uChungechunge Lwezifundo zeBhayibheli:  Isingeniso







uChungechunge  Lwezifundo  zeBhayibheli



Zakwa  Church  Land  Programme





ISINGENISO





LOLUCHUNGECHUNGE LWEZIFUNDO zeBhayibheli zakwa Church Land Programme luhlose ukusiza abaphathi bamabandla, amabandla nemiphakathi. Lezizifundo zizokwenza sibuke ngendlela edingekayo nephathekayo izihloko ngamalungelo abantu abangenamihlaba bebambisene noNkulunkulu.



Sicela uqale ufunde lesisingeniso ngaphambi kokuba uqhubeke nezifundo.





Umlando



ICLP YINHLANGANO yaseNingizimu Afrika ezimele, esebenzisana nabantu, namabandla nomhlaba. Izimisele ukuthuthukisa izimpilo zabantu abathintekayo ngezemihlaba namabandla anemihlaba, ibhekelela kakhulu abesifazane nabampofu. Iyabhekelela futhi ukusetshenziswa kwemihlaba ngendlela eqhubekayo ukuze kuzuze izizukulwane ezizayo. Ngokubheka umlando wethu i- CLP ikhuthaza ubulungiswa kwezemihlaba nokuvuselelwa kwezolimo isiza amabandla nemiphakathi ukucabanga ngobudlelwano babo nomhlaba. Lokhu kubalulekile ngoba ukunikezwa komhlaba akuqinisekile eMzansi Africa. Noma sesinenkululeko iminyaka engaphezu kweyishumi, ukuphathwa komhlaba nokusetshenziswa kwawo kusancinke ezindleleni zomlando wobandlululo.





ICLP ikhuthaza, igqugquzele amabandla (abaholi namalunga) ukuze babenobudlelwano nemiphakathi ngendlela entsha ekhuthaza ubulungiswa okuvuselelwa kwezolimo nokuqeda ubumpofu.





ICLP yenza lezizifundo zeBhayibheli ukuze izisebenzise futhi zisetshenziswe amabandla nemiphakathi nokuphendula isicelo se



Land Matters Project (Uhlelo lwe Kwazulu- Natal Christian Council ne Kwazulu-Natal Church Leaders’ Group). I Land Matters Project yazizwela isidingo sokubakhona kwemibhalo engasiza abantu babhekane nezinselelo zezomhlaba KwaZulu-Natal. Lezizifundo zenziwe ngobudlelwano ne Ujamma Centre for Biblical and Theological Community Development and Research e nyunivesi yakwaZulu-Natal, zihloliwe zenziwa emabandleni nasemiphakathini ehlukahlukene. Ngokuqala konyaka ka 2006 sekunezifundo eziwuchungechunge ezine, kunesifiso sokuthi lezizifundo zandiswe ngokuzayo.





Izinhloso



LEZIZIFUNDO zebhayibheli eziwuchungechunge zihlose ukuba:



Zinikeze amabandla (abaholi namalunga) amasikompilo nokukhathalela okuseBhayibhelini ngezomhlaba. (e.g. ukukhathalela abampofu nobulungiswa). 



Zinike amabandla (abaholi namalunga) izifundo zeBhayibheli ezilungele ukusiza kubhekwane ngendlela esebenzayo neyaphambili nezomhlaba eNingizimu Africa. 



Yenze abakulezizifundo bakhanyelwe ngezimo zemihlaba futhi icacise ukuthi iBhayibheli lithini ngezomhlaba. 









1



uChungechunge Lwezifundo zeBhayibheli:  Isingeniso







Ukusiza abakulezizifundo baxoxisane ngezomhlaba emiphakathini nasemabandleni. Ihlose ukunikeza ingqalasizizinda kulabo abenza lezizifundo ukuze babelane baxoxisane ngokubenzekele nemizwa yabo ngezomhlaba. 



Kufiswa ukuthi uma lezizinhloso zingafezeka kuqoqeka abafunda lezizifundo. Kufiswa ukuthi abantu namabandla babe nesibindi sokumela, bakhuthalele ukusetshenziswa ngobulungiswa komhlaba emiphakathini.





Zingasetshenziswa kanjani lezizifundo?



LEZIZIFUNDO eziwuchungchunge ziyisiqalo kubantu abafisa ukukhula ekuqondeni kabanzi ngezomhlaba. Okulandelayo kutshengisa indlela yokusebenza:



Noma lezizifundo zenziwa esifundazweni sakwaZulu-Natal, eMzansi Afrika, azizona ezokusetshenziswa lapha kuphela. 



Wamukelekile ukuthi uzisebenzise nasendaweni yangakini. 



Noma ngubani wamukelekile ukuhlela, benzise lezizifundo. Akuzona ezokwenziswa abafundisi noma abagcotshwa kuphela. 



Lezizifundo zingasentshenziswa ngazinye noma njengochungechunge. 



Zingenziwa nanoma ingaluphi ulimi. 



Indlela yalezizifundo ngeyokuxoxisana nokwenza. Lokhu kusho ukuthi zenziwe ngokuqonda ukuthi wonke umuntu ozenzayo unokuhlakanipha negalelo 







elibalulekile – izimpendulo akuzona ezomuntu oyedwa. Uma lezizifundo zenziwa akufanele kubesengathi kusesikoleni kepha kumele kube khona ukuxoxisana ngokulinganayo.



Ngalokho loyo ohlela lezizifundo akabi njengo mfundisi kepha njengo msizi. Lokho kusho ukuthi indima yakhe eyokukhuthaza abanye bathele esivivaneni ukuze uhlelo luqhubekele phambili, kungakhulumi yena yedwa. 



Imibuzo esetshenziswayo ayinazo izimpendulo ezihleliwe. Abantu nomsizi bakhuthazwa ukuba bacabange baxoxisane ukuthi lithini itekisi ngezimpilo zabo. 



Ukwenza lezizifundo kungenza kukhuphuke imimoya kubantu. Lokhu kungoba umhlaba nobudlelwano bethu nawo uyinto ebukhuni kwabaningi. Umsizi kuyodingeka akulungele lokho futhi azwelane nezidingo zabantu. 



Kungadingeka nokuthola ikhefu singakapheli isifundo. 



Izibonakaliso ezithile ziyasetshenziswa kulo lonke uchungechunge lwalezifundo. Zisho into efanayo zonke izikhathi zisetshenziswa. Lezibonakaliso zichaziwe ekhasini elilandelayo ukusiza ukuthi uziqonde. 



Uma usuke wasebenzisa esinye sezifundo kuloluchungechunge, uCLP angathanda ukuzwa ngalokho. Singathanda ukuzwa ukuthi isifundo sihambe kanjani, umphumela ube yini, singenza kanjani sibengcono? Uma ungathanda ukuxhumana neCLP ngalokhu singathanda uphendule ikhasi leNhlolovo ekupheleni kwalezizifundo bese uposela iCLP. 



























2



uChungechunge Lwezifundo zeBhayibheli:  Isingeniso







Incazelo  Ngezimpawu  Ezisetshenziswe  Kulolu



Chungechunge  Lezizifundo  Zebhayibheli



Lesisibonakaliso sisho ukuqala kwesifundo sebhayibheli esisha.









Lesisithombe sewashi sitshengisa isikhathi esikaliwe ukuqeda isifundo. Kuyalinganiswa-nje abanye abantu bangathatha ngaphezulu kwesikhathi esilinganisiwe kanti abanye basheshe ukuqeda. Umsizi kufanele agweme ukushusha abantu lokhu kungahle kwenze abantu bangatholi incazelo egcwele.



Isithombe sencwadi evuliwe sisho itekisi elisemqoka, noma lapho kuzobhekwa khona (incwadi, isahluko noma ivesi) eBhayibhelini. Itekisi elibalulekile liyisisekelo sesifundo ngasiye. Abafundi bayacelwa ukubheka ukuthi amavesi etekisini ahlobana kanjani nezimpilo zabo.



Isithombe sezincwadi nezinto zokubhala sisho ukuthi yiziphi izinsizakusebenza ezidingekayo esifundweni ngasinye. Uzodinga ukubanazo lezizinto ngaphambi kokuqala kwesifundo, kwesinye isikhathi kuzodingeka uzisebenzise ngaphambili ukulungiselela isifundo.



Isithombe sesandla esibhalayo sisitshela ukuthi yini umsizi adinga ukuyilungiselela ngaphambi kwesifundo. Noma abafundi bethela esivivaneni kakhulu esifundweni, umsizi kungamsiza ukucabanga ngesihloko nesifundo ngaphambi kwesikhathi.



Loluphawu lukhomba ukuthi kumelwe kufundelwe abantu itekisi elisemqoka. Enye indlela enhle eyokusebenzisa abantu abasesifundweni ukuba bafunde itekisi. Qiniseka ukukhetha umuntu onezwi eliphakeme neliqinile ukuze bonke abantu bezwe.



Loluphawu lomfanekiso wolwazi olubalulekile lunikeza umsizi ulwazi olwengeziwe. Lokhu kungahle kube ulwazi olungacacile ekuqaleni kwesifundo noma kungaba ulwazi olwengeziwe lwetekisi esemqoka noma umlando walo.



Isixuku sabantu abaxoxayo bezungeze itafula sisho ukuthi abantu kudingeka bahlukane babe ngamaqembu amancane ukuze baxoxisane. Ukuxoxisana kusho ukuthi wonke umuntu unethuba lokukhuluma nelokulalelana. Lamaqembu amancane kungadingeka athole izimpendulo zeminye imibuzo nokuhlela abazokwenza ukuqhubekela phambili.



Loluphawu lusho ukuthi umsizi unikezwa umbono omuhle. Noma umbono omuhle ungekhomqoka ekuqedeni isifundo nokho ungasiza esifundweni. Kukumsizi ukusebenzisa noma angasebenzisi umbono omuhle.



Uphawu lombuzo lunikeza incazelo yamagama noma umbono ongabanzima ukuwuqonda. Lezizincazelo ezomsizi nabo bonke abantu. 



Lomfanekiso usho ukuphela kwesifundo sebhayibheli. Esifundweni ngasinye kunombono wokuthi kungaqedwa kanjani? 









3



uChungechunge Lwezifundo zeBhayibheli:  Isingeniso







Assessment  for  Church  Land  Programme  (CLP)





Lithini igama lakho nenombolo yakho yocingo? 





Uphuma kuliphi idolobha noma umphakathi? 





Uphuma kuliphi ibandla? 





Yisiphi isifundo seBhayibheli kuloluchungechunge osisebenzisile? 







Yiziphi izimo emphakathini noma ebandleni lakho ezikwenze wasebenzisa lesosifundo? 



















Bangaki abantu okade unabo kulesosifundo seBhayibheli? 





Yisiphi isigaba sesifundo seBhayibheli abantu abasithole silula ukusenza? 



















Yisiphi isigaba sesifundo seBhayibheli abantu abasethole sibukhuni ukusenza? 







Yiziphi izinto eziqavile abantu abazithole kulezizifundo? 



















Yiziphi izinto abantu asebezozenza njengoba sebenze lezizifundo? 

























4



uChungechunge Lwezifundo zeBhayibheli:  Isingeniso







Yini wena njengomsizi oyithole ilusiza ngendlela eyenziwe ngayo imibhalo yezifundo? 



















Yini wena njengomsizi oyithole inzima ngendlela eyenziwe ngayo imibhalo yezifundo? 













Yiziphi ezinye izifundo ohlela ukuzisebenzisa? 













Yiziphi ezinye zezifundo zeBhayibheli ngezomhlaba ezingasiza wena, ibandla lakho nomphakathi wakho? 























Siyabonga ukugcwalisa lemibuzo.



Sicela uposele noma ufake esikhahlamezini lefomu:



Church Land Programme



Suite 23 Postnet



Private Bag X9005



Pietermaritzburg 3200



Fax Number: (033) 345-5368 Email address: clp@churchland.co.za































5

