zulu.998.colds
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe ngabeGALLO IMAGES/GETTY IMAGES
Hlale uphilile
Yilwa
nemikhuhlane edalwa
wukubanda ngalobu busika
Kuncane kakhulu ongakwenza ukugwema ukuphathwa wumkhuhlane, ngaphandle kokuba uhlala wedwa. Iqiniso wukuthi akulula ukuvika umkhuhlane uma uphakathi kwabantu...
NGABE UYINI"
Iningi labantu liye lithi liphethwe wumkhuhlane ekubeni lisuke lingenwe amakhaza.
Ngenxa yamakhaza kungenzeka uzwe umphimbo uqala uba buhlungu kujuza namafinyila emakhaleni ngaphambi kokuba ucinane.
I-Influenza - noma umkhuhlane - yiwo oyingozi uma ungasheshi ukwelashwa. Labo abasengozini kakhulu yizingane ezincane kakhulu nabantu abadala nalabo abanamasosha omzimba angaqinile.
Ngendlela yezokwelapha, lokhu kuzwakala kunzima kanti kokubili kudalwa amagciwane. Umehluko omkhulu phakathi kwako kokubili wukuthi amakhaza ajwayele ukuhlala ezindaweni ezingenhla zokuphefumula ekubeni umkhuhlane usabalala nakwezinye izingxenye zomzimba.
Amakhaza namanje akulula ukuwelapha kanti kukholakala ukuthi adalwa amagciwane abambelela ontwentwesini olungaphakathi emakhaleni nasemphinjeni.
Umkhuhlane uba nezimpawu eziningi.
IZIMPAWU ZAMAKHAZA
Lokhu kubandakanya:
n Umphimbo obuhlungu.
n Amakhala ajuzayo futhi acinene.
n Ukukhwehlela nobuhlungu esifubeni (ngesinye isikhathi).
n Ukuzwa ukukhathala - ngokungalali ngokwanele ngenxa yokuvaleka kwamakhala.
Isikhathi ongasithatha: Izimpawu kufanele ziqale ukuphela kusukela ezinsukwini ezimbili kuya kwezine, zibe seziphelile zonke ezinsukwini ezilishumi.
IZIMPAWU ZOMKHUHLANE
Lezi zimpawu ziqhamuka ngokukhulu ukushesha - cishe zonke kanye kanye, kanti zingahambisana nokukodwa noma konke kokulandelayo:
n Imfiva.
n Ikhanda
n Izinyama ezibuhlungu.
n Umphimbo obuhlungu
n Amehlo abuhlungu.
n Ukuzwa kushisa, ubuye uzwe kubanda (nokuyizinto ezihambisana nokujuluka nokuqhaqhazela komzimba).
n Ukukhathala okukhulu.
n Ukucanuzela kwenhliziyo nokuphathwa yisiyezi.
Isikhathi okungasithatha: Izimpawu ezifana nobuhlungu nemfiva zingaba khona kusukela ezinsukwini ezine kuya kweziyisikhombisa. Ukukhathala nokukhwehlela kungaba khona amasonto amathathu.
ULUFUNA NINI USIZO
Khumbula ama-antibiotics awagunyazelwe ama-viruses, kodwa agunyazelwe ukufa kwamagciwane. Ngakhoke into kungcono ukwelapha izimpawu.
Kokubili amakhaza nomkhuhlane kungaba nomphumela wokwedlulela kokugula. Lapho-ke kungagunyazeka ukusebenzisa ama-antibiotics.
Qaphela lokhu okulandelayo:
Ukukhwehlela okunamandla - ikakhulu ezinganeni.
Ubunzima ekuphefumuleni.
Ukukhwehlela okunenkani (okuthatha ngaphezu kwezinsuku ezilishumi) okunezikhwehlela eziluhlazana noma ezinsunjwana noma ezinegazi.
Imfiva engapheli.
Ubuhlungu bendlebe noma bomphimbo obuthatha ngaphezu kwezinsuku ezine.
ZIVIKELE
Hlanza izandla zakho:
Kubalulekile ukusebenzisa imithetho yokuhlanzeka lapho ungase ube sengcupheni yokuthola amagciwane.
Sihlale sizithinta emakhaleni nasemlomeni nokuyinto ephinde isingenisele amagciwane bese futhi siwedlulisela kwabanye abantu.
Kungenzeka futhi ungenwe amagciwane omkhuhlane ngokuxhawula noma ukuthinta isibambo somnyango noma socingo lwasendlini.
Geza izandla ngamanzi ashisayo anensipho.
Kufanele ufake ama-tissue asesebenzile emgqomeni noma uwashaye ahambe ne-toilet.
Yidla ukudla okufanele:
Ungaqinisa amasosha omzimba ngokudla ukudla okufanele.
Zama ukudla ama-fruit nama-vegetable amaningi. Ugaligi uyikhambi elihle kakhulu ekuvikeleni izifo nasekwelapheni.
Uma ukhathazwa yiphunga lawo, kufanele uhlafune i-parsley emva kokuwudla.
Ukusebenzisa okunamavithamini kuyasiza futhi ekulweni namagciwane. Ziningi izinhlobo ongazithola, ezinye ezenzelwe ukuqinisa amasosha omzimba. Cela iseluleko kusokhemisi wakho.
Yiba ngumqemane:
Ungazivaleli endlini ngenxa yamakhaza. Noma iyiphi inhlobo yokuvocavoca umzimba izokusiza ekuqiniseni amasosha omzimba.
UMJOVO WOMKHUHLANE
Ochwepheshe bezokwelapha bayigunyaza kakhulu le mijovo eyimigomo, ikakhulu ezinganeni ezincane, kubantu abadala noma kwabanamasosha omzimba angaqinile noma abaphethwe izifo eziyingozi kakhulu. Le mijovo itholakala mahhala emitholampilo eminingi nasezibhedlela zikahulumeni. [z]
BONA ZULU - July 2007
BONA ZULU - July 2007
Qeda ukungaphatheki kahle
Emakhaleni acinene, ungasebenzisa iFriars Balsam noma i-eucalyptus oil - okutholakala ngemali ephansi emakhemisi amaningi. Faka amaconsi ambalwa emanzini ashisayo bese uphefumulela kuwona.
Uma kubuhlungu umphimbo, hahaza ngamanzi anosawoti ukuze ulwe namagciwane uqede nokungaphatheki kahle (faka uhhafu we-teaspoon likasawoti enkomishini yamanzi ashisayo).
Ukuzihlikihla nge-menthol (efana ne-Vicks) kuyasiza futhi ekuqedeni ukucinana.
Phuza iziphuzo eziningi ukuze ungaphelelwa amanzi emzimbeni. Ochwepheshe bezokudla bathi isobho lenkukhu aliniki-nje kuphela umsoco kodwa futhi amafutha alo nezinongo kuthambisa amafinyila.
Kukhona futhi nezinhlobo eziningi zemithi "elapha ngokushesha" ongayithola ezitolo kodwa engawelaphi amakhaza nomkhuhlane, kodwa ekwenza uzizwe ungcono. Usokhemisi wakho angakweluleka ngokungcono, ngokubonela izimpawu zakho.
