EDITION 1:  MAY 2006



iBandla  nomHlaba

Izindaba  ezivela  kwi  Church  Land  Programme

















Ukubuyiselwa  komhlaba:



Izindaba  ezivela  kubantu























Uyaqonda  ngomthetho obizwa  nge- Resestitution  Act?









hulumeni wase Ningizimu Afrika waqala ukuguqula eze- mihlaba (Land Reform) ngo 



1994. Uhlelo lokuguqula kwezemihla- ba (Land reform) luqonde ukulungisa ubudlova nokuphucwa kwemihlaba okwenzeka ngaphansi kwemithetho kahulumeni wobandlululo.



Sekuphele iminyaka elishumi manje uhulumeni enza uhlelo lokubuyiselwa kwemihlaba.Uhulumeni ukhuluma ngempume- lelo yaloluhlelo ngoba izicelo eziningi sezaphumelela. Isikhathi saloluhlelo, uhulumeni usephinde wasengeza kuze kube uku- phela konyaka ka 2007.



Umlando ubonisa ukuthi kudingeka siqaphele, ngokucubu- ngula nangokubhekisisa ezemihlaba eNingizimu Africa. Ange- ke sithathe izinto kalula. Leliphepha libheka ukuthi bathini abantu abafaka izicelo zokubuyiselwa imhlaba. Leliphepha ikubuka ukubuyiswa kwemihlaba ngasezingeni labantu abase- mazingeni aphansi hhayi abangaphezulu. Liyabhekisisa ukuthi uhlelo lokubuyiswa kwemihlaba luyabuletha yini ubulungiswa nokwelapheka kwamanxeba asendulo. Likhuluma ngezindaba zabantu base Roosboom nase Oakford, bese lisebenzisa le- zizindaba ukubuza imibuzo ebalulekile ngokunxeshezelwa.



IOakfordyipulazi  elingango  1100  Ha     maduzane  ne Verulum  ngaphakathi  komngcele  womkhandlu  waseThe- kwini.  Lathengwa eminyakeni elinganiselwa ko-1800 ngu- Mbhishobhi  Jolivet, uMbhishobhi  ongumKhatholika, okwathi emva kwesikhathi waletha amasistela eDominika   kulendawo ukwenza  umsebenzi  wokuphendula  abantu  bendawo. I  Oak- ford  Priory  yasungulwa.  Njengoba  kwakunjalo  nakwezinye iziteshi  zezimishini, ngokuhamba  kwesikhathi  abantu  ababe- hlala  kulendawo  banda, ngenxa  yokubakhona  kwemisebenzi



eduzane, nangokuzinikela kwabo ebukatholokeni.



Ngonyaka ka-1952 kwethulwa umthetho wokuhlalisa abantu ngobuzwe (Group Areas Act). Lomthetho wayithinta nenda- wo yase Oakford, ukususwa ngenkani kwenzeka ngo 1964 kuyaphambili. Ukususwa kwahlukanisa abantu base Oak- ford: Okungenani imindeni engamashumi ayisishiyagalombili yasuswa ngenkani emishini, abaningi baya eNdwedwe. Laba- ntu babelindele ukuthi Amasistela ayezobakhulumela, abasize kepha lokhu akwenzekanga.Eminye imindeni yasala endaweni, kepha besengcupheni bengenakuvikeleka bokuba nomhlaba.



Izihambi zabantu base-Oakford bafaka isicelo ngokulandela uhlelo lokunxeshezelwa kwemihlaba ngo-1996 no 1997. Emva kwesikhathi eside belindile, uhulumeni ngeRegional Land Claims Commission (RLCC) wakhokhela i Dominican Associa- tion yase Ningizimi Africa. Ngalokho ngo 2 April 2005 abantu ababesusiwe base Oakford bakwazi ukujabulela amalungelo abo okuba nomhlaba e-Oakford.Kunokuba bahlale kulomhlaba bakhetha ukuwusebenzisa ukwenza ibhizinisi, balima umoba.



Abantu abasala e Oakford, banikezwa nabo isithembiso sokuthola umhlaba. Ngo 1996, amaSistela avuma ukuthi ba- ngawuthatha umhlaba ababephila kuwona. AmaSistela enza isicelo kuMnyango weZemihlaba (Department of Land Af-









fairs, DLA) ukubasiza ukudlulisela amatayitela, nokuthi abantu abazothola umhlaba basizwe ukuthi bangawusebenzisa ka- njani kahle lomhlaba. Ngo January 2006, labantu bathola uku- gcwaliseka kwalesisithembiso sokuthola amatayitela, nakuba kube iminyaka eyisishiyagalolunye belindile ukudluliselwa ko-









minyakeni yokuqala yawo 1900’s indoda emnya- ma yathenga umhlaba kuhulumeni endaweni 



kweLadysmith. Lendonda eyabe I yizemtiti yamema abanye abanjengayo ukuba bahlangane babeyinkampani ekuthe- ngeni futhi basebenzise lomhlaba. Lendawo yathuthuka nge- sikhathi njengomphakathi wamaKrestu, lapho kwakuvunyelwe amasiko athize esiZulu. Abanikazi nabaqashi ngokufanayo ba- kha imizi, izikole, izizinda zokuqeqeshwa, umtholampilo, iposi namasonto amaningi anjengawase: Sheshi, Khatholika, Weseli, Presbyterian, Zulu Congregational, Dutch Reformed kanye namanye amabandla ahlukahlukene azimele aseAfrika (aziwa phecelezi ngokuthi ama AICs). Ngaphandle kwalokho kwaku- nokulima okwakwenziwa futhi indawo yayibonakala njenge- ndawo yabamnyama abaphumelelayo nabanothile.



Kepha uhulumeni wabona lendawo njenge “chashazi eli- mnyama” (black spot), wabe usuqala ukuxoxisana naba- nikazi bomhlaba, iminyakana embalwa, uzama ukuba bazi- xoshe ngokwabo emhlabeni wabo. Nokho kwazicacela ukuthi lemizamo kahulumeni yabhuntsha engekho ofuna ukuhamba ashiya indawo yakhe. Kuthe uma kubonakala ukuthi lemiza- mo ayiphumeleli izikhulu zikahulumeni zabe seziqala ukuse- benzisa amaqhinga okukhulumisana nomphakathi ngendlela eyishaya ngapha iphinde iyishaye ngapha ziletha nemibiko e- ngeyikho ngenhloso yokudala uqhekeko.



Ngolunye usuku, ekuseni kusempondo zankomo, ngonyaka ka 1975, kwatheleka amaloli amasosha, kwatshelwa imindeni ukuthi ayiqoqe lokho engakuqoqa ingene emalolini. Lokho okwasala ngemuva kwaphenduka idili likamkhipheli emaso- sheni okunye kwacekelwa phansi. Imindeni yathuthwa nga- maloi yayolahlwa elokishini laseZakheni, kwelinye ohlangothi lweLadysmith, basebetshelwa ukuthi bahlale ezindlini zikatha- yela, ezakhiwe nakabi noma zinamanzi kepha zingenagesi, kwakungekho ndawo yemfuyo noma yokutshala ukudla. Lo- khu kufudukiswa ngenkani kwakusayisiqalo nje sokufudukiswa okuningi kwabantu base Roosboom,okwenzeka iminyaka emi- bili. Kokunye abantu bahamba beya emsebenzini uma bebuya bathola sekungekho lutho lapho kwakungamakhaya abo.



Labo ababexoshiwe bahlala Ezakheni kepha belokhu bela- ngazelela ukubuyela e-Roosboom- eyabe isiphendulwe ipulazi. Kuthe ekupheleni kweminyaka yo-1980, abantu baqala uku- zibuyelela e-Roosboom bezama ukwenza ngcono izimo zezi- mpilo zabo. Kwabesekufika nabanye ababengakaze bahlale e- Roosboom ngaphambilini. Ekuqaleni kweminyaka yawo 1990 abahlali baqala ukucela uhulumeni ukuba ababuyisele umhla- ba wabo, ngeminyaka yo-1994 ngaphezu kwenxenye yabahlali bokuqala babuyela emuva e-Roosboom.



Uhulumeni omusha waseNingizimu Afrika entsha indaba yase Roosboom wayibona njendaba yokuqala ye RDP eyimpu- melelo nayengaziqhenya ngayo. Kwabe sekwahlukaniselwa isamba semali esilinganiselwa ezigidini ezingama R26 million ukuqinisekisa ukuthi lendawo iyathuthukiswa. Kepha kwabo-



Ngo 1994 uhulumeni waphasisa umthetho obizwa ngokuthi i-Restitution Act No. 22 of 1994.



Lomthetho, ngokombono wawo, ufisa ukubuyisela amalungelo omhlaba kulabo abalahlekelwa yilamalungelo ngemuva kuka 19 June 1913, ngesikhathi kuphakanyiswa imithetho yokubandlulula ngokobuzwe abantu base Afrika.



Umgomo wawo ukugqugquzela ukuphathwa ngokulingana kwalabo abaphucwa imihlaba nguhulumeni, kakhulukazi abangenamihlaba ezindaweni zasemakhaya; ukubhekelela izinhlelo zokuthuthuka kulethwe bonke abathintekayo kulezicelo zomhlaba; ukugqugquzela ukubuyisana ngokunxephezela; ukuthela esivivaneni ukuze kube khona ukwabiwa ngokufanele kwamalungelo ezomhlaba.



Inqubo yalomthetho: ukugqugquzela ukulingana ebulilini; ubulungiswa nokulungiswa ngokufaneleyo; kuqaliswe ngezidingo zokuthuthukiswa kwemihlaba; ukubhekelelwa kwezidingo nokugqugquzelwa kwe Batho Pele.











nakalengathithi baba buncane ubufakazi obabubonakala ku- bahlali base-Roosboom balemali noma intuthuko. Ngokuha- mba kwesikhathi eminye imiNyango kahulumeni yaletha e- zinye zezidingo zomphakathi.



Ngenxa yakho konke lokhu osekwehlela abantu base base- Roosboom basukuma bazibambela ngokwabo ngokuthatha lezinyathelo ezilandelayo:



Abanikazi nabahlali sebaziphindelela emhlabeni wabo eku- qaleni kweminyaka yo 1990, baphinda bafaka isicelo nge- minyakyo 1993 sokubuyiselwa umhlaba wabo nokuthola amatayilela awo. 



Bazakhela izinsiza ezithile endaweni. 



Bafuna nokuba uhulumeni alethe intuthuko nokulethwa lwezinkonzo, kuthi nokuguguleka komhlabathi endaweni kwelashwe (ngesikhathi indawo yenziwa ipulazi yasetshe- nziswa ngendlela engafanele, lokhu okwaba nemiphumela emibi emhlabathini). 



Babiza uhlelo olunjengo lweTRC ukubasiza ukuze baqonde ukuthi kwenzekani ngama 1970s, ikakhulukazi ukuthola ukuthi ubani owagunyaza ukuxoshwa kwabo. 



Banquba ukugwema ukwahlukana endaweni, futhi base- benze ndawonye nawowonke umuntu ohlala khona, kanye nabo labo abafika ngemuva kokususwa. 



Basungula iRoosboom Church Land Committee ukuxo- xisana nohulumeni. 



Sebeke babhala izincwadi bezithumela ezikhulwini zikahu- lumeni. 



Baqopha ivideo/ifilimuelixoxa ngendaba yase Roosboom. 

Imibuzo eyishumi yokubuza ngokunxeshezelwa kwezemihlaba

Njengezakhamizi  zaseNingizimu



Afrika, sidinga ukwazi, ngo- kucubungula nokubhekisisa



ngezemihlaba.



Ukusisiza sazi,sibhekisise,sicubungule,kunemibuzo ebalulekile eyishumiengabuzwaimiphakathiesendleleniyokunxeshezelwa. Uma uthatha indima esicelweni sokunxeshezelwa, kungakusi- za ukuhlangana nabanye abenza lesosicelo (noma abanye abantu abasemphakathini noma bengafaki isicelo) bese nibu- za lemibuzo njengomphakathi:



Uma sifuna ubulungiswa benziwe ngonya olwenziwa ngenxa yemihlaba, ingabe siqondene nomnyango ofanele? 



Ingabe uhlelo lokunxeshezelwa lungani empeleni? Ku- ngabe olokuphikisa ukungabikho kobulungiswa, noma olokuthola imali namandla? 



Kungabe ukuthola itayitela noma imali kuyoletha ubu- lungiswa kithi futhi kusinike ngokugcwele esalahlekelwa yikho ezimpilweni nasemphakathini wethu? 



Kungabe siyazi ngokugcwele ukuthi izimfuno zobani ezi- balulekile ekwenziweni kwesicelo somhlaba? 



Kungabe uhulumeni ne Regional Land Claims Commission Isibuka kanjani njengomphakathi? Kungabe singabalinga- ni, noma siyinamba ezibalweni nje? 



Kungabe siyazi ngokugwcele ngokubakhona kwesithe- mbiso sokulungisa isimo sethu, futhi sithathe amandla ezandleni zethu? Kungabe siyazi ngokugwcele ngokuba- khona kwesimo esingavumi ukuba siphikisane nokwenzi- wayo? Kungabe siyakholwa ukuthi singaphazamisa isicelo uma singaphathwa kahle? 



Ubani othola amandla, isimo nemali esicelweni esisifakile? Kungabe yithina ngempela esithuthukiswayo? Kungabe abampofu phakathi kwethu bayaluthola usizo? 



Uma I-Regional Land Claims Commission ikholwa ukuthi sekuphelile ngokudluliselwa komhlaba,kungabe bayovele bahambe nje? Kungabe silindele okungaphezulu kweta- yitela noma imali kuhulumeni, kungabe lokho okulinde- lwe kuyikona ngempela? 



Uma sibuka izindaba zabanye abafake izicelo, kungabe ukunxeshezelwa kubanga ukuxabana nokuhlukana, noma kuyasiza ukwakha umphakathi? Kungabe ukukhokhelwa kuyathuthukisa impilo yomphakathi? Kungabe abantu bayamelana nobumpofu? 



Kungabe ukuphindela emhlabeni wethu kuyaletha ubunye nentuthuko, noma kuletha ukuxabana kubantu? 





Ungenzani ngokunxeshezelwa kwezemihlaba  Manje?



Ukunxeshezelwa kwangempela akusikho okomhlaba. Uku- nxweshezelwa kwangempela kungubulungiwa obenziwa empilweni: Ukuzazi, ukuzigqaja, umphakathi, umndeni, u- mlando nokubanendawo. Umphakathi ungafinyelela kanjani ekunxeshezelweni kwangempela? Lezi ezinye zezindlela:



Asithathe iqhaza sijabulele ukuthi singobani! Asiyibo aba- fake izilelo, kepha siyizakhamizi zaseNingizimu Afrika. 



Asiqale manje ukusebenzisa umhlaba, asithathe ikusasa lethu libe sezandleni zethu. 



Sinelungelo lonke ukufuna ubulungiswa, izimpendulo ezi- ningi zivela kubantu – banamandla okuzikhulula bona. 



Labo abakhishelwe ngaphandle kufanele bahlale bebu- mbene, bahlanganisele izinsiza futhi bazihlele kahle. Ba- memane bamele ukuguqulwa kwezemihlaba kwange- mpela Ukuguquka kwezemihlaba kwangempela kuyamu- kela lokhu abantu abahlangabezane nakho nomlando wa- banganamhlaba futhi kwabiwe izinsiza ngokufanele uku- letha uguquko kulokho abantu abakudinga ngempela, hayi lokhu okufunwa osomabhisinisi. 



Hlonipha amalungelo abantu. 



Asiziqonde ukuthi singobani. 



Yakhani ubudlelwano nihlanganyele ndawonye – ninga- sebenzi ninodwa. 









Cabanga  Ngalokhu  …



Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: "Makwanele kini nina-zikhulu zakwaIsrayeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova."



Hezekeli 45:9



Nelivesi   lithathwe   encwandini   ka   Hezekeli   ebha- yibhelini.  Liyacacisa  kahle  lokho  akushoyo  uNku- lunkulu  ngokuxoshwa  kwabantu  ezindaweni  zabo, nangokucindezelwa  nobudlova  okubhekiswe  kubantu  aba- ngenamhlaba. UNkulunkulu umelene nokungabikhona kobu- lungiswa. Kuyisono ngokucacileyo sabanamandla ukungahlo-



niphi amalungelo emihlaba yababuthakathaka.



Umyalezo owakhulunywa nguNkulunkulu ngomProfethi uHezekeli ku “Makhosi akwaIsrayeli” eminyakeni eyizinkulu- ngwane eyadlula, ungumyalezo osafana. UNkulunkulu usakhu- luma nanamhlanje nalabo abaphethe umhlaba, (aMakhosi a- namuhla) ukuthi, “Yekani ukungabi nobulungiswa, yekani ubu-

dlova nokuxosha abantu bami”.



Ngalokho amacala ahlazisayo e- nziwa kubantu abangenamhlaba bempofu eNingizimu Afrika aya- nyanyisafuthiawemukelekikuNku- lunkulu. Nazi ezinye zezibonelo zangempela:



Ukuhlukunyezwa emzimbeni okuholela ekufeni (Mnu. Solo- mon Mbuyisa wasePhongolo no Mnu. Dlamini wase Richmond). 



Ukudusthulwa kwabasebenzi emafamu (Mnu Tseko Mnda- weni wase Eston). 



Ukudunwa kwezinkomo, ezi- wukuphila kwabantu (Nks. Nge- ma umfelokazi wase Dingaan- stand, Babanango). 











Bathini  abantu



Abantu kulezizindawo banemibono ngokunxeshezelwa. Banendaba abangiyixoxa. Leliphepha yindawo lapho bengaxoxa khona lezindaba, bazwakalise imibono nemizwa yabo:



Umuntu walala enekhaya. Ngakusasa langishonela ngehla ngenyuka ngihamba ngibuza abantu ukuthi “ikephi ekhaya?”

- Umuntu owasuswa ngenkani.



Bonke ohulumeni baseNingizimu Afrika, bayafana, banjengezingane zikankosikazi oyedwa. Bonke benza izithembiso bangazigcini. Uhulumeni wamaNgisi wenza izithembiso wangazigcina, Uhulumeni wobandlululo wenza ngokufanayo, kanjalo futhi nalohulumeni wamanje.

- Indoda endala yase Roosboom.



Salahlekelwa imizi hayi izimoba. Ingani pho sinxephezelwa ngamasimu kamoba? Sobesibadala kangakanani kunosethuneni, ngesikhathi sithola inzuzo yalezizimoba?



- Ohola impesheni. (usexoshwe kabili ukuze umhlaba wakhe usetshenziselwe ukuhweba ngezolimo)



Senziwa izingane ezithenjiswa amaswidi kepha zingawatholi.Yingani singanikezwa imali yokwakha imizi, kunamasimi kaboma?



- Ohola impesheni.



Siyoya ezitaladini uma kuphela ukubekezela.

- Umuntu omusha wakwaThelaphi.





Wena  uthini



Iyini indaba yakho ngokunxephezelwa kwezemihlaba. Sithanda ukuzwa ngawe. Uma wena noma umphakathi wakho ungathanda ukusitshela ngendaba yenu noma nithumele imibono yenu, ningasibhalela kulelikheli:



iBandla nomHlaba



Suite 23 Postnet, Private Bag X9005 Pietermaritzburg, 3200











Ukuxoshwa kwabadala nabazukulu babo (Nks Ntshangase wase Dundee no Nks Mkhonza wase Newcastle). 



Kunesidingo sokuphenduka (Ukushinstha ngokupheleleyo kwenhliziyo nezenzo) Kwalabo abenza lezizinto: Labo abane- mihlaba engeyabanye abantu abaphucwa yona, nalabo abane- mihlaba abahlukumeza izisebenzi emapulazini noma besebe- nzise udlame ukulawula abampofu emaphandleni.



Ngokwa lelivesi, isimemo sikaNkulunkulu ukuba bayeke ubu- dlova benze ubulungiswa nokulungileyo.Isimemo esokuthi ba- phenduke, bavume, babuyisele imihlaba kubanikazi yabo, futhi babuyisane nalabo abaphucwa imihlabo emandulo.

