zulu.97.soccer
‘Kufezeka iphupho lami’
WAYESEKE wabonakala edlalela iSA ku-under 20 naku-under 23, kodwa akekho owayazi ukuthi u-Itumeleng Khune uzodlondlobala ngokukhulu ukushesha ezinyangeni ezimbalwa.
Lo nozinti oneminyaka engu-20 usephenduke isihlabani ngokuphazima kweso kwiChiefs nosekumvulele amathuba okudlala eqenjini lesizwe.
Amakhosi okumanje kuseyiqembu elidume kakhulu kunawo wonke ezweni kodwa okusenzima ukuwina, akhombisa okukhulu ukumethemba lo nozinti waseVentersdorp.
IChiefs yaqala isizini noKhune esekhushulelwe esikimini esikhulu lapho ayengunozinti wesithathu emva kuka-Emile Baron, nomusha wase-Australia osanda kusayiniswa u-Markus Bockser.
Kodwa ngomdlalo owodwa wokuqala kwesizini, uKhune wazithola esefakwa esikimini esikhulu wadlala umdlalo wakhe wokuqala bedlala neJomo Cosmos ekupheleni kuka-August nyakenye - kusukela lapho akaphindanga wabheka emumva.
Ezinyangeni ezimbalwa usezakhele olukhulu ugazi kubalandeli beChiefs, waphinde wasiza leli qembu lakhe lawina imali engaphezu kuka-R4 million emqhudelwaneni weTelkom Knockout waphinde wafakwa naseqenjini leBafana elalisemqhudelwaneni we-Africa Nations Cup eGhana kulo nyaka.
Ukuzimisela
Bambalwa ababa nokuphumelela okushesha ngale ndlela bakhuphukele emazingeni aphezulu.
Esahlolwa yiChiefs uKhune waze wancamela ukulala esiteshini sesitimela ukuze angaphuthelwa ukuziqeqesha naleli qembu, kanti waqale wadlala njengomgadli.
Umqeqeshi weqembu lakhe uMuhsin Ertugral umtusa kakhulu lo nozinti osemncane onekhono elimangalisayo ekubeni nozakwabo bathi lukhulu abasalubhekile kuyena.
Umqeqeshi weBafana uCarlos Alberto Parreira uyethemba kakhulu le nsizwa njengoba aze ayithatha wahamba nayo ukuya eGhana ukuze isize uRowen Fernandez noMoneeb Josephs.
Nakuba engakadlali nomdlalo owodwa kwiBafana, ochwepheshe bathi lokho ngeke kuthathe isikhathi.
UKhune ozokuba neminyaka engu-21 ngoJune uthi lolu dumo olumfikele ngokushesha alukambusi nakancane.
Uthi watshelwa ukuthi uma esebenza ngokuzimisela angase athole ithuba ekupheleni kwesizini, kodwa lokho sekusheshe kakhulu.
“Kube yinto engithokozise kakhulu,” kusho kuphawula uKhune ngesizini yakhe yezimanga yokuqala kwiChiefs, kanti futhi wasiza leli qembu lakhe lashaya iMamelodi Sundowns kwifayineli yeTelkom ngonyaka odlule.
Ithuba
“Ngesikhathi ngikhethwa ukuba ngidlale umdlalo wami wokuqala, ngazitshela ukuthi kumele ngilibambe ngazo zombili leli thuba,” kuchaza yena.
“Kunezigidi zabafisa ukudlalela iChiefs, kodwa kimina lelo phupho lafezeka.”
“Udinga ukukhula ngomqondo ukuze uphile kuleli zinga. Nami-ke sengifunde lokho,” kusho yena.
“Ngisalokhu ngingulowaya-Itumeleng Khune – onamahloni nohloniphayo.”
UBaron okumanje ukhuhla ibhentshi kwiChiefs ngenxa kaKhune, uyincoma kakhulu le nsizwa.
“Ngimeseka ngokuphelele. Unekhono elimangalisayo elidinga ukutuswa nakuba sibanga indawo eyodwa eqenjini.
“Kungithokozise kakhulu ukubona impumelelo aseyizuzile esikhathini esifushane.”[z]
Wayengunozinti wesithathu kwiChiefs kodwa lokho kwashintsha ngomdlalo owodwa, njengamanje u-Itumeleng Khune uzimisele ngokuba ngunozinti ophambili wakuleli…
ISIHLABANISEBHOLA
INDABA NGU-MARK GLEESON IZITHOMBE NGABAKWA-GALLO
u
t
‘Udinga ukukhula ngomqondo ukuze uphile kuleli zinga. Nami-ke sengifunde lokho’
U-Itumeleng neminye yemiklomelo aseke wayiwina.
14
103
“Yizigidi zabafisa ukudlalela iChiefs, kimina kwaba wukufezeka kwephupho,” kusho lo nozinti.
