zulu.999.yourfood-lesson
tagliatelle (RIBBON PAsta)
* 400g i-cake flour
* 3 izipuni (45ml) usawoti
* 4 amaqanda
1. Endishini hlanganisa ufulawa nosawoti. 2. Vula isikhala phakathi nendawo, ufake amaqanda - elilodwa ngesikhathi ukuhlanganise ukwenza inhlama ethambile.
3. Hlukanisa inhlama izingxenye ezimbili. Endaweni ebhuqwe ngofulawa, xova ingxenye eyodwa yenhlama imizuzu engu-10-15 ize ibe bushelelezi, iqine ibe salasitiki. Yigingqe uyiphonse emoyeni ukuze iphenduke. Faka ufulawa njengokwesidingo ukuze inganamatheli ebhodini. Qhubeka uyiphonse phezulu uyigingqe inhlama ize ibe lula kodwa iqine.
4. Ngommbese sika imicu engu-2mm ububanzi. (I-pasta izokhukhumala lapho iphekiwe.)
5. Beka imicu eceleni. Gingqa nengxenye yesibili uyiphonse phezulu.
6. Pheka i-pasta emanzini abilayo anosawoti. Njengoba i-pasta ifreshi, izophekeka ngemizuzu engu-3-5. Ungayipheki ngokweqile. Yicwenge uyigcine ishisa.
Seva namaresiphi alandelayo
Izeluleko
■ I-pasta kufanele ibiliswe emanzini amaningi.
■ Ungawushiya eceleni usawoti uma upheka i-pasta, awusiphazamisi isikhathi sokuyipheka.
■ I-pasta iphekeka kahle ngomlilo omkhulu.
■ Uma ufaka usosi, ungayihlambululi i-pasta. Istashi esikwi-pasta sizosiza usosi unamathele kuyona.
Creamy ham and chicken tagliatelle
* 1 isipuni (15ml) uwoyela
* 1/2 u-anyanisi oqotshiwe
* 1 isifuba senkukhu esisikwe imicu
* 1/2 inkomishi (125ml) i-frozen peas
* 80g i-ham eqotshiwe
* 1 inkomishi (250ml)
  u-cream oshubile
* usawoti nophepha
* i-parsley yokukunonga
1. Epanini thosa u-anyanisi imizuzu emibili uze uthambe. Bondela phakathi inkukhu
no-peas ukuthose imizuzu engu-5-6 inkukhu ize iphekeke kodwa ingomi.
2. Emlilweni omncane,
ngeza i-ham ubondele phakathi u-cream bese ukunonga. Kubeke eceleni ukugcine kufudumele. Kunonge nge-parsley, ukuseve ne-pasta.
Kwanela abangu-2
Pasta with tomato and viennas
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 1/2 u-anyanisi oqotshiwe
* 1 isigaxa sikagaligi ogxotshiwe
* 1 utamatisi okhishwe izinhlamvu waqotshwa
* 3 izipuni (45ml) i-tomato sauce
* 3 amaVienna sausage asikwe izingcezu
* 1 isipuni (15ml) ushukela
* usawoti nophepha
1. Epanini thosa u-anyanisi nogaligi imuzuzu emithathu kuze kuthambe.
2. Faka utamatisi,
i-tomato sauce, amaVienna noshukela ukupheke imizuzu engu- kuze
kushube usosi. Kunonge ukuseve ne-pasta.
Kwanela abangu-2
Enye indlela
■ Ungazisebenzisa nezitshalo ezifana nophepha.
EASY TOMATO SAUCE
* 3 izipuni (45ml) uwoyela
* 1 u-anyanisi ogreythiwe
* 1 isigaxa sikagaligi esigxotshiwe
* 2 utamatisi owebulwe isikhumba waqotshwa
* 2 izipuni (30ml) i-tomato paste
* 2 izipuni (30ml) ushukela
* usawoti
1. Epanini thosa u-anyanisi nogaligi imizuzu emithathu uze uthambe.
2. Faka utamatisi ne-tomato paste. Kugovuze ukupheke imizuzu engu-10 emlilweni ophansi.
3. Faka ushukela nosawoti, ukuseve kushisa ne-pasta.
Iseluleko
■ Ukuze kushube utamatisi, faka 1 isipuni (15ml)
i-tomato sauce.[z]
Izithombe: Kim Thunder
OKUMNANDI
Isifundo sokupheka
noNtwenhle Mpanza
Ukuzenzela i-pasta yinto elula kakhulu kunokucabanga. Landela imithetho elula uzibonele ngokwakho
