheduli 4 noma u-5 yoMthethosisekelo omusha futhi eyayiphethwe yisiphathimandla phakathi komkhandlu ophethe kaZwelonke, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, inganikezelwa nguMongameli, ngokusebenzisa isimemezelo, kusiphathimandla esiphakathi kwabaphethe esifundazweni esiqokwe uMkhandlu ophethe wesifundazwe.
(2)	Ngokuba khona kwesidingo sokuthi kunikezelwe umthetho ngaphansi kuka-(1), uMongameli, ngokusebenzisa isimemezelo –
(a)	angaguqula noma aphendule umthetho ukuze alawule ukuhunyushwa noma ukusebenza kwawo;
(b)	lapho ukunikezelwa komthetho kungasebenzi kuyo yonke ingxenye yanoma yimuphi umthetho, angawususa bese ewushaya kabusha, ube nezinguquko noma ukuphendulwa eziphawulwe endimeni u-(a), lezo zimiso okusebenza kuzo ukunikezelwa noma kugcine lapho ukunikezelwa kusebenza khona kuzo; noma
(c)	angalawula noma yiluphi olunye udaba okunesidingo sokuthi lulawulwe ngenxa yaloku kunikezelwa, kubandakanya ukwedluliselwa noma ukwebolekisa ngabasebenzi,	noma ukwedluliselwa kwempahla, izikweletu, amalungelo kanye nezibopho, eziya noma ezivela kubaphathi bakazwelonke noma besifundazwe noma kunoma yimuphi umnyango kahulumeni, ukuphathwa, ezokuphepha noma iyiphi enye inhlangano.
(3)	(a)	Ikhophi yesimemezelo ngasinye esikhishwe ngokuka-(1)	noma u-(2),	kufanele inikezwe uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kungakapheli izinsuku eziyi-10 kushicilelwe isimemezelo.
(b)	Uma yomibili uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke	weziFundazwe ngesinqumo ingasivumeli isimemezelo noma yinoma yisiphi isimiso saso, isimemezelo noma isimiso siphelelwa yisikhathi, kodwa ngaphandle kokuthikameza –
(i)	ukuba semthethweni kwanoma yini eyenziwe ngokwesimemezelo noma isimiso singakaphelelwa isikhathi; noma
(ii)	ilungelo noma isibonelelo esitholiwe noma isibopho noma isikweletu esivele ngaphambi kokuba siphelelwe isikhathi.
(4)	Uma umthetho unikezelwe ngokuka-(1), noma	yikuphi okushiwoyo emthethweni ngesiphathimandla esiwuphethe, kufanele kuthathwe ngokuthi kubhekiswe kusiphathimandla esiwunikezelwe.
(5)	Noma yikuphi ukunikezelwa komthetho ngaphansi kwesigaba 235(8)	soMthethosisekelo wangaphambili, kubandakanya noma iyiphi inguquko, ukuphendulwa noma ukupheliswa nokushaywa kabusha kwanoma yimuphi umthetho kanye nanoma yisiphi esinye isinyathelo esithathwe ngaphansi kwaleso sigaba, kuthathwa ngokuthi kwenziwe ngaphansi kwalesi sigaba.
Imithetho esekhona engaphandle kwamandla okushaya umthetho asePhalamende
15.	(1)	Isiphathimandla phakathi kwabaphethe kuzwelonke esengamele noma yimuphi umthetho owela ngaphandle kwamandla ePhalamende okushaya imithetho ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, sihlala sinamandla okwengamela lowo mthetho uze unikezwe isiphathimandla esiphakathi kwabaphethe isifundazwe ngokuka-14 wale Sheduli.
(2)	Iphuzwana u-(1), liyeka ukusebenza ngemuva kweminyaka emibili uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.
Izinkantolo
16.	(1)	Zonke izinkantolo, kubandakanya nezinkantolo zabaholi bendabuko, ezazikhona ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ziyaqhubeka nokusebenza nokusebenzisa amandla eziwanikwa yimithetho ezithintayo, futhi noma ngubani ophethe isikhundla njengowenza umsebenzi wezamajaji uqhubeka asiphethe leso sikhundla ngokomthetho osebenzayo kuleso sikhundla, kube kunakekelwe –
(a)	noma iyiphi inguquko noma ukupheliswa kwalowo mthetho; kanye
(b)	nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
(2)	(a)	Inkantolo yoMthethosisekelo emiswe nguMthethosisekelo wangaphambili	iba yiNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
(b)	……. 
[Iphuzwana u-(b)	licishwe yisigaba 20(a)	soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.] 
(3)	(a)	INgxenye yokwedlulisela amacala yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika iba yiNkantolo eNkulu yokwedlulisela amacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
(b)	…… 
[Iphuzwana u-(b)	licishwe yisigaba 20(a)	soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.] 
(4)	(a)	Ingxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yenkantolo enjalo, iba yiNkantolo ePhakeme ngaphansi koMthethosisekelo omusha kungazange kuguqulwe lutho mayelana namandla ekwazi ukuwasebenzisa, kube kunakwe noma yikuphi ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni u-(6).
(b)	Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla	noma othathwa njengosiphethe njengeJaji elinguMongameli, iPhini leJaji elinguMongameli noma ijaji lenkantolo okukhulunywe ngalo endimeni u-(a), uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yiJaji elinguMongameli, iPhini leJaji elinguMongameli noma yijaji lenkantolo enjalo ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kunakwe ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni u-(6).
(5)	Ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile kungafanele, uma umthetho noma okwenziwayo kukhuluma –
ngeNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo owandulela lona, kufanele kuthathwe njengokusho iNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosiselo omusha; 
iNgxenye yokwedlulisela amacala yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala; 
iNgxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo ePhakeme.
(6)	(a)	Ngokushesha okungase kwenzeke ngemuva kokuthi uMthethosisekelo omusha uqalile ukusebenza, zonke izinkantolo, kubandakanya ukwakheka kwazo, ukuhlanganiswa kwazo, ukusebenza kanye namandla azo, kanye nayo yonke imithetho ethintekayo, kufanele ididiyelwe ngenhloso yokumisa uhlelo lwezinkantolo oluhambisana nezidingo zoMthethosisekelo omusha.
(b)	Ilungu leKhabhinethi elibhekene nokulawulwa kwezobulungiswa, ngemuva kokubonisana neKhomishani yezemisebenzi yeziNkantolo, kufanele liphathe ukudidiyelwa okucatshangwa endimeni u-(a).
(7)	(a)	Noma ngubani osesikhundleni, lapho uMthetho wokuGuqulwa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-2001 uqala ukusebenza, -
njengoMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, uba yiJaji eliKhulu njengoba kucatshangwa esigabeni 167(1)	soMthethosisekelo omusha;
njengePhini likaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, uba yiPhini leJaji eliKhulu njengoba kucatshangwa esigabeni 167(1)	soMthethosisekelo omusha.
njengeJaji eliKhulu, uba nguMongameli weNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni 168(1)	soMthethosisekelo omusha; futhi
njengePhini leJaji eliKhulu, uba yiPhini likaMongameli weNkantolo eNkulu yokwedluliselwa kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni 168(1)	soMthethosisekelo omusha
(b)	Yonke imithetho nemitheshwana noma ukuyalela okwenziwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma yiJaji eliKhulu esebenzayo maduzane ngaphambi kokuba uMthetho wokuGuqulwa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-2001, uqale ukusebenza, iyaqhubeka isebenze ize ipheliswe noma iguqulwe.
(c)	Ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile kungafanele, ukubhekiswa okukunoma yimuphi umthetho noma okwenziwayo okukhuluma ngeJaji eliKhulu noma ngoMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kufanele kuthathwe njengokubhekisa eJajini eliKhulu njengoba kucatshangwa esigabeni 167(1)	soMthethosisekelo omusha.
[Iphuzwana u(7)	lingezwe yisigaba 20(b) s soMthetho wesiThupha wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2001.]
Amacala asalindwe phambi kwezinkantolo
17.	Wonke amacala abesalindiwe phambi kwenkantolo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele edluliswe sengathi uMthethosisekelo omusha awuzange ube khona, ngaphandle kwalapho izidingo zobulungiswa zimisa ukuthi kungabi njalo.
Isiphathimandla sezokushushisa
18.	(1)	Isigaba 108 soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuqale ukusebenza umthetho wePhalamende ocatshangwa yisigaba 179 soMthethosisekelo omusha. Leli phuzwana alithikamezi ukuqokelwa esikhundleni koMqondisi kaZwelonke wezokuShushisa koMphakathi ngokwesigaba 179.
(2)	Umshushisi omkhulu ophethe isikhundla ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osetshenziswa kuleso sikhundla, kunakwe iphuzwana u-(1).
Izifungo neziqinisekiso
19.	Umuntu oqhubekayo esesikhundleni ngokwale Sheduli futhi othathe isifungo noma owenze isiqinisekiso uma ethatha isikhundla, ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, akaphoqelekile ukuthi aphinde athathe isifungo sesikhundla noma isiqinisekiso ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
Ezinye izinhlaka zomthethosisekelo
20.	(1)	Kulesi sigaba uma kuthiwa “izinhlaka zomthethosisekelo” kushiwo –
(a)	uMvikeli woMphakathi;
(b)	iKhomishani yamaLungelo obuNtu;	 
[Indima(b)	ichibiyelwe yisigaba 4 soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
(c)	IKhomishani yokuLingana ngokoBulili;
(d)	uMcubunguli oMkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni;
(e)	iBhange eliKhulu laseNingizimu Afrika;
(f)	iKhomishani yezeziMali neyesiKhwama soMbuso;
(g)	iKhomishani yezokuPhathwa kwezobuLungiswa; noma
(h) iBhodi yeziLimi zoNke zaseNingizimu Afrika.
(2)	Uhlaka loMthethosisekelo olumiswe ngokoMthethosisekelo owandulela lona luyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho obhekene nalo, futhi noma ngubani osesikhundleni njengelungu lekhomishani, ilungu lebhodi yeBhange eliKhulu noma leBhodi yeziLimi zoNke zaseNingizimu Afrika, uMvikeli woMphakathi noma uMcubunguli oMkhulu wamabhuku ezimali zikaHulumeni ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla, kunakwe –
(a)	noma iyiphi inguquko noma okuphelisiwe kwalowo mthetho; kanye
(b)	nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
(3)	Izigaba 199(1), 200(1),(3)	kanye no-(5)	kuya ku-(11) kanye nesama-201 kuya kwesama-206 zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenze zize zipheliswe nguMthetho wePhalamende owemukelwe ngokwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha.
(4)	Amalungu eKhomishani yezokuphathwa kwezobuLungiswa ephawulwe esigabeni 105(1)(h) soMthethosisekelo owendulela lona, ayayeka ukuba ngamalungu eKhomishani uma sekuqokelwe ezikhundleni amalungu aphawulwe esigabeni 178(1)(i)	soMthethosisekelo omusha.
(5)	(a)	UMkhandlu wezeZwe eliziMele lamaBhunu omiswe ngokoMthethosisekelo owandulela lona uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osebenza kuwo, futhi noma ngubani osesikhundleni njengelungu loMkhandlu ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka ngokuba kuleso sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla, kunakwe –
noma yikuphi okuguquliwe noma okuphelisiwe kulowo mthetho; kanye
nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
(b)	Izigaba 184A nese-184B(1)(a),(b)	no-(d)	zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zipheliswe ngumthetho wePhalamende owamukelwa ngokwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha.
Ukushaywa komthetho odingwa nguMthethosisekelo omusha
21.	(1)	Lapho uMthethosisekelo omusha udinga ukuthi kushaywe umthetho kazwelonke noma wesifundazwe, lowo mthetho kufanele ushaywe yisiphathimandla esifanele singakapheli isikhathi esamukelekile ngemuva kosuku uMthethosisekelo owaqala ukusebenza ngalo.
(2)	Isigaba 198(b)	soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa kuze kube sekushaywe umthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
(3)	Isigaba 199(3)(a)	soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa ngaphambi kokuthi kube sekwedlule izinyanga ezintathu ngemuva kokushaywa komthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
(4)	UMthetho kazwelonke ocatshangwa esigabeni 217(3)	soMthethosisekelo omusha kufanele ushaywe kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala ngalo ukusebenza, kodwa ukungabikho kwalo mthetho ngalesi sikhathi akuvimbeli ukuqala kusetshenziswe izinqubomgomo eziphawulwe esigabeni 217(2).
(5)	Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho wePhalamende okuphawulwe ngawo esigabeni 65(2)	somthethosisekelo omusha, isishayamthetho sesifundazwe ngasinye singanquma eyaso inqubo elandelwayo ezosetshenziselwa ukunikeza	ethimbeni layo lokuba lifake amavoti egameni laso eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe.
(6)	Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho ocatshangwa esigabeni 229(1)(b)	somthethosisekelo omusha, umasipala uzohlala enamandla okuhlawulisa noma iyiphi intela, izimali ezikhokhelwa okuthile noma izimali ezikhokhela impahla evela kwamanye amazwe eyayigunyazwe ukuzihlawulisa lapho uMthethosisekelo uqala ukusebenza.
Ubumbano lwezwe nokubuyisana
22.	(1)	Ngaphandle kwalokho okushiwo ezinye izimiso zoMthethosisekelo omusha nangaphandle kokupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona, zonke izimiso eziphathelene nokuxolelwa kwamacala ezitholakala soMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko, “Ubumbano lwezwe nokubuyisana” zithathwa ngokuthi ziyingxenye yoMthethosisekelo omusha ngezinhloso zoMthetho oGqugquzelela uBumbano lweSizwe nokuBuyisana ka-1995,(umthetho 34 ka-1995), njengoba uguquliwe, kubandankanya nezinhloso zokusebenza kwawo.
(2)	Mayelana nezinhloso zephuzwana(1), usuku ‘6 kuZibandlela 1993’ lapho luvela khona ezimisweni zoMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko “Ubumbano lwezwe nokubuyisana”, kufanele lufundwe njengo’11 kuNhlaba 1994’.
[Iphuzwana u-(2)	lingezwe yisigaba 3 soMthetho wokuQala wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1997.]
UMqulu wamaLungelo
23.	(1)	Umthetho kazwelonke ocatshangwa ezigabeni 9(4), 32(2), nesama-33(3)
zoMthethosisekelo omusha kufanele zishaywe kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala ukusebenza ngalo.
(2)	Kuze kube lapho kushaywa umthetho ocatshangwa ezigabeni 32(2)	nesama-33(3)	zoMthethosisekelo omusha –
(a)	isigaba 32(1)	kufanele sithathwe ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
“(i)	Wonke umuntu unelungelo lokuthola lonke ulwazi olusezandleni zombuso noma zanoma iyiphi ingxenye yawo kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, uma lolo lwazi ludingeka ukuze kusetshenziswe noma kuvikelwe noma yiliphi lamalungelo akhe”; futhi 
(b)	Izigaba 33(1)	nesesi-(2)	kufanele zithathwe ngokuthi zifundeka ngendlela elandelayo:
“Wonke umuntu unelungelo –
(a)	lokuthola izinyathelo ezisemthethweni kwabaphethe lapho noma yimaphi amalungelo akhe noma izidingo zakhe zithinteka noma ziba nokwesatshiswa;
(b)	lokuthola izinyathelo ezisemthethweni ezilungile lapho noma yimaphi amalungelo akhe noma amathemba afanele ethinteka noma eba nokwesatshiswa;
(c)	lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zezinyathelo ezithathwe ngabaphethe ezithinta noma yimaphi amalungelo noma izidingo ngaphandle kwalapho lezo zizathu zimenyezelwe; kanye
(d)	nelokuthola izinyathelo kwabaphethe ezifanele uma kuqhathaniswa nezizathu ezinikiwe zazo lapho amalungelo akhe ethinteka noma eba nokwesatshiswa”.
(3)	Izigaba 32(2)	nesama-33(3)	zoMthethosisekelo omusha ziphelelwa isikhathi uma umthetho ocatshangwayo kulezo zigaba ngokulandelana kwazo, ungashaywa kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha oqale ukusebenza ngalo.
Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso nezikhungo zokuphepha
24.	(1)	Izigaba 82(4)(b), 215, 218(1), 219(1), 224 kuya kwesama-228, 236(1),(2),(3),(6),(7)(b)	no-(8), 237(1)	no-(2)(a)	nesama-239(4)	no-(5)	zoMthethosisekelo owandulela lona ziqhubeka ngokusebenza sengathi uMthethosisekelo owandulela lona awupheliswanga, kwencike–
(a)	kulokho okuguquliwe kulezo zigaba ezibekwe kusiJobelelo. D;
(b)	kunoma iyiphi enye inguquko noma ukupheliswa kwalezo zigaba nguMthetho wePhalamende owamukelwe ngokwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha; futhi
(c)	ekuhambisaneni noMthethosisekelo omusha.
(2)	IKhomishani yezeMisebenzi yoMbuso kanye namakhomishani ezifundazwe emisebenzi yombuso aphawulwe kuSahluko 13 soMthethosisekelo owandulela lona, aqhubeka nokusebenza ngokwaleso Sahluko kanye nomthetho osebenza kuwo sengathi iSahluko asipheliswanga, kuze kube kususwa iKhomishani namakhomishani ezifundazwe ngoMthetho wePhalamende owamukelwe ngokwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha.
(3)	Ukupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona akuthikamezi	noma yisiphi isimemezelo esikhishwe ngaphansi kwesigaba 237(3), soMthethosisekelo owandulela lona, futhi noma yiziphi izimemezelo ezinje ziqhubeka nokusebenza, kube kunakwe –
(a)	noma yiziphi izinguquko noma ukupheliswa; kanye
(b)	nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
Izizathu ezinezezelwe zokungavunyelwa ukuba yilungu lesishayamthetho
25.	(1)	Noma yimuphi umuntu, owayedonsa isigwebo sasejele eRiphabhuliki esingaphezulu kwezinyanga eziyi-12 ngaphandle kokunikezwa ithuba lenhlawulo yemali, lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, akavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke noma lesishayamthetho sesifundazwe.
(2)	lokhu kungavunyelwa komuntu ngokwephuzu(1)	–
(a)	kuyaphela uma isigwebo sibekwa eceleni ngemuva kokwedluliselwa kwecala, noma isigwebo sehlisiwe, ngemuva kokwedluliswa kwecala saba yisigwebo esingamvimbeli lowo muntu; futhi
(b)	kuyaphela eminyakeni emihlanu ngemuva kokuqedwa kwesigwebo.
Uhulumeni wendawo
26.	(1)	Yize kunezimiso zezigaba 151,155,156, nese-157 zomthethosisekelo omusha –
izimiso zoMthetho wesiKhashana kaHulumeni weNdawo, ka-1993(uMthetho 209 ka-1993), njengoba ungaguqulwa noma nini ngumthetho kazwelonke ohambisana noMthethosisekelo omusha, zizohlala zisebenza mayelana noMkhandlu kaMasipala kuze kube	kumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala othatha isikhundla salowo Mkhandlu ngenxa yomphumela wokhetho jikelele lokuqala lweMikhandlu yoMasipala ngemuva kokuqala koMthethosisekelo omusha; futhi 
[Iphuzwana u-(a)	indawo yalo ithathwe yisigaba 5(a)	soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
umholi wendabuko womphakathi olandela indlela yomthetho wendabuko nohlala emhlabeni osendaweni yomkhandlu wesikhashana wendawo, yomkhandlu	wesikhashana wasemaphandleni noma yomkhandlu wesikhashana omele umkhandlu, ophawulwe eMthethweni wesiKhashana kaHulumeni weNdawo, ka-1993, futhi okhonjwe esigabeni 182 somthethosisekelo owandulela lona unamandla ngokwesikhundla(ex officio) okuba yilungu lalowo mkhandlu kuze kube kumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala othatha isikhundla salowo mkhandlu ngenxa yomphumela wokhetho jikelele lokuqala lweMikhandlu yoMasipala ngemuva kokuqala koMthethosisekelo omusha.
[Iphuzwana u-(b)	indawo yalo ithathwe yisigaba 5(a)	soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-1998.]
(2)	Isigaba 245(4)	soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuphele ukusebenza kwaleso sigaba. Isigaba 16(5)	no-(6)	soMthetho Wesikhashana kaHulumeni weNdawo, ka-1993, asinakususwa	ngaphambi kwamhla zi-30 kuMbasa 2000.
[Iphuzwana u-(2)	lichibiyelwe  yisigaba 5(b)	soMthetho wesiBili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-1998.]
Ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho yePhalamende neMithetho yezifundazwe
27.	Izigaba 82 nese-124 zoMthethosisekelo omusha azithikamezi ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho yePhalamende noma yesifundazwe eyamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.
Ukubhaliswa kwempahla engagudluki yoMbuso
28.	(1)	Lapho kuvezwa isitifiketi ngabanegunya esithi impahla engagudluki yoMbuso inikezwe uhulumeni othile ngokwesigaba 239 soMthethosisekelo owandulela lona, unobhala wamafa kufanele akubhale lokho noma lezo zivumelwano encwadini efanele yokubhalisa, emaphepheni okubhalisa impahla egameni lothile noma komunye umbhalo wokubhalisa leyo mpahla engagudluki egameni lalowo hulumeni.
(2)	Akunanhlawulo, imali ekhokhwayo noma ezinye izindleko ezikhokhwayo mayelana nokubhaliswa okubekwe ephuzwaneni(1).
OKUJOTSHELELWE A
IZINGUQUKO KUSHEDULI 2 YOMTHETHOSISEKELO OWANDULELA LONA
1. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-1:
‘1. Amaqembu abhaliswe ngokomthetho kazwelonke namele ukhetho loMkhandlu kaZwelonke, kufanele aphakamise amagama abazomela ukhetho lolo ezinhleni zabamele ukhetho ezenziwe ngokulandela le Sheduli nomthetho kazwelonke.’.
2. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-2:
‘2. Izihlalo eMkhandlwini kaZwelonke njengoba kunqunywe ngokwesigaba 46 soMthethosisekelo omusha, zizogcwaliswa ngendlela elandelayo:
(a)	Uhhafu owodwa wezihlalo ovela ezinhleni zezifundazwe ezifakwe yiqembu ngalinye, kube kunenani elingaguquki lezihlalo elibekelwe isifunda ngasinye njengoba kunqunywe yiKhomishani inqumela ukhetho olulandelayo loMkhandlu, kube kubhekwe imidati etholakalayo eyesekelwe kwezesayensi mayelana nabavoti, kanye neziphakamiso ezivela emaqenjini anezintshisekelo.
(b)	Omunye uhhafu wezihlalo ezivela ezinhleni zikazwelonke ezifakwe yiqembu ngalinye, noma ezinhleni zesifunda uma izinhla zikaZwelonke zingangeniswanga.’.
3. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u- 3:
‘3. Izinhla zabamele ukhetho olufakwa yiqembu, kufanele uma seziphelele zibe nesamba samagama esingeqile enanini labantu abaphakanyisiwe elilingana nezihlalo ezikhona eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uhlu ngalunye luzohlela amagama lawo ngendlela engaguquki yokuthandiwe njengoba iqembu linganquma ngalokho.’.
4. Ukuguqulwa kwephuzu u-(5)	ngokufaka amagama alandelayo esikhundleni samagama endulela indima(a):
‘5. Izihlalo okukhulunywa ngazo ephuzwini 2(a)	zizokwabelwa isifundazwe ngasinye zinikezwe amaqembu amele ukhetho, ngale ndlela elandelayo.”.
5. Ukuguqulwa kwephuzu u-6 –
(a)	ngokufaka esikhundleni samagama angaphambi kwendima u-(a)	lawa magama alandelayo:
‘6. Izihlalo okukhulunywa ngazo ku 2(b)	zizokwabelwa amaqembu amele ukhetho, ngendlela elandelayo:”; kanye
(b)	nangokufaka esikhundleni sendima u-(a)	indima elandelayo:
‘(a)	Isabelo samavoti sesihlalo ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavoti afakwe ngokukazwelonke ngenani lezihlalo eziseMkhandlwini kaZwelonke, kuhlanganiswe nesisodwa, bese kuthi umphumela uhlanganiswe nokukodwa, kunganakwa izingcezu ezingaphelele, ube yisabelo samavoti aya esihlalweni ngasinye.”.
6. Ukuguqulwa kwephuzu u-7(3)	ngokufaka indima elandelayo esikhundleni sendima u-(b):
‘(b)	Isabelo samavoti esiguquliwe esihlalweni ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavoti afakwe ngokukazwelonke, kususwe inani lamavoti afakelwe iqembu okukhulunywa ngalo endimeni u-(a)	ngokukazwelonke, ngenani lezihlalo eMkhandlwini, kuhlanganiswe nesisodwa, bese kususwa inani lezihlalo eligcine labelwe iqembu elishiwo ngokwesigaba(a).’.
7. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-10:
‘10. Inani lezihlalo kusishayamthetho sesifundazwe ngasinye lizoba njengoba kunqunyiwe ngokwesigaba 105 soMthethosisekelo omusha.’.
8. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-11:”
‘11. Amaqembu abhaliswe ngokomthetho kazwelonke futhi emele ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, azophakamisa amagama abamele ukhetho lwaleso sishayamthetho sesifundazwe ezinhleni zesifundazwe ezilungiswe ngokuhambisana nale Sheduli kanye nomthetho kazwelonke.”.
9. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-16:
‘ 16. Ukubekwa kwabameleli.
(1)	Ngemuva kokuqedwa kokubalwa kwamavoti, inani labameleli beqembu ngalinye selitholakele nomphumela wokhetho usumenyezelwe ngokwesigaba 190 soMthethosisekelo omusha, iKhomishani, kungakapheli izinsuku ezimbili ngemuva kokumenyezelwa, izobeka isusela ohlwini ngalunye lwabamele ukhetho, olushicilelwe ngokomthetho kazwelonke, abazomela iqembu ngalinye kusishayamthetho.
(2)	Ngemuva kokubekwa ngokwephuzwana(1), uma igama lalowo obemele ukhetho livela ohlwini olungaphezu kolulodwa loMkhandlu kaZwelonke noma ezinhleni zandawo zombili zoMkhandlu kaZwelonke kanye nolwesishayamthetho sesifundazwe(uma ukhetho loMkhandlu nolwesishayamthetho sesifundazwe lubanjwa ngesikhathi esifanayo), futhi nobemele ukhetho kulindeleke ukuthi abekwe njengommeleli ezikhundleni ezingaphezulu kwesisodwa, iqembu elingenise lezo zinhla, kungakapheli izinsuku ezimbili ngemuva kwesimemezelo leso, lizosho kuKhomishani ukuthi umuntu kufanele abekwe kususelwa kuluphi uhlu noma ukuthi uzosebenza kusiphi isishayamthetho, ngokwesimo esizobe sikhona, okuzokwenza ukuthi igama lalowo obemele ukhetho licishwe kwezinye izinhla.
(3)	IKhomishani khona lapho izobe isishicilela uhlu lwamagama abameleli kusishayamthetho noma kuzishayamthetho.”.
10. Ukuguqulwa kwephuzu u-18 ngokufaka indima elandelayo 
esikhundleni sendima u-(b):
‘(b)	ummeleli uqokelwa ukuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe;”.
11. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-19:
‘19. Izinhla zabamele ukhetho beqembu elishiwo ephuzwini u-16(1)	zinganezezelwa kube kanye kuphele noma ngasiphi isikhathi phakathi kwezinyanga zokuqala eziyi-12 ngemuva kokuthi ukuqokwa kwabameleli ngokwephuzu u-16 kuqediwe, ukuze kugcwaliswe izikhala ezivela zingalindelwe:
Inqobo uma ukunezezelwa lokho kwenziwa ekugcineni kohlu.’.
12. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu u-23:
’23 Izikhala. 
(1)	Uma kwenzeka kuba nesikhala kusishayamthetho esithintwa yile Sheduli, iqembu elaphakamisa ilungu elishiyayo lizogcwalisa isikhala ngokuphakamisa	umuntu –
(a)	ogama lakhe likhona ohlwini lwabamele ukhetho lowo oshiyayo ayephakanyiswe kulo lowo ekuqaleni; futhi
(b)	ongolandelayo ohlwini ovunyelwe notholakalayo.
(2)	Isiphakamiso sokugcwalisa isikhala sizonekezwa uSomlomo sibhalwe phansi.
(3)	Uma iqembu elimelwe kusishayamthetho lishabalala noma liyeka ukuba khona futhi amalungu alelo qembu eshiya izihlalo zawo ngenxa yephuzu u-23A(1),	izihlalo ezithintekayo kufanele zabelwe amaqembu asele ngokuguquguquka kwezimo okudingekayo(mutates mutandis) sengathi lezo zihlalo zishiywe ngokwephuzu u-7 noma u-14, kuye ngesimo esivelile.’.
13. Ukufakelwa kwephuzu elilandelayo ngemuva kwephuzu u-23:
‘ 23A Izizathu ezinezezelwe zokulahlekelwa ngubulungu bezishayamthetho
(1)	Umuntu ulahlekelwa ngubulungu besishayamthetho esithintwa yile Sheduli uma lowo muntu eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu njengelungu lesishayamthetho.
(2)	Nangaphandle kokushiwo yiphuzu u-(1), noma yiliphi iqembu lezombusazwe elikhona lingalishintsha igama lalo noma ngasiphi isikhathi.
(3)	UMthetho wePhalamende, ungashaywa kungakapheli isikhathi esamukelekile ngemuva kokuthi umthethosisekelo omusha uqale ukusebenza, ngokuhambisana nesigaba 76(1)	soMthethosisekelo omusha ukuze uguqule leli phuzu kanye nephuzu u-23 ukuhlinzekela indlela engenza ukuthi ilungu lesishayamthetho eliyeka ukuba yilungu leqembu elaliphakamise lelo lungu, likwazi ukugcina ubulungu baleso sishayamthetho.
(4)	UMthetho wePhalamende ophawulwe ephuzwaneni u-(3)	ungabuye uhlinzekele nokuthi –
(a)	noma yiliphi iqembu elikhona lihlangane nelinye iqembu kube yiqembu elilodwa; noma
(b)	ukuthi noma yiliphi iqembu lehlukane libe ngamaqembu angaphezulu kwelilodwa.”.
14. Ukucinywa kwephuzu u-24
15. Ukuguqulwa kwephuzu u-25 –
(a)	ngokufakwa esikhundleni sencazelo ka ‘Khomishani’ kwale ncazelo elandelayo:
‘iKhomishani’ ichaza iKhomishani yoKhetho ephawulwe esigabeni 190 soMthethosisekelo omusha;’; futhi
(b)	ngokufaka incazelo elandelayo ngemuva kwencazelo ka ‘uhlu lukazwelonke:’
‘uMthethosisekelo omusha’ uchaza uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1996;’.
16. Ukucinywa kwephuzu u-26.
OKUJOTSHELELWE B
UHULUMENI WOBUMBANO LWESIZWE:
UMKHAKHA KAZWELONKE
1. Isigaba 84 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lesi sigatshana esilandelayo ngaphezu kwesikhona:
‘(3)	uMongameli kufanele abonisane namaPhini kaMongameli aPhethe –
(a)	ekuthuthukiseni nasekwenziweni kwezinqubomigomo zikahulumeni kazwelonke;
(b)	kuzo zonke izindaba eziphathelene nokuphathwa kweKhabhinethi nokwenziwa komsebenzi weKhabhinethi;
(c)	ekwabiweni kwemisebenzi kumaPhini kaMongameli aPhethe;
(d)	ngaphambi kwanoma yikuphi ukuqokela ezikhundleni ngaphansi koMthethosisekelo noma kwanoma yimuphi umthetho, kubandakanya ukuqokwa kwamanxusa noma kwabamele izwe kwamanye amazwe;
(e)	ngaphambi kokuqoka amakhomishani ophenyo;
(f)	ngaphambi kokubiza inhlolovo; kanye
(g)	nangaphambi kokuxolela noma ukukhululwa kwalabo abenze amacala’.
2. Isigaba 89 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ngaphezu kwalezo ezikhona:
‘(3)	Izigatshana(1)	no-(2)	ziyasebenza nasePhinini likaMongameli eliPhethe.’.
3. Indima(a)	yesigaba 90(1)	soMthethosisekelo omusha ithathwa ngokuthi ifundeka ngendlela elandelayo:
‘(a)	iPhini likaMongamelieliPhethe eliqokwe nguMongameli;’.
4. Isigaba 91 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
‘ 91 IKhabhinethi
(1)	IKhabhinethi yakhiwe nguMongameli, ngamaPhini kaMongameli aPhethe kanye –
(a)	noNgqongqoshe abangeqile kuma-27 abangamalungu oMkhandlu kaZwelonke futhi beqokwe ngokwezigatshana(8)	kuya ku-(12); kanye
(b)	noNgqongqoshe ongeqile koyedwa ongelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke oqokwe ngokwesigatshana(13), inqobo uma uMongameli, esebenza ngokubonisana namaPhini kaMongameli aPhethe nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, ebona kufanele ukuqokwa kwalowo Ngqongqoshe.
(2)	Iqembu ngalinye elinezihlalo okungenani ezingama- 80 eMkhandlwini kaZwelonke linelungelo lokuqoka iPhini likaMongameli eliPhethe phakathi kwamalungu oMkhandlu.
(3)	Uma lingekho iqembu noma kuyiqembu elilodwa kuphela elinezihlalo ezingama-80 noma ngaphezulu eMkhandlwini, iqembu elinezihlalo eziningi kunawo wonke neqembu elinenani elilandelayo lezihlalo ngalinye linelungelo lokuqoka iPhini likaMongameli eliPhethe elilodwa phakathi kwamalungu oMkhandlu.
(4)	Uma seliqokiwe iPhini likaMongameli eliPhethe lingakhetha ukuhlala liyilungu loMkhandlu noma ukuyeka ubulungu.
(5)	IPhini lika Mongameli eliPhethe lingasebenzisa amandla futhi kufanele lenze imisebenzi ebekelwe isikhundla sePhini likaMongameli eliPhethe nguMthethosisekelo noma eyabelwe leso sikhundla nguMongameli.
(6)	IPhini likaMongameli eliPhethe liba sesikhundleni –
(a)	kuze kube mhla zi-30 kuMbasa 1999 ngaphandle kwalapho kufakwe omunye esikhundleni salo noma libuyiselwe emuva yiqembu elinelungelo lokwenza isiphakamiso ngokwezigatshana(2)	noma u-(3); noma
(b)	kuze kube yilapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli ngemuva kwanoma yiluphi ukhetho loMkhandlu kaZwelonke olubanjwe ngaphambi kwamhla zi-30 kuMbasa 1996, ethatha esikhundla.
(7)	Isikhala esikhundleni sePhini likaMongameli eliPhethe singagcwaliswa yiqembu eliphakamise lelo Phini likaMongameli.
(8)	Iqembu elinezihlalo ekungenani ezingama-20 eMkhandlwini kaZwelonke futhi elinqume ukubamba iqhaza kuhulumeni wobumbano lwesizwe, linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu seKhabhinethi, esiqokelwa oNgqongqoshe abaphawulwe esigatshaneni(1)(a), ngendlela ehambisanayo nenani lezihlalo zalelo qembu eMkhandlwini kaZwelonke uma kuqhathaniswa nenani lezihlalo zamanye amaqembu abamba iqhaza.
(9)	Izikhundla zeKhabhinethi kufanele zabelwe iqembu ngalinye elibambe iqhaza ngokulandela uhlelo lokubala olulandelayo:
(a)	Isabelo sezihlalo esiqondene nesikhundla ngasinye kufanele sibalwe ngokwehlukanisa inani eliphelele lezihlalo eMkhandlwini kaZwelonke elibanjwe ngokuhlanganyela ngamaqembu abambe iqhaza ngenani lezikhundla ezizoqokelwa oNgqongqoshe abaphawulwe esigatshaneni(1)	(a), bese kuhlanganiswa noyedwa.
(b)	Umphumela, kunganakwa amadesimali esithathu nalandelayo, uma ekhona, uyizabelo zezihlalo ngesikhundla ngasinye.
(c)	Inani lezikhundla ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye linqunywa ngokwehlukanisa inani lesamba sezihlalo zalelo qembu eMkhandlwini kaZwelonke ngesabelo esiphawulwe esigabeni(b).
(d)	Umphumela, owencike endimeni(e), ukhomba inani lezikhundla okufanele zabelwe lelo qembu.
(e)	Uma ukusetshenziswa kohlelo lokubala olungenhla kugcina kunikeza kunensalela engathathwanga yinani lezikhundla ezabelwe iqembu, leyo nsalela iqhudelana nezinye izinsalela ezifana nayo ezitholwa elinye iqembu noma ngamanye amaqembu, futhi noma yiziphi izikhundla, ezisele zingabiwanga kufanele zabelwe iqembu noma amaqembu athintekile ngokulandelana kwensalela enkulu kunazo zonke.
(10) UMongameli ngemuva kokubonisana namaPhini kaMongameli aPhethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kufanele –
(a)	anqume ngezikhundla ezithile ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye ngokulandela inani lezikhundla elizabelwe ngokwesigatshana(9);
(b)	aqoke mayelana naleso sikhundla ngasinye ilungu loMkhandlu kaZwelonke eliyilungu leqembu elabelwe leso sikhundla ngaphansi kwendima(a), njengoNgqongqoshe obhekene naleso sikhundla;
(c)	uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yezidingo zokubusa kahle kukahulumeni, aguqule noma yisiphi isinqumo esingaphansi kwendima u-(a), ngokwencike esigatshaneni(9);
(d)	asuse noma yikuphi ukuqokwa ngaphansi kwendima(b)	–
(i)	uma uMongameli ecelwe ukuthi enze kanjalo ngumholi weqembu lowo Ngqongqoshe ayilungu lalo; noma
(ii)	uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yezidingo zokubusa kahle kukahulumeni; noma
(e)	agcwalise isikhala esikhundleni sikaNgqongqoshe, uma kunesidingo, ngakwencika esigabeni(b).
(11) Isigatshana(10) kufanele senziwe ngomoya oqukethwe emqondweni wohlobo lukahulumeni wobumbano lwesizwe, futhi uMongameli kanye nabanye abamsebenzelayo abathintekile, kufanele uma benza leso sigatshana bazame ukuthola ukuvumelana ngazikhathi zonke: Uma kwenzeka ukuvumelana kungakwazi ukufinyelelwa mayelana - 
(a)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni u-(a),(c)	noma u-(d)(ii)	yaleso sigatshana, isinqumo sikaMongameli siyasetshenziswa;
(b)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni(b),(d)(i)	noma u-(e)	yaleso sigatshana athinta umuntu ongelona ilungu leqembu likaMongameli, isinqumo somholi weqembu lowo muntu ayilungu lalo siyasetshenziswa; kanye
(c)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni u-(b)	noma u-(e)	yaleso sigatshana athinta umuntu oyilungu leqembu likaMongameli, isinqumo sikaMongameli siyasetshenziswa.
(12) Uma noma yisiphi isinqumo ngokwabiwa kwezikhundla siguqulwa ngaphansi kwesigatshana(10)(c), oNgqongqoshe abathintekile kufanele bashiye izikhundla zabo kodwa bavunyelwe, uma kungenzeka, ukuthi baqokwe kabusha kwezinye izikhundla ezabelwe iqembu labo ngalinye ngokwesinqumo esiguquliwe.
(13) UMongameli –
ebonisana namaPhini kaMongameli aPhethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza, kufanele –
(i)	athole isikhundla esithile sikaNgqongqoshe ophawulwe esigatshaneni(1)	(b)	uma kwenzeka kuba nesidingo ngemuva kwesinqumo sikaMongameli ngaphansi kwaleso sigatshana;
(ii)	aqoke mayelana naleso sikhundla umuntu ongelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke, njengoNgqongqoshe obhekene naleso sikhundla;
(iii)	agcwalise, uma kunesidingo, isikhala esiqondene naleso sikhundla, noma
(b)	ngemuva kokubonisana namaPhini kaMongameli aPhethe kanye nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, kufanele aqede noma yikuphi ukuqokwa okungaphansi kwendima u-(a)	uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma zokubusa kahle kukahulumeni.
(14) Imihlangano yeKhabhinethi kufanele yenganyelwe nguMongameli, noma, uma uMongameli enikeza umyalo, kube yiPhini likaMongameli eliPhethe: Kwencike ekuthini amaPhini kaMongameli aPhethe ayashintshisana ngokwengamela imihlangano yeKhabhinethi ngaphandle kwalapho ukuphuthuma kwezidingo zikahulumeni kanye nomoya oqukethwe ngumqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe, kudinga ukuthi kwenzeke ngenye indlela.
(15) IKhabhinethi kufanele isebenze ngendlela ecabangela ukutholakala komoya wokuvumelana ngokomqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe kanye nangokwesidingo sokuba nohulumeni osebenza ngendlela efanele.”.
5. Isigaba 93 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
’93 Ukuqokwa kwamaPhini oNgqongqoshe
(1)	UMongameli, ngemuva kokubonisana namaPhini oMongameli aPhethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kuKhabhinethi, angasungula izikhundla zamaphini kangqongqoshe.
(2)	Iqembu linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ezingaphezulu zamaphini kangqongqoshe ngamanani alinganayo kanye nangendlela yokubala efana naleyo esentshenziselwe ukwabiwa kwezikhundla zeKhabhinethi.
(3)	Izimiso zezigaba 91(10) kuya kwese-(12) ziyasebenza, nezinguquko eziufanele, mayelana namaPhini oNgqongqoshe, futhi kulokho kusetshenziswa ukuphawula okubhekise kuNgqongqoshe noma esikhundleni kufanele kufundwe njengokuphawula ngePhini likaNgqongqoshe noma ngesikhundla sePhini likaNgqonqoshe, ngokulandelana kwalokho.
(4)	Uma umuntu eqokwe njengePhini likaNgqongqoshe lanoma yisiphi isikhundla esinikezwe uNgqongqoshe –
(a)	lelo Phini likaNgqongqoshe kufanele ngegama lalowo Ngqongqoshe, lisebenzise futhi lenze noma yimaphi amandla noma imisebenzi eyabelwe lowo Ngqongqoshe ngokomthetho noma yimuphi noma ngenye indlela lowo Ngqongqoshe angabela ngayo iPhini likaNgqongqoshe, ngokuhambisana nemiyalelo kaMongameli; futhi
(b)	noma yikuphi ukuphawula nganoma yimuphi umthetho okhuluma ngalowo Ngqongqoshe kufanele uthathwe ngokuthi ubandakanya iPhini likaNgqongqoshe elibambe ngokokujutshwa ngaphansi kwendima(a)	nguNgqongqoshe obanjelwe yilelo Phini likaNgqongqoshe.
(5)	Lapho iPhini likaNgqongqoshe lisuke lingekho noma ngenxa yanoma yisiphi isizathu lingakwazi ukusebenzisa noma ukwenza noma yimaphi amandla noma imisebenzi yesikhundla, uMongameli angaqoka noma yiliphi elinye iPhini likaNgqongqoshe noma	yimuphi omunye umuntu ukuba abambe isikhundla salelo Phini likaNgqongqoshe, ekwenza lokho ngokuphelele noma mayelana nokusetshenziswa noma ukwenziwa kwanoma yimaphi amandla noma imisebenzi abaluliwe.’.
6. Isigaba 96 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ezilandelayo ezinezezelwe:
‘(3)	ONgqogqoshe banezibopho umuntu ngamunye kuMongameli kanye naseMkhandlwini kaZwelonke mayelana nokuphathwa kwezikhundla zabo, futhi wonke amalungu eKhabhinethi anezibopho njengembumba mayelana nokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni kazwelonke kanye nangenqubomigomo yakhe.
(4)	ONgqongqoshe kufanele baphathe izikhundla zabo ngokulandela inqubomgomo enqunywe yiKhabhinethi.
(5)	Uma uNgqongqoshe ehluleka ukuphatha isikhundla ngokuhambisana nenqubomgomo yeKhabhinethi, uMongameli angadinga ukuthi uNgqongqoshe othintekile aqondise ukuphathwa kwaleso sikhundla ukuze kuhambisane nalowo mgomo.
(6)	Uma uNgqongqoshe othintekile ehluleka ukuhlangabezana nezidingo zikaMongameli ngaphansi kwesigatshana(5), uMongameli angamsusa uNgqongqoshe esikhundleni –
(a)	uma kunguNgqongqoshe ophawulwe esigabeni 91(1)(a), ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe futhi, uma uNgqongqoshe engelona ilungu leqembu likaMongameli noma engeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, nangemuva kokubonisana nomholi weqembu lalowo Ngqongqoshe; noma
(b)	uma kunguNgqongqoshe ophawulwe esigabeni 91(1)(b), ngemuva kokubonisana namaPhini kaMongameli aPhethe nabaholi bamaqembu abamba iqhaza.’.
OKUJOTSHELELWE C
UHULUMENI WOBUMBANO LWESIZWE
UMKHAKHA WESIFUNDAZWE
‘132 Imikhandlu ePhethe
Umkhandlu oPhethe isifundazwe uqukethe uNdunankulu kanye namalungu angengaphezulu kwayi-10 aqokwe nguNdunankulu ngokulandela lesi sigaba.
(2)	Iqembu elinezihlalo ezingamaphesenti ayi-10 okungenani kusishayamthetho sesifundazwe nelinqume ukuzibandakanya kuhulumeni wobumbano lwesizwe, linegunya lokunikwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu zoMkhandlu oPhethe ngokulingana nenani lezihlalo elinazo kusishayamthetho okuncike enanini lezihlalo zamanye amaqembu abambe iqhaza kusishayamthetho.
(3)	Izikhundla eMkhandlwini oPhethe kufanele zabelwe amaqembu abambe iqhaza ngokulandela indlela yokubala efanayo nesesigabeni 91(9), futhi uma kusetshenziswa leyo ndlela ukuphawula okukuleso sigaba: –
ngeKhabhinethi, kufanele kufundwe njengokubhekisa eMkhandlwini oPhethe; 
(b)	ngoNgqongqoshe, kufanele kufundwe njengokubhekisa elungwini loMkhandlu oPhethe; kanye
(c)	nangoMkhandlu kaZwelonke, kufanele ufundwe ngokubhekisa kusishayamthetho sesifundazwe.
(4)	UNdunankulu wesifundazwe kufanele, ngemuva kokubonisana nabaholi bamaqembu abamba iqhaza –
(a)	anqume izikhundla ezibaluliwe ezizonikezwa amaqembu afanele abamba iqhaza ngokulandela inani lezikhundla azinikezwe ngokwesigatshana(3);
(b)	aqoke ngokwesikhundla ngasinye, ilungu lesishayamthetho elimele iqembu elinikezwe isikhundla ngokwendima u-(a), njengelungu loMkhandlu oPhethe elibhekene naleso sikhundla;
(c)	uma kuba nesidingo ngenxa yezinhloso zomthethosisekelo noma ngenxa yokubonelela ukuphatha ngendlela elungile, ahlukanise noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwendima	u-(a); kwencike esigatshaneni(3); 
(d)	asuse noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwendima u-(b)	–
(i)	uma uNdunankulu eceliwe ukwenza kanjalo ngumholi weqembu ilungu loMkhandlu oPhethe eliyilungu lalo; noma
(ii)	uma kuba nesidingo ngenxa yezinhloso zomthethosisekelo noma ngenxa yokuphatha okulungile; noma
(e)	agcwalise, uma kunesidingo, ngokwencika esigabeni(b); isikhundla ehhovisi lelungu loMkhandlu oPhethe.
(5)	Isigatshana(4)	kufanele sisetshenziswe ngomoya ongaphakathi komqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe, kanti futhi uNdunankulu nabanye asebenza nabo abathintekile kufanele ukuthi ekusetshenzisweni kwesigatshana leso, baphokophela ukufinyelela ukuvumelana ngazikhathi zonke: Uma kwenzeka kungakwazi ukufinyelela ukuvumelana mayelana –
(a)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni u-(a),(c)	noma u-(d)(ii)	yaleso sigatshana, isinqumo sikaNdunankulu siyasetshenziswa;
(b)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni u-(b),(d)(i)	noma u-(e)	yesigatshana esithinta umuntu ongelona ilungu leqembu likaNdunankulu, isinqumo somholi weqembu lowo muntu ayilungu lalo siyasetshenziswa; kanye
(c)	nokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni u-(b)	noma u-(e)	yaleso sigatshana esithinta umuntu oyilungu leqembu likaNdunankulu, isinqumo sikaNdunankulu siyasetshenziswa.
(6)	Uma noma yikuphi ukunqunywa kokunikezwa kwezikhundla kuguqulwa ngokwesigatshana 4(c), amalungu athintekayo kufanele ashiye izikhundla zawo kodwa avumelekile, lapho kunesidingo khona, ukuba aqokwe kabusha kwezinye izikhundla ezinikezwe amaqembu awo ngokwsinqumo esiguquliwe.
(7)	Imihlangano yoMkhandlu oPhethe kufanele yenganyelwe nguNdunankulu wesiFundazwe.
(8)	UMkhandlu oPhethe kufanele usebenze ngendlela ecabangela umoya wokufuna ukuvumelana oqukethwe kuhulumeni wobumbano lwesizwe, kanye nangokwesidingo sikahulumeni osebenza ngempumelelo.’.
2. Isigaba 136 soMthethosisekelo omusha sithathwa njengesiqukethe lezi zigatshana ezenezezelwe:
‘(3)	Amalungu oMkhandlu oPhetheu anesibopho ilungu ngalinye kuNdunankulu
nakusishayamthetho sesifundazwe ngokuphathwa kwezikhundla zawo, kanti futhi wonke amalungu oMkhandlu oPhethe ngokufanayo, anesibopho njengembumba mayelana nokwenziwa komsebenzi kahulumeni wesifundazwe kanye nangemigomo yakhe.
(4)	Amalungu oMkhandlu oPhethe kufanele engamele izikhundla zawo ngokulandela inqubomgomo ekhishwe nguMkhandlu.
(5)	Uma ilungu loMkhandlu oPhethe lehluleka ukuphatha isikhundla salo ngokulandela inqubomgomo yoMkhandlu, uNdunankulu angaba nesidingo sokuba acele ilungu elithintekile ukuba liphathe isikhundla salo ngokuhambisana nenqubomgomo leyo.
(6)	Uma ilungu elithintekile lehluleka ukuhambisana nesidingo sikaNdunankulu esingaphansi kwesigatshana(5), uNdunankulu angalisusa lelo lungu esikhundleni ngemuva kokubonisana nalo, kanti uma ilungu lingelona eleqembu likaNdunankulu noma lingeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, nangemuva kokubonisana nomholi weqembu lelungu lelo.’.
OKUJOTSHELELWE D
IZIDINGO ZOKUPHATHWA KANYE NEZOKUPHEPHA KOMPHAKATHI:
IZINGUQUKO EZIGABENI ZOMTHETHOSISEKELO OWENDULELA LO
1. Ukuguqulwa kwesigaba 218 soMthethosisekelo owendulela lo –
(a)	ngokufaka esikhundleni samagama endulela indima u-(a)	esigatshaneni(1)	ngamagama alandelayo:
‘(1)	Ngokwencika emiyalelweni kaNgqongqoshe wezoKuphepha nezokuVikela, uKhomishani kaZwelonke uzoba nesibopho –‘;
(b)	ngokufaka esikhundleni sendima u-(b)	yesigatshana(1)	indima elandelayo:
‘(b)	ukuqokwa kokhomishani bezifundazwe;’;
(c)	ngokufaka esikhundleni sendima u-(d)	yesigatshana(1)	indima elandelayo: 
‘(d)	ukuphenya kanye nokuvimbela ubugebengu obuhleliwe noma ubugebengu obudinga uphenyo kanye nokuvimbela ubugebengu okwenziwa kuzwelonke noma amakhono akhethekile;’; kanye 
(d)	nangokufaka indima u-(k) yesigatshana(l) indima elandelayo:
‘(k) ukwakhiwa kanye nokugcinwa kophiko lukazwelonke olubheka ukusimama kwezimo emphakathini ukuze luthunyelwe ukuyokweseka kanye nalapho kunesicelo sikaKhomishani wesiFundazwe;’.
2. Ukuguqulwa kwesigaba 219 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka amagama endulela	indima u-(a)	esigatshaneni(1)	ngamagama alandelayo:
‘(1)	Ngokwencika esigabeni 218(1), uKhomishani wesiFundazwe uzoba nesibipho –”.
3. Ukuguqulwa kwesigaba 224 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sombandela obekelwe isigatshana(2)	umbandela olandelayo:
‘Inqobo uma lesi sigatshana sizobuye sisebenze kumalungu anoma yimuphi umbutho ohlomile ofake uhlu lwabasebenzi bawo ngemuva kokuqala ukusebenza koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ka-1993(uMthetho 200 ka-1993), kodwa ngaphambi kokuvunywa komqulu womthethosisekelo omusha njengoba kucatshangwa esigabeni 73 salowo Mthethosisekelo, uma inhlangano yezezombusazwe umbutho lowo ogxile ngaphansi kwegunya lawo nokulawula kwawo negqugquzela izinhloso zawo iye yabamba iqhaza eMkhandlwini oPhethe wesiKhashana noma yabamba iqhaza okhethweni lokuqala loMkhandlu kaZwelonke nowezishayamthetho zezifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo okukhulunywa ngawo.’.
4. Ukuguqulwa kwesigaba 227 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sesigatshana(2)	isigatshana esilandelayo:
‘(2)	UMbutho wezokuVikela kaZwelonke uzosebenzisa amandla awo futhi uzokwenza umsebenzi wawo ngokwenza kuphela lokho okubhekene nezidingo zezwe ngokweSahluko 11 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ka-1996.’.
5. Ukuguqulwa kwesigaba 236 soMthethosisekelo owendulela lo –
ngokufaka esikhundleni sesigatshana(1)	isigatshana esilandelayo:
‘(1)	Uhulumeni, umnyango kahulumeni, ukuphathwa kukahulumeni noma ezokuphepha okwathi masinyane ngaphambi kokuqaliswa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ka-1996(ngemuva kwalapha obizwa ngokuthi	‘uMthethosisekelo omusha’), wabe wenza imimsebenzi kahulumeni, uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osebenza lapho kuze kube ukuthi uyaqedwa noma ufakwa noma uhlanganiswa kunoma iyiphi inhlangano efanele noma udidiyelwa noma uqiniswe kanye nanoma iyiphi enye inhlangano.’.
(b)	ngokufaka esikhundleni sesigatshana(6)	isigatshana esilandelayo:
‘(6)(a)	UMongameli angaqoka ikhomishani ezobuka kabusha ukuphethwa noma ukuguqulwa kwesivumelwano, ukuqashwa noma ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme, noma ukunikezwa kwesikhathi esimisiwe noma isimo sokusebenza noma ezinye izinzuzo, okwenzeka phakathi kwamhla zi-27 kuMbasa 1993 namhla zi-30 kuMandulo 1994 kunoma yimuphi	umuntu okuphawulwe ngaye esigatshaneni(2)	noma kunoma yiliphi izinga labantu abanjalo.
(b)	Ikhomishani ingahlehlisa ibuyisele emuva noma iguqule isivumelwano, ukuqashwa, ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme noma ukunikezwa kokuthile uma kungalungile noma kwamukelekile ezimweni zalolo daba”; kanye
(c)	ngokufaka esikhundleni samagama athi, “lo Mthethosisekelo”, noma yikuphi lapho evela khona esigabeni 236, amagama athi, “uMthethosisekelo omusha”.
6. Ukuguqulwa kwesigaba 237 soMthethosisekelo owendulela lo –
(a)	ngokufaka esikhundleni sendima u-(a)	yesigatshana(1)	indima elandelayo:
‘(a)	Ukuhlelwa kudidiyelwe zonke izinhlangano eziphawulwe esigabeni 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha ephawulwe esigabeni 224(2), kuzoqhubeka ngemuva kokuqala ukusebenza koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-1996, ngenhloso yokusungula –
ukuphathwa okusebenza ngempumelelo emkhakheni kahulumeni kazwelonke ukubhekana nezindaba ezingena ngaphansi kwesandla somkhakha kazwelonke; 
(ii)	ukuphatha okusebenza ngempumelelo kwesifundazwe ngasinye ukubhekana nezindaba ezingaphansi kwesandla sesifundazwe ngasinye.”; futhi
ngokufaka esikhundleni sendinyana u-(i)	yesigatshana(2)(a)	indinyana elandelayo:
‘(i)	izinhlangano eziphawulwe esigabeni 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha, zizoba ngaphansi kukahulumeni kazwelonke, ozosebenzisa leso sibopho ngokubambisana nohulumeni bezifundazwe,’.
7. Ukuguqulwa kwesigaba 239 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sesigatshana(4)	isigatshana esilandelayo:
‘(4)	Ngokwencika nangokulandela yinoma yimuphi umthetho osebenzayo, izimpahla, amalungelo, imisebenzi kanye nezindleko zayo yonke imibutho ephawulwe esigabeni 224(2)	zizokwehlela phezu koMbutho kaZwelonke wezokuVikela ngokulandlela imiyalelo kaNgqongqoshe wezokuVikela.’.
Isheduli 6A
[Isheduli 6 A ifakwe yisigaba 6 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-2003 yaphinde yachithwa yisigaba 6 soMthetho weShumi naNe wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008]
ISheduli 6B
 KANYE NOKUGCWALISWA KWEZIKHALA
[ISheduli 6B, ngaphambilini ebiyiSheduli 6A, ifakwe yisigaba 2 soMthetho weShumi nesiShiyagalombili wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2002, yachibiyelwa yisigaba 5 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo  ka-2003, yabe seyinikezwa inombolo entsha yesigaba 5 soMthetho weShumi wokuChibiyela uMthethosisekelo ka-2008 futhi yachithwa yisigaba 5 soMthetho weShumi naNhlanu wokuChibiyela uMthethosisekelo .]
,)
ISheduli 7
IMITHETHO EPHELISIWE
Inombolo kanye noNyaka woMthetho
Isihloko
UMthetho 200 ka- 1993
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1993
UMthetho 2 ka- 1994
UMthetho oGuqlula uMthethosisekelo weRiphabhuliki 
yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 3 ka-1994
UMthetho wesiBili oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 13 ka-1994
UMthetho wesiThathu oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 14 ka-1994
UMthetho wesiNe oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 24 ka-1994
UMthetho wesiThupha oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 29 ka-1994
UMthetho wesiHlanu oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1994
UMthetho 20 ka-1995
UMthetho oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1995
UMthetho 44 ka-1995
UMthetho wesiBili oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1995 
UMthetho 7 ka- 1996
UMthetho oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1996
UMthetho 26 ka- 1996
UMthetho wesiThathu oGuqula uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1996 
