zulu.985.yourstyle_free
Zethembe
Bheka ama-refills eStatus roll-on amasha atholakala ngeWild Ivory, Royal Sapphire ne-Aztec Jade.
Inani lama-refills lehliswe ngo-15% kanti asatholakala ngo-55ml kodwa ubukhulu bamabhodlela awo behliswe ngo-45% kunajwayelekile. Lokhu kusho ukuthi ngisho noma isimo somnotho singesihle usazoqhubeka uvikeleke amahora angu-24.
Abafundi bakaBONA abane bangaziwinela ihampa ebiza
R1 200 emunye: inemikhiqizo yeStatus ebiza R200 nevawusha yezingubo yenani lika-R1 000. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo uthumele kuleli kheli: BONA/Status Giveaway, Box 473014, Parklands, 2121, noma uSMSe STATUS ku-35919.
OKWAMAHHALA
Isikhumba esiqhakazile
Kulula ukuqhakazisa isikhumba ngeMaxivate! Sebenzisa iMaxivate Facial Wash ususe ukungcola, amagciwane nowoyela abangadingeki esikhumbeni. I-Maxivate Cream isiza ngokuvuselela isikhumba, isigqamise, iqede namabala okuguga kanti iMaxivate Skin Recovery Cream yelapha isikhumba esonakele.
UBONA uphisana ngamahampa eMaxivate angu-15 abiza R300 iyinye anemikhiqizo emibili kulena esiyibalile kanye neNativa Skin, Hair And Nail Multivitamin Complex. Thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo kuleli kheli: BONA Maxivate Giveaway, Box 473014, Parklands, 2121, noma uSMSe MAXIVATE ku-35919. [z]
Izipho zika-
Nakekela izinwele nesikhumba
Sebenzisa uchunge lwakwa-J Strickland uma ufuna ukuba nesikhumba nezinwele ezinhle.
I-African Gold Conditioning Shampoo ikahle ezinweleni ezeluliwe noma ezonakele, iBlue Magic Cholesterol Conditioning Rinse ivikela izinwele ukuze zingaphuki kanti iBlue Magic Styling Gel Extra Hold ishiya izinwele zikameka zingenamafutha.
I-Black And White Soap ihlanza ivikele isikhumba kanti iBlack And White Ointment ilwa nezinduna namaqhubu.
Abafundi bakaBONA abangu-10 bangawina amahampa emikhiqizo yeBlue Magic abiza R400 iyinye. Kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo ukuthumele kuleli kheli: BONA/Blue Magic Giveaway, Box 473014, Parklands, 2121, noma uSMSe BLUEMAGIC ku-35919.
Ngeminye imininingwane xhumana nabe-J Strickland Africa ku-031-700-8263, e-mail info@jstricklandafrica.com noma uvakashele ku-www.jstricklandafrica.com
Imibala emihle
Abenzi beBlack Chic® bayazi ukuthi ukuze izinwele zakho zibe zinhle kufanele isikhumba sakho sibe nempilo, izinwele zibe zinde zithambe ngaphandle kokuchitha imali eningi!
Zama iBlack Chic® Permanent Hair Colour Creme Range ene-Deep Penetrating Conditioner. Kulula ukuyisebenzisa! Khetha umbala owuthandayo kweyisithupha.
UBONA uphisana ngamahampa emikhiqizo yeBlack Chic® angu-11 abiza R360 iyinye. Thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo kuleli kheli: BONA/Black Chic Giveaway, Box 473014, Parklands, 2121, noma uSMSe BLACKCHIC ku-35919.
Ngeminye imininingwane shayela abakwaMarico SA Pty Ltd ku-031-
451-3900.
Usuku lokuvala: October 31, 2009.
*(I-SMS ibiza R3.)
