zulu.98.learning
Okwabazali
Ngabe ingane yakho inenkinga yokufunda"
Uma ingane inenkinga yokufunda akusho ukuthi ngeke ifunde kodwa idinga ukukhuthazwa...
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
BONA ZULU - March 2006
ININGI lezingane linezinkinga elibhekana nazo esikoleni. Ezinye ziba nenkinga yokungazifundi kahle izifundo kanti ezinye azizizwa kahle ezinye izindlela zokufundisa. Kodwa uma ingane ibukeka inezinkinga ezingapheli kungenzeka ukuthi inenkinga yokufunda.
Iyini le nkinga"
Le nkinga ithikameza indlela ingane eyamukela ngayo, noma eyihlaziya ngayo neyisebenzisa ngayo incazelo eyitholayo. Ukuba nenkinga yokufunda akusho ukuthi ingane isiyisi "domu". Kusho ukuthi ihlakaniphe ngendlela ejwayelekile kodwa yona inenkinga ezigabeni ezithile zokufunda.
Ukungangeni kahle kwezifundo akufani nokuba nenkinga yokufunda okudalwa wukukhubazeka kwengqondo, wukungezwa nokungaboni kahle.
Idalwa yini"
Akulula ukuthola ukuthi inkinga yokufunda ezinganeni idalwa yini. Kodwa abacwaningi bathole lezi zinto ezingaba nomthelela kule nkinga:
uUfuzo - kuvame ukuthi inkinga yokufunda kube yinto esemndenini kanti akumangazi ukuthola ukuthi ingane enale nkinga inabazali noma izihlobo ezinenkinga efanayo.
uIzinkinga ngesikhathi ukhulelwe noma ubeletha - ingane ingaba nale nkinga uma umama egula noma elimala ngesikhathi noma ngaphambi kokubeletha. Le nkinga ingadalwa nawukuphuza utshwala, izidakamizwa noma ukubhema ngesikhathi ukhulelwe, isisindo sengane esiphansi, ukushoda kwe-oxygen nokuzalwa kwengane isikhathi singakashayi noma ukusikwa isikhathi eside.
uOkwenzeka emva kokubeletha - Ukulimala ekhanda, ukungakutholi ukudla okunomsoco, ukuhogela iphunga lento eyingozi, ukuhlukunyezwa nokunganakwa usemncane.
uIzifo - Esikashukela, i-asthma, ukuquleka nezifo ezihlasela imithambo.
Kodwa uma ingane ihlolwe kwatholakala ukuthi inenkinga yokufunda, ifunele usizo.
Yiziphi izinkinga zokufunda ezijwayelekile"
Ingane enenkinga yokufunda ithikamezeka kulezi zinto:
mOlimini elukhulumayo: Ingaba nenkinga uma ikhuluma. Kungenzeka ikhulume isheshise noma inense kube khona amagama ayinkinga kuyona.
mOlimini elubhalayo: Iba nenkinga yokubhala nokuhlela amagama.
mEkufundeni: Ayiwaboni noma ingawaqondi kahle amagama.
mKwiMaths: Ihlulwa yi-maths.
mEkucabangeni: Iba nenkinga yokuhlela nokuhlanganisa ekucabangayo.
mIyakhohlwa: Ayikukhumbuli ekufundayo.
mEkuziphatheni kwayo: Ihlulwa wukuzibamba uma idiniwe nokwakha abangani.
mUkuzihlela: Inenkinga yokuhlela isikhathi nokusetha izinto zayo.
Ezinye izingane ezinale nkinga azihlali ndawonye, ziphazamiseka kalula kanti azizwani nokunakwa isikhathi eside.
Yini okumele ngiyibheke"
Abazali bangabantu bokuqala abavame ukubona uma kukhona okungahambi kahle enganeni. Uma sekunesikhathi ingane yakho ikhombisa ukuba nalezi zimpawu, kungenzeka ukuthi inenkinga yokufunda...
E-PRE-SCHOOL
uIphuza ukukhuluma kunezinye.
uAyiwaphimisi kahle amagama.
uAyizazi kahle izinombolo, izinhlamvu zamagama, izinsuku zesonto, imibala, nokuma kwezinto.
uAyihlali ndawonye ithikamezeka kalula.
uAyixhumani nontanga bayo.
uAyikwenzi okuthiwa mayikwenze.
uAyilibambi kahle ipeni.
KU-GRADE 1-4
uIyaphuza ukufunda ngokulumbana kwamagama nemisindo.
uIyahluleka wukufunda, ihlulwe yi-spelling, ukubhala nokwenza i-maths.
uInenkinga yokuhlukanisa esokudla nesobunxele; ayiwazi kahle amagama noma iphambanisa izinhlamvu zamagama, noma izinombolo (isibonelo, u-25 ithi ngu-52, u 'b' ithi ngu 'd', noma u-'on' ithi ngu-'no').
uIyakhohlwa.
uAyisheshi ukufunda amakhono amasha.
uAyikwazi ukuqondanisa izinto, ilimala kalula.
KU-GRADE 5-8
uIyakugwema ukufunda imemeze.
uInenkinga nge-maths.
uInenkinga yokubhala.
uAyilibambi kahle ipeni.
uIyakugwema ukubhala ama-composition.
uIyakhohlwa.
uAyibatholi kalula abangani.
Okumele ukwenze
Kusemqoka ukusheshe ubone uma ingane inenkinga yokufunda ukuze uyisize iphumelele ngokwempilo nasesikoleni. Uwena oyazi kangcono ingane yakho, ngakhoke yifunele usizo uma kukhona okusolayo.
Udokotela uzoyihlola kanti nawe kumele uxhumane nothisha nibonisane ngokuthi ningayisiza ngani. Kulula ukusiza ingane kusenesikhathi izinkinga zayo zingakabi mandla kakhulu isenokuzethemba.
Inkinga engaxazululwanga kusenesikhathi ingagcina isidale umonakalo omkhulu enganeni.
Ukufakazela lokho, ingane eyahlulwa wukuhlanganisa izibalo isese-primary school ngeke yayazi i-algebra uma isise-high school. Lokho kuyiphatha kabi. Izingane ezinenkinga yokufunda zigcina sezingaziphethe kahle esikoleni ngoba zibona kungcono ukuthi zithathwe njengezigangile kunokuthi kuthiwe azinamqondo.
Izingane ezinenkinga esikoleni zingaphumelela uma zithola ukwesekwa zenze nemisebenzi engcono phezu kwenkinga yazo. [z]
Kuningi ongakwenza ukusiza ingane enenkinga yokufunda.
BONA ZULU - March 2006
Ngingayisiza ngani ingane yami uma inale nkinga..."
YIZE noma kungakwephula umoya ukuzwa ukuthi ingane yakho inenkinga yokufunda, lokho kuyisinyathelo sokuqala sokuxazulula le nkinga.
mFunda kabanzi ngezingane ezinenkinga ezifundweni zazo. Ngaleyo ndlela kungasizakala wena nengane.
mKhuluma nayo ukhululeke uyibone nawe inkinga enayo kodwa yikhumbuze ukuthi ihlakaniphile, wukuthi inendlela yayo ehlukile efunda ngayo.
mAzi izinto ingane enekhono lokuzenza uyikhuthaze ukuba izenze.
mIbekele imigomo efanele uyitshele ngokulindele kuyona.
mSiza ngokuyicija kulezo zinto ezizoyisiza emfundweni yayo.
mIsize kwekwenzayo uyincome uma yenze kahle.
mIsize ekwenzeni i-homework.
mXhumana nesikole sengane ubheke ukuthi iqhuba kanjani ukuze uqiniseke ukuthi izidingo zayo ziyabhekelwa. Uma kungabonakali mehluko enganeni, bonisana nesikole ngalolu daba nisebenze ngokubambisana.
