zulu.978.Sonia
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD
iziphaqulo nguFAITH SEUOE
izindlela zokuhlela nguMARINA WALSH
Sixoxisana noNtombi
UKUVOTELWA kwakhe njengeBest Soap Actress kumaDuku Duku awards angalo nyaka kwamakhela olunye udumo uSonia Mbele oneminyaka engu-28 ongumzali ongayedwana. Kodwa impumelelo yakhe kwezikaqedisizungu ayenziwa wukuba nemali.
“Ngingazijabulisa ngokuthenga izicathulo zemali eshisiwe kodwa okubaluleke kakhulu kimina wukuwina umklomelo,” kusho yena.
“Sekuphele iminyaka ngilwela ukukhombisa ukuthi ngingenza okungaphezu kokuvela ezikhangisweni zeTV. Ukulingisa indawo kaNtombi kwiGenerations wubufakazi bokuthi ngilwe nganqoba.
“Manje ngifuna ukungena kuma-movie ukuze ngikhombise ukuthi nakuwona ngingawenza umsebenzi oncomekayo.”
U-Sonia akakaze afunde esikoleni sokufundela i-drama kodwa wakulangazelela eneminyaka emine ukuthi athole umklomelo ngelinye ilanga. “Ngangivame ukuhlala ngibuke abalingisi besimame kwiTV,” kusho yena.
“Lokho ngangingakwenzi ngoba ngithathwe wubuhle babo kodwa ngangithathwa wukubona ababekwenza. Kwaba yisifiso sami ukuhamba ezinyathelweni zabo.”
Wubuhle bakhe obamenza wathola umsebenzi wokuqala kwiTV lapho ayekhangisa khona esikhangisweni sabakwaVodacom ngo-1999 – kodwa okuyikona okwathatha abantu yithalente lakhe lokubenza bahleke. Ziningi izikhangiso esambona kuzo kanti wakufakazela ukuthi ubuhle bakhe akusibo lobu obukhohlisayo ngesikhathi ewina umklomelo weFNB Vita Most Promising New Actress.
Eminyakeni emihlanu eyedlule wathenga imoto ngemali ayithola ngokukhangisa ukuze kube lula ukuthi ayohlolwa uma kudingeka abazolingisa emidlalweni yeTV.
“Babevame ukuthi angigxile ekukhangiseni. Ngangazi ukuthi ukulingisa yikona engidalelwe kona kodwa inkinga yami kuwukuthi ophrojusa babebona kungangifanele,” kusho yena.
Kukhona izindawo ezingabalulekile uSonia enqaba ukulingisa kuzona ezazizosheshe ziphele kwiGenerations nakwiSidingo ngaphambi kokuba avume ukulingisa ekaNtombi Khumalo onguMhleli wephephabhuku.
Ukuwina kwakhe kumaDuku Duku ka-2005 efakwe ohlwini lwabalingisi abanjengoSophie Ndaba noMichelle Botes kwafakazela ukuthi wathatha isinyathelo esifanele ngokwenqaba ukulingisa kulezo zindawo.
Akawesabi ama-movie.
“Ngajuluka ukuze ngenze izikhangiso nemidlalo yeTV. Manje sengifuna ukulingisa kuma-movie. Ngizimisele ngokulingisa ngize ngibe mdala. Ngeke ngililahle ithemba,” kusho uSonia.”
Okwamanje usenza ezibukwayo kwiTV uSonia kanti uthi usazama ukuyijwayela le mpilo yokutuswa ngobuhle bakhe.
“Kodwa engikwenza kwiTV kungaphezu kobuhle bami.”
Ngobunye ubusuku bahlangana nabesilisa ababili kuwusuku lokuzalwa komngani wakhe. Lezo zinsizwa zacela ukubathengela ibhodlela le-champagne ukuze zilugubhe kanye nabo lolo suku.
Ngosuku olulandela lolo, bavuka sekudume ukuthi baphuze isiphuzo esibiza u-R900 esiphuma phesheya bahamba bengakhokhanga.
“Salulungisa ngokushesha lolo daba. Angiphiki ukuthi kwakumnandi sizijabulela, kodwa lapho sesibona i-champagne, savalelisa sahamba.
“Yimpilo esiyiphilayo leyo sinoLisa ongumngani wami abuye abe yi-agent yami kanti kuyenzeka sizithole sisenkingeni uma sisenxanxatheleni yezitolo.”
U-Sonia unamandla okuzithengela izimpahla zokugqoka yize noma lokho kubuye kumfake enkingeni. Ngesikhathi yena noLisa beyothenga eDubai, bathenga izimpahla eziningi ezagcina sezingasakwazi nokungena endizeni eyayiya eGoli.
“Kwadingeka ukuba izimpahla zethu sizendlale phansi esikhumulweni sezindiza sikhethe ukuthi yiziphi esizohamba nazo ezinye zafakwa endizeni eyayizolandela leyo,” kusho uSonia. “Kwaba yihlaya elikhulu lelo kithina asizange sizihluphe nokuzihlupha ngalo. Kumnandi ngalokho ukuba nabangani – nithola ihlaya nasezintweni eziniphoxayo.
“Abesimame abangabodwana bangafeza zonke izinjongo abazibekela zona uma besebenza ngokuzikhandla ngokwanele,” kusho uSonia. “Indodana yami ayingiphazamisi neze emsebenzini wami. Empeleni iyona engikhuthazayo ukuze ngiphumelele.
“Ngizikhandla ngokungaphezu kwamandla uma ngisebenzela abantu engibathandayo. Uma ngihlangane nowesilisa ozwana nendodana yami, nomama kanye noLisa – okungabantu engibathatha njengengisondelene nabo kakhulu emndenini wami – kusho ukuthi angaba yingxenye yempilo yami.”[z]
BONA ZULU – December 2005
U-Sonia Mbele olingisa kwiGenerations uchaza ngokumenza athande ukulingisa nokuthenga izimpahla…
Ngenza okungaphezu kobuhle bami
“U-Lisa ungumngani wami kanti ubuye abe yi-agent yami,” kusho uSonia. (Ingubo kaSonia nobucwebe: Attitude; izicathulo: Europa Art. Ingubo kaLisa: eyakhe.)
KWESOBUNXELE: “Omama abangabodwana bangafeza zonke izifiso zabo uma besebenza ngokuzikhandla,” kusho uSonia. “Indodana yami ayingithikamezanga emsebenzini wami – iyona engikhuthazayo.” (Ingubo: Truworths; umgexo: YDE; izicathulo: Europe Art.)
BONA ZULU – December 2005
