zulu.996.washes
UMr CLEAN
Sinethulela umlisa oziphilisa ngokugeza izimoto zezihlabani zebhola…
indaba nguMbuyisi Mgibisa
KU-MICHAEL Macevele ukuwasha izimoto zezihlabani akufani neminye imisebenzi enjengokushanela ezitaladini, ukugeza izitsha noma ukusebenza njengomsizi wasezindlini. Le nsizwa eneminyaka engu-36 ingeyokudabuka eMalamlela eLimpopo kanti yaqala ukugezela abadlali bebhola izimoto ngo-2002. Lo msebenzi uwuthatha njengethuba eliyingqayizivele.
“Emva kokulahlekelwa wumsebenzi, ngaqala ngageza izimoto zabadlali beKaizer Chiefs,” kusho le nsizwa ngesikhathi iqhubeka igeza imoto kaJoseph Makhanya yohlobo lweRenault Megane.
Kubadlali beKaizer Chiefs abangamakhasimende akhe singabala uThabo Mooki nomdlali wasemumva owake wadlala kuleli qembu uPatrick Mabedi.
UMichael uphinde ageze izimoto zabe-Orlando Pirates nabeqembu le-rugby iXerox Lions.
Ukuyiwasha imoto uyifake upholishi kubiza R35 elokishini, kodwa uMichael amakhasimende akhe uwabiza R30.
“Abadlali bangethemba kangangoba bangishiyela nokhiye babo ngesikhathi besesejimini,” kusho yena.
“Lezi zihlabani zinginika ngisho i-tip mhlawumbe ka-R150.”
Kumakhasimende akhe kwi-Orlando Pirates singabala uTeko Modise, Lucky Lekgwathi nonozinti uMoeneeb Josephs.
Abadlali bebhola kuleli sebedume ngokungaziphathi kahle - njengokunyamalala bangaziwa lapho bekhona, ukuzibandakanya otshwaleni, kodwa uMichael yena uyazincoma lezi zihlabani. Uthi akakaze athole izinto ezingekho emthethweni noma ezingafanele ukusetshenziswa emabhuthini ezimoto zabo.
“Angikaze ngithole tshwala ngaphakathi kwemoto yanoma yimuphi umdlali. Engiye ngikuthole yiziphuzo ezinika umdlandla namanzi (mineral water)!”
“Sezadlula lezo zinsuku lapho izihlabani zabadlali bebhola babethanda ukushayela amaBMW amakhulu. Manje sebethanda ezincane ezinhle njengama-Audi namaVW.”[z]
BONA ZULU November 2008
ABANTU BAKITHI
BONA ZULU November 2008
