zulu.975.legend
BONA April 2008
Sikhulume ne
‘nkosi yebhola’
Iningi labantu kumanje lithi akukho noyedwa kubadlali banamuhla abadlala eSA abanekhono elingaqhathaniswa nelalesi sihlabani. Namuhla leli qhawe liphila ngesondlo sabakhubazekile kanjalo nangeminikelo… indaba nguPeter Mashala
LELI qhawe uLucas “Masterpieces” Moripe lalinekhono elimangalisayo ebholeni kangangoba abalandeli babembiza nge‘nkosi yebhola’. Namuhla le ‘nkosi yebhola’ ayikwazi ngisho ukuhamba. Kumanje le ngqalabutho eneminyaka engu-60 iselulama emva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi eminyakeni embalwa eyedlule, kanti ibhekene nesimo esinzima.
Okubuhlungu kuleli qhawe wukuthi phezu kokuzinikela kwalo ebholeni, namuhla akukho ngisho noyedwa wabaphathi bebhola abanendaba naye - nabanye abadlali asebathatha umhlalaphansi.
“Ngesikhathi ukudlala kwakho kuseseqophelweni eliphezulu, wonke umuntu uyakukhonza - uma leso sikhathi sesidlulile, bangabi nandaba nawe,” kusho uMoripe.
Njengamanje uMoripe uhlala endlini eklayekile enopende ongasakhanyi e-Atteridgeville. Uhlala khona nabashana bakhe nodadewabo abancane ababili. Kunamanye amakamelo asefakiwe abantu abarenta kuwona.
Ukuhlaselwa kwakhe yisifo sohlangothi kwenza idolo lakhe lakwesokudla elakhubaza ukudlala kwakhe laqhubeka lamhlupha njengoba esengumuntu ozihlalela kusofa asizwe abomndeni nabangani.
Ngaphandle komndeni wakhe, uMoripe usathola ukuxhaswa nokwesekwa ngumphakathi neqembu leMamelodi Sundowns nokuyiqembu angumlandeli walo wokuqina.
Umqhudelwano webhola owaqanjwa ngenhloso yokumhlonipha - iLucas “Masterpieces” Moripe Goodwill Games wasungulwa ngonyaka ka-2000.
“Iqembu leSundowns yilo kuphela abaxhasi balo mqhudelwano kanti minyaka yonke uPatrice Motsepe ungemukelisa isheke,” kusho uMoripe.
“Kunamanye amaqembu ama-amisha adlala kulo mqhudelwano nokuyilapho abawinile bethola R100 000.”
Kusayothatha isikhathi ukuba sibe nomdlali oyofana noMoripe kuleli - kusho omunye wababhali bezebhola.
UMoripe waqala kwi-Huns Sporting yase-Atteridgeville.
“Umdlali wePretoria Callies uPatrick “Let Them Dance” Molala wangibiza ukuba ngizobasiza ukuze bawine kuma-play offs ePepsi Cola. Lapho sashaya iMamelodi CCP ngo-3-1 kumafayineli sathola indawo kwiNational Professional Soccer League (NPSL).”
Waqokwa njengeNugget Sportsman Of The Year ngo-1970 eneminyaka engu-16. “Lokho kimina kwakuseyisiqalo sokufika kodumo. Ngaphinde ngaba yiCitrus Board Sportsman Of The Year iminyaka emithathu ilandelana.”
Waqokwa njengeNPSL Footballer Of The Year eneminyaka engu-19 ngo-1972.
“Ngamenywa ukuyodlala kwiWolverhampton Wanderers e-England isikhathi esingangenyanga,” kusho yena.
UMoripe wadlala emidlalweni ka-1974 phakathi kweSouth Africa All Black XI neBritish XI e-Orlando Stadium.
“Nakuba sehlulwa ngo-3-2, kodwa sakhombisa ukuthi ibhola lakuleli lizothuthuka.”
Washaya igoli lokuqala, waphinde wakha elesibili - abantu baqala bambiza nge “nkosi yebhola’.
Emva komdlalo wase-Orlando, uMoripe wacelwa ukuba ajoyine iqembu laseHong Kong i-Caroline Hills Football Club (CHFC).
“Ukudlala phesheya kwafana nokufezeka kwephupho,” kusho yena.
“Nakuba ngangithokozile, kodwa nganginakho ukukhathazeka. Okunye okwakungikhathaza wulimi - ekufikeni kwami ngathola ukuthi kunabanye abadlali abathathu basePitoli. Emva kwesikhathi, sajoyinwa wuJimmy ‘Grieves’ Mthombeni wamaZulu,” kusho yena.
EHong Kong uMoripe washaya amagoli angu-25 ngesizini eyodwa.
Ngesizini eyalandela, uMoripe waphinde wajoyina iCallies kodwa ngeshwa leli qembu ladliwa yizembe. Ngaleso sikhathi uMoripe wayeseqale ukuhlushwa yidolo esecabanga ukuthatha umhlalaphansi.
Emva kwalokho wajoyina i-Orlando Pirates. “Ngenxa yedolo, kwadingeka ukuba ngiyishiye iPirates emva kwesizini eyodwa.”
Njengamanje kunezingxoxo zokuhlongozwa kokuqanjwa kwenkundla iSuper Stadium e-Atteridgeville ngaye. Uma uMkhandlu kaMasipala waseTshwane uzamukela izimfuno zikaMoripe, kusho ukuthi uzothola umuzi omusha nemali engu-R1 million ngokusetshenziswa kwegama lakhe.[z]
►
BONA ZULU November 2008
EZEBHOLA
◄
“Uma izinto zihamba kahle, uzothola
R1 million nendlu entsha”
▲ Kusayothatha isikhathi ukuba sibe nomdlali oyofana noMoripe kuleli…
